Ukufaka isicelo sokunakekelwa ngabazali okungesibo abakho

Ngosizo 
Okufanele ukwenze 
Isikhathi esinqunyiwe 
Kubiza malini 
Amafomu okumele agcwaliswe 
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo kufaka isicelo sokunakekelwa ngabazali okungesibo abakho

Uma ufuna ukubheka ingane edinga ukunakekelwa nokuvikelwa, faka isicelo sokubheka ingane okungesiyo eyakho ehhovisi loMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi noma enhlanganweni yokuvikela izingane esemthethweni.

Ukunakekelwa ngabazali okungesibo abengane ukubekwa kwesikhashana kwengane edinga ukunakekelwa nokuvikelwa. Ingane ibekwa ekunakekelweni ngumuntu ofanele ongesiyena umzali noma umbheki wengane.

Ubani olungele ukuba yingane ebhekwe ngabantu kungesibo abazali bakhe?

Ingane kufanele:

  • ibe ngaphansi kweminyaka yobudala eyi-18 kanye/noma
  • ukuba ishiywe noma iyintandane futhi ayinalo usizo nanoma yiluphi olubonakalayo
  • ukuba ikhombisa indlela yokuziphatha engeke ilawulwe umzali noma umnikezeli wokunakekela
  • ukuba ihlala emgwaqeni noma iyacela ukuze iphile
  • ukuba isingenwe izidakamizwa ezenza ukuthi iphile ngazo futhi ingenakusizwa ukuthola ukwelashelwa lokho kuncika
  • ukuba uke waphathwa kabi noma wabekeka engozini yokuphathwa kabi
  • ukuba sengozini uma ebuyiselwa ezandleni zomzali, umbheki noma umnakekeli
  • eba sesimeni sokunganakwa ngokomzimba noma ngokwengqondo, ukuhlushwa, ukuxhashazwa noma ukwehliswa isithunzi ngumzali, umnakekeli, umuntu obhekene nemisebenzi yobuzali kanye namalungelo noma ilungu lomndeni wengane noma ngumuntu ingane engaphansi kwesandla sakhe njengomzali.

Ubani olungele ukuhlala nengane okungeyiyo eyakhe?

Ukulungela njengomzali ongesiyena umntanakhe, kufanele:

  • ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu
  • uqine futhi ube kahle
  • ukufisa nokukwazi ukunakekela ingane
  • ukukwazi ukuhlinzeka isimo esikahle sokukhula kwengane nentuthuko.

Ungakwazi ukuthatha ingane okungeyiyona eyakho isikhathi esishiwo inkantolo. Uma isikhathi esishiwo yinkantolo siphela, umsebenzi osesihlalweni ngemuva kokubukeza angancoma kusonhlalakahle ukuthi kwelulwe isikhathi somyalelo wenkantolo.

Okufanele ukwenze

  • Faka isicelo sokubheka ingane okungesiyo eyakho ehhovisi loMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi noma inhlangano yokuvikela izingane esemthethweni.
  • Uzodluliselwa kusonhlalakahle ozoqhuba uphenyo.
  • Usonhlalakahle uzohlola izimo zengane.
  • Uzohlolwa futhi uhlungelwe ukufaneleka ukuthi ube ngumzali wengane okungesiyona eyakho.
  • Letha okulandelayo:
    • I-afidavithi eshoyo ukuthi ingane ishiywe dengwane (uma kusebenza)
    • Izitifiketi zokufa zabazali (uma sikhona)
    • Isitifiketi sokuzalwa (uma iskhona)- Uma ingane ingenaso isitifiketi sokuzalwa, usonhlalakahle uzokusiza ukuthola isitifiketi sokuzalwa
    • Incwadi yakho ye-ID.
  • Umzali/abazali begazi kanye nengane kufanele babandakanyeke ohlelweni
  • Ezimeni lapho ingane ishiywe dengwane khona noma iyintandane, usonhlalakahle uzokusiza ekwenzeni isikhangisi emaphephandabeni bese elindela impendulo evela emphakathini inyanga eyodwa.
  • Usonhlalakahle uzohlanganisa umbiko futhi awethule eNkantolo Yezingane nezincomo.
  • Kuya ngokombiko kasonhlalakahle, umsebenzi ososehlalweni enkantolo kungenzeka ukuthi ingane ayithole idinga ukunakekelwa nokuvikeleka.
  • Umsebenzi osesihlalweni uzokhipha umyalelo wenkantolo ogunyaza ukubekwa kwengane nomzali ongesiyena umzali wayo wegazi. Umyalelo wenkantolo uzokhombisa amagama omzali okhulisa ingane okungesiyona eyakhe, ingane ehlala nomzali okungesiyena umzali wayo kanye nesikhathi ezobekwa sona kumzali ongayizali.

Qaphela: Uma umyalelo wenkantolo usukhishiwe, ungafaka isicelo sesibonelelo sengane ekhuliswa umzali okungesiyena owayo ehhovisi le-SASSA eliseduze nawe kakhulu. Ingane nayo ingaxolelwa ekukhokheni izimali zesikole esikoleni sikahulumeni nasezikhungweni zikahulumeni zokunakekela ezempilo. Ukuze ingane ixolelwe ekukhokheni izimali zesikole, kufanele ugcwalise Ifomu Lokuxolelwa elitholakala esikoleni, futhi ulethe ikhophi yomyalelo wenkantolo. 

Isikhathi esinqunyiwe

Ukuphenya nokuphetha imibuzo kuyahluka ngesimo ngesimo.

Kubiza malini

Umsebenzi umahhala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Wonke amafomu atholakala emahovisi aseduze nawe omnyango wezokuthuthukiswa komphakathi.

Imininingwane yokuxhumana

 

 

Share this page