Inkulumo Kamongameli U-Cyril Ramaphosa Mayelana Nokubhekana Kweningizimu Afrika Nobhubhane Lwegciwane Le-Corona

Bantu bakithi, 

Sanibonani, Riperile, Dumelang, Molweni, Ndi madekwana, Gooienaand, Good evening. 

Sekungamaviki alishumi selokhu samemezela isimo senhlekelele kazwelonke ukubhekana nobhubhane lwegciwane le-corona. 

Kuze kube manje, sesithathe izinyathelo ezinzima nezingakaze zibonwe phambilini - kubandakanya ukuvalwa kwezwe lonkana - ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwegciwane. 

Ngiyaxolisa ukuthi izinyathelo ezathathwa zaletha ubunzima obukhulu kunina - zabeka imikhawulo elungelweni lenu lokuhamba ngokukhululeka, ukusebenza nokuzabalazela ukuphila.  

Umphumela wezinyathelo esazithatha - kanye nokuzinikela kwenu enakwenza - sikwazile ukubambezela izinga lokusulelana nokugwema ukukhungatheka kwezikhungo zethu zezempilo. 

Sisebenzise isikhathi sokuvalwa kwezwe ukwakha izindlela ezibanzi zezempilo yomphakathi zokubhekana negciwane nokulungiselela uhlelo lwezempilo ukuze lukwazi ukumelana nokukhuphuka kwezinga lokusuleleka okulindelekile. 

Njengamanje, njengoba sidlulela ezingeni elilandelayo lomzabalazo wokulwa negciwane le-corona, kuzoba ukwenza kwenu futhi okuzotshengisa isiphetho sezwe lethu. 

Njengomunye nomunye, njengemindeni, njengemiphakathi, yinina enizonquma ukuthi ngabe sizobona umonakala lo amanye amazwe amaningi awubonile, noma sizokwazi ukuvikela abantu bakithi, umphakathi wakithi kanye nomnotho wethu emiphumeleni emibi yalolu bhubhane. 

Siyazi ukuthi isikhali esisebenzayo sokulwa naleli gciwane silula kakhulu. 

Ukuhlanza izandla zakho njalo, ukugqoka isifonyo sobuso, ukugcina igebe okungenani elingangemitha eli-1.5 phakathi kwakho nabanye abantu, ukugwema ukuzithinta ubuso bethu ngezandla ezingahlanziwe nokuhlanza izindawo esizithinta njalo. 

Ngokulandela ngokucophelela futhi singaguquki lezi zindlela sizolunqoba lolu bhubhane. 

Sesinezigameko eziqinisekisiwe zegciwane le-corona eziyizi-22 583 eNingizimu Afrika. 

Isigamu salaba bantu sebeluleme, okungadalwa ukuthi izimpawu zabo bezincane noma kungenxa yokunakekelwa abakuthole ezibhedlela zethu. 

Okubuhlungu, abanye abantu abangama-429 bashonile. 

Emindenini yabo, abangani, kanye nozakwabo abasebenza nabo, sidlulisa ukuzwelana nabo. 

Sonke silahlekelwe. 

Njengamanje sinezigameko zegciwane le-corona eziyizi-11 000 ezweni. 

Kulezi zigameko, iziguli ezingama-842 zisesibhedlela futhi eziyi-128 zazo zikungxenye yabagula kakhulu. 

Inani labantu abasulelekile ngabe liphezulu kakhulu ukuba asizange sithathe izinyathelo ezinzima zokunqanda igciwane. 

Ngenxa yalokho sisesimeni esingcono kakhulu uma uqhathanisa nesimo samanye amazwe ayekuso kulesi sigaba ekubhebhethekeni kwegciwane. 

Ngenxa yezinyathelo ezinzima esazithatha ukunqanda igciwane, sikwazile ukuqinisa izindlela zezempilo zokubhekana negciwane. 

Kusuka namuhla, sesenze uhlolo lwegciwane le-corona olungaphezu kwezi-580 000 kanye nokuxilonga okungaphezu kwezigidi eziyi-12. 

Babalelwa kuzi-60 000 onompilo abebelokhu bengena indlu nendlu ezweni jikelele ukuthola izigameko zegciwane le-corona. 

Ukulungiselela ukukhuphuka kwamazinga okusuleleka okulindelekile, imibhede yasesibhedlela ebalelwa kuzi-20 000 , njengamanje, ishintshelwa ukusetshenziselwa izigameko ze-COVID-19, futhi nezibhedlela zesikhashana ziyakhiwa kulo lonke izwe. Iningi lalezi zibhedlela sezikulungele ukwamukela iziguli ezihaqwe igciwane le-corona. 

Ngaso leso sikhathi, sibhekane nezinqinamba eziningi, okubandakanya ukuswelakala kwezinsizakusebenza zokuhlola igciwane ngenxa yokuthi zifuneka kakhulu emhlabeni jikelele.  

Lokhu kube nomthelela ekulindeni isikhathi eside ukuhlolelwa igciwane le-corona, okubuye kwaba nomthelela ekusebenzeni ngempumelelo kwezinhlelo zethu. 

Isilinganiso nesivinini sezempilo yomphakathi ekubhekaneni nalesi simo esiphuthumayo siyamangaza kakhulu, kodwa kusekuningi okusamele sikwenze. 

Besilokhu sazi sonke lesi sikhathi ukuthi ukuvalwa kwezwe kuzobambezela ukubhebhetheka kwegciwane, kodwa angeke kukwazi ukulimisa. 

Uma singakalitholi ikhambi lawo wonke umuntu, igciwane le-corona lizoqhubeka libhebhetheke kubantu bakithi. Lokhu kusho ukuthi kumele sijwayele ukuphila negciwane le-corona isikhathi eside esizayo. 

Kunomzamo omkhulu womhlaba wonke wokuqhamuka nekhambi, neNingizimu Afrika iyingxenye yalokho. 

Uhulumeni usekela futhi uxhasa imisebenzi yocwaningo eminingana, okubandakanya nohlelo lokukhiqiza ikhambi legciwane le-corona kuleli ngokushesha nje uma abakhethiwe abazokwenza lo msebenzi sebekhona. Sizosebenzisa amakhono, ubuchwepheshe, ingqalasizinda kanye nezinhlangano embonini yamakhambi ukukhiqiza nokusabalalisa ikhambi.  

Sesikhulumile ukuthi uma ikhambi lingasungulwa noma yikuphi emhlabeni kumele libe mahhala futhi litholakale ngokulingana kuzakhamuzi zawowonke amazwe.     

Njengokuqagula kososayensi, ukusuleleka ezweni lethu sekuqalile ukukhuphuka kakhulu. 

Ezigamekweni ezikhulayo eziqinisekisiwe esisodwa kwezintathu zatholakala evikini eledlule kuphela. 

Futhi kumele silindele ukuthi leli nani lizokhuphuka kakhulu futhi ngesivinini. 

Izilinganiso ezehlukahlukene sezakhiwe ukuqagula usizi lwegciwane nokusiza ekuhleleni kanye nokwaba izimali. 

Lezi zilinganiso zisitshela izinto ezimbili ezibalulekile. 

Okokuqala, ukuthi ubhubhane lwegciwane le-corona eNingizimu Afrika lusazoba nzima kakhulu ngaphambi kokuba lube ngcono. 

Okwesibili, nokubalulekile, zisitshela ukuthi isikhathi, izinga kanye nomphumela wobhubhane usezandleni zezenzo zethu njengomphakathi nasendleleni esiziphatha ngayo njengomunye nomunye. 

Ngokulandela izindlela eziyisisekelo zokulwa, singanciphisa inani labasulelekayo kanye nenani labashonayo.  

Ngesikhathi ngigcina ukukhuluma nesizwe, ngathi sizoqala ukubonisana ukuze sizothola umhlahlandlela wezinyathelo okumele sizithathe manje. 

Kusuka ngaleso sikhathi, sesihlangane nabaholi bamaqembu epolitiki amelwe ePhalamende namabhizinisi, abaholi bezinyunyana kanye nabantu bomphakathi.  

Sihlangane noNdunankulu, oSodolobha, abamele iNhlangano Yohulumeni Basekhaya yaseNingizimu Afrika, abaholi bendabuko kanye nabamele ezenkolo emphakathini. 

Njengoba senzile ekuqaleni kwalolu sizi, siphinde safuna iseluleko seKomidi Eleluleka oNgqongqoshe nge-COVID-19, okuliqembu lezifundiswa eziphezulu, ososayensi abahlonishwayo nabanesipiliyoni, odokotela, odokotela bokwelashwa kwezifo kanye nongoti kwezempilo yabantu. 

Siyawubonga kakhulu umsebenzi asebewenzile futhi abasaqhubeka nokuwenza ukuqinisekisa ukuthi ukulwa kwethu negciwane kunolwazi olunobufakazi besayensi obuphambili. 

Sibonga imibono ehlukile futhi ngesinye isikhathi ephoselana inselele yabasebenzi bezempilo ezweni lethu, evusa inkulumo-mpikiswano futhi ecebisa izindlela esibhekana ngazo negciwane. 

Besilokhu futhi siholwa izeluleko ezivela kwiNhlangano Yezempilo Emhlabeni kanye Nezikhungo Zase-Afrika Zokuvikela Nokulawulwa Kwezifo.  

Njengoba sibhekene nobhubhane oluthinta izimpilo nendlela yokuziphilisa yabantu baseNingizimu Afrika, bekubalulekile ukuthi siboniswe ngezindlela eziningi. 

Lokhu kubonisana bekubalulekile futhi kufanelekile ngoba kwenze sathola imibono eminingana eyakhaya. 

Icebise ukucabanga kukahulumeni, yabonisa ukubuka okuqonde ngqo kwezinqinamba ezibhekene nabantu bakithi ezifundeni ezehlukene.  

Amaqembu esibonisane nawo ahlukene njengokwehlukahlukana kwabantu baseNingizimu Afrika ngokwabo, futhi wonke ayavuma ukuthi senza kahle kakhulu futhi nangokunqumayo ukubambezela ukubhebhetheka kwegciwane.    

Wonke abambisene ekugcizeleleni kwawo ukuthi inhlosonqangi yethu kumele kube ukusindisa izimpilo nokuvikela indlela yokuphila. 

Lapho kunokwehlukana okuningi, wonke lama qembu anesivumelwano esibanzi endleleni okumele siyithathe ukwakha phezu kwalokhu esesikuzuzile kuze kufike la.  

Lapho ukuvalwa kwezwe kusebenzile, ngeke kuhlale kukhona ingunaphakade.  

Sethula amazinga okuqapha amahlanu e-COVID-19  ukulawula ukuxegisa kancane kancane kokuvalwa kwezwe. 

Indlela encishiswe ubungozi ilawulwa izindlela eziningana, ezibandakanya izinga lokusuleleka kanye nesivinini sokudluliseka kwegciwane, amandla okumumatha ezikhungo zezempilo, ukusebenza kwezingenelelo zempilo yomphakathi kanye nomthelela wezomnotho nezenhlalo wemikhawulo eqhubekayo. 

Kungalezi zindlela - nokubonisana - ukuthi iKhabhinethi linqume ukuthi izinga lokuqapha lezwe lonkana kumele lehliswe ukusuka ezingeni lesine ukuya ezingeni lesithathu kusuka mhla luluNye kuNhlangulana kowezi-2020. 

Ukwehlela ezingeni lesithathu kubonisa ukushintsha okubalulekile endleleni yethu yokubhekana nobhubhane. 

Lokhu kuzoholela ekuvulweni komnotho nokwehliswa kwemikhawulo eminingi ekuhambeni kwabantu, ngesikhathi kunweba futhi kuqinisa ngokubalulekile ukungenelela kwethu kwezempilo yomphakathi. 

Noma sesehlela ezingeni lokuqapha lesithathu kubalulekile ukuthi kumele sazi ukuthi kunezingxenye ezimbalwa zezwe lapho isifo sigxile khona futhi lapho ukusuleleka kuqhubeka kukhuphuka. 

Sizoba nendlela ehlukile ukubhekana nalezo zindawo ezinamazinga aphezulu okusuleleka nokudluliseka kwegciwane. 

Lezi zindawo zizomenyezelwa njengezizinda zegciwane le-corona. 

Isizinda sichazwa njengendawo enabantu abangaphezu kwabayisihlanu abasulelekile kubantu abayizi-100 000 noma lapho ukusuleleka okusha kukhuphuka ngesivinini esisheshayo. 

Lamadolobha alandelayo asekhonjwe njengezizinda zegciwane le-corona: eTshwane, eGoli, Ekurhuleni, Ethekwini, e-Nelson Mandela Bay, e-Buffalo City naseKapa. 

Ezinye izindawo eziyizizinda kuse-West Coast, e-Overberg nasezifundeni zikamasipala wase-Cape Winelands eNtshonalanga Kapa, esifundeni i-Chris Hani eMpumalanga Kapa, kanye nesifunda iLembe esiKwaZulu Natali. 

Sikhathazekile kakhulu ngesimo sedolobha laseKapa kanye naseNtshonalanga Kapa, okuyimanje linokusuleleka okungaphezu kwesigamu senani eliphelele lokusuleleka ezweni. 

Sibhekane nalo lolu daba ngokuphuthumayo. 

Uhlu lwezindawo eziyizizinda luzobuyekezwa njalo emavikini amabili ngokuya ngokukhuphuka kwegciwane. 

Ukubhekana negciwane kulezi zindawo sizoqalisa izindlela zokungenelela eziqinile ezihlose ukunciphisa inani lokusuleleka okusha.     

Sibeka ngomumo izindlela zokugada, ukulawula ukusuleleka kanye nokuphatha.  

Sizobeka iqembu elizosebenza ngokugcwele labasebenzi abanesipiliyoni kuleso naleso sizinda. 

Leli qembu lizobandakanya odokotela bokwelashwa kwezifo, odokotela bomndeni, abahlengikazi, onompilo, ongoti kwezempilo yomphakathi kanye nabophiko oluphuthumayo kwezokwelashwa, elizokwesekwa ngongoti base-Cuba. 

Sizoxhumanisa isizinda ngasinye ezinsizeni zokuhlolwa, izindawo zokuhlala ngawedwana, izindawo zokugonqa labo asebehaqekile, ukwelashwa, imibhede yasesibhedlela kanye nokuthungatha umkhondo walabo othintene nabo.  

Uma kunesidingo, noma iyiphi ingxenye yezwe ingabuyela ezingeni lokuqapha lesine noma lesihlanu uma ukubhebhetheka kwegciwane kunganqandeki ngisho sekungenelelwa futhi kunobungozi bokukhungatheka kwezikhungo zethu zezempilo. 

Ngokuhamba kwesikhathi, nokho, ngemizamo yethu, sizokwazi ukubeka izindawo lapho ukusuleleka kuphansi ezingeni lesibili noma lokuqala. 

Ukuqaliswa kwezinga lokuqapha lesithathu kusuka ekuqaleni kukaNhlangulana kuzobandakanya ukubuyela kokusebenza kwemikhakha eminingi yomnotho, ukulandela izindlela eziqinile zezempilo kanye nemithetho yokuziqhelelanisa kubantu. 

Ukuvulwa komnotho neminye imisebenzi kusho ukuthi abasebenzi abaningi bakahulumeni bazobizwa ukubuyela emsebenzini. 

Lokhu kuzokwenziwa ngokwezinhlinzeko zoMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini nangokuholwa nguMnyango Wezemisebenzi KaHulumeni Nokuphathwa Kwayo usebenza ngokubambisana neminye iminyango kahulumeni. 

Siyawubonga umsebenzi oqhubeka nokwenziwa abasebenzi bakahulumeni ikakhulukazi labo abasebenza phambili ekulweni ne-COVID-19.  

Ukuphepha kwabo bonke abasebenzi, kubandakanya abasebenzi bakahulumeni, kuludaba olusikhathazayo.  

Sizoqhubeka ukwenza imizamo yokuhlinzeka ngokwanele izinsizakusebenza zokuzivikela ukuze siqinisekise ukuphepha kwawo wonke umuntu ngesikhathi besemsebenzini. 

Okuseqhulwini kuthina ukunciphisa amathuba okudlulisela igciwane nokwenza indawo ephephile yawowonke umuntu. 

Ngakho-ke sicela labo okungenasidingo sokuya emsebenzini noma esikhungweni semfundo baqhubeke bahlale ekhaya. 

Abantu bazophinde bakwazi ukuphuma emakhaya abo uma beyothenga izimpahla noma ukuthola usizo olubandakanya usizo lokwelashwa.  

Abantu bazokwazi futhi ukuzivocavoca nganoma isiphi isikhathi osukwini, uma lokhu kungeke kwenzeke bengamaqembu. 

Isikhathi esibekelwe ukubuya ekhaya kwabantu sizosuswa. 

Utshwala bungathengiswa ngaphansi komthetho oqinile wokuthi wonke umuntu abuphuzele ekhaya, ngezinsuku ezibekiwe nangezikhathi ezinomkhawulo.    

Izimemezelo mayelana nalokhu zizokwenziwa uma sekuphothulwe izingxoxo nalo mkhakha ngemibandela ehlukahlukene. 

Ukuthengiswa kwemikhiqizo kagwayi kuzoqhubeka kuvalwe ezingeni lokuqapha lesithathu ngenxa yobungozi bempilo obuhambisana nokubhema. 

Yonke imibuthano izoqhubeka ivalwe, ngaphandle kwemingcwabo enabantu abangeqile kuma-50 noma imihlangano yasemsebenzini emayelana nomsebenzi. 

Noma iyiphi indawo yomphakathi lapho kwenzeka khona imicimbi yamasiko, eyezemidlalo, eyokuzijabulisa, eyokuzithokozisa, eyombukiso, eyezinhlangano noma efanayo nalena izoqhubeka ivalwe. 

Sibe nezingxoxo ezibe yimpumelelo nabaholi bomphakathi bezenkolo ngeziphakamiso zabo zokuvula  ingxenye ethile yokukhonza nokweluleka ngokulandela izinkambizo nemithetho.  

Sonke sivumelane ngokuqhubeka nezingxoxo futhi siyazithemba ukuthi sizothola isisombululo esizosebenza. 

Sifisela abantu bakithi benkolo yama-Muslim okuhle ngesikhathi se-Eid.  

Bonke sebedlulile esikhathini somhlatshelo, okumele ngokujwayelekile kulandele umgubho.  

Sifisa ukubabonga ngokwenza izinguquko ezinesidingo kulo mgubho njengoba siqhubeka nokulwa ngokubambisana nalolu bhubhane. 

Ekuvuleni umnotho, sizothembela ekuzinikeleni komphakathi nababambiqhaza ababalulekile ukubhekana nezinto eziyingozi kakhulu endaweni yokusebenza nalapho kuhlangana khona abasebenzi nomphakathi.  

Sizobe sesiphothula imithetho eminingi kulo mkhakha futhi sizodinga ukuba zonke izinkampani zisungule uhlelo lwendawo yokusebenzela ngaphambi kokuba zivule. 

Ngokwalezi zinhlelo, izinkampani kuzodinga ukuthi zihlinzeke ngezinyathelo nangezindawo zokubulala amagciwane nokuqhelelana kwabanye abasebenzi; kuzodingeka ukuba zixilonge abasebenzi uma befika nsuku zonke, zigonqise labo okungenzeka ukuthi bahaqekile nokubenzela amalungiselelo okuthi bahlolwe. 

Kuzodingeka futhi ukuthi zisize ngokuthungatha umkhondo uma abasebenzi betholakala ukuthi banegciwane. 

Ngenxa yobuthakathaka babo, bonke abasebenzi abaneminyaka engama-60 ubudala nalabo abanezifo eziyimbelesela njengesifo senhliziyo, isifo sikashukela, isifo esiphathelene nokuphefumula kanye nomdlavuza kumele bahlale ekhaya. 

Abasebenzi abazokwazi ukusebenza ekhaya kumele bavunyelwe ukwenza njalo. 

Ngokulandela lezi zinyathelo, yonke imisebenzi yokukhiqiza, izimayini, imisebenzi yokwakha, imisebenzi yezezimali, imisebenzi ekhokhelwayo namabhizinisi, ubuchwepheshe bamakhompyutha, ezokuxhumana, imisebenzi kahulumeni kanye nemisebenzi yabezindaba, izoqala ukusebenza ngokugcwele kusuka mhla luluNye kuNhlangulana.  

Ukuqala kokusebenza ngendlela efanele namalungiselelo ngokwezigaba kuzomele ame ngomumo kuzozonke izindawo zokusebenza. 

Izitolo ezinkulu kanye nokuthengisa kuzovulwa ngokugcwele, kubandakanya izitolo, iziphaza kanye nabathengisa emgwaqeni. Ukuthenga nge-inthanethi kuzoqhubeka kuvulwe. 

Eminye imikhakha ebivuliwe ngokwedlule, njengezolimo namahlathi, izinsiza ezibalulekile, usizo lokwelapha, ukukhiqizwa kokudla nokukhiqizwa kwemikhiqizo yokuhlanza, izoqhubeka ivulwe ngokugcwele.   

Ukuqinisekisa ukuthi sigcina ukuqhelelana kubantu, imisebenzi yomnotho ethile enobungozi kakhulu izoqhubeka ivalwe. Lemi sebenzi ibandakanya: 

  • Izindawo zokuhlala phansi udle, izindawo ezithengisa nezokuphuzela utshwala,  ngaphandle uma kuhanjiswa noma kuzolandwa ukudla. 
  • Izindawo zokuhlala nokuhamba ngezindiza, ngaphandle uma ukuhamba kungokwebhizinisi, okuzovunyelwa ngezinsuku ezisazomenyezelwa.
  • Izinkomfa, imicimbi, imisebenzi yokuzijabulisa neyezemidlalo. 
  • Imisebenzi yokuzicwala, okubandakanya imisebenzi yokwenza izinwele neyokunakekela ubuhle. 

Ukubuyela emsebenzini kuzokwenzeka ngezigaba ukuze indawo yokusebenza izolungiselelwa ukumelana negciwane le-corona. Kumele kwenzeke ngendlela yokugwema nokunciphisa ubungozi bokusuleleka. 

Sibe nezingxoxo nemboni yezokuvakasha, namahhotela nezindawo zokudlela mayelana nezinqinamba nobunzima le mikhakha ebhekene nakho.  

Benze iziphakamiso eziningana, mayelana nezinyathelo abazimisele ukuzithatha uma imikhakha yabo ivulwa. Siyazicabangela iziphakamiso. 

Ziningi izinkampani ezenze okwedlulele kulokho obekudingwa umthetho ukweseka ukubhekana negciwane le-corona, kubandakanya lezo esezivele zihlinzeka ngokuxilonga, nokuhlola nanezindawo zokuhlalisa ngabodwana abasebenzi bazo. 

Sizoxoxisana nabaqashi abakhulu ukuthi bangabahlinzeka kanjani abasebenzi babo ngezindawo zokugonqa. 

Sizihlayela ihlombe lezo zinkampani esezifake isandla Esikhwameni Sobunye Nobumbano nangezinye izindlela ekubhekaneni kwethu negciwane. Lezi zinkampani zibandakanya izinkampani ezifana ne-Volkswagen, eyakha isibhedlela sesikhashana embonini engasasetshenziswa ese-Nelson Mandela Bay esingamumatha imibhede eyizi-4 000. 

Enye yezinselele ezinkulu esizobhekana nazo ngokwehlela ezingeni lesithathu - okuzovumela ukubuyela kwabantu abayizigidi eziyisishiyagalombili emsebenzini - ukukhuphuka kobungozi bokuthelelana kwezokuthuthwa komphakathi.  

Sidinga ukubambisana phakathi kwabagibeli, abashayeli bamatekisi namabhasi, amabhizinisi kanye nohulumeni ukugcina abantu bakithi bephephile. 

Abagibeli kudingeka ukuthi bahlale njalo begqoke izimfonyo, bahlanze izandla ngaphambi nangasemva ngokuthatha uhambo baphinde bagweme ukuzithinta ubuso ngezandla ezingahlanziwe.  

Abagibeli kudingeka futhi ukuthi bagcine igebe eliphephile kwabanye abagibeli. 

Abashayeli bamatekisi namabhasi kudingeka ukuthi balandele imithetho ezomenyezelwa nguNgqongqoshe Wezokuthutha, kubandakanya nokuqinisekisa ukuthi izithuthi zabo zihlanzwa ngezibulalimagciwane njalo nje. 

Amabhizinisi amaningi asesiluleke ngokuthi asabheka izindlela zokunciphisa ukuminyana kwizithuthi zomphakathi, kubandakanya amahora okusebenza ashiyanayo nokuhlinzeka abasebenzi ngezithuthi. 

Imingcele yezwe lethu izoqhubeka ivalwe ngaphandle kokuthuthwa kwezimpahla nokubuyiswa kwabantu bakuleli. 

Enye inselele enzima ebekumele sibhekane ngqo nayo ngukuvulwa kwezikole. 

Okuseqhulwini kuthina impilo nenhlalakahle yabafundi, abafundi, othisha kanye nabasebenzi bakulezi zikhungo. 

Sikhathazekile futhi ngokukhula nokuthuthukiswa kwabantwana bethu nokuthi sonke isizukulwana sabafundi akumele sikhinyabezeke unomphela ngulolu bhubhane. 

Ngakho-ke sithatha indlela enokucophelela ngokwezigaba ukuphinde sivule izikole, ngokuholwa iseluleko kwezokwelashwa nokubonisana nabobonke ababambiqhaza. 

Sizoqalisa amakilasi abafundi bebanga lesikhombisa (grade 7) nomatikuletsheni kusuka mhla luluNye kuNhlangulana. 

Izinyathelo eziqinile zokulawula ukusuleleka, uma kunesidingo, nokwengezwa kwengqalasizinda yamanzi nezindlu zangasese kuyalungiswa ukuvumelana nokuqhelelana, ukuhlanza izandla njalo nokuphepha komfundi. 

Izinyathelo zibekwa ngomumo zokuqinisekisa ukuphepha uma abafundi bethola ukudla ngohlelo lokuphakelwa ezikoleni kanye nezithuthi zabafundi. 

Unsukwini wezikole uzobuyekezwa, nezifundo zizophundlwa ukuze sizokwazi ukufunda lokhu obekungakafundwa onyakeni wezi-2020. 

Kuyezwakala ukuthi kunokukhathazeka okukhona ngokuvulwa kwezikole, futhi kumele ngikugcizelele ukuthi akekho umzali ozophoqelelwa ukuhambisa umntwana wakhe esikoleni uma bekhathazekile ngokuphepha. 

Kodwa uma sisebenza ngokubambisana, uma silandela ngokucophelela zonke izinyathelo zokuzivikela nezimiso, sizokwazi ukugcina izikole zethu ziphephile. 

Siqalisa futhi ngokwezigaba ukufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme. 

Ukusuka mhla luluNye kuNhlangulana, wonke amanyuvesi alindeleke ukuqalisa amasu okufundisa nokufunda nge-inthanethi ukuqinisekisa ukuthi bonke abafundi banikwa ithuba elihle lokuqedela ukufunda konyaka wezi-2020. 

Ngokuqala kwezinga lokuqapha lesithathu, ingxenye engaphezu kokuthathu enanini labafundi angeke livunyelwe ukubuya emagcekeni esikhungo ngaphandle uma bezokwazi ukuhlaliswa ngokuphepha. 

Izikhungo zizolokhu zivula uma izinga lokuqapha igciwane le-corona lishintsha. 

Njengoba sihlanganisa izinsiza zezempilo ukuhlangabezana nokukhuphuka kwezigameko zokusuleleka ezilindelekile, kumele siqinisekise ukuthi asivuli intuba yezinye izimo zempilo ezibucayi eziphuthumayo. 

Ngakho-ke usizo lwezempilo oluyinqubo kumele luvulwe ngokugcwele futhi luqhubeke ngokunikeza usizo ngokunaka kakhulu ukugonywa kwabantwana, usizo lokuhlelwa komndeni, ukunakekelwa kwabakhulelwe, ukuxilongwa nokwelashwa kwesifo sofuba nesandulela-ngculazi, ukulawulwa kwezifo eziyimbelesela nokusekelwa kwezisulu zodlame olubhekiswe kubulili obuthile. 

Sidinga ukuvuma ngokungaguquki ukuthi amalungelo abantu empilo nesithunzi ikona okuyingqikithi yethu ekubhekaneni negciwane le-corona, nokuthi kumele sime silwe nanoma yini ezothunaza la malungelo kanye namanye amalungelo omuntu.  

Bantu baseNingizimu Afrika, 

Sesibone isibindi salabo abaqhubeke nokusebenza ngesikhathi sokuvalwa kwezwe lonkana, benakekela labo abagulayo, behlinzeka ngokudla nangosizo oluyisisekelo, besebenza ukugcina izwe lethu liqhubekela phambili ngaphansi kwezimo ezinzima. 

Umthwalo wokuvalwa kwezwe ube nzima kakhulu kulabo obekunzima ukuwubekezelela. 

Manje sekuyisikhathi sokuthi sibuyele emsebenzini siphinde siqalise futhi ngezingxenye zempilo yethu ebezimisiwe selokhu kwaqala ukuvalwa kwezwe. 

Noma kunjalo, ngifuna ukuqinisekisa ukuthi ukuxegiswa kwemikhawulo ethile akusho ukuthi ubungozi begciwane le-corona sebudlulile noma ukuthi ukulwa kwethu nesifo sekuphelile. 

Iqiniso nje, ubungozi bokukhuphula kokutheleleka sebuphezulu kakhulu ukudlula ngesikhathi kuqala ukuqubuka kwegciwane ezweni lethu. 

Manje isikhathi okumele siqinise imizamo yethu futhi sijulise ukusebenzisana. 

Manje, siyaphinda sibheka nina, izenzo zenu kanye nokuzibophezela kwenu. 

Sibheke nina ukugcina ubungcwele bempilo nesithunzi sabobonke abantu. 

Sibheke nina ukuvikela abantekenteke nalabo ababuthakathaka phakathi kwethu. 

Sibheke nina ukubonisa ubumbano nobubele obubonakala ngendlela abantu baseNingizimu Afrika ababhekene ngayo nalolu sizi. 

Ukuhlangabezana naloku kufa, sizoya phambili simuntu munye, sisebenze ngokubumbana, ngokuzimisela nomakanjani sizonqoba. 

Ngalesi sikhathi, ngaphezu kwesinye isikhathi, sikhunjuzwa amazwi kaMadiba, ngesikhathi ethi: "Manje sekusezandleni zakho." 

UNkulunkulu abusise iNingizimu Afrika futhi avikele nabantu bayo. 

Ngiyabonga.    

Share this page

Similar categories to explore