Kuhlaka lukazwelonke lwamarekhodi abafundi i-National Learners’ Records Database

Iziqu zakho zemfundo ungaziqinisekisa kwiSizindasolwazi Sikazwelonke Samarekhodi Abafundi (NLRD) ngokusebenzisa uhlelo lwe-SAQA VeriSearch loMkhandlu Owengamele Iziqu Zemfundo waseNingizimu Afrika (i-SAQA). Uma ungumqashi, nawe ungaziqinisekisa iziqu zabasebenzi bakho kulesi sizindasolwazi. Uma ufuna ukuhlola ulwazi lwakho, uzothola irekhodi eliphelele eliqondene nawe eligcinwe yi-NLRD.  

Uma abanye abantu befuna ukuqinisekisa ulwazi lwakho njengomfundi, kumele bathumele isicelo solwazi esinemininingwane ephelele (uhlobo lweziqu zemfundo, isikhungo semfundo kanye nosuku). Impendulo ye-SAQA, eqondene nalolo lwazi kuphela, izothi “lutholakele” noma “alutholakalanga”.

Ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuthi ungaziqinisekisa kanjani iziqu zakho zemfundo vakashela ku-SAQA VeriSearch.

 

Share this page