Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-18 Mandulo 2013

23 Sep 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1 Ngaphansi kobuholi bukaMongameli Jacob Zuma, uhulumeni useqalise uhlelo lwaleli lizwe lwengqalasizinda yomphakathi oluzodla imali eyizinkulungwane ngezinkulungwane zezigidigidi zamarandi okuhloswe ngalo ukuvula amathuba emisebenzi kanye nokuletha izidingongqangi kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

Ngalezi zinhlelo uhulumeni ufekezisa isibophezelo sakhe sokuvula amathuba emisebenzi athe xaxa. Kusukela ngenkathi kwamukelwa uMgudu Omusha Wokuthuthukiswa Komnotho isibalo samathuba emisebenzi sesikhule ngezi-750 000, futhi isibalo esingaphansana kancane kwesigamu salawa mathuba emisebenzi sivuleke emikhakheni wemisebenzi kahulumeni, ikhakhulu emikhakheni yabasebenzi bezempilo, othisha kanye namaphoyisa.

Lezi zinhlelo zibeka eqhulwini ukuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane, okuyinto eyingxenye ebalulekile ekuvulweni kwamathuba ezomnotho.

IKhabhinethi ibonga iyanconcoza kuleyo mikhakha ebambisene nohulumeni ekuqalisweni kwalo mkhankaso omkhulukazi wokuthuthukiswa kwengqalasizinda futhi ihlaba ikhwelo lokuthi kube nokusebenzisana okuthe xaxa ukuze kusheshiswe imizamo yokuvula amathuba emisebenzi kanye nokuletha uguquko emnothweni kanye nasemphakathini wethu.

Njengengxenye yokuqaliswa kohlelo lwengqalasizinda yomphakathi uMongameli Jacob Zuma uzovula ngokusemthethweni iSiteshi Esiphehla Ugesi sase-Grootvlei mhla zingama-20 Mandulo 2013 futhi ahlole nesizinda okwakhiwa kusona ujantshi wesitimela eMpumalanga.

IKhabhinethi yakwamukela ngezandla ezimhlophe ukwakhiwa kweNyuvesi entsha i-Sol Plaatje e-Kimberley, eNyakatho Kapa, okulindeleke ukuthi iqale ukusebenza ingakapheli inyanga kaMandulo 2013.

Lokhu yinto eyingqophamlando enkulu ekukhuliseni nokuthuthukisa umkhakha wezemfundo ephakeme waseNingizimu Afrika. Umcimbi wokuphendulwa kwesoyi waba wuphawu lokuqaliswa ngokusemthethweni komsebenzi wokwakhiwa kwale nyuvesi.

Ukwakhiwa kwenyuvesi entsha kuhlonzwe futhi kwabekwa eqhulwini ngaphakathi kweMiklamo Edidiyelwe (i-SIP 14) yiKhomishana KaMongameli Yokuqondisa Ingqalasizinda (i-PICC).

1.2 UMongameli Jacob Zuma, ebambisene neKhabhinethi yakhe, uzohlonipha abantu abadala baseNingizimu Afrika, Ekhayeni Lezivakashi LikaMongameli elibizwa nge-Sefako M. Makgatho ePitoli mhla zingama-29 Mandulo 2013. Lokhu kuyingxenye yokubungaza igalelo labantu abadala ekuthuthukisweni kwemiphakathi yethu kanye nelizwe lethu. Lo mcimbi uzoba wuphawu lokuqala kweViki Labantu Abadala, elizophela mhla ziyisi-6 Mfumfu, okuwusuku olwaziwa ngoSuku Logogo Nomkhulu.

1.3 UMongameli Jacob Zuma uzokwethula inkulumo kwiSithangami seNkulumo-mpikiswano  Ejwayelekile yeSigcawu sama-68 sesiGungu Esijwayelekile seNhlangano Yezizwe (UNGA68) e-New York mhla zingama-24 Mandulo 2013.

Isihloko salo nyaka sithi: “I-Ajenda Yentuthuko Kusukela ngowezi-2015: Ukwendlalela!” futhi sigxile kunyaka wezi-2015 okuwumnqamulajuqu wokufezekiswa kweziNjongo Zentuthuko Zekhulunyaka (i-MDGs), kanye ne-Ajenda Yentuthuko ngenkathi kuqhutshekelwa phambili.

I-UNGA68 ihlinzeka iNingizimu Afrika ngethuba lokuqhubekisela phambili uhlelo lwethu lokufezekiswa kwama-MDGs kanye ne-Ajenda Yentuthuko Kusukela ngowezi-2015. Ukubamba kwethu iqhaza kuzosekelwa phezu kwezidingo nezimfuno zikazwelonke zeNingizimu Afrika kanye nezinto ezibekwe eqhulwini, kanye nezibophezelo zethu zesifunda kanye nezezwekazi.

1.4 IKhabhinethi isigxeka kakhulu isenzo sobushokobezi sokuphazamisa ngabomu ukusebenza kwezikhungo zamandla kagesi esenziwa ngabasebenzi ababengenele isiteleka esingekho emthethweni okwaholela ekutheni kunqamuke ukuphakelwa kukagesi ezingxenyeni ezithile zedolobha laseGoli. Ngeke nakancane zishaywe indiva izenzo ezinjalo, ezenzeka ngesikhathi leli lizwe liphokophele ekuqinisekiseni ukuzinza kokuphakelwa kukagesi futhi lo mkhuba kumele kulwiswane nawo ngesandla esiqinile ngokuvunyelwa yingalo yomthetho.

1.5  Ukukhiswa kweZibalo zaseNingizimu Afrika Zezigameko Zobugebengu Kuzwelonke zowezi-2012 / 2013 ezikhishwa njalo ngonyaka kuqinisekisa inkolelo yethu yokuthi uma sisebenzisana singayifinyelela injongo yethu yomphakathi ongenabo ubugebengu, oheha ukutshalwa kwezimali okuyinto eqinisekisa ukuphepha nesimo esizinzile emiphakathini yethu.

IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke ababambiqhaza ukuthi bazicubungule ngendlela eyakhayo lezi zibalo. Uhulumeni ukhipha lezi zibalo kanye ngonyaka ikakhulu ngenhloso yokuhlinzeka umphakathi ngolwazi lwakamuva mayelana nempi yokulwisana nobugebengu kuleli lizwe, kanye nokubuyekeza amanye amasu asetshenziswayo njengamanje okulwisana nobugebengu. Izibalo zobugebengu ziyasetshenziswa futhi nsukuzonke njengethuluzi labaphathi lokuhola nokulawula izinhlelo zokusebenza zoMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS).

IKhabhinethi ikushayela ihlombe ukuzikhandla kwe-SAPS kanye nazo zonke izinhlangano ezihlelekile nezomphakathi ezibambisene nohulumeni ekulwiseni ubugebengu. IKhabhinethi inxenxa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza empini yokulwisana nobugebengu. Uma sisebenzisana sizoqinisekisa iNingizimu Afrika lapho bonke abantu baseNingizimu Afrika bezizwa bephephile futhi bevikelekile.

1.6 IKhabhinethi yazwakalisa ukukhathazeka okukhulu mayelana nesibalo esiphezulu sezingozi zomgwaqo ezinyantisa igazi ezenzeke kulezi zinsuku ezedlule. Ezinye zalezi zingozi zishiye imindeni ethile ingondinga sithebeni futhi zinomthelela omubi kakhulu emnothweni. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abashayeli ukuthi kumele baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni esifanele ukuhamba emgwaqeni futhi bashayele ngokucophelela okukhulu. Mayelana nalokho-ke iKhabhinethi inxenxa amaphoyisa omgwaqo ukuthi aqhubeke nomkhankaso wawo wokungazibekezeleli nakancane izimoto ezingekho esimweni esifanele ukuhamba emgwaqeni kanye nabashayeli abashayela bedakiwe. IKhabhinethi ihlaba futhi nekhwelo eliqondiswe kubantu abahamba ngezinyawo ukuthi kumele bayihloniphe imithetho yomgwaqo.

1.7 IKhabhinethi inxenxa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagubhe uSuku Lwamagugu, mhla zingama-24 Mandulo 2013, ngokuthi bavakashele izikhungo ezinhlobonhlobo zamagugu ethu anothile futhi ahlukahlukene ezitholakala ezingxenyeni ezahlukene zaleli lizwe ngenkathi kugujwa iMinyaka yethu engama-20 Yenkululeko. Bonke abantu baseNingizimu Afrika, nezikole, namabhizinisi kanye nemiphakathi kumele balindizisele phezulu ifulegi lezwe lethu njengophawu lokugubha iMinyaka engama-20 Yenkululeko futhi basekele nomkhankaso “woLwesihlanu Lwenkululeko” ozokwethulwa mhla zingama-20 Mandulo 2013.

1.8 IKhabhinethi ihalalisela u-Lucas Sithole ngokudla umhlanganiso emkhakheni wabahamba ngezihlalo zabakhubazekile eMqhudelwaneni Webhola Lomphebezo i-US Open e-New York. Ukukleliswa kukaSithole emhlabeni kukhule ngeqophelo elilodwa njengoba esekleliswe endaweni yesibili kulandela ukunqoba kwakhe, futhi lesi yisicoco sokuqala esikhulu seNhlangano Yebhola Lomphebezo Emhlabeni esinqotshwe ngumuntu wase-Afrika futhi odabuka eNingizimu Afrika.

IKhabhinethi inxenxa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele abadlali bakuleli abakhubazekile abaqhubekayo nokwenza izwe liziqhenye ngokuthi benze kahle kakhulu emiqhudelwaneni yamazwe omhlaba, futhi basinika ugqozi thina sonke lokuthi sidlondlobale sikhule kakhulu kunakuqala.

1.9.  IKhabhinethi iyayamukela iNgqungquthela Yohlelo Olubanzi Lukazwelonke Lokuthuthukiswa KwabaMnyama Kwezomnotho (i-BBBEE) ezobanjwa kusukela mhla zizi-3 kuya mhlazizi-5 Mfumfu 2013 ngaphansi kwesihloko esithi: “Ishuminyaka Lokuthuthukiswa KwabaMnyama Kwezomnotho”.

Ithuluzi lenqubomgomo yokuThuthukiswa KwabaMnyama Kwezomnotho liyisu lokukhula okuhloswe ngalo ukwelula isisekelo sezomnotho wakuleli lizwe ngokuthi kubhekwane ngqo nokungalingani okuseyikhongco elibuthakathaka emnothweni waseNingizimu Afrika.

Le Ngqungquthela izohlola inqubekelaphambili eseyenziwe ekuqalisweni kwe-BBBEE kulandela ukuphela kweminyaka eyi-10 kwaphasiswa uMthetho we-BBBEE ngowezi-2003. Ababambiqhaza abavela emkhakheni wezamabhizinisi, amaqembu ezepolitiki kanye nabezinhlangano zomphakathi wonkana bazobamba iqhaza ekwenziweni kwezinhlelo zokubuyekezwa kwesithathu kohlelo lokuthuthukiswa kwabamnyama kwezomnotho eNingizimu Afrika ngoMthetho we-BBBEE ochitshiyeliwe kanye neMigomo Yokusebenza Ngendlela Efanele emkhakheni weze-BBBEE.

1.10 IKhabhinethi iwushayela ihlombe uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ngelisu lwawo Elisha lokuphucula umsebenzi wokuhlinzeka ngezibonelelo zomphakathi olubizwa nge-Phrojekthi Mikondzo elizokwelula izibonelelo zomphakathi zifinyelele kubantu abahlwempu nabantulayo kuzo zonke izingxenye zeNingizimu Afrika.

NgeNyanga Yezokuthuthukiswa Komphakathi, uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, ubambisene nezimpiko ezingaphansi kwayo, okuyiNhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika kanye neNhlangano yokuThuthukiswa kweSizwe, uzoqhubeka nokuhambisa i-Phrojekthi Mikondzo kwizigceme ezihlwempu kakhulu eziyi-1 300 koMasipala Bezifunda abangama-23 njengoba behlonzwe futhi babekwa eqhulwini yiKhabhinethi.

1.11  IKhabhinethi ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza kwiViki elizayo Lezimbizo phakathi komhla ziyisi-7 kanye nomhla ziyi-13 Mfumfu 2013.

Kulandela impumelelo yeViki Likazwelonke Lezimbizo ngoNhlangulana 2013, leli Viki lesibili Lezimbizo lizohlinzeka iziPhathimandla Zezepolitiki ngelinye ithuba lokufakana imilomo nomphakathi.

Leli viki lihlinzeka izakhamizi ngesinye isigcawu sokubonana ubuso nobuso naMalungu eKhabhinethi, nokuthokozela izimpumelelo ezenziwe kanye nokubhekana nezinselelo zokuqaliswa kwezinhlelo zikahulumeni. Izindawo okuzobanjelwa kuzona imicimbi kanye nohlelo lweViki kuzomenyezelwa uma sekusondele leso sikhathi.

2 Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1 IKhabhinethi yayamukela iNqubomgomo Kazwelonke Yokuqinisekisa Ukutholakala Kokudla Okwanele Nokondleka Kahle, neLisu Lokuqinisekisa Ukutholakala Kokudla Okwanele Nokondleka Kahle kanye nohlelo lokukhiqizwa kokudla olubizwa nge-Fetsa Tlala.

INqubomgomo Kazwelonke ihlose ukubhekana nezinselelo eziningi eziphathelene nokungatholakali kokudla okwanele eNingizimu Afrika. Le nqubomgomo isekelwa ngamasu athile okungenelela ukuze kubhekwane nezinselelo zokushoda kokudla emakhaya futhi ukuze kukhushulwe nezinga lokukhiqizwa kokudla, ukuze kuthi uma kufika owezi-2030 ibe seyiqedwe ngokuphelele indlala. Leli Lisu kanye nohlelo lokukhiqizwa kokudla olubizwa nge-Fetsa Tlala yizinhlelo ezenziwa phakathi kweMinyango eyahlukene eziyisisekelo seNqubomgomo.

Kuzoba nomcimbi wokwethulwa kwalezi zinhlelo lapho kuzochazwa khona kabanzi ngeNqubomgomo kanye neziNhlelo.

2.2  IKhabinethi yalwamukela uHlaka lweNingizimu Afrika lokubonisana neNhlangano Yokubambisana Nokuthuthukiswa Kwezomnotho (i-OECD) esikhathini sowezi- 2013/14 - 2016/17.

INingizimu Afrika ihlose ukusebenzisa lobu budlelwano ukufezekisa izinjongo ezisemqoka ezintathu i) ukukhula komnotho okuphakeme futhi okubandakanya umuntu wonke, kungumbandela wokubhekana nenkinga yokuswelakala kwamathuba emisebenzi, ububha kanye nokungalingani; ii) abasebenzi abanamakhono futhi abakwaziyo ukwenza umsebenzi wabo ngendlela efanele, ukuze kusekelwe ukwenziwa kwezinto eziphathelene nentuthuko kuzwelonke okuhloswe ukuthi zifezekiswe; kanye iii) Nokuqhubekisela phambili i-ajenda ye-Afrika, lapho abantu baseNingizimu Afrika bezozama ukuba negalelo elithe xaxa kwi-ajenda yomhlaba okuzohlomula kuyona iminotho yase-Afrika.

Amazwe e-OECD ayaqhubeka nokuba ngamazwe asemqoka abambisene kakhulu neNingizimu Afrika kwezohwebo nokutshalwa kwezimali. Kucatshangelwa ukuthi amazwe e-OECD aba negalelo elingaphezu kwama-65% kwi-GDP yomhlaba ngowezi-2011.

Le ndlela yokusebenza ihlinzeka iminyango kahulumeni ngohlaka lokulawula ukuxhumana kwayo ne-OECD. Lokhu kusebenza ngendlela ehambelanayo kuhulumeni kuzokwenza ukuthi kuzuzwe imihlomulo emihle kakhulu kulokhu kubambisana.

3 IMithethosivivinywa

3.1 IKhabhinethi yakwamukela ukukhishwa koMthethosivivinywa Wesikhuthazo Sentela Sokuqashwa Kwentsha ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Lo Mthethosivivinywa wethula isikhuthazo okuhloswe ngaso ikakhulu ukuthi kukhuthazwe abaqashi ukuthi baqashe abantu abathungatha umsebenzi abasebasha futhi abanesipiliyoni esincane somsebenzi. Lesi sikhuthazo singesinye seziningi esizongena ngaphansi kwelisu likaHulumeni lokuqashwa kwentsha futhi lizolekelela izinhlelo zikahulumeni ezikhona njengamanje.

Isikhuthazo senzelwe ukuthi kuhlomule abantu abasha abaqalayo ukusebenza futhi abahola amaholo angaphansi komkhawulo obekiwe wokukhokhwa kwentela. Ngokwenza kanjalo, kuhlomula abantu abanamakhono amancane futhi abahola kancane okungelula ukuthi bathole umsebenzi. Lesi sikhuthazo sizokwenza kube nesimo esikahle sokuvulwa kwamathuba emisebenzi futhi sizobeka laba basebenzi abancishwe amathuba esimweni esingcono sokuthola umsebenzi.

Kuhlelwe ukuthi kubanjwe isigcawu lapho kuzochazwa kabanzi ngalo  Mthethosivivinywa.

3.2   IKhabhinethi yakwamukela ukukhishwa koMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wekhomishana Yezokuphathwa Komhlaba, wezi-2013, ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Phakathi kokunye, uMthethosivivinywa Wekhomishana Yezokuphathwa Komhlaba, wezi-2013, uhlose ukusungula iKhomishana Yezokuphathwa Komhlaba. IKhomishana Yezokuphathwa Komhlaba kuzodingeka ukuthi yahlulele noma ithathe izinqumo emibangweni yobunikazi bezomhlaba mayelana namatayitela omhlaba amabili noma ngaphezulu okungenzeka ukuthi akhishiwe aqondene nesiza esisodwa.

IKhomishana kuzodingeka futhi ukuthi isungule futhi ilawule ukusebenza kwesizinda solwazi esiqondene nezinhlaka zikahulumeni sawo wonke umhlaba wombuso obhaliswe ngaphansi kwegama lomnyango othile kubandakanya nanoma imuphi umhlaba wombuso oklanyiwe kodwa ongabhalisiwe.

3.3 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ezithebeni zePhalamende koMthethosivivinywa Wosizo Lwezomthetho, wezi-2013.

Ngalo Mthethosivivinywa kuhloswe ukuthi kupheliswe uMthetho Wosizo Lwezomthetho, we-1969 (uMthetho Nombolo 22 we-1969) ngokwezimo ezikhona ezibalulekile, ikakhulu kulesi sikhathi esisha sokubusa ngokomthethosisekelo, kanye nokuhlela kabusha ukusebenza koMthetho.

UMthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuthi kwenziwe ngcono ukusebenza koPhiko Losizo Lwezomthetho lwaseNingizimu Afrika, futhi lokhu okuyinto ezoba nomthelela omuhle emphakathini wonkana. Lokhu kungaxhunyaniswa nezinto ezibalulekile okuhloswe ukuthi zenziwe eziphathelene nohlelo lwezibonelelo zomphakathi ezihambisana nokubhekelelwa kwabantu abampofu kanye namanye amaqembu antulayo, kanye nokufezekiswa kombuso othuthukayo, osebenza kahle, olandela inkambiso elungileyo, futhi ophatha izikhamuzi zawo ngesizotha.

3.4  IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wezimiso Zezempilo Zamazwe Ngamazwe, wezi-2013, kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Ngalo Mthethosivivinywa kuhloswe ukuthi kupheliswe uMthetho Wezimiso Zezempilo, we-1974 (uMthetho Nombolo 28 we-1974) futhi kufakwe iziMiso Zezempilo Zamazwe Ngamazwe, zowezi-2005, ngaphansi komthetho kazwelonke.

Izimiso Zezempilo Zamazwe Ngamazwe (ngowezi-2005) zingumthetho wamazwe ngamazwe olekelela amazwe ukuthi asebenzisane ukuvikela izimpilo zabantu nendlela yokuziphilisa ezigamekweni ezibangelwe ukusabasala kwezifo emhlabeni kanye nobunye ubungozi bezempilo.

3.5 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ezithebeni zePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wezemithi Nezinto Ezihlobene Nalokho, wezi-2012.

Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezemithi Nezinto Ezihlobene Nalokho, we-1965 (uMthetho Nombolo 101 we-1965) njengoba wachitshiyelwa nguMthetho 72 wezi-2008.

Ukutholakala kwemithi nemishini yokwelapha esezingeni elifanele, eshibhile futhi ephephile kuyinsika esemqoka yezempilo emphakathini futhi kufaka isandla ekufezekisweni kwezinjongo zikaHulumeni zokwandisa iminyaka yokuphila kubantu baseNingizimu Afrika.

3.6 IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokulawula Ukukhangiswa Kotshwala, wezi-2013 kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Utshwala buyisithiyo esikhulu esivimbela ukuthi kufezekiswe umphumela kahulumeni wokuthi abantu baphile isikhathi eside futhi bahlale bengumqemane. UMthethosivivinywa uhlose ukunciphisa umonakalo obangelwa utshwala ngokuthi kulawulwe ukukhangiswa kweziphuzo ezidakayo.

Nakuba uhulumeni engezokuvimbela ukuthengiswa nokuthengwa kotshwala ngeke unembeza wakhe umvumele ukuthi avumele ukukhuthazwa kwabantu ukuthi baphuze utshwala ngokuvumela umphakathi futhi ikakhulu intsha ukuthi ikholelwe ukuthi impilo yabo izoba ngcono uma bephuza utshwala kanti eqinisweni kuzoba nomthelela ophambene nalokho.

Lokhu kungenelela kukahulumeni akufanele kubonwe njengesenzo esihamba sodwa kodwa kumele kubonakale njengengxenye yezinyathelo eziphelele zikahulumeni zokunciphisa umonakalo obangelwa utshwala.

Kuhlelwe ukuthi kubanjwe isigcawu lapho kuzochazwa kabanzi ngalo Mthethosivivinywa.

3.7  IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa kweMithethosivivinywa emibili kuSomqulu Kahulumeni, futhi yomibili iMithethosivivinywa ichibiyela uMthetho Wezingane, wezi-2005 (uMthetho Nombolo 38 wezi-2005) njengoba wachitshiyelwa nguMthetho 41 wezi-2007 ngokweSigaba sama-75 soMthethosisekelo kanye neSigaba sama-76, ukuze umphakathi uphawule ngayo.

Ngalo Mthethosivivinywa kuhloswe ukuthi kufakwe incazelo yesenzo sokuphula umthetho wezocansi ukuze kuqinisekiswe ukuthi nanoma yimuphi umuntu olahlwe yicala lanoma isiphi isenzo sokuphula umthetho wezocansi njengoba kuchaziwe kuMthetho Wokuchibiyela Ezobugebengu (Izenzo Zokuphula uMthetho Wezocansi kanye Nezindaba ezihlobene nalokho), Nombolo 32 wezi-2007, uthathwa njengomuntu ongakulungele ukusebenza nezingane.

UMthethosivivinywa uqinisekisa futhi nokuhambelana phakathi koMthetho nesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi kumele kubuyekezwe isinqumo sokususwa kwengane igcinwe endaweni yokuphepha kwezingane okwesikhashana esithile esinqunyiwe, ngomyalelo wenkantolo noma ngaphandle komyalelo wenkantolo.

  UMthethosivivinywa Wesibili Wokuchibiyela uMthetho Wezingane, wezi-2013 uhlose ukuqinisekisa ukuthi zonke izingane zithola usizo nemihlomulo okuhloswe ngayo ukuthi zithole ukunakekelwa kahle emphakathini nokuphepha kwazo futhi kwakhiwe nohlelo lwezenhlalakahle olusebenza ngendlela efanele. Uhlose futhi nokuhlinzeka ngendawo ephephile futhi evikelekile lapho kuzogcinwa khona izingane okutholakale ukuthi zidinga ukunakekelwa kanye nokuvikelwa.

4 Abaqashiwe

4.1 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo eMnyangweni Wezamanzi:
a) Mnu. Johannes David Mahlangu kwisikhundla sokuba yiPhini LikaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwemisebenzi Yokuphathwa Kwenhlangano
b) Mnu. Anil Bijman Singh kwisikhundla sokuba yiPhini LikaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezimiso Nokuthotshelwa Komthetho
c) Nksz. Deborah Gabaakelwe Mochotlhi kwisikhundla sokuba yiPhini LikaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lokuhlela Nokuhlinzeka Ngolwazi.

4.2 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo eMnyangweni Wezabasebenzi:
a) Nksz. Agnes Moiloa kwisikhundla sokuba Isikhulu Esiyinhloko Esengamele Imisebenzi Eyenziwayo.
b) Mnu. Thobile Maxin Lamati kwisikhundla sokuba yiPhini LikaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwemisebenzi Yokuhlola kanye Nokuqinisekisa Ukuthotshelwa Komthetho.

4.3 IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiBhodi Yabaqondisi yoPhiko LoMbuso Lwezobuchwepheshe Bolwazi (SITA):
a) Dkt. Anna Mokgokong
b) Adv Mantshare Beatrice Matlejoane
c) Adv Thabani Masuku
d) Mnu. Zukile Nomvete
e) Nksz. Seadimo Chaba
f) Mnu. Ganelang Zeth Malele
g) Mnu. Graeme Alvan Victor
h) Nksz. Nozipho January-Bardill
i) Nksz. Sindi Mabaso-Koyana
j) Nksz. Vuyokazi Felicity Mahlati
k) Mnu. Stadi Mngomezulu
l) Nksz. Michelle Oddette Williams
m) Mnu. David  Clephane Niddrie  (Omele Uphiko Lwezokuxhumana)
n) Mnu. Nkhangweleni Walter Mudau (Omele i-DPSA)
o) Mnu. Geoffrey Rothschild.

4.4 IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kabusha kwamalungu alandelayo kwiBhodi Yemisebenzi Yezezimali.
a) Nksz. Jabu Mogadime
b) Nksz. Hilary Wilton (iPhini likaSihlalo)
c) Solwazi Phillip J Sutherland
d) Nksz. Zarina Bassa
e) Nksz. Di Turpin
f) Mnu. Ismail Momoniat
g) Nksz. Olano Makhubela (Oyilungu elizoshintshana nelinye)
h) Nksz. Dudu Msomi
i) Mnu. Abel Sithole (uSihlalo).
4.5 IKhabhinethi ikuphawulile ukuqashwa kabusha kukaNksz. Hlonela Lupuwana njengoMphathi Omkhulu woPhiko Lokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane isikhathi esiyiminyaka emihlanu.
4.6 IKhabhinethi yakuphawula ukuqashwa kabusha kukaDkt. Prins Nevhutalu njengoSihlalo weBhodi yesiKhungo Sikazwelonke Sesayensi Yokukala Isisindo Sezimpahla saseNingizimu Afrika.
4.7 IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiKhomishani Yomsebenzi Wombutho Wezokuvikela ngokwetoho isikhathi esingekho ngaphezu kweminyaka emithathu:
a) Nksz. Magirly Rebecca Mokoape
b) Nksz. Lindiwe Daphney Zulu
c) Nksz. Dipuo Mvelase.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Issued by: Government Communications

Share this page

Similar categories to explore