Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-7 Nhlangulana 2017

IKhabhinethi yabamba umhlangano wayo ngoLwesithathu, mhla ziyi-7 kuNhlangulana 2017, eTuynhuys, eKapa.

1. Izindaba ezisematheni

1.1. IKhabhinethi igcizelela ikhwela elihlatshwe nguMongameli uJacob Zuma lokuthi abantu baseNingizimu Afrika babumbane baphikisane nodlame kanye nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane, futhi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bathathe izinyathelo eziphuthumayo ukuze kuqedwe lesi sihlava emiphakathini yethu.

Lokhu kulandela ukuhambela kukaMongameli e-Elsies River eKapa ngokweseka Imbizo Yokulwisana Nobugebengu. Lokhu kuhambela kuphinde futhi kwaqhakambisa ubuthakathaka babantu besifazane kanye nezingane ezweni lakithi.

UMongameli uthembise ukuthi uzophinda abuyele kule ndawo ukuzobheka kabanzi izingqinamba eziningi zobugebengu kanye nokubulawa kwabantu, ikakhulukazi izingane kanye nokuthi iziphathimandla zengalo yomthetho zizoziphucula kanjani izinsizakalo zazo ezizenza emphakathini.

1.2. IKhabhinethi iyakwamukela ukukhishwa koCwaningo Lwamakhaya Olujwayelekile lowezi-2016, oluqhubekayo nokukhombisa inqubekelaphambili ekuqalisweni ukusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ukwenza ngcono izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi imiphakathi eyayikhishwe inyumbazana phambilini.

Izibalo zikhombisa ukuthi uhulumeni unamagalelo amahle ekuhlinzekeni ngezindlu, nalapho amakhaya abantu baseNingizimu Afrika abahlala ezindlini ezazakhiwe ngoHlelo Lwentuthuko Nokwakha Kabusha (i-RDP) noma ezindaweni zokuhlala ezixhaswe nguhulumeni ekhuphukile kusuka ku-5% ngowezi-2002 kuya ku-13,5% ngowezi-2016.

Ucwaningo luphinde lukhombise ukuthi izinhlelo zikahulumeni zosizo lwezenhlalakahle zikhombisa ukukhuphuka kusuka ku-12,7% ngowezi-2003 kuya ku-29,7% ngowezi-2016.

Kunokukhuphuka okuphawulekayo esibalweni samakhaya afakelwe amanzi, axhunyelwa ugesi nathola izinsizakalo zokuthuthwa kwemfucuza, nokuwuphawu olusemqoka logqozi nofuqufuqu lukaHulumeni waseNingizimu Afrika lokulungisa izinto ezimbi zobandlululo bese ehlinzeka ngezidingo-ngqangi kubo bonke abantu.

IKhabhinethi, nakuba kunjalo, ikuqaphelile ukuthi yize isibalo sabantu ababhalisela imfundo ephakeme sikhuphukile, nakuba sikhuphuka ngonyawo lonwabu, abantu abamnyama abangu-3,3% kuphela abaneminyaka ephakathi kweyi-18 kuya kuma-29 ubudala abafundayo uma kuqhathaniswa no-18,8% wabantu abangamaNdiya/abase-Asia kanye no-17,5% wabantu abamhlophe abakuleli qoqo leminyaka.

Ngu-3,5% kuphela wabantu abangamakhaladi obufunda ngonyaka wezi-2016.

Ucwaningo luphinde lwakhombisa ukwehla kusuka ku-23,8% kuya ku-11,8% wamakhaya abhekene nendlala, okukhombisa inqubekelaphambili ekubhekaneni nemiphakathi ephila nobubha obuseqophelweni eliphezulu.

1.3. IKhabhinethi iluqaphelile Ucwaningo Lwamakota Lwezabasebenzi lekota yokuqala yonyaka olukhombise umnotho wengeza imisebenzi eyizi-144 000. Lezi zibalo zicekelwe phansi ukukhuphuka esibalweni sabantu abafuna umsebenzi ngabantu abayizi-433 000.

IKhabhinethi iyasiqinisekisa isibophezelo sayo sokuqhubeka nokusebenzisana nomkhakha ozimele kanye nabasebenzi emizamweni yayo yokubhekana nezinselele zokungabibikho komsebenzi ezweni.

1.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kweBabelegi Industrial Park eHammanskraal njengengxenye yamacebo kahulumeni okudlondlobalisa ukuthuthukiswa kwezomnotho kanye nokusungulwa kwemisebenzi kule ndawo.

