UMongameli Cyril Ramaphosa: INkulumo Echaza Isimo Sezwe Yowezi-2022

INkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) eyethulwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa e-Cape Town City Hall NgoLwesine, mhla ziyi-10 kuNhlolanja 2022

USomlomo Wesigungu Sikazwelonke, Nks Nosiviwe Mapisa-Nqakula,
USihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP), Mnu Amos Masondo,
IPhini likaMongameli u-David Mabuza,
UMongameli Waphambilini uThabo Mbeki,
IPhini likaMongameli Laphambilini uPhumzile Mlambo-Ngcuka,
IPhini likaMongameli Laphambilini uBaleka Mbete,
USomlomo Waphambilini Wesigungu Sikazwelonke, Mnu Max Sisulu,
IBamba LeNhloko Yamajaji u-Raymond Zondo,
USodolobha Wedolobha laseKapa, Mnu Geordin Hill-Lewis,
INhloko Yebhodi Lezindlu Zamanxusa, Mnu Bene M'Poko,
Amalungu oPhiko Lwezobulungiswa,
Izinhloko Zezikhungo Ezeseka Intando yeningi labantu,
Amalungu ePhalamende,
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kulo nyaka, okokuqala ngqa selokhu sazuza intando yethu yeningi labantu, i-SoNA ayethulelwa kwiSigcawu Sesigungu Sikazwelonke.

Njengoba siqala unyaka omusha, umlilo omkhulu ungqongqise isihlalo sethu sentando yeningi labantu.

Sonke sazibonela ngentukuthelo nangokudangala njengoba amalangabi ayengqongqisa izakhiwo lapho uMthethosisekelo wethu wentando yeningi labantu wazalwa khona, lapho imithetho yoguquko kanye nenqubekela-phambili yaphasiswa khona, lapho labo abamele abantu abakhethwa ngokukhululeka bebumba khona isizwe sethu esisakhula.

Kwabaningi, lokhu okwenzeke ePhalamende kuchaza incithakalo enkulu ezweni lethu.

Kwabaningi, umlilo wawuluphawu lwencithakalo edalwe ngubhubhane lwe-COVID-19, ngokukhula kokuswelakala kwemisebenzi kanye nokujula kobubha.

Kuchaza umonakalo wobhubhane oseluthathe izimpilo zezinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika eminyakeni emibili eyedlule, abantu abayizigidigidi ezimbili balahlekelwa imisebenzi futhi waletha usizi emindenini.

Umlilo ePhalamende usikhumbuze umonakalo, udlame kanye nezibhelu esazibona ezingxenyeni zezwe ngoNtulikazi ngonyaka owedlule, lapho salahlekelwa imiphefumulo engaphezu kwama-300 nabaningi balahlekelwa izindlela zokuziphilisa.

Njengoba sicabanga ngonyaka owedlule, sikhumbula amazwi kaMongameli uThabo Mbeki owasikhumbuza ukuthi: “Izikhathi ezinzima zidinga isibindi nokuqina. Amandla ethu njengabantu awabonakali ngezikhathi ezimnandi”.

Ukuthi sibuthene ndawonye eHholo Ledolobha laseKapa esikhundleni seSigcawu Sesigungu Sikazwelonke kuchaza izimo ezingajwayelekile zalesi sikhathi.

Kuchaza impokophelo yeZikhulu Ezengamele zePhalamende kanjalo neyawo wonke amalungu ezindlu ezimbili zethu eyenza ukuthi umsebenzi walesi sikhungo sentando yeningi labantu uqhubeke ngaphandle kwezithiyo.

Kunezikhathi empilweni yesizwe lapho iziqiniseko ezindala zinyakaziseka bese kuqhamuka amathuba amasha.

Kulezi zikhathi, kusengabakhona impumelelo enkulu kanye nengcuphe yokubuyela emuva.

Namuhla, sibhekene naleso sikhathi.

Indlela esiyikhethayo manje iyona ezoba indlela yezizukulwane ezizayo.

Yingakho sithatha izinyathelo zokuqinisa intando yeningi labantu nokuqinisekisa ukuzinikela kwethu kuMthethosisekelo osivikela sonke.

Sisebenza ngokubambisana ukuvuselela umnotho wethu nokuqeda ukungalingani nokungabibikho kobulungiswa okuphazamisa inqubekela-phambili yethu.

Simi ndawonye ekulweni nenkohlakalo kanye nokuqinisekisa ukuthi labo abanecala lokuqhwagwa kwamandla ombuso bayajeziswa ngobugebengu babo.

Sakha kabusha uMbuso futhi sivuselela ithemba nokuzigqaja ezikhungweni zikahulumeni.

Uma kunento esivumelana ngayo sonke, ukuthi isimo samanje – sobubha, sokuswelakala kwemisebenzi nokungalingani – asamukelekile neze futhi asisimamiseki.

Kunesivumelwano phakathi kochungechunge olubanzi futhi olwahlukene lwabantu baseNingizimu Afrika sokuthi izinguquko eziyisisekelo ziyadingeka ukuvuselela ukukhula komnotho.

Kunesidingo sokulungisa isimo esinzima samanje kanye nokusungula izimo zozinzo lwesikhathi eside kanye nentuthuko.

Ukuzuza lokhu, iNingizimu Afrika idinga isivumelwano esisha.

Isivumelwano esisuselwa kumqondo owodwa oqonda ngesimo sethu esinzima samanje kanye nokubona isidingo sokubhekana nezinselele zokuswelakala kwemisebenzi, ububha nokungalingani.

Lokhu kumele kube yisivumelwano esisha esivumela ukuthi uMbuso kumele wakhe isimo-ndawo lapho umkhakha ozimele ungatshala izimali futhi ukhulule izinguquko zomnotho.

Kodwa ngokulingana, isimo-ndawo lapho abantu baseNingizimu Afrika bengaphila impilo engcono futhi bakhulule amandla amakhono abo.

Lesi kumele futhi kube yisivumelwano esisha esamukela isibophezelo sethu komunye nomunye, futhi samukele ukuthi sonke sikulento ngokubambisana.

Ngokusebenzisana kwezenhlalo – uhulumeni, ezemisebenzi, amabhizinisi kanye nemiphakathi – sisebenza ukuthola izinyathelo esizozithatha ngokubambisana ukwakha lesi sivumelwano.

Sesiziqalile izingxoxo zokuthi iluphi uhwebo oludingekayo futhi iliphi igalelo omunye nomunye okumele alifake.

Sizinike izinsuku eziyi-100 ukuphothula uhlelo oluphelele lwezenhlalo lokukhulisa umnotho wethu, lusungule imisebenzi futhi luqede nendlala.

Lo msebenzi uzokwakha phezu kwesisekelo soHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho (i-ERRP), olulokhu lunguhlelo lwethu lokwakha kabusha umnotho.

Sisalokhu sigxile kulokho okuseqhulwini esasikusho kwi-SoNA ngonyaka owedlule:

  • ukunqoba ubhubhane lwe-COVID-19,
  • ukuthuthukiswa kwengqalasizinda,
  • ukukhuphula kakhulu imikhiqizo yalapha eNingizimu Afrika,
  • uhlelo lokusungulwa kwemisebenzi ukuze kuzosungulwa imisebenzi futhi kwesekwe izindlela zokuziphilisa,
  • ukunwetshwa ngokushesha komthamo wokuphehlwa kwamandla ogesi.
     

Ukuze lusebenze ngempumelelo, lolu hlelo lwezenhlalo ludinga ukubandakanya wonke umuntu waseNingizimu Afrika nazo zonke izingxenye zomphakathi wakithi.

Akekho okumele ashiywe emuva.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ngesikhathi ngigcina ukwethula inkulumo ngesimo sezwe lethu, besibhekene nemihuzuko yobhubhane olubi olungakaze lubonwe ngaphezu kwekhulu leminyaka.

Selokhu i-COVID-19 yafika ezweni lakithi, sibekezelele amahlandla alandelanayo okusuleleka, ukuqubuka kwemixhantela emisha yegciwane kanye nobuhlungu benani eliqoshiwe labantu abashonile ngenxa ye-COVID-19 abalinganiselwa kwizi-100 000.

Abantu baseNingizimu Afrika babhekane nalokusatshiswa kokufa ngesibindi nangokuqina, ngozwelo nangokuzibamba.

Eminyakeni emibili eyedlule, sithathe izinyathelo esingakaze sazithatha ukunika amandla ezempilo, ukwakha amakhono kwezobuchwepheshe belabhorethri kanye nokugwema ukusuleleka ngegciwane.

Isizwe kufanele sibonge ngazo zombili kubasebenzi abazinikele bezempilo kanye nabanye abasebenzi abayibambe ekhaleni ababeka impilo kanye nezimpilo zabo engcupheni ukuze banakekele labo abagulayo nababuthakathaka ngesikhathi salolu bhubhane.

Emavikini lapho kwabikwa khona ukusuleleka kokuqala ezweni lethu, ngamemezela ukusungulwa kweSikhwama Sobumbano, ngenhloso yokuhlanganisa izwe ekulweni nobhubhane.

Ekuhaqweni isimo sokuphana esagubuzela izwe, isikhwama sakwazi ukuthola izigidigidi ezi-R3.4 kubantu abangaphezu kwezi-300 000 kanye nezinkampani nezinhlangano eziyizi-3 000. Abantu abangaphezu kwama-400 nezinkampani esiyi-100 zavolontiya ngesikhathi nangezinsiza zazo.

Isikhwama sidlale indima ebaluleke kakhulu ekwesekeni indlela yezempilo kuzwelonke ebhekane ngayo futhi enciphise ngayo inhlekelele kubantu.

Ngithanda ukubonga wonke umuntu obe negalelo eSikhwameni Sobumbano kanye nalabo abaningi abasebenzisane kwezinye izinhlelo eziningi ezingabaleki ukweseka labo abakhahlanyezwe ubhubhane.

Njengoba inyathuko yobhubhane ibiqhubeka nokuguquka, bekumele sivumelane futhi siguquke nesimo.

Indlela yethu ithekeliswe kubufakazi obukhona bezesayensi, futhi sibheke kokubili izinga lobukhethelo bososayensi bethu kanye nokubandakanyeka kwabo kuzo zonke izinyathelo zokubhekana kwethu nobhubhane.

Ngonyaka owedlule, besigxile ekuhambiseni ngesivinini uhlelo lokugoma.

Kuze kube manje, sesikhiphe imithamo yemigomo ye-COVID-19 eyizigidi ezingama-30. Kungaleso sizathu, ukuthi cishe ama-42% abo bonke abantu abadala kanye nama-60% awo wonke umuntu ongaphezu kweminyaka engama-50 sebegome ngokuphelele.

Manje sesikulungele ukungena esigabeni esisha sokulawula ubhubhane.

Kuyinhloso yethu ukuqeda isimo senhlekelele sezwe ngokushesha uma siphothula eminye imizamo ngaphansi koMthetho Wezempilo Kuzwelonke, wangowezi-2003 (uMthetho wama-61 wowezi-2003) kanye neminye imithetho yokunqanda ubhubhane.

Cishe yonke imikhawulo emisebenzini yezomnotho nenhlalo isivele isusiwe.

Imigomo isikuqinisekisile ukuthi iyisona sikhali esinaso sokulwa nokugula kanzima nokubulawa yi-COVID-19.

Uma sonke sigoma, siqhubeke nokulandela imithetho yezempilo eyisisekelo futhi sihlale siqaphile, sizokwazi ukuqhubeka nezimpilo zethu yize igciwane lisephakathi kwethu.

Isimo sezwe sixhumene ngokungahlukaniseki esimweni somnotho wethu.

Ngaphezu koqhekeko lobuhlanga, izindawo kanye nemfundo, i-COVID-19 idlondlobalise uqhekeko phakathi kwalabo abasebenzayo nabangasebenzi.

Ngonyaka owedlule, izinga labantu abangasebenzi lenyuke lafinyelela ezingeni elingakaze lifike kulona.

Ukuswelakala kwemisebenzi kudalwe ukukhula kancane, okudalwe ukwehla kotshalo-mali kwesikhathi eside.

Onyakeni owedlule, sizuzile kuhlaka-msebenzi lomnotho omkhulu olucacile futhi oluzinzile, kumanani aqinile ezimpahla kanye nokuvuselelwa okungcono kunalokho obekulindelekile.

Noma kunjalo, sibuyeliswe emuva ngukuphakelwa kogesi okungathembekile, izimboni zenethiwekhi engasebenzi kahle kanye namanani aphezulu okwenza ibhizinisi.

Besilokhu sithatha izinyathelo ezingajwayelekile ukuvumela amabhizinisi ukuthi akhule futhi asungule imisebenzi ngokuhambisana nokuqashwa komphakathi nokuvikelwa kwenhlalo.

Sonke siyazi ukuthi uhulumeni akasunguli imisebenzi. Amabhizinisi asungula imisebenzi.

Cishe ama-80% abo bonke abantu abasebenzayo eNingizimu Afrika baqashwe umkhakha ozimele.

Umsebenzi omkhulu kahulumeni ukwenza izimo ezizovumela umkhakha ozimele – omkhulu nomncane – ukuvela, ukhule, ufinyelele ezimakethe ezintsha, usungule imikhiqizo emisha, futhi uqashe abasebenzi abaningi.

Izinkinga emnothweni waseNingizimu Afrika zijulile futhi zimayelana nezakhiwo.

Uma ukuphakelwa kogesi kungeke kuqinisekiswe, uma ojantshi bezitimela namachweba engasebenzi kahle, uma ukuqamba kabusha kubuyiselwa emuva ngenxa yokuswelakala kobuchwepheshe obukhiqiza imisebe yenethiwekhi, uma izinga lobukhethelo bamanzi lehla, izinkampani zidembesela ukutshala izimali futhi umnotho angeke uhambe ngendlela.

Ngombono wokubhekana nalezi zinselele siqhuba ngesivinini ukuqaliswa kwezinguquko zesikhathi eside zezakhiwo ukuguqula lezi zimboni zibe ngezesimanjemanje, kuvulelwe utshalo-mali, kuncishiswe izindleko futhi kwenyuswe ukuncintisana nokukhula.

Inkinga kagesi ingenye yobungozi kwinqubekela-phambili yomnotho nenhlalo.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, siphinde sakhunjuzwa ngobuthakathaka bohlelo-kusebenza logesi wethu.

Ukucishwa kogesi ngenhloso yokuwonga kuyaqhubeka nokuba nomthelela omkhulu ezimpilweni zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, kuphazamisa imisebenzi yamabhizinisi, futhi kwengeza ingcindezi emindenini nasemiphakathini.

Ngenxa yeziphehli zikagezi ezindala, ukunganakekelwa, ukulandelwa komthetho kanye nemithelela eyingozi yokuqhwagwa kwamandla ombuso, izwe lethu lishoda ngogezi obalelwa kuma-4000 MW.

Ngonyaka owedlule, sithathe izinyathelo eziqatha ukwengeza ukuphehlwa kwamandla ogesi ngokushesha okukhulu ukuthola lo oshodayo.

Ngenxa yalokho, imiklamo eminingi emisha yokuphehla amandla kagesi izoqala ukusebenza ngezobuchwepheshe be-inthanethi eminyakeni embalwa ezayo. Lokhu kubandakanya:

  • Ngaphezu kwama-500 MW avela kwimiklamo esele ye-Bid Window 4 yohlelo logesi ovuselelekayo, esezigabeni eziphambili zokusebenza.
  • Izi-2 600 MW ze-Bid Window 5 yohlelo logesi ovuselelekayo, lapho abahlinzeki abakhethwa bamenyezelwa ngonyaka ophelile,
  • ukuya kuma-800 MW ogesi osuka kwimiklamo yokunciphisa ubungozi bukagesi esime ngomumo ukuthi iqhubeke,
  • izi-2 600 MW ze-Bid Window 6 zohlelo logesi ovuselelekayo, ozovulwa maduze,
  • izi-3 000 MW zamandla kagesi kanye nama-500 MW okugcinwa kwebhethri, lapho ukufakwa kwezicelo zeziphakamiso zizokhishwa ngokuphela kwalo nyaka,
  • ugesi olinganiselwa kwizi-4 000 MW osuka kwimiklamo yokuphehlwa kogesi emkhakheni wezimayini,
  • ugesi olinganiselwa kwi-1 400 MW okwamanje ozothengwa ngomasipala abahlukahlukene.
     

Ukwengeza ekugcwaliseni ukuphakelwa kogesi okushodayo, siqalisa izinguquko eziyisisekelo kwisakhiwo somkhakha wogesi.

I-Eskom isisungule inkampani engaphansi kwayo, futhi konke kuhamba ngohlelo ukuphothula ukwakheka kwayo ngoZibandlela wangowezi-2022.

Lenkampani kagesi iqhubeke nohlelo lwayo olunzulu lokunakekela, ukubuyisela emuva iminyaka eminingi yokunganakekeli nokungasebenzi kahle kweziphehlimandla ezikhona.

Ukulawula zonke lezi zinguquko, iKhabhinethi izolo igunyaze izichibiyelo zoMthetho Wokulawulwa Kogesi, wangowezi-2006 (uMthetho wezi-2006) ukuze umphakathi uzophawula ngawo.

Lezi zichibiyelo ezithinta abantu abaningi zizovumela ukuncintisana emakethe yokuphehlwa kogesi kanye nokusungulwa kwenkampani kahulumeni ezimele ephakela ugesi.

Umnotho wethu angeke ukhule ngaphandle kwamachweba nojantshi abasebenza kahle.

Eminyakeni eminingi, ukusebenza kwamachweba ethu kwehlile uma kuqhathaniswa namanye amachweba kwezinye izingxenye zomhlaba nasezwenikazi i-Afrika. Lokhu kuthunaza imisebenzi yomnotho.

Umkhakha wezolimo, isibonelo, uthembele kakhulu ekusebenzeni kahle, ekulawulweni kahle kwamachweba ukuthumela imikhiqizo yawo ezimakethe zamazwe aphesheya.

Izithelo nezitshalo azikwazi ukulinda izinsuku kanjalo namaviki zivaleleke esikhumulweni.

Lokhu kuthunaza amabhizinisi futhi kuthunaza isithunzi sezwe njengezwe elithumela imikhiqizo yekhethelo yezithelo nezitshalo.

I-Transnet ibhekana nalezi zinselele futhi njengamanje igxile ekwenzeni ngcono ukusebenza kahle emachwebeni ngokuthenga imishini yokusebenza eyengeziwe nokuqalisa izindlela-kusebenza ezintsha ukunciphisa ukuminyana.

I-Transnet izocela iziphakamiso kubabambiqhaza abazimele beZiqukathi Zezikhumulo zaseThekwini naseNgqura ezinyangeni ezimbalwa ezizayo, okuzovumela ukusebenzisana ukuthi kume ngomumo kuzo zombili izikhumulo ngoMfumfu ngowezi-2022.

I-Transnet izoqala inqubo yokuhlinzeka ilungu langaphandle ukungena kunethiwekhi yezitimela ezithwala impahla kusuka ngoMbasa wezi-2022 ngokuvula izikhala emgudwini weziqukathi phakathi kweTheku kanye ne-City Deep e-Gauteng.

I-Transnet isithuthukise ubudlelwano nomkhakha ozimele ukubhekana nokwebiwa kwezintambo kanye nokucekelwa phansi kojantshi bezitimela ngokusebenzisa ubuchwepheshe obuthuthukile kanye nokwengeza onogada.

Lo mzamo wokusebenzisana usuvele ubonisa imiphumela ekuncipheni kokuphazamiseka kokusebenza kojantshi.

Isimo esibi sezitimela ezithwala abantu eNingizimu Afrika sinomphumela oqonde ngqo futhi olimaza izimpilo zabantu bakithi.

Ngakho-ke sisebenza kanzima ukulungisa inethiwekhi yezitimela emigudwini elishumi ebekwe eqhulwini.

UMgudu oseNingizimu eKapa kanye noMgudu wasePitoli isivuliwe futhi kanti izolandelwa imigudu esele onyakeni ozayo.

Enye yezithiyo ezinkulu ekuthuthukisweni kobuchwepheshe komnotho wethu bekube ukuthatha isikhathi okungamukelekile ekusukeni ekusakazeni nge-analogi ukuya kudijithali.

Ukucinywa kokusakaza nge-analogi sekuphothuliwe ezifundazweni eziningi.

Njengoba ngangimemezelilee ku-SoNA yangonyaka owedlule, ezinye izifundazwe zizosebenzisa idijithali uma kuphela uNdasa ngowezi-2022.

Njengengxenye yale nqubo, uhulumeni uzoqhubeka nokusiza amakhaya anemali engenayo encane ukuze ezokwazi ukuthola ibhokisi lokushintshela komabonakude bedijithali.

Umlawuli wethu kwezokuxhumana, i-ICASA, uzoqalisa ukufaka endalini amagagasi aphezulu ezokuxhumana emavikini amathathu ukusuka manje.

Lokhu kuzovula amagagasi omoya wokuxhumana ngomakhalekhukhwini okokuqala ngqa eminyakeni elishumi.

Ukwengeza kulokhu, sizobheka ukufakwa kwengqalasizinda ye-inthanethi esheshayo kubo bonke omasipala ngokusungula indlela efanayo yokunika omasipala izimvume.

Lezi zinguquko zizoguqula isimo sokuthuthukiswa kobuchwepheshe, zenze abantu abaningi bafikelele ku-inthanethi esheshayo kanye nokunciphisa izindleko zokuxhumana ngedijithali.

Kumhlaba wonke, ikhono lokuheha abokufika abanamakhono kuluphawu lomnotho wesimanje, ochumayo.

Ngakho-ke sisungula futhi sithuthukisa inqubo yokufaka isicelo se-visa ukwenza kube lula ukuhambela ezokuvakasha, ibhizinisi kanye nomsebenzi eNingizimu Afrika.

Njengoba sizinikele ngonyaka owedlule, uhlelo-kusebenza lwe-eVisa selwethulwe emazweni ayi-14, kubandakanya i-China, i-India, i-Kenya kanye ne-Nigeria.

UHlu Lwamakhono Abucayi olubuyekeziwe lushicilelwe okokuqala kusuka ngowezi-2014, kulandela umsebenzi wezobuchwepheshe kanye nezingxoxo ezibanzi nabamabhizinisi nezabasebenzi. Uhlu olubuyekeziwe lukhombisa amakhono ashodayo namuhla, ukuqinisekisa ukuthi inqubomgomo yokuthuthela kwelinye izwe ihambisana nezimfuno zomnotho wethu.

Ukubuyekezwa okuphelele komsebenzi wohlelo lwe-visa luyaqhubeka njengamanje, luholwa uMqondisi-Jikelele waphambilini Womnyango Wezasekhaya, uMnu Mavuso Msimang.

Lokhu kubuyekeza kuhlolisisa imikhakha emisha ye-visa engaba khona engavumela ukukhula komnotho, efana nemvume yokuhlala yesikhashana kanye nemvume yokusebenza kwelinye izwe.

Amanzi ayindalo yegugu lezwe.

Abaluleke kakhulu empilweni, entuthukweni nasekukhuleni komnotho.

Yingakho sibeke eqhulwini ukuguqulwa kwezikhungo kulo mkhakha ukuqinisekisa ukutholakala kwamanzi, utshalomali kwizinsiza zamanzi kanye nokunakekelwa kwempahla ekhona.

Siqalise inqubo yokuguqula izikhungo ekunikeni amandla uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS) nokubuyekeza amabhodi amanzi ngokulandela igunya lawo nokuqinisekisa ukuthi basebenzela omasipala ngokoHlelo Lokuthuthukisa Izifunda (i-DDM).

Lezi zinguquko ziqhutshwa uNgqongqoshe Womnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, osevakashele yonke imithombo yamanzi ezweni.

Isu eliphelele liyaqalisa ukusebenza kwinqubo yezicelo zemvume yokusebenzisa amanzi. Okuhlosiwe ukuqeda lezicelo ezisilele emuva ngoNhlangulana kowezi-2022 kanye nokuqeda ama-80% azo zonke izicelo ezinsukwini ezingama-90 ngonyaka wezimali olandelayo.

Umthetho usulungisiwe ukuze kusungulwe uPhiko Lukazwelonke Lwengqalasizinda Yensiza Yamanzi, futhi uzoshicilelwa ukuze umphakathi uphawule ngawo enyangeni ezayo.

Uhlelo lokuqapha izinga lobukhethelo lamanzi luphinde lwabekwa ukwenza ngcono ukuphoqelela amazinga amanzi esigabeni sikamasipala, futhi luvumele i-DWS ukuthi ingenelele lapho izinsiza zamanzi nokuthuthwa kwendle zingaphumeleli.

Sizobuyekeza inqubomgomo nohlaka lokulawula imboni yensangu ukuthola ithuba elikhulu lokutshala izimali kanye nokusungula amathuba omsebenzi.

Ngesikhathi izinguquko kwizakhiwo zidingeka ukuze sivuselele ukukhula komnotho, zona ngokwazo azenele.

Kulo nyaka, sithatha izinyathelo ezithinta wonke umuntu ukukhulula amandla amabhizinisi amancane, amabhizinisi amancanyana kanye namabhizinisi angahlelekile.

Lawa yiwona amabhizinisi asungula imisebenzi eminingi futhi ahlinzeka ngamathuba amaningi ukuthi abantu abantulayo bathole ukuphila.

Sesiziqalile izingxoxo nesibambisene nabo kwezenhlalo njengengxenye yenqubo yesivumelwano somphakathi ukubuyekeza imithethonqubo yemakethe yezabasebenzi yamabhizinisi amancane ukuwavumela ukuthi aqashe abantu abaningi, ngesikhathi eqhubeka nokuvikela amalungelo abasebenzi.

Uhlelo olusha, oluhlelwe kabusha lwesiqinisekiso semalimboleko luyethulwa ukuvumela amabhizinisi amancane ukuphinde ashaye ibuya kubhubhane nakwizibhelu zomphakathi.

Lolu hlelo olusiza ukushaya ibuya luhlanganise izifundo ezethulwa nguhlelo lwesiqinisekiso semalimboleko lwaphambilini.

Luzobandakanya ukuthuthukiswa kwezikhungo zezimali kanye nabahlinzeki be-SME abangewona amabhange ekusizeni ngezimali, ukunweba izinhlobo zosizo lwezezimali olukhona kanye nokulungisa indlela yokufaneleka ukuthola lolu sizo ukuze kuzogqugquzeleka ukuthi kusizwe abaningi.

UMgcinimafa Kuzwelonke usebenzisana nababambiqhaza embonini ukuphothula lolu hlelo futhi bazokhipha imininingwane maduze.

Sibuyekeza uMthetho Wamabhizinisi, wangowe-1991 (uMthetho wama-71 wowe-1991) – ngokuhambisana nokubuyekezwa okujulile komthetho othinta amabhizinisi amancane, aphakathi namancanyana (ama-SMME) – ukunciphisa umthwalo wokulawula kumabhizinisi angahlelekile.

Miningi kakhulu imithethonqubo kuleli lizwe edidayo ngokungenasidingo, ebizayo futhi okunzima ukuyilandela. Lokhu kuvimbela izinkamani ukuthi zikhule futhi zisungule imisebenzi.

Ngakho-ke, siyasebenza ukwenza ngcono isimo samabhizinisi ezinkampanini ezinkulu nezincane ngokusebenzisa ikhono elibekelwe lokhu eHhovisi LikaMongameli ukunciphisa imithetho engenasidingo.

Uma sifuna ukuphumelela ekuqedeni ukubanjezela imithetho engenasidingo emabhizinisini, sidinga ikhono elibekwelwe lokhu nezindlela zokwenza ushintsho.

Ngakho-ke sengiqoke uMnu Sipho Nkosi ukuthi ahole ithimba ehhovisi lami ukuqeda imithetho engenasidingo kuhulumeni.

UMnu Nkosi unesipiliyoni esinzulu kwezamabhizinisi, kubandakanya nokuba i-CEO ye-Exxaro Resources, futhi njengamanje ungusihlalo we-Small Business Institute.

Ithimba elibhekele imithetho engenasidingo lizoqoka izinguquko eziseqhulwini kulo nyaka esikuwo, kubandakanya nezindlela zokuqinisekisa ukuthi iminyango kahulumeni ikhokhela abahlinzeki-nsiza ezinsukwini ezingama-30 ezifanele.

Leli thimba lizophinde lisebenze neminye iminyango nama-ejensi ukususa izithiyo ezithize eziphazamisa utshalomali nokukhula kwebhizinisi. Lizokweseka izinhlelo zamanje zokwenza lula izinqubo ezihambisana nokubhaliswa kwempahla, ukuhwebelana namanye amazwe nezimvume zokwakha.

Ingqalasizinda ingummongo wokwakhiwa kabusha nokuvuselelwa komnotho wethu.

Ngoxhasomali kwezokuqamba kamusha namakhono athuthukisiwe kwezobuchwepheshe, sibeke eqhulwini imiklamo yengqalasizinda ukweseka ukukhula komnotho nokwenza ngcono izindlela zokuziphilisa, ikakhulukazi kwezamandla, imigwaqo kanye nokulawulwa kwamanzi.

ISikhwama Sengqalasizinda siyabandakanyeka kulo mzamo, ngezigidigidi eziyi-R100 ezisuka ezimalini eminyakeni elishumi.

Isikhwama manje sisebenzisana nezinkampani zikahulumeni ukulungiselela imiklamo eqhubekayo njengamanje enenani lotshalomali elilinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R96 oluzofakwa ezindaweni zokuhlala zabafundi, ukwakhiwa kwezindlu zomphakathi, kwezokuxhumana, kwezamanzi nokuthuthwa kwendle kanye nezokuthutha.

Imiklamo eyizikhuthazi eminingi yenani lezigidigidi ezingama-R21 ilindeleke ukuthi iqale ukusetshenziswa kulo nyaka. Kulezi zigidigidi, izigidigidi ezi-R2.6 sifakwe nguhulumeni bese kuthi esele iphuma emkhakheni ozimele kanye nezikhungo zokuthuthukiswa kwezezimali.

Uhulumeni uzoqala utshalomali lwesigidigidi esi-R1.8 kwingqalasizinda ngobuningi, lokho okuzovula imiklamo eyisikhombisa yomkhakha ozimele yenani lezigidigidi eziyi-R133.

Kwizigidi zabantu baseNingizimu Afrika ezindaweni zasemakhaya, imigwaqo namabhuloho kuletha ukufinyelela ezimakethe, kumathuba omsebenzi kanye nezinsiza zenhlalo.

Okwamanje, abantwana abaningi kusamele bawele imifula edla izindwani ukuze bafike ezikoleni futhi abashayeli bezimoto babhekana nobunzima emigwaqeni engahambeki ukuze bafikelele kwelinye idolobha.

Ngakho-ke sikhulisa uHlelo lweWelisizwe Lokwakha Amabhuloho Ezindaweni Zasemakhaya ukwakha amabhuloho angama-95 ngonyaka kusuka kulawa akhona ayi-14.

UMbutho Kazwelonke Wezokuvikela eNingizimu Afrika (i-SANDF) iyi-ejenti yokuqalisa ukusebenza kohlelo lweWelisizwe, futhi selubonise ubungoti bonjiniyela be-SANDF ekwakhiweni kwamabhuloho.

Ekuqaleni kwaleli viki, bengisendaweni yase-Thakgalane e-Limpopo ukuyokwethula umgwaqo omusha ozokwenza umehluko omkhulu ezimpilweni zemiphakathi eseduze. Lo mgwaqo wakhiwa kusetshenziswa izitini nezinye izinto, okuyindlela esivumela ukuthi sakhe imigwaqo ezosebenza isikhathi eside ngokushesha futhi engabizi kakhulu.

Uhlelo lokwakhiwa kwemigwaqo ezindaweni zasemakhaya luzosebenzisa izindlela ezinzulu zokwakha ukwakha noma ukukhulisa umgwaqo wasemakhaya ongamakhilomitha angama-685 eminyakeni emithathu ezayo. Lolu hlelo lwebhizinisi lomphakathi lubandakanya imigwaqo engenela emadolobheni e-Limpopo naseMpumalanga Kapa, ukushintsha ubhuqu lubeyitiyela eFreyistata naseNyakatho Ntshonalanga, nokwenza ngcono umthamo kanye nokuxhumana kwemigwaqo eNtshonalanga Kapa.

Uhulumeni uqalise inqubo yokuqhuba uMklamo Wamanzi waseMzimvubu.

Lo mklamo owedamu iNtabelanga kanye nedamu iLalini, ingqalasizinda yokuchelela kanye nesiphelimandla sikagesi esisebenza ngamanzi, imisebenzi yokuhlanzwa kwamanzi eNtabelanga kanye nokusatshalaliswa ngobuningi kwengqalasizinda ukuze zizosatshalaliselwa emiphakathini eseduze.

Usuku lokuvala lokufaka izicelo zabahlinzeki-zinsiza lwesigaba sokuqala kwezimbili luzoba ekupheleni kwale nyanga, nomhlinzeki-nsiza okhethiwe uzomenyezelwa ngoMandulo ngowezi-2022.

Uhulumeni wethula izindlela ezintsha zokulethwa kwengqalasizinda emphakathini ukubhekana nezinkinga ezivimba ukulethwa kwengqalasizinda ezikoleni.

Le ndlela izoxazulula isivinini, ukuxhaswa ngezimali, umgangatho womsebenzi, ukuqashwa kwabantu abaningi kanye nokunakekelwa kwengqalasizinda.

Indlela entsha yokusebenza izokwethula iSithuthi Somsebenzi Okhethekile, ngokusebenzisana neZikhungo Zokuthuthukiswa Kwezezimali nomkhakha ozimele, ukuhambisa ingqalasizinda yezemfundo.

Le ndlela isavivinywa ukusebenza kwayo ezikoleni eziseNyakatho Kapa naseMpumalanga Kapa.

Onyakeni owedlule, uhulumeni sewakhe kwiqhingasu elibeyimpumelele le-Hydrogen SA ukuthatha amagxathu abanzi ukubeka iNingizimu Afrika ukuthi ihambe phambili emhlabeni kule makethe entsha.

Lokhu kubandakanya ukuthuthukiswa komhlahlandlela i-Hydrogen Society Roadmap weminyaka elishumi ezayo kanjalo neqhingasu i-Green Hydrgen Strategy laseNyakatho Kapa, ukweseka ukuthuthukiswa komsebenzi wokusebenzisa ihayidrojini engangcolisi umoya oqhubekayo wenani elilinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R270.

Umonakalo odalwe ukwebiwa kwensimbi nezintambo kwingqalasizinda yethu efana nogesi, izitimela kanye nezinye izinsiza ezibalulekile mukhulu kakhulu. Sizothatha izinyathelo zokuthatha izinqumo kulo nyaka ngokulandela umthetho nangokucabanga ngezinye izinyathelo ukubhekana nokudayiswa noma ukuthunyelwa kwamanye amazwe kwalezi zinsimbi.

Insika ebalulekile ye-ERRP yethu ukuvuselela isisekelo sokukhiqiza nokusungula izimboni ezithumela impahla kwamanye amazwe ezisezingeni lokuncintisana emhlabeni.

Enyakeni owedlule, sethula izinhlelo ezintsha embonini yensimbi, impahla yasendlini nezinsiza zebhizinisi emhlabeni.

Ngalezi zinhlelo, amabhizinisi, uhulumeni kanye nezabasebenzi basebenza ngokubambisana ukwenyusa ukukhiqiza nokusungula imisebenzi eminingi kulo mkhakha.

Embonini yezimpahla zokugqoka, izitolo eziningi sezimemezele isifiso sezinhlelo zokusebenzisa imikhiqizo yalapha ekhaya.

Esinye salezi zitolo, i-Foschini, eyenze isudi engiyigqoke namuhla efemini yabo entsha yezingubo zasehhovisi, i-Prestige Epping.

Eminyakeni emihlanu eyedlule, angaphezu kwama-80% ezimpahla zase-Foschini Group bezivela ngaseMpumalanga. Namuhla, cishe uhhafu wezimpahla zikhiqizwe lapha ekhaya.

Izicathulo zesikhumba engizigqokile zenziwe ngamalungu e-National Union of Leather and Allied Workers abaphuma e-Bolton Footwear eKapa kanye nase-Dick Whittington Shoes eMgungundlovu.

Cishe eminyakeni emine eyedlule, sazibekela ukuthi sizonxenxa utshalomali olusha lwe-R1.2 trillion eminyakeni emihlanu.

Ngesikhathi seNgqungquthela yesithathu Yotshalomali yaseNingizimu Afrika ngoLwezi ngowezi-2020, sabe sifikelele kwizigidigidi ezingama-R776 kwizithembiso zotshalomali.

Ngenyanga ezayo, mhla zingama-24 kuNdasa, sizosingatha iNgqungquthela Yotshalomali eNingizimu Afrika yesine eGoli.

Sizobe sibonisa amathuba amaningi otshalomali akhona njengoba iNingizimu Afrika iqhubeka nokululama kubhubhane lwe-COVID-19, kanye nokubika ngenqubekela-phambili ezethembisweni ezazenziwe phambilini.

Ngokulandela izinqumo zeNgqungquthela Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika ngempelasonto eyedlule, ukuhweba selungaqala ngaphansi kwesivumelwano Sokuhwebelana Ngokukhululekile Kwamazwe ase-Afrika.

Izinkampani zaseNingizimu Afrika zimele ukudlala indima ebalulekile ekuthatheni amathuba alethwa yilokhu ukuze zizokwazi ukufinyelela kwezinye izimakethe ezwenikazi lase-Afrika.

Isivumelwano sokuHwebelana Ngaphandle Kokukhokha intela simayelana ne-Afrika ukuthi ithathe izintambo ngekusasa layo kanye nokukhulisa umnotho wayo ngokushesha.

Sizoqhubeka nokuphokophelela amandla ezempilo e-Afrika, sisebenzisana namanye amazwe ase-Afrika nozakwethu emhlabeni jikelele ukweseka ukuqiniswa kwekhono lezwekazi ukubhekana nobhubhane.

Sizokhulisa imizamo yethu yokuthuthukisa ikhono le-Afrika lokukhiqiza imigomo.

Sesenze inqubekela-phambili ebonakalayo lapha eNingizimu Afrika.

Manje sesinezinkampani ezimbili zalapha eNingizimu Afrika – i-Aspen ne-Biovac – ezinezinkontileka zokukhiqiza imigomo ye-COVID-19. Eminye imiklamo emibili yokwengeza nayo isimenyezelwe.

Ngaphezu kwalokhu, sinendawo yokukhiqiza ngokugcwele imishini esiza ngokuphefumula, izibulali-magciwane zezandla, izifonyo zokwelapha namagilavu kanye nemithi yokwelapha kanye nemithi ebulala izinzwa.

Le ndawo yokukhiqiza ebiza izigidigidi zamarandi zokukhiqiza ngonyaka, yakhiwe esikhathini esingaphansi kweminyaka emibili.

Imikhiqizo yaseNingizimu Afrika ithunyelwe kwamanye amazwe ase-Afrika, bathola izinsiza ezibalulekile nathi sakhulisa imisebenzi entsheni yaseNingizimu Afrika.

Ngesikhathi sisiza izimboni ezikhona ukuthi zikhule, siphinde sibumbe amathuba amasha okukhula nemisebenzi.

Uhulumeni kanye nomkhakha ozimele basebenze ngokubambisana ukukhulisa umkhakha wezamabhizinisi emhlabeni kusuka kwiqembu lezinkampani ezincane kuya ezinkampanini ezinkulu ezihamba phambili emhlabeni.

Umkhakha wezinsiza zamabhizinisi emhlabeni uhamba ngendlela ukusungula imisebenzi emisha eyizi-500 000 eminyakeni embalwa ezayo.

Umkhakha wensangu ungaba namandla okusungula imisebenzi emisha engaphezu kwezi-130 000.

Ngakho-ke sihlela izinqubo zokulawula ukuze umkhakha wensangu ungadlondlobala njengoba wenza kwamanye amazwe afana ne-Lesotho.

Abantu bakithi eMpumalanga Kapa, KwaZulu-Natali kanye nanoma ikuphi bame ngomumo ukulima lo mkhiqizo wasemandulo bawulethe emakethe ngezindlela ezintsha eziqanjwe kabusha.

Umnotho wezenhlalo, kubandakanya nokuthuthukiswa kokukhula kwabantwana, ubuhlengikazi, ubusonhlalakahle kanye nezinsiza zomphakathi, zinamandla hhayi nje kuphela okusungula imisebenzi, kodwa wokuhlinzeka ngezinsiza ezibaluleke kakhulu ezidingwa ngumphakathi.

Ezinye zezimboni esezimnkantsh’ ubomvu kuleli lizwe nazo kukhulu ezingakuletha ekuvuseleleni amandla ezimboni nokukhiqiza ezweni lethu.

Umkhakha wezolimo unamandla abonakalayo ekusungulweni kwemisebenzi ezitshalweni ezifana nezithelo ze-citrus, amagilebhisi, izithelo ezi-subtropical, ukotapheya, ama-berries namantongomane.

Izinhlelo ezinkulu embonini kashukela neyezinkukhu zinegalelo elibonakalayo ekukhuleni kotshalomali, ekuthuthukeni kwemikhiqizo kanye noguquko.

Ukuheha abatshalizimali kwizimbiwa zasezimayini ezidingeka kumnotho omusha womhlaba, maduze sizophothula iqhingasu lokuhlola ezezimayini.

Sizoqhubeka nokweseka ukuthuthukiswa kwemboni yokukhiqizwa kwegesi, njengoba inamandla amakhulu okusungula amathuba emisebenzi kanye nokuthuthukiswa kabanzi komnotho.

Sizoqinisekisa ukuthi lokhu kwenziwa ngokulandela imithetho yezemvelo neminye imithetho yaleli lizwe, nokuthi lapho kukhona ukungaboni ngaso linye, sisebenze ngokubambisana ukusombulula izinkinga ukuze kuzozuza izwe lethu nabantu balo.

Sihlala kwesinye sezifunda emhlabeni esithinteke kakhulu ukuguquguquka kwesimo sezulu.

Sihlala njalo sibhekene nesomiso, izikhukhula kanye nezinye izimo zezulu ezihambisana nokushisa kakhulu komhlaba. Kamuva-nje izikhukhula zikhahlameze izifundazwe eziningi, kubalwa neKwaZulu-Natali, i-Gauteng kanye neMpumalanga Kapa.

Lokhu sekuvele kudale umonakalo omkhulu kakhulu kwingqalasizinda kanye nendlela yokuziphilisa yabantu.

Onyakeni owedlule, sithathe amagxathu abalulekile ekulweni nokuguquguquka kwesimo sezulu, futhi ngaleso sikhathi, sivikela ukuncintisana komnotho wethu.

Okokuqala ngqa, amazinga esimo sezulu esizibekele wona ahambisana nomkhawulo wokushisa ongu-1.5°C.

Lona ngumkhawulo wonke amazwe awuvuma njengengxenye yesivumelwano i-Paris Climate Agreement, futhi kubalulekile ukugwema imithelela emibi edalwa ukuguquguquka kwesimo sezulu.

Selokhu ngasungula iKhomishana kaMongameli Yesimo Sezulu ngaphezudlwana nje konyaka owedlule, isiyenze umsebenzi omkhulu ukweseka ukushintshela kalula emnothweni osimeme, obandakanya wonke umuntu, onamandla futhi onekhabhoni encane.

Engqungqutheleni yomhlaba yesimo sezulu eyayibanjwe e-Glasgow ngoLwezi ngonyaka owedlule, iNingizimu Afrika yaqopha umlando ngokwenza isivumelwano sezigidigidi eziyi-R131 ne-European Union, i-France, iJalimani, i-United Kingdom kanye neMelika.

Lokhu kusebenzisana okuyingqayizivele kuzofaka phakathi ukusebenzisa kabusha nokuphinde kunikwe amandla ezinye zeziphehlimandla zamalahle esezizophelelwa isikhathi, nokusungula izindlela ezintsha zokuziphilisa zabasebenzi nemiphakathi ethinteke kakhulu yilolu shintsho.

Ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyakwazi ukuzuza ngokugcwele kulokhu nokunye ukusebenzisana, ngibeke uMnu Daniel Mminele, owayeyiPhini likaNdunankulu weBhangengodla, njengeNhloko yeThimba LikaMongameli Lezimali Zesimo Sezulu ukuthi ahole ukunxenxwa kwezimali ukuze kuzoba noshintsho olulula.

Ngokulawulwa ngendlela efanele, uguquko kwezamandla luzozuzisa thina sonke.

Ukukhiqizwa kwamandla avuselelekayo kuzokwenza ukuthi ugesi ungabizi futhi siwuthembe, uzobuye uvumele izimboni ukuthi zihlale zisezingeni lomhlaba lokuncintisana.

Utshalomali ezimotweni ezisebenza ngogesi kanye ne-hydrogen kuzocijisa iNingizimu Afrika ukuthi imelane nekusasa lomhlaba elinezamandla ezingangcolisi umoya.

Sizokwazi ukunweba imboni yezimayini kwezezimbiwa ezibalulekile kwezamandla ezingangcolisi umoya, njenge-platinum, i-vanadium, i-cobalt, ikhopha, umanyazini kanye ne-lithium.

Siphinde sibe nethuba elingavamile ku-hydrogen engangcolisi umoya, ngokubuka izinsiza zethu ezisezingeni lomhlaba zokudonsa ugesi elangeni nasemoyeni kanye nobuchwepheshe nobungoti balapha ekhaya.

Zonke lezi zinyathelo – kusuka ekuguqulweni kwezakhiwo kuya ekwesekweni kwama-SMME, ukutshalwa kwezimali kwingqalasizinda kanye nokuqhamuka kwemikhakha emisha – kuzosisa ekukhuleni komnotho okuholwa ngukukhula komkhakha ozimele eminyakeni ezayo.

Noma kunjalo, siyazi ukuthi nanoma kunesimondawo esihle samabhizinisi kanye namazinga okukhula komnotho asheshayo, kuzothatha isikhathi ukuthi umkhakha ozimele usungulele abantu baseNingizimu Afrika imisebenzi eyanele abayidingayo.

Inhloso yethu ukungashiyi muntu ngemuva.

Yingakho sikhulisa ukuqashwa kwabantu kuhulumeni nasemiphakathini.

Izigaba zokuqala ezimbili zoHlelo LukaMongameli Lokusungulwa kwemisebenzi, ezethulwa ngoMfumfu kowezi-2020 selweseke amathuba angaphezu kwezi-850 000.

Amaphesenti angaphezu kwangama-80 ababambiqhaza bekungabantu abasha, futhi abangaphezu kwama-60% bekungabesifazane.

Lolu hlelo selweseke abesifazane abasebasha abafana no-Tracy Nkosi wase-Springs, owayeqashwe njengomsizi kathisha Wesikole samaBanga aphansi i-Welgedag Primary School, futhi othi leli thuba limgqugquzele ukuthi aqhube izifundo zakhe emkhakheni wezemfundo.

Luphinde lweseka uMama Nosipho Cekwana waseMpendle KwaZulu-Natali owasebenzisa ivawusha yakhe yezolimo ukuthengela imfuyo yakhe ummbila, umanyolo kanye nezakhamzimba.

Inani eliphelele labazuza ngqo maduze-nje lizokhuphuka lifinyelele kwisigidi esisodwa sabantu baseNingizimu Afrika.

Lokhu kubandakanya abantu abasha abangaphezu kwesigamu sesigidi abaqashwe njengabasizi bothisha, lokho okwenza ukuthi kube nguhlelo olukhulu kunazo zonke oselake lanika abantu abasha umsebenzi emlandweni wethu.

Uhlelo lokusungulwa kwemisebenzi luzophinde luvumele uMnyango Wezasekhaya ukuthi uqashe abantu abasha abangasebenzi abayizi-10 000 abazosusa imininingwane egcinwe emaphepheni bayifake kumakhompyutha, lokho okuzothuthukisa amakhono abo futhi babe negalelo ekwethuleleni izakhamuzi izinsiza ngesimanjemanje.

ISikhwama Sokusiza Abangasebenzi eMphakathini sizosungula amanye amathuba emisebenzi ayizi-50 000 ngokusebenzisa amakhono ezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, endimeni efana nezolimo zesimanjemanje, ukukhuliswa kwabantwana, ezobuciko kanye nokulwa nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile.

Ngaphezu kokukhulisa ukuqashwa kwabantu kuhulumeni, seseka abantu abasha ukubalungiselela umsebenzi futhi sibaxhumanise namathuba omsebenzi.

Ukugqugquzela ukuthi amabhizinisi amancane aqashe abantu, sizokhulisa inani kanye nendlela yokuba yingxenye yeSikhuthazi Sentela Yokuqasha.

Eminyakeni eminingi, lokhu kube yindlela yokugqugquzela izinkampani ukuthi ziqashe abantu abasha abafuna umsebenzi. Izinguquko kulesi sikhuthazi zizokwenza kubelula kakhulu ukuthi amabhizinisi amancane aqashe abantu abasha.

UNgqongqoshe Wezezimali uzomemezela imininingwane yalezi zinguquko kwisabelomali.

Sinxusa izinkampani ukuthi zeseke lo mzamo, bathathe lesi sikhuthazi bese benika abantu abasha indawo yokusebenza.

Inkundla ye-SAYouth.mobi yabantu abasha abafuna umsebenzi ukufinyelela emathubeni kanye nokwesekwa manje seyinabantu abasha abangaphezu kwezigidi ezi-2.3 ababhalisile kuyona.

Abayizi-600 000 kulaba sebefakiwe emsebenzini.

Uhlelo oluvuselelwe lwe-National Youth Service luzoqasha iqembu lokuqala labantu abasha abayizi-50 000 ngonyaka ozayo, lusungulele abantu abasha amathuba okuba negalelo emiphakathini yabo, bathuthukise amakhono abo futhi bakhulise namathuba abo okuqasheka.

UMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa uzofaka abafundi asebethole iziqu zabo zase-TVET abangasebenzi abayizi-10 000 ezindaweni zomsebenzi kusuka ngoMbasa ngowezi-2022.

Ekulungiseleleni le-SoNA, bengisizwa abantu abasebasha ababili balapha eNingizimu Afrika abasebenza njengabafundi abasaqeqeshelwa umsebenzi eHhovisi likaMongameli, uNks Naledi Malatji kanye noNks Ms Kearabetswe Mabatle.

Bangitshele ngobuhlungu obuzwiwa abantu abasha abazithola beneziqu zemfundo, kodwa bengasebenzi ngenxa yokweswela isipiliyoni.

Lokhu kuphoqelela abaningi ukuthi basebenze imisebenzi engahambisani nhlobo nalokho abakufundele.

Zonke lezi zinyathelo engizibalulile zibaluleke kakhulu ukuhlinzeka abantu abasha ngesipiliyoni somsebenzi abasidingayo ukuthatha igxathu lokuqala ukungena emakethe yezabasebenzi.

Sicela umkhakha ozimele ukuthi weseke lezi zinyathelo – futhi uma kwenzeka, basiyeke lesi sidingo sesipiliyoni uma beqasha – ukuze bezonika abantu abasha abaningi ithuba lokusebenza lokuqala.

Njengoba sisebenza ukukhulisa umnotho nokusungula imisebenzi, sizonweba ukwesekwa kwemindeni entulayo ukuze sizoqinisekisa ukuthi akekho umuntu kuleli lizwe okumele amelane nobuhlungu nokuthunazwa isithunzi ngenxa yendlala.

Uhlelo-kusebenza lwethu lokuvikela umphakathi lungolunye lwempumelelo enkulu kahulumeni wentando yeningi labantu, olufinyelela kubantu abayizigidi eziyi-18 njalo ngenyanga.

Ngaphandle kwalolu sizo, ezinye izigidi zabantu zingaphila enhluphekweni.

Selokhu kwaqubuka i-COVID-19, iSibonelelo Senhlalo Sabangasebenzi sesisize abantu abangasebenzi abangaphezu kwezigidi ezilishumi abebekhahlamezeke kakhulu ngumthelela wobhubhane.

Abanye abantu basebenzisa leyo mali ukuqala amabhizinisi.

UMnu Thando Makhubu wase-Soweto wathola isibonelelo sama-R350 izinyanga eziyisikhombisa ngonyaka owedlule, wayibeka ukuze avule isitolo sika-ice cream manje esiqashe abantu abane.

UMnu Lindokuhle Msomi, ongumdidiyeli kumabonakude ongasebenzi waKwamashu eHostela, wabeka imali yakhe yesibonelelo sama-R350 izinyanga eziyisishiyagalolunye ukuze aqale isitolo sokudla ukuze ondle umndeni wakhe.

Yize sibe nomphumela omkhulu, kumele sazi ukuthi sibhekene nezingqinamba kwezezimali.

Inkinga kwezezimali ingalimaza abantulayo ikakhulukazi ekwehleni kwezidingongqangi abathembele kuzo.

Ngokucabangela kakhulu usizo lesibonelelo, sizokwandisa isibonelelo sama-R350 ngomunye unyaka, kuyoze kuphele uNdasa wezi-2023.

Ngalesi sikhathi, sizoxoxisana kabanzi futhi sicubungulisise umsebenzi wokuthola izindlela ezisebenzayo ezizongena esikhundleni salesi sibonelelo.

Noma ngabe ikuphi ukwesekwa kumele kuphumelele ohlolweni lokuthi ngabe akubizi yini kakhulu, futhi akumele kuphazamise izidingongqangi noma kube sengcupheni yokusebenzisa imali ngokungasimeme.

Kusalokhu kuliphupho lethu ukusungula izinga eliphansi lokusiza labo abaludinga kakhulu.

Ukukhulisa ukufinyelela kumhlaba kubaluleke kakhulu ukuze imizamo yethu yokwehlisa indlala nokuhlinzeka abantu ngezindlela ezibonakalayo zokuziphilisa.

Siqhubekela phambili nokuguqulwa komhlaba ngokuhambisana noMthethosisekelo, kanye nokulindela ukugunyazwa koMthethosivivinywa Wokubuyiselwa Komhlaba kulo nyaka.

Ukusungulwa kwe-Ejensi yezokuthuthukiswa Kwezolimo Nokuguqulwa Komhlaba kuzophothulwa kulo nyaka.

UMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni nengqalasizinda uzophothula ukudluliswa komhlaba kahulumeni ongama-hectare ayizi-14 000 kwi-Ejensi Yokwakhiwa Kwezindlu.

Sinomhlaba olimekayo owanele ukweseka izigidi zabalimi abancane bezinkukhu, imfuyo, izithelo nezitshalo.

NgoHlelo lukaMongameli Lokusungula Imisebenzi neSikhwama Sobumbano, abalimi abangaphezu kwezi-100 000 sebewatholile amavawusha okukhulisa imikhiqizo yabo.

Lolu hlelo selubonakele ukuthi luyasebenza futhi lushintsha izimpilo.

Umkhakha wezolimo usubonise ukubaluleka kokweseka abalimi abancane nokubafaka emisebenzini yokukhiqiza.

Ngohlelo olukhulu lwemboni kashukela, le mboni isihlinzeke abalimi bomoba abancane abangaphezu kwezi-12 000 ngezigidi ezingama-R225 njengengxenye yesethembiso sokusiza ngesigidigidi esi-R1 ukweseka abalimi abamnyama.

Sizokwandisa ukuhlinzekwa kwamavawusha kanye nokunxenxa eminye imikhakha ukuthi izibandakanye kulo mzamo, ukuze sizokwazi ukuthi ngokubambisana sifinyelele kubalimi abancane abayizi-250 000 kulo nyaka.

Awukho umzamo wethu wokuvuselela umnotho ozophumelela uma singakhiphi siqede isihlava senkohlakalo manje.

Selokhu kuqale unyaka, senginikwe izahluko ezimbili zokuqala zombiko weKhomishana Ephenya Ngokuqhwagwa Kwamandla Ombuso eholwa iBamba leNhloko Yamajaji u-Raymond Zondo.

Ngesikhathi isiphetho esiqinisekisiwe sisazolethwa ekupheleni kwale nyanga, izahluko ezimbili zokuqala zombiko zikubeka ngokusobala ukuthi nebala kwaba khona ngempela ‘ukuqhwagwa kwamandla ombuso’.

Lokhu kusho ukuthi izikhungo zikahulumeni nezinkampani eziphethwe uhulumeni (ama-SOE) bezingcoliswe inhloso yobugebengu bokuzenzela inzuzo ngokweba izimali zikahulumeni.

Imibiko ichaza ngemithelela engumonakalo yalobu bugebengu kweZezindiza eNingizimu Afrika, e-Transnet, e-Denel, kweZokuqoqwa Kwentela eNingizimu Afrika (i-SARS) kanye Nophiko Lwezokuxhumana Kuhulumeni.

Ukuqhwagwa Kwamandla Ombuso kunomthelela omubi oqonde ngqo futhi ojule kakhulu ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika, kodwa ikakhulukazi labo abadla imbuya ngothi nalabo ababuthakathaka kakhulu emphakathini wethu.

Kuqede amandla oMbuso wokuletha izinsiza kanye nokuhlangabezana nezidingo ezilindelekile kanye namalungelo abantu omthethosisekelo.

Manje kufanele senze konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi lokhu akuphinde kwenzeke futhi.

Umsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi umbiko wekhomishana ucatshangwa ngendlela eyiyo nangokucophelela bese kuthathwa isinyathelo kulokho.

Ungakadluli umhla wama-30 kuNhlangulana, ngizokwethula isinyathelo esizothathwa ngokuphendula izincomo zekhomishana.

Njengokusho kwezincomo zombiko wokuqala wekhomishana, siyobe-ke, sesiqinisa uhlelo-kusebenza lokuvikela izingede, njengoba ziyihawu elibalulekile ekulweni nenkohlakalo futhi zibeka izimpilo zazo engcupheni ngokubika imikhuba emibi eyenziwayo.

Sibuyekeza ngokugcwele yonke imithetho efanelekile kanye nocwaningo oluqhathanisayo lwamandla omthetho okuqinisa ukuvikelwa kwezingede.

Abezomthetho abafanelekile bathatha izinyathelo ezifanele ukubhekana nokukhathazeka ngokuphepha kwezingede.

Abantu abaningi kanye nezinkampani ikhomishana ebathole ukuthi babe nesandla ekuqhwagweni kwamandla ombuso kumele babekwe icala.

Angingabazi ukuthi uPhiko Lwezokushushisa eNingizimu Afrika (i-NPA) izoqhubeka nolunye uphenyo ikhomishana elufake kwizincomo zalo, nokuthi izoletha wonke amalungu emigulukudu engcolise uhulumeni futhi aqhwaga amandla oMbuso ukuthi abhekane nomthetho.

UPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala e-NPA njengamanje lume ngomumo ukufeza igunya elibaluleke kakhulu, futhi nethimba elizinikele selisunguliwe ukuqhubeka nala macala.

Sizobeka esikhundleni inhloko entsha yoPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala kulandela ukushiya kukaMmeli Hermione Cronje kuleso sikhundla.

Ukuchitshiyelwa kwemithethonqubo yeKhomishana Ephenya Ngokuqhwagwa Kombuso ngoNhlangulana ngowezi-2020, kwanika amandla ukwabelana ngolwazi phakathi kweKhomishana nama-ejensi ezomthetho.

Lokhu kuchitshiyelwa kwaphinde kwavumela ukusetshenziswa kwabasebenzi beKhomishana Ephenya Ngokuqhwagwa Kombuso ngama-ejensi ezomthetho.

Lezi zinhlinzeko ezinika amandla zifake umfutho oPhikweni Lwezokuphenywa Kwamacala ukuqhuba ngendlela eyiyo uphenyo oluphuma kwikhomishana.

Siyabonga kakhulu ngesicelo esiphuma kumkhakha ozimele sokusisiza ngokuhlinzeka ngalawo makhono esingenawo kuhulumeni ukuze kuzophenywa kushushiswe ubugebengu.

Ukuqinisekisa ukuthi iziphathimandla kwezokushushiswa zihlala zineqiniso kwisibophezelo zabo somthethosisekelo kanye nokuqinisekisa ukwenza izinto obala, sisungula uhlaka lokubambisana nomkhakha ozimele oluzolawulwa nguMgcinimafa Kuzwelonke.

Kunezingxoxo futhi eziqhubekayo neZobulungiswa zokusungulwa kwemiqulu yenkantolo ekhethekile yamacala okuqhwagwa kombuso nawenkohlakalo.

Ngesikhathi sithatha isinyathelo sanquma ukuqeda isikhathi sokuqhwagwa kwamandla ombuso, siyazi ukuthi ukulwa nenkohlakalo kusekude ukuphela.

Ngisho ngesikhathi lapho izwe belikhahlamezwa ubhubhane lwe-COVID-19, izinkampani kanye nabantu bebehlangene ngezimali zikahulumeni ukukhwabanisela uhulumeni izigidigidi zamarandi ngezinkontileka ezihambisana ne-COVID-19.

Ngokushesha emva kokuthola ubufakazi bale nkohlakalo sasukuma.

Simise imithethomgomo ethile yokuthenga impahla ngokuphuthuma, sasungula iskhungo i-fusion centre esahlanganisa ndawonye ama-ejensi ezomthetho, sashicilela imininingwane yezinkontileka ezihlobne ne-COVID-19 ku-inthanethi futhi saqalisa uphenyo olunzulu oluqalwe uPhiko Oluphenya Ngamacala Akhethekile (i-SIU) esike yalwenza selokhu yasungulwa.

NgoZibandlela, i-SIU yaletha umbiko wayo wokugcina ngophenyo lwezinkontileka ezihlobene ne-COVID-19.

Umphumela walokho, amacala angama-45, enani elihlangene eliyizigidigidi ezi-R2.1, adluliselwe eNkantolo Ekhethekile.

I-SIU idlulisele izikhulu zikahulumeni ezingama-224 ukuthi ziqondiswe izigwegwe futhi yadlulisela amacala angama-386 ukuthi ayoshushiswa ku-NPA.

IHhovisi likaMongameli libeke izindlela zokuqapha ukuqaliswa kwezincomo ze-SIU kanye nokuqinisekisa ukuthi iminyango kahulumeni kanye nezinkampani zithathela isinyathelo labo abaphule imithethomgomo futhi baphula umthetho.

Ukulwa nenkohlakalo kuzoba nomfutho futhi ngalokho sibonga imiphumela yeKhomishana Ephenya Ngokuqhwagwa Kombuso, ukuqiniswa kwama-ejensi ezomthetho kanye nokuqaliswa kwezindlela ezintsha zokulwisana nenkohlakalo kuhulumeni.

Ama-SOE adlala indima ebalulekile emnothweni wethu.

Kusuka emanzini kuya emigwaqeni, kuya kwezamandla namachweba, kuya kwezokuvikela nezezindiza, lezi zimpahla ziyadingeka ukugcina izwe lethu liqhubekela phambili.

Kubaluleke kakhulu ukuthi sibuyisele emuva ukwehla kwazo, sizibeke endaweni lapho zizoba negalelo elihle.

Ngakho-ke siqalise izinyathelo eziningana ukubuyisela lezi zinkampani ukuthi zibe sesimweni esihle, ngaso leso sikhathi silandela izinguquko ezizokwenza ama-SOE asebenze, ancintisane, aziphendulele futhi asimame.

UMkhandlu kaMongameli wama-SOE, engawubeka ngowezi-2020, wethule isincomo sokuthi uhulumeni asebenzise indlela eyodwa yokusebenza kwabanikazi-zabelo ezolandelwa izinkampani eziphethwe uhulumeni ezibalulekile kwezentengiso. Lokhu kuzohlukanisa imisebenzi yobunikazi boMbuso nemisebenzi yokusungula imithethonqubo kanye nemisebenzi yokulawula, okuzonciphisa ukugxambukela kwezepolitiki, kukhulise ukusebenza ngendlela efanele nokuphathwa kwempahla kahulumeni ngendlela evikela inani lezabelo.

Njengengxenye yalokhu, umsebenzi wokulungiselela usuqalile ukuze kuzosungulwa inkampani enkulu engaphansi kukahulumeni ezokwengamela amaqhingasu ama-SOE kanye nokulawula nokubheka izabelo.

Ukuqinisekisa ukuthi ama-SOE ayawenza ngokugcwele umsebenzi wawo, uMkhandlu kaMongameli wama-SOE ulungisa izincomo zokuthi ama-SOE agcinwe, ahlanganiswe noma achithwe.

Noma yiziphi izincomo zizokwenziwa emva kwezingxoxo nabo bonke ababambiqhaza.

Sithatha izinyathelo zokuvikela intando yeningi labantu yethu, sivikele ingqalasizinda yezomnotho kanye nokwakha imiphakathi ephephile kuwona wonke umuntu.

Ekuqaleni kwaleli viki, sakhipha umbiko wethimba longoti ababephenya ngezibhelu ngoNtulikazi wangonyaka owedlule.

Umbiko uveza isithombe esethusayo samakhono ezokuphepha kuleli kanye nezinhlaka ezikhona ukwenza umsebenzi wabo.

Umbiko uphetha ngokuthi uhulumeni indlela aphatha ngayo udaba lwezibhelu zangoNtulikazi ngowezi-2021 yayingafanelekile, ukusebenza kwamaphoyisa kwakukubi kakhulu, kwakungekho ukulawula isimo phakathi kwezokuphepha zikahulumeni kanye nabezobunhloli, futhi amaphoyisa ebengahlali njalo emiphakathini ayisebenzelayo.

Ithimba longoti lithe udlame luveze obala ububha kanye nokungalingani okuyiwona mnyombo wokuphelelwa ithemba kubantu baseNingizimu Afrika.

Ithimba longoti lithole ukuthi ikhabhinethi yiyona okumele izibophezele ngezinselele zomonakalo wezibhelu zangoNtulikazi kowezi-2021.

Lokhu kuyisibophezelo esisaziyo futhi siyasamukela.

Njengokwezincomo zethimba longoti, sizosungula futhi siqhube uhlelo lukazwelonke lokubhekana nokuntengantega okubonwe yileli thimba.

Sizoqala njengamanje ngokugcwalisa izikhundla zomsebenzi ezibaluleke kakhulu nokulungisa izikhundla ezithintwe ngukumiswa emsebenzini kwe-Ejensi Yezokuphepha Kombuso kanye Nobunhloli Kwezobugebengu.

Maduze-nje sizomemezela izinguquko ebuholini kuma-ejensi ezokuphepha amaningi ukuze kuzoqiniswa izinhlaka zethu zezokuphepha.

Ukuqashwa kwabantu ophikweni lwamaphoyisa lokuvikelwa komphakathi olungaphansi koPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika sekuzoya esigabeni esifanele, esihambisana nokuqeqeshwa okufanele osekuhleliwe.

Umonakalo oqhubekayo nokwebiwa kwengqalasizinda yezomnotho isithunaze ukuzethemba futhi yakhinyabeza ukukhula komnotho, utshalomali kanye nokusungulwa kwemisebenzi.

Khona kunjalo, sidinga ukubhekana ngqo namaqembu ezigilamkhuba ezihlasela izindawo zokwakha kanye namanye amabhizinisi ukuyophanga imali ezinkampanini.

Lokhu kudinga ukuthi sigxile futhi sibe nendlela edidiyelwe yokubhekana nakho.

Uhulumeni usesungule izingxenye ezikhethekile zokuqondiswa kwezigwegwe ukuze zizobhekana nokucekelwa phansi komnotho, ukuphanga ezindaweni zomsebenzi kanye nokucekelwa phansi kwengqalasizinda.

Kuzoba khona izinsiza zokuqasha nokuqeqesha amaphoyisa amasha ayizi-12 000 ukuqinisekisa ukuthi uPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika luthola abasebenzi elibadingayo ngokushesha.

Enye ingxenye edinga ukunkwa ngokushesha kuzoba ukusungulwa kabusha kwamaphoyisa omphakathi ukwenza ngcono ubudlelwano kanye nokulawula okungcono phakathi kwamaphoyisa endawo kanye nabahlali ezindaweni azisebenzelayo.

Kucace bha ngokubuka kwethimba longoti ukuthi sidinga ukusebenzisa indlela ebandakanya wonke umuntu ukucwaninga izinsongo ezibhekiswe ekuphepheni kwezwe lethu kanye nokuthola izindlela zokubhekana nalokhu.

Nginxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokuhlukahlukana kwabo ukuthi babe yingxenye yokuthuthukisa iQhingasu Likazwelonke Lezokuphepha lethu.

Ngizoya kwizikhulu ezengamele ePhalamende ngiyocela ukuthi iPhalamende lidlale indima ebaluleke kakhulu ekulawuleni izinqubo zezingxoxo ezibandakanya wonke umuntu.

Abezokuphepha banikwe umsebenzi nguMkhandlu Wezokuphepha Kuzwelonke ukuthi basungule izinhlelo eziphuthumayo zokuqalisa ukulandela uchungechunge lwezincomo ezenziwe ithimba longoti.

Lezi zinyathelo zizoba lusizo esikhathini eside esizayo ekubhekaneni nezinkinga ngokuphulwa komthetho kanye nokuthula emphakathini.

Kulo nyaka, siqinisa ukulwa nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane ngokuqalisa uHlelo Lweqhingasu Likazwelonke kuDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane, kanye nezinye izinyathelo ezigqugquzela ukunika amandla abesifazane.

Ekuqaleni kwale nyanga, ngaphasisa izingxenye ezintsha ezintathu zomthetho, eseziqinise uhlelo-kusebenza lwezobulungiswa kwezobugebengu, zagqugquzela ukuziphendulela kuHulumeni kanye nokweseka labo abasindile.

Ukuqaliswa kokusebenza kwalo mthetho kuzosiza kakhulu ukuqinisekisa ukuthi amacala ashushiswa ngempumelelo, nokuthi abasindile bayavikelwa futhi kunezinto eziningi ezizogwema lokhu.

Sesenze inqubekela-phambili ebonakalayo ekunciphiseni ukusalela emuva kokuhlolwa kolibofuzo i-DNA, ngokukunciphisa kusuka kubufakazi obuyizi-210 00 ngoMbasa ngowezi-2021 kuya kwizi-58 000 njengamanje.

Noma kunjalo, impi yodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile angeke siyinqobe ngaphandle, uma njengomphakathi, sinxenxa bonke abantu ngokwehlukahlukana kwabo kanye nezakhamuzi zonke ukuthi zibe yingxenye yohlelo lokusukuma komphakathi.

Njengoba i-COVID-19 isibonise ngokumangazayo, ezempilo zesizwe angeke ziyihlukanise nenqubekela-phambili yomnotho kanye nokuthuthukiswa komphakathi.

Ngakho-ke sizoqhubeka nomsebenzi oqhubekayo wokuqinisekisa ukuhlinzekwa kwezempilo kuwo wonke umuntu eNingizimu Afrika, ngaphandle nokubheka ukuthi bayakwazi ukukukhokhela na.

Ngesikhathi ukulalelwa komphakathi mayelana noMthethosivivinywa Wezempilo Kuzwelonke (i-NHI) kuqhubeka ePhalamende, inqubekela-phambili enkulu iyenziwa ekulungiseleleni ukwethulwa kwe-NHI.

Abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-59 sebebhalisile kuHlelo-kusebenza Lokubhaliswa Kweziguli.

NgoMandulo ngowezi-2021, bangaphezu kwezi-56 000 abasebenzi bezempilo abongezeleliwe abaqashiwe futhi bangaphezu kwezi-46 000 onompilo abafakwe kuhlelo-kusebenza lwezempilo kuhulumeni.

Eminyakeni emibili eyedlule, imfundo yabantwana bethu kanye nabantu abasha iphazamiseke kakhulu.

Njengoba sibuyela esimweni esejwayelekile, sizosebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi bonke abafundi nezitshudeni bathola imfundo esezingeni abayidingayo futhi ebafanele.

Bantu bakithi baseningizimu Afrika,

Uhulumeni kumele usebenzele abantu.

Yingakho sibeke eqhulwini ukwakha umbuso onekhono, onomthetho nothuthukayo.

Maduze-nje sizophothula uhlaka lokusebenza ngendlela efanele kuhulumeni.

Lokhu kuzofaka phakathi izinyathelo eziqinile zokuqashwa kwabasebenzi bakahulumeni, ukuthuthukiswa okuqhubekayo kokusebenza ngendlela ngokusebenzisana neSikole Sikahulumeni Kuzwelonke nokusebenzisana phakathi kwezinhlangano zikahulumeni, izinhlangano zabasebenzi namanyuvesi.

Ucwaningo ngendlela yokuphila luvele seluqalile kweZemisebenzi Kahulumeni.

Kulo nyaka, sizoqhubeka nokuqaliswa kokusebenza kwe-DDM.

Le ndlela iletha ndawonya zonke izinhlaka ezintathu zikahulumeni kanye nabanye esisebenzisana nabo emphakathini kuzo zonke izifunda ukuze kuzokhuliswa iminotho yendawo nokwenza ngcono izimpilo zezakhamuzi.

Ikakhulukazi, i-DDM ibheka ukuhlelwa okuhlanganisile kanye nokwabiwa kwezimali kuyo yonke imikhakha kahulumeni futhi ithuthukisa ukuhlanganiswa kwemiklamo kazwelonke ezingeni lesifunda.

Ngesikhathi kunezingxenye eziningi zikahulumeni ezidinga umsebenzi omkhulu, kunezikhungo eziqhubeka nokusiza abantu baleli lizwe lakithi ngendlela efanele nangempumelelo.

Enye yalesi sikhungo i-SARS, ezobe iqeda iminyaka engama-25 yasungulwa kulo nyaka.

Yize i-SARS yayithunjwe kakhulu ukuqhwagwa kwamandla ombuso, isiyenze inqubekela-phambili emangalisayo ekugcineni ubuqotho, ukuthembeka kanye nemiphumela yokusebenza.

Selokhu yasungulwa, i-SARS isiqoqele ukuthuthukiswa komphakathi nomnotho wezwe ama-R16 trillion.  Imali eqoqiwe yenze uhulumeni wakwazi ukuthuthukisa izimpilo zabantu abayizigidi ngokuhlinzeka ukunakekelwa kwezempilo, imfundo, izibonelelo zenhlalo kanye nezinye izidingongqangi.

Ukuba nombuso onekhono akusikho nje kuphela ukuba nabasebenzi bakahulumeni abasemgangathweni kanye nezikhungo ezisebenza kahle.

Kuphinde kube ngukuthi izakhamuzi zinikwa kanjani amandla okuthi zifake igalelo.

Kumele sisebenze ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi izinkundla ezifana nebhodi elengamele isikole kanye neforamu yamaphoyisa omphakathi ayasebenza futhi ayabandakanyeka.

Umphakathi ophilayo ubalulekile ekubeni nohulumeni onekhono kanye nentuthuko.

Ngakho-ke sizosebenza nozakwethu emphakathini ukubamba ingqungquthela yomkhakha womphakathi ekade sasiyilindele.

Le ngqungquthela izobheka ukwenza ngcono ukubonana ubuso nobuso phakathi kohulumeni nomphakathi bese kuxazululwa izinselele ezibhekene nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kanye nezinhlangano zomphakathi.

Izwe lethu selikhahlamezeke kakhulu kamuva nje.

Ukuhlangana kwamandla, amaningi awo ebesingeke siwalawule, kusibeke lapha esikhona manje.

Sibhekene nezinselele ezinzima futhi ezesabekayo.

Nebala, sisempini yomphefumulo waleli lizwe.

Kodwa-ke asithandabuzi ukuthi sizonqoba.

Nginxusa wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukuthi sibumbane ekulweni nenkohlakalo, empini yethu yokusungula imisebenzi, empini yethu yokuzuza umphakathi onobulungiswa nolinganayo.

Sesibhekane nezimo ezibucayi eziningi emlandweni wethu, futhi sizinqobile.

Sike sabhekana nezinqumo ezinzima, futhi sazithatha.

Ezikhathini ezinzima, sibonise isibindi kanye nokuqina.

Isikhathi nesikhathi, sizikhiphile osizini futhi sagqugquzela ithemba, ukuzakha kabusha kanye nenqubekela-phambili.

Manje, kumele siphinde senze njalo.

Masenze isivumelwano esisha sokubhekana ngqo nesimo esisha njengoba sinjalo, isivumelwano esisihlanganisa ngenxa yokwabelana ngempokophelo eyodwa yokwakha kabusha umnotho wethu nokwakha kabusha izikhungo zethu.

Masisebenze.

Masakhe kabusha izwe lethu.

Futhi singashiyi muntu emuva.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore