Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wama-28 kuNhlolanja 2024

A.  Ezisematheni 

1.  Umnotho
1.1.  INkulumo Yesabelomali Sikazwelonke
1.1.1.  IKhabhinethi lamukele iSabelomali Sikazwelonke sangowezi-2024, esibonise ukuzimisela kukahulumeni ukuqhubeka nokulawula umnotho wezwe kanye nokuthatha izinqumo ezinzima ezidingekayo ukuhlangabezana nesimo sokuntuleka kwezimali kanye nokugqugquzela ukukhula komnotho.
1.1.2.  ISabelomali Sikazwelonke siyaqhubeka nokubeka phambili kanye nokweseka labo ababuthakathaka esizweni sethu. Sihlinzeka ngosizo kwezenhlalo lokwenza ngcono izimo zokuphila zabantu baseNingizimu Afrika abahluphekayo, ababuthakathaka kanye nalabo abancishwe amathuba. Okufaka phakathi abantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi, izintandane kanye nezingane ezibuthakathaka ezihlala emakhaya abhekwe yizingane.
1.1.3.  Ukuhlanganiswa nokucaciswa kweSabelomali Sikazwelonke sangowezi-2024 kuyingxenye ebalulekile yendlela yentando yeningi yokusebenza evulelekile nephendulayo yaseNingizimu Afrika. IKhabhinethi liyethemba ukuthi ukwabiwa kweSabelomali Sikazwelonke kuzoholela ekuzuzeni okuthile kwezomnotho okuzokwakha kabusha isimo sethu sezomnotho.

1.2.  Ukusebenzisana Komkhakha Ozimele Nohulumeni
1.2.1.  IKhabhinethi lamukele isivumelwano esiyingqayizivele sokusebenzisana kukahulumeni nomkhakha ozimele phakathi kuka-Sasol no-Transnet Freight Rail ukuze kuzothuthukiswa ukusebenza ngokwethembeka kwezokuthuthwa kwempahla ngezitimela. 
1.2.2.  Ngaphansi kwesivumelwano seminyaka emihlanu, i-Transnet Freight Rail izosebenzisa iziqukathi ze-ammonia eziyi-128 ukuthutha i-ammonia esuka ezikhungweni zase-Sasol iye kumakhasimende, ngalokho-ke i-Sasol izoxhasa ngokunakekelwa kanye nohlelo lokulungisa iziqukathi. 
1.2.3.  Lesi sivumelwano sokusebenzisana sithuthukisa umsebenzi woMhlahlandlela Wezokuthuthwa Kwempahla wezwe ukuze kuguqulwe lo mkhakha. Lesi sivumelwano sibonisa ukuthi ngokusebenza ngokubambisana singazinqoba kanjani izinselele esibhekene nazo.

1.3.  UCwaningo Lwekota Lwabasebenzi (i-QLFS)
1.3.1.  I-QLFS yakamuva yeZezibalo eNingizimu Afrika ebonise ukwenyuka kancane kwezinga labantu abangasebenzi kwikota yesine yezi-2023 laya kuma-32.1% lisuka kuma-31.9% kwikota yesithathu, iyasigqugquzela njengohulumeni ukuthi sinyuse amasokisi emizamweni yethu yokulethela abantu amathuba emisebenzi.
1.3.2.  Ngesikhathi umnotho wethu uqhubeka nokusungula amathuba emisebenzi, asikho ezingeni leli uhulumeni alihlosile ukuze kubhekanwe nenselele yokuswelakala kwemisebenzi. I-QLFS ibonise ukuthi imisebenzi emkhakheni ongahlelekile yenyuke ngezi-124 000, kowezezimali ngemisebenzi eyizi-128 000, kowezokuthutha ngezi-57 000, kowezezimayini kwaba yimisebenzi eyizi-37 000 kanye namakhaya azimele ngemisebenzi eziyi-18 000.
1.3.3.  IKhabhinethi licela yonke imikhakha ukuthi yeseke UHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho, olusiza ukuhlinzeka ngemisebenzi kanye namathuba ezindlela zokuziphilisa kwizigidi zabantu baseNingizimu Afrika.

1.4.  Iminyaka engama-20 yoHlelo Lwemisebenzi Yomphakathi (i-EPWP) 
1.4.1.  Unyaka wezi-2024 unyaka lapho kuphela iminyaka engama-20 selokhu kwaqala i-EPWP, okungenye yezindaba eziyimpumelelo yaseNingizimu Afrika emayelana nezinhlelo zokuqashwa kwabantu futhi ingeminye yemizamo ehamba phambili yokulwisana nobubha. 
1.4.2.  IKhabhinethi lichazelwe ngokuqaliswa kanye nempumelelo ye-EPWP, okunguhlelo lukahulumeni oseluhlinzeke ngamathuba emisebenzi ayizigidi kubantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi kusukela lwasungulwa. 
1.4.3.  I-EPWP eminyakeni engama-20 eyedlule isungule amathuba emisebenzi ayizigidi eziyi-14, nokwenza lolu hlelo lube ngolukhulukazi oluqhubeka nokuba namathuba emisebenzi emhlabeni jikelele. Le ngqophamlando yenzeka ngokusebenzisana okuqhubekayo nomkhakha ozimele kanye nomphakathi. La mathuba emisebenzi afake igalelo ekuthuthukisweni kwamakhono kulabo ababamba iqhaza njengoba ayesungulwe ngaphansi kochungechunge lwemiklamo ye-EPWP emikhakheni yezokuvakasha, owezolimo, owengqalasizinda, imiklamo yasemphakathini kanye nemiklamo eholwa ngabesifazane.
1.4.4.   IKhabhinethi laziswe ukuthi amathuba emisebenzi ayizi-4 609 000 asungulwa ngesikhathi seSigaba Sesine sesikhathi esiphakathi se-EPWP, lokhu okuyisikhathi esisuka kowezi-2019/2020 kuya kowezi-2022/23. Leli nani libonisa impumelelo engama-92% uma kuqhathaniswa nesilinganiso esabekwa nguHulumeni Wehlandla Lesithupha sokusungula amathuba emisebenzi ayizigidi ezinhlanu. Izinhlelo zime ngomumo zokuthola amathuba emisebenzi asele ayizi-390 973 ngoNdasa wezi-2024. 
1.4.5.  Emathubeni emisebenzi ayizi-4 609 000, izifundazwe ezihamba phambili lapho kusungulwe khona amathuba amaningi emisebenzi kube yiKwaZulu-Natali, esungule amathuba emisebenzi ayisi-1 064 000 (23%), yalandelwa yiMpumalanga Kapa, ngamathuba emisebenzi ayizi-903 789 (20%) kwabe sekuba yiNtshonalanga Kapa ngezi-508 954 (11%). 
1.4.6.  Yize iningi lawo la mathuba kungawesikhathi esifushane kuya esikhathini esiphakathi, amanye aseholele ekuqashweni ngokuphelele. Izibalo ziphinde zibonise ukuthi ababambiqhaza abangaphezu kwama-20% bathola umsebenzi okungawona owe-EPWP. 
1.4.7.  Abantu abaningi ababe yingxenye ye-EPWP esikhathini esedlule baqede ngempumelelo iziqu zabo emikhakheni efana nokufundela ukupheka kanti abanye sebeqashwe ngokuphelele embonini yezokunakekelwa kwezivakashi. Ngaphezu kwamathuba emisebenzi, i-EPWP iphinde ifake igalelo uma kuziwa kwezokulethwa kwezidingonqangi, kanye nokulungiswa kwezikhungo nezinsiza emiphakathini kanye nokwenza ngcono izinga lempilo.
1.4.8.  Kufakwe izigidigidi ezingaphezu kwama-R52 ezizokhokhela amaholo alabo abayingxenye ye-EPWP ngomsebenzi owenziwe ngeSigaba Sesine. 
1.4.9.  Ukwengeza kulokhu, angaphezu kwama-600 amabhizinisi asungulwe ngalolu hlelo.
 
2.  Ezithinta Uhulumeni
2.1.  UKhetho Lukazwelonke lowezi-2024

2.1.1.  IKhabhinethi lamukele isimemezelo sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa sokuthi uLwesithathu, womhla wama-29 kuNhlaba 2024 uzoba usuku loKhetho Lukazwelonke, kulandela ukuxoxisana neKhomishini Yezokhetho yaseNingizimu Afrika kanye noNdunankulu bazo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye ngesimo sokulungela ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe.
2.1.2.  IKhabhinethi licela wonke umuntu, ikakhulukazi intsha, ukuthi isebenzise ilungelo layo lokuvota. Iminyaka yokuzinikela kanye nokuzabalazela inkululeko yaholela ekubeni nelungelo lokuvota kubantu abaningi baseNingizimu Afrika ngowe-1994. Umzabalazo wenkululeko yethu wenza sathola ilungelo lawowonke umuntu waseNingizimu Afrika ukuthi abambe iqhaza endleleni yokusebenza yentando yeningi labantu. 
2.1.3.  Ukhetho lwakulo nyaka luqondane nokubungaza iminyaka engama-30 Yenkululeko, okuyingqophamlando yeNingizimu Afrika njengoba kusinika ithuba lokucabanga ngempumelelo yethu futhi sibheke izisombululo zokubhekana nezinselele ezikhona.

2.2.  Ithimba likaMongameli i-eThekwini Working Group
2.2.1.  IKhabhinethi liphawule ngomhlangano kaMongameli u-Ramaphosa ngoLwesihlanu, mhla wama-23 kuNhlolanja 2024 ne-Durban Chamber of Commerce and Industry lapho kudingidwe ngemizamo eyahlukahlukene yokusiza uMasipala Wedolobha laseThekwini ukuthi ukwazi ukubhekana nezinselele ezikhona zamanzi, ugesi nengqalasizinda.
2.2.2.  UMongameli uphinde wasungula ithimba elibizwa ngokuthi i-Presidential eThekwini Working Group elizosiza ukusheshisa ngezisombululo zezinkinga ezibhekene noMasipala Wedolobha laseThekwini. Leli thimba – elifaka phakathi oNgqongqoshe, uMasipala Wedolobha laseThekwini kanye nosomabhizinisi – lizohlala njalo liletha imibiko kuMongameli.

2.3.  IForamu yeNkulumo-mpendulwano Yenqubomgomo ye-14 (i-PDF) yeThimba Lamazwe Ngamazwe Elimele Othisha Kwezemfundo
2.3.1.  IKhabhinethi likuphawulile ukusingathwa ngempumelelo kwe-PDF ye-14 yeThimba Lamazwe Ngamazwe Elimele Othisha Kwezemfundo e-Sandton, eGoli ngoMsombuluko, mhla wama-26 kuNhlolanja 2024. Ibihlanganise ababambiqhaza kwezemfundo abaphuma emhlabeni jikelele ukuzocobelelana, kwabelwane ngolwazi kanye nokuqapha inqubekelaphambili ngoHlelo Lwesine Lwentuthuko i-Sustainable Development Goal 4 ekhuluma ngomgangatho wezemfundo.
2.3.2.  I-PDF ikhiphe uMbiko Onolwazi Oluphezulu Wephaneli omayelana noMsebenzi Wokufundisa yaphinde yethula uMbiko
Womhlaba ngokuswelakala kothisha.

3.  Ukulwisana nobugebengu
3.1.  IKhabhinethi lincoma uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngokusebenza ngokungakhathali, okuholele ekuboshweni kwabantu abayisikhombisa abahlanganiswa nokubulawa kuka-Kiernan 'AKA' Forbes nomngani wakhe u-Tebello ‘Tibz’ Motsoane. Ababili balaba basolwa baboshwe eSwatini kanti basazobuyiswa kuleli lizwe. 
3.2.  Lokhu kubopha kungenxa yomsebenzi onzima wamaphoyisa. Abasolwa ababoshiwe kubandakanya owayelawula, abadubula, owayeqaphe isimo, kanye naloyo owaqasha imoto nezibhamu.

4.  Ubudlelwano Namazwe Omhlaba

4.1.  INgqungquthela yama-37 yeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika
4.1.1.  IKhabhinethi ibonge inqubekelaphambili eyenziwe kwiNgqungquthela yama-37 ye-AU ebise-Addis Ababa, e-Ethiopia mhla we-17 nomhla we-18 kuNhlolanja 2024, ecacise lokho okubekwe eqhulwini yizwekazi i-Afrika ngowezi-2024 nangale. UMongameli u-Ramaphosa uhlanganyele nabanye abaholi base-Afrika ukuxoxisana ngezinto ezibalulekile kubandakanya ukuthula nokuvikeleka, ukuguquguquka kwesimo sezulu, ukuthuthukiswa komnotho kanye neqhaza le-Afrika ezindabeni ezithinta amazwe amaningi omhlaba. 
4.1.2.  Ingqungquthela yamukele uHlelo Lwesibili Lokuqaliswa Kweminyaka eyi-10 yoHlelo Lwe-Afrika lwangowezi-2063, oluzoqhuba ngokushesha imiklamo efana neNkundla Yamahhala Yokuhwebelana Kwamazwe ase-Afrika, lapho iNingizimu Afrika idlala indima ephambili.
4.1.3.  UMongameli u-Ramaphosa uphinde wethula umbiko ngokuthi izwekazi lizobhekana kanjani nobhubhane lweSifo segciwane i-Corona (i-COVID-19) kanye nesimo sokulungela ezinye izifo ezingaba khona esikhathini esizayo, ngokwesikhundla sakhe sokuba yi-Champion ye-AU. Ingqungquthela iphinde yagcizelela ukubaluleka kokuvuselelwa kwezenhlalo-mnotho emva kwe-COVID-19, kanye nalokho esikufundile ngokulungela ukuhlaselwa ngubhubhane kanye nokubhekana nalo, kanjalo nokuvikeleka kwezwekazi. 
4.1.4.  UMongameli ucele abaholi base-Afrika ukuthi baqhubeke nokwenza ngcono amazinga okuqaphelisa amazwe abo ezifweni eziwubhubhane esikhathini esizayo futhi wabanxusa ukuthi babe neNdlela Efanayo ye-Afrika Yokulungela Nokubhekana Nobhubhane.
 
4.2.  INingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela yeQembu Lamazwe Angamashumi Amabili (i-G20) ngowezi-2025
4.2.1.  IKhabhinethi lithole laphinde lacubungula umbiko omayelana namalungiselelo eNingizimu Afrika okusingatha iNgqungquthela ye-G20 ngowezi-2025 kanjalo nokuthatha isihlalo sobuMongameli. Lona ngumcimbi obaluleke kakhulu eNingizimu Afrika njengoba izoba izwe lokuqala ngqa e-Afrika ukusingatha umbuthano omkhulukazi kangaka; hhayi ukuthi uhlukile nje kuphela ngenxa yenani labantu abalindelekile kodwa nangomthelela okulindeleke ukuthi uwenze. 
4.2.2.  IKhabhinethi linethemba ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela ye-G20 eyimpumelelo, njengoba yenza emicimbini emikhulu eyedlule efana neNgqungquthela ye-Brazil, i-Russia, i-India, i-China neNingizimu Afrika (i-BRICS) kanye neForamu Yomthetho Wokukhula Komnotho Namathuba e-Afrika. Isikhundla sokuba uMongameli we-G20 sizonika iNingizimu Afrika ithuba lokuqhuba izifiso zethu zezimakethe ezisafufusa.  
4.2.3.  Njengoba izosingatha i-G20, ukubamba iqhaza kwiforamu kuzoqhubeka kuholwe ngukuzinikela kwezwe ukuthuthukisa lokho okudingwa yizwe kanjalo nalokho okudingwa yiZwekazi. 

B.  Izinqumo zeKhabhinethi
1.  Ukusingathwa lomhlangano wesishiyagalolunye waminyaka yonke we-New Development Bank (i-NDB) 

1.1.  IKhabhinethi licabangisise laphinde lagunyaza ukusingathwa komhlangano waminyaka yonke we-NDB eNingizimu Afrika ngoNhlangulana wezi-2024. 
1.2.  Sekuphele iminyaka eyishumi selokhu amazwe angamalungu e-BRICS asayina iMibhalo Yesivumelwano se-NDB eNgqungqutheleni ye-BRICS yeSithupha e-Fortaleza, e-Brazil mhla ziyi-15 ne-16 kuNtulikazi 2014.  Lokhu kwasungula isikhungo sokuqala sentuthuko samazwe ehlukene ngamazwe asafufusa nasathuthuka. Kuze kube manje, iNingizimu Afrika isifake izigidigidi ezingama-R25 kuleli bhange. INingizimu Afrika imagange ukusingatha umhlangano we-NDB futhi izinikele ekusebenzeni ngokubambisana nebhange kanye namazwe angamalungu ukuze kuzozuzwa intuthuko esimeme futhi kwakhiwe izwekazi elingcono i-Afrika. 

2.  IQhingasu Lokuqashwa kwama-Social Service Professionals (ama-SSP)
2.1  IKhabhinethi ligunyaze iQhingasu Lokuqashwa kwama-SSP njengengxenye yokwenyusa ikhono lokusebenza likahulumeni, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kanye nomkhakha ozimele ukuthi bakwazi ukubhekana nezinkinga zenhlalo ezibhekene nezwe. 
2.2  Leli qhingasu lingumsebenzi okubanjisenwe ngawo ukwakha umkhakha osiza umphakathi obhekene nezidingo zemiphakathi kanye nokunqoba izinkinga kwezenhlalo ezifana nobugebengu, udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane, ukukhululwa kwezingane, ubuqhwaga, amakhaya aphethwe yizingane, ukuphila ngokwengqondo kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa. 
2.3  Iqhingasu leli kuhloswe ngalo ukubeka isisekelo sokubandakanya wonke umuntu emphakathini kanye nokuqinisekisa ikusasa elinamandla kanye nomphakathi onakekelanayo. 

3.  UHlaka Lomthetho Ocacile Wezimpesheni 
3.1.  IKhabhinethi licubungule laphinde lagunyaza ukushicilelwa koHlaka Lomthetho Ocacile Wezimpesheni wezwe ukuze umphakathi uzophawula ngawo. 
3.2.  Lolu hlaka kuhloswe ngalo ukwethula indlela egunyaziwe yokusebenza kwezimpesheni ehlinzeka ngezinzuzo zomhlalaphansi, ezokukhubazeka kanye nezokufa kubobonke abasebenzi. Labo abahola kancane bazothola ukuxhaswa ngemigalelo yabo ngokuhambisana nalokho abavele behlinzekwa khona. Lolu hlaka luqhubeka lwethule ukuvumelana kwendlela yokukhokhwa kwentela kwabantu abadala kwindlela yokusebenza ekhokhisa intela kanye nalabo abathola isibonelelo ukuze kuzoxazululwa inkinga yokuphathwa ngokungalingani kwabantu abadala kulezi zinhlelo ezimbili. 
3.3.  Ngaphezu kwalokhu, lolu hlaka kuhloswe ngalo ukwethula izinguquko ezikhungweni lokho okuzogqugquzela ukuhambisana ekwenziweni izinqubomgono kwezokuvikeleka komphakathi okuzoqinisekisa ukuphatha kahle, ukwenza ngcono ukulethwa kwezidingonqangi kanye nokuqinisekisa umthethonqubo osebenzayo, ukubusa kanye nokwengamela kuzozonke izinhlelo zokuvikeleka komphakathi.   

C.   Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.

1.  Ukuqashwa kukaMnu. Snike Thulani Sibuyi esikhundleni sokuba nguNobhala Wamaphoyisa kuMnyango Kanobhala Wezamaphoyisa. 
2.  Ukuqashwa kukaMnu. Xolile Sizani njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) wase-PetroSA.
3.  Ukuqashwa kukaNks. Nombulelo Guliwe njenge-CEO kweZokuvakasha eNingizimu Afrika. 
4.  Ukwelulwa kwenkontileka kaNks. Totsie Memela-Khambula njenge-CEO ye-Ejensi Yezezimpesheni eNingizimu Afrika. 
5.  Ukuqashwa kukaNks. Mapatane Elizabeth Kgomo njenge-CEO ye-Municipal Infrastructure Support Agency.
6.  Ukuphinde kubekwe futhi iBhodi le-Central Energy Fund (i-CEF) kanye nokubekwa kukaNks. Ayanda Noah njengoSihlalo.

7.  Ukubekwa kwamalungu eBhodi Lezokuvakasha eNingizimu Afrika: 
7.1.  Nks. Makhosazana Khanyile (uSihlalo); 
7.2.  Ummeli Lizelle Dominique Jordaan (iPhini likaSihlalo);
7.3.  Dkt. Gregory J Davids;
7.4.  Mnu. Ikaneng Ephraim Pilane;
7.5.  Slz. Motlhago Stella Bvuma;
7.6.  Nks. Nqabomzi Haya;
7.7.  Mnu. Rajesh Mahabeer;
7.8.  Mnu. Ayanda V Mazibuko;
7.9.  Nks. Maija de Rijk-Uys; 
7.10.  Dkt. Mzolisi Michael Toni; kanye 
7.11.  noNks. Uveshnee Pillay njengomele uMnyango Wezokuvakasha. 

8.  Ukubekwa kukaSihlalo kanye nePhini likaSihlalo we-Board of Trustees of the Independent Development Trust: 
8.1.  Ummeli Kwazikwenkosi Mshengu (uSihlalo); kanye
8.2.  noNks Karabo Siyila (iPhini likaSihlalo).

D.  Imicimbi Ezayo

1.  INyanga Yamalungelo Abantu 
1.1.  Isikhumbuzo sakulo nyaka seNyanga Yamalungelo Abantu kanye noSuku Lwamalungelo Abantu senzeka ngobusuku obandulela ukubungazwa kweMinyaka engama-30 Yenkululeko ngoMbasa.
1.2.  Ngaphansi kwengqikithi ethi: “Iminyaka engama-30 Yenhlonipho kanye Nokugqugquzelwa Kwamalungelo Abantu”, iKhabhinethi licela wonke umuntu ukuthi adlale indima yakhe ekuqiniseni amalungelo ethu abantu, kanye nokuqhakambisa inkululeko yethu nentando yeningi labantu, esakuthola kanzima.

2.  IMbizo kaMongameli yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM) 
2.1.  UMongameli uzosingatha iMbizo kaMongameli ye-DDM ngoLwesine, 
mhla wesi-7 kuNdasa 2024 kuMasipala Wesifunda iNkangala eMpumalanga.
2.2.  IMbizo ihlanganisa abaholi abaphuma kuzo zontathu izinhlaka zikahulumeni ukuthi bazoxoxisana nabahlali mayelana nezinselele zokulethwa kwezidingonqangi kanye nokubeka izinhlelo zokwenza ngcono ukulethwa kwezidingonqangi kanye nokuthuthukiswa komphakathi endaweni.
2.3.  IMbizo kaMongameli ye-DDM kanye nokuhambela izindawo ukuyohlola ukuqhubeka komsebenzi sekwenzekile kuzona zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye njengengxenye yemizamo yokuqinisa umsebenzi oqhubekayo wokwenza ngcono izimpilo zezakhamuzi.
2.4.  IKhabhinethi licela abahlali bakuMasipala Wesifunda saseNkangala nezindawo eziseduzane ukuthi bethamele iMbizo futhi baxoxisane nalabo ababamele ngezinkinga ababhekene nazo.

3.  INgqungquthela Yokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Esimeme eNingizimu Afrika (i-SIDSSA) yangowezi-2024 
3.1.  Konke kume ngomumo ukuze kuqale i-SIDSSA 2024, ezobanjelwa eKapa kusuka mhla we-17 kuya mhla we-19 kuNdasa 2024. I-SIDSSA ihlanganisa ababambiqhaza ababalulekile emkhakheni wengqalasizinda abahamba phambili ekuqhubeni phambili utshalomali kwingqalasizinda kuleli lizwe.
3.2.  Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda bekulokhu kuseqhulwini kuhulumeni nakuMbuso Wehlandla Lesithupha, njengoba kufaka igalelo ekukhuleni komnotho nasekusunguleni amathuba emisebenzi. I-SIDSSA izobonisa enye yenqubekelaphambili ekuqalisweni koHlelo Lotshalomali Lwengqalasizinda olwagunyazwa yiKhabhinethi ngoNhlaba wezi-2020. 

4.  Ingqungquthela Yesibili Yosozimboni Abamnyama Nabathumela Imikhiqizo Kwamanye Amazwe
4.1.  INgqungquthela yesibili Yosozimboni Abamnyama Nabathumela Imikhiqizo Kwamanye Amazwe izobanjelwa e-Sandton Convention Centre eGoli ngoLwesithathu, mhla wama-20 kuNdasa 2024. 
4.2.  Ingqungquthela izobonisa ukwenza kahle kwamabhizinisi iphinde ituse amabhizinisi abeke phambili umoya wempumelelo nokuqanjwa kwezinto ezintsha, asungula amathuba emisebenzi, aqhuba ibhizinisi ngokulandela imithetho kanye nomgangatho osezingeni. Amafemu osozimboni angaphezu kwama-600 asekwe nguMnyango Wezokuhweba, Izimboni Nokuncintisana enze imali elinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R800 ngonyakamali wezi-2023/24, okubonise imiphumela ebonakalayo yokuhehela osomabhizinisi abamnyama emnothweni wezimboni.

E.  Imiyalezo

1.  Ukuhalalisa 
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

1.1.  Nks. Michelle Phillips ngokuqashwa kwakhe esikhundleni sokuba nguMphathi Omkhulu wase-Transnet kanye noNks. Nosipho Maphumulo njengoMphathi Omkhulu Wezezimali e-Transnet. Lezi zikhundla zibaluleke kakhulu emsebenzini oqhubekayo wokwakha kabusha amakhono ngaphakathi e-Transnet njengengxenye yomsebenzi wokubuyisela ukuthuthwa kwempahla kuleli lizwe, kanye nokusebenza kwezitimela.
1.2.  Mnu. Wamkele Mene, ngokuphinde akhethwe njengoNobhala Jikelele weNkundla Yokuhwebelana Mahhala Kwamazwe ase-Afrika.
1.3.  Mnu. Sibusiso Ngalwa, onguSihlalo we-South African National Editors’ Forum (i-SANEF), ngokubekwa kwakhe ku-Executive Committee of the African Editors’ Forum. 
1.4.  I-Banyana Banyana, iqembu likazwelonke lebhola lezinyawo labesifazane, ngokunqoba kwalo emzuliswaneni wesibili walabo abazoyodlala ku-CAF Women’s Olympic. Leli qembu lihambe phambili ngamanqaku ama-4-0, kanti bazobhekana ne-Nigeria emzuliswaneni wokugcina ngoMbasa wezi-2024.

2.  Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini, kubangani kanye nalabo abasebenza nalaba abalandelayo: 

2.1.  UKaputeni u-Simon Mkhulu Bobe kanye no-Lance Corporal Irven Thabang Semono boMbutho Kazwelonke Wezokuvikela eNingizimu Afrika, ababulawa e-Democratic Republic of Congo (e-DRC) mhla we-14 kuNhlolanja 2024. Bebeyingxenye ye-Southern African Development Community Mission e-DRC, eyaziwa kakhulu nge-SAMIDRC, ebebejutshwe ukuthi bayogcina ukuthula, ukuvikeleka kanye nozinzo ngokuhambiselana ne-AU Agenda "Yokuqeda Ngezibhamu ngowezi-2030".  IKhabhinethi liphinde lafisela amanye amasotsha amathathu alimale ngesikhathi sokuhlaselwa ukululama okusheshayo.
2.2.  Abantu abayisishiyagalolunye baseMpumalanga abashone engozini ebuhlungu yebhasi eDumbe, KwaZulu-Natali ngesikhathi bebuya embuthanweni we-African National Congress eThekwini.

Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

More on

Share this page

Similar categories to explore