Indlela yokuba iphoyisa eliyibamba

Uma ufuna ukuvolontiya wenze imiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), kumele ubhalisele ukuba yiphoyisa eliyibamba.

Iphoyisa eliyibamba yilungu lomphakathi elenza imiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika ngezikhathi ezithile (okungenani amahora ayi-16 ngenyanga) ngokuvolontiya, lingakhokhelwa.

Ngeke ube yiphoyisa eliyibamba uma:

  • wayekiswa umsebenzi owawuwenza kumqashi wangaphambilini ngoba kuthiwa awufaneleki ukusebenza ngokwempilo
  • uma wawukade uyilungu le-SAPS futhi isicelo sakho sokuphinda ufakwe ohlwini senqatshwa
  • unesikhundla esithile eqenjini lezepolitiki
  • uyintatheli ngokugcwele noma ungomele abezindaba
  • usengumfundi
  • ungunogada
  • uyilungu lamaphoyisa kamasipala.

Ukuze ube yiphoyisa eliyibamba kumele:

  • ube nobuzwe obugcwele  baseRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika
  • ube okungenani neminyaka eyi-18 kodwa engaphansi kwengama-70
  • ungabi nokukhubazeka okuthile engqondweni, isifo noma ukugula okungase kuphazamise ukwenza imisebenzi yakho ngendlela efanele
  • ube nesimilo esihle, futhi kutholakale umbiko omuhle uma kwenziwa uphenyo
  • uqede ngempumelelo ukuhlolwa kokusebenza kwengqondo njengoba kungase kunqunywe ngukhomishana kazwelonke
  • ube okungenani nesitifiketi sikamatikuletsheni noma okulingana naso futhi ukwazi ukuveza ubufakazi balokho
  • ukwazi ukukhuluma, ukufunda nokubhala okungenani isiNgisi njengolulodwa lwezilimi ezisemthethweni
  • uvume ukuba kuthathwe iminyatheliso yeminwe iyohlolwa futhi ungatholakali unecala elithile noma kube ukuthi kukhona icala lakho eliqhubekayo
  • ukulungele ukuyoqeqeshwa
  • wenze isifungo salo msebenzi
  • ungabi nemidwebo yasemzimbeni ebonakalayo.

Kuhle ukuba nezincwadi zokushayela uma uyiphoyisa eliyibamba nakuba kungeyona imfuneko.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuba yiphoyisa eliyibamba noma uthinte abezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.

 

Share this page