Lo mklamo obize izigidi ezingama-42 zamarandi uyingxenye yoHlelo lukahulumeni Lokuvuselela Izizinda Zezimboni kanti futhi ungenye yezizinda eziyisithupha ezivuseleliwe ezweni lonkana ukuze kuthuthukiswe kabanzi umnotho kanye nezimboni.

IKhabhinethi igqugquzela izimboni zalapha ngaphakathi ezweni kanye nabamabhizinisi ukuba bacabangele ukuvula amagatsha amabhizinisi wabo ezizindeni zezimboni ukuze bathole izindlela zokwesekwa ezinhlobonhlobo ezitholakalayo ukuze bathuthukise amabhizinisi abo ngokuthe xaxa.

1.5. IKhabhinethi ilunywe indlebe nguNgqongqoshe Wezezimali, uMnu Malusi Gigaba, maqondana nezibalo zakamuva Zesamba Somkhiqizo Wezwe(i-GDP)  waseNingizimu Afrika, ezinciphe ngo-0,7% ekoteni yokuqala yowezi-2017.

Lo mphumela we-GDP omubi kunalokho obekulindelwe ungaphansi kakhulu kuneSibuyekezo Sesabelomali sowezi-2017, esaqagula ukukhula kwe-GDP yowezi-2017 sakubeka ku-1,3%. Lokhu kubangelwe, phakathi kwezinye izinto, ukukhwantabala kwezimboni zemikhiqizo, ukuhweba, ukupheka kanye nezindawo zokulala.

Umnotho nakuba kunjalo wesekwe ukukhula embonini yezimayini kanye neyokuqwalwa kwamatshe ekhuphuke ngo-12.8%. Imboni yezolimo, ezamahlathi kanye nezezinhlanzi isimamile ekoteni lokuqala lowezi-2017 ngokukhuphuka ngo-22,2%.

Kunenhlansi yethemba elokozayo izwe elingabambelela kuyona ukuze lisimamise ukububeka kokukhula komnotho walo. Lokhu kubandakanya ukwenza ngcono ukukhula emhlabeni wonke, ukuzinzisa amanani ezimbiwa, izimo zesimo sezulu ezivunayo, ukuphakelwa kukagesi okwethembekile kanye nokwehla kobudlelwano nabasebenzi obuntekenteke.

Njengesimo esiphuthumayo kakhulu, iKhabhinethi inxusa abamabhizinisi, abasebenzi kanye nomphakathi ngobubanzi ukuba babambisane nohulumeni ukuze kuqiniswe uhlelo lwethu lokukhula komnotho futhi kwenziwe ngcono nokuzethemba ukuze kunqandwe ukwehla komnotho futhi kubekwe umnotho esikhundleni esiphezulu, ukuze kufezekiswe ukukhula komnotho okuhlanganisa zonke izinto.

Maqondana nalokhu uNgqongqoshe Wezezimali uzohlangana nabaholi bamabhizinisi embhidlangweni wokusungula amaqhinga azophikisana nokuzika komnotho bese efezekisa ukukhula komnotho okuhlanganisa zonke izinto.

IKhabhinethi igunyaze isithangami sabezindaba esigcwele esizobanjwa nguNgqongqoshe Wezezimali ukuze abelane nabantu baseNingizimu Afrika ngezinyathelo zokungenelela uhulumeni azozithatha kulolu hlaka lokusebenza lesabelomali samanje. IKhabhinethi iphinde yaqinisekisa uhlaka lokusebenza lwesabelomali sezwe olwamukeliwe.

1.6. Izikhungo zokuklelisa iFitch kanye ne-Standard & Poor’s zikuqinisekisile ukukleliswa kwezikweletu kweNingizimu Afrika ngemali yakwamanye amazwe kwesikhathi eside ngo-‘BB+’.

Lokhu kuqhamuka phakathi nezingxoxo uNgqongqoshe uGigaba azibambe nomkhakha ozimele ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi owenziwa ngokubambisana phakathi kukahulumeni, abamabhizinisi, abasebenzi kanye nezinhlangano zomphakathi uyaqhubeka, kanye nokuthi izethembiso ezenziwe ziyafezwa.

IKhabhinethi iyakugcizelela ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele baqhubeke nokukhuluma ngezwi elilodwa, ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima futhi basebenza kanzima impela ukuqinisekisa ukuthi izwe libuyelwa yizinga lalo lesimo sotshalomali.

1.7. IKhabhinethi iyazamukela izingxoxo ezenziwe eKomidini lokuqala ngqa Lokuphathwa Ngokubambisana leNhlangano Elawula Izindaba Zentela Nohwebo Yamazwe AseMelika Eseningizimu (i-MERCOSUR) kanye neNhlangano Elawula Izindaba Zentela Yempahla Okuhwebelwana Ngayo Emazweni aseNingizimu ne-Afrika (i-SACU) ebezibanjwe kamuva nje kuleli.

Izinhlangano zivumile ukucabanga ngokubambisana ngamathuba okukhuthaza Isivumelwano Sohwebo Olukhethayo (i-PTA) se-MERCOSUR ne-SACU ngokubandakanya izikhungo zazo zokukhuthaza ezohwebo, izigcawu zohwebo, umkhakha ozimele, kanye nezindlu zazo zamanxusa ngokwehlukana.

Isivumelwano se-MERCOSUR kanye ne-SACU sihlinzeka abahwebi balapha ekhaya abahwebela kwamanye amazwe ngethuba lokuhweba namazwe anabantu abangaphezu kwezigidi ezingama-280.

IKhabhinethi inxusa bonke abahwebi bakuleli abahwebela kwamanye amazwe ukuba benze i-PTA ibasebenzele njengoba imikhiqizo yalapha ekhaya isikwazi ukudayiswa emazweni angamalunga e-MERCOSUR futhi bakhokhe intela yokuhwebelana enesephulelo.

1.8. IKhabhinethi izwakalise ukudabuka ngesinqumo se-United States of America (i-USA) sokuhoxa kwiSivumelwano saseParis.

Isivumelwano saseParis, esizosebenza ngokugcwele ngowezi-2020, sakhelwe phezu kwezinkokhelo ezinqunywe yiwona amazwe uqobo maqondana nezinjongo zamazwe omhlaba okuvunyelwene ngazo ndawonye.

INingizimu Afrika isinxuse i-USA ukuba isicabangisise kabusha isinqumo sayo iphinde izibophezele kabusha kulesi sivumelwano samazwe omhlaba.

1.9. Isivumelwano Sokusebenzisana phakathi kwe-Novartis, Umkhandlu Wezocwaningo Lwezokwelapha waseNingizimu Afrika kanye noMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe, sichaba indlela yokusimamisa umthamo kanye nekhwalithi yezivivinyo zokwelapha futhi sakha amandla okwenziwa kocwaningo ezwenikazi.

Isivumelwano sizovumela ukwenzeka kwezinhlelo zocwaningo ngokubambisana ezifweni eziqokiwe ezithathelwanayo kanye nezingathathelwana, ukwenza ngcono ukufinyelela kweziguli zaseNingizimu Afrika emithini eqanjwe kabusha, kanye nokwakha amandla ezwe kanye nezwekazi okwenza ucwaningo kanye nokuthuthukisa.

IKhabhinethi iyakholwa ukuthi isekhona indawo yokusebenza ngokubambisana okuthe xaxa phakathi kukahulumeni kanye nomkhakha ozimele, futhi iyafunga iyagomela ukuthi lokhu kungachaba indlela ebheke ekubhekaneni nezinselele eziningi eziyinkinga esibhekene nazo.   

1.10. IKhabhinethi iyawamukela Umbiko wezi-2017 ovela Enhlanganweni Yenkongolo kanye Nemibuthano Yomhlaba, oqhubekayo nokuklelisa iNingizimu Afrika njengendawo eseqhulwini yokubamba imicimbi yamabhizinisi e-Afrika kanye naseMiddle East. Umbiko ukhishwe ngoNhlaba 2017 eFrankfurt, eGermany.

INingizimu Afrika isalokhu ingenye yezindawo ezihamba phambili emhlabeni ngokuthandwa ngabavakashi futhi iyaqhubeka nokubekwa endaweni ephezulu kwinkomba yokuncintisana kwezokuvakasha emhlabeni jikelele yeSithangamu Somhlaba Sezomnotho (i-WEF)  njengoba ikhishwe ngoMbasa 2017.

IKhabhinethi ingathanda ukubona amadolobhana amancane kanye namakhulu amaningi aseNingizimu Afrika efaka izicelo zokusingatha imihlangano emincane lapho ezokwazi khona ukuhlangabezana nezimfuno zokusingatha.

Lokhu kuzosiza ukwenza ngcono ukusabalaliseka kwezokuvakasha ezindaweni ezihlukahlukene ezingale kwamadolobha amakhulu futhi kusabalalise nomnotho okhandwe yileyo micimbi ngokulinganayo.

1.11. IKhabhinethi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqaphele izindaba mbumbulu, ikakhulukazi ukukhuphuka kwezindaba ezingelona iqiniso ezibhalwa ezinkundleni zokuxhumana mayelana nokulahleka, ukuthunjwa kanye nokuthwalwa ngenkani kwamantombazane kanye nabantu besifazane.

Ukubheduka kodlame kwakamuva KwaMashu, eduze kwase-Durban mayelana nemibiko yezingane ezithwalwe ngenkani endaweni kanye nezinsolo zokuthwalwa ngenkani kwentombazane eNaledi, eSoweto ngabantu abebehamba ngemoto eyi-Toyota Quantum nezinombolo zayo ezazifakiwe kuthe chithi saka ezinkundleni zokuxhumana, nokuthe ekuhambeni kwesikhathi kwatholakala ukuthi bekungelona iqiniso.

Lobu buqola, izindaba mbumbulu kanye nokusatshalaliswa kolwazi olungelona iqiniso kudala itwetwe emiphakathini yethu futhi kuchitha isikhathi kanye nezinsizakusebenza zamaphoyisa. Siyacela kubantu ukuba bangadlulisi futhi basabalalise izindaba mbumbulu ezinkundleni zokuxhumana, kuze kube sebekuqinisekisile ubuqiniso bazo.

1.12. IKhabhinethi isiyiqaphelile ngokukhathazeka okukhulu imibiko yabezindaba maqondana ‘nokuputshuka kwama-imeyili’ okubikwa ukuthi achaya oNgqongqoshe, izikhulu kanye nabantu abazimele ezenzweni ezingalungile.

IKhabhinethi isazibophezele ngokugcwele ekuphatheni okuhle ngaso sonke isikhathi, iyakuqaphela futhi ukuthi bonke abantu bathathwa njengabamsulwa kuze kube batholwa benecala ngokoMthethosisekelo.

IKhabhinethi inxusa bonke abanolwazi mayelana nezenzo ezingalungile ezenziwa yizikhulu zikahulumeni noma oNgqongqoshe ukuba bazise izikhungo zengalo yomthetho ukuze kuzokwenziwa uphenyo.

Iyazi ukuthi kukhona amacala asevuliwe kakade, kanti amaphoyisa enza uphenyo olufanelekile. Bonke abathintekayo kula ma-imeyili bayanxuswa ukuba basebenzisane nezikhungo zengalo yomthetho.

UMongameli uZuma uzichithile izinsolo ebezishicilelwe yiphephandaba langeSonto zokuthi uthenge indlu eDubai e-United Arab Emirates.

2. Izinqumo zekhabhinethi

2.1. IKhabhinethi ichazeliwe ngemibiko yenqubekelaphambili yomsebenzi owenziwe ngekota yesine yezi-2016/17 (ukusuka kuMasingana ukuya kuNdasa 2017) maqondana nokuqaliswa ukusebenza kwemiphumela eseqhulwini.

Ukwengamela kweKhabhinethi maqondana nokuqaliswa ukusebenza koHlaka Lokusebenza Kwesikhathi Esimaphakathi lowezi-2014 kuya kowezi-2019, kuholele ekuhanjisweni kwezidingo-ngqangi okwenziwe ngcono. Lokhu kusithatha kusisondeze eduzane nokufezekiswa koMbono wezi-2030 woHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

Uhulumeni usenze inqubekelaphambili ebonakalayo ekuqaliseni ukusebenza kwemiphumela yakhe eyi-14 eseqhulwini kanye nokuthuthukisa izinjongo ze-NDP. Izinselele ezithikameza ukuqaliswa kokusebenza kanye nezinyathelo ezidingekayo ukwenza ngcono ukuhanjiswa kwezidingqo-ngqangi nazo zahlonzwa.

Uphiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS) ludidiyela izithangami zabezindaba zamaqoqo eminyango, ezihlelelwe ukubanjwa kusukela mhla ziyi-9 kuya mhla ziyi-18 Nhlangulana 2017. Uhlu olunemininingwane ngezikhathi nokunye okubalulekile luzofakwa ku-www.gov.za.

3. Imicimbi ezayo

3.1. UMongameli uZuma wethule Inyanga Yentsha ngaphansi kwendikimba ethi “Unyaka ka-OR Tambo: Siqhubekisela Phambili Ukubandakanywa Kwentsha Kwezomnotho”, ngomhlangano weQembu likaMongameli Lezindaba Zentsha.

Lokhu kuhlanganise ndawonye uhulumeni kanye nabaholi bezinhlangano zentsha, abayiqaphelile inqubekelaphambili esiyenziwe ekuthuthukisweni kwenhlalo-mnotho yabantu abasha.

ONgqongqoshe kanye namaPhini oNgqongqoshe bazozibandakanya emisebenzini enhlobonhlobo ehlose ukukhuthaza ukuthuthukiswa kwentsha kanye nokunikezwa kwayo amandla.

Umcimbi wokubungazwa koSuku Lwentsha Lukazwelonke uzobanjelwa eVentersdorp, eNyakatho Ntshonalanga mhla ziyi-16 Nhlangulana 2017. Lo nyaka uphawula ukugujwa kweminyaka engama-41 Wezibhelu zaseSoweto kanti umgubho wesikhumbuzo usebenza njengesikhumbuzo sokuthi abantu abasha kuleli zwe babesophondweni loMzabalazo wethu.

IKhabhinethi igqugquzela bonke abantu abasha ukuba babambe iqhaza emicimbini yoSuku Lwentsha futhi basebenzise konke ukwesekwa kanye nezinsiza ezibekwe nguhulumeni ukwenza ngcono amathuba abo futhi bathuthukise ukuzibandakanya kwabo kwezomnotho.

3.2. Ingqungquthela yentsha yohulumeni basekhaya

UNgqongqoshe Wokwengamela Ngokubambisana kanye Nezendabuko, uMnu Des van Rooyen, uzohlanganisa Ingqungquthela Yohulumeni Basekhaya kusukela mhla ziyi-19 kuya mhla zingama-22 Nhlangulana 2017, ngaphansi kwendikimba ethi “Abantu abasha bazibambela mathupha entuthukweni”.

Ingqungquthela izokwethula Isigcawu Sokuthuthukiswa Kwentsha Sohulumeni Basekhaya. 

Lokhu kuzovumela abantu abasha ukuba babuyekeze inqubekelaphambili yohulumeni basekhaya beyiqhathanisa nokufezekiswa kweNqubomgomo Kazwelonke Yentsha yezi-2020. Izophinda futhi iqinise amaxhama okubambisana phakathi kukahulumeni, abamabhizinisi kanye nezinhlangano zomphakathi ekuthuthukiseni abaholi abasebasha kuhulumeni wasekhaya.

3.3. UNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo, uNks Faith Muthambi, uzohola ithimba lezithunywa zaseNingizimu Afrika elizohambela umcimbi woSuku Lwemisebenzi Kahulumeni e-Afrika ozobanjelwa eKigali, eRwanda kusukela mhla zingama-21 kuya mhla zingama-23 Nhlangulana 2017.

Indikimba yalo nyaka ithi: “Ukugxilisa Kuhlelo Lokuhanjiswa Kwezidingo-ngqangi Olugxile Kwizakhamuzi: Sibambisene Nentsha ukuze Kuguqulwe i-Afrika.” Le ndikimba inikezela ngamathuba okuhlolisisa maqondana nokuthi Uhulumeni uluchaza futhi asabele kanjani ohlelweni lokuhanjiswa kwezidingo-ngqangi olugxile kwizakhamuzi oluchazwa yindlela izinto ezenziwa ngayo njengamanje.

4. Amazwi endunduzo

4.1. IKhabhinethi idlulisa amazwi ayo enduduzo emndenini kanye nakubangani bomgibeli oshone ngenkathi kungqubuzana izitimela ezimbili zakwaMetrorail eduzane nesiteshi i-Elandsfontein esise-Ekurhuleni futhi ifisela labo abalimale kule ngozi ukululama okusheshayo.

IKhabhinethi icela ukuba uphenyo lwembangela yale ngozi lusheshiswe kakhulu ukuvimbela ukuphindaphindeka kwalezi zingozi ezibulala abantu.

4.2. IKhabhinethi nayo njengamazwe omhlaba ikugxeka ngokuqinile ukuhlasela kwakamuva kwabashokobezi e-United Kingdom (i-UK). Lokhu kuhlasela, okwenzeke ebusuku bomhla zi-3 Nhlangulana 2017 eDolobheni laseLondon, kudlule nemiphefumulo yesigejana sabantu kwashiya abanye belimele.

Ukuhlaselwa kwaseLondon kwenzeke emasontweni amabili ngemuva kwalokho okwenzeka eManchester, lapho inqwaba yabantu, ikakhulukazi intsha kanye nezingane, balahlekelwa izimpilo zabo.
IKhabhinethi idlulisa amazwi ayo enduduzo kuhulumeni kanye nabantu base-UK, ikakhulukazi imindeni kanye nezihlobo zalabo abashonile, futhi ifisela abalimele ukululama okusheshayo.

4.3. IKhabhinethi idlulisa amazwi ayo enduduzo emndenini kanye nakubangani bakaSlz Babatunde Osotimehin, odlule emhlabeni kuleli sonto. USlz Osotimehin ubenguMqondisi Omkhulu weSikhwama Sabantu Sezizwe Ezihlangene (i-UN). Ubezihola eqhulwini ekugqugquzeleni izindaba zezempilo yezocansi kanye nokuzala e-Afrika eminyakeni yakamuva nje.

Usebenze ngokuzikhandla engakhathali ukukhuthaza ezempilo yezocansi kanye nokuzala kanye namalungelo abantu besifazane kanye nabantu abasha e-Afrika kanye nasemhlabeni jikelele. Ukhankase ngomfutho ekhankasela amalungelo Ongqingili, Izitabani, Abantu Abanobulili Obubili, Abantu Abashintshe Ubulili, Abantu Abayinqaba kanye Nabantu Abanobulili Obuxubile.

4.4. Iziphepho zasekapa kanye nemililo yaseKknysna

IKhabhinethi iziqaphelile iziphepho ezithinte izingxenye eziningi zaseNtshonalanga Kapa kanye nomonakalo owenzeke emva kwalokho. IKhabhinethi idlulisa amazwi ayo enduduzo emindenini yalabo abalahlekelwe yizimpilo zabo kanye nempahla yabo ngesikhathi salezi zinhlekelele; abantu abashonile ngokwesibalo sakamuva esibikiwe bayisishiyagalombili.

Isikhungo Sokuphathwa Kwezingozi Zezinhlekelele saseKapa siyakhuthazwa ukuba senze konke okusemandleni aso ukuphephisa izimpilo zabantu kanye nempahla, kubandakanya nendawo yaseKnysna lapho kunemililo yamadlelo esha ubuhanguhangu. Sinxusa abantu ukuba babambelele ezinyathelweni zokuphepha.

5. Siyanihalalisela

5.1. IKhabhinethi iyasamukela isinqumo sikaMongameli uJacob Zuma sokuqoka u-Lieutenant General Lesetja Mothiba njengeBamba elisha likaKhomishana Wamaphoyisa Kazwelonke.

5.2. IKhabhinethi ihalalisela abasubathi bethu kanye nabadlali besilisa nabesifazane ngokuqokwa emikhakheni eyisishiyagalombili Yezindondo Zemidlalo Yesifunda Zonyaka wezi-2017, ebezisingathwe yiNingizimu Afrika.

Isifunda 5 Somkhandlu Wezemidlalo Wenhlangano Yezizwe zase-Afrika (i-AU) singesinye sezifunda eziyisihlanu ezethweswe umsebenzi wokuthuthukisa ezemidlalo ngaphansi Kwenhlangano Yezizwe zase-Afrika. Amalungu esifunda yilawa: Angola, Botswana, Lesotho, Malawi, Mozambique, Namibia, Ningizimu Afrika, Swaziland, Zambia neZimbabwe.

  • UWayde van Niekerk unqobe Umdlali Wesilisa Wonyaka
  • UCaster Semenya unqobe Umdlali Wesifazane Wonyaka
  • U-Anna Botha unqobe Umqeqeshi Wonyaka
  • IMamelodi Sundowns inqobe Iqembu Lonyaka.

5.3. IKhabhinethi ihalalisela abantu baseLesotho ngokhetho olunokuthula iphinde futhi ihalalisele uNdunankulu oqokiwe uMnu Thomas Thabane kanye neqembu lakhe ngokunqoba ukhetho.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.

6.1. Umqondisi-Jikelele (u-DG): Umnyango Wokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola, Nks Nompumelelo Zandile Mpofu.
6.2. U-DG: Umnyango Wezezimali Kuzwelonke, Mnu Dondo Mogajane.

Imibuzo:
Nks Phumla Williams
Ibamba likaMqondisi-Jikelele (i-GCIS)
Imininingwane yokuxhumana: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore