Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Wangomhla ziyi-1 kuLwezi 2017

IKhabhinethi lahlangana eTuynhuys, eKapa.    

A. Izindaba Ezisematheni

1. Isitatimende seNqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS) sowezi-2017

1.1. IKhabhinethi lamukela i-MTBPS eyethulwe uNgqongqoshe Wezezimali, uMnu. Malusi Gigaba, ePhalamende, eKapa, ngesonto eledlule.

1.2. Ukuchitshiyelwa kwesabelomali kuyaqhubeka nokuhola ukukhula komnotho okubandakanyayo kanye nokuqiniswa kwesimo sezimali kube kuvikelwa futhi kukhuthazwa ukuthi imali isetshenziselwe izinhlelo zomphakathi kwezemfundo, ezempilo, ingqalasizinda eyisisekelo kanye nezibonelelo zikahulumeni, abantu abaningi baseNingizimu Afrika abethembele kukho ukuze baphile impilo engcono.

1.3. Esimweni sezimali esinezingqinamba, ukuzibophezela kukahulumeni ukuhlangabezana nezinselele eNingizimu Afrika kubonakala ngezindlela zokungenelela ukuze kukhuliswe iminotho yasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya, kuqiniswe ukuphatha okuhle ezinkampanini zikahulumeni, kanjalo nokwandisa isabelomali esanele kwezemfundo yasemazingeni aphakeme.  

1.4. IKhabhinethi linxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zihlanganyele emizamweni yokukhulisa umnotho.

2. Ucwaningo Ngesimo Sabantu Abaqashiwe

2.1. IKhabhinethi lamukela ukukhishwa koCwaningo Ngokuqashwa Kwabantu Emisebenzini kwekota lesithathu lowezi-2017, elibonakalise ukuthi isimo sokungatholakali kwamathuba omsebenzi asikashintshi kusukela ekoteni eledlule elabonakalisa ama-27.7%. Amathuba omsebenzi avelile emikhakheni okusetshenzwa kuwo ngokugcwele abe yizi-187 000 ngekota. Umkhakha okungasetshenzwa kuwo ngokugcwele ulahlekelwe ngamathuba omsebenzi ayizi-71 000 kanti wona owezolimo ulahlekelwe ngamathuba omsebenzi ayizi-25 000. Uhulumeni usazibophelele ekwenzeni konke okusemandleni ukubhekana nezinselele zokungabibikho kwamathuba omsebenzi futhi unxusa imboni ezimele ukuthi idlale eyayo indima.

3. Ukugujwa Kweminyaka Eyikhulu Kwazalwa u-Oliver Reginald Tambo

3.1.    IKhabhinethi libonga zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ngokubungaza iminyaka eyikhulu kwazalwa iqhawe Lomzabalazo u-OR Tambo, okwagcina ngombungazo owaba ngoLwesihlanu, ngomhla zingama-27 kuMfumfu 2017 Esigodini iNkantolo eMpumalanga Kapa.

3.2.    Njengengxenye yemibungazo yeminyaka eyikhulu, uMongameli Jacob Zuma wavula ngokusemthethweni imiklamo yokuthuthukisa, okubandakanya:

  •  Ukuvulwa kwedamu iLudeke eMbizana, elakhiwa ngaphansi koHlelo Lokuhlinzeka Ngamanzi Esifundeni SaseMbizana.
  •  Ukuvakashela umndeni wakwaNyameni Esigodini iLudeke lapho uMongameli akhanyisa khona ugesi, njengengxenye yohlelo lukahulumeni lokufaka ugesi ezindaweni zasemakhaya eMbizana namaphethelo;
  • Abafundi banikwa amabhayisikili esikoleni i-OR Tambo Technical High School, ngaphansi kohlelo loMnyango Wezokuthutha i-‘Shova Kalula’, olweseka abafundi abahamba ibanga elingaphezu kwamakhilomitha amathathu uma beya esikoleni;  
  •   Ukunikela ngamakhompyutha kubafundi baseVukuzenzele Special School okuyisikole sabantwana abaphila nokukhubazeka, okwakuholwa uNgqongqoshe Wezokuxhumana, uMmamoloko Kubayi-Ngubane.

4. Izibalo Zobugebengu

4.1. IKhabhinethi inxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika kanye nemiphakathi ukuthi kubanjiswane namaphoyisa ukulwa nobugebengu. Izibalo zobugebengu ezikhishwe kamuva nje uNgqongqoshe Wamaphoyisa, uMnu. Fikile Mbalula, ziveze ezinye zezindawo labo esenze kangcono khona ngokulwisana nobugebengu kanye nezinye izindawo ezisanamazinga obugebengu aphezulu.

4.2. IKhabhinethi likholwa ukuthi uma kungabanjiswana sonke singazuza ngokwakha imiphakathi ephephile nengaba sethubeni lokuthuthukiswa.  

4.3. Izibalo zobugebengu zisiza uhulumeni kanye noMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ukuqapha izindawo okugaselwa kuzo kakhulu futhi ziyisixwayiso sokuqinisa izindlela zokusebenza kanye namasu okunqanda ubugebengu. Ziyingxenye yesu lokunqanda ubugebengu ukuze kuqinisekiswe ukuthi bonke abantu ezweni abazizwa bephephile nje kuphela kepha  baphephile impela.

5. Udlame Olubhekiswe Kubantu Besifazane (i-GBV)

5.1. IKhabhinethi liphinda ligxeka ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nabantwana ngokocansi, noma ngabe abenzi bala macala bakweziphi izikhundla emphakathini.

5.2. IKhabhinethi likhuthaza izisulu ukuthi zibubike lobu bugebengu obunyantisa umzimba emaphoyiseni, okumele aphenye izinsolo ze-GBV futhi athathe izinyathelo ezingokomthetho ukuqinisekisa ukuthi kuba nobulungiswa.

5.3. Sekusondele umkhankaso Wezinsuku Eziyi-16 Zokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane futhi iKhabhinethi ligunyaze isiqubulo sakulo nyaka esithi: "Ngibale Nami: Sisonke Siqhubezela Phambili iNingizimu Afrika Engenalo Udlame".

5.4. IKhabhinethi linxusa zonke izakhamizi ukuthi zifundisane ngamalungelo abantu besifazane nezingane, kanye nangezindlela ezinhlobonhlobo ezikhona zokusiza izisulu zobugebengu.

5.5. UMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Zokulwa nalesi sihlava ungumkhankaso weNhlangano Yezizwe (i-UN), oqala ngomhla zingama-25 kuLwezi (Usuku Lomhlaba Jikelele Lokuqeda Udlame olubhekiswe Kubantu Besifazane) kuya kungomhla ziyi-10 kuZibandlela (Usuku Lwamalungelo Abantu Emhlabeni Jikelele) minyaka yonke.  

5.6. Izakhamizi zaseNingizimu Afrika zikhuthazwa ukuthi zizibandakanye ezinhlelweni zokukhuluma nokuqwashisa ezisemiphakathini nasemikhakheni yazo.

6. Ingqungquthela Yokuguqula Ezokuvakasha

6.1. IKhabhinethi linxusa bonke ababambiqhaza ukuthi beseke izinhlelo zokuguqula umkhakha wezokuvakasha njengoba ungaletha inzuzo emnothweni wezwe ngokufukula imiphakathi eyayincishwe amathuba phambilini futhi zihole ukwanda kwamathuba omsebenzi.

6.2. UMnyango Wezokuvakasha usingathe iNgqungquthela Yokuguqula Ezokuvakasha Kuzwelonke mhla zingama-30 nama-31 kuMfumfu 2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ezokuvakasha Zabantu Bonke: Guqula, Khulisa bese Uqhubekise", okwakhiswa kuyo uMbiko Ngesimo Sokuguqula Umkhakha kanye nokwethulwa kweNkundla Yezokuvakasha Ethuthukisa Abantu Abamnyama Kwezomnotho Ovulelekile (i-B-BBEE) kanye Nesikhwama Sokuguqulwa Kwezokuvakasha.

7. Ukuvakashelwa uMongameli Macky Sall waseSenegal

7.1. IKhabhinethi lamukela Ukuvakashelwa uMongameli weRiphabhulikhi yaseSenegal, uMhlonishwa uMacky Sally ngomhla zingama-20 kuMfumfu 2017. INingizimu Afrika neSenegal yaxoxisana ngezimo ezisemqoka zezwekazi kanye nezomhlaba jikelele futhi kwasayinwa izivumelwano ezinhlobonhlobo.

