Isicelo sobhaliso (serejistreshini) ye-VAT

Kumele ubhalise ibhizinisi lakho, ulibhalisele i-Value Added Tax (i-VAT) uma inani eliphelele lezimpahla noma izinsizakalo ezikhokhelwa intela lingaphezu kwesigidi samaRandi enkathini yezinyanga eziyi-12, noma kulindeleke ukuba libe ngaphezu kwaleli nani.

Ibhizinisi lingase futhi libhalise ngokuzikhethela uma imali engenile enkathini yezinyanga eziyi-12 ezedlule ibe ngaphezu kwezi-R50 000.

I-VAT intela engakhokhwa ngokuqondile ekusetshenzisweni kwezimpahla nezinsizakalo emnothweni.
Thumela ifomu lokubhalisa egatsheni lakwa-SARS langakini zingakapheli izinsuku ezingama-21 kusukela osukwini oweqe ngalo isigidi samaRandi.

I-VAT ibalwa ngama-15% ezimpahleni noma izinsizakalo ezinikezwa ngabathengisi ababhalisile. Kunezimpahla nezinsizakalo ezithile ezingayikhokhi i-VAT.

Ungase ufake isicelo sokusula ukubhalisela i-VAT uma inani lezimpahla ezikhokhelwa intela liba ngaphansi kwenani elibekiwe lesigidi samaRandi, noma uma umisa yonke imisebenzi ehlobene nebhizinisi lakho.

Ukubhalisela kwakho i-VAT kuyosulwa kuphela uma uKhomishanara anelisekile ukuthi izimpahla zakho ezikhokhelwa intela azikho ngaphezu kwesigidi samaRandi noma ukuthi usuliyekile ibhizinisi.

Kumele utshele iHhovisi lakwa-SARS zingakapheli izinsuku ezingama-21 kusukela uliyekile ibhizinisi lakho.

Ibhizinisi lakho liyoba nesibopho sokukhokha noma yiziphi izikweletu ezisele ze-VAT ngenkathi lisabhalise njengomthengisi.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nendlela yokubhalisela i-VAT noma ukusula ukubhalisa kwakho  noma uthintane nabakwa-SARS.

 

Share this page