Ukungenisa izilwane izephilayo, izinkukhu kanye nokuphathelene nofuzo

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nokungenisa izilwane izephilayo, izinkukhu kanye nokuphathelene nofuzo

Uma ufuna ukungenisa imfuyo, izinkukhu kanye nokuhambisana nozalo lwezilwlane njengesidoda nembewu kufanele ubhalisele imvumo no Mbhalisi obhekele ukwenzna ngcono izilwane ukuze ukwazi ukungenisa izilwane noma uzalo e Ningizimu Afrika. Kufanele ubhalise ngaphambi kwezinsuku ezingamashumi amathathu ngaphambi kokuba ungenise izilwane.

Kufanele futhi ubhalisele isitifiketi se verterinaty ku Mqondisi obhekele impilo yezilwane.

Okufanele ukwenze

  1. Gcwalisa amafomu okubhalisa alandelayo:
  • Ukubhalisela ukungenisa izilwane kanye nokuhambelana nozalo lwazo.
  • Ukubhalisela ukungenisa izinkukhu noma amaqanda

     2.  Ukuze ungenise izilwane, kufane wenze lokhu okulandelayo:

  • Thola isicifiketi ku Mbhalisi osemthethweni ezweli ozothola kulo izilwane Isitifiketi kufanele sibonise uhlobo lwegazi lwesilwane kanye nemininingwano yesilwane. Uma uhluleka ukuthola lesitifiketi, uzophoqeleka ukuhlola igazi lezilwane ngokwakho e Ningizimu Afrika. Kufanele zihlolwe emva kwezinsuku ezingamashumi amathathu zifikile kuleli.
  • Invumo emnyangweni wokufukamela e Ningizimu Afrika.
  • Faka isitifikekti sokuhlola igazi lezilwane (uma ukwazile ukuthola isitifiketi)

      3. Ukuze ungenise imbewu, kufanele wennze lokhu okulandelayo:

  • Xhumana no Mbhalisi ezweni ozothola kulo imbewu.
  • Umbhalisi kufanele akunike isitifiketi sokuhlolwa kwegazi lesilwane esikhiqize imbewu. Kufanele uhlole imbewu uma isifike e Ningizimu Afrika.
  • Imvumo efanele etholakala emnyangweni wezokufukamela e Ningizimu Afrika.
  • Faka isitifiketi sokuhlolwa kwegazi.

     4. Ukuze ungenise okuhambelana nozalo, kufanele wenze lokhu okulandelayo:

  • Qasha obhekele ukungenisa okuhambela nozalo akwamukelele, bhala bese wenza uphawu lokuhambisana nozalo ofuna ukulingenisa.
  • Xhumana no Mbhalisi osemthethweni ezweni ozothola kulo okuhambisana nozalo.
  • Umbhalisi kufanele akunikeze isitifiketi sokuhlolwa kwegazi nemininingwano engcwele ngesilwane ngasinye la okuphathelene nozalo kuyisona. Kufaneke uhlole okuhambisana nozalo e Ningizimu Afrika.
  • Faka isitifiketi sokuhlola igazi.
  • Imvumo efanele etholakala emnyangweni wezokufukamela e Ningizimu Afrika.

     5. Ukuze ungenise izinkukhu noma amaqanda asezochamisela kufanele wenze lokhu okulandelayo:

  • Bhala incwadi ubhalele u Mqondisi obhekele ezezilwane.
  • Kufanele ubeke izizathu zokuthi yini ufuna ukungenisa amaqanda nezinkukhu e Ningizimu Afrika.
  • Xhuma nothenga kuye kwelinye izwe izinkukhu noma amaqanda.
  • Umdayisi othenga kuye wakwelinye izwe kufanele akunike isitifiketi sezinkukhu noma amaqanda esichaza uhlobo lozalo lwamaqanda kanye nezinkukhu. 
  • Faka incwadi echaza ukuthi yini udinga ukungenisa kanye nesitifiketi osithole kumdayisi wakwelinye izwe.
  • Uma ukhokha ngesheke noma eposini, khokhela ku Mqondisi-jikelele, kumnyango wezemvelo, amahlathi nezezinhlanzi, ikheli lingenzansi.
  • Ungakhokha emahhovisi omnyango wezemvelo, amahlathi nezezinhlanzi.
  • Imininingwano yokhokhile kufanele kube eyozongenisa, igama nesibongo.
  • Uma ubhalisela omunye umuntu, sicela wenze isiqiniseko sokuthu ukhokha egameni lomuntu noma lenkampani.
  • Umqondisi, obhekele ukwenzangcono izilwane uzodlulisa isicelo sakho bese ethumela imvumo yakho ku Mqondisi wezempilo yezilwane.
  • Bhalisela isitifiketi sokuhlolwa kwezilwane ku Mqondisi obhekele impilo yezilwane, sicela ubathinte kulenombolo yocingo (012) 319 7514.
  • Kufanele ukhombise amaphemithi womabili ehhovisi lohlola izilwane la kuzongena khona izilwane, kanye nesitifiketi sokuhlolwa kwezilwane esikhishwe ezweni olande kulo izilwane.
  • Asikho isicelo esizovunywa ngaphandle kwesiqiniseko sokuthi sikhokheliwe.

Qaphela: Kusukela echwebeni lokungenisa, izinkukhu kanye namaqanda kuzobhe kuhanjiswa kuqaphwe ohlola izilwane noma emotweni evalwe ohlola izilwane osebenzela u Hulumeni.

Isikhathi esinqunyiwe

Kuthatha izinsuku ezingamashumi amathathu ukuphothula ukubhalisa.

Kubiza malini

Tariffs 2023/24

Imininingwane yokuxhumana

National office
Tel: 012 319 7424/34
Fax: 012 319 7570/7425
City/town: Pretoria
Province: Gauteng

Physical address Delpen Building, Cnr Annie Botha Avenue and Union Street, Riviera,

Pretoria Postal addressThe Registrar of Animal Improvement, Private Bag X138, Pretoria, 0001

 

National office

Tel: 012 319 7424/34
Fax: 012 319 7570/7425
City/town: Pretoria
Province: Gauteng

Physical address: Delpen Building, Cnr Annie Botha Avenue and Union Street, Riviera, Pretoria.

Postal address: The Registrar: Animal Improvement, Private Bag X138, Pretoria, 0001.

Share this page