Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-25 Nhlangulana 2014

1. Isimo seKhabhinethi ezindabenizamanje

1.1. IKhabhinethi iyamukele iNkulumo kaMongameli Echaza Isimo seZwe yesikhombisa eyethulwe nguMongameli Jacob Zuma ngoLwesibili mhla ziyi-17 Nhlangulana 2014. Izinhlelo ezigqanyiswe nguMongameli futhi ezibalulwe wuHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) zizochazwa kabanzi emasontweni azayo yiziNhlaka zoNgqongqoshe. Ngaphansi kwesiqubulo esithi Sisonke Siqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili, iKhabhinethi imema yonke imikhakha yomphakathi ukuthi ibambisane noHulumeni ukuqalisa uHlelo olusha Lokusebenza, olusekelwe phezu kwezinzuzo esibe nazo emiNyakeni engama-20 edlule yeNkululeko. 

1.2 IKhabhithethi iyakwamukela ukuphela kwesiteleka ebese sidonse izinyanga ezinhlanu eziMayini zePlathinamu. Lesi siteleka esithathe isikhathi eside sibe nomthelela omubi kubasebenzi, abaqashi nomnotho wethu ngokubanzi. Yize noma ilungelo lokuteleka livikelekile kuMthethosisekelo nasemithethweni ebhekele abasebenzi, iKhabhinethi inxusa abaqashi nezinyunyana ezimele abasebenzi ukuba baphothule izingxoxo ngokushesha futhi bagweme iziteleka ezidonsa isikhathi eside njengalesi. Ukuphumelela kwezinhlelo zethu zentuthuko kuncike emnothweni ozinzile nosimeme. Njengabantu baseNingizimu Afrika sonke sinomthwalo wokuthuthukisa umnotho wezwe. 

1.3 Ikhabhinethi ikuqaphelile ukwehla kwezinga leNingizimu Afrika ngokusho kwama-Ejensi alinganisayo i-Standard and Poor’s, kanjalo ne-Fitch esontweni elidlule. IKhabhinethi iphinde yagcizelela ukuthi uhulumeni uyabhekana nezinselelo zokukhula iNingizimu Afrika ebhekene nazo. UHulumeni ubeke eqhulwini ukuphangiswa kokuqaliswa kwe-NDP, ngezinguqulela-buhleni ezihlose ukuthukulula amathuba okukhula komnotho waseNingizimu Afrika.

UHulumeni uzibophezele ukwenza ngcono isimo sokulawula, ukunciphisa ukugqogqa kwamakhono, nokusheshisa izinhlelo lukahulumeni lotshalomali kungqalasizinda njengengxenye yokususa izingqinamba ezivimbe ukusimama.

1.4  IKhabhinethi iyayamukela imiphumela yoCwaningo Jikelele lwezibalo zeMakhaya olusanda kukhiswa  abeZibalo zaseNingizimu Afrika. Le miphumela iqinisekisa indaba emnandi yokuthi izinqubomgomo nezinhlelo eziqinile zikahulumeni ziguqula izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika zibe ngcono.

Ucwaningo luqinisekisa ukuthi ukufinyeleleka kwezinsiza ezifana namanzi, ukuqoqwa kukadoti, imizi nemfundo yamahhala kukhule ongendlela ezinzile njengoba isikhathi siqhubeka. Isibalo sabantu baseNingizimu Afrika abathola amanzi ngamapayipi sesenyuke ngamaphesenti angama-89,9 ngesikhathi isibalo semizi efakwe ugesi simi kumaphesenti angama-85 ngowezi-2013.

Uhlelo lukahulumeni lwezibonelelo luyaqhubeka nokulekelela imindeni nemiphakathi okungabe idlakazwa wububha nokuswela imisebenzi. 

Isibalo sabantu abathola isibonelelo sikahulumeni sikhule sisuka kumaphesenti ayi-13,7 ngowezi-2003, safinyelela kwangama 45,5 ngowezi-2013. Isibalo semindeni ebulawa yinkemane sehle kusuka kumaphesenti angama-29,3 ngowezi-2002 safinyelela kwayi-13,4 ngowezi-2013.

1.5 IKhabhinethi ibonile izithunywa ezisezingeni eliphezulu zaseNingizimu Afrika ziholwa nguMongameli Jacob Zuma ukuhambela iNgqungquthela yama-23 yamaZwe ase-Afrika ngaphansi kwendikimba ethi: “Ezolimo Nokutholakala Kokudla E-Afrika” INgqungquthela izoqala mhla zingama-20 kuya kumhla zingama-27 Nhlangulana 2014 eMalabo eRiphabhlikhi yase-Equatorial Guinea.

Njengengxenye yaleli zwekazi, iNingizimu Afrika, izobamba iqhaza ezingxoxweni zezihloko zokuthuthukisa i-Afrika kanti izokwenza konke okusemandleni kule Ngqungquthela ukuqhubezela phambili intuthuko yezinhlelo zezwekazi.  

1.6  IKhabhinethi iyawuncoma uMnyango wezoBuciko namaSiko kanye neNhlangano yokuThuthukisa iNtsha kaZwelonke ngokuhola izinhlelo Ngenyanga Yentsha ngaphansi kwendikimba ethi “Intsha iqhubekisela INingizimu Afrika Phambili”.

Njengoba siqhubeka sigubha Inyanga Yentsha, iKhabhinethi iyaphinda igcizelela izinhlelo zikahulumeni zokusebenzisana nabantu abasha ukuguqula izimpilo zabo nokushintsha izwe. Eminyakeni emihlanu edlule nje kuphela, izigidigidi zamarandi angu-2,7 zabekwa eceleni zibekelwa ukweseka ngezimali osomabhizinisi abayintsha, imifundaze yabafundi isiphindaphindwe kabili, futhi nezinhlelo zokunakekelwa kwabantwana sezinothise isigaba esiyisisekelo sabantwana. Ukungenelela okufana uhulumeni uzoqhubeka nokugxila kukho, njengoba simema abantu abasha ukuthi babambisane nathi ukuqhubezela iNingizimu Afrika phambili.      

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi yalandiswa ngenqubekela phambili esesiyenzile ekuthuthukiseni INqubomgomo Kazwelonke Yokubhekana Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-NCCRP): Uhlaziyo LokuNciphisa I-Green House Gas (i-GHG). Umbiko uhlaziya indlela iNingizimu Afrika esebenza ngayo ukwengamela ngokuyimpumelelo imithelela yokuguquguquka kwesimo sezulu, futhi wenza iziphakamiso negalelo elingenziwa yiNingizimu Afrika emhlabeni wonke ukunciphisa isisi sengxube ye-Greenhouse Gas emoyeni. 

2.2. IKhabhinethi iphinde yamukela umbiko owuhlaka Wohla Lukazwelonke Lwe-Greenhouse eNingizimu Afrika, kusukela ngowezi-2000 kuya kowezi-2010. Lokhu kuhambelana nesivumelwano SoHlaka Lwamazwe Abumbene mayelana Nokuguquguquka Kwesimo sezulu iNingizimu Afrika eyasisayina ngowe-1997. Ngokwalesi sivumelwano amazwe kumele alethe imibiko yokuqhuba kwawo njalo eminyakeni emibili. Umbiko wamanje owuhlaka usukhishiwe ukuze umphakathi uphawule ngawo. Uzophothulwa ukuze ulungele ukwethulwa ekuhambeni kwesikhathi kuwo lo nyaka.

2.3. IKhabhinethi iyakwamukela ukugunyazwa kwendawo entsha ephephile Yesikhungo Somhlaba Samagugu IMapungubwe yiKomidi loMhlaba laMagugu i-Unesco ebelibambe umhlangano walo wama-38 eDoha, Qatar, kusukela mhla ziyi-15 kuya kumhla zingama-25 Nhlangulana 2014.

Indawo entsha ephephile ingumphumela wohlelo lwezingxoxo ezinde ezibandakanya abanikazi bomhlaba, abamele amalungu omphakathi, izinhlangano okungezona zikahulumeni, izinkampani zasezimayini kanye nabahlukene ababambe iqhaza kuhulumeni. Ukugunyazwa kwale ndawo entsha ephephile yintuthuko ejatshulelwayo yemizamo yeNingizimu Afrika yokwenza ngcono ukuphathwa nokuvikelwa kwendawo yayo yamagugu omhlaba ngesikhathi ivumela ukuba kube nentuthuko efanele nezinzile esimweni.

3. Imicimbi ezayo

3.1. INingizimu Afrika izobe isingethe ngokubambisana Umhlangano Wesithangami Sokubambisana Nobambiswano Kwezempilo Kusuka Ekukhulelweni, Ekubelethweni Kanye Nokuphila Komntwana, e-Sandton Convention Centre, eGauteng, kusukela mhla zingama-30 kuNhlangulana kuya mhla lulunye kuNtulikazi wezi-2014. Lokhu kubambisana kungokwenhlangano yomhlaba esingethwe yiNhlangano yoMhlaba yezeMpilo.

Ukusingatha ngokubambisana Isithangami kuhlinzeka ngenkundla lapho kuzogxilwa khona ngokubaluleka kokuqinisa ezempilo yokukhulelwa, impilo yezinsana nabantwana eNingizimu Afrika kanjalo nokuhlanganisa yonke imikhakha yemiphakathi ukuze ibe negalelo kulo mzamo. 

Ukukhishwa kwezibalo Zobalo Lomhlaba mayelana nenqubekela phambili yomhlaba ekuhlangabezaneni Nempokophelo Yentuthuko 4 kanye neyesi-5 yeMileniyamu kuzophinde kwenze ukuthi ababambe iqhaza abavela emikhakheni yezempilo nekungeyona eyezempilo bayazi inqubekela phambili eseyenziwe baphinde bafonde nezifundo kulokho.

Kuzophinde futhi kukhuthaze kakhulu ukuphendula nezibopho esinazo kubantu besifazane, izinsana, abantwana nentsha okuzokwenza ukuthi bakwazi ukusebenzisa ilungelo labo lezinga eliphezulu kwezempilo eminyakeni ezayo kuze kufike kowezi-2015 nangale kwawo.

3.2 INingizimu Afrika izosingatha Umqhudelwano Womhlaba Wezezibalo (i-IMO). I-IMO ingumqhudelwano wabafundi waminyaka yonke wokuxazulula izibalo ezikoleni zamazinga aphezulu, ebanjelwa emazweni ahlukene njalo ngonyaka. Leli yithuba lokuthi siveze ukuthi izwe lethu liyakwazi ukusingatha imicimbi yezingeni lomhlaba nokugqamisa osozibalo beNingizimu Afrika. abasezingeni eliphezulu. Amazwe ayi-109 asebhalisele lo mqhudelwano we-IMO. 

4. Abaqashiwe

IKhabhinethi yamukele ukuqashwa kwalaba abalandelayo:

4.1. Mnu. GO Hollamby njengePhini loMqondisi-Jikelele: ezeziMali nokuThengwa kweMpahla kuMnyango Wezasekhaya.

4.2.  IBhodi Lotshalomali Lomphakathi Ngokubambisana 
(a) Mnu Mcebisi Hubert Jonas, njengomqondisi ongelona ilungu lesigungu esiphezulu  noSihlalo (ngesikhathi eyiPhini likaNgqongqoshe wezeziMali); kanye
(b) NoMnu.Roshan Morar njengePhini likaSihlalo (iminyaka emithathu).

4.3. IKomidi longcweti elibhekele Imithetho Yenkampani (isikhathi esingevile eminyakeni emihlanu)
a) Ilungu elingena esikhundleni. uDkt. Johannes Erasmus; kanye
b) Noyedwa ongaqashiwe ngokugcwele, uNks Juanita Steenkamp.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Phumla Williams
Ibambela Lokukhulumela iKhabhinethi
Inombolo yamakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore