Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-20 Lwezi 2013

21 Nov 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi isishayela ihlombe isibalo esiphezulu sabavoti abafanelekile abenza njengoba beceliwe baphuma ngobuningi babo bayobhalisela ukuvota ngehlandla lokuqala lokubhalisela ukuvota mhla ziyisi-9 kanye namhla ziyi-10 Lwezi 2013. Abavoti abangakabhalisi bayakhunjuzwa ukuthi isikhathi sokubhalisela ukuvota siyaqhubeka futhi siyoze siphele uma sekumenyezelwe usuku lokhetho lukazwelonke olulandelayo.

IKhabhinethi iyawuncoma umsebenzi weKhomishana Yokhetho Ezimele, futhi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise ilungelo labo lentando yeningi lokuvota, elazuzwa ngenxa yomzabalazo wokulwela inkululeko kanye nokubusa ngentando yeningi.

1.2. Umkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane uzobanjwa kusukela mhla zingama-25 kuLwezi kuya mhla ziyi-10 Zibandlela 2013 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “VIKELA MZANSI – Kwanele: Imiphakathi iyimbumba ekuvimbeleni udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.”

IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kithina sonke njengabantu baseNingizimu Afrika ukuthi sisebenzise lesi sikhathi ukuvuselela ukuzibophezela kwethu ekuqedeni ukuziphatha kwabanye bethu emphakathini ngendlela enobulwane futhi elulazayo futhi sibophezele kabusha izwe lethu ekuhlonipheni amalungelo abesifazane nezingane angephikiswe.

1.3. IPhini likaMongameli uKgalema Motlanthe lizohola umcimbi wokugubha uSuku Lwengculazi Emhlabeni, eMkhondo, kwiSifunda sase-Gert Sibande,eMpumalanga, mhla lu-1 Zibandlela 2013 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Hlakanipha. Hlolwa. Usoke.”

Lesi sithangamu sizosetshenziselwa ukuchazela isizwe mayelana nemizamo kahulumeni yokulwisana nalesi sifo esiwubhubhane, nokukhuphula izinga lokuqwashiswa kwabantu, kanye nokuqinisa imizamo yokwandisa izinhlelo zokunqanda lolu bhubhane. Lokhu kuhambelana noHlelo LwaMaqhinga Kazwelonke Wokulwisana Nesandulelangculazi neNgculazi lowezi-2012-2016.

Lolu Suku Lwengculazi Emhlabeni luzosetshenziselwa futhi ukuvuselela umkhankaso Wokwelulekwa Ngokwengqondo Nokuhlolela Igciwane Lesandulelangculazi (i-HCT) kanye nokwethula umkhankaso Wokusoka Kwabesilisa Ezikhungweni Zezempilo.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazivikele uma beya ocansini; bahlolelwe iSandulelangculazi (i-HIV) okungenani kanye ngonyaka ukuze bathathe izinqumo mayelana nokuzivikela, nokwelashwa, nokuzinakelela kanye nokwesekwa sebenolwazi olufanele mayelana nesimo sabo; futhi kunxuswa amadoda kanye nabafana ukuthi bayosoka ezikhungweni zezempilo.

Abantu baseNingizimu Afrika kumele badlale indima yabo futhi benze uhlelo lwe-ABC (Ukuzithiba ocansini, ukwethembeka, ukusebenzisa ikhondomu) lube yingxenye yempilo abayiphilayo.

1.4. IKhabhinethi yagcizelela ukusetshenziswa kwesandla esiqinile kubantu abaphula imithetho yomgwaqo, njengengxenye yoMkhankaso Wesikhathi Samaholide Okuphela Konyaka - Fika Uphila – ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Uma Sibambisene Singasindisa Izigidi Zezimpilo Zabantu’, futhi inxusa bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi bashayele ngokucophelela okukhulu, futhi baqonde ukuthi izingozi zomgwaqo zicekela phansi izimpilo zabantu.

1.5. IKhabhinethi iyayincoma inqubekela phambili eseyenziwe ngokusebenzisa izikhungo ezahlukahluleke njengenxenye yohlelo lokungenelela kukaMongameli lwangoNhlaba e-Eldorado Park, lokulwisana nodlame olubhebhethekiswa yizigelekeqe nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa kanye nezinselelo zezenhlalo nezomnotho ezihlobene nalokho.

Lokhu sekuholele ekuboshweni kwabantu abayi-1 431, futhi abayi-1 098 kulaba balinde ukuqulwa kwamacala abo; abayi-1 095 banikwa ibheyili, abathathu basavalelwe esitokisini futhi abangama-289 balahlwa ngecala lobugebengu enkantolo. IKhabhinethi inxusa imiphakathi ukuthi iwuyeke umkhuba wokujezisela ngokwayo abantu abasolwa ngobugebengu noma wokuzama ukuthola ubulungiswa ngokuthatha umthetho bawubeke ezandleni zabo esikhundleni sokusebenzisa izikhungo zezomthetho, ngoba lokhu akukho emthethweni futhi kuyisenzo sobugebengu. IKhabhinethi ikhuthaza imiphakathi ukuthi isebenzisane namaphoyisa ukuvundulula abanikazi bamabhizinisi ezidakamizwa kanye nabathengisi bezidakamizwa ababhebhethekisa izenzo zobugebengu.

1.6. IKhabhinethi yadlulisa amazwi enduduzo abhekiswe emindenini nabangani balabo abashone ngenxa yokudilika kwebhilidi elakhiwayo edolobheni lasoThongathi, KwaZulu-Natali; futhi ibafisela ukwelulama okusheshayo labo abalimele.

IKhabhinethi yakugcizelela ukuthi kunemithetho yezabasebenzi evikela amalungelo abasebenzi futhi yabagxeka labo abayimbangela yale nhlekelele. IKhabhinethi yagcizelela ukuthi kumele kwenziwe uphenyo olunzulu ngalolu daba.

1.7. IKhabhinethi yakwamukela ukuvulwa kweSizinda Esiyisikhumbuzo sikaNelson Mandela. Kulesi sizinda kugcinwe impahla ebaluleke kakhulu engamagugu akhombisa umlando wempilo kaBaba u-Nelson Rolihlahla Mandela. La magugu ayingxenye yomlando wesizwe sethu, ikakhulu umlando wenkululeko yethu. Lawa ngamagugu angumcebo wesizwe futhi kudingeka alondolozwe.

Sizoqhubeka nokuhlonipha u-Nelson Mandela kanye nabaholi abayisizukulwane sakhe ngegalelo labo elikhulu kwinkululeko yethu.

1.8. IKhabhinethi isishayela ihlombe isenzo seKhomishana kaMongameli Yokuqondisa Ingqalasizinda (i-PICC), eholwa nguMongameli Jacob Zuma, ngokuqhubeka kwayo nohlelo lwengqalasizinda yomphakathi oluzodla izinkulungwane zezigidigidi zamarandi.

Ukuvulwa kwedamu i-Spring Grove okweziwe nguMongameli kwenzelwe ukufaka isandla ekwandisweni kokuphakelwa kwamanzi komasipala abayisithupha, okunguMasipala Omkhulu waseThekwini, uMasipala Wesifunda uMgungundlovu, oMasipala Bendawo uMsunduzi, Ugu, Sisonke kanye neLembe.

UHulumeni utshale imali engaphezu kwesigidigidi zamarandi kulo mklamo, okuhloswe futhi ngawo ukuvula amathuba emisebenzi. Ngenkathi kwakhiwa leli damu kwaqashwa abantu abangama-960.

1.9. Mhla zingama-22 Lwezi 2013 uMongameli Jacob Zuma uzovakashela uMasipala i-King Sabatha Dalindyebo, esifundazweni saseMpumalanga Kapa njengengxenye yoHlelo lukaMongameli Lokuqapha Umsebenzi Owenziwayo olubizwa ngeSiyahlola.

Lokhu kuzobandakanya nokuvakashela eMthatha ukuyohlola umsebenzi wokuphuculwa kwesikhumulo sezindiza kanye neminye imiklamo kamongameli yengqalasizinda kuleya ndawo.

UMthatha wamenyezelwa ngowezi-2009 ngengeSizinda Esidinga Izinhlelo Zokungenelela KukaMongameli Ezisheshayo futhi Ezizoba Nomthelela Omkhulu futhi ngalezi zinhlelo zokungenelela kuhloswe ukuthi kuqedwe ukusalela emuva kwemisebenzi yokuhlinzekwa kwengqalasizinda kanye nezinselelo eziphathelene nokuhlinzekwa kwezidingongqangi, ukuze kuvuselelwe idolobha laseMthatha ngokuphelele.

UMongameli uzothola futhi nethuba lokuzibonela ngawakhe amehlo inqubekela phambili eyenziwe kwimiklamo kahulumeni yengqalasizinda ephathelene nokuhlinzekwa kwamanzi, ugesi kanye nemigwaqo endaweni.

Ukukhanyiswa kwesiteshi esiphehla ugesi sase-Thornhill okuzokwenziwa nguMongameli Jacob Zuma kuzohlinzeka ngogesi ozoqeda ukusalela emuva kokuphakelwa kukagesi emakhaya ayizi-25 000.

1.10. UMongameli Jacob Zuma uzoba noHambo Olusemthethweni Lokuvakashela e-Accra, kwelase-Ghana, kusukela mhla zingama-26 kuya mhla zingama-27 Lwezi 2013. Lolu hambo luzoqinisa ubudlelwano esinabo njengamanje nezwe lase-Ghana futhi luzoqhubekisela phambili ukuhwebelana phakathi kwamazwe aleli zwekazi.

1.11. UMongameli Jacob Zuma ube lindeleke ukuthi abe ngusihlalo weKhomishana Yokubambisana Phakathi Kwelizwe laseNingizimu Afrika nelaseBotswana (BNC) mhla zingama-21 Lwezi 2013. Lokhu kuzophucula ubudlelwano nokubambisana phakathi kwalawa mazwe amabili angomakhelwane. Le BNC ebanjwa minyaka yonke ezingeni loMongameli balawa mazwe yasungulwa ngonyaka odlule ngenhloso yokukhuphula isimo seKhomishana Ekhona Unomphela Wokubambisana Kwalawa Mazwe Amabili kanye neKhomishana Ekhona Unomphela Wokubambisana Kwalawa Mazwe Amabili Kwezokuvikela Nokuvikeleka.

1.12. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqokwa kweNingizimu Afrika ukuthi ibe yilungu loMkhandlu Wamalungelo Esintu Wenhlangano Yezizwe Ezihlangene (mhla ziyi-12 Lwezi 2013).

Ubulungu bethu buqala mhla lu-1 Masingana 2014 okuyinto ezokwenzeka ngesikhathi leli lizwe ligubha iMinyaka engama-20 Yenkululeko. Lokhu kugcizelela kabusha ukuzibophezela kwethu ekufezekisweni kwamalungelo esintu kuzo zonke izakhamuzi zethu, nezakhamuzi zezwekazi lase-Afrika kanye nezakhamuzi zomhlaba wonke.

1.13. IKhabhinethi ihlanganyela nomphakathi wamazwe ngamazwe ukudlulisa ukubonga okukhulu kwiZinhlangano Ezingekho Ngaphansi Kukahulumeni ezifake isandla emsebenzini wamazwe ngamazwe wokuthumela usizo lokubhekana nesimo esiphuthumayo kulabo abakhahlanyezwe yiNkanyamba u-Haiyan kwelase-Philippine.

Umoya Wobuntu uzofaka isandla ekunciphiseni usizi nenhlupheko yabantu base-Philippine ngalesi sikhathi esinzima ababhekene naso.

1.14. IKhabhinethi iyakwamukela ukumenyezelwa kwenye futhi ingqophamlando empilweni yoMklamo Wokwenza Ngcono Imigwaqo Engothelawayeka YaseGauteng, njengoba uhlelo lokukhokhelwa kwezingxenye eziqokiwe zeMigwaqo Engothelawayeka eGauteng luzoqala ukusebenza mhla zi-3 Zibandlela 2013.

Abanikazi bezimoto abangakalubhaliseli uhlelo lokukhokhelwa kwemigwaqo engothelawayeka bayakhuthazwa ukuthi benze njalo, ukuze bazibeke ethubeni lokuthola izaphulelo.

1.15. IKhabhinethi iyawuncoma uMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe kanye Nowezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha kanye neNyuvesi Yezobuchwepheshe i-Cape Peninsula ngokuqopha umlando ngokuthumela emkhathini isiqoqelilwazimkhathi sokuqala saleli lizwe esibizwa nge-CubeSat, okwenziwe namuhla, mhla zingama-21 Lwezi 2013, kwelase-Rashiya.

Lesi siqoqelilwazimkhathi, esizohlinzeka ngedatha ebalulekile yesimo sezulu emkhathini, sikhombisa ikhono leNingizimu Afrika emkhakheni wezesayensi nobuchwepheshe bomkhathi.

1.16. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqokwa kukaNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo u-Angie Motshekga njengoSihlalo woMbimbi lwe-Ningizimu ye-Afrika kanye neMpumalanga ye-Afrika Oluqaphe Ikhwalithi Yezemfundo (SACMEQ) ngenkathi kubanjwe iNgqungquthela Ejwayelekile yama-37 ye-UNESCO; lokhu kusekela ukwethenjwa  kohlelo lwethu lwezemfundo kanye nezikhungo zethu.

Injongo ye-SACMEQ ukwenza ucwaningo oludidiyelwe kanye nemisebenzi yokuqeqesha ezokwandisa amathuba okuthi abahleli bezemfundo kanye nabacwaningi bathole ukuqeqeshelwa amakhono adingekayo ukuze bakwazi ukuqapha, ukuhlaziya, kanye nokuqhathanisa izimo ezijwayelekile okufundelwa ngaphansi kwazo ezikoleni kanye nekhwalithi yemfundo eyisisekelo.

1.17. IKhabhinethi imthulela isigqoko uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha, u-Blade Nzimande, ngokuhola umhlangano woNgqongqoshe Bezemfundo Bamazwe e-BRICS okwathathwa kuwona izinqumo eziyingqophamlando. Lo mhlangano wawubanjelwe emagcekeni eNgqungquthela Ejwayelekile Yehlandla lama-37 ye-UNESCO. Izindaba ezadingidwa zibandakanya: ukuqiniswa kokubambisana phakathi kwamanyuvesi e-BRICS, ukuhlanganyela kanye nokwabelana ngolwazi.

ONgqongqoshe bavumelana ukuthi kunesidingo sokusungula inqubo esemazingeni aphezulu kwezepolitiki futhi equkethe ulwazi lokusebenza olusezingeni eliphezulu ukuze kuhlanganiswe futhi kuqaliswe ukusebenza kwemikhakha ehlonziwe yokubambisana ezoholwa yiNingizimu Afrika njengoSihlalo osesikhundleni njengamanje we-BRICS. Futhi kwaba nokuvumelana kwawo wonke lawa mazwe amahlanu ngokubaluleka kokukhuphula izinga lokubambisana phakathi kwe-BRICS ne-UNESCO kwezemfundo.

1.18. IKhabhinethi yawuphawula futhi nombiko wezwe laseNingizimu Afrika owethulwa kwi-UNESCO othi bayizigidi ezi-3,3  zabantu abadala baseNingizimu Afrika abaphothule izifundo zabo eMkhankasweni we-Kha Ri Gude Wokufundiswa Kwezinkumbi Zabantu Ukufunda Nokubhala. Lokhu kusondeza iNingizimu Afrika ekufezekisweni kwesibopho sayo eyasenza kwiNhlangano Yezizwe Ezihlangene: Semfundo Kumuntu Wonke lapho yazibophezela khona ukuthi kuyothi uma kufika unyaka wezi-2015 sibe sesincishiswe ngesigamu isibalo sabantu abangakwazi ukufunda nokubhala. Lo mkhankaso wethulwa ngoNhlolanja 2008, ngenhloso yokulekelela abantu abadala ababalelwa kwizigidi ezi-4,7 abangaphezu kweminyaka yobudala eyi-15 ukuthi bakwazi ukufunda nokubhala kanye nokubala besebenzisa olunye lwamalimi asemthethweni ayi-11.

1.19. IKhabhinethi iyabahalalisela labo abaziwinele izindondo eMcimbini Kazwelonke Wokuqala weBatho Pele Wokuklonyeliswa Kwalabo Abavelele Emsebenzini okuwumcimbi okuhloswe ngawo ukuqinisa isikompilo lokwenza umsebenzi ngokuzimisela nangobuhlakani, futhi kuhlonishwe, kuklonyeliswe, kunconywe futhi kukhuthazwe abasebenzi bahulumeni abenza umsebenzi wabo ngendlela encomekayo futhi ukuze kuqinisekiswe ukuthi uyadlondlobala umkhakha wezeMisebenzi Kahulumeni.

1.20. IKhabhinethi yawuncoma umdlalo omuhle kakhulu okhonjiswe yiBafana Bafana, ama-Protea kanye namaBhokobhoko futhi yahalalisela no-Itumeleng Khune, owamenyezelwa njengoMdlali Ovelele eNingizimu Afrika ngowezi-2013. Ukugcizelela ukuthi thina siyizwe labanqobi, iKhabhinethi yakuphawula ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bavuka bethokoze kakhulu ngoLwesithathu ekuseni emva kokunqoba kweBafana Bafana ngo 1-0 ngenkathi idlala neqembu lase-Spain. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi badlale indima yabo ekuxhaseni amaqembu ethu esizwe.

1.21. IKhabinethi yahlinzekwa ngolwazi yiQoqwana Lezobulungiswa Nokuvinjelwa Kobugebengu Nokuqinisekiswa Kokuvikeleka (i-JCPS) mayelana nombiko woMvikeli Womphakathi ophathelene nezinyathelo zokuvikela umuzi kaMongameli Jacob Zuma eNkandla. IKhabhinethi yatshelwa ukuthi ukuxhumana okube khona phakathi kukahulumeni noMvikeli Womphakathi mayelana nalolu daba bekwenzelwa ukuqinisekisa ukuvikeleka kweNhloko Yombuso. IKhabhinethi yatshelwa futhi ukuthi umbiko wethimba likahulumeni elalijutshwe ukuthi liphenye mayelana nomsebenzi wokuphuculwa kohlelo lwezokuvikeleka emzini kaMongameli eNkandla wadluliselwa kwiKomidi Elingenakuguquka Elididiyelwe Lezobunhloli, futhi emva kwalokho leli komidi nalo lashicilela owalo uMbiko Okhethekile mayelana nalolu daba. Ithimba elijutshwe uhulumeni labikela iKomidi Elingenakuguquka Elididiyelwe Lezobunhloli ukuthi abukho ubufakazi bokuthi uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi wakhokhela ukwakhiwa kwezindlu zikaMongameli. ONgqongqoshwe beQoqwana le-JCPS bamenyiwe ukuthi babe khona kulesi sithangama seKhabhinethi nabezindaba futhi bazoyiphendula imibuzo ephathelene nalolu daba.

2. Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi yalwamukela uhlaka loMthetho Odingidwayo Wezemfundo Nokuqeqesha Emva Kokuphothulwa Kwesikole: “Ukwakha Uhlelo Lwezemfundo Nokuqeqesha Emva Kokuphothulwa Kwesikole Olunwetshiwe, Olusebenza Ngendlela Efanele futhi Oludidiyelwe”.

Lolu hlaka loMthetho Odingidwayo lubalula amasu okunweba indlela okuhlinzekwa ngayo ezemfundo nokuqeqesha njengamanje eNingizimu Afrika. Luhlose ukuphucula ikhwalithi futhi ludidiyele imikhakha enhlobonhlobo yohlelo lwemfundo ehlinzekwa emva kokuphothulwa kwesikole, kanye nokubeka imigomo yezindlela zokuthi abaqashi bomkhakha ozimele kanye nabomkhakha kahulumeni babe negalelo elibonakalayo ukuqinisekisa ukuthi kukhiqizwa abasebenzi abanamakhono.

Lo Mthetho Odingidwayo ugcizelela ukukhula komnotho nokuvulwa kwamathuba emisebenzi okubandakanya umuntu wonke futhi okuyinto esemqoka kakhulu Ohlelweni

Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

UMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha uzokhipha ulwazi oluthe xaxa mayelana nalokhu.

2.2. IKhabhinethi yachazelwa ngombiko weKomidi loNgqongqoshe mayelana nokuBuyekezwa Kohlelo Lokuxhaswa Kwamanyuvesi Ngezimali futhi yakwamukela ukuthi lo mbiko ukhishwe ukuze amanyuvesi aphawule ngawo.

Ukuxhaswa ngezimali kwamanyuvesi akuhlukile kwezinye izinselelo ezibanzi ezibhekene naleli lizwe, futhi kubandakanya nokulungisa udaba lwezinkinga ezibhekene nezikhungo ezisafufusa futhi kusenjalo kuqinisekiswe ukuthi uguquko olwenziwe mayelana nendlela okwabiwa ngayo izimali akuphazamisi ukuhlonishwa emhlabeni jikelele kwezikhungo esezithuthukile nanye nekhono lazo lokuncintisana.

2.3. IKhabhinethi yalamukela Isu leNingizimu Afrika Lomnotho Osekelwe Phezu Kwemvelo.

Isu Lomnotho Osekelwe Phezu kwemvelo yisu elisekelwe phezu kwezesayensi okuhloswe ngalo ukwenza umkhakha wokuqanjwa kwezinto eziphathelene nezemvelo ube ngumkhakha osemqoka eminyangweni kahulumeni ehlukahlukene. Leli lisu linxusa futhi ukuthi kube nobudlelwano obuqinile kule mboni ukuze kuqinisekiswe ukuthi ezobuchwepheshe bemvelo kanye nokuqanjwa kwezinto eziphathelene nemvelo kuhambelana kakhulu nezimakethe futhi kusebenziseka kalula eNingizimu Afrika.

Isu leNingizimu Afrika Lomnotho Osekelwe Phezu Kwemvelo lihlinzeka ngenjini yezomnotho omusha ezohlinzeka ngesisekelo sokukhula komnotho esikhathini esizayo.

2.4. IKhabhinethi yakwamukela ukuqaliswa kokusebenza kweSiphakamiso Sesigaba sesithathu Esisezingeni Eliphezulu Sohlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi (i-EPWP) (2014-2019). Umkhawulo wokuvula amathuba emisebenzi ayizigidi eziyi-7,5 esikhathini esiyiminyaka emihlanu (2014/15 – 2018/19) ususelwa emkhawulweni weziNhlelo Zokuqashwa Komphakathi okukhulunywa ngazo oHlelweni lwe-NDP.

IKhabhinethi yakwamukela ukusungulwa kweKhomishana KaMongameli Elawula Ukuqashwa Komphakathi ezohola futhi ibike ngezinhlelo zokuqashwa komphakathi. Lokhu kuzohambelana nomsebenzi we-PICC.

Uhlelo lwe-EPWP luhlose ukukhulisa igalelo lalo ekulwisaneni nezinselelo ezintathu ezibhekene naleli lizwe okungububha, ukuntuleka kwamathuba emisebenzi kanye nokungalingani kwabantu. Ukwehla kwezinga lokukhula komnotho okukhona njengamanje kube nomthelela omubi ekuvulweni kwamathuba emisebenzi kuleli lizwe futhi sekukhulise izinga lokubaluleka kwe-EPWP njengohlelo olukhulu lukahulumeni lokufaka isandla kwintuthuko kanye nokunciphisa ukuntuleka kwamathuba emisebenzi.

2.5. IKhabhinethi yakwamukela ukwethula ePhalamende kweThuluzi Lokuchitshiyelwa KoMthethosisekelo Wenhlangano Yezabasebenzi Emhlabeni, 1986, ukuze ligunyazwe.

Injongo yeSichibiyelo esihlongozwayo ukwenza ubulungu koMgwamanda Olawulayo Wenhlangano Yezabasebenzi Emhlabeni ikhombise ukumela abantu abanhlobonhlobo ngokuthi ihlinzeke ngendlela yokuqasha ezobheka izindawo ezahlukahlukene okudabuka kuzona amalungu ayo kanye nesimo nezimfuno zezomnotho kanye nezenhlalo.

Mayelana nokuqhutshekiselwa phambili kwe-ajenda ye-Afrika, futhi uma kwenzeka siphumelela iSichibiyelo SoMthethosisekelo wezi-1986, iNingizimu Afrika izohlomula ngenxa yezimo ezikhethekile ezichazwe kuleli thuluzi, ngokuthi ibe sethubeni lokuqokwelwa esihlalweni unomphela.

2.6. IKhabhinethi yakuphawula ukwamukelwa kweZincomo Zezibonelelo Zokuvikela Umphakathi yiNhlangano Yezabasebenzi Kumazwe Ngamazwe futhi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende kwalezi Zincomo ukuze zigunyazwe.

Izibonelelo Zokuvikela Umphakathi yiqoqo lezinqubomgomo ezididiyelwe ezenzelwe ukuqinisekisa ukuvikeleka kwemali engenayo kanye nokuthi wonke umuntu uyazithola.  izidingongqangi zomphakathi ezibalulekile, ikakhulu abantu abantulayo, futhi ukuze kuvikelwe futhi kuthuthukiswe abantu ezigabeni ezahlukahlukene zempilo yabo.

2.7. IKhabhinethi yakwamukela ukuthi iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela yesine ye-BRICS Yezokuncintisana Kumazwe Ngamazwe ngowezi-2015.

Le Ngqungquthela ihlinzeka ngesithangamu sokwabelana ngemibono phakathi kwezikhungo zokuncintisana kanye nabeluleki abangekho ngaphansi kukahulumeni abavela emazweni e-BRICS. Lokhu kuqinisa amaxhama okuxhumana phakathi kwezikhungo okuyinto ezoholela ekutheni kube nokubambisana okungcono kwamazwe ngamazwe phakathi kwalawa malungu. Le Ngqungquthela ibanjwa njalo emva kweminyaka emibili futhi isingathwa yiziPhathimandla Zezokuncintisana zamazwe angamalungu e-BRICS.

2.8. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende nokushicilelwa kuSomqulu Kahulumeni kweNqubomgomo Yokuqashwa Kwabasebenzi Abalawula Ukuhluleka Kwabantu Ukukhokha Izikweleti Zabo nguMphathi Omkhulu Wenkantolo Ephakeme.

Le Nqubomgomo igxile ekugqugquzeleni ukuthatha izinqubo ngendlela efanayo, engachemile, esobala futhi kufezekiswe ukulingana kubantu ababencishwe amathuba phambilini ngenxa yokucwaswa.

Esikhathini esedlule Abaphathi Abakhulu Benkantolo Ephakeme emahhovisi ahlukahlukene babekwazi ukuthatha izinqumo ngokuzimela ngokwendlela abahumusha ngayo umthetho ophathelene nezinyathelo nenqubo okumele ilandelwe emahhovisi abo.

2.9. IKhabhinethi yakwamukela ukuthi isikhathi esisukela kumhla zi-3 kuLwezi kuya kumhla zi-3 kuZibandlela sithathwe ngokusemthweni njengeNyanga Kazwelonke Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abakhubazekile futhi yamemezela ngokusemthethweni ukuthi usuku lomhla zi-3 kuZibandlela luthathwe njengoSuku Lukazwelonke Lwabantu Abakhubazekile.

Inyanga Kazwelonke Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abakhubazekile, ezophela ngoSuku lukazwelonke Lwabantu Abakhubazekile, ihlinzeka ngesikhathi lapho izwe lizogxila ekutheni kukhonjiswe futhi kuthokozelwe inqubekela phambili eyenziwe ekuhlinzekeni abantu abakhubazekile ngamathuba alinganayo okuthola imfundo, umsebenzi osezingeni elamukelekile, ezempilo, ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kanye nokuphila endaweni ephephile futhi evikelekile, phakathi kokunye okuningi.

2.10. IKhabhinethi yayamukela idizayini yeNkampani yaseNingizimu Afrika Eyenza Imali Ewuhlweza yemali yowezi-2013 eyisikhumbuzo kanye nohlamvu luka R2 oluzosatshalaliswa emphakathini.

a) Uhlamvu luka R2 Oluzosatshalaliswa Emphakathini: “Umgubho Weminyaka eyi-100 Kwakhiwa Izindlu Zombuso”
b) Uhlamvu luka R2 Oluyisikhumbuzo Somqhele Oluyisiliva: “Umgubho Weminyaka eyi-100 Kwakhiwa Izindlu Zombuso”
c) Uchungecunge loHlamvu lwe-Protea lowezi-2013: “iMpilo  yesiThwalandwe: NR Mandela” (impilo yakhe eseyingane)

2.11. IKhabhinethi yawamukela futhi namadizayini emali ewuhlweza yowezi-2014 eyisikhumbuzo kanye nezinhlamvu ezizosatshalaliswa emphakathini:
a) Uchungecunge loHlamvu lwe-Protea: iMpilo  yesiThwalandwe: NR Mandela” (imfundo)
b) Uchungechunge Lohlamvu Olukhombisa Imvelo: “Izilwane Ezizingela Ebusuku”
c) Uchungechunge Lohlamvu luka-R1 Oluyigolide: “Abathwali Bempova baseNingizimu Afrika”
d) Uchungechunge Lohlamvu luka-R2 Oluyigolide: “Ukufunyanwa Kwegolide eNingizimu Afrika”
e) Uchungechunge Lohlamvu Lwesiliva Lomqhele Nemali Engutiki: “Izitimela zaseNingizimu Afrika”
f) Uchungechunge Lohlamvu Lwesiliva Eyisitelingi: “Izindawo Zasolwandle zaseNingizimu Afrika Ezivikelwe”
g) Uhlamvu luka-R200 Oluyisikhumbuzo Olwenziwe Ngegolide: “Iminyaka engama-20 Yentando Yeningi Labantu”
h) Uchungechunge Lohlamvu luka-R2 Lwesiliva Eyisitelingi Oluyisikhumbuzo Somqhele: “Iminyaka engama-20 Yentando Yeningi Labantu”
i) Uhlamvu luka-R5 Oluzosatshalaliswa Emphakathini: “Iminyaka engama-20 Yentando Yeningi Labantu”

Amadizayini ezinhlamvu zemali ewuhlweza kanye nokuMenyezelwa kwayo Ngokusemthethweni kuzoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni. Emva kwalokho zizokhiqizwa lezi zinhlamvu zemali ewuhlweza bese zithengiswa ngendlela ejwayelekile.

3. Abaqashiwe

3.1. IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kukaNksz. Gugulethu Brightness Nokukhanya Khoza njengoMqondisi weNhlangano Ephathelene Nokulawulwa Kwamabhanoyi yaseNingizimu Afrika .

3.2. IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiBhodi Yenkampani Yokutshalwa Kwezimali Zikahulumeni (i-PIC):
a) Mnu. Roshan Morar (oqashwe kabusha)
b) Mnu. Sebenzile Patrick Mngconkola (oqashwe kabusha)
c) Nksz. Dudu Hlatshwayo
d) Nksz. Sibusisiwe Nkosinomusa Ngubane
e) Mnu. Trueman Tandabantu Goba.

3.3. IKhabhinethi yakuphawula ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiBhodi Yenkampani yaseNingizimu Afrika Yomshwalense Wezinto Ezithunyelwa Kwamanye Amazwe:
a) Mnu. Motshoanedi Johannes Lesejane (onguSihlalo futhi oqashwe kabusha)
b) Nksz. Vuyelwa Viola Matsiliza (uMqondisi Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
c) Nksz. Fagmeedah Petersen (uMqondisi Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
d) Nksz. Siobhain O’Mahony (uMqondisi Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Issued by: Government Communications

Share this page

Similar categories to explore