ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla we-10 kuNhlaba 2023 

A.    Ezisematheni

1.    UMhla we-10 kuNhlaba – Ukuphela kweminyaka engama-29 yokuGcotshwa kukamongameli wokuqala owakhethwa ngentando yeningi labantu. 
1.1.    Lo mhlangano weKhabhinethi ubanjwe waqondana ngqo nosuku lweminyaka engama-29 lapho uMongameli u-Nelson Mandela wagcotshwa njengoMongameli wokuqala wentando yeningi labantu eNingizimu Afrika mhla we-10 kuNhlaba 1994. Emva kweminyakakhulu emithathu nesigamu yobuqonela kanye nokuhlukana kwentuthuko lapho umuntu ukuze afinyelele kwizidingonqangi kwakuya ngebala lesikhumba sakhe, iNingizimu Afrika yentando yeningi labantu yabeka imigomo yentuthuko ebandakanya wonke umuntu ukuze kuzoba nomphakathi ophumelelayo, ongacwasi ngokwebala, ongabandlululi ngokobulili futhi olinganayo.  
1.2.    Ngesikhathi kukuningi esikuzuzile kusukela ngowe-1994, kusekuningi futhi okusafanele kwenziwe ukuze sizofeza amaphupho entuthuko yaleli lizwe. 
1.3.    IBhangengodla laseNingizimu Afrika likhiphe uchungechunge lwezinhlamvu namaphepha emali abuyekeziwe, okungukubungaza intando yeningi labantu yomthethosisekelo kanye nokuhlonipha uMadiba wethu esimthandayo. 

2.    INgqungquthela Yezempilo KaMongameli
2.1.    INgqungquthela Yezempilo kaMongameli eyayibanjwe mhla wesi-4 kuya mhla wesi-5 kuNhlaba 2023 yayigxile ezinsikeni eziyisishiyagalolunye zoHlelo Lwezempilo LikaMongameli lwezi-2019: izindaba zabasebenzi; ukufinyelela emithini yokwelapha, imigomo nemikhiqizo yezempilo; ingqalasizinda; ukuxoxisana nomkhakha ozimele; ukunakekelwa kwezempilo okusezingeni eliphezulu; ukwenza ngcono ukuphathwa kwezimali zomphakathi; ukubusa nobuholi; ukuxoxisana nemiphakathi; izindlela zokudlulisa ulwazi kanye nokulungela izifo eziwubhubhane. 
2.2.    Eminye yemiphumela yeNgqungquthela kwaba kunguvuselela ukuzinikela ekuqalisweni koMshwalense Kazwelonke Wezempilo (i-NHI). Lena yingxenye yohlelo lokunciphisa ukungafani ekufinyeleleni kwizinsizakalo zokunakekelwa ngokwezempilo ngokususa umthwalo wezezimali zokuthola izinsizakalo zokunakekelwa ngokwezempilo.  
2.3.    IKhabhinethi lamukele ukuvunywa kwezinyathelo ezidingekayo ukulungisa kabusha uhlelo lwezempilo kanye nokusheshisa izinguquko ze-NHI. Lokhu kuzosondeza izinhlelo zethu zezempilo eduze ukuze zisize abantu baseNingizimu Afrika. 

3.    Ezamandla
3.1.    Uhulumeni usebenza ngokusondelana kakhulu no-Eskom ukusheshisa ukulungiswa kwamayunithi aholele ekutheni izwe libe kwiSigaba sesithupha sokucimakonga ugesi ezinsukwini ezedlule nokukhinyabeze inqubekelaphambili ohlelweni lokuthuthukisa ukutholakala kukagesi ezweni. 
3.2.    Umsebenzi onzima uyaqhubeka kwa-Eskom wokukhuphula uHlelo Lokutholakala Kukagesi ngokunakekela okusimeme, okukhuphula ukusetshenziswa kweziphehli zegesi ama-Open Cycle Gas Turbine, lokho okuzokwenza kutholakale umthamo owengeziwe kubatshalizimali abazimele bakagesi ovuselelekayo kanye nokuqwashisa ngokwenza ngcono uKulawulwa Kokusetshenziswa Kukagesi kusuka kulabo abasebenzisa ugesi omningi nasemakhaya.  
3.3.    Izenzo zokucekela phansi ziyaqhubeka nokukhathaza ingqalasizinda yakwa-Eskom kanjalo nokutshalwa kwamalungu e-SANDF angama-880 ukuthi aqaphe iziteshi zikagesi eziningi zika-Eskom kuyingxenye yezinyathelo zokugwema imizamo yokuwisa isizinda sikagesi sikazwelonke.   
3.4.    IKhabhinethi lamukele isinqumo sokudlulisa isinqumo sakamuva seNkantolo Ephezulu yasePitoli esiyalele u-Eskom ukuthi izikhungo zomphakathi, okubandakanya izikole, imitholampilo, izibhedlela, kanye neziteshi zamaphoyisa zingacishelwa ugesi ngenhloso yokuwonga ngokubhekela imithelela yalesi sahlulelo.  
3.5.    IKhabhinethi lifisa ukukhumbuza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokonga ugesi oyi-1 000MW kuzwelonke. 

4.    UKuthuthukiswa Kwengqalasizinda 
4.1.    Umkhankaso wengqalasizinda yaseNingizimu Afrika wokuvuselela umnotho nokusungula imisebenzi uyaqhubeka nokuthola umfutho. Mayelana nalokhu, uNgqongqoshe Wezokuthutha, uNks Sindi Chibunga uqalise umklamo we-Ashburton Interchange Project obiza izigidigidi ezi-R2.4 kuMasipala waseMsunduzi KwaZulu-Natali, ozothuthukisa ukuthuthwa okungenazihibe kwempahla esuka kwiChweba laseThekwini iya ezweni lonkana kanye nasesifundeni se-SADC. 
4.2.    UNgqongqoshe Wesemisebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda, uMnu Sihle Zikalala usedlulise amachweba amancane ayi-13 alungiswe kabusha kusetshenziswa izigidi ezingama-R501 zoHlelo Lukahulumeni Lokulungiswa Kabusha Nokunakekelwa Kwamachweba Amancane. Ukulungiswa kwala machweba kuzokhuphula ukusebenza kahle kwawo futhi kusize umkhakha wendawo wezokudoba kanye neminye imikhakha kwiminotho yendawo. 

5.    Uhambo lokuvakashela e-Jagersfontein
5.1.    IPhini likaMongameli, u-Paul Mashatile uthathe uhambo lokuvakashela e-Jagersfontein, kuMasipala Wendawo i-Kopanong kwiSifunda sase-Xhariep eFreyistata. Kube nezimpendulo ngokuphakelwa okuyimpumelelo nokulinganayo kwamanzi, kanye nokuhlaliswa kabusha kwamalungu omphakathi akhahlanyezwa yinhlekelele eyadalwa ngukuqhuma kothango lwedamu.   
5.2.    IKhabhinethi licele bonke abezakhiwo zemayini ukuthi babhalise amadamu agcina izinsalela zemikhiqizo yemayini noma amadamu emfucuza yemayini ohlwini loMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle ukuze kuzoqinisekiswa ukuthotshelwa kwemithetho yokuphepha kwamadamu. 
5.3.    UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle njengamanje ubuyekeza uhlu lwamadamu agcina izinsalela noma amadamu agcina imfucuza yezimayini kuleli lizwe ahlangabezana nezimfuneko ezizobizwa ngokuthi yi- "Dams with Safety Risk”. Ngemininingwane ethe xaxa mayelana namadamu agcina imfucuza yasemayini ungathumela i-imeyili ku-greylingjm@dws.gov.za.

6.    INgqungquthela Yezokuvakasha e-Afrika
6.1.    INgqungquthela Yezokuvakasha e-Afrika yangowezi-2023 iyaqhubeka e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, eyethanyelwe imboni yezokuvakasha e-Afrika, okungamazwe angaphezu kwama-20 ase-Afrika abambe iqhaza futhi abeke nemibukiso yemikhiqizo yezokuvakasha engaphezu kwama-350. 
6.2.    Lo mcimbi uyinkundla ebaluleke kakhulu ukuze izingcweti zalo mkhakha zizohlanganyela ndawonye, zabelane ngamasu futhi zakhe ubudlelwano obuzozikhulisa.   
6.3.    INingizimu Afrika iyazigqaja ngokuthi uhulumeni weseka amabhizinisi amancane, aphakathi, namancanyana, aphethwe ngabesifazane kanye nentsha emkhakheni wezokuvakasha nokungcebeleka.  

7.    Amavoti Ezabelomali 
7.1.    Iminyango kahulumeni isiqalile ukwethula amavoti ayo ezabelomali, lapho iziphendulela emphakathini ngomsebenzi umnyango osuwenzile kunyakamali. 
7.2.    Uhlelo lwePhalamende lwamavoti Ezabelomali lungatholakala kwiwebhusayithi ethi: www.parliament.gov.za/parliament-programme.  
7.3.    Uhlelo Lwenkulumo-mpikiswano Yamavoti Ezabelomali (Amakomidi Omphakathi) kusuka mhla we-16 kuNhlaba 2023 kuya mhla we-19 kuNhlaba 2023. 

I-EPC yeZezimbiwa Nezamandla

(Isithangami sabezindaba 13h00 Siqinisekisiwe)

16 kuNhlaba 2023

Good Hope Chamber  
10:00 kuya ku-15:15

I-EPC Yezamanzi Nokuthuthwa Kwendle

(Isithangami Sabezindaba 08:30-09:30 Sisazoqinisekiswa)

16 kuNhlaba 2023

M46
10:00 kuya ku-12:15

I-EPC Yezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo (ISikole Sikazwelonke Sikahulumeni  neKhomishini Yemisebenzi Kahulumeni)

(Isithangami Sabezindaba 10:00-11:00 Sisazoqinisekiswa)

16 kuNhlaba 2023

Good Hope Chamber  
14:00 kuya ku-16:15

I-EPC YoPhiko Lwezokuxhumana Kuhulumeni Nokuhlinzekwa Kolwazi

(Isithangami Sabezindaba 12:00-13:00 Sisazoqinisekiswa)

16-kuNhlaba-23

M46
14:00 kuya ku-16:15

I-EPC Yezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane

(Isithangami Sabezindaba 14:00-15:00 Sisazoqinisekiswa)

16 kuNhlaba 2023

Good Hope Chamber
16:30 kuya ku-18:15

I-EPC YoMgcinimafa Kuzwelonke

(Isithangami Sabezindaba 15:00-16:00 Sisazoqinisekiswa)

16 kuNhlaba 2023

  M46
16:30 kuya ku-18:15

I-EPC Yezokuthutha

(Isithangami Sabezindaba 12:00-13:00 Sisazoqinisekiswa)

17 kuNhlaba 2023

Good Hope Chamber
15:00 kuya ku-17:15

I-EPC Yezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali

(Isithangami Sabezindaba 11:00-12:00 Sisazoqinisekiswa)

17 kuNhlaba 2023

M46
15:00 kuya ku-17:15

I-EPC Yezindaba Zasekhaya

(Isithangami Sabezindaba 09:00-10:00 Sisazoqinisekiswa)

17 kuNhlaba 2023

Good Hope Chamber
17:30 kuya ku-19:00

I-EPC Yezemfundo Eyisisekelo

(Isithangami Sabezindaba 09:00-10:00 Sisazoqinisekiswa)

18 kuNhlaba 2023

Good Hope Chamber
14:00 kuya ku-16:15

I-EPC Yezokuhlunyeleliswa Kwezimilo

(Isithangami Sabezindaba 11:00-12:00)

18 kuNhlaba 2023

Good Hope Chamber
16:30 kuya ku-18:15

I-EPC Yezokuhlela, Ukuqapha, Nokuhlola

(Isithangami Sabezindaba 10:00-11:00 Sisazoqinisekiswa)

18 kuNhlaba 2023

  M46
16:30 kuya ku-18:15

Ezamahlathi, Ezokudoba neMvelo

(Isithangami Sabezindaba 08:30-09:30 Siqinisekisiwe)

19 kuNhlaba 2023

Good Hope Chamber
10:00 kuya ku-12:15

Ezokuvikeleka Kombuso

(Isithangami Sabezindaba 13:00 -14:00 Sisazoqinisekiswa)

19 kuNhlaba 2023

  M46
10:00 kuya ku-12:15

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

8.    UHlelo Lokucisha Izikweletu Zomasipala 
8.1.    UNgqongqoshe Wezezimali usethule uhlelo lokucisha izikweletu oluzocisha izikweletu zomasipala kwa-Eskom lokho okuzosiza ukuthi imali ekhona komasipala ihlinzeke ngezidingonqangi. OMasipala kuzodingeka ukuthi bahlangabezane nezimfuneko ezihambisana nemibandela engama-33 ukuze bafaneleke.  
8.2.    Le mibandela ibandakanya ukuba nenani elithile lemali engenayo ezosetshenziselwa ugesi nezinsizakalo zamanzi; okuzofaka yonke imali eqoqwe kugesi, amanzi kanye nokuthuthwa kwendle; kanye nokukhokhela u-Eskom imali yamanje kuqala kanye nokwesibili ukukhokhela amanzi ngaphambi kokukhokha enye yanyangazonke.    

9.    UHlelo Lwe-Afrika 
9.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa ube yingxenye yoMhlangano Osezingeni Eliphezulu we-11 Wohlaka Lwesifunda Esengamele Izindlela Zokuletha Ukuthula, Ukuvikelela kanye Nokubambisana (i-PSC) we-Democratic Republic of the Congo kanye ne-Great Lakes Region, e-Burundi, njengengxenye yokuthuthukisa uHlelo Lwe-Afrika lokuthulisa izibhamu ngowezi-2030. 
9.2.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa uphinde wahambela ingqungquthela ye-Extraordinary Organ Troika Summit Plus e-Namibia. Le Ngqungquthela ithole umbiko obuya kwi-SADC Field Assessment Mission eseMpumalanga ye-Democratic Republic of Congo yabe seyibheka impendulo yesifunda ekwandeni kwezokuvikeleka nesimo sokusiza abantu. Kule Ngqungquthela kuvunyiwe ukuthi i-AU kufanele ihlanganise imizamo eyehlukene yokuletha ukuthula nokuthuthukisa ezokuvikeleka eMpumalanga ye-DRC. 
9.3.    IKhabhinethi lamukele ukuqala kwezingxoxo zokuqala phakathi kombutho wezempi wase-Sudan kanye ne-Rapid Support Forces, eziqale e-Jeddah, e-Saudi Arabia, mhla we-6 kuNhlaba 2023. I-Sudan enokuthula, eholwa nguhulumeni wabantu, ayibalulekanga nje kuphela e-Sudan kodwa nakwisifunda ngokubanzi nasezwenikazini. IKhabhinethi ngakho-ke licela womabili amaqembu ukuthi axoxisane ngesivumelwano sokuqeda ingxabano futhi aqede ukuhlupheka kwabantu base-Sudan. 
9.4.    IKhabhinethi liyathokoza ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika abebebonise ukuthi bafisa ukubuya ekhaya bashiye izwe lase-Sudan elilwayo manje sebebuyile ekhaya futhi nosizo olulethwe ngabantu baseNingizimu afrika lusize namazwe angomakhelwane bethu.  

10.    IZindaba Zohwebo
10.1.    IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokuqhubekayo ezindabeni zohwebo laphinde lakuphawula ukuthi ngenyanga kaNdasa 2023, impahla ethunyelwa kwamanye amazwe yaseNingizimu Afrika ibe izigidigidi ezi-R184 seyiyonke. UMkhakha Wezokukhiqiza wenze kahle kakhulu ekufakeni igalelo lezigidigidi ezingama-R85 ngemikhiqizo yethu ekhiqiziwe, kanye noMkhakha Wezezimayini ngokufaka igalelo lezigidigidi ezingama-R84 kanye Nezolimo ngezigidigidi eziyi-R11.   
10.2.    La manani, yize engaphansi kwalawo angoNdasa wezi-2022, abonisa ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika uhlala uqine kanjani ngisho nangesikhathi sokwehla kokukhula komnotho. Isamba esiphelele sezigidigidi ezingama-R41 sale mpahla ethunyelwa ngaphandle sithunyelwe kwamanye amazwe ase-Afrika lokho okubonisa amagxathu athathwa izimboni zaseNingizimu Afrika ukwandisa izimakethe zayo kulolonke izwekazi. 
10.3.    Izimakethe lapho uhwebo ludlondlobale khona zibandakanya i-China, i-Belgium, i-Italy kanye ne-United Arab Emirates okubonisa izinzuzo ezisuka ngqo kumakhono omnotho waseNingizimu Afrika. 

B. Izinqumo zeKhabhinethi 

1.    IQhingasu Elididiyelwe Lokulwa Nokushushumbiswa Kwezilwane Zasendle (i-NISCWT)

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze iQhingasu Elididiyelwe Lokulwa Nokushushumbiswa Kwezilwane Zasendle (i-NISCWT). Leli iqhingasu lokuqala ngqa eNingizimu Afrika. INhlosonqangi yalo ngukuhlomisa izinhlaka zabomthetho ngamakhono adingekayo ukunciphisa nokugwema isihlava esikhulayo sokushushumbiswa kwezilwane zasendle kuleli lizwe nokusongela ezokuvikeleka kuzwelonke. 
1.2.    IQhingasu leli liza nezethulo eziphathekayo zokuthuthukisa ikhono labezomthetho kuleli lizwe, okubandakanya ukugxila okuthile ekuphenyeni nasekushushiseni amaqembu ezigelekeqe ezishushumbisa izilwane zasendle.  I-NISCWT ishicilelwe kuMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo ku-www.dffe.gov.za. 

2.    Okhethiwe eNingizimu Afrika Njengozongenela Ukuba yiJaji Lenkantolo Yamazwe Ngamazwe Yobulungiswa (i-ICJ)
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukukhethwa kukaSolwazi u-Dire Tladi njengomele iNingizimu Afrika ozongenela ukukhethwa njengeJaji Lenkantolo Yamazwe Ngamazwe Yobulungiswa (i-ICJ) ngesikhathi sokhetho lwale nhlangano ngoLwezi wezi-2023.  
2.2.    U-Dire Tladi unguSolwazi Womthetho Wamazwe Ngamazwe eNyuvesi yasePitoli futhi osebenza njengomengameli we-South African Branch of the International Law Association kanye neLungu Lesigungu Esiphezulu se-International Law Association. Usebenze njengoSihlalo we-International Law Commission, okuyinhlangano ye-UN ethathwa ngokuthi yiyona eyindikimba ye-ICJ. Ngaphambilini ubenguMeluleki Wezomthetho we-South African Mission e-New York kanye noMeluleki Omkhulu we-South African Foreign Ministers.

3.    Abaqashiwe 

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

Abantu abasha abaqashiwe kwiBhodi Labalawuli Abazimele Bebhodi labaCwaningimabhuku.

(a)    Nks Precious Nompumelelo Sibiya; kanye 
(b)    noMnu Mojalefa Mosala. 

Abaqashwe kwiBhodi Lesikhashana lo-Umngeni Water Board.  

(a)    Nks Khulekelwe Glynnis Mbonambi;
(b)    Mnu Mzimkulu Msiwa;
(c)    Nks Sylvia Thandazile Mhlongo;
(d)    Nks Hlengiwe Patricia Majozi;
(e)    Mnu Mfanveli James Ndlovu;
(f)    Mnu Sibusiso Wycliff Mkhize; kanye 
(g)    noMmeli u-Lavan Gopaul.

C.    IMithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, wangowezi-2023

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuhanjiswa ePhalamende isihlongozo soMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokuhlunyeleliswa Kwezimilo wangowezi-2023. 
Lezi zichibiyelo ziyimpendulo yeSahlulelo Senkantolo Yomthethosisekelo esakhishwa ngoZibandlela wezi-2020 kwi-Sonke Gender Justice NPC noMengameli weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika kanye nabanye. 
1.2.    Lezi zichibiyelo ziqinisa ukuzimela koMhloli Wezobulungiswa Kwezokuhlunyeleliswa Kwezimilo njengoba kulotshiwe kwiSahluko se-7(2) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wangowe-1996.  Lokhu kuzokwenza ukuqaliswa kweZahluko 88A (1) (b) kanye nama-91 oMthetho Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, wangowe-1998 (uMthetho we-111 we-1998). 
1.3.    Ukuhanjiswa koMthethosivivinywa ohlongozwayo ngakho-ke kuhlose ukuphumelelisa izinyathelo zokulungisa ukungasebenzi kwezahluko ezithile zoMthetho njengoba kuphawule iNkantolo yoMthethosisekelo.  

2.    UMthethosivivinywa Wezokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo Kuhulumeni

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuhanjiswa koMthethosivivinywa ohlongozwayo Wezokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo Kuhulumeni ePhalamende.   UMthethosivivinywa uchitha uMthetho woHlaka Lwenqubomgomo Yokuthenga Impahla Nezinsizakalo Ngokuzikhethela wezi-2000 (uMthetho wesi-5 wezi-2000). 
2.2.    UMthethosivivinywa ohlongozwayo uhlose ukwakha uhlaka olulodwa lokuthengwa kwempahla nezinsizakalo kuhulumeni bese lususa ukuhlukana kwemithetho emayelana nokuthengwa kwempahla nezinsizakalo kuhulumeni.   
2.3.    Ukubaluleka koMthethosivivinywa osahlongozwa Wezokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo ngukuthi uqhubela phambili izinjongo zikazwelonke ezifana nokuletha uguquko, ukuhlonyiswa kwabesifazane, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka.   
2.4.    Uphinde uhlinzeke ngokugqugquzelwa kokuthengwa kwempahla yalapha ekhaya kanye nokweseka ukuqanjwa kabusha kwezinto nocwaningo lwalapha ekhaya, futhi ubhekelela kuqala amabhizinisi amancane naphakathi eNingizimu Afrika.  

D.    Imicimbi Ezayo

1. UHlelo Lwamazwe Ngamazwe
1.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa mhla we-12 kuNhlaba 2023 uzosingatha uMongameli wase-Bulgaria uMnu Rumen Radev ohambeni lwakhe lomsebenzi. Lolu hambo luzogxila ekwakhiweni kwamaxhama ezepolitiki nawokuhweba, kanjalo nokushintshana ngamasiko phakathi kweNingizimu Afrika ne-Bulgaria. I-Bulgaria isalokhu ingumhwebi obalulekile futhi ngowezi-2022 iNingizimu Afrika yathumela e-Bulgaria impahla ebiza izigidigidi ezi-R1.96.  
1.2.    UMongameli u-Ramaphosa uzophinde amukele uNgqongqoshe Wombuso waseRiphabhulikhi yase-Singapore uMnu Lee Hsien Loong mhla we-16 kuNhlaba 2023 kuhambo olusemthethweni oluze eNingizimu Afrika, oluzogxila ekuqiniseni ubudlelwano obukhona phakathi kwala mazwe amabili. INingizimu Afrika yathumela e-Singapore impahla ebiza izigidigidi eziyi-R10.3 ngowezi-2022, uma iNingizimu Afrika ibala nempahla eyasala. Imikhiqizo yaseNingizimu Afrika ehamba phambili eyathunyelwa e-Singapore ibandakanya i-aluminum, i-sintered dolomite kanye ne-Portland cement, phakathi kweminye. 

2.    Ukuzibandakanya Kwizigameko Zemvelo Emhlabeni
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuthi iNingizimu Afrika ibe yingxenye yezingxoxo kwiSeshini Yesibili yeKomidi Lohulumeni Lokuxoxisana (i-INC 2) mayelana ne-Internationally Binding Instrument On Plastic Pollution Including Marine Environments ezobanjelwa e-Paris, e-France kusuka mhla wama-29 kuNhlaba kuya mhla zi-02 kuNhlangulana 2023.  I-INC umsebenzi wayo ngukusungula isivumelwano somhlaba mayelana nokungcoliswa kwemvelo ngopulasitiki, okubandakanya imvelo yasolwandle.  
2.2.    IKhabhinethi liphinde lagunyaza iNingizimu Afrika ukuthi ibe yingxenye yoMkhandlu Wamazwe Ngamazwe Olawula uHlelo lwama-35 Lwezizwe Ezibumbene Lwezemfundo, Ezesayensi, neNhlangano Yezamasiko kanye Nomhlaba okulindeleke ukuthi lube se-Paris, e-France kusuka mhla we-12 kuya mhla we-16 kuNhlangulana 2023.  
2.3.    Igunya le-UNESCO MAB ICC ngukugqugquzela izindlela zokuphila ezingalimazi imvelo. INingizimu Afrika iqale ngokuba yingxenye yoHlelo lwe-Man and Biosphere (i-MAB) ngowe-1995 kwiNgqungquthela ye-Seville e-Spain.  INingizimu Afrika njengamanje isesigabeni sokuqalisa iQhingasu LeNingizimu Afrika Lokulondolozwa Komhlaba elizosebenza njengomhlahlandlela ekuqalisweni koHlelo lwe-MAB kuzozonke izigaba zokuphatha ekulondolozweni komhlaba. 

3.    Uhambo lwePhini likaMongameli wase-Colombia oluza eNingizimu Afrika.
3.1.    IPhini likaMongameli u-Paul Mashatile lizosingatha uzakwalo wase-Colombia, uMhlonishwa uNkk Vice Francia Elena Márquez, iPhini likaMongameli waseRiphabhulikhi yase-Colombia kuhambo loMbuso ngoLwesihlanu mhla we-12 kuNhlaba 2023. Lolu hambo luhlose ukuqinisa ubudlelwano phakathi kwala mazwe amabili iNingizimu Afrika ne-Colombia njengoba i-Colombia iqala izingxoxo ezinzulu nezwekazi lase-Afrika. 

4.    Izithangami Zabezindaba zamalungu eSigungu Esiphezulu Sikazwelonke.
4.1.    UNgqongqoshe Wezikagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa uzokwethulela abezindaba ngokwakamuva kwinqubekelaphambili yokuqaliswa koHlelo Lwezinyathelo Zikagesi (i-EAP) ngoLwesihlanu mhla we-12 kuNhlaba 2023 ngehora le-14:00. Lezi zithangami zabezindaba ezenzeka njalo ngeviki zihlinzeka ngethuba lokwazisa abezindaba nesizwe sonke ngenqubekelaphambili esiyenziwe ekubhekaneni nenkinga yokucimakonga ugesi evikini eledlule kanye nokuziphendulela nokuchaza izimo eziholele ezigamekweni zakamuva zokucimakonga kukagesi. 

5.    INyanga Ye-Afrika.
5.1.    NgoNhlangulana, iNingizimu Afrika ibungaza iNyanga ye-Afrika, okuyisikhumbuzo sokusungulwa kweNhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-OAU) ngowe-1963, eyaziwa namhlanje ngokuthi yiZizwe Ezibumbene (i-AU). Ummongo we-AU kulokhu kungukuthuthukisa ukuthula nozinzo ezwenikazini.  

6.    IMiqhudelwano Yomhlaba Yebhola Lomphebezo Elidlalwa Etafuleni
6.1.    IMidlalo Yamanqamu Yomhlaba Yebhola Lomphebezo Elidlalwa Etafuleni ye-ITTF yezi-2023 izoqala mhla wama-20 kuya mhla wama-28 kuNhlaba 2023.  
6.2.    Lo mcimbi uzobanjelwa e-International Convention Centre eThekwini, futhi unika ithuba aMadoda naBesifazana abadlala ngaBodwana, kanjalo naMadoda, aBesifazane naBaxubile. IKhabhinethi lifisela bonke ababambiqhaza okuhle kule midlalo.  
6.3.    IMidlalo Yamanqamu Yomhlana Yebhola Lomphebezo ye-ITTF izoba yimidlalo eshiya uphawu emlandweni webhola lomphebezo elidlawa etafuleni, njengoba kungokokuqala ngqa eminyakeni engama-80 ukuthi le midlalo ibanjelwe kwelengabade e-Afrika. 

7.    INdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano
7.1.    Njengoba kusele izinsuku ezingama-81 ngaphambi kokuqala kweNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano, iKhabhinethi linxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagcine lo mdlandla wesizwe uqhubeka ngoLwezihlanu Bebhola Lomnqakiswano. 

8.    Ukwenganyelwa koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda
8.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzobamba iMbizo kaMongameli yesi-8 yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM) eSifundeni i-Cape Winelands, eNtshonalanga Kapa mhla we-19 kuNhlangulana 2023 njengengxenye yemizamo kahulumeni yokuthuthukisa ukulethwa kwezidingonqangi kanye nokungashiyi muntu ngemuva kule mizamo. 
8.2.    Amalungu eSigungu Esiphezulu maduze-nje azoqala uHlelo lweMbizo olulandelayo njengengxenye yezingxoxo ezisondeza uhulumeni eduze kwabantu futhi egqugquzela intando yeningi labantu ebandakanya wonke umuntu eholela ekusombululeni izinkinga ezihamba phambili kanye nezinye izinkinga zokulethwa kwezidingonqangi.  

E.     Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

  • Nks Kirsten Neuschäfer ngokuhlabana ku-Golden Globe Race lapho echithe cishe izinsuku ezingama-235 ehamba ngomkhumbi ngaphandle kwe-GPS nobunye ubuchwepheshe. Bekunguye kuphela owesifazane obengenelile futhi waba ngowesifazane wokuqala ukuhlabana kumjaho wokuzungeleza umhlaba.  
     

2.    Amazwi enduduzo 
IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • Isishoshovu esilwisana nobandlululo sase-Dutch uMnu Klaas de Jonge, umlweli ozinikele wenkululeko, owaklonyeliswa nge-National Order of the Companions ka-OR Tambo. U-De Jonge ukhunjulwa ngokufuna ukukhoseliswa ezindlini zamanxusa ase-Dutch lapho ahlala khona iminyaka emibili ebalekela ukuboshwa ngamaphoyisa obandlululo. Uphinde akhunjulwe ngomsebenzi wakhe wokuxazulula izingxabano emazweni amaningi ezwenikazini.  
  • Ingcweti kwezamandla, uMnu Ted Blom, obengumhlaziyi ozimisele nonengqondo kwinqubomgomo yezamandla.
  • USayitsheni uLwando Lawrence Bunga, uSayitsheni Mario Nel kanye no-Constable Lefaka, amaphoyisa amathathu oPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika abulawa evikini eledlule ngesikhathi esemsebenzini ezifundeni zangakubo kuMkhandludolobha i-Nelson Mandela kanye ne-Buffalo City eMpumalanga Kapa nase-Atteridgeville, e-Gauteng. Ngaphezu kwalokhu, amanye amaphoyisa amabili abulewe izolo. IKhabhinethi ligxeka kakhulu lokhu kubulawa kwamaphoyisa futhi likuthatha njengokusongela ukuvikeleka kwesizwe. IKhabhinethi seliyalele abomthetho ukuthi bangashiyi lutho ekuthungatheni izigilamkhuba ezibulala amaphoyisa. 
  • Iqhawe legalofu elithandwa kakhulu eNingizimu Afrika, uMnu John Bland (77),  owahlabana ngezindondo ezingama-36 kulo msebenzi weminyaka eminingi. 
     

Imibuzo:
Mnu Michael Currin – iBamba likaSomlono Kahulumeni
Umakhalekhukhwini: 082 462 7896
 

Share this page

Similar categories to explore