Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangomhla zizi-5 Ndasa 2014

1.  Izinqumo zeKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka zamanje nemicimbi ezayo

1.1 IKhabhinethi igcizelela ikhwelo elishaywe nguMongameli Jacob Zuma kuhulumeni, emabhizinisini nasezinyonyaneni  zabasebenzi ukuthi basebenzisane ukukhulisa umnotho wethu ngesilinganiso esizokwazi ukudala amathuba amaningi emisebenzi.

INkulumo kaMongameli yeSimo seZwe kanye neNkulumo yeSabiwomali yendlale isisekelo sokuqinisa ukuqaliswa koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe ngethemu ezayo ngaphansi kobuholi obusha.

ISabiwomali sikaZwelonke sehlandla lama-21 salesi sikhathi sombuso wentando yabantu ngampela sixoxa indaba enhle mayelana nokuthi siliguqula kanjani izwe nokuthi siqhubeka kanjani nokubhekana nezinselelongqangi zobubha, ukungalingani nokusweleka kwemisebenzi – kanti futhi, okubalulekile, sikwenza kanjani lokhu ngezinsiza ezincane esinazo.

1.2 IKhabhinethi yedlulise ukwenyanya nokunengeka kwayo ngezigameko zakamumva zokubulawa kwamantombazanyana amabili ezenzekile okusolakala ukuthi zihambisana nendlela ethile yokukhonza. Izenzo ezifana nalezi azinayo indawo ezweni lethu. Uma sibheka ukuthi uMthethosisekelo uqhakambisa ilungelo lokuphila, noma ngubani otholakala enza ubugebengu kuzomele abhekane nomthetho ngokugcwele. 

1.3 IKhabhinethi ibonga bonke abantu baseNingizimu Afrika namabhizinisi ngamasu abo ezindlela zokonga ugesi, ikakhulukazi ngesikhathi uhlakasikwele lukazwelonke lubhekene nengcindezi. Ngenkathi izwe likwazi ukuhlangabezana nezidingo zalo zamanje, bonke abathengi bagesi bayanxuswa ukuthi bamukele ukonga ugezi njengendlela yokuphila.

1.4 IKhabhinethi ihalalisela zonke izikole nothisha abaqokelwe iMiklomelo yokuFundisa kaZwelonke yoNyaka Wezi-2013: I-Via Afrika People’s Choice Awards ezokuba ngomhla ziyisi-6 Ndasa wezi-2014 eGoli e-Birchwood Conference Centre. Le miklomelo ingenye yezindlela lapho khona uMnyango wezeMfundo eyiSisekelo uvuma futhi ukhuthaza othisha abazinikele nabanakekelayo ngemizamo yabo yokuthuthukisa abafundi njengabahlali abenza umsebenzi wabo eNingizimu Afrika yentando yebantu, engabandlululi ngokobuhlanga nangobulili. IKhabhinethi igcizelela futhi ilungelo lezingane lokuthi zifundele endaweni ephephile nekulungeleyo ukufunda.

1.5 IKhabhinethi iyawamukela uMnyango wezeSayensi noBuchwepheshe ngokweseka uMgubho wezeSayenzi kuZwelonke okuqhubekayo owaziwa ngokuthi i-Scifest Africa, ozobanjwa kusukela mhla ziyi-12 kuya ziyi-18 Ndasa 2014 eRhini eMpumalanga Kapa ngaphansi kwendikimba ethi “Into the Space”. Lo mcimbi ogujwa njalo ngonyaka ukhuthaza isayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela kanye nezibalo njengemikhakha yezemfundo entsheni yethu kanti futhi uletha ukuqondwa kangcono  kwale mikhakha kubantu baseNingizimu Afrika. UHulumeni uyaqhubeka nokubeka eqhulwini nokukhuthaza ukufundwa kweZibalo neSayensi njengengxenye yokuthuthukisa amakhono abalulekile adingwa umnotho wethu osathuthuka.

1.6 IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo se-CAPRISA Consortium sokutholakala kwekhambi elisha lesivikela mzimba leGciwane leSandulelangculazi (i-HIV). Izikhungo zocwaningo mayelana nokuthi umzimba wowesifazane ohlala KwaZulu-Natali uphendule kanjani ekungenweni kwawo yi-HIV ngokwenza izivikelamzimba ezinamandla. Ucwaningo olushicilelwe encwadini yezigameko zansuku zonke yezesayensi esezingeni eliphezulu, i-Nature echaza ngokuthi iqembu labacwaningi lizithole futhi lizihlonze kanjani izivikeli mzimba egazini lowesifazane lase lakha izivikeli mzimba ezifana nazo egumbini lokwenza ucwaningo. Lezi zivikeli mzimba ezakhiwe zibe sezisetshenziswa kucwaningo oluningi olwahlukene egumbini lokwenza ucwaningo ukuthola indlela elandelwa uhlelo lokusebenza kwamasosha omzimba owesifazane ukwenza lezi zivikeli mzimba ezinamandla. Okusha okutholwe kulo wesifazane waKwaZulu-Natali ekuphenduleni kokusebenza kwamasosha omzimba akhe ekulweni negciwane lesandulelangculazi kuletha ithemba lekusasa lokugwema i-HIV namasu okwelapha. Lokhu okutholiwe akusilo ikhambi le-HIV neNgculazi (i-AIDS) yingakho-ke uhulumeni usaqhubeka nokuhlaba ikhwelo kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokuhlolela i-HIV noma baqhubeke nemishanguzo enikwa labo emva kokuhlola abatholakala benayo i-HIV.

1.7 UMongameli Jacob Zuma uzokwethula inkulumo nonyaka  emcimbini wokugubha uSuku lwamaLungelo Abantu mhla zingama-21 Ndasa 2014 ngaphansi kwendikimba ethi:  “Kugujwa iminyaka engama-20 yokuguqula izimpilo ngamalungelo abantu!” enkundleni yeKhilikithi e-Sharpville eGoli. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagubhe ukuphila ezweni eliqinisekisa ukuthi akusophinde kwenzeke ukuthi sithathelwe Ubuntu bethu kunoma ngubani waseNingizimu Afrika, noma ngabe ungowaluphi uhlanga,  ubulili, inkolo noma uzibandakanya nabuphi ubulili. Sonke sinomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi irekhodi lamalungelo ethu abantu nomlando kuyagcinwa futhi kuyaqiniswa ngenxa yesizukulwane esizayo.  

1.8 Isonto lezaManzi likaZwelonke luzokwethulwa e-Bushbuckridge mhla ziyi-14 ngoNdasa kanti luzoqhubeka ngochungechunge lwemicimbi kuze kuyoba mhla zingama-23 Ndasa 2014. Umcimbi wokwethula uzokuba mayelana nokwehliswa kwamaphampu e-South Vertical Shaft emayini endala i-ERPM ukubhekana nodaba lokuMoma uketshezi olushisayo, i-Asidi eMayini eMaphakathi e-Witwatersrand. Ngokuqhubeka kwesonto kuzovulwa indawo okuhlanzwa kuyo amanzi nezinhlelo eziningi zokuhlinzeka ngamanzi ezifundazweni eziningi. Nonyaka indikimba ithi “Amanzi Ayimpilo – iMinyaka engama-20 yokuHlinzeka ngaMazi ukuThuthukisa Inhlalakahle noMnotho”. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi bonge amanzi futhi igcizelela isidingo sokuphathwa ngendlela esimeme yalo mthombo eyingcosana, ukuze kwelulwe ukutholakala kwawo kubantu abaningi kunalokhu  baseNingizimu Afrika. 

1.9 IKhabhinethi yaziswa ngokwethulwa kwe-INdaba Yentsha yeHhovisi LikaMongameli okube yimpumelelo obekubanjelwe Ekurhuleni kusukela mhla zingama-28 kuya zizi-3 Ndasa 2014. Indaba ibisingathwe iHhovisi likaMongameli, uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho (i-EDD) kanye ne-Ejensi kaZwelonke yokuThuthukisa iNtsha. Indaba yenza kwafinyelelwa eSivumelwaneni sokuQashwa kweNtsha esasayindwa nguhulumeni, amabhizinisi nezinyonyana ngoMbasa wezi-2013. UMongameli Jacob Zuma wethula inkulumo yosuku kuyona Indaba, eyayihanjelwe yintsha okungenani engama-500 ayayiqhamuka kuzo zonke izifundazwe. Ongqongqoshe abehlukene babayingxenye yezingxoxo zokwazisa intsha ngezinhlelo zikahulumeni zokuqasha intsha. Ukwengeza, kwamukelwa amasu aphathekayo azokwenza ukuthi uMongameli noNgqongqoshe abehlukene bahlale babonakale bebambisene nentsha ukuze ukudala amathuba emisebenzi kube yinto ekholekayo.

1.10 IKhabhinethi ikuqaphelile ukuhanjelwa okuhle kweNgqungquthela yeziNgxoxo zikaZwelonke ebe yimpumelelo mayelana neNqubomgomo kaZwelonke eDidiyele yoLwazi Lwezobuchwepheshe Kwezokuxhumana (i-ICT) yoHlaka loMthetho, ebibanjwe mhla zizi-3 Ndasa 2014.  IKhabhinethi ikhuthaza umphakathi ukuthi ubambe iqhaza ezithangamini zomphakathi zezifundazwe mayelana noHlaka loMthetho ezizoqala e-Rustenburg ngomhla ziyisi-7 ngoNdasa. Uhlaka loMthetho luzoholela ekuphothulweni koMthetho oDingidwayo maphakathi nonyaka, okuzohlinzeka uhlaka lokuguqula umthetho ngezindlela ezizobhekela izinguquko ezigcwele ze-ICT esikhathini samanje. 

1.11 IKhabhinethi iyakujabulela ukuqaphela ukuthi kusukela kwamukelwa i- “SA Connect”, iNqubomgomo yezokuXhumana ngoBuchwepheshe boHleloxhumano naMasu, mhla zizi-4 Zibandlela 2013, izikole ezingama-782 zixhunywe namakhompuyutha namagumbi eziqoqela lwazi ohleloxhumano;  IKamva e-Skills Institute yethulwa, kwase kusungulwa uMkhandlu wokweLuleka wezokuXhumana ngoBuchwepheshe boHleloxhumano.

1.12 UMnyango wezeMvelo uzosingatha iNgqungquthela ye-11 yeziNhlangano zeziZwe i-COP11 kusukela mhla ziyi-17 kuya zingama-21 Ndasa 2014, eKapa e-International Convention Centre,  ngaphansi kwendikimba ethi: “ Promoting Blue Growth in Africa: Towards Sustainable Management of Marine Resources”. I-COP11 ebanjwa njalo eminyakeni emibili ihlanganisa ongqongqoshe bezindawo abasuka ezizweni ezingama-22 ezingaphansi kweSivumelwano sokuBambisana ekuVikeleni, ukuPhathwa nokuThuthukiswa kweNdawo yasoLwandle nasoGwini lwe-Atlantic esifundazweni esiseNtshonalanga, maPhakathi naseNingizimu ne-Afrika. Ingqungquthela yonyaka wezi-2014 izobukeza okwenziwayo nezinqumo ezenziwa ngonyaka wezi-2012/13; isabiwomali sonyaka wezi-2014/15, kanye nokufanele kwenziwe ukuqalisa iSivumelwano nohlelo lokwenziwa kwaso. Izophinda futhi inqume ukuthi izinhlangothi zingawamukela kanjani umbono “wokuKhulisa okwenzeka oLwandle” njengendlela yokuphatha ngendlela esimeme okwenzeka olwandle nezinsiza ezigudle ugu.

1.13 IKhabhinethi ihalalisele iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika leKhilikithi labangaphansi kweminyaka eyi-19, ekuphumeleleni kwalo emdlalweni walo wokuqala woMkhandlu woMhlaba weKhilikithi (i-ICC) weNdebe yoMhlaba wabangaphansi kweminyaka eyi-19 e-Dubai. Indlela leli qembu eliphokophele ngayo izokhuthaza bonke ongcweti bezemidlalo abasebasha ukuthi bafune ukwenza okungcono.

1.14 IKhabhinethi iluqaphelile uSuku loMhlaba lwaBesefazane oluzayo – lomhla ziyisi-8 Ndasa 2014. Lolu suku lunika  ithuba abesifazane eNingizimu Afrika ukuthi bahloniphe impumelelo nokuzinikela kwabantu besifazane emiphakathini yethu yaseNingizimu Afrika. Abantu baseNingizimu Afrika kumele babheke inqubekela phambili eyenziwe imiphakathi, izinhlangano nezwe lonkana ukuqhubeza amalungelo abesifazane.

Ngesikhathi uMthethosisekelo uhlinzeka isisekelo sokwaziswayo nemigomo, kuwumsebenzi wethu sonke ukuthi siqaphe futhi sivikele abesifazane futhi siqinisekise ukuthi bayathuthukiswa noma bayacijiswa ukuze babambe iqhaza  njengezakhamuzi ezilinganayo ekuthuthukiseni umnotho  nezwe lethu.

2  Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi

2.1  IKhabhinethi yakwamukela ukuqaliswa kwenqubo yezingxoxo ezibanzi ngenhloso yokukhiqiza abaningi abaneziqu abazifundele. Lokhu kuzokwethula uhlaka lokuxhumana olwengeziwe, ukuhlangana nokubambisana phakathi kwezinhlaka zochwepheshe, imikhandlu eseqophelweni, imboni, izikhungo zemfundo ephakeme nohulumeni. 

Lokhu kuzoba negalelo ekuthuthukiseni abasebenzi abanamakhono futhi abakwaziyo ukweseka indlela yokukhula ebandakanya wonke umuntu.

2.2  IKhabhinethi yawamukela uMthethosivivinywa wokuChibiyela uMshuwalense wabangaSebenzi wezi-2014 ukuthi wethulwe ePhalamende. Lesi yisichibiyelo sesibili soMthetho woMshuwalense wabangaSebenzi, uMthetho Nombolo 63 wezi-2001.

Izichibiyelo ziphinde zibhekane nokuqeda imithelela enobungozi kwezomnotho nezenhlalakahle ngenxa yokungasebenzi, ngokuhambisana namazinga oMhlaba eNhlangano yezabaSebenzi, okundakanya nabafundi abasuke beyofundela amakhono emisebenzi nabasebenzi bahulumeni abangaphethwe ngaphansi kwaloMthetho.

Ukuqaliswa koMthethosivivinywa wokuChibiyela, wezi-2014 kwezinye zezinto uzokwelula isikhathi sokukhokhwa kwemihlomulo kulabo abakhokha imali, kusuka ezinyangeni eziyi-8 kuya kweziyi-12, okuzokwenza ukuthi bakwazi ukufuna eminye imisebenzi babe bethola imihlomulo yesikhathi eside.

Okhokha imali uzophinda futhi abe nesikhathi eseluliwe sokufaka isicelo senkokhelo, kusukela ezinyangeni eziyisithupha kuya kweziyi-12. Kuzophinda futhi lokhu kuvumele ukuqokwa kwabazohlomula  mayelana nemihlomulo yokudlula emhlabeni.

3 Abaqashiwe

IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo:

3.1 Mnu. Daan du Toit esikhundleni sokuba yiPhini likaMqondisi-Jikelele:  UkuBambisana kwaMazwe neziNsiza eMnyangweni wezeSayensi noBuchwepheshe

3.2 Mnu. Garth Strachan esikhundleni sokuba yiPhini likaMqondisi-Jikelele: UkuThuthukiswa kweNqubomgomo yeziMboni eMnyangweni wezoHwebo nezeziMboni

3.3  Nksz. Malebo Mabitje-Thompson esikhundleni sokuba yiPhini likaMqondisi-Jikelele: UPhiko lokuKhuthaza ukuThuthukiswa kweziMboni eMnyangweni wezoHwebo nezeziMboni

3.4  Ibhodi yeNhlangano yaseNingizimu Afrika yoMshuwalense woBungozi obuKhethekile i-SASRIA okuyiNkampani kaHulumeni (i-SOC) Ltd
a) Ukuqokwa kabusha kukaMnu. Cedrick Mnwabisi Masondo njengoMqondisi oPhethe futhi njengoMqondisi wesiGungu esiPhezulu seBhodi.
b) Ukuqokwa kabusha kukaNksz. Karen Pepler njengoMqondisi wesiGungu esiPhezulu seBhodi.
c) Ukuqokwa kukaNksz. Tando Mbatsha njengoMqondisi  ongelona ilungu lesiGungu esiPhezulu.
d) Ukuqokwa kukaNksz. Tshwarelo Moutlane njengoMqondisi  ongelona ilungu lesiGungu esiPhezulu.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore