Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla we-13 kuNdasa 2024

A.  Ezisematheni 

1.  Umnotho
1.1.  Izindaba Zohwebo
1.1.1.  IKhabhinethi lamukele ukwamukelwa kwezinqubo kanye nezinqumo ezithinta iNkundla Yokuhwebelana Mahhala Kwamazwe ase-Afrika (i-AfCFTA) yiSigungu Sobumbano Lwamazwe ase-Afrika. Lokhu kufaka phakathi iNqubo Yokuhweba Yabesifazane Nentsha yokuqala ngqa, kanjalo neZinqubo Zotshalomali kanye Nokuhweba Ngedijithali. 
1.1.2.  ISigungu, ebesethanyelwe nguMongameli u-Cyril Ramaphosa siphinde savuma imithetho eminingi emayelana nomsuka wemikhiqizo yendwangu kanye nemikhiqizo ethile yezimoto, njengoba iqinisekiswe nguMkhandlu Wongqongqoshe we-AfCFTA. IKhabhinethi lihalalisela uNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana ngomsebenzi owenziwe wokuqalisa ukuhweba ngaphansi kwemibandela ye-AfCFTA, ngomthwalo wokuqala wempahla othunyelwe e-Ghana nase-Kenya. 
1.1.3.  IKhabhinethi liwubonile umphumela weNgqungquthela Yongqongqoshe ye-13 yeNhlangano Yezohwebo Emhlabeni (i-WTO) futhi lithokozela ukuthi i-WTO yamukele indlela yeNingizimu Afrika yokuqinisekisa iSivumelwano Soxhaso Kwezokudoba. INingizimu Afrika ibe iLungu le-WTO lama-71 ukuqinisekisa iSivumelwano futhi yakuthokozela ukuthi ukufakwa kwayo kwenzeke emcimbini okhethekile ngesikhathi sokuvalwa kwe-MC13. IKhabhinethi lamukele ukungena kwamazwe amabili kubulungu be-WTO, okuyi-Timor Leste ne-Comoros; nesivumelwano sokukhishwa kancane kancane kwezinzuzo zamazwe asuka esimeni sokuba 'ngamazwe athuthuka kancane'. 
1.1.4.  IKhabhinethi likhathazekile ngokuthi izinhloso zentuthuko ezibalulekile zamazwe ase-Afrika azifezekanga ngenxa yokuphikiswa yiminotho emikhulu nesithuthukile. Lokhu kuhambisana nenqubomgomo yokuthuthukiswa kwezimboni zamazwe asathuthuka, isivumelwano sezolimo esihlinzeka abalimi abaseningizimu yomhlaba ngethuba lokufinyelela ezimakethe zamazwe asethuthukile, ezinye izinyathelo zokugwema ukudoba ngokweqile kanye nezinyathelo zokubuyisela izindlela ezithatha uhlangothi olulodwa nezingenabulungiswa zokuvikela imvelo ezifana ne-Carbon Border Adjustment Mechanism (i-CBAM) ye-European Union. 
1.1.5.  IKhabhinethi liphinde laphawula ngokuvakashela e-People’s Republic of China kukaNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana ukuyofuna usizo lotshalomali olusha embonini yezokukhiqiza eNingizimu Afrika, okufaka phakathi imboni yezokukhiqiza. Lolu hambo luhlanganise imihlangano nabakhiqizi bezimoto ezihamba ngogesi (i-EV) abakhulu emhlabeni kanye nabakhiqizi abakhulu bamabhethri e-EV, insimbi kanye namafemu akhiqiza ezamandla kanye nezinkampani zaseNingizimu Afrika ezisebenza kwelaseShayina emikhakheni efana nowezamakhemikhali, imishwalense yezokwelashwa, imikhiqizo yokwelapha, ezezimayini kanye nezezimali. Ngesikhathi salolu hambo, uNgqongqoshe u-Ebrahim Patel uhambele umcimbi obuse-Zheng He Memorial e-Nanjing, ukuyohlonipha itilosi laseShayina elihamba phambili, elivakashele izwekazi i-Afrika ngesikhathi soHambo lweSihlanu lwe-Treasure Fleet (1417-1419), nalapho asungula khona ukuxhumana phakathi kwamachweba okuhweba empumalanga ye-Afrika.  IShayina namuhla ingelinye lamazwe amakhulu ahwebelana ne-Afrika, okwakhela phezu komzamo weminyaka engaphezu kwengama-600 eyedlule. 

2.  Ezokuvakasha
2.1  UMbiko Wokuqhubekayo ngokwengezwa komthamo kanye nokubaluleka Kwezokuvakasha Kuleli Lizwe Nasemhlabeni Jikelele
2.1.1   IKhabhinethi linconywe ngenqubekelaphambili yomsebenzi wokwengeza umthamo kanye nokubaluleka Kwezokuvakasha Kuleli Lizwe Nasemhlabeni Jikelele.
2.1.2  Umbiko osanda kukhishwa abeZibalo eNingizimu Afrika omayelana nezibalo zabantu abangena kuleli lizwe bephuma kwamanye amazwe kusuka ngoMasingana kuya kuZibandlela wezi-2023 ubonisa ukukhula komkhakha Wezokuvakasha eNingizimu Afrika njengoba izivakashi ezibuya emazweni kulesisikhathi zibalelwe kwizigidi eziyi-8.5 sezizonke okuyisibalo esikhule ngama-48.9% uma kuqhathaniswa ngowezi-2022. 

2.2  Ukubhekana nenkinga yokusilela emuva ekukhishweni kwezimvume zama-Tour operator
2.2.1   IKhabhinethi lithole umbiko wokuqhubekayo ekubhekaneni nenkinga yokusilela emuva ekukhishweni kwezimvume zama-Tour Operator.
2.2.2  UMnyango Wezokuvakasha uzosebenzisana nezikhungo ezifanele kanye nezinhlangano kubandakanya neKomidi Likazwelonke Lesikhashana Elilawula Ezokuthuthwa Komphakathi loMnyango Wezokuthutha ukuqinisekisa ukwenza kangcono kanye nokusheshisa ukukhishwa kwezimvume zama-tour operator.
2.2.3   Izinhlelo zifaka phakathi ukusebenzisana nomnyango wezokuthutha ekusunguleni isikhungo sezingcingo esizosiza ukuphendula imibuzo mayelana nama-tour operator.
2.2.4   UNgqongqoshe Wezokuthutha ukhiphe umyalelo kwizikhulu zomthetho ezifundazweni nasemakhaya ukuthi ziyeke ukuhlawulisa ama-Tour Operator asalinde izimpendulo zezicelo azifakile.

3.  Izindaba Zamazwe Ngamazwe
3.1.  Izwe lase-Palestine (I-Afrika Engcono kanye Nomhlaba Ongcono)
3.1.1.  Izinhliziyo zethu zikanye nabantu base-Palestine ngenxa yokufa kwabantu okulokhu kuqhubekile kanye nokuhlupheka okungenasidingo, iKhabhinethi licela ukuthi kuqedwe nya le mpi. Siyathemba ukuthi isicelo esiphuthumayo seNingizimu Afrika esifakwe eNkantolo Yobulungiswa Yamazwe Ngamazwe sizoqeda ingxabano futhi sivulele ithuba lokulethwa kosizo oludingwa kakhulu ngabantu. Isicelo seNingizimu Afrika kuhloswe ngaso ukuqinisekisa ukuthi konke ukulwa nempi kuyaphela, nokuthi bonke abathunjiwe nababoshiwe bayakhululwa ngokushesha, bese kuvulwa indlela yase-Gaza.
3.1.2 INingizimu Afrika iqinisekisa ukuthi esona sisombululo sokuletha ukuthula ukuqaliswa ‘kweSisombululo Semibuso Emibili’. 

3.2.  IKhomishini Yezizwe Ezimbili (i-BN) yeNingizimu Afrika ne-Ghana
3.2.1.  IKhabhinethi lamukele izingxoxo kwi-BNC yeNingizimu Afrika ne-Ghana eziqinise ukusebenzisana phakathi kwala mazwe amabili.
3.2.2.  La mazwe amabili axoxisane ngokuqinisa amaxhama kwezohwebo kanye nokuhlanganiswa komnotho e-Afrika ngokuhweba ngaphansi kweNkundla Yokuhweba Mahhala Kwamazwe ase-Afrika (i-AfCFTA). Mhla wama-31 kuMasingana 2024, iNingizimu Afrika yathumela impahla yayo yokuqala e-Ghana nakwamanye amazwe ngaphansi kweSivumelwano se-AfCFTA.
3.2.3.  I-Ghana isalokhu iyizwe elibalulelike iNingizimu Afrika ehwebelana nalo. Eminyakeni eyishumi eyedlule, izinkampani zaseNingizimu Afrika ziqalise imiklamo engaphezu kwe-170 e-Ghana, ezingabiza izigidigidi ezi-USD$1.4 kutshalomali. Izinkampani zaseNingizimu Afrika nazo ziyingxenye yemboni yezezimayini e-Ghana.

4.  Ezokuphepha Nokuvikeleka
4.1.  UDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF) noKuvikelwa Kwabantwana
4.1.1.  Njengoba umhlaba wonke ubungaza uSuku Lwabesifazane ngoLwesihlanu, mhla wesi-8 kuNdasa 2024, iKhabhinethi ligcizelele isicelo salo kumadoda aseNingizimu Afrika sokuthi asukume alwe nesihlava se-GBVF. Sicela wonke amadoda ukuthi abe yingxenye yoMkhankaso Wezinsuku ezingama-365 Zokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nabantwana. 
4.1.2.  Akukwazi nje ukuba yinto ejwayelekile ukuthi sekuphele iminyaka engama-30 sathola inkululeko kodwa abesifazane nabantwana basaphila ngokwesabela ukuba yizisulu. Lesi simo esibi siphikisana nezimiso zentando yeningi yomthethosisekelo wethu, owakhelwe phezu kwamalungelo abantu, isithunzi somuntu kanye nokulingana kuwona wonke umuntu.
4.1.3.  IKhabhinethi lizwakalise ukukhathazeka ngokuphepha kwabantwana kulandela izigameko zakamuva zokuthunjwa kwabantwana ezingxenyeni ezehlukene zezwe. Abazali nabanakekeli bezingane kufanele baqaphele kakhulu ngokuphepha nokuthi izingane zikuphi ngesikhathi zingaphansi kwesandla sabo futhi kufanele bafundise izingane ngamasu okuphepha. Ngomoya woBuntu, imiphakathi iyanxuswa ukuthi isize ngokunakekelwa kwezingane.
4.1.4.  IKhabhinethi lincome amaphoyisa nomphakathi wase-Saldanha Bay eNtshonalanga Kapa ngokuboshwa kwabasolwa ngokuxhunyaniswa nokulahleka kuka-Joslin Smith oneminyaka eyisithupha.
4.1.5.  IKhabhinethi lihlanganyela nesizwe emthandazweni nasemizamweni yokuthi kutholakale futhi kubuyiswe izingane eziningi ezilahlekile esikhathini esedlule. IKhabhinethi licela abantu abanolwazi ngabo bonke abantwana abalahlekile ukuthi bathinte isiteshi samaphoyisa esiseduze nabo noma bafonele i-Crime Stop ku-08600 10111 ngokushesha.  

4.2  Isiteleka Esingekho Emthethweni sikaMasipala waseThekwini
4.2.1  IKhabhinethi likhathazekile ngesiteleka esingekho emthethweni sabasebenzi bakamasipala waseThekwini, osekubonakala udlame kanjalo nokunqanyulwa kokuthunyelwa kwamanzi nogesi. 
4.2.2  Ngenxa yesiteleka abahlali abaningi bebengenawo amanzi, ugesi futhi nodoti ungathuthiwe, okungukuphula amalungelo abantu kanye nokwephula uMthethosisekelo. Isenzo esinjena ngeke sibekezelelwe kanti iKhabhinethi licela abomthetho ukuthi benze konke okufanele ukuvikela amalungelo abantu. 
4.2.3  Ukuvalwa kwezinsizakalo ezibalulekile ezifana nemitholampilo kuyafana nokubulala umuntu futhi labo abatholakala benza lokhu bazobhekana nomthetho. 

B.  Ezakamuva kwiKhabhinethi
Ezemisebenzi kaHulumeni

1.  Ukulethwa koHlelo Lokusebenza Lwesihlanu Lokusebenza Ngokuvulelekile Nohulumeni waseNingizimu Afrika, njengengxenye Yokuqaliswa koHlelo Lokusebenza LokuBuyekezana Kwamazwe ase-Afrika. 
1.1  IKhabhinethi litshelwe ngokulethwa koHlelo Lokusebenza Lwesihlanu Lokusebenza Ngokuvulelekile Nohulumeni waseNingizimu Afrika, njengengxenye Yokuqaliswa koHlelo Lokusebenza LokuBuyekezana Kwamazwe ase-Afrika ngaphansi kweNgqikithi ethi: Sihlanganisa Ukuvuselelwa Kwenqubo ye-OQP eNingizimu Afrika – uHlelo Lokusebenza Lukazwelonke Lwesihlanu lwe-OPG lwangowezi-2023 kuya kowezi-2026.
1.2  I-OGP inhlangano yalabo abenza uguquko ngaphakathi kuhulumeni nangaphandle abasebenza ukuguqula indlela uhulumeni asiza ngayo izakhamuzi. Kwi-OGP, ohulumeni kanye nemiphakathi bobabili baqhamuka nezinhlelo zokusebenza zeminyaka emibili, ezifaka phakathi izinyathelo—izithembiso—kuzona zonke izinkinga ngokwehlukahlukana kwazo. Le ndlela ivumela izinhlangano zomphakathi ukuthi zisize ukwakha nokubhekelela uhulumeni.  Ohlelweni lokusebenza lwakamuva lweNingizimu Afrika, i-DPSA isebenzisana ne-CSIR neminye iminyango efanelekile ezinkingeni ezihlobene nokuqanjwa kabusha kwezinto ukuze kuzokwenziwa ngcono ukulethwa kwezidingonqangi. 
1.3  Lokhu kuvumela iNingizimu Afrika ukuthi iqoqe ulwazi olwanele oluzosetshenziswa izakhamuzi njengoba luhambisana nokuba  nohulumeni ovulelekile nowenza izinto obala. UHlelo Lwesihlanu Lokusebenza Lukazwelonke lwe-OGP lwezi-2023-2026 luzoba yindlela yokuqalisa uHlelo loMsebenzi Lukazwelonke Lokubuyekezana Kwamazwe ase-Afrika ngokuhambisana nesimiso esigunyaziwe sezinhlelo zeKhabhinethi eziqhakambisanayo. 

2.  UMbiko Wokuqhubekayo Ekuphothulweni Kokuhlolwa Kwendlela Yokuphila kwamalungu Angabaphathi Kuhulumeni
2.1  IKhabhinethi lithole uMbiko Wokuqhubekayo Ngokuhlolwa Kwendlela Yokuphila kwamalungu angabaphathi kuhulumeni.
2.2  Ngasekupheleni kukaMasingana wezi-2023, iMinyango Kazwelonke engama-24 kanye neminyango yezifundazwe engama-71 yabika ukuthi iluphothulile uhlolo lwendlela yokuphila.  Ngezinye izingenelelo, isibalo seminyango ethobele imithetho senyukile ekupheleni kukaNdasa wezi-2023 saba iminyango engama-36 kuhulumeni kazwelonke kanye neminyango engama-89 ezifundazweni. 
2.3  Inqubekelaphambili iyingxenye ebonakalayo yezinyathelo zokulwa nenkohlakalo ngaphakathi kuhulumeni nasekwenzeni ukuthi usebenze ngokulandela umthetho.

3.  UMbiko Wokuqhubekayo mayelana Nezingenelelo Ezithathiwe ukuxazulula Ukusilela Emuva Emacaleni Okuqondisa Izigwegwe kuHulumeni.
3.1  IKhabhinethi lithole uMbiko Wokuqhubekayo mayelana Nezingenelelo Ezithathiwe ukuxazulula Ukusilela Emuva Emacaleni Okuqondisa Izigwegwe kuHulumeni.
3.2  Ngesikhathi kuqala lomsebenzi mhla lu-1 kuMfumfu 2023, iMinyango kazwelonke eyisi-7 ibinamacala angama-250 asephelelwe isikhathi kanye neMinyango Yezifundazwe engama-20 ibinamacala ayi-172 asephelelwe isikhathi. 
3.3  Ngosizo lwe-DPSA, iMinyango Kazwelonke eyisi-7 ikwazile ukuxazulula amacala ayi-133 kwangama-250 okube yizinga elingama-53%, ngesikhathi iMinyango Yezifundazwe yona isombulule amacala angama-68 kwayi-172, okube yizinga elingama-40%.
3.4  IKhabhinethi liyalele uMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphatha ukuthi uqinisekise ukuqina kweNqubo Yokuphathwa Kwamacala kuhulumeni jikelele.

4.  UMbiko Ngokusungulwa Kwerejista Elilodwa Lokuqondiswa Kwezigwegwe kuzona Zontathu Izinhlaka Zikahulumeni
4.1  IKhabhinethi lithole umbiko wokuqhubekayo ngokusungulwa kweRejista Elilodwa Lokuqondiswa Kwezigwegwe kuzona Zontathu Izinhlaka Zikahulumeni.
4.2  Ukusungulwa kweRejista Elilodwa Lokuqondiswa Kwezigwegwe kuzona Zontathu Izinhlaka Zikahulumeni kungesinye sezinyathelo eziqukethwe empendulweni kaMongameli u-Cyril Ramaphosa Ngezincomo Zekhomishini Yamajaji Ephenya Ngezinsolo Zokuthunjwa Kwamandla Ombuso, Inkohlakalo kanye Nokukhwabanisa njengoba zalethwa ePhalamende mhla wama-22 kuMfumfu 2022. 
4.3  IKhabhinethi liyibonile inqubekelaphambili yomsebenzi owenziwe esikhathini esisuka mhla lu-1 kuMbasa 2023 kuya mhla wama-31 kuMasingana 2024.
4.4  Ushicilelo lokuqala lweRejista Elilodwa seliqalisiwe lwaphinde lwahlowa kwindlela-kusebenza ye-inthanethi esivele ikhona, umsebenzi wokuphothula uyaqhubeka.

Ezemfundo
5.  UMbiko Ngokwakhiwa Kwezikhungo Ezimbili Ezintsha Zemfundo Ephakeme 
5.1  IKhabhinethi lithole uMbiko ngokuqhubekayo mayelana nokwakhiwa kweNyuvesi Yesayensi Nokuqanjwa Kwezinto Ezintsha e-Ekurhuleni kanye neNyuvesi Yezokunqandwa Kobugebengu Nezifundo Zobuphoyisa e-Hammanskraal.
5.2  Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuqeda ngenkinga yokuntuleka kwezikhungo zemfundo ephakeme kanye nokuqinisekisa ukuthi imfundo ephakeme nokuqeqesha iyakwazi ukuqeqesha abafundi abanamakhono okubhekana nezidingo zenhlalo-mnotho yezwe.

Ezolimo, Uguquko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya
6.  UMbiko Ngokuthuthukiswa  Komkhakha Wensangu kanye noHlelo Lunye Lwensangu
6.1  IKhabhinethi lithole umbiko wokuqhubekayo ekuThuthukisweni Komkhakha Wensangu kanye noHlelo Lunye Lwensangu njengengxenye yeqhingasu likahulumeni lokuthuthukisa uMkhakha Wensangu.
6.2  Inhloso yalokhu ngukuhlinzeka uhlaka lokusungula, ukukhulisa kanye nokuthuthukisa imboni Yensangu eNingizimu Afrika ukuze izofaka igalelo ekukhuleni komnotho, ukulwa nobubha kanye nokusungula imisebenzi.
6.3  Ngowezi-2020, uNgqongqoshe Wezempilo wagunyaza izinguquko ezitshalweni zeNsangu ngaphansi koMthetho Wezamakhambi Okwelapha Namakhambi Ahlobene Nawo kanye noNgqongqoshe Wezolimo, Ukuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya wamemezela insangu njengesitshalo sezolimo ngokoMthetho Wezokuthuthukiswa Kwezitshalo wangowe-1976.
6.4  UMkhandlu Wocwaningo Lwezolimo uyaqhubeka nokusungula izinhlobonhlobo zensangu, ngokusizwa yi-DALRRD, ukuqinisekisa ukuthi izimbewu ziyatholakala ngesikhathi sokutshala ngowezi-2025. 
6.5  Ngesikhathi uMnyango Wezempilo ngokusebenzisana neZiphathimandla Ezigunyaza Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika njengamanje besanezingxoxo ngezinye izinguquko ezizoba khona kuMthetho Wokwahlukaniswa Kwemithi Yokwelapha Nezinto Ezihlobene Nakho ukuze kuzolawula iNsangu esetshenziselwa ukwelapha, ngesikhathi i-DALRRD izolawula ukulinywa kanye nokubhekana nezicelo zokukhiqizwa kweNsangu ezosetshenziswa ngokusemthethweni, okufana nokukhiqiza eminye imikhiqizo, izimonyo, imikhiqizo yabantu kanye nokudla.

7.  Umbiko Ngamandla Okukhiqiza Umgomo e-Onderstepoort Biological Products (OBP) kanye noMkhandlu Wezokucwaninga Ezolimo
7.1  IKhabhinethi laziswe ngenqubekelaphambili esiyenziwe ngaMandla Okukhiqiza Umgomo e-Onderstepoort Biological Products (OBP) kanye noMkhandlu Ocwaninga Ezolimo ngezizathu zokuqinisekisa ukuthi imigomo iyatholakala yokugwema nokulawula izifo zezilwane eziphazamisa ukutholakala kokudla, impilo kubantu kanye nezindlela zokuziphilisa.
7.2  IKhabhinethi laziswe ngezinhlelo zokusondeza eduze izikhathi zokuthi kuqale futhi kuphothulwe isigaba sokwakhiwa kwesikhungo esisha seSifo Samatele ukuze kuzobuiyiselwa amandla eNingizimu Afrika okwenza imigomo yeSifo Samatele ngamasampula afanele ezobe isikhishwa emikhankasweni yaminyaka yonke yokugoma futhi isetshenziswe ngezikhathi eziphuthumayo zokuqubuka kwesifo. Lokhu kuzoqeda ukusetshenziswa kwemigomo ethengwe kwamanye amazwe.

8.  Inqubekelaphambili ngokusheshiswa kokuqaliswa kohlelo lokuguqulwa komhlaba
8.1  IKhabhinethi ithole yaphinde yabhekisisa umbiko wokuqhubekayo ngokusheshiswa kokuqaliswa kohlelo lokuguqulwa komhlaba kuleli lizwe. Ukusheshiswa kohlelo Lokuguqulwa Komhlaba kungumphumela weZincomo ezamukelwa ZikaMongameli Wethimba Labaluleki Ngezinguquko Zomhlaba Nezolimo elethula uMbiko walo kanye Nezincomo kwiKhabhinethi ngowezi-2019.
8.2  Izinhlelo ezehlukahlukene zokusheshiswa ukuguqulwa komhlaba ziyaqhubeka nokuqaliswa futhi inqubekelaphambili ibikwe kwiKhabhinethi njengalokhu okulandelayo:
8.3  Ngokulandela uMthetho Wokuguqulwa Kwezindawo Ezithile Zasemakhaya we-1998, umhlaba ongamahektha ayizi-593 167 usudlulisiwe. 
8.4  Ukukhululwa Ngokushesha komhlaba wombuso sekuphothuliwe nokukhishwa kanye nokwabiwa komhlaba wombuso okuzolinywa kuwona ongamahektha ayizi-659 602.
8.5  IKhomishini Yezicelo Zomhlaba isikhiphe izicelo eziyizi-83 056 ngoZibandlela wezi-2023, inani eliphelele lomhlaba ongamahektha ayizi-3 889 701 watholakala ngemali eyizigidigidi ezingama-R25, kanye nesinxephezelo esiyizigidigidi ezingama-R23 sanikezwa labo abahlomulayo. 
8.6  Uhlelo lokubuyiselwa komhlaba kuze kube manje lusize abantu abayizi-2 345 547 abangamalungu amakhaya ayizi-460 952. Kula makhaya, amakhaya ayizi-177 504 abhekwe ngabesifazane bese kuthi ayi-1 266 abhekwe ngabantu abaphila nokukhubazeka.    

Ezokuhlaliswa Kwabantu
9.  Uhlaka/iNqubomgomo kanye Nenqubekelaphambili ekuqalisweni Kwesibonelelo Sokusebenzisana Ekuthuthukisweni Kwezindawo Zemijondolo
9.1  IKhabhinethi linikwe umbiko wokuqhubekayo ngokuqaliswa koHlaka/iNqubomgomo Yesibonelelo Sokusebenzisana Ekuthuthukisweni Kwezindawo Zemijondolo eyethulwa ngonyakamali wezi-2019/2020.
9.2  Inhlosonqangi yeSibonelelo ngukuhlinzeka ngezindlela zokuthi amakhaya athole izidingonqangi ezifana namanzi, ugesi, imigwaqo, amanzi emvula, ukuthuthwa kodoti kanye nezindlu zangasese.
9.3  Isilinganiso esasibekiwe kwabe kungukulungisa imijondolo eyi-1 500 kanti inqubekelaphambili ebikiwe ile elandelayo:
9.3.1  Izindawo zemijondolo ezingama-578 zingene ngaphansi kweSigaba Sokuqala okufaka phakathi uhlelo lokusebenza kanye nemininingwane yezezimali zokulungiswa kwezindawo ezinemijondolo. 
9.3.2  Izindawo zemijondolo eziyi-1 497 zona ziseSigabeni Sesibili esigxile Kwezokuphepha kanye Nezimo abantu basemijondolo abahlala ngaphansi kwazo futhi kubandakanya ukuthathwa komhlaba kanye nokufakwa kwezinsizakalo zesikhashana zamanzi nezindlu zangasese ngesikhathi kusalindwe ukuphothulwa kwezindawo zabo zokuhlala, kanye 
9.3.3  Nezindawo zemijondolo eziyi-197 esezilungiswe ngokuphelele.

10  INqubekelaphambili ngemiklamo ye-Mega Raw Water Resource Augmentation 
10.1  IKhabhinethi lithole umbiko wokuqhubekayo ngemiklamo emine ye-Mega Raw Water Resource Augmentation eqhutshwa nguMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS). 
10.2  IKhabhinethi laziswe ukuthi ukukhushulwa kwe-Hazelmere Dam kuphothulwe ngempumelelo ngezindleko ezibe yizigidi ezingama-R820, okwenyusa umthamo wokugcina amanzi usuka kwizigidi ze-m3 ezingama-23 kuya kwizigidi ze-m3 ezingama-43.6, okwenyuke ngesilinganiso esingama-83%.  Ukuze lamanzi agciniwe akwazi ukuhlanzwa bese ethunyelwa eDolobheni laseThekwini, iBhodi Lamanzi laseMngeni NasoThukela liphothule umklamo wokwenyusa ikhono namandla eSihlanzimanzi sase-Hazelmere kusuka kuma-ML angama 55 kuya kwangama-75 ngosuku, nokubize izigidi eziyi-R135. Lizophinde lenyuse amandla okusebenza kwesihlanzimanzi kuya kuma-ML angama-90 ngosuku eminyakeni emithathu ezayo nokuzobiza izigidi ezingama-R25. 
10.3  UMklamo Wamanzi wase-Umzimvubu: Ukuqaliswa komsebenzi kwabambezeleka iminyaka eminingi ngenxa yokwesela izimali. Kodwa-ke, imigwaqo engenela edamini, isiphothulwe ngokwesilinganiso esingama-84%, kanti umsebenzi lo kulindeleke ukuthi uphothulwe ngoNhlangulana wezi-2024. Ukwakhiwa kwedamu kusengama-6%, kanti ukwakhiwa kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngezi-2028.  
10.4  Ukukhushulwa kwezindonga ze-Tzaneen Dam ngamamitha amathathu kuzokwenyusa umthamo wokugcina amanzi edamini kusuka kuma-m3 ayizigidi eziyi-157.3 kuya kuma-m3 ayizigidi eziyi-193 okunyuke ngama-23%. Ukuqaliswa kwako kulinganiselwa kuma-40%, kanti ukwakhiwa kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngoNdasa wezi-2025, ngezindleko eziyizigidi ezingama-R555.
10.5  Ukukhushulwa Kwezindonga ze-Clanwilliam Dam eNtshonalanga Kapa kuhloswe ukuthi kuhlangabezane nesidingo samanye amanzi ukuze kuzothuthukiswa ezolimo, okufaka phakathi abalimi abangenazinsiza-kusebenza. Izindonga zedamu zizokhushulwa ngamamitha ayi-13 ukuze kuzokwenyuka umthamo wokugcina amanzi usuka kuma-m3 ayizigidi eziyi-122 uye kuma-m3 angama-343, okungukwenyuka okunga-181%. Lo mklamo njengamanje usesigabeni sama-34% sokwakhiwa kanti kulindeleke ukuthi uphothulwe ngoMbasa wezi-2028 ngezindleko ezilinganiselwa kwizigidigidi ezi-R3.92. 

11. IQhingasu Likazwelonke Lezomnotho Wokuphilayo (i-NBES)
11.1  IKhabhinethi licabangisise laphinde lakubona ukubuyekezwa kweQhingasu Likazwelonke Lezomnotho Wokuphilayo (i-NBES). I-NBES kuhloswe ngayo ukuzuza umnotho wezinto eziphilayo ukugqugquzela ukugcinwa kwemvelo, izinhlobo zokuphilayo kanye nokuphathwa kwezinto eziphilayo. Leli qhingasu lizogqugquzela ukukhula kanye nokuguqulwa komkhakha wezokuphilayo. 
11.2 I-NBES ihambisana ngokuphelele nezinhloso zoMthetho Odingidwayo Ngokongiwa Kwemvelo kanye Nokusetshenziswa Okusimeme Kwezitshalo Nezilwane Eziphilayo eNingizimu Afrika okunguKongiwa Kwemvelo, Ukusetshenziswa Ngendlela Esimeme, Ukwabelana Ngezinzuzo Ngokufanele Nangokulingana kanye Noguquko. 
11.3 I-NBES kuzoxoxisanwa ngayo kabanzi kwiNgqungquthela ezayo yoMnotho Wokuphilayo Notshalomali ezosingathwa nguMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nemvelo kusuka mhla wama-25 kuya mhla wama-27 kuNdasa 2024, e-Birchwood Hotel, e-Gauteng. UMongameli waseNingizimu Afrika, uMnu. Cryril Ramaphosa uzokwethula inkulumo kule Ngqungquthela mhla wama-26 kuNdasa 2024. INgqungquthela izohlanganisa ababambiqhaza abehlukahlukene emkhakheni wezokuphilayo kubandakanya nezikhulu zikahulumeni, abaholi bendabuko kanye nabalaphi, izifundiswa, osomabhizinisi, imiphakathi kanye nezinhlangano zentsha. 

C Izinqumo zeKhabhinethi
1.  Ukusungulwa koHlelo Lwenhlangano Yezizwe Ezibumbene Lokuhlala Kuleli Lizwe kanye nehhovisi eNingizimu Afrika
1.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukusungulwa koHlelo lwe-UN Lokuhlala Kuleli Lizwe kanye Nehhovisi eNingizimu Afrika. 
1.2.  Ukusungulwa koHlelo Lokuhlala Kuleli Lizwe kuzokweseka lokho okubekwe iNingizimu Afrika eqhulwini kokuguqulwa kwezindawo, ukuthuthukiswa kwamadolobha, ukwakhiwa kwezindlu kanye nokuhlaliswa kwabantu okusimeme. 
1.3.  Lolu hlelo luzohlinzeka ngezeluleko ezisezingeni lomhlaba, ukufinyelela kulwazi oluphambili, kanye nokusebenzisana nabantu abaningi kwizingenelelo zokuhlaliswa kwabantu eziphephile, ezinamandla, ezibandakanya wonke umutnu, eziphumelelayo futhi ezixhumana nabanye abantu, njengokusho koHlelo Lwentuthuko Kazwelonke (i-NDP) kanye noMthