Uma ungumvoti obhalisile wase usuka ekhaya nasesifundeni sakho sokuvota, kufanele ubhalise kabusha esifundeni esisha. Ungabhalisa kabusha ehhovisi le-IEC noma ngesikhathi somphakathi sokubhalisela ukuvota okuyomenyezelwa ngabe-IEC.
Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuthi ungabhalisa kanjani kabusha esifundeni esisha noma thintana nabe-IEC.