Ukubhalisela amakhambi emfuyo

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo nokubhalisela amakhambi emfuyo

Ukungenisa, ukukhiqiza noma ukudayisa amakhambi emfuyo e Ningizimu Afrika kufanele ubhalise ku Act 36 of 1947.

Imithi yemfuyo isetshenziswa emfuyweni, ezinhlanzini nasezilwaneni eziyingozi:

  • Lamakhambi avikela futhi elaphe izifo ezilwaneni
  • agcina impilo yezilwane isezingeni elihle.

Inkampani yakwamanye amazwe angeke ikwazi ukufaka isicelo kuleli lase Ningizimu Afrika. Ungakwazi ukubhalisa kuleli uma inkampani yakho engeyakuleli noma.

Kumele ube naloku okulandelayo:

  • Imininingwano ebonisayo ukuthi ikhambi ofuna ukulibhalisa liyasebenza. Uma ufuna ukubhalisa amakhambi ahlukene. Hambisa imininingwane yekhambi ngalinye. Kumininingwano kumelekubekhona ekuphepha, ukisebenza kwekhambi kanye nemithelela emibi engenzeka uma ikhambi lisetshenziswa ekudleni kwezilwane. Imininingwano kumele isayinwe abancwaningi abasemthethweni.             
  •  Incwadi echaza ikhambi ofuna ukulibhalisela, incwai ebhalwe ephepheni le Nkampani elinezigxivizo .
  • Amalebuli uma edingeka.

Uma ufuna ukubhalisa imakhambi akhona noma igama lomuthi osukhona ngelinye igama lenkampani kufanele ube nencwadi ephuma kumnikazi obhalisile ekugunyazayo ukuba ubhalise imithi.   

Okufanele ukwenze

  1. Bhala incwadi uyibhalele umbhalisi we Act 36 of 1947. Incwadi kufanele:
    1. Ingabhalwa ngesandla kodwa ibhalwe ngomshini ephepheni elinesitembu se Nkampani.
    2. Ibhalwe usuku noma usuku olusondele ekuhambiseni incwadi kumbhalisi.
    3. Isayinwe ngokhethiweyo enkampanini. Imininingwane yomuntu okhethiwe kumele ibhalwe encwadini.
    4. Ibe nesizathu sesiceleo, njengokuthi nje (ukubhalisela umqhiqizo) njalo, njalo.
    5. Kafushane ibe nemininingwane yekhambi (igama nobunungi)
  2. Yenza ikhophi yencwadi bese uyayihambisa nongqo (ungqo kanye nekhophi).
  3. Thola ifomu lokufaka isicelo bese uyaligcwalisa. Yenza amakhophi amabili efomu.
  4. Khokha inani elifanele  ngesheke, ngeposi, money order ku Director General: The Department of Agriculture, Forestry and Fisheries. Uma uzozihambisela wena mathupha isicelo nemali yesicelo sakho, qikelela ukuba uthola ilisidi. Uma ukhokha nokwesimanje (electronic Transfer) khokha kulemininingwano: Imininingwane yasebhange lesikhungo ubhale kanye nelokhu okungenzansi:
    Account name: NDA-ACT36 of 1947
    Account number: 011203102
    NB Reference: 15ST1
    Branch code: 010845
    Branch name: Arcadia
    Bank name: Standard Bank
  5. Hambisa ifomu lesicelo kanye namakhophi amabili. Faka incwadi kanye nesiqiniseko sokuthi ukhokhile bese uposela ku:  Registrar Act 36 of 1947,  Private Bag X343, Pretoria 0001 or : noma uzihambisele wena mathupha ku:  The Registrar Act 36 of 1947, Agriculture Place, 20 Steve Biko Street, Pretoria

Isikhathi esinqunyiwe

hhovisi lika Mbhalisi lithumela izincwadi zokuvuselela kanye namafomu okufaka zicelo kibobonke ababhalisile ngaphambilini.

Kubiza malini

Imali ekhokhwayo yowezi- 2023/24

Amafomu okumele agcwaliswe

Registration of a Stock Remedy

Imininingwane yokuxhumana

 

Directorate Agriculture Inputs Control

Tel: 012 319 7103/7847
E-mail address: AICHelpdesk@daff.gov.za
Physical address: 20 Steve Biko Street, Arcadia, Pretoria
Postal address:  Department of Agriculture, Forestry and Fisheries, Private Bag X343, Pretoria

 

Share this page