7.2. La mazwe amabili anobudlelwano obuhle kwezombusazwe, ezomnotho kanye nezenhlalakahle, okusekelwe ubudlelwano obuqinile bakudala obaqala ngeminyaka yomzabalazo wenkululeko.  

7.3. Ukusayinwa kweMemorandamu Yokuvumelana ngokuhlanganisa isiqhingi iRobben Island (esasisetshenziswa umbuso wobandlululo ukubopha izishoshovu ezazilwela inkululeko) nesiqhingi iGorée Islands (umzila owasetshenziselwa ukuthutha abantu abamnyama base-Afrika ngomkhumbi beyophiliswa impilo yobugqila) kuphinde kuqinise ubudlelwane bala mazwe kwezamasiko nomlando njengoba kukhunjulwa Izinkulumo zaseNgqungqutheleni yaseDakar zangowe-1987.

8. Ukuvakasha kwethimba lase-Indonesia eNingizimu Afrika

8.1. IKhabhinethi lamukela ukuvakashela eNingizimu Afrika kukaSultan Husain Abubakar Syah waseTidore e-Indonesia. Ithimba laseTidore libandakanya uMuhammad Amnin Farouk, oyisizukulwane sikaTuan Guru, isishoshovu somzabalazo esaboshwa uhulumeni waseHolland, wasithumela esiqhingini iRobben Island ngowe-1780. UTuan Guru (Imam Adbullah bin Qadi Abdussalum) kanye nabanye abathathu ayehamba nabo baboshwa cishe iminyaka eyi-12 okwalandelwa ukugcinwa kwabo ekudingisweni eKapa, lapho aba negalelo elikhulu ekuthuthukiseni umphakathi wasendaweni ngokwakha i-mosque yokuqala. Izikhamizi eziningi zaseNingizimu Afrika zidabuka  esizukulwaneni sakhe.

8.2. Leli thimba livakashele iSigungu Sikazwelonke (i-NA) kanye Nomkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP) lapho amukelwe khona izikhulu ezongamele, iPhini Likamongameli uCyril Ramaphosa kanye noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho uNgqongqoshe Ebrahim Patel.

8.3. Lolu hambo ligqamise umlando wala mazwe womabili okubuswa ontamolukhuluni kanye namakhulu-minyaka okulwela inkululeko kwabantu base-Indonesia naseNingizimu Afrika. Namuhla sibungaza ezohwebo, ezokuvakasha kanye nokunye okuxhumanisa la mazwe amabili kwezomnotho.

9. Ukuhlola kokuphela konyaka kwezikole

9.1. IKhabhinethi lanelisekile ngokuthi ukuhlola kokuphela konyaka kwezikole okuqhubeka ezikoleni kanye nakwezinye izikhungo zemfundo kuqhubeka ngaphandle kwezinkinga.

9.2. Imfundo yiyo eseqhulwini ekuholeni izwe elizoba nekusasa elingcono kubo bonke abasezweni. Abazali nabanakekeli babantwana bayanxuswa ukuthi baqhubeke nokweseka abafundi ngokufanele ngalesi sikhathi.

9.3. Izinhlelo zokusiza abafundi abasele ezifundweni zoMnyango Wezemfundo Eyisisekelo kanye nezinye izinhlelo zisize abafundi abathikanyezwe imibhikisho kulo nyaka futhi kulindeleke imiphumela emihle.

10. Ukubumbana komphakathi

10.1. IKhabhinethi lincoma amaphoyisa kanye nokubambisana kwemiphakathi esize ukuze kulahlwe ngecala uWillem Oosthuizen noTheo Jackson. Laba ababili baphoqa uVictor Mlotshwa ukuthi angene ebhokisini lomngcwabo futhi bamesabisa ngokuthi bazomuthela ngophethilomu.

10.2. Isahlulelo siveza ukuthi imithetho yaseNingizimu Afrika iqinile kwezokuvikelwa kwamalungelo azo zonke izakhamizi.  

10.3. IKhabhinethi liphinda ligcizelela ukuthi amalungelo azo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika okuhlanganyela emibhikishweni enokuthula ayingxenye yentando yeningi labantu elingokomthethosisekelo. Nokho, amalungelo amiswe kuMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 akahambi wodwa futhi akufanele alimaze amalungelo abanye abantu angokomthethosisekelo.  

10.4. IKhabhinethi ligxeka ukuvinjwa kwemigwaqo yomphakathi, ukuvezwa kwezimpawu zokucindezela zangaphambilini kanye nokulinyazwa kwezimpawu zezwe eziyisibonakaliso sentando yeningi labantu eyajulukelwa.

10.5. IKhabhinethi lizibophezele eqhazeni lalo lokwakha umphakathi obumbene wabo bonke abantu futhi unxusa izakhamizi ukuthi zidlale eyazo indima ngokuqikelela nangomoya wokusebenzisana ukwakha iNingizimu Afrika ebumbene, engacwasi ngokwebala, engacwasi ngokobulili, ebuswa ngentando yeningi labantu futhi enempumelelo.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

11.1. IKhabhinethi ligunyaze uMbiko Wesimo Sohulumeni Basekhaya baseNingizimu Afrika wezi-2015/16.  Lo mbiko wendlala inqubekela phambili ebonakele ekuqalisweni koHlelo Lokubuyela Emasisweni (i-B2B), okuwuhlelo lokuthatha isinyathelo sokuqinisekisa ukuhlinzeka ngezidingo eziyisisekelo, ukuphatha okuhle kanye nokuphathwa kwezimali ngokufanele.
Lo mbiko ugqamisa izingxenye ezibhekene nezinselele futhi uhlinzeka ngesisekelo sokuqalisa isigaba sesibili soHlelo i-B2B.

Lo mbiko uzokwethulwa ePhalamende.

11.2. IKhabhinethi leseke izichibiyelo eziphakanyisiwe ezintathu zeMigomo Yohlaka lwe-B-BBEE. Izichibiyelo zibhekana nezinselele zomkhakha kanye nokwehlukile kwezoguquko ebezingeke zadingideka ngokugcwele emigomweni ewujikelele. Le mikhakha emithathu ngeyezoLimo, Ezezimali kanye Nezokwakha. Izichibiyelo eziphakanyisiwe zitholakale ngokubambisana nababambiqhaza abafanele. Yonke imigomo yomkhakha echitshiyelwe izobhalwa kusomqulu kahulumeni.

11.3. IKhabhinethi ligunyaze Iqhingasu Lezobuchwepheshe Kuzwelonke, i-National e-Strategy, kanye nokushicilelwa kwayo kuSomqulu Kahulumeni. Yashicilelwa kuMbasa 2017 ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. I-e-stragegy iveza umbono okuvunyelwene ngawo kanye noguquko lwezinhlelo olusuka emphakathini onolwazi luya kumnotho wolwazi nomphakathi.

Ibhekana nezinselele, ezibandakanya ukwahlukana kwezobuchwepheshe phakathi kwabadla izambane likapondo kanye nabadla imbuya ngothi, phakathi kwezinhlanga ezahlukene, izindawo zokuhlala ezahlukahlukene kanye nezinkinga eziqondene nobulili. Ihlinzeka ngenkundla yokuthi izakhamizi zaseNingizimu Afrika zikwazi ukuzibandakanya kwezobuchwepheshe, obubalulekile nobuhambisana nezentuthuko kanye nempumelelo yezomnotho ukuze kuzuze umphakathi uwonkana. UMnyango Wezengqalasizinda  Yezokuxhumana  Nezinsizakalo Zeposi uzochaza kabanzi ngaleli qhingasu.

11.4. IKhabhinethi ligunyaze Iqhingasu Lezobuchwepheshe Kuzwelonke kanye Nomhlahlandlela, i-National e-Strategy and Roadmap, ezoshicilelwa kwayo kuSomqulu Kahulumeni. Lizoletha uguquko kwezobuchwepheshe oluzosetshenziswa umphakathi futhi livula ithuba lokuhlinzeka ngemisebenzi eseqophelweni elingcono kube kusetshenziswa ubuchwepheshe bedijithali. Iqhingasu liqondiswe, phakathi kokunye, ukulondolozwa kwezinhlelo zikahulumeni kanye nezinqubo eziphindaphindwayo, izizindalwazi, ukungahambisani kohlelo olukhulu kanye nokunganelisi. Lizophinde landise ukusetshenziswa kolwazi nokuxhumana ngendlela yobuchwepheshe (i-ICT), kugqanyiswe izinhlelo kanye namasu amasha kwezobuchwepheshe azosetshenziswa uhulumeni osebenza ngobuchwepheshe.  

11.5. IKhabhinethi ligunyaze Iqhingasu Lokuthuthukisa Amabhizinisi Amancane Nasafufusa (ama-SMME) ngokwe-ICT. Lokhu ukungenelela okuqondene nomkhakha othile ukuze ubhekane nezinselele ama-SMME abhekene nazo emkhakheni we-ICT.
Leli qhingasu lihlongoza izindlela zokungenelela ukuze kusheshiswe ukuthuthukisa nokukhula kwamabhizinisi amancane emkhakheni we-ICT, kube kulawulwa ukukhula kwamazinga okudidiyela nokusebenzisa i-ICT emkhakheni wamabhizinisi amancane jikelele.
Leli qhingasu lihlose ukweseka amabhizinisi e-ICT asaqala, ukuqinisa amabhizinisi asekhona kanye nokwandisa amathuba okuthola ama-SMME asebenza ngempumelelo.

11.6. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMbiko Wokuhlola Uhlelo Lokuhlinzeka Ngokudla Okunempilo Ezikoleni Kuzwelonke. Lolu wuhlelo lukahulumeni olunesabelomali esiyizigidigidi ezingu-5.5 zamarandi okuholele ekutheni abantwana abayizigidi eziyisishiyagalolunye zasemiphakathini empofu zithole ukudla okunempilo esikoleni nsukuzonke. Umbiko ubonakalisa izindawo okumele kuqaliswe khona uhlelo ngempumelelo kanye nezinye izindawo okudingeka ukuthi zithuthukiswe.
Umbiko uzotholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola (www.dpme.gov.za)

11.7. IKhabhinethi leseka isimo seNingizimu Afrika sokukhethwa kabusha ebulungeni beminyaka emibili yoMkhandlu Womhlaba Jikelele Wenhlangano Yezasolwandle (IMO). Lolu khetho luzobanjwa lapho kuzobe kunoMhlangano Owujikelele wama-30 weNhlangano ngomhla zingama-27 kuLwezi kuya kumhla ziyi-6 kuZibandlela 2017 eLondon, e-United Kingdom.
INingizimu Afrika iyizwe elinolwandle futhi chishe ama-80% ohwebo lwamazwe ngamazwe lwenziwa ngolwandle.  Ubulungu beNingizimu Afrika eMkhandlwini i-IMO bunegalelo ekwandeni kwamathuba omsebenzi okususelwa ohlelweni i-Operation Phakisa: yoMnotho Wasolwandle.

11.8. IKhabhinethi ligunyaze ukwethula ePhalamende kokulungiswa kweSichibiyelo seSivumelwano saseMontreal Ngalokho Okunciphisa Ungwengwezi Osemkhathini (i-ozone layer) ukuze kubandakanywe ama-hydrofluorocarbons (ama-HFC). Ukuchibiyela kubheke ukuqeda ama-HFC (Isivumelwano saseKigali), angezinye zezisi zemvelo ezikhiqizwa ngokwemvelo ezinesandla ekuncishisweni kukangwengwezi osemkhathini. INingizimu Afrika vele seyasayina Isivumelwano saseMontreal.  

11.9. IKhabhinethi liphinde lagunyaza ukwethulwa ePhalamende kokulungiswa kweSivumelwano saseMinamata se-Mercury. Sihlinzeka ngamathuba okuvikela abantu ababuthaka, ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni okuqhutshwa kuzo imisebenzi yokuvukuza, kube kunezimo ezingezinhle ezidalwa i-mercury kwezemvelo nasempilweni yabantu.

11.10. IKhabhinethi laziswe ngoMbiko Wekhomishana Yophenyo eqondiswe Kwezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha eRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika. IKomidi Lezezimali LikaMongameli lizohlala maduze ukudingida umthelela okhona kwezezimali.  UMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha kuzodingeka ukuthi ubukeze izinqubomgomo ezifanele kanye nomthetho, lapho kunesidingo.  UMongameli Zuma uzokhipha umbiko uqondiswe emphakathini esikhathini esingatheni futhi isikhulumi sikaMongameli, uDkt. Bongani Ngqulunga, sizokwenza isimemezelo ngalolu daba.

C. Imithethosivivinyo

12.1. IKhabhinethi ligunyaze UMthethosivivinyo Wamaholo Okungeholelwe Ngaphansi Kwawo Kuzwelonke enomthelela   
 emholweni okungeholelwe ngaphansi kwawo kubasebenzi abahola imali encane kakhulu eNingizimu Afrika. UMthethosivivinyo unxusa ukuthi bonke abasebenzi baholelwe iholo elingengaphansi kweholo okungeholelwe imali engaphansi kwalo. Uma lo Mthethosivivinyo sowusebenza abaqashi kuzolindeleka ukuthi bakhokhele abasebenzi babo umholo ongengaphansi kweholo okungeholelwe ngaphansi kwalo, elizochitshiyelwa  minyaka yonke.

12.2. IKhabhibheni liphinde lagunyaza ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imigomo Eyisisekelo Yokuqashwa wowezi-2017. Lokhu kuchibiyela uMthetho Wemigomo Yokusebenza Eyisisekelo, we-1997 (uMthetho 75 we-1997) ukuze kuqinisekiswe ukuthi kufakwa isiqeshana esikhuluma ngoMthethosivivinyo Wamaholo Okungeholelwe Ngaphansi Kwawo.

12.3. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezobudlelwano Nabasebenzi wowezi-2017. Lo Mthethosivivinyo uwumphumela wokubonisana nabo bonke ababambiqhaza abafanele. Udingida, phakathi kokunye, izinqubo  zokubhikisha, iziteleka ezidonsa isikhathi esingaphezu kwaleso ebesilindelekile kanye nezinhlaka ezelulekayo uma kunemidonsiswano.   

12.4. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosisivinywa Wokuchibiyela Uhulumeni Wendawo: Izinhlaka Zomasipala wowezi-2017. Lokhu kuchibiyela uMthetho Kahulumeni Wendawo: Wezinhlaka Zikahulumeni, we-1998 (uMthetho 117 we-1998).
UMthetho uhlose ukuqinisa izinhlelo zohulumeni abahlukene kanye nokubusa ngokwentando yeningi labantu. Uhlose nokudingida izinkinga eziqondene nokulawula nokuphatha ukhetho lomasipala, kanye nokukhuthaza ukusebenza ngempumelelo nokuqalisa ngokushesha uMthetho, kanjalo nokuqinisa ukuqapha nobuholi komasipala.

12.5. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wohlelo Lokubhaliswa Kwamatayitela  Nge-Intanethi wowezi-2017. UMthethosivivinyo sewudlule kuhlelo lokubonisana nomphakathi.
Uvumela ukuthuthukiswa kohlelo lokubhaliswa kwamatayitela nge-intanethi (i-e-DRS), ukuze kuqhutshwe amatayitela, kubhaliseke amatayitela amaningi njengoba kubizelwe izinhlelo zokubuyisela umhlaba zikaHulumeni.

12.6. Njengengxenye yokukhuthaza ukusetshenziswa kwe-ICT ukwakha umnotho obandakanyayo, iKhabhinethi ligunyaze uMthethosivivinywa Wesikhungo Samakhono Ezobuchwepheshe Kuzwelonke wowezi-2017, i-iKamva National e-Skills Institute, (uMthethosivivinywa i-iNeSI) ezofakwa kusomqulu kahulumeni ukuze kubonisanwe nomphakathi futhi kutholakale izimvo zawo.

UMthethosivivinywa i-iNeSI uhlinzekela ukusungulwa kwe-iNeSI njengesikhungo sikahulumeni esinothetho waso osilawulayo, ukubhekana nokusilela kwamakhono ezobuchwepheshe avimba utshalomali, ukuthuthukiswa kwezenhlalomnotho kanye nokuthuthukiswa kwabasebenzi ezweni.
Lokhu kuzodala ukusungulwa kwezikhungo zokukhiqizwa kwe-ICT esifundazweni ngasinye, okuzobe sekusiza i-iNeSI ukuze ithuthuke futhi yakhe izinhlelo ezifanele kanye nezinsiza zokuqeqesha, kukhuthazwe futhi kuqhutshwe ucwaningo olusha, futhi kuvulelwe abafundi asebagogoda abaqhuba izifundo zabo ukuze bakwazi ukwenza ucwaningo.

12.7. IKhabinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinsizakalo Zeposi kuSomqulu kaHulumeni ukuze kuqoqwe izimvo zomphakathi. Lokhu kuchibiyela uMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinsizakalo Zeposi No. 124 we-1998.

Lo mthethosivivinywa uhlinzekela ukuhlelwa kabusha komkhakha wezeposi ukuze ube negalelo ekuqinisekiseni ukuthi imisebenzi emisha yobuchwepheshe itholakala kumuntu wonke kube kuqhutshekwa nokuhlinzeka ngemisebenzi emidala yeposi eseqophelweni eliphezulu nephephile.
Lokhu kunegalelo eqophelweni lesithunzi sabantu ngokutholakala kolwazi kanye nezinsazakalo zeposi ezingambi eqolo, ezilawula ukuthuthukiswa kwezenhlalakahle futhi ezithuthukisa iqophelo lempilo yomuntu ngamunye kanye nemiphakathi.

D. Imicimbi Ezayo

IKhabhinethi liphinde lazisa ukuthi eminye yemicimbi ezayo ohlwini lwezinto eziza kwenziwa uhulumeni.

13. Uhlelo lokuqapha lukaMongameli, i-Presidential Siyahlola Monitoring Programme

13.1. Kuhlelwe ukuthi uMongameli Zuma avakashele Isibhedlela iSteve Biko Academic eTshwane  ngoLwesihlanu, ngomhla zi-3 kuLwezi 2017 ukuqapha ukuhlinzekwa kwezidingo zezempilo njengengxenye yohlelo lokuqapha lukaMongameli, i-Presidential Siyahlola Monitoring Programme.

Lesi sibhedlela singesinye sezibhedlela zikahulumeni eziphuma phambili ezweni futhi saqanjwa ngegama likaSteve Bantu Biko, iqhawe lomzabalazo eseladlula futhi elalingumfundi wezobudokotela eNyuvesi yaseNatali (eseyibizwa ngokuthi iNyuvesi YaKwaZulu-Natali).
Uhambo lukaMongameli Zuma luyingxenye yohlelo lokuqapha lukahulumeni oluhlose ukudingida izingqinamba ezikhungethe izibhedlela zikahulumeni kanye nokuthuthukisa uhlelo lokunakekela ngezempilo, okungokunye kwezinhlelo eziseqhulwini kuhulumeni.

14. INyanga Kazwelonke Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka

14.1. IKhabhinethi linxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zeseke Inyanga Kazwelonke Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka phakathi kwangomhla zi-3 kuLwezi kuya kungomhla zi-3 kuZibandlela 2017, oluhambisana noSuku Lomhlaba Jikelele Lwabantu Abaphila Nokukhubazeka.
Izakhamizi zaseNingizimu Afrika zikhuthazwa ukuthi ziqwashise futhi zivikele amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka, kube kwaziswa impumelelo esesibe nayo ekudingideni izinselele abantu abaphila nokukhubazeka ababhekana nazo.

15. Ingqungquthela Kazwelonke Yokuthuthukisa Umnotho Wendawo

15.1.UMnyango Wokwengamela Ngokubambisana kanye Nezendabuko kanye
noMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane uzohola iNgqungquthela Kazwelonke Yokuthuthukisa Umnotho Wendawo yokuqala ngomhla we-9 nowe-10 kuLwezi 2017 eGauteng.
Le ngqungquthela iyinkundla ebalulekile yokuxoxisana phakathi kukahulumeni kanye nomkhakha ozimele ngezindaba eziyizinhlolo ezimisiwe kanye nalezo ezisemqoka ukuze kufukulwe iminotho yezindawo ngokwakha indawo evumayo yokufinyelela entuthukweni yezomnotho ebandakanyayo.

E. Imiyalezo

16.1. IKhabhinethi lamukela isimemezelo semali engaphezu kwesigidigidi esisodwa sama-US dollar esizotshalwa eMnothweni waseNingizimu Afrika ezinyangeni ezizayo oqondiswe kwezobuchwepheshe, ezemfundo kanye nezamabhizinisi ezolimo.  Lokhu kumenyezelwe Inxusa uHarold Doley, Jr, uMphathi Webhange Lentuthuko lase-Afrika.

16.2. IKhabhinethi lihalalisela uDkt. Nono Simelela ngokuqokwa kwakhe njengoMsizi kaMqondisi-Jikelele weNhlangano Yezempilo Yomhlaba (i-WHO). UDkt. Simelela uzoba yinhloko yoPhiko lwe-WHO olubhekelele Ezemindeni, Ezabantu Besifazane, Ezezingane kanye Nezezingane Esezikhulile kusukela ngomhla ziyi-13 kuLwezi 2017. Ungowesifazane wokuqala womdabu owudokotela wezifo zabantu besifazane, i-gynaecologist, eNingizimu Afrika.  

16.3. IKhabhinethi lamukela isimemezelo se-World Rugby zokuncoma iNingizimu Afrika njengezwe elikhethelwe ukusingatha umncintiswano Wendebe Yomhlaba Yomdlalo Webhola Lombhoxo ngowezi-2023. IKhabhinethi liphinde lancoma umsebenzi owenziwe uNgqongqoshe Wezemidlalo Nokungcebeleka, uMnu. Thulas Nxesi, iPhini likaMongameli uRamaphosa kanye nethimba laseNingizimu Afrika Lomdlalo Webhola Lombhoxo ebelishabashekela ukuthi lo mncintiswano uze kuleli. Isinqumo sokugcina sizomenyezelwa i-World Rugby ngomhla ziyi-15 kuLwezi 2017.

16.4. IKhabhinethi lihalalisela bonke ababambiqhaza kanye nabanqobile Emcimbini we-15 Oklomelisa Abasebenzi Bakahulumeni Minyaka Yonke Ngokusungulwa Kwamasu Amasha Emkhakheni Kahulumeni.  Le miklomelo yazisa izinhlelo zokuhlinzeka ngezidingo ngempumelelo nangendlela egculisayo ezifezwe ngokusetshenziswa kwezindlela, izinhlelo kanye nezinsiza ezintsha.

16.5. IKhabhinethi lihalalisela iqembu lebhola i-SuperSport United FC ngokufinyelela emidlalweni eyandulela amanqamu ye-CAF Confederation Cup emuva kokushaya iqembu laseTunisia i-Club Afrika ngo-3-1 nango-4-2 uma imiphumela seyihlanganisiwe. Ngenyanga ezayo eli qembu lidume ngegama elithi Matsatsantsa lizobhekana ne-TP Mazembe emdlalweni wamanqamu emcintiswaneni wamaqembu wezwekazi osendaweni yesibili ngobukhulu.

16.6. IKhabhinethi lidlulisa ukuzwelana nomndeni kanye nabangani baka-Ian McLeod, odlulile kuleli washiya igebe elikhulu emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo. Waba unondweba wokuqala waseNingizimu Afrika emncintiswaneni Womdlalo Wendebe Yomhlaba ye-FIFA, ngenkathi ewunondweba emdlalweni wendebe yomhlaba ye-FIFA owawubanjelwe eFrance ngowe-1998.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

17.1. Abaqondisi beBhodi le-Export Credit Insurance of South Africa SOC Limited:

a. Nksz. Lerato Herriette Mothae; kanye
b. noNksz. Sisa Mayekiso.

17.2. Amalungu Esigungu Sabathengi Kuzwelonke aqashwe ngokugcwele:

a. Nksz. Hazel Viloshni Devraj; kanye
b. No-Adv John Rinton Simpson.

17.3. Ukuqashwa kabusha kwamalungu Esigungu Sezemincintiswano aqashwe ngokungagcwele:
a. USolz. Imraan Valodia; kanye
b. noMnu. Anton Roskan.

17.4. IBhodi loMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Yabantu (i-HRSC):

a. USlz. Mvuyo Tom – (uSihlalo);
b. USlz. Lindiwe Zungu;
c. Mnu. Nasima Badsha;
d. Solz. Relebohile Moletsane;
e. Solz. Haroon Bhorat;
f. Solz. Shireen Hassim;
g. Nksz. Precious Nompumelelo Sibiya;
h. Solz. Mark Bussain;
i. U-Adv Roshan Dehal; kanye
j. noDkt. Abdalia Hamdok.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nksz Phumla Williams – Ibamba LikaMqondisi Jikelele (GCIS)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore