Inkulumo echaza isimo sezwe eyethulwa Ngumongameli u-Cyril Ramaphosa

Somlomo wesiGungu Sikazwelonke (i-NA), uNkz Baleka Mbete,
Sihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP), uNkz Thandi Modise,
IPhini likaSomlomo we-NA kanye nePhini likaSihlalo we-NCOP,
Iphini leJaji Eliyinhloko, uRaymond Zondo, kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile ophiko lwezobulungiswa,
UMongameli Waphambilini, uMnu Thabo Mbeki, kanye noNkz Mbeki,
UMongameli Waphambilini, uMnu Kgalema Motlanthe, kanye noNkz Motlante,
USomlomo Waphambilini we-NA, uDkt Frene Ginwala,
USomlomo Waphambilini we-NA, uMnu Max Sisulu,
ONgqongqoshe kanye namaPhini abo,
ONdunankulu kanye noSomlomo beziShayamthetho Zezifundazwe,
USihlalo weNhlangano Yohulumeni Basekhaya yaseNingizimu Afrika kanye neziMeya Zemikhandludolobha,
UMphathi Wabhangengodla laseNingizimu Afrika, uMnu Lesetja Kganyago,
Izinhloko Zezikhungo Zikahulumeni Ezeseka Ukubusa Ngentando Yeningi Labantu,
Isithwalandwe, uNkz Sophie De Bruyn,
Isithwalandwe, uMnu Andrew Mlangeni,
USihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko, Inkosi uSipho Mahlangu,
Umholi waseNtshonalanga Kapa wohlanga lwama-Khoi San, uMntwana u-Jacobus Titus,
Inkosi u-John Molefe Pilane,
Inkosi u-Aaron Martin Messelaar,
Umqeqeshi Wonyaka WeNhlangano Kanobhutshuzwayo yase-Afrika (i-CAF) Weqembu Lesizwe Labesifazane Likanobhutshuzwayo wezi-2018, uNkz Desiree Ellis,
Abaholi bezinhlangano zezenkolo,
Abaholi bezikhungo zezemfundo nocwaningo,
Omakadebebona bomzabalazo wenkululeko,
Amalungu ezindlu zamanxusa,
Izimenywa ezikhethekile,
Amalungu ahloniphekile e-NA,
Amalungu ahloniphekile e-NCOP,
Bantu baseNingizimu Afrika,

Kuyintokozo enkulu kimina ukuma phambi kwenu ngethule iNkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) Yaminyaka Yonke yama-25, eNingizimu Afrika ekhululekile futhi ebuswa ngentando yeningi labantu.

Kulo nyaka, njengabantu bakuleli abahlukahlukene futhi njengesizwe esibumbene, sizogubha omunye umsebenzi oyimpumelelo ongazange wabonwa emlandweni.

Sizogubha ukunqoba kwenkululeko phezu kwengcindezelo, ukunqoba kwentando yeningi labantu phezu kobuhlanga obuhambisana nokuphathwa ngondlovukayiphikiswa, ukunqoba kwethemba phezu kokuphelelwa yithemba.

Sizogubha ukuzimisela nokuphikelela okungephikiswe kwabantu abacindezelwe ukuze bakhululeke, balingane futhi bathi uma bebheka emuva kuthi cosololo ezinhliziyweni zabo.

Sizosebenzisa lesi sikhathi ukukhumbula ubunzima kanye nenhlupheko ezadlula kuyona izizukulwane ngezizukulwane zabantu bakithi – imizabalazo yabo, ukuzidela kwabo kanye nokuzibophezela kwabo okungenamkhawulo ekwakheni iNingizimu Afrika okungeyabo bonke abantu abayakhele.

Sizokhumbula ukukhuleka emoyeni nokwehla kwezibilini kanye nentokozo emangalisayo yosuku lwenkululeko yethu, okungumzumzu lapho saba yisizwe, futhi saba yizwe elikuthokozelayo lokho eliyikona, elingenakho ukungqubuzana ngaphakathi kulona futhi eliphilisana kahle namanye amazwe omhlaba.

Ngokuhamba kwalo nyaka, kumele noma kanjani sibheke emuva, sicabange sijule ngohambo lwethu kule minyaka engama-25 edlule.

Njengabantu baseNingizimu Afrika, kumele sizibuze ukuthi sikwazile yini ukufezekisa isithembiso esasenza ngenkathi kusungulwa izwe lethu elibuswa ngentando yeningi labantu.

Kumele sichithe lo nyaka, okungunyaka wama-25 sathola inkululelo yethu, sizibuza ukuthi sikwazile yini ukwakha izwe lapho bonke abantu baseNingizimu Afrika bethokozela ngokulinganayo, ngaphandle kokushiya ngisho noyedwa umuntu ngaphandle, amalungelo abo abangeke neze baphucwe wona, ilungelo lokuphila, ilungelo lokuhlonishwa kwesithunzi somuntu kanye nelungelo lenkululeko.

Sikwazile yini ukwakha izwe lapho izimpilo eziphilwa ngabantu esikhathini samanje zingasalawulwa futhi zikhahlanyezwe wukhondolo lwezenzo eziphambene nobulungiswa ezazenzeka esikhathini esedlule?

Kumele sisebenzise lesi sikhathi ukubheka emuva sibuke inqubekela phambili esiyenzile, izinselele esihlangabezane nazo, izindawo esithande ukubhincela nxanye kuzona, kanye namaphutha esiwenzile.

Esikhathini esingangonyaka esedlule, sangena endleleni ephokophele ekukhuleni nokuvuselela kabusha.

Njengoba sabe siphuma esikhathini songabazane nokungaqiniseki, kanye nokuphelelwa wukuzethemba nokwethembana, sanquma ukuhlukana nakho konke lokho okusihlukanisayo, ukuze samukele ngazo zombili konke lokho okusenza sibumbane, futhi sikubambe sikuqinise sikusondeze kithina.

Sanquma ukupholisa amanxeba ezweni lethu, awumphumela wenkohlakalo esidale umonakalo omkhulu, futhi sanquma nokubuyisa ubuqotho bezikhungo zezwe lethu.

Sanquma ukuqhubekisela phambili izimompilo zoMthethosisekelo wethu futhi sanquma ukuthi siphinde sibeke eqhulwini, ohlwini lwezinto ezibalulekile azogxila kuzona uhulumeni, izidingo zabantu abadla imbuya ngothi, abantu abangesebenzi, abantu abashaywe indiva kanye nalabo abancishwe amathuba.

Savumelana ukuthi njengophawu lokubungaza nokuhlonipha iminyaka elikhulu yokuzalwa kuka-Nelson Rolihlahla Mandela kanye no-Albertina Nontsikelelo Sisulu, sizonikela konke esikwenzayo, yonke imizamo yethu kanye nakho konke esikusho ngemilomo yethu ekufezekiseni inhlosombono yabo, yezwe elibuswa ngentando yeningi labantu, elinobulungiswa, elingachemile futhi elinokulingana kwabantu.

Abantu bakuleli bezinhlanga ezinamasiko ahlukahlukene ezizigqaja ngawo, nakuba kunezindawo eziningana lapho bengaboni khona ngaso linye, basabela ekhweleni elithi Thuma Mina.

Ngobuningi babo, abantu baseNingizimu Afrika ababuzanga ukuthi yini abazokwenzelwa yona, kodwa babuza ukuthi yini abangayenzela izwe labo.

Ngemizamo yabo emincane nemikhulu futhi ngakho kokubili ukusebenza njengomphakathi obambisene kanye ngokusebenza komuntu ngayedwana, abantu baseNingizimu Afrika babhukula, babopha izifociya, baqala ukwakha isizwe esingcono.

Abaningi baselula isandla ngenhloso yokulekelela nokutakula ebunzimeni abanye abantu baseNingizimu Afrika ababhekene nezinkinga nobunzima.

Abanye bazwakalisa ukuzimisela kwabo ukweseka nokulekelela uhulumeni emizamweni yakhe yokuguqula isimo sezinto kuleli.

Namuhla, njengoba sibheka emuva onyakeni odlulile, singafakaza futhi sikusho kugcwale umlomo ukuthi ngempela ikhona inqubekela phambili enohlonze esiyenzekile.

Abantu bakuleli bakwamukele ngezandla ezifudumele ukuvuselela kabusha okwenzeka ezweni lethu futhi sebenethemba elikhudlwana impela ukuthi bazoba nekusasa elingcono.

Ithemba labantu bakuleli aliyona neze into engenasisekelo; ngoba phela leli themba abanalo liwumphumela wenqubekela phambili eyenziwayo.

Onyakeni odlule, siqalise umsebenzi wokwakha kabusha isivumelwano esizoqhubeka isikhathi eside esiphakathi komphakathi nohulumeni, ukuze kulethwe uguquko lwenhlalo-mnotho ngokubambisana nababambiqhaza abasemqoka, njengoba sathembisa ukuthi sizokwenza lokhu.

Njengabalingani ababambisene emphakathini, sibuyisa ukwethembana, ukuxoxisana kanye nokubambisana.

Ngokusebenzisa izinhlobo ezihlukahlukene zokuxhumana nokuxoxisana nabantu, selula isandla kulabo bantu ezweni lethu asebefikelwe wukudikibala, asebephelelwe yintshekelo nothando noma labo abazibona beshaywe indiva.

Kungenzeka ukuthi imizamo yethu ayihambi ifinyelele kuyo yonke indawo, futhi usemkhulu impela umsebenzi osasihlalele, kodwa sibonisile kulo nyaka odlule ukuzimisela kwethu sonke ukusebenza ngokubambisana ukuze sibhekane ngqo nezinselele esibhekene nazo.

Sigxilise imizamo yethu ekuvuseleleni nokufaka umfutho ekukhuleni komnotho kanye nokwakha amathuba omsebenzi.

Sisebenze ngokubambisana – njengohulumeni, abasebenzi, amabhizinisi, izinhlangano zomphakathi kanye nomphakathi – ngenhloso yokususa izithiyo ezivimbela ukukhula komnotho okubandakanyayo futhi ukuze siphishekele ukufinyelela emazingeni okutshalwa kwezimali aphakeme kakhulu.

Sabamba iNgqungquthela kaMongameli Yezemisebenzi eyaba yimpumelelo enkulu, lapho kwavunyelwana khona ngezinyathelo ezizoba nomthelela omkhulu futhi ezizothi – uma sezisebenza ngokuphelele – zicishe ziliphindaphinde kabili inani lamathuba omsebenzi azovuleka emnothweni wakuleli onyakeni ngamunye.

Ngonyaka odlule, ababambiqhaza abaningana bazwakalisa ukukhathazeka kwabo mayelana nongabazane nokungaqiniseki kanye nokungahambisani kwezinqubomgomo okukhona.

Sesizithathile izinyathelo zokuqeda lokhu kukhathazeka.

Njengomzamo wokubhekana ngqo nesimo esibi esikhona ezinkampanini zombuso (ama-SOE) eziningana – lapho sekuphazamiseke kakhulu ukusebenza kwalezi zinkampani ngenxa yokuphathwa kabi kwalezi zinkampani kanye nenkohlakalo – sesithathe izinyathelo ezinqala ukwenza ngcono ukuphathwa kwalezi zinkampani, nokuqinisa ubuholi kanye nokubuyisa uzinzo kulawa mabhizinisi kahulumeni asemqoka kangaka.

Sizithole futhi sibhekene nemithelela yokubhozonyelwa kwezikhungo zikahulumeni ezisemqoka, kubandakanya izimpiko zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho zakuleli, eziphelelwe wubuqotho nokuhlonishwa kwazo kule minyaka esisuka kuyona futhi ezagcina sezihluleka ngisho nokwenza umsebenzi wazo ngendlela efanele.

Ngakho-ke, sesithathe izinyathelo zokuletha uzinzo kanye nokubuyisa ukwethembeka kwezikhungo ezinjengoPhiko Lwezokushushisa Lukazwelonke (i-NPA), uPhiko Lokuqoqwa Kwentela LwaseNingizimu Afrika (i-SARS), iNhlangano kaHulumeni Yezokuvikela kanye noMbutho Wamaphoyisa AseNingizimu Afrika (i-SAPS).

Sesiqashe uMqondisi Kazwelonke Wophiko Lwezokushushisa (u-NDPP) omusha, u-Advocate Shamila Batohi, ukuze ahole ukuvuselelwa kabusha kwe-NPA futhi aqinise nempi yethu yokulwisana nobugebengu nenkohlakalo.

Simatasa siqalisa ukusebenza kwezincomo zeKhomishana Yophenyo ka-Nugent eyabe yenza uphenyo maqondana ne-SARS, futhi sesiyiqalisile nenqubo yokuqasha uKhomishana omusha walesi sikhungo esibaluleke kangaka.

Ngokususela kulokho okuvezwe wumbiko kanye nezincomo zeThimba Lokubuyekeza Elisezingeni Eliphakeme ebelijutshwe ukubuyekeza isimo seNhlangano kaHulumeni Yezokuvikela, ebeliholwa ngusihlalo walo uNgqongqoshe waphambilini, u-Sydney Mufamadi, ngizomemezela khona maduze nje izinyathelo eziningana eziphuthumayo okuhloswe ngazo ukwakha kabusha umkhakha kazwelonke wezobunhloli, ozokwenza umsebenzi wawo ngobungoti nobunyoninco eNingizimu Afrika.

Phakathi kwezinyathelo esizozithatha ukwakha kabusha umkhakha kazwelonke wezobunhloli ozokwenza umsebenzi wawo ngobungoti nobunyoninco, kuzosungulwa kabusha uMkhandlu Wezokuvikeleka Kwezwe, ozoholwa nguMongameli, njengosihlalo wawo, ukuze kuqinisekiswe ukuthi izimpiko zoMbuso ezenza umsebenzi ophathelene nezobunhloli nokuvikeleka zisebenza ngendlela ehambelanayo futhi kusungulwe kabusha nezinhlaka ezimbili zophiko lwezobunhloli lwakuleli, okuwuhlaka oluzogxila kwezobunhloli zangaphakathi kuleli kanye nalolo oluzogxila kwezobuhloli zangaphandle kwaleli.

Akusensuku zatshwala uphothulwe umsebenzi wokuhlela kabusha uhlaka lwesimo soMbuso.

Kuyasithokozisa impela ukubona ukuthi, ngomoya wokuba yizakhamuzi ezikhuthele, abantu abaningi baseNingizimu Afrika bayaqhubeka nokubonisa intshisekelo enkulu impela eMbusweni wangomuso ohlelwe kabushwa.

Ngoqhubeka konyaka odlule, njengeHhovisi likaMongameli, sagxila kakhulu impela kubudlova nokuxhashazwa kwabantu besifazane nezingane ezweni lwethu.

Sasukumela phezulu mayelana nokukhathezeka okukhona ezweni kanye nekhwelo elishaywe ngabantu baseNingizimu Afrika abaningi, ngokuthi sibize iNgqungquthela yoDlame Olubhekiswe Kwabesifazane kanye Nokubulawa Kwabo esihlinzeke ngesisekelo esiqinile sokuthathwa kwezinyathelo ezihambelanayo ezweni zokubhekana nale nkinga enkulu kangaka.

Futhi sabiza neNgqungquthela KaMomgameli Yezempilo, yokuqala ngqa, ngoMfumfu ngonyaka odlule, lapho kwabuthana khona ababambiqhaza abasemqoka kakhulu abaqhamuka emazikweni amaningi, ahlukahlukene, emkhakheni wezempilo.

Kule ngqungquthela yezempilo, ababambiqhaza bahlaziya ngokujulile izinkinga ezikhona emkhakheni wezempilo futhi baphakamisa izixazululo ezisheshayo, zesikhathi esifushane kanye nesikhathi esimaphakathi zokuphucula nokwenza ngcono ukusebenza komkhakha wezempilo. 

Lo nyaka omusha siwuqala sikhuthazekile ngenxa yenqubekela phambili esesiyenzile, ngokusebenzisana, ekusimamiseni nokuvuselela umnotho wezwe lethu kanye nokubuyisela izikhungo zezwe lethu zentando yeningi labantu esimweni sazo sakudala.

Sizimisele ukuqhubeka njalo nalo msebenzi size siwuphothule.

Asikhathazekile nakancane ngezingqinamba nobunzima obukhulu esibhekene nabo esingakabunqobi.

Sonke, njengabantu baseNingizimu Afrika, kumele sisukume, sibhukule, sibhekane ngqo nezinselele kanye nobunzima esizohlangabezana nabo endleleni esiyihambayo.

Umsebenzi wokwakha iNingizimu Afrika engcono ngumsebenzi wethu sonke okumele siwenze ngokubambisana, njengabantu baseNingizimu Afrika.

Lokhu kuwumongo nomgogodla womsebenzi owenziwa iyona yonke iminyango kahulumeni, zonke izimpiko zikahulumeni kanye nazo zonke izikhungo zikahulumeni.

Kuyisisekelo sazo zonke izinqubomgomo, zonke izinhlelo kanye nawo wonke amaqhingasu kahulumeni.

Nakuba kunemisebenzi kahulumeni eminingi esemqoka futhi ebanzi eyenziwayo kuhulumeni wonkana, kusihlwa nje ngifuna ukukhuluma ngemisebenzi emihlanu okuyiyona ephuthuma kakhulu kulesi sikhathi esikusona njengamanje emlandweni wezwe lethu.

Le misebenzi izoba yisisekelo sakho konke esikwenzayo kulo nyaka.

Ngokubambisana, kumele senze le misebenzi elandelayo:

  • Okokuqala, kumele sisheshise ukukhula komnotho okubandakanyayo futhi sakhe amathuba omsebenzi.
  • Okwesibili, umlando waleli lizwe uyasiphoqelela ukuthi noma kanjani kumele senze ngcono uhlelo lwezemfundo futhi sithuthukise amakhono esiwadingayo njengamanje kanye namakhono esizowadinga njengoba siphokophele phambili esikhathini esizayo.
  • Okwesithathu, sinesibopho esiphezu kwamahlombe ethu sokwenza ngcono izimo abaphila ngaphansi kwazo bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abahlwempu.
  • Okwesine, sithanda noma singathandi, kumele noma kanjani siyiqinise impi yokulwisana nenkohlakalo kanye nokubhozonyelwa kombuso.
  • Okwesihlanu, kudingeka ukuthi siqinise amandla nekhono loMbuso lokuhlangabezana nezidingo zabantu.

Onyakeni ophelile, besigxilise imizamo yethu ekusheshiseni ukukhula komnotho okubandakanyayo, ukukhulisa kakhulu amazinga okutshalwa kwezimali kanye nokuqhamuka nezinyathelo zokudala amathuba omsebenzi angeziwe.

Ngonyaka odlule, umnotho wezwe lethu ububhekene nobunzima bokuzithola usungene ngokusemthethweni esigabeni somnotho ofadalalayo emakoteni amabili elandelana.

Uhulumeni wathatha izinyathelo zokulungisa lesi simo ngokuthi aqhamuke nohlelo lokukhuthaza nokugqugquzela ukukhula nokusimama komnotho, olwathatha izimali zikahulumeni ezabe zabelwe imikhakha ethile lwayozifaka kweminye imikhakha, okuyimikhakha enamathuba amakhulu okukhulisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi.

Sanquma ukungasebenzisi iqhingasu lokuchitha izimali ezishisiwe sizama ukuthi sizitakule ebunzimeni bezomnotho ebesesingene kubona, kepha esikhundleni salokho sanquma ukubeka umnotho emgudwini wokuvuseleleka nokusimama kabusha.

Saqhamuka nezinyathelo eziningi, futhi ezihlukahlukene zokuvuselela nokugqugquzela ukukhula nokusimama komnotho, ukubuyisa ukwethenjwa komnotho wakuleli ngabatshali zimali, ukweseka ukuqashwa kwabantu kanye nokuxazulula izinselele eziphuthumayo ezinomthelela ezimpilweni zabantu ababuthaka nabasengcupheni ezweni lethu abadinga ukubhekelelwa kangconywana.

Kuyintokozo ukubika ukuthi sekwenziwe inqubekela phambili ekunikezeni imininingwane ecacile impela mayelana nezinqubomgomo eziphathelene nokulawulwa kwemboni yezimayini kanye nenqubo yokukhishwa nokuhlinzekwa kwezimvume zokungena kwabantu bangaphandle kuleli lizwe (ama-visa), nokwakha umgudu ocacile obheke ekwabiweni kwamagagasi okuxhumana ngomakhalekhukhwini kanye nokubuyekezwa kwemali yokusebenzisa amachweba nokuthutha impahla ngezitimela kanye nentengo kagesi.

Saqalisa futhi nenqubo yokuletha uzinzo kanye nokweseka omasipala abangama-57, lapho njengamanje simatasa siqalisa imiklamo yengqalasizinda kamasipala engaphezu kwezi-10 000.

Ukugxila kwethu ekuvuseleleni nokulungisa kabusha izizinda zezimboni emalokishini kanye nasezindaweni zasemakhaya sekulethe uguquko olubonakalayo impela, njengoba seziqalile futhi ukukhiqiza izizinda zezimboni ebesezihleli nje zingasasetshenziswa.

Kuze kube manje sesiwuphothulile umsebenzi wokuvuselela izizinda zezimboni eziyi-10 kulezo ezihlonziwe eziyi-16, ezisezindaweni ezinjenge-Botshabelo, Phuthaditjhaba, Garankuwa, Isithebe, Komani kanye ne-Seshego.

Ngaphandle kotshalomali olukhulukazi olusha, ngeke neze sikwazi ukufinyelela emazingeni okukhula komnotho okumele sifinyelele kuwona ukuze sibe nempumelelo enkulu impela ekuvulweni kwamathuba omsebenzi.

INgqungquthela yaseNingizimu Afrika Yotshalomali, obengeyokuqala ngqa, eyabanjwa ngoMfumfu ngonyaka odlule yafaka umfutho nomdlandla omkhulukazi emkhankasweni wethu wokugqugquzela utshalomali oluyithriliyoni eli-1.2 lamarandi esikhathini esiyiminyaka emihlanu.

Ingqungquthela yotshalomali yaheha izithembiso zotshalomali olulinganiselwa kumabhiliyoni angama-300 amarandi ezenziwe yizinkampani zaseNingizimu Afrika kanye nezinkampani zamazwe ngamazwe.

Ngonyaka odlule, lwakhuphuka kakhulu futhi notshalomali oluvela emazweni angaphandle olungena ngqo kuleli.

Ngowezi-2017, saqopha utshalomali oluvela emazweni angaphandle olungena ngqo kuleli olungamabhiliyoni ayi-17 amarandi.

Imininingo esemthethweni ibonisa ukuthi emakoteni amathathu okuqala nje kuphela onyaka wezi-2018, kwangena utshalomali oluvela emazweni angaphandle olungamabhiliyoni angama-70 amarandi.

Lena yimpumelelo enhle kakhulu uma kuqhathaniswa nezinga eliphansi lotshalomali eminyakeni edlule.

Amanxusa ethu otshalomali – okungu-Trevor Manuel, Mcebisi Jonas, Phumzile Langeni kanye no-Jacko Maree – ngokunjalo ne-InvestSA, asiqaphe ngeso lokhozi indlela eziqhuba ngayo izithembiso zotshalomali ezenziwa engqungqutheleni yotshalomali.

Ukubonisa ukuthi ingqungquthela yethu yotshalomali yayingesona neze isithangami sokudla ingevu nje kuphela, njengoba sikhuluma nje, kunemiklamo eqaliswayo yenani elingamabhiliyoni ayi-187 amarandi, futhi kuneminye imiklamo yenani elingamabhiliyoni angama-26 amarandi esesigabeni esandulela ukuqaliswa kwayo.

Ngokususela ezifundweni ezimqoka esizifundile, kulo nyaka sihlose ukuthola utshalomali olungaphezulu kakhulu kwalolo esiluthole ngonyaka odlule, ngokuthi sigxilise imizamo yethu kakhudlwana kunakuqala, futhi nangomsebenzi esiwenzayo wokuphucula nokwenza ngcono umkhakha wezamabhizinisi.

Sizohlonza imikhakha namafemu esiwafunayo nesiwadingayo eNingizimu Afrika futhi sisebenze ngenkuthalo ukuheha abatshalizimali.

Ngokususela kulokho esikubonile nesidlule kukhona ngonyaka ophelile, futhi ngenhloso yokwakhela phezu komgqigqo nomfutho ebesishosholoza ngawo, sizophinda futhi nakulo nyaka sisingathe enye iNgqungquthela YaseNingizimu Afrika Yezotshalomali.

Kuyinhloso yethu ukuthi utshalomali esilutholayo olungena kuleli lusatshalaliswe emiklamweni esezweni lonkana.

Mayelana nalokhu-ke, sengibacelile ohulumeni bezifundazwe ukuthi bahlonze imiklamo esingatshala kuyona izimali futhi siqinisekise ukuthi sakha imiqulu yotshalomali esifundazweni ngasinye kulezi eziyisishiyagalolunye ezikhona kuleli ukuze siyethule kulabo batshalizimali okungenzeka babe nesifiso sokutshala izimali kuleli.

Kulandela ingqungquthela yethu yezotshalomali eyabanjwa ngempumelelo,  kuneqenjana losomabhizinisi baseNingizimu Afrika, ngokuqhutshwa ngumoya we-Thuma Mina, asebeqhamuke neqhingasu lokusungula uHlelo Lokubambisana Phakathi Kukahulumeni Nomkhakha Ozimele Ngenhloso Yokukhulisa Umnotho Wezwe, okuwuhlelo oluzolawula izinhlelo zotshalomali olugxilile, okuyizinhlelo zezinkampani eziphuma phambili kuleli eziqhuba umsebenzi webhizinisi emikhakheni yomnotho eyi-19; kusukela kwezezimayini kuya kwezamandla kagesi ovuselelekayo; kusukela kwezokukhiqiza kuya kwezolimo.

Lezi zimboni zibheke ukuthi zilukhulise kakhulu impela utshalomali kule minyaka emihlanu ezayo futhi zidale nemisebenzi eminingi emisha, ikakhulu uma singakhulisa isidingo sokufunwa nokuthengwa kwezimpahla ezikhiqizwe kuleli, siqhubeke nokuletha uzinzo emkhakheni wezabasebenzi futhi senze ngcono izimo okwenzelwa ibhizinisi ngaphansi kwazo.

Njengengxenye yomsebenzi wethu oqhubekayo wokususa izithiyo ezivimbela ukungena kotshalomali olukhudlwana kuleli, sesisungule ithimba elakhiwe yiHhovisi likaMongameli, InvestSA, uMnyango Wezezimali Kuzwelonke kanye noMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola ukuze kulungiswe udaba lwezithiyo eziphazamisa abatshalizimali futhi ezidala ukukhathazeka kubona ngenxa yemigoqo ekhona ephathelene nezinqubomgomo, ukulawula kanye nokuphatha.

Lokhu kuyingxenye esemqoka yomsebenzi wethu wokwenza kube lula ukwenza ibhizinisi eNingizimu Afrika, okuyinto ebaluleke kakhulu ekuheheni utshalomali.

Leli thimba lizobika kuKhabhinethi njalo ngenyanga mayelana nenqubekela phambilieseliyenzile.

Umbiko Wokwenza Ibhizinisi weBhange Lomhlaba njengamanje ubeka iNingizimu Afrika endaweni yama-82 ohlwini lwamazwe ayi-190 ahloliwe futhi ahlaziywa yileli bhange.

Sesizibekele umgomo esihlose ukufinyelela kuwona wokuthi uma kuphela le minyaka emithathu ezayo sibe sesingelinye lamazwe angama-50 aphuma phambili emhlabeni jikelele kulokhu.

Kuyinto esibonakale isikhathi eside impela ukuthi esinye sezithiyo ezivimbela ukukhula komnotho wezwe yizinga eliphakeme kakhulu lokuhlala kwengxenye enkulukazi yomnotho ezandleni zedlanzana.

Umnotho wethu wawakhiwe ngendlela ezokwenza impahla nengcebo yezwe esemqoka ihlale ezandleni zabayingcosana.

Lokhu sekudodobalise ukukhula komnotho nokusungulwa kwezimboni, futhi ikakhulukazi, sekubavalele ngaphandle komnotho noma sekwenze ukuthi bangakwazi ukungena ngokuphelele emnothweni abantu abasha abaningi abangosomabhizinisi, futhi kwavalela namabhizinisi amancane.

Njengengxenye yemizamo yethu yokukhulisa utshalomali, nokukhuthaza ukubandakanywa kwabantu kakhudlwana kanye nokuvula amathuba omsebenzi angeziwe, khona maduze nje ngizosayina iSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wezokuncintisana ukuze ube ngumthetho.

Lokhu kuzonikeza iziphathimandla zokuncintisana amandla okubhekana nale nkinga kodwa futhi okubalulekile wukuthi kuzovula amathuba amasha kubantu abaningi baseNingizimu Afrika, okungena emikhakheni yomnotho ehlukahlukene futhi bakwazi ukuncintisana besesimweni esilinganayo.

Ukuze sikhuthaze ukukhula komnotho, sakhe amabhizinisi angeziwe futhi siqashe abantu abathe xaxa, kudingeka ukuthi sithole izindawo ezintsha futhi ezinabantu abangabathengi abaningi lapho sizothengisa khona izimpahla nezinsizakalo zezwe lethu.

Ngakho-ke sizogxila kakhudlwana ekukhuliseni umthamo wempahla yohwebo yakuleli ethunyelwa emazweni angaphandle.

Ngokuhambisana nezibopho ezenziwa engqungqutheleni yemisebenzi, sizogxila ekuthumeleni emazweni angaphandle izimpahla ezikhiqiziwe, futhi sihwebe ngezinsizakalo ezinjengokukhishwa kwezinqubo zebhizisi zithile ukuze ziyokwenziwa ngaphandle kanye nokuthunyelwa kwenzinsizakalo zokwelapha kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanjemanje.

Sifuna futhi nokusungula izizinda zomnotho ezikhethekile eziqondene nemikhiqizo ethile kuphela, njengezingubo zokugqoka kanye nendwangu, ukwenza nje isibonelo.

Ngenhloso yokwenza impahla yakuleli yohwebo ethunyelwa emazweni angaphandle ikwazi ukuncintisana kalula nempahla yamanye amazwe futhi ukuze ibe yintandokazi, sizophothula ucwaningo esesiluqalile mayelana nokunciphisa izindleko zikagesi, ukuhwebelana, ukuxhumana, ezokuthutha kanye nezinye izindleko.

Sizogxila ekwenzeni impahla yakuleli yohwebo ethunyelwa emazweni angaphandle ibe yimpahla kanokusho yesimanjemanje futhi engungqaphambili.

Isivumelwano mayelana nokusungulwa kweSizinda Sokuhwebelana Mahhala Kwamazwe Ezwekazi Lase-Afrika (i-ACFTA) sihlinzeka ngamathuba amahle kakhulu okubeka iNingizimu Afrika emgudwini wohwebo oluholwa wutshalomali, futhi ikwazi nokusebenzisana namanye amazwe ase-Afrika ukuze athuthukise amandla namakhono awo okusungula nokuqhuba izimboni.

Lesi sivumelwano sizoholela ekwakhiweni kwesizinda sohwebo esinabantu abangaphezu kwebhiliyoni elilodwa futhi enesamba somkhiqizo wasekhaya uma usuhlanganisiwe olinganiselwa kumathriliyoni ama-3.3 amadola aseMelika.

Ngesikhathi sigxile empahleni yakuleli yohwebo ethunyelwa emazweni angaphandle, ngakolunye uhlangothi sizobe simatasa siqalisa izinyathelo zokukhuphula isidingo sokufunwa nokuthengwa kwempahla ekhiqizwe kuleli ngokuthi, phakathi kokunye, sikhulise umthamo wempahla nezinsizakalo zakuleli ezithengwa nguhulumeni kanye nomkhakha ozimele.

Ukukhuphula isidingo sokufunwa nokuthengwa kwempahla yakuleli kanye nokuncishiswa kokuthengwa nokusetshenziswa kwempahla evela emazweni angaphandle, kubalulekile ngoba phela kukhulisa amathuba kubakhiqizi abakhona ngaphakathi eNingizimu Afrika okuhlinzeka ngemikhiqizo yabo kubathengi abakhulayo ngokwesibalo.

Ngalokhu-ke, sizoluqinisa uhlelo lokuthenga impahla ekhiqizwe eNingizimu Afrika, olubizwa nge-“buy South Africa”.

Njengoba amabhizinisi amancane edlala indima ebaluleke kangaka ekukhuthazeni imisebenzi yezomnotho kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi – kanye nasekuqhubekiseleni phambili uhlelo olubanzi lokuhlonyiswa nokufukulwa kwabantu abamnyama – kulo nyaka sizogxila ekulukhuliseni kakhulu uHlelo LokuHlonyiswa Nokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane.

Lo lu hlelo lokuhlonyiswa nokuthuthukiswa kwamabhizinisi luhlinzeka osomabhizinisi abasafufusa ngendawo yokusebenzela, ingqalasizinda kanye nezinsizakalo ezisetshenziswa ngokwabelana, ukufinyelela olwazini lobungoti olukhethekile, ukuxhunyaniswa nabantu abazosebenzisa noma abazothenga imikhiqizo yabo, ukuqeqeshelwa ukusebenzisa ubuchwepheshe obusha kanye nokufinyelela osizweni lokuxhaswa ngezimali.

Njengamanje lolu hlelo lokuhlonyiswa nokuthuthukiswa kwamabhizinisi lunezizinda ezingama-51 zokuthuthukisa amabhizinisi ezobuchwepheshe, eziyi-10 zokuthuthukisa abahlinzeki bempahla emabhizinisini kanye neziyi-14 zokuthuthukisa itsha ngokushesha.

Njengengxenye yokwelula nokukhulisa lolu hlelo, kuzosungulwa izizinda zasemalokishini zobuxhakaxhaka nobuchwepheshe besimanjemanje, futhi lezi zizinda zizosungulwa emalokishini amane kuqala, bese ngokuhamba kwesikhathi kulandela namanye amalokishi.

Sibheke ukuthi lezi zizinda zihlinzeke ngolwazi lwezinsizakalo lokuqhuba ibhizinisi, oludingeka kakhulu, emabhizinisini asafufusa asezindaweni zasemakhaya kanye nasemadolobheni, kodwa futhi ikakhulukazi nakubantu abasha abafuna ukusungula amabhizinisi abo.

Inselele enkulukazi wukudala amathuba omsebenzi azohlomulisa abantu abangasebenzi esikhathini sanamuhla, futhi kusenjalo sicije abasebenzi ukuze balungele imisebenzi yangomuso.

INgqungquthela KaMongameli Yezemisebenzi, eyabanjwa ngonyaka odlule, yaholela ekutheni kwenziwe izivumelwano ezinohlonze futhi eziphathekayo phakathi kwezinyunyana zabasebenzi, amabhizinisi, umphakathi kanye nohulumeni.

Lezi zivumelwano, njengamanje eziqaliswa ngabalingani bethu esibambisene nabo emphakathini, zihlose ukudala amathuba omsebenzi, avuleka ngqo, ayizi-275,000 angeziwe njalo ngonyaka.

Sesiqhamuke nezinhlelo ezinhle kakhulu, nezigcawu kanye namaqhingasu ezinhlelo esiqhubekayo nokuzisebenzisa ukufaka abantu abasha ngobuningi emisebenzini yokukhiqiza eyenzeka emnothweni, ngokusebenzisa amaqhingasu anjengeSaphulelo-sikhuthazo Sentela Samathuba Omsebenzi.

Lesi saphulelo-sikhuthazo sizokwelulwa isikhathi esengeziwe esiyiminyaka eyi-10.

Ngaphezu kwalokho, sesethule uPhiko Lokuqashwa Kwentsha (i-YES), olufaka intsha ezinhlelweni ezikhokhelwayo zokuqeqeshelwa emsebenzini ezinkampanini ezweni lonkana.

Siyazinxusa zonke izinkampani, ezinkulu nezincane, ukuba zibambe iqhaza kulolu hlelo futhi ngalokho zifake isandla, hhayi nje kuphela ekwakheni nokukhulisa amabhizinisi azo, kodwa nasekwakheni umnotho kanye nokukhuthaza ubumbano lomphakathi.

Kunenqubekela phambili ebonakalayo impela enyenzeka emkhakheni wemisebenzi yokuxhuma, ukulungisa kanye nokugcina impahla isesimweni esihle, imisebenzi yezobuhcwepheshe besimanjemanje enjengomsebenzi wokwakhiwa kwamakhodi ezinhlelo-kusebenza zamakhompyutha kanye nomsebenzi wokuhlola nokuhlaziya idatha kanjalo nezinsizakalo zebhizinisi zomhlaba wonke.

Lokhu kwenza sikwazi ukufaka intsha engeziwe emisebenzini – ikakhulukazi leyo esanda kuphothula esikoleni noma emakolishi, kanye naleyo ehleli emkhaya engekho ngaphansi kwezinhlelo zokufunda noma zokuqeqeshwa futhi engasebenzi – ukuze ibe yingxenye yemisebenzi yokukhiqiza eyenzeka emnothweni futhi ikwazi nokuzitholela namathuba etoho angeziwe.

Njengohulumeni, sesinqume ukusiphelisa isidingo sokuthi umuntu ofuna umsebenzi osesigabeni esiphansi abe nesipiliyoni somsebenzi eminyangweni nasezikhungweni zikahulumeni.

Abantu abasha ezweni lethu kumele balekelelwe futhi bahlinzekwe ngosizo oluzokwenza kube lula ukuthola umsebenzi.

Akufanele bahlangabezane nezithiyo nemigoqo phambi kwabo ngenkathi bethungatha umsebenzi.

Sizogxilisa konke esikwenzayo, nezinqubomgomo zethu kanye nezinhlelo zethu ezingxenyeni ezisemqoka kakhulu zomnotho, ezenza umsebenzi odinga abantu abaningi abazosebenza kuzona.

Lezi zibandakanya ezolimo, ezokuvakasha kanye noMnotho Wasolwandle.

Namanje asalokhu engakathuthukiswa ngendlela efanele amandla namakhono ezolimo eNingizimu Afrika okwakha amathuba omsebenzi nokukhulisa umnotho.

INingizimu Afrika isalokhu inodedangendlale bomhlaba ongasetshenziswa ngokwanele noma ongakhiqizi lutho.

Kunabalimi abasafufusa abalinganiselwa ezi-250,000 abalimayo futhi abadinga usizo nokwesekwa ekuthuthukiseni amabhizinisi abo ngokuphelele.

Imikhiqizo yezolimo ethunyelwa emazweni angaphandle iwumthombo obaluleke kakhulu wemali engenayo emnothweni wezwe, futhi ukuthuthukiswa komkhakha wezolimo wakuleli kusemqoka kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi kutholakala ukudla okwanele ezweni, kanye nokuheha utshalomali.

Sinenhlanhla ngokuba nomkhakha wezolimo othuthukiswe kahle, okwaziyo ukumelana nezimo ezinzima futhi ogxile emikhiqizweni ehlukahlukene.

Sihlose ukuwusebenzisa njengesisekelo esiqinile sokuthuthukisa ezolimo ezweni ukuze kuhlomule abantu bonke.

Ngokusebenzisa uhlelo olusheshayo lokuletha izinguquko kwezomhlaba, sizosebenzela ukwelula nokukhuphula umkhiqizo wezolimo futhi sigqugquzele nokubandakanywa kwabantu bonke kwezomnotho.

Izinqubomgomo zethu kanye nemithetho yethu esiyishaye ngenhloso yokungenelela izoqinisekisa ukutholakala komhlaba owengeziwe ukuze usetshenziselwe ezolimo, ukuthuthukiswa kwezimboni kanye nokwakha izindawo zokuhlalisa abantu.

Ngithanda ukubancoma impela abantu baseNingizimu Afrika abaningi ababamba iqhaza emsebenzini weKomidi Lokubuyekezwa KoMthethosisekelo ngenkathi kubanjwe izingxoxo zokubonisana nabantu ezweni lonkana.

Ngiwashayela ihlombe amalungu eKomidi Lokubuyezekwa KoMthethosisekelo ngokuthi angavumi ukuphazanyiswa, kepha kuso sonke lesi sikhathi agxile emsebenzini awunikeziwe futhi nangenkathi esephequlula, ecubungula iziphakamiso ezenziwa ngabantu baseNingizimu Afrika kanye nezinhlangano zabo.

Sizoweseka umsebenzi weKomidi Lokubuyekezwa KoMthethosisekelo elethweswe ijoka lokubuyekeza iSigaba sama-25 soMthethosisekelo ukuze sikubeke ngokuqondile futhi ngokungananazi ukudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.

Njengoba iqhubeka inqubo yokubuyekezwa komthethosisekelo, ngakolunye uhlangothi sethwese iPhini likaMongameli umsebenzi wokuhola iKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene elibhekene Nomsebenzi Wezinguquko Kwezomhlaba ukuze kusheshiswe ukulethwa kwezinguquko kwezomhlaba.

Ithimba lokweluleka longoti eliholwa nguDkt Vuyo Mahlathi, elasungulelwa ukweluleka uhulumeni mayelana nohlelo lwakhe lwezinguquko kwezomhlaba, kulindeleke ukuba lethule umbiko walo ngaphambi kokuphela kwenyanga kaMandulo 2019.

Njengengxenye yokusheshisa izinguquko kwezomhlaba, sezihlonze iziqeshana zomhlaba woMbuso ozokwabelwa abantu.

Umhlaba osezindaweni ezifanelekile uzokhishwa ngenhloso yokwakha izindawo zokuhlalisa abantu emadolobheni kanye nasezindaweni ezakhelene namadolobha.

Njengengxenye yohlelo lokukhuthaza nokugqugquzela ukuhluma kwezolimo, sesitshale izimali ezinkulu ohlelweni olubanzi lokuthuthukiswa nokusekelwa kwabalimi ukuze kuqinisekiswe ukuthi umhlaba obuyisiwe kanye nomhlaba osetshenziswa ngumphakathi wonkana usetshenziswa ngendlela ezovuna izithelo ezibonakalayo.

Sizoqhubeka nokubeka eqhulwini ukuthuthukiswa kwamakhono aqondiswe emikhakheni ethile kanye nezinhlelo zokuhlomisa nokucija abalimi abancane, kanye nabalimi abamnyama abasafufusa.

Kulo nyaka ozayo, sizoqhubeka nokugxila emikhiqizweni yezolimo yenani eliphezulu enamathuba amahle kakhulu okuthunyelwa emazweni angaphandle njengezithelo, iwayini kanye nemifino, kanjalo nenyama yenkukhu neyezinye izinyoni zasekhaya kanye nenyama ebomvu (eyenkomo, imvu, njl).

Nge-SoNA yangonyaka odlule, sakhuluma kabanzi mayelana namathuba amahle kakhulu akhona okwelula umkhakha wezokuvakasha.

Imizamo yethu enohlonze yokukhangisa iNingizimu Afrika njengezwe elihle kakhulu futhi elingungqaphambili elingavakashelwa yizivakashi ezivela kwamanye amazwe isibonisa izithelo ezinhle, njengoba sekubonakale ukukhula okukhulu kwenani lezivakashi zakwamanye amazwe ezivakashela kuleli minyaka yonke.

Kulo nyaka ophelile, ziyizigidi eziyi-10 izivakashi ezivela emazweni engaphandle ezavakashela ezweni lethu.

Sihlose ukusikhuphula lesi sibalo sifinyelele ezigidini ezingama-21 ngowezi-2030, futhi sizogxila, phakathi kwamanye, kulawo mazwe aneminotho  ekhula ngesivinini esikhulukazi, i-India kanye ne-China, kanjalo futhi nakulawo mazwe ayizikhondlakhondla kuleli zwekazi lethu.

Ngaphezu kwamathuba okuqashwa kwabantu ngqo kule mboni encike ezivakashini ezivela emazweni angaphandle, ingadala futhi namanye amathuba omsebenzi angeziwe kubantu abangafinyelela ezigidini ezimbili embonini yezokudla, ezolimo, ezokwakha, ezokuthutha, izitolo ezithengisa impahla, ezobuciko kanye nezamasiko, ngaphambi kokuba kufike owezi-2030.

Sizoqinisa ubambiswano phakathi kukahulumeni nabamabhizinisi ukuze sifezekise le nhlosombono.

Into enkulukazi esiyibeke eqhulwini kulo nyaka kuzoba wukwethulwa kohlelo lwe-eVisa (okusho uhlelo olwenzelwe abantu bangaphandle, lokufaka izicelo zokungena kuleli ngohlelo-xhumano lwenthanethi) olusezingeni lomhlaba.

Lokhu, uma sekuhlangene nokukhangiswa kweNingizimu Afrika okwenziwe ngcono kanye nemizamo yokuqinisa ezokuphepha emkhakheni wezokuvakasha, kuzokwakha izimo zokukhula esizilindele, kanye nemisebenzi namathuba azolandela.

Izwe lethu elihle, iNingizimu Afrika, lingelinye lamazwe anogu lolwandle olude kakhulu emhlabeni wonke jikelele, olungamakhilomitha ayizi-3 000 oluzungeze amangelengele ezwe lethu kusuka empumalanga kuya entshonalanga.

Indawo elikuyona izwe lethu emhlabeni isho ukuthi singakwazi ukusebenzisa amathuba ahlinzekwa yizilwandle zethu ukuze sikhulise umnotho.

Kusukela ekusungulweni komkhankaso we-Operation Phakisa oqondiswe eMnothweni Wezilwandle ngowezi-2014, sikwazile ukuthola utshalomali olulinganiselwa kumabhiliyoni angama-30 amarandi futhi sikwazile ukudala amathuba omsebenzi ayizi-7,000 avuleke ngqo kulo mkhakha.

Utshalomali lwenzeke ikakhulukazi emkhakheni wokuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukukhiqiza okuphathelene nomsebenzi wasolwandle, ukutshalwa kwezitshalo zasolwandle nokufuywa kwezilwane zasolwandle, kanye nomkhakha kawoyela negesi yemvelo.

Utshalomali oluvela kuhulumeni olulindeleke eMnothweni wasoLwandle kule minyaka emihlanu ezayo lulinganiselwa kumabhiliyoni ama-3,8 amarandi bese kuthi utshalomali olungamabhiliyoni angama-65 amarandi luvele emkhakheni ozimele.

Lolu tshalomali kulindeleke ukuthi ludale amathuba omsebenzi angaphezu kwezi-100,000 kubantu abaqashwe ngqo ngaphansi kwalo mkhakha futhi luphinde luvule amathuba omsebenzi angaphezu kwezi-250,000 ezimbonini ezisebenzisana noMnotho WasoLwandle.

Izolo kusihlwa, ngithole ucingo oluvela kuNgqongqoshe uGwede Mantashe lapho engitshele khona ukuthi isikhondlakhondla senkampani kawoyela, abakwa-Total, sizokwenza isimemezelo esikhulu namuhla mayelana nokutholakala kwemithombo emisha “esezingeni lomhlaba” kawoyela negesi ogwini lolwandle lwaseNingizimu Afrika.

Sikhuthazekile kakhulu ngombiko esiwuthole ekuseni namuhla mayelana ne-Brulpadda block ku-Outeniqua Basin, okuchazwe ngabanye ongoti nezingcweti njengomthombo wegesi nowoyela okuyiwona omkhulukazi emhlabeni wonkana.

Kungenzeka lokhu kube yinto ezosiguqula ngendlela emangalisayo isimo sezwe lethu futhi okuyinto ezoba nomthelela omkhulukazi emkhakheni wokuqinisekisa ukuthi izwe lethu lihlala linamandla kagesi anele kanye nasekuthuthukisweni kwale mboni.

Siyabahalalisela abakwa-Total kanye nezinkampani ezihlukahlukene ababambisene nazo, futhi sibafisela okuhle kodwa emizamweni yabo.

Uhulumeni uzoqhubeka nokuthuthukisa imithetho eqondiswe kulo mkhakha ukuze ulawulwe ngendlela efanele ngenhloso yokuhlomulisa bonke abathintekile.

Kule minyaka emihlanu edlule, senze inqubekela phambili enkulu ekuhlinzekweni kwengqalasizinda.

Kunemali engaphezu kwethriliyoni eli-1,3 lamarandi etshalwe ekwakheni izikole kanye namanyuvesi amabili amasha, ukwakha izinkulungwane ngezinkulungwane zezindlu ezintsha, ukuxhuma ugesi emakhaya angaphezu kwesigidi, ukuphehla ugesi omusha kanye nokwelula izinto zokuthutha umphakathi.

Lolu tshalomali lwengqalasizinda lwalekelela futhi nasekukhuliseni umnotho wezwe lethu kanye kokwakha amathuba omsebenzi amasha amaningi emkhakheni wezokwakha, kanye nakweminye.

Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda bekulokhu kuyinto efaka umdlandla nogqozi kanye nofuqufuqu emnothweni wethu futhi sekulethe imihlomulo emikhulukazi ezweni lethu.

Kodwa-ke usemningi impela umsebenzi osasihlalele.

Ingqalasizinda yethu seyehlile ngenxa yezizathu eziningi ezihlukahlukene.

Futhi sesibonile nokuthi akukho ukusebenzisana okuhle phakathi kwezinhlaka zikahulumeni ezihlukahlukene, uma kusakhiwa ingqalasizinda.

Isibonelo, iizindlu ezintsha ezakhiwayo zikude namathuba ezomnotho amasha kanye nezindawo okwakhiwa kuzona amadamu amasha, amapayipi amanzi, izikole kanye nezinye izikhungo zomphakathi nezinsizakalo.  

IKhabhinethi selilwamukele ngokusemthethweni uhlelo olusha lokuqaliswa nokwakhiwa kwengqalasizinda okuhloswe ngalo ukuxazulula lezi zinkinga.

Lokhu kuzosekelwa phezu kweSikhwama Sengqalasizinda esisha esamenyezelwa ngoMandulo ngonyaka odlule.

Uhulumeni usezibophezele ekufakeni isamba esingamabhiliyoni ayi-100 amarandi eSikhwameni Sengqalasizinda esikhathini esiyiminyaka eyi-10 kanye nokusebenzisa lokhu ukunxenxa kanye nokuthola imihlomulo yokuxhaswa ngezimali emkhakheni ozimele kanye nezikhungo zentuthuko ezixhasa ngezimali.

 Njengesinyathelo sokuqala, sizokwelula leyo miklamo esiqalisiwe kakade, njengomklamo wokwakhiwa kwezindlu zokuhlalisa abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Sihlose ukwenza izinto ngendlela ehlukile, futhi sizoqala ngobambiswano phakathi kwethu nemiphakathi ekuhlelweni, ekwakhiweni kanye nasekulungisweni kwengqalasizinda nokugcinwa kwayo isesimweni esifanelekile.

Ngendlela efanayo nalokho esakwenza mayelana nenkinga yoMfula iGwa (-Vaal River), lapho uMbutho Kazwelonke Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (i-SANDF) wangenelela ngenhloso yokuxazulula inkinga yendle echithekele kulo mfula, siyawunxusa uMbuso kanye nomkhakha ozimele ukuba bafake isandla ekuxazululweni kwezinselele zengqalasizinda.

Sizoqeqesha abasebenzi bakahulumeni emakhonweni ezobungcweti ukuze siqinisekise ukuthi imiklamo yenziwa ngokushesha, nokwaka iqembu lonjiniyela, izimenenja zemiklamo, abahleli bezindawo zokwakha amabhizinisi nokuhlalisa abantu kanye nabaklami bezindawo – okuyithimba lokusebenza elizowenza ngokwalo umsebenzi futhi lenze nezinto zihambe ngokushesha.

Umkhakha wengqalasizinda yezokuxhumana ngezingcingo uhlinzeka ngamathuba amahle kakhulu okukhuthaza ukukhula komnotho.

Khona maduze nje uNgqongqoshe Wezokuxhumana uzokhipha iziqondiso mayelana nenqubomgomo yesiKhungo Esizimele Esibhekele Ezokuxhumana eNingizimu Afrika (i-Icasa) yokukhishwa kwamalayisensi amagagasi okusakaza ngomoya afuneka kakhulu.

Njengelizwe elinenkinga yokushoda kwamanzi, sizithola sibhekene nezinkinga zamanzi ezindaweni eziningi zakuleli.

Sithuthukisa uhlelo olubanzi lwezwe oludidiyelwe lokubhekana nenkinga yokushoda nokuntuleka kwamanzi kuleli, ingqalasizinda esigugile kanye nokuqaliswa kwemiklamo ngendlela engagculisi neze.

Sizosungula ngokushesha ithimba lohulumeni abahlukahlukene lokusabela ngokushesha, kanye nethimba eliqinisiwe longoti abakhethekile, ngenhloso yokungenelela ezindaweni ezibhekene nenkinga enkulu yokushoda kwamanzi.

Kwenye yalezi zindawo, okuyindawo yase-Giyani, mkhulu umsebenzi owenziwayo ukuqinisekisa ukuthi amanzi ayafinyelela kubahlali, ngokuthi okwamanje kulungiswe amapitsi, futhi emva kwalokho kuzohlinzekwa ingqalasizinda efanelekile ngokushesha.

Ukuphepha kwabantwana bethu ezikoleni kuyinto esemqoka kakhulu ekwakheni isimo esikulungele futhi esikufanele ukufunda.

Siyadabuka kakhulu uma sicabanga ngengozi okwashona kuyona kabuhlungu u-Michael Komape, owaminza endlini yangasese yomgodi esikoleni samabanga aphansi i-Mahlodumela Primary School e-Limpopo ngowezi-2014, kanye noLumka Mkethwa, owabe efunda esikoleni samabanga aphansi i-Luna Junior Primary School eMpumalanga Kapa, owadlula emhlabeni ngoMandulo ngonyaka odlule.

Ngonyaka odlule, senza ucwaningo futhi sathola ukuthi kusenezikole ezilinganiselwa ezi-4, 000 ezingenazo izindlu zangasese ezisezingeni elifanelekile.  

Ngenxa yobukhulu kanye nokuphuthuma kwale nkinga, sethula uhlelo olubizwa nge-SAFE Initiative ngoNcwaba ngonyaka odlule, okuwuhlelo esalusebenzisa ukugqugquzela yonke imithombo nezinsizakalo ezikhona, kubandakanya nezethembiso ezivela kuhulumeni, abalingani abakhethekile okubanjiswene nabo, kanye nemboni yezokwakha ngenhloso yokuthi kuqedwe zonke izindlu ezingaphephile ezikoleni zikahulumeni, kwakhiwe ezisezingeni elifanelekile.

Kusukela ngesikhathi esethula ngaso lolu hlelo, zingama-699 izikole esezihlinzekwe ngezindlu zangasese eziphephile, futhi kuneminye imiklamo eqhutshwayo kwezinye izikole eziyi-1,150 esezingeni lokuhlela noma ezingeni lokudizayinwa noma ezingeni lokwakha.

Kule minyaka emithathu ezayo, sizibophezele noma kanjani ukuqeda izindlu zangasese ezingaphephile futhi ezingekho ezingeni elifanele.

Lesi yisibonelo esihle kakhulu sobambiswano phakathi kukahulumeni nabamabhizinisi ukuze kubhekwane ngokushesha okukhulu nale nkinga enomthelela ongemuhle neze kwilungelo lezingane zaseNingizimu Afrika lokuphepha nokuhlonishwa kwesithunzi sazo ezikhungweni zemfundo.

Sesenze inqubekela phambili esemqoka impela ekubuyiseni isithunzi kanye namandla nekhono lokusebenza kuma-SOE ethu asemqoka kakhulu.

Ngenhloso yokubuyisa ukuphatha ngendlela efanele, enkampanini yakwa-Eskom, Denel, Transnet, SAFCOL, PRASA kanye ne-SA Express sekuqokwe amabhodi amasha, anabaqondisi abathembakele, abanolwazi lomsebenzi olufanelekile futhi abaqotho.

Sesisungule uMkhandlu Wama-SOE kaMongameli, ozohlinzeka ngokuqapha nokuhlola kwezepolitiki kanye nokuphatha okukhethekile ukuze kulethwe izinguquko, kubekwe ama-SOE esimweni esisha, futhi avuselelwe, ukuze adlale indima yawo yokokhela inhlansi yokukhuliswa komnotho kanye nentuthuko.

Sifuna ukuthi ama-SOE ethu akwazi ukuzimela nokuqhuba umsebenzi wawo ngaphandle kosizo lukahulumeni futhi akwazi nokufezekisa iqhaza lawo lokuletha intuthuko kanye nokukhulisa umnotho.

Ezimweni lapho ama-SOE ehluleka ukuthola uxhaso-mali olwanele emabhange, ezimakethe zezimali, ezikhungweni zemali yentuthuko noma emgodlagodleni wezimali kahulumeni, kuyodingeka ukuthi sibheke ezinye izindlela, njengokuthengisela amasheya abalingani bezebhizinisi abakhethekile noma ngokuthengisa lezo zimpiko zesikhungo ezingabalulekile kakhulu esikhungweni.

Ngenkathi senza konke lokhu, ngeke neze sizisekele nanoma yiziphi izinyathelo, futhi zanoma yiluphi uhlobo, zokuthengisa impahla noma izikhungo zoMbuso ezisemqoka kakhulu emnothweni nakubantu bakuleli.

Sinomsebenzi kanye nomthwalo osemahlombe ethu wokuqapha, ukwakha kanye nokuqinisekisa ukusimama kwalezi zikhungo ezisemqoka kangaka ukuze izizukulwane ezizayo zizithole zisesimweni esikahle.

Sizamile ukuthola izinhlelo ezithembakele emabhodini zokuqasha abantu abanamakhono nolwazi olufanelekile abazophatha lezi zinkampani zikahulumeni ukuze sikwazi ukudlula esigabeni sokuletha uzinzo olusheshayo, siphokophele ekuletheni ukusimama kwesikhathi eside.

Sihlose futhi nokwakha ubudlelwane obunohlonze futhi obunokubambisana okuhle phakathi kwababambiqhaza bakahulumeni, izinyunyana zabasebenzi kanye nabomkhakha ozimele, lapho sizokwazi ukuthi, ngokuhlanganyela, sihlonze umgudu okhethekile wama-SOE wokudala amathuba omsebenzi, wokuvumela ukukhula komnotho okubandakanyayo futhi okuzokwenza ukuthi ama-SOE akwazi ukuzimela ngendlela aqhuba ngayo umsebenzi wawo kanye nokuzimela ngokwezimali.

Ukutholakala kwamandla kagesi anele kuyinto esemqoka kakhulu.

U-Eskom ubhekene nezinkinga ezinkulu futhi lokhu kunobungozi obukhulukazi eNingizimu Afrika.

Lokhu kungadala umonakalo omkhulu futhi kucekele phansi imizamo yethu yokukhulisa umnotho kanye nokuthuthukisa umphakathi.

Kumele sithathe izinqumo ezinohlonze kanye nezinyathelo ezinqala.

Kungenzeka ukuthi imiphumela yalokhu ilethe ubuhlungu obukhulu, kodwa-ke lokhu kungaletha ubunzima nenhlupheko enkulu uma sikubambezela.

Ngenkathi sithatha izinyathelo eziqondiswe kule nkinga enkulukazi, kumele siholwe yisidingo sokunciphisa noma yimuphi umthelela ongemuhle ongenzeka kanye nezindleko zomnotho kumthengi kanye nomkhokhi wentela.

Njengoba senza imizamo yokubhekana ngqo nezinselele ezibhekene no-Eskom sizoqinisekisa ukuthi kunokubonisana nokuxoxisana okunohlonze phakathi kwethu nabo bonke ababambiqhaza abasemqoka.

Ngokubambisana nabasebenzi, no-Eskom kanye nabanye ababambiqhaza sizohola inqubo yokuhlanganisa imininingwane yokuletha uguquko olungachemile, futhi senze nezinhlelo ezifanelekile, ezithembakele futhi ezisimeme ezizokwanelisa izidingo zabo bonke abathintekile.

Njengoba silungisa izinkinga ezibhekene no-Eskom, kudingeka futhi ukuthi sivikele imali kahulumeni, sibe nomthelela omuhle kwisilinganisomandla sokuhlinzekwa ngezikweletu kanye nokukhokha izikweletu, futhi sinake amalungelo kanye nezibopho zabaxhasi baka-Eskom.

U-Eskom useqhamuke nohlelo lokuguqula isimo sezinto olunamaphuzu ayisishiyagalolunye, okuwuhlelo esilwesekayo futhi esifuna ukulubona luqaliswa.

Ngokuhambisana nalolu hlelo, kuzodingeka ukuba u-Eskom athathe izinyathelo eziphuthumayo zokunciphisa kakhulu izindleko zakhe.

U-Eskom uzodinga imali engenayo ethe xaxa ngokuthi akhuphule intela nentengo kagesi ngendlela engambi eqolo.

Kumele sithathe izinyathelo zokunciphisa umkhuba womasipala wokungawukhokheli ugesi futhi sibhekane ngqo nale nkinga yokungawukhokheli ugesi ekhona nakwezinye izindawo zakuleli.

Kusemqoka kakhulu ukuthi labo abasebenzisa ugesi – ngaphezu kukagesi wamahhala ohlinzekwayo – bawukhokhele ugesi wabo.

Uhulumeni uzobahlinzeka abakwa-Eskom ngesibambiso esiqondene nezikweletu zabo. UNgqongqoshe Wezezimali uzohlinzeka ngemininingwane ethe xaxa mayelana nalokhu eNkulumweni yakhe yeSabelomali.

Lokhu sizokwenza ngaphandle kokwethwesa uhulumeni umthwalo wesikweletu esingaphezu kwamandla akhe.

Ukuze siqinisekise ukwethembeka kohlelo lokuguqula isimo futhi sigweme ukuqubuka kwenkinga yezimali efanayo eminyakeni embalwa ezayo, kuzodingeka ukuba u-Eskom athuthukise imodeli yebhizinisi entsha.

Le modeli yebhizinisi kumele iwufakele izibuko umsuka wenkinga ekhona njengamanje kwa-Eskom futhi ibhekisise nezinguquko ezenzekile kuleli nasemhlabeni wonke jikelele mayelana nezindleko eziqhathanisekayo, kanye nezinga lokuthengwa kwemikhiqizo yezamandla, ikakhulukazi imikhiqizo yezamandla engayikhahlamezi imvelo.

Imodeli yebhizinisi kumele futhi ibhekisise indima engadlalwa ngu-Eskom ngokwakhe ekukhiqizeni ugesi ngendlela engayikhahlamezi imvelo.

Ukuze kulethwe ukwethembeka ohlelweni lokuguqula isimo kanye nokubeka umkhakha kagesi waseNingizimu Afrika esimweni sokulungela isikhathi sangomuso, sizoqalisa ngokushesha inqubo yokusungula izikhungo ezintathu ezihlukene – Isikhungo sokuphehla nokukhiqiza ugesi, Isikhungo sokuthumela ugesi kanye Nesikhungo sokusabalalisa ugesi kumakhasimende – ezizoba ngaphansi kwe-Eskom Holdings.

Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi siyazihlukanisa izindleko futhi inkampani ngayinye siyinikeze owayo umsebenzi.

Lokhu kuzokwenza ukuthi u-Eskom akwazi ukuluthola kalula uxhasomali lwemisebenzi yakhe ehlukahlukene kubaxhasi kanye nasemakethe.

Okusemqoka kakhulu futhi okuphuthumayo yisikhungo esizimele sikahulumeni esizophatha futhi silawule inethiwekhi yokuthumela ugesi kuhlangene nomlawuli wezinhlelo zokuthunyelwa kukagesi kanye nemisebenzi yokuhlela amandla kagesi nokuthenga.

Kusemqoka kakhulu ukuthi sithathe lezi zinyathelo ngokushesha ukuze silethe uzinzo esimweni sezimali sakwa-Eskom, siqinisekise ukuhlinzekwa kukagesi ngaso sonke isikhathi, kanye nesisekelo sokusimama kwesikhathi eside.

Into okumele ibe ngumongo wayo yonke imizamo yethu yokufinyelela ezingeni lokukhula komnotho eliphakeme futhi okungumnotho ophakamisa izinga lempilo ephilwa ngabantu, ukuze kufakwe abantu abasha emsebenzini futhi kulungiselelwe isikhathi sobuchwepheshe besimanjemanje, kumele kube wukubekwa kwemfundo eqhulwini kanye nokuthuthukiswa kwamakhono.

Njengoba kunezingane ezingaphezu kwezi-700, 000 ebezifinyelela emfundweni yokuthuthukisa izingane zisencane ngonyakamali odlule, sesisungule isisekelo esiqinile soHlelo olubanzi Lokuthuthukiswa Kwezingane Zisencane (i-ECD) oluyingxenye esemqoka kakhulu yohlelo lwezemfundo.

Kulo nyaka, umsebenzi wezizinda ze-ECD sizowususa ngaphansi koMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi siwufake ngaphansi koMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, futhi siqhubekele phambili nenqubo yokhuphoqelela ukuthi zonke izingane zihambele izizinda zama-ECD eminyakeni emibili ngaphambi kokuba zingene eBangeni loku-1.

Enye into eseqhulwini ebaluleke kakhulu wukuphucula kakhulu izinga lokufunda ngokuqonda kubafundi eminyakeni yokuqala emva kokungena kwabo esikoleni.

Kusemqoka ukucija nokuhlomisa izingane ukuze ziphumelele emfundweni yazo, emsebenzini kanye nasempilweni – futhi cishe lokhu kuyinto eyodwa ebaluleke kakhulu ekunqobeni ububha, ukuntuleka komsebenzi kanye nokungalingani.

Ucwaningo lomnyango mayelana nokufunda incwadi emabangeni aphansi liwubonisile umthelela ezingaba nawo emiphumeleni yokufunda izinsiza-kufunda ezenzelwe lo msebenzi, abaqeqeshi bokufunda abangongoti kanye nezinhlelo zezifundo.

Sizokukhulisa futhi sikwelule kakhulu ukutholakala kwalezi zinsiza-kufunda zamabanga aphansi kuso sonke isigaba esiyisisekelo semfundo yasesikoleni.

Kule minyaka eyisithupha ezayo, sizohlinzeka bonke abafundi eNingizimu Afrika ngezincwadi zokusebenzela kanye namabhuku okufunda atholakala ngohlelo-xhumano lwe-intanethi kuma-tablet.

Sizoqala ngalezo zikole ezabe zincishwe amathuba kakhulu ezitholakala emiphakathini entulayo kakhulu, kubandakanya izikole ezimabanga-maningi, ezizigaba-ziningi, ezisemapulazini kanye nalezo ezisezindaweni zasemakhaya.

Njengamanje angama-90% amabhuku alezo zifundo ezinabafundi abaningi kuwo wonke amabanga asenziwe ngohlelo-xhumano lwekhompyutha kanti futhi zonke izincwadi zokusebenzela sezenziwe ngohlelo-xhumano lwekhompyutha.

Ngokuhambisana noHlaka lwethu Lwamakhono aqondiswe eMhlabeni Oguqukayo, siyakwelula ukuqeqeshwa kothisha kanjalo nabafundi ukuze sikwazi ukuhambisana nobuchwepheshe obusha, kubandakanya i-inthanethi yezinto, ezamarobhothi kanye nobuhlakani bemishini obenza ikwazi ukwenza imisebenzi ethile edinga ubuhlakani babantu.

Kuzokwethulwa izifundo nemikhakha eminingana ephathelene nobuchwepheshe obusha, kubandakanya isifundo esibalo zobuchwepheshe, kanye namasayensi ezobuchwepheshe, amasayensi ezasolwandle, izifundo zezezindiza, amasayensi ezimayini kanye nama-aquaponics.

Ukuze kukhushulwe isibalo sabafundi abafunda ngaphansi komkhakha wezobuchwepheshe, izikole eziningana ezijwayelekile zikahulumeni zizoguqulwa zibe yizikole zamabanga aphakeme zobuchwepheshe.

Ngokuhambisana nokuzibophezela kukahulumeni kwilungelo lokufinyelela emfundweni ephakeme kwabantu abahlwempu, ngonyaka odlule sethula imfundo ephakeme yamahhala kubafundi bonyaka wokuqala abafanelekile.

Ngenxa yalolu hlelo, asesungulwe kabusha amaxhama okuxhumana nazo zonke izikhungo futhi izinhloko zezikhungo kanye nabaholi babafundi sebedlale indima esemqoka ekuxhumaneni nabafundi.

Lolu hlelo luzofakwa ngokwezigaba ngezigaba esikhathini esiyiminyaka emihlanu kuze kufike isikhathi lapho sekuhlomula bonke abafundi abenza iziqu zabo zokuqala abafanelekile, ngokwemigomo namazinga abekiwe.

Ukuletha uzinzo kwizinqubo zebhizinisi zesiKhwama Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali (i-NSFAS) nakho kuyinto ezobekwa eqhulwini kulo nyaka ozayo ukuze lesi sikhwama sikwazi ukuba namandla namakhono afanele okwenza umsebenzi waso osemqoka kakhulu wokuxhasa labo bafundi abafanelekile.

Sikhathazekile nezinxushunxushu ezibheduke kwamanye amanyuvesi kuleli viki, ikakhulukazi imibiko yodlame nokusatshiswa.

Okusikhathaza kakhulu, wukushona kabuhlungu kukaMlungisi Madonsela, obengumfundi eNyuvesi Yezobuchwepheshe YaseThekwini (i-DUT).

Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe futhi siyazinxusa izimpiko zokuphoqelela ukuthotshelwa komthetho ukuthi zisiphenyisise lesi sigameko.

Siyabanxusa abameleli babafundi kanye neziphathimandla zamanyuvesi ukuthi basebenzisane ekutholeni izixazululo zezinselele ababhekene nazo abafundi.

Sizoqalisa ukusebenza kwesibophezelo sethu sokwakha izindawo zokuhlalisa abantu ezindaweni ezikulungele kakhulu lokhu, okuyizindawo eziqoqela ndawonye amathuba ezomnotho kanye nazo zonke izinsizakalo nezikhungo ezibalulekile ezidingwa ngabantu.

UPhiko Lwezokuthuthukiswa Kwezindlu luzokwakha ezinye izindlu ezengeziwe eziyizi-500,000 kule minyaka emihlanu ezayo, futhi kuzohlinzekwa ngesamba semali engamabhiliyoni angama-30 amarandi komasipala kanye nezifundazwe ukuze zikwazi ukufeza imisebenzi ezethweswe yona.

Kodwa-ke, uma sifuna ukubhekana kahle futhi ngokuphelele nenkinga enkulu yokusalela emuva komsebenzi wokuhlinzekwa kwezindlu ezweni lethu, kudingeka ukuthi sithuthukise izinhlelo ezahlukile zokuxhasa noma zokukhokela imiklamo yokwakhela abantu izindlu.

Ngenxa yalesi sizathu-ke sizosungula iBhange Lentuthuko Lezokuhlaliswa Kwabantu elizoqoqa izimali ezivela kuhulumeni nasemkhakheni ozimele, ukuze kuxhaswe imiklamo yokwakhela abantu izindlu.

Sizolwelula futhi noHlelo Lwabantu Lwezindlu, lapho amakhaya ezonikezwa iziza esezifakelwe izinzisa nengqalasizinda ukuze azakhele izindlu zawo, ikhaya ngalinye noma ngokusebenzisa imifelandawonye yezindlu eholwa wumphakathi.

INingizimu Afrika inohlelo lwezibonelelo zikahulumeni olungolunye lwezinhlelo ezibanzi kakhulu emhlabeni jikelele futhi olunomthelela omkhulu kubantu, oluhlinzeka ngomngcele wokuvikeleka phakathi kwamakhaya ahlwempu nobubha obesabekayo.

Njalo ngenyanga uhulumeni ukhokha imali yezibonelelomali zikahulumeni kubantu baseNingizimu Afrika abayizigidi eziyi-17,5.

UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi kumele ushayelwe ihlombe ngesenzo sawo sokuhlonipha umyalelo weNkantolo YoMthethosisekelo wokuthi iyeke ukusebenzisa inkampani yakwa-Cash Paymaster Services.

Kuze kube manje iningi labahlomuli bezibonelelomali zikahulumeni selidluliselwe ngempumelelo ePosini laseNingizimu Afrika (i-SAPO), futhi indawo yamakhadi amadala eNhlangano Yezibonelelo Nezimpesheni Zikahulumeni yaseNingizimu Afrika (i-SASSA) seyithathwe ngamakhadi amasha.

Sesenze inqubekela phambili enkulu emsebenzini wokwakha iQhingasu Lezibonelelo Zikahulumeni elibanzi, ngokusebenzisa uMKhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho kanye Nezabasebenzi (i-Nedlac).

Izinguquko ezizokwenziwa zigxile ekufinyeleleni ohlelweni lwezibonelelo zikahulumeni kanye nezinguquko eziphathelene nomhlalaphansi oluzoqhutshwa ngendlela engambi eqolo, olusimeme futhi olulungele bonke abantu baseNingizimu Afrika.

Ngokulekelelwa yiKhomishana Yokuhlela Kazwelonke, safinyelela esivumelwaneni mayelana nezinguquko ezibandakanya iSikhwama Sikazwelonke Sezibonelelo Zikahulumeni, izinqubo kanye nezinqubomgomo zangaphakathi kwesikhungo, izinguquko zokulawula, imihlomulo eyenziwe ngcono ezotholwa ngabantu abalahlekelwe ngumsebenzi, ukwenza usizo lwezibonelelo zikahulumeni lufinyelele kubantu abaningi, kanye nezinqubomgomo eziqondiswe kubantu abasasebenza abaneminyaka yobudala ephakathi kwe-18 nama-59.

Manje sesizofaka lesi sivumelwano ohlakeni lwenqubomgomo yokuhola nokulawula ukuqaliswa kwalokhu.

Kulo nyaka, sizothatha isinyathelo esibaluleke kakhulu esibheke ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bayaluthola usizo lwezempilo nokunakekelwa.

Emva kokubonisana okubanzi, khona maduze nje, uMthethosivivinywa Womshwalense Kazwelonke Wezempilo (i-NHI) uzobe usukulungele ukwethulwa ePhalamende.

I-NHI izokwenza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakwazi ukuthola izinsizakalo zamahhala ezindaweni abathola kuzona usizo nokunakekelwa kwezempilo ezikhungweni ezisezingeni eliphezulu futhi ezigunyaziwe zikahulumeni kanye nezizimele.

Ngokusebenzisa umgomo wokuzwelana komphakathi nokubambisana, kanye nokuxhasana kwabantu ngokuthi labo abahola imiholo ephakeme bakhokhe imali enkudlwana bese kuthi labo abahola imali encane bakhokhe imali encane, sihlose ukunciphisa ukungalingani kwindlela abantu abahlinzekwa ngayo ngosizo lwezempilo.

Ngokubona ubukhulu bezinselele ezikhona emkhakheni wezempilo, sesisungule i-iThimba Lokuhlela Nokwenza Amasu eliqondene ne-NHI kanye nokuphucula ikhwalithi, elingaphansi kweHhovisi likaMongameli, elakhiwe yiminyango ehlukahlukene esemqoka, ukuze kubhekwane nezinkinga ezikhona ohlelweni lukahulumeni lwezempilo, ngenkathi sisalungiselela ukuqaliswa kwe-NHI.

Sinohlelo oselubekelwe imali eceleni lokwenza ngcono ikhwalithi yezempilo kuzwelonke okuhloswe ngalo ukuthuthukisa yonke imitholampilo kanye nezibhedlela ezizoba nesivumelwano sokusebenzisana ne-NHI.

Ngokwethula i-NHI kanye nohlelo olumkhakha-mningi lokuphucula ikhwalithi ezikhungweni zezempilo zikahulumeni, sisebenzela ukuletha uguquko olukhulukazi osizweni lwezempilo nokwelashwa okutholwa ngabantu baseNingizimi Afrika.

Nakuba siyenzile inqubekela phambili kusukela ngowe-1994 ekwehliseni izinga lemikhakha ethile yobugebengu obubi kakhulu, imiphakathi ezweni lonkana isalokhu ihlushwa yisihlava semigulukudu kanye nodlame.

Njengengxenye yomzamo onohlonze wokwenza izwe lethu liphephe futhi livikeleke kakhudlwana, ngoMfumfu ngonyaka odlule kwethulwa iQhingasu Lokutshalwa Kwamaphoyisa Nokubambisana Kwawo Nomphakathi.

Leli qhingasu ligxile ekwakheni ubambiswano phakathi kwemiphakathi namaphoyisa; futhi lizohlinzeka ngezinsiza ezengeziwe zokuqhuba umsebenzi wobuphoyisa futhi lulethe ukuxhumana okungcono phakathi kwamaphoyisa nemiphakathi mayelana namasu okuvimbela ubugebengu.

Lokhu kuzokwenza ukuthi amaphoyisa akhuthale ekulwisaneni nobugebengu futhi athathe izinyathelo ezinqala zokuthola izixazululo mayelana nezinye izinto ezikhathaza umphakathi ngokuphepha kwawo.

Ngaphezu kwalokho, siqinisa nokusebenza kwezimpiko ezikhethekile ezihlukahlukene, njengoPhiko Olulwisana Nodlame Lomndeni, uPhiko Lokuvikelwa Kwezingane kanye noPhiko Lwamacala Ezocansi futhi siyawaphucula namandla namakhono ethu okuphathwa kwezikhungo kanye nokugcina amarekhodi emazingeni wonke. 

Umbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) sewuqalise inqubo yokuhlela kabusha ukuze kudluliselwe izinsizakalo zamaphoyisa ezengeziwe eziteshini zamaphoyisa ezisemiphakathini.

Udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane selukhule ngendlela esabekayo.

Nsuku zonke, abantu besifazane baseNingizimu Afrika bahlangabezana nokucwaswa, ukuhlukunyezwa, udlame kanye nokufa imbala, futhi esikhathini esiningi lokhu kwenziwa ngabantu abasondelene nabo.

Onyakeni ophelile, siqalile ukubhekana ngqo nalesi sihlava ngendlela enohlonze futhi ehambelanayo.

ENgqungqutheleni KaMongameli Yokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane kanye Nokubulawa Kwabo, abantu besifazane abavela kuyo yonke imikhakha babuthana ndawonye kanye nohulumeni nezinhlangano zomphakathi wonkana ngenhloso yokwakha umkhombandlela wokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane, kwenziwe ngcono ukuhlela ngendlela ehambelanayo, futhi kwenziwe nesibophezelo sokuhlinzeka ngezinsiza ezidingekayo kanye nokuphendula. 

Uyaqhubeka umsebenzi wokuqalisa ukusebenza kwezinqumo ezathathwa engqungqutheleni, kubandakanya nokwakha uHlelo Lukazwelonke Lwamasu Okusebenza oluqondene Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane.

Kulo nyaka, sizosebenzisana nezinhlangano kanye nezikhungo esibambene nazo emphakathi wonkana ukuqalisa ukusebenza kwezinqumo ezathathwa eNgqungqutheleni Kazwelonke Yokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane kanye Nokubulawa Kwabo.

Sihlinzeka ngezimali ezengeziwe ezikhungweni zokweseka nokunakekela ezinjengamaThuthuzela Care Centres kanye namaKhuseleka Care Centre.

Besilokhu siqhubeka nemizamo yokuqinisekisa ukuthi zisebenza kangcono izinkantolo zamacala ocansi.

Sizoyenza ngcono ikhwalithi yezinsizakalo ezikhungweni zokunakekela nokukhosela futhi siqinisekise ukuthi lezi zikhungo ziyawakhoselisa namalungu omphakathi wabantu bobulili obufanayo abathandanayo, phecelezi i-LGBTQI+.

Sizoqinisa futhi sihlomise isikhungo sezingcingo sikazwelonke esisekela abesifazane abazithola bebhekene nodlame olubhekiswe kwabesifazane futhi siqinisekise ukuthi sisebenza kahle lesi sikhungo.

Sisizwile isicelo sokuthi kuhlinzekwe izimali zokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane, futhi kwisabelomali samanje sibeke eceleni imali okuzosekelwa ngayo izinqumo ezathathwa engqungqutheleni.

Uhulumeni uzohola umkhankaso wokubandakanya amadoda kanye nabafana njengezishabasheki ezikhuthele zomzabalazo wokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane.

Ukuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane kuyisidingo sikazwelonke esiphuthumayo esibekwe eqhulwini, esidinga ukuthi kugqugquzelwe bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi kubandakanywe zonke izikhungo.

INingizimu Afrika inesibalo esiphezulu ngokwesabekayo sabantu abaxhaphaza izidakamizwa, okuyinto ebhebhethekisa ubugebengu nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, kukhulisa ububha nobuphofu futhi kudala ubunzima nobuhlungu obukhulu emindenini.

Singuhulumeni, siyaqhubeka nokuqalisa izinhlelo zokungenelela ukuze kulwiswane nezihlava zomphakathi eziyikhahlameza kakhulu imiphakathi, ezinjengobudakwa kanye nokuxhashazwa kwezidakamizwa.

Njengoba sazi kahle kamhlophe ukuthi kunokuxhumana okuqinile phakathi kokuxhashazwa kwezidakamizwa, ukushushumbiswa kwezidakamizwa, ubugebengu kanye nokungabi khona kokuphepha nokuvikeleka emiphakathini – sigxile ekulwisaneni nale nkinga emthonjeni wayo ngokusebenzisa izinhlelo zokuvimbela eziqondiswe kubantu abasengcupheni, ikakhulukazi intsha yakuleli.

Asijiki nakancane ekutheni amathaveni, amashibhini kanye nezindawo zotshwala esizeduze kwezikole kumele kuvalwe.

Kuyinto esiyaziyo, futhi eyaziwa ngabantu bonke baseNingizimu Afrika, ukuthi imizamo yethu emikhulukazi yokuqeda ububha, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kanye nokungalingani iyozuza impumelelo encane kakhulu uma singakabhekani ngqo nesihlava zokubhozonyelwa kombuso kanye nenkohlakalo noma kuphi lapho kuzibonakalisa khona lokhu futhi nakuyo yonke imikhakha yempilo yomphakathi.

Izinyathelo esizithatha manje zokuqeda inkohlakalo kanye nokuqinisekisa ukuthi bayaphendula ngemisebenzi yabo emibi labo ababandakanyekayo, yizona ezizolawula isivinini kanye nomgudu ophokophele oguqukweni lwenhlalo nolwezomnotho olunohlonze esilufunayo.

Izindaba ezivela kwiKhomishana Yophenyo kaZondo ephenya isihlava Sokubhozonyelwa Kombuso kanye namanye amakhomishana, ziyakhathaza kakhulu, ngoba phela zidalula ububanzi kanye nokujula kwezenzo zobugebengu eziyinselele kwisisekelo soMbuso wethu wentando yeningi labantu.

Siyawancoma lawa makhomishana ngomsebenzi awenzayo, futhi esikhathini esiningi awenza ngaphansi kobunzima obukhulu, ukuze kuvundululwe iqiniso.

Lawa makhomishana kumele enze umsebenzi wawo ngaphandle kokuphazanyiswa nokuvinjelwa, futhi siyabanxusa bonke labo bantu abasesimweni sokufaka isandlaukuthi basondele bawalekelele amakhomishana ophenyweni alwenzayo.

Nakuba kusazothatha isikhathi ukuthi lawa makhomishana akhiphe imiphumela yalokho akutholile ophenyweni lwawo futhi enze nezincomo ngokuhambisana namagunya awo, ubufakazi bezenzo zobugebengu obuvelayo kumele bufakelwe izibuko wuhlelo lobulungiswa nokulwisana nobugebengu.

Lapho kunobufakazi obuphathekayo obuvumela ukuba kuqaliswe inqubo yokushushisa, kumele ilandele ngokushesha futhi kubuyiswe ngokushesha imali kahulumeni entshontshiwe.

Ngenxa yalokho-ke, sivumelene no-NDPP omusha ukuthi kukhona isidingo esisheshayo sokusungula, ehhovisi lika-NDPP, uphiko lokuphenya oluzobhekana ngqo namacala amabi obugebengu kanye namanye ahlobene nawo, ngokuhambisana neSigaba 7 soMthetho we-NPA.

Khona maduze nje ngizokhipha isisaziso esisemthethweni esizobeka ngokucacile imigomo yokusebenza yalolu phiko.

Ngokubanzi, lolu phiko, luzogxila ebufakazini osebuvelile kwiKhomishana Yophenyo kaZondo ephenya isihlava Sokubhozonyelwa Kombuso, nakwamanye amakhomishana kanye nasophenyweni lwezigcawu zokuqondisa izigwegwe.  

Luzohlonza amacala aseqhulwini okumele aphenywe futhi ashushiswe, futhi luzodla nempahla ehlonzwe njengempahla ethengwe ngemali etholakale ezenzweni zobugebengu.

Lolu Phiko luzohlanganisa ndawonye abaphenyi kanye nabashushisi abaningi futhi abahlukahlukene, abavela ngaphakathi emkhakheni kahulumeni kanye nalabo abavela emkhakheni ozimele abazoholwa ngumqondisi wezokuphenya osebenza ngaphansi kuka-NDPP.

Ngokuhamba kwesikhathi, sizosebenzisana ne-NPA kanye nezinye izimpiko zokuphoqelela ukuthotshelwa komthetho ukuthuthukisa isixazululo sesikhathi eside esizoqinisa amandla okuqhuba umsebenzi ngempumelelo ohlelweni lobulungiswa nokulwisana nobugebengu ukuze lukwazi ukubhekana ngqo nenkohlakalo.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Njengoba sisazama ukuxazulula izinselele ezibangelwe yizinto ezenzeke kuleli esikhathini esifushane esedlule, futhi njengoba siqinisa imizamo yethu yokunqoba ububi bokungahanjiswa kwezinto ngobulungiswa, okwaqhubeka amakhulukhulu eminyaka, kusemqoka ukuthi ngenkathi sikwenza lokho amehlo ethu ahlale ethe njo esikhathini esizayo.

Umhlaba esiphila kuwona njengamanje uguquka ngesivinini esikhulu futhi ngendlela engakaze ibonwe emlandweni.

Intuthuko enkulukazi eyenzekayo kwezobuchwepheshe iguqula indlela abasebenza ngayo abantu futhi lokhu kushintsha nendlela abaphila ngayo.

Le ntuthuko enkulukazi iguqula indlela abaxhumana ngayo abantu, indlela esebenza ngayo imiphakathi kanye nendlela ephathwa ngayo.

Imiphumela emibi kakhulu yesivuvu sokushisa komhlaba, esiguqula isimo sezulu sethu esijwayelekile, isiyazwela impela njengoba izimo zezulu ezixakile zicekela phansi izindlela abaziphilisa ngazo abantu, futhi zicekela phansi imiphakathi kanye namazwe.

Njengesizwe esisha, okuyiminyaka engama-25 nje kuphela izwe libuswa ngentando yeningi labantu, sibhekene nezimo ezinzima futhi ezingagwemeki okumele sikhethe kuzona.

Kumele sikhethe phakathi kokushiywa ngemuva wuguquko olwenzekayo kwezobuchwepheshe noma silubambe ngazo zombili, silusebenzisele ukufezekisa izifiso nezinjongo zethu zentuthuko.

Kumele sikhethe phakathi kokuqinisa nokugxilisa ukungaIingani kanye nokwakha isimo esizophumelelisa umuntu wonke ngokusebenzisa intuthuko yokuqanjwa nokusungulwa kwezinto zesimanjemanje.

Ngaphandle kokuthi nathi siguquke nalolu guquko olwenzekayo, ngaphandle kokuthi nathi siluqonde kahle uhlobo loguquko olunohlonze olushintsha isimo somhlaba wethu, nangaphandle kokuthi nathi siwabambe ngazo zombili amathuba ahlinzekwa yilolu guquko, izithembiso esazenza ngenkathi  izwe lethu lithola inkululeko ziyohlala zinjalo, ziyithembiso ezingafezekisiwe.

Namuhla, sikhetha ukuba yisizwe esihlabela phambili, esiphokophele esikhathini esizayo.

Ngokwenza njalo, sakhela phezu kwesisekelo sempumelelo emangalisayo ezuziwe kwezesayensi.

Ukwakhiwa ngempumelelo kwesibonakude i-MeerKAT eNyakatho Kapa, okuyisibonakude esikhulukazi emhlabeni futhi esisebenza ngamagagasi omoya esinamandla amakhulukazi okubona izinto ezikude emajukujukwini omkhathi, kanye nokuthuthukiswa kwe-Square Kilometre Array (i-SKA) sekwenze ukuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukuqeqesha ongoti bemikhakha enjengokubukelwa komkhathi, ubunjiniyela obuseqophelweni eliphakeme kanye nabomkhakha wokusetshenziswa kwamakhompyutha asesingeni eliphakeme kakhulu, obizwa nge-supercomputing.

Labo ngoti  bayasetshenziswa njengamanje ukwakha i-HERA, isibonakude esisebenza ngemagagasi omoya esakhelwe ukuhlonza, okokuqala ngqa, isiginali yamagagasi omoya eyingqayizivele evela ezinkanyezini kanye nemithala (ama-galaxy) yasemandulo okungeyokuqala ngqa eyakheka ngenkathi kudaleka imvelo yonke.

Lokho akuphathelene nje kuphela nokuqhubekisela phambili ukuqonda kwabantu ngokudaleka kwemvelo yonke – kepha kuphathelene nokubhekana nezinselele ezibhekene nabantu baseNingizimu Afrika esikhathini samanje kanye nalezo abazobhekana nazo esikhathini esizayo.

Lokhu kuphathelene nokuthuthukisa ubuchwepheshe kanye namandla namakhono okusebenza azokwakha umnotho okhulayo, oguquka nezikhathi nokwaziyo ukuncintisana neminye, futhi ovula amathuba omsebenzi asezingeni elamukelekile futhi asimeme.

Lokhu kuphathelene nokuqinisekisa ukuthi kunokudla okwanele kuleli, ukulawulwa kwezifo kangcono, kanye namandla kagesi angambi eqolo, ahlanzekile futhi asebenza kahle.

Lokhu kuphathelene nezindawo zokuhlalisa abantu zesimanjemanje kanye nezinsizakalo zokuthuthukiswa komphakathi ezakhelwe phezu kwezidingo zabantu kanye nezinto ezithandwa yibona.

Lokhu kuphathelene nokuphatha okunobuhlakani, okusabelayo futhi okusebenza kahle.

Ukuqinisekisa ukuthi silusebenzisa kahle futhi ngokuphuthuma okukhulu uguquko lwezobuchwepheshe ekuphishekeleni ukukhula komnotho okubandakanyayo kanye nokuthuthukiswa komphakathi, sengiqoke iKhomishana KaMongameli eqondene noGuquko Lwezimboni Lwesine Olugxile Ekusetshenzisweni Kobuxhakaxhaka Nobuchwepheshe Besimanjemanje.

Le khomishana, ezobandakanya abantu abavelele futhi abahlonishwayo abavela emikhakheni ehlukahlukene yomphakathi, izosebenza njengethimba elimkhakha-mningi likazwelonke lokweluleka maqondana noguquko lokusetshenziswa kobuxhakaxhaka besimanjemanje obusebenzisa izinhlelo-kusebenza zekhompyutha.

Lokhu kuzohlonza futhi kwenze izincomo mayelana nezinqubomgomo, amaqhingasu kanye nezinhlelo ezizobeka iNingizimu Afrika esimweni sokuba yizwe elikwaziyo ukuncintisana namanye amazwe emhlabeni jikelele emkhakheni wezoguquko lokusetshenziswa kobuxhakaxhaka besimanjemanje obusebenzisa izinhlelo-kusebenza zekhompyutha.

Ngokwakhela phezu komsebenzi esiwenze ngonyaka odlule, sizogxila ekuqiniseni kakhudlwana amandla nekhono lokusebenza loMbuso.

Ikhona inqubekela phambili esesiyenzile ekucubunguleni ubukhulu kanye nohlaka lwezikhundla zoMbuso, futhi lo msebenzi sizowuphothula ngaphambi kokuphela kwehlandla lokuphatha likahulumeni ophethe njengamanje owavotelwa ngowezi-2014.

Siyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi benze iziphakamiso futhi bathumele imibono yabo mayelana nokuthi iyiphi indlela engcono yokwakha nokuhlanganisa uhlaka lwezikhundla zikahulumeni ukuze ukwazi ukusebenzela ukufezekisa izidingo nezimfuno zabantu.

Ngenhloso yokwenza ngcono amakhono kanye namandla okusebenza ezisebenzi zikahulumeni, iSikole Sikazwelonke Sikahulumeni (i-NSG) sethule iqoqwana lezifundo eziphoqelekile, emikhakheni enjengomkhakha wenkambiso yokuziphatha elungileyo nokulwisana nenkohlakalo, umkhakha wabaphathi abakhulu kanye nokuphathwa kwenqubo yokuthengwa kwempahla nezinsizakalo, kanye nokutshalwa kwabaphathi ezigabeni lapho bezozibambela bona mathupha futhi balekelele emsebenzini wokuhlinzeka umphakathi ngezinsizakalo ukuze kuqiniswe ukuhlinzekwa kwezinsizakalo emphakathini.

Sizokwenza yonke imidanti nemicikilisho edingekayo maqondana nokusetshenziswa kweSigaba 8 soMthetho Wokuphathwa Nokulawulwa Komkhakha Wezisebenzi Zikahulumeni, esiqinisa ukunqatshelwa kwezisebenzi zikahulumeni ngokusemthethweni ukwenza ibhizinisi noMbuso futhi ukuze uhulumeni ukwazi ukubhekana kangcono nezenzo zenkohlakalo.

Lesi simiselo somthetho sizoholela ekutheni kukhishwe izigwebo eziqinile, kubandakanya izinhlawulo noma nezigwebo zokugqunywa ejele kulezo zisebenzi zikahulumeni eziphula umthetho.

Kuzosungulwa uPhiko Lwezenkambiso Yokuziphatha Elungileyo, Ubuqotho kanye Nokuhlinzeka Ngosizo Lokuphathwa Nokuqhutshwa Kwenqubo Yokuqondiswa Kwezigwegwe ukuze kuqiniswe ukuphathwa nokulawula kwenkambiso yokuziphatha elungileyo nokulwisana nenkohlakalo futhi kuqinisekise ukuthi bayaphendula ngezenzo zabo futhi bathathelwa izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe labo abaphule izinqubo-kusebenza ezibekiwe zikahulumeni.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Kulo nyaka iNingizimu Afrika seyithathe isikhundla sobulungu besikhashana eMkhandlwini Wezokuvikela weNhlangano Yezizwe (i-UNSC).

Lesi sikhundla sizosisebenzisela ukukhuthaza nokugqugquzela ukuthula kuleli zwekazi kanye nasemhlabeni wonke jikelele, ngalokho siqhubekisele phambili ihloso-mbono ka-Nelson Mandela yomhlaba onokuthula, uzinzo, ongachemile futhi onobulungiswa.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Ezinyangeni ezimbalwa ezizayo, abantu baseNingizimu Afrika bazovakashela ezikhungweni zokuvota beyovota, okuzobe kungokwesithupha ngaphansi koMbuso wethu wentando yeningi labantu bevotela uhulumeni kazwelonke kanye nohulumeni bezifundazwe.

Leli yithuba lokuthi abantu bakuleli basebenzise ilungelo labo abalithola kanzima lokuthatha isinqumo mayelana nokuthi leli lizwe kumele lithathe indlela ebheke ngakuluphi uhlangothi.

Sengixoxisene neKhomishana Yokhetho Ezimele kanye nondunankulu bazo zonke izifundazwe, futhi ngihlose ukumemezela ngokusemthethweni usuku lomhla ziyisi-8 kuNhlaba 2019 njengosuku lokhetho.

Sithanda ukubakhumbuza bonke abantu baseNingizimu Afrika abafanelekile ukuvota abangakabhalisi njengabavoti ukuthi basenalo ithuba lokubhalisa kuze kufike usuku lokumenyenzelwa ngokusemthethweni kosuku lokhetho.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Thina singabantu abakwaziyo ukumelana nezimo ezinzima futhi emva kwalokho bavuke bazithathe, abaphikelelayo futhi abahlalela ethembeni lokuthi konke kuzolunga.

Nakuba sabhekana nobubi obesabekayo bobandlululo, asizange sibe nomoya wokuziphindisela emva kokuthola inkululeko yethu.

UMbuso wethu wentando yeningi labantu usukhululile futhi waqhakaza, ukhuliswa ngumusa nezenzo ezinhle zamadoda nabesifazane baleli lizwe elihle kangaka, abakuqonda kahle kamhlophe ukuthi intando yeningi labantu yatholakala emva komzukuzuku nokulahlekelwa okungakanani.

Umgwaqo obheke enkululekweni yoqobo usemude impela, futhi sikubonile ukukhula koqhekeko ezweni lethu.

Phakathi kwabamnyama nabamhlophe, abacebile nabampofu, abahlala emadolobheni nabahlala ezindaweni zasemakhaya, phakathi kwabesilisa nabesifazane futhi phakathi kwabantu abakhuluma izilimi ezahlukene, abalandela amasiko ahlukene.

Kwezinye izikhathi bekubonakala sengathi waphephethwa ngumoya umusa owasenza sibuyisane ngowe-1994.

Kodwa-ke ngeke neze siyekelele konke ngenxa yokuphelelwa yithemba nokwamukela ukuthi sesihlulekile.

Isizwe sethu sisekelwe yizimpande zokubekezelelana nokuphilisana ngokuthula futhi asijiki neze, asihlehli neze, futhi sibumbene ekubhekaneni ngqo nakho konke okuzama ukusihlukanisa phakathi, noma okuhlose ukucekela phansi izinzuzo nempumelelo esayithola kanzima.

Babesitshela ukuthi kuyinto engeke neze yenzeke ukwakha iNingizimu Afrika engenakho ukucwasana ngokobuhlanga, futhi ngeke neze sikwazi ukuwapholisa ngokweqiniso amanxeba esikhathi esedlule, okuyisikhathi esasinzima kakhulu kuleli.

Kodwa nakuba kunjalo sakwazi ukuwela ngelibanzi, futhi siyanqoba.

Ngezikhathi ezinzima kakhulu kuleli, ngumoya ongapheliyo ongaphakathi kithina njengabantu owasikhuthaza ukuthi singapheli amandla futhi sihlalele ethembeni ngoba izinto zizolunga.

Yilo moya wokuba nethemba ozosithwala usise phambili lapho siyobhekana khona ngqo futhi ngesibindi nengomuso elisha.

Leyo iNingizimu Afrika lapho yonke indoda, wonke umuntu wesifazane kanye nezingane behlinzekwa ngethuba kanye nezinsiza nezindlela zokuzenzela ingomuso elingcono.

Leyo iNingizimu Afrika esikulungele ukuwabamba ngazo zombili futhi iwasebenzise amathuba ahlinzekwa wuguquko lwezobuchwepheshe oluvunguza emhlabeni wonke jikelele, ukuze sikhulise umnotho wezwe futhi sivule amathuba omsebenzi azohlomulisa abantu bakuleli.

Leyo iNingizimu Afrika enabantu abanombono, ugqozi nenkuthalo kanye nokulangazelela ukufezekisa amaphupho nezifiso zabo; okwenza leli lizwe libe yisizinda sokuqanjwa nokusungulwa kwezinhlelo nemikhiqizo yesimanjemanje, ukusungulwa kwamabhizinisi kanye nokusetshenziswa kwenzindlela ezintsha.

Leyo iNingizimu Afrika ezivumayo futhi ezamukelayo izinkinga zesikhathi esedlule, kodwa ephokophele phambili ngokuzimisela okukhulu.

Leyo iNingizimu Afrika enabaholi abanesibindi, abaholi abalokhu beyizinceku ezisebenzela abantu – futhi kubona ukwenza nokufeza umsebenzi wabo kungumvuzo omkhulu kunayo yonke, futhi okunguwona kuphela abawufunayo.

Ngaphezu kwakho konke, leyo iNingizimu Afrika esiziqhenyayo thina sonke ngalokho esekuzuzile kanye nalapho esiphokophele khona.  

Umsebenzi ophambi kwethu usemkhulu impela.

Ngaphezu kwakho konke, kumele sizabalaze futhi senze konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi umnotho wethu uyakhula futhi.

Ngiyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi lo mzabalazo bawenze kube ngowabo.

Ngoba uma sesiphumelela – futhi nginesiqiniseko sokuthi lokho kuzokwenzeka noma kanjani – kuzohlomula isizwe sonkana.

Njengohulumeni, amabhizinisi, abasebenzi futhi njengezakhamuzi, masibumbane ukuze silibambe ngazo zombili ingomuso.

Masilibambe ngezandla zombili ingomuso lethu sonke, futhi uma ngicaphuna amagama ayohlala naphakade oMqulu Wenkululeko, sikwenze lokho: ‘sisebenza ndawonye ngokubambisana, futhi ngamandla ethu onke nesibindi’.

Lo msebenzi – wokwakha iNingizimu Afrika engcono – ngumsebenzi wethu sonke okumele siwenze ngokubambisana njengesizwe, njengabantu baseNingizimu Afrika.

Njengoba sifinyeza imikhono sisondela kule misebenzi kanye nezinselele, kumele silalele amagama ashiwo ngu-Theodore Roosevelt, owathi:

“Umgxeki akuyena neze obalulekile; futhi akuyona neze leyo ndoda ekhombisayo ukuthi isikhondlakhondla siwe kanjani, noma ekhombisayo ukuthi bekumele enzeni umenzi wezenzo.

“Empeleni umuntu okumele anconywe yindoda esenkundleni, ubuso bayo obugcwele uthuli kanye nomjuluko kanye negazi; ezabalaza ngobuqhawe; eyenza amaphutha, ihluleke ngokuphindaphindiwe, ngoba phela awukho umzamo ongenalo iphutha nokuhluleka; kodwa engumuntu ozamayo impela ukwenza lokho okumele akwenze; owazi ugqozi olukhulukazi, ukuzinikela okukhulukazi; okhipha onke amangwevu akhe eshabashekela umzabalazo onezinhloso ezinhle; uma izinto zimhambela kahle obaziyo ubumnandi bokunqoba nokuzuza impumelelo ephakeme ekugcineni, futhi uma izinto zingamhambeli kahle, uma ehluleka, okungenani uhluleke ezamile futhi ebonise isibindi esikhulukazi, ngakho-ke indawo yakhe ngeke neze ibe kulabo bantu abanonya futhi abangamagwala abangakaze bahlangabezane nokunqoba noma ukunqotshwa.”

Sonke sinendima okumele siyidlale njengabantu ngabanye baseNingizimu Afrika, izinhlangano zezenkolo, izinhlangano zezemidlalo, izinyunyana zabasebenzi, amabhizinisi, abafundi, izifundiswa kanye nezakhamuzi.

Masiqhubeke nokubonisa umoya omuhle wokuba yizakhamuzi ezikhuthele futhi eziyishoshovu, ngokuhambisana nomyalelo othi, Thuma Mina, njengoba siqhubeka ohambweni lwethu oluphokophele phambili ekuletheni ukulingana, inkululeko kanye nempumelelo kubantu bonke.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore