Uma ufuna ukufudukela kwelinye izwe noma ufuna ukuyosebenza kwelinye izwe, kumele ufake isicelo se-PCC esiteshini samaphoyisa aseNingizimu Afrika esiseduze nawe.
Lesi sitifiketi sikhombisa ukuthi unalo yini irekhodi lobugebengu noma cha.
Kumele uhlinzeke amaphoyisa ngamagama akho aphelele, isibongo, usuku lokuzalwa kanye nomazisi wakho noma iphasiphothi, esiteshini samaphoyisa lapho kuzothathwa khona iminyatheliso yeminwe yakho.
Uma ungaphandle kwaleli lizwe, ungafaka isicelo kulelo lizwe okulona noma eNdlini YeNxusa laseNingizimu Afrika.
Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuthi sifakwa kanjani isicelo seSitifiketi Samaphoyisa Esikhombisa Imininingwane Yerekhodi Lakho Lobugebengu.
South African Criminal Record Centre | |
Tel | 012 393 3928 |
crc-nameclear@saps.gov.za | |
Physical address | Sanlam Plaza West, CRC Client Service Centre, 1st Floor, 271 Schoeman Street, Pretoria |
Postal address | South African Criminal Record Centre, Private Bag X308, Pretoria 0001, South Africa |
Web address | https://www.saps.gov.za/ |