Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-17 Mandulo 2014

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni zamanje

1.1. I-Lesotho

IKhabhinethi izwakalise ukuwuthakasela kakhulu umzamo kaMongameli Zuma ebambisene neNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) wokubuyisela ukuthula noxolo kwelaseLesotho. IKhabhinethi iyazeseka izinqumo ezithathwe kwiNgqungquthela ebibanjwe esikhathini esifushane esedlule, egunyaze iPhini likaMongameli weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, uMhlonishwa u-Cyril Ramaphosa, esekelwe yiHhovisi likaNobhala we-SADC kanye nethimba longoti abavela eMazweni Awumbimbi lwe-Troika, ukuthi abe nguMlamuli we-SADC ozohola izingxoxo zokuletha ukuthula eMbusweni waseLesotho. IPhini likaMongameli, iHhovisi likaNobhala kanye nongoti banikezwe iMigomo Yokusebenza ecacile yokubuyisela uzinzo lwezepolitiki nokuvikeleka eMbusweni waseLesotho, esikhathini esifushane kanye nasesikhathini eside.  

1.2. Umbukiso wezinkampani zaseNingizimu Afrika kwelase-Russia

IKhabhinethi iyazihalalisela izinkampani zaseNingizimu Afrika ezidle umhlanganiso ngombukiso wazo okhethwe njengombukiso ophuma phambili kwi-World Food Show edolobheni lase-Moscow. Ngokusebenzisana noMnyango Wezohwebo Nezezimboni iMikhiqizo Yokudla YaseNingizimu Afrika yamukelwe ngesasasa elikhulu ngabahwebi base-Russia Bokudla Okukhiqizwe Kwamanye Amazwe. Lo mklomelo wamazwe ngamazwe ufika esimweni esilandela ukuvakashela kukaMongameli Zuma eRiphabhulikhi yase-Russia esikhathini esifushane esedlule. Ngalo nyaka bayizi-3 000 ababukisi ababukise ngemikhiqizo yabo. Ngaphansi kohlelo Lokukhangiswa Kwezimpahla Ezithunyelwa Emazweni Angaphandle kanye Nosizo Lokutshala Izimali (i-EMIA), zingama-21 izinkampani ezabukisa ngomsebenzi eziwenzayo ngaphansi komkhakha wezokulungiswa nokukhiqizwa kwemikhiqizo yezolimo.

1.3. Umncintiswano wokubhala indatshana ngo-Nat Nakasa kanye Nenkululeko nezinto ezizuzwe ngaphansi Kwentando Yabantu

IKhabhinethi iyabahalalisela labo abawine emncintiswaneni wokuqala wokubhala indatshana ephathelene nempilo ka-Nat Nakasa, owabe eyintatheli eqavile, okubuyiselwe amathambo akhe eNingizimu Afrika mhla ziyi-19 Ncwaba 2014 emva kweminyaka engama-50. Lesi sinyathelo soMnyango Wezobuciko Namasiko sikhumbuza isizukulwane sethu sabantu abasha ngomzabalazo wenkululeko futhi sibahlinzeka ngolwazi oluphathelene nomlando wokubhala eNingizimu Afrika kanye nobuntatheli. Abafundi abafundela umsebenzi wobuntatheli, uSbongakonke Mbatha, uQiniso Mbili kanye noNkamogeleng Lebeloane ngamunye baziwinele ithuba eliyingqayizivele lokuqeqeshelwa emsebenzini kanye nekhompyutha ephathekayo (i-laptop).

Olunye uhlobo lomncintiswano ibiyinkulumo-mpikiswano phakathi kwabafundi ebigxile ezintweni ezizuzwe ngaphansi kweNkululeko kanye Nentando Yeningi Labantu. Izinjongo zalo mncintiswano zibandakanya ukuqwashisa abantu ngeqhaza elabanjwa yizintatheli ngesikhathi somzabalazo wenkululeko eNingizimu Afrika. Abadle umhlanganiso nguMfundo Radebe, uDumisa Nzama, u-Danielle Dallas, u-Olivia Habonimana, u-Faith Marthinussen kanye noCebisa Ncube, futhi umfundi ngamunye kulaba uziwinele ikhompyutha ephathekayo (i-laptop).

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. Ukudluliswa Kwamasheya oMnyango Wezempilo eNkampanini i-Biovac

IKhabhinethi yakwamukela ukudluliswa kwamasheya oMnyango Wezempilo onawo kwi-Biological and Vaccines Institute (i-Biovac) yaseNingizimu ne-Afrika afakwe ngaphansi koMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe.

I-Biovac yisikhungo okubambisene kusona uhulumeni nosomabhizinisi abazimele njengoba kunokubambisana phakathi kukaHulumeni waseNingizimu Afrika kanye ne-Biovac Consortium. Amasheya kaHulumeni waseNingizimu Afrika abandakanya amasheya angama-12,5% oMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe kanye namasheya angama-35% oMnyango Wezempilo.

Ukudluliswa kwamasheya kuyimpendulo yokubhekana nokukhathazeka okwazwakaliswa yiNhlangano Yezempilo Emhlabeni (i-WHO) kanye neSikhwama Sezingane Senhlangano Yezizwe Ezihlangene (i-Unicef) mayelana nokuthi kungenzeka kube khona ukungqubuzana esimweni esikhona njengamanje njengoba uMnyango Wezempilo ungumnikazi wamasheya futhi ungumthengi. I-WHO idinga ukuthi isiphathimandla esilawulayo (kulokhu okuwuMkhandlu Wezokulawulwa Kwemithi ongaphansi koMnyango Wezempilo) kanye neqhaza laso lokuqapha nokwengamela sihlukaniswe kwiqhaza lanoma yimuphi umkhiqizi wemithi – kulesi simo-ke okuyi-Biovac. Ukudluliselwa kwamasheya oMnyango Wezempilo eMnyangweni Wezesayensi Nobuchwepheshe kuzokwenza ukuthi i-Biovac ikwazi ukuthumela imikhiqizo yayo emazweni ahlomulayo ezinhlelweni zamakhambi okugoma ze-WHO kanye ne-Unicef.

I-Biovac yinkampani ehlinzeka umkhakha kahulumeni ngamakhambi okwelapha nokugomela izifo asezingeni eliphezulu, aphephile futhi asebenza kahle kakhulu, futhi iyinkampani ehamba phambili ehlinzeka ngamakhambi okugoma izingane oHlelweni Olunwetshiwe Lokugoma (i-EPI). Ngokusebenzisa uMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe, uhulumeni manje usezoba ngumnikazi wamasheya e-Biovac angama-47,5% bese kuthi amasheya angama-52,5% abe sezandleni ze-Biovac Consortium.

2.2. ESKOM

Njengoba kumenyezeliwe ngempelasonto edlule, iKhabhinethi izamukelile izinyathelo zokuqinisekisa ukusimama kwemboni kagesi, nokuqinisa isimo sezimali senkampani yakwa-Eskom, kanye nokuqinisekisa ukuthi kuyaqhubeka ukutholakala kukagesi owanele kuleli lizwe.

Konke lokhu kumele kwenziwe ngendlela ezovimbela ukukhula kwengcindezi esimweni sezimali zesizwe. Futhi kusenjalo, uhulumeni ufuna ukuqinisekisa ukuthi ukukhushulwa kwentengo kagesi akuwakhahlamezi kakhulu amakhaya adla imbuya ngothi, kodwa-ke lokho kuzoncika ekutheni zingakanani izimali ezikhona ezingalekelela kulokhu.

Isinqumo seKhabhinethi sisuselwa kwizincomo zeKomidi Longqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) elacubungula izindlela eziningi ezingatshenziswa ukuqinisekisa ukuthi kuleli lizwe kunogesi owanele. Ikomidi le-IMC lizoqhubeka nokuqapha le mboni ngeso lokhozi.

Imininingwane yalezi zinyathelo iyatholakala kwisizindalwazi soMnyango Wezezimali Kuzwelonke.

Kafushane nje lezi zinyathelo zibandakanya lokhu okulandelayo, phakathi kokunye okuningi, uhulumeni uzoboleka inkampani yakwa-Eskom imali eyengeziwe ngenhloso yokuqinisa isimo sezimali sale nkampani, ukuze ikwazi ukuboleka imali ethe xaxa ezimakethe zezimali. Njengomzamo wokuqinisekisa ukuthi isimo sikahulumeni sezimali asibi ngaphansi kwengcindezi enkulu, lemali ezobolekwa inkampani yakwa-Eskom izotholakala ngokubambisa ngezinkampani zikahulumeni ezingabalulekile kakhulu. UNgqongqoshe Wezezimali uzohlinzeka ngemininingwane ethe xaxa mayelana nalokhu ngenkathi ethula iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS) mhla zingama-22 kuMfumfu.

Okunye okuyingxenye yalezi nyathelo: yizinhlelo zokuqinisekisa ukuthi kunobungcono obukhulu kwindlela u-Eskom asebenza ngayo, ngoba lokho kuzonciphisa izindleko; nokukhuphuka kwemali ezobolekwa ngu-Eskom ngezigidigidi ezingama-R50 ezizosekelwa yiziqinisekiso zikahulumeni ezikhona njengamanje; nokweseka kukahulumeni isicelo esifakwe ngu-Eskom oPhikweni Olulawula Ezamandla eNingizimu Afrika (i-Nersa) sokukhushulwa kwentengo kagesi, okuyinto ehambisana nezinqubo ezijwayelekile zokulawula; nezinyathelo zokulawula ukukhuphuka kwesidingo sikagesi; nokuphuculwa kwenqubomgomo kagesi; kanye nokwandiswa kohlelo lwabakhiqizi bakagesi abazimele.

Mayelana nemizamo yokuqinisekisa ukuthi amakhaya adla imbuya ngothi awakhahlamezeki kakhulu, uhulumeni uzokuqapha ngeso lokhozi ukuhlinzekwa kwesibonelelo esiyisekelo sikagesi wamahhala. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ugesi owabiwayo usetshenziswa ngendlela efanele futhi kuzokhuthaza omasipala ukuthi benze ngcono indlela abagcina ngayo amanethiwekhi abo kagesi esesimweni esifanele kanye nendlela abahlinzeka ngayo ugesi kubathengi bagesi. Lezi zinyathelo zidingekile ukuze iNingizimu Afrika ikwazi ukukhuphula izinga lokukhula komnotho lifinyelele kwizinga elidingekayo ukuze kuvuleke amathuba omsebenzi athe xaxa futhi kuncishiswe ububha kanye nokungalingani okukhona.

2.3. Ukudluliselwa kwemisebenzi yokuphatha eHhovisi leJaji Eliyinhloko

IKhabhinethi yahlinzekwa ngemininingwane ephathelene nokuqala kokusebenza kwesigaba sokuqala sokudluliswa kwemisebenzi yokuphatha kanye nabasebenzi beziNkantolo Eziphakeme besuka ngaphansi koMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo beyofakwa ngaphansi kweHhovisi leJaji Eliyinhloko. Lokhu kusho ukuqaliswa kokusebenza Kwesichibiyelo Somthethosisekelo Seshumi Nesikhombisa, sowe-2012 kanye noMthetho Wezinkantolo Eziphakeme, uMthetho Nombolo 10 wezi-2013. 

UMthetho Wezinkantolo Eziphakeme uzophucula ukulawulwa kwezimantshi ngokuthi kuzo zonke Izimpiko Zenkantolo Ephakeme izimantshi zifakwe ngaphansi kwesandla seJaji Elengamele uPhiko ngalunye oluthintekile. Lo Mthetho unikeza amandla nemisebenzi kwiHhovisi leJaji Eliyinhloko elasungulwa ngokweSimemezelo sikaMongameli ngowezi-2010 njengesikhungo sombuso esizimele esinamandla alingana nawomnyango kahulumeni. Lokhu kugcizelela ukuzibophezela kukaHulumeni ukuqinisekisa ukuzimela kwephiko lezobulungiswa njengoba uMthethosisekelo wethu ulayela ukuthi kube njalo.

2.4. Ukusungulwa kwehhovisi lokulawulwa kwemiklamo yohlelo Losekela Nokugqugquzela Ingqalasizinda Kamongameli

IKhabhinethi yakwamukela ukusungulwa kweHhovisi Lokulawulwa Kwemiklamo Yohlelo lweNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika Lokusekela Nokugqugquzela Ingqalasizinda Kamongameli oluholwa nguMongameli Zuma. Lolu wuhlelo lokwakhiwa kwengqalasizinda oluqhutshwa ngamazwe ase-Afrika okuhloswe ngalo ukusekela nokugqugquzela imiklamo ethinta amazwe amaningi ngokuhlanganyela oluzovula amathuba okukhula kwezomnotho kwezwekazi lase-Afrika futhi luhlinzeke imiphakathi, amadolobha kanye nezifunda ngamathuba okuthuthuka.

IKhabhinethi yakwamukela ukusungulwa kweHhovisi Lokulawulwa Kwemiklamo Yohlelo Lokusekela Nokugqugquzela Ingqalasizinda Kamongameli elithola ukuxhaswa eminyangweni kahulumeni efanelekile. Ihhovisi Lokulawulwa Kwemiklamo lizosekelwa ngokuthi kusungulwe iKomidi Longqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene, eNingizimu Afrika, elizokwengamela uHlelo lweNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-AU) Lokusekela Nokugqugquzela Ingqalasizinda Kamongameli. USihlalo waleli Komidi kuzoba nguNgqongqoshe Wehhovisi LikaMongameli Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola.

2.5. Ukusungulwa koluhla loMkhakha Wezemisebenzi Kahulumeni lochwepheshe bezomthetho kanye nobudlelwano phakathi kwabaqashi nabasebenzi

IKhabinethi yakwamukela ukusungulwa koluhla lwangaphakathi eMkhakheni Wezemisebenzi Kahulumeni lochwepheshe bezomthetho kanye nobudlelwano phakathi kwabaqashi nabasebenzi abazosetshenziswa ukubhekana nenkinga yokusalela emuva kokuqulwa kwamacala abasebenzi bakahulumeni abasamisiwe emsebenzini. Ngalolu hlelo lokungenelela kuhloswe ukuthi kuqinisekiswe ukuthi uMkhakha Wezemisebenzi Kahulumeni usebenza kahle futhi ngaphandle kwezinkinga ngokuthi kuncishiswe isikhathi sokuphothulwa kwezinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe, ikakhulu esimweni lapho isisebenzi sikahulumeni simisiwe emsebenzini kepha sithola umholo waso ophelele.

Ngaphezu kwalokho, lolu hlelo luqinisekisa ukulawulwa kahle kwenqubo yokuqondiswa kwezigwegwe ngokubeka ngokusemthethweni umyalelo wokuthi kumele amacala abekwe isisebenzi aphothulwe kungakapheli izinyanga ezintathu (izinsuku ezingama-90). Uhla lochwepheshe bezomthetho kanye nobudlelwano phakathi kwabaqashi nabasebenzi luzobandakanya abasebenzi bakahulumeni abangochwepheshe kulo mkhakha wokuqondiswa kwezigwegwe, kufaka phakathi nabaphenyi, abashushisi kanye nezikhulu ezizokwengamela inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe, ukuze kuqinisekiswe ukuthi yonke inqubo yobudlelwano phakathi kwabaqashi nabasebenzi ihanjiswa ngendlela ezokhiqiza izithelo ezinhle.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende
koMthethosivivinywa Wezokulawulwa Kwenhlekelele, wezi-2002 (uMthetho Nombolo 57 wezi-2002). UMthetho Wezokulawulwa Kwenhlekelele Nombolo 57 wezi-2002 ubeka ngokucacile indlela edidiyelwe futhi ehambelanayo okumele isetshenziswe ukulawula inhlekelele kanye nokunciphisa ubungozi bokuvela kwenhlekelele kuzo zonke izigaba nezinhlaka zikahulumeni kanye nokubandakanywa kwabo bonke ababambiqhaza.

4. Abaqashiwe

4.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukuqokwa kwamalungu ayi-15 eBhodi Yophiko Lukazwelonke Lwezomkhathi LwaseNingizimu Afrika kanye noSihlalo wayo.
a) Nksz. Joy-Marie Lawrence (uSihlalo)
b) Slz. Ramashwar Bharuthram
c) Mnu. Johan Prinsloo
d) Mnu. Willie van Biljon
e) Nksz. Mbaliyethu Mfeka
f) Mnu. Eugene Jansen
g) Mnu. Potlaki Maine
h) Nks.z Gaborekwe Khambule
i) Mnu. Lindelwa Simphiwe Hamilton
j) Mnu. Mmuso Riba
k) Mnu. Ashley Desmond Naidoo
l) Dkt. Nozibele Mjoli
m) Nksz. Matsie Matooane
n) Mnu. Vincent Gore (oqashwe kabusha)
o) Mnu. Marius Rezelman (oqashwe kabusha)
p) Mnu. Omar Latiff

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Issued by: Government Communications

Share this page

Similar categories to explore