Ubikwa kanjani umuntu olahlekile, ongaziwa ukuthi ukuphi

Uma umuntu osondelene naye  elahlekile, kumele uyobikela amaphoyisa ngokushesha emva kokuthola ukuthi lowo muntu ulahlekile. Asikho isidingo sokuthi ulinde kuze kuphele amahora angama-24.

Uma ufuna ukubika umuntu olahlekile ungaxhumana noPhiko Lwabantu Abalahlekile noma uphuthume esiteshini samaphoyisa esiseduze nawe uyobikela amaphoyisa ngokushesha emva kokuthola ukuthi umuntu osondelene naye ulahlekile.

Kumele uphathe isithombe sakamuva somuntu olahlekile ukuze sifakwe kwisizindasolwazi soPhiko Lukazwelonke Lwabantu Abalahlekile. Lesi sizindasolwazi singumklamo wohlelo lokulwisana nobugebengu, olubizwa nge-Crime Stop, futhi sisetshenziswa ngamaphoyisa ezweni lonke. Kumele uhlinzeke nganoma iluphi ulwazi okungenzeka lube wusizo ekuhlonzeni umuntu olahlekile, njengeminyaka yakhe, ubude, umbala wezinwele, umbala wamehlo, kanye nanoma yiziphi izimpawu anazo emzimbeni njengezibazi kanye nemidwebo yomzimba. Kungenzeka ucelwe ukuthi ugcwalise amafomu, unikeze lonke lolu lwazi.

Kuzoba nomseshi ozojutshwa ukuthi aphenye leli cala. Kumele uqinisekise ukuthi unalo igama lomseshi  kanye nemininingwane yokuxhumana naye, futhi kumele uhlale uxhumene naye njalo. Kumele unikeze umseshi nanoma iluphi ulwazi olusha oluphathelene nomuntu olahlekile oluthole emva kokubikela amaphoyisa ukuthi ulahlekile.

Ukhumbule ukwazisa amaphoyisa uma kwenzeka etholakala umuntu olahlekile.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokubika umuntu olahlekile.

 

Share this page