Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zingama-26 kuNcwaba 2020

A.    Izindaba Ezisematheni

1.    Isigaba sesi-2 Sokuqapha sesifo segciwane le-Corona (COVID-19) 
1.1.    Ukusuka eSigabeni sesi-3 Sokuqapha kwehlelwe eSigabeni sesi-2 Sokuqapha sokuvalwa kwezwelonke kusuka mhla ziyi-18 kuNcwaba 2020 kuholele ekuxegisweni kwemikhawulo kweminye imisebenzi yomnotho. Lolu shintsho olubalulekile nakanjani luzovuselela umnotho wethu luphinde lusize ekwakheni imisebenzi edingekayo, ikakhulukazi embonini yezokuvakasha nokungcebeleka.  
1.2.    Isigaba sesi-2 Sokuqapha sizovumela oNgqongqoshe ukuba bame ngaphambi kwezindlu zombili zePhalamende, eNdlini Yesishayamthetho Sikazwelonke kanye nakuMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe, ukuze phakathi kokunye, baphendule imibuzo yamalungu ePhalamende.
1.3.    Ngesikhathi 'ihlandla lesibili' lokusuleleka ngegciwane elibhekene namanye amazwe amaningi kuyinto engenzeka, izenzo zethu zokubambisana emavikini nasezinyangeni ezimbalwa ezizayo zingakuvimbela lokho ukuthi kwenzeke, futhi kuzocacisa ukuthi siqhubekela kanjani phambili ngokushesha. IKhabhinethi linxusa wonke umuntu ukuba aqaphelisise, aziphathe ngendlela enobuqotho futhi enze okulungileyo ukuze sizogwema ukwenyuka kwegciwane kwesibili.  
1.4.    Uhulumeni usebenza nabasebenzisana nomphakathi kanye nemiphakathi ukuqinisekisa ukuthi izifunda zinezinsiza ezanele futhi zihlelekile ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane.     
1.5.    Izwe lethu lithathe amagxathu amakhulu kakhulu ekulweni nobhubhane. Umsebenzi wethu omuhle, ngebhadi, ubukelwa phansi izenzo zobudedengu zabanye abantu abangafuni ukuzibophezela ukugwema ukubhebhetheka kwegciwane. Labo abashayela bephuze utshwala futhi baziphathe budedengu bafaka engozini izimpilo zabantu abangenacala. 
1.6.    Ngenxa yalokho kuziphatha budedengu, kuleli viki sizilela ukufa kungesikhathi kwamaphoyisa amathathu ase-Tshwane Metro Police Department alahlekelwe izimpilo zawo ngesikhathi eshayisana nomshayeli ophuzile kule mpelasonto eyedlule. Le nhlekelele yengozi isivule amehlo sonke, ngamunye futhi sisonke, ukuthi sicabange esingakwenza ukuze siqale ukuziphatha ngobuqotho futhi sidlale indima yethu ekuqedeni ukuphuza utshwala ngokweqile.
1.7.    IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokulandela izimiso zezempilo ngisho naseSigabeni sesi-2 Sokuqapha. Kumele sonke siqhelelane komunye, sigqoke izifonyo uma siphakathi kwabantu siphinde sihlanze izandla njalo ngamanzi nensipho noma sisebenzise isibulali-magciwane sezandla esine-alcohol. 

2.    Ukuvulwa kwezikole nezikhungo zemfundo ephakeme 
2.1.    IKhabhinethi ikwamukele ukuphinde kuvulwe kwezikole zamabanga aphansi naphakathi ezingaphansi koMnyango Wemfundo Eyisisekelo ngoMsombuluko owedlule. Abafundi bamabanga esi-6 nele-11 babuyele emaklasini ngoMsombuluko ngesikhathi abafundi bamabanga esi-7 ne-12 bona babuyela ngenyanga eyedlule kulandela ukuvalwa kwezikole kwesikhashana ukugwema ukubhebhetheka kwe-COVID-19 okungenzeka. 
2.2.    IKhabhinethi iphinde yamukela isimemezelo sokuthi ngaphansi kweSigaba sesi-2 Sokuqapha, wonke amanyuvesi azobe amukela ukubuya okulawulwayo kwabafundi abafundela emagcekeni enyuvesi ngokulandela izindlela ezishicilelwe kuSomqulu KaHulumeni (Sahluko 660, Nmbl 43414 mhla ziyi-8 kuNhlangulana 2020). Ngokwezindlela ezibekiwe, ngaphansi kweSigaba sesi-2 sokuvalwa kwezwe, ubuningi babafundi obungama-66% bazovunyelwa ukubuya emagcekeni enyuvesi. 
2.3.    Iphinde yamukela ukubuyela ngokushiyana kwabafundi basemakolishi Okuqeqeshela Ubuchwepheshe Nomsebenzi ama-TVET, ukuphinde kuvulwe izikhungo Zomphakathi Zokufundisa Nokuqeqesha kanye nokubuyela kwabasebenzi emsebenzini wabo. Lokhu kuzokwenziwa ngokulandela izinhlelo zokulawula i-COVID-19 ezibekiwe kuwo wonke umkhakha, nokuqinisekisa ukuqhubeka nokuphepha kwabafundi nabasebenzi, ngesikhathi kuvunyelwa ukungena kwabafundi abaningi emagcekeni okufundisa nokufunda. 

3.    Ukulwa nenkohlakalo
3.1.    IKhabhinethi iphinde yazinikela ukuqinisekisa ukuthi zonke izinsolo zenkohlakalo ezihlobene nokutholwa kwemisebenzi ye-COVID-19 ziyaphenywa ngokukhulu ukushesha ngabophiko oluqinisekisa ukulandelwa komthetho olufana noPhiko Olukhethekile Oluphenya Izenzo Zobugebengu. Labo abathintekayo bazojeziswa kabuhlungu, futhi nemali eyebiwe kuHulumeni izinkampani ezingathembekile kanye nabantu ngokukhuphula amanani ezinsizakusebenza zokuzivikela izobuyiswa. 
3.2.    IKhabhinethi futhi ithokoze kakhulu ngenqubekela-phambili eyenziwe iKomidi LoNgqongqoshe eliholwa nguNgqongqoshe WezoBulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo u-Ronald Lamola. Ithimba LoNgqongqoshe lalilindeleke ukuthi lilawule ukuhlanganiswa kwemisebenzi ye-COVID-19 futhi likwenze lokho ukuthi kufinyelele emphakathini. Ukuze yonke into izokwenziwa icace bha, iwebhusayithi yoMnyango Wezezimali Kuzwelonke (www.treasury.gov.za) isishicilele imininingwane yeminyango kanye namabhizinisi athobele umthetho.  
3.3.    UMnyango Wezezimali Kuzwelonke uzoqhubeka nomunye umsebenzi wokucubungula imininingwane elethiwe ukuze kuqhutshekwe nokubhekisisa. IKhabhinethi iqinisekisa ukuthi abophiko lokuqinisekisa ukulandelwa komthetho bazoqhubeka nokuzibophezela emsebenzini wokuphenya. 
3.4.    Isikhungo i-Fusion Centre silawula umsebenzi wabophiko lokuqinisekisa ukulandelwa komthetho, sihlezi sikulungele ukwethula umbiko wokuqala wamaviki ayisithupha evikini lokuqala likaMandulo 2020 kuMongameli u-Cyril Ramaphosa.
3.5.    IKhabhinethi izonikeza abophiko oluqinisekisa ukulandelwa komthetho ukwesekwa okufanele. Lokhu kuzobandakanya ukubahlinzeka ngezinsizakusebenza abazidingayo ukuze basebenze kahle, ngokuzimela ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela kanye nokubandlulula ekuqhubeni nasekushushisweni kwamacala ahlobene nenkohlakalo ngaphandle kokubambezeleka.  
3.6.    Isijezo senkohlakalo, ezibonakalisa ekwebiweni okusobala kanye nokuxhashazwa kwezinsiza zikahulumeni, iyisihlava esikhulu emphakathini esingashabalalisa ithemba lomphakathi emizamweni kahulumeni yokuthuthukisa izimpilo zabantu. IKhabhinethi iyazihlangula ngazo zonke izindlela izenzo zenkohlakalo futhi iyazithemba ngokuthi bonke abenzi bobubi bazoshushiswa, ngaphandle kokusaba noma ukwenzelela.
3.7.    IKhabhinethi icela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babike inkohlakalo kuNombolo Yezimo Eziphuthumayo Yokulwisana Nenkohlakalo ku- 0800 701 701.
B.    IziNqumo ZeKhabhinethi

1.    Izinhlelo zokuqeqeshwa kwamalungu Abaphathi nabaphathi abakhulu Emisebenzini Kahulumeni
1.1.    IKhabhinethi izivumile izinhlelo zokuqeqeshwa ezimbili ezizosiza ngokwakha ngokuzinikela amandla kahulumeni. Uhlelo lokuqala elokuqeqeshwa e-Economic Governance Spring School, kwamalungu Abaphathi kuyo yonke imikhakha kahulumeni.  Lwakhiwe ukwendlala izindlela zokufunda ngokuhlaziya nokucubungula okubucayi ngobunjalo bezingqinamba ezibhekana nohulumeni. Luzokwenziwa iSikole sikaHulumeni Kuzwelonke (i-NSG), ngokubambisana ne-Wits School of Governance kanye ne-OR Tambo School of Leadership.
1.2.    Uhlelo lwesibili lwakhiwelwe abaphathi beminyango. Luhlukene izingxenye ezintathu, eziyi-Executive Induction Programme, i-Executive Education Programme kanye nohlelo olusha oluzobizwa nge-Etella. Lezi zinhlelo zizokwethulwa yi-NSG, ngokubambisana ne-University College London.  

2.  Ukuhlehliswa kokusingatha inhlangano Yomhlaba Yezasolwandle (i-IMO) ngowezi-2020
2.1.  Ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19, iKhabhinethi ikuvumile ukuhlehliswa kokusingatha i-IMO kanye nomcimbi ohambisana nako wokugubha usuku Lomhlaba Lwezasolwandle, kusuka kuMfumfu 2020 kuya kuMfumfu 2021.  IKhabhinethi yakuvuma ukusingathwa kwalo mcimbi ngoLwezi 2015. 

C. Imithethosivivinywa

1.    Isichibiyelo somthetho-sivivinywa wangowezi-2018 Wama-Ejenti Ezokukhiqiza Kwezolimo
1.1.    IKhabhinethi ivumile ukulethwa ePhalamende kweSichibiyelo soMthetho-sivivinywa wangowezi-2018 Wama-Ejenti Ezokukhiqiza Kwezolimo. Izichibiyelo zihlose ukuvikela amalungelo abakhiqizi ezingxenyeni ezingalawuleki zama-ejenti akhiqiza imikhiqizo emisha. Uma seziphasisiwe zaba umthetho, ama-ejenti phakathi kokunye azophoqeleka ukuthatha umshwalense wokulahlekelwa futhi bagcine nezivumelwano zokuthi izimali ziphathwe yilungu langaphandle ama-trust accounts. 
1.2.    Izichibiyelo ezethulwe kuMthetho-sivivinywa kwaxoxiswana ngazo nabobonke abathintekayo.  Izinguquko zizophinde zithuthukise amathuba okufinyelela emakethe kubakhiqizi abasebancane kanjalo nama-ejenti ezimakethe abenganikiwe amathuba ekuqaleni, abahwebi nabathengisi basemgwaqeni. 

2.    Isichibiyelo somthetho-sivivinywa Wobunikazi Bengxenye Yesakhiwo
2.1.    Ikhabhinethi ikuvumile ukwethulwa koMthetho-sivivinywa ePhalamende. UMthetho-sivivinywa uchibiyela Umthetho Wobunikazi Bengxenye Yesakhiwo, wangowe-1986 (Umthetho wama-95 wangowe-1986), obhekele ukusungulwa kwezikimu zobunikazi bengxenye yesakhiwo. Lezi zichibiyelo eziphakamisiwe zichaza futhi zivikela abaqashi ezakhiweni ezingaphansi kwezakhiwo ezinobunikazi obuhlukene ngokwezingxenye. 

3.    Isichibiyelo somthetho-sivivinywa Somthetho Wokhetho sangowezi-2020
3.1.    IKhabhinethi ikuvumile ukwethulwa kweSichibiyelo Somthetho-sivivinywa Somthetho Wokhetho sangowezi-2020 ePhalamende. UMthetho-sivivinywa uchibiyela izingxenye ezintathu zomthetho, okunguMthetho Wekhomishana Yezokhetho, wangowe-1996 (Umthetho wama-51 wangowe-1996); Umthetho Wokhetho, wangowe-1998 (Umthetho wama-73 wangowe-1998) kanye noMthetho Wohulumeni Wasekhaya Wokhetho Lomasipala, wangowezi-2000 (Umthetho wama-27 wangowezi-2000).
3.2.    Izinguquko eziphakamisiwe zizothuthukisa inqubo yomthetho. Izichibiyelo phakathi kokunye zizothula izindlela zokusebenza ezintsha emsebenzini wokhetho ukuze kuqhutshekwe nokwenza umsebenzi omuhle ukwenza ngcono umsebenzi weKhomishana Yokhetho Ezimele ekulawuleni ukhetho. 

D. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1.    Ukwelulwa kwesivumelwano somsebenzi sika Mnu Hubert Mathanzima Mweli njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Wemfundo Eyisisekelo isikhathi esiyiminyaka emihlanu. 
2.    IBhodi le-South African Post Office:
a.    Mnu Emmanuel Lekgau;
b.    Nksz Nolitha Pieters;
c.    Mnu Sandile Phillip; 
d.    Mnu Sipho Majombozi; kanye no
e.    Nksz Yvette Lillian Mavivi Myakayaka-Manzini.

3.    Abaqondisi abangekho ezingeni lokuphatha base-Postbank SOC Limited:
a.    Mnu Gcobani Mancotywa;
b.    Mnu Darwin Zinzile Nkonki;
c.    Mnu Thabile Wonci; kanye no
d.    Adv Leigh Hefer-Hendrikse.

Imibuzo:
Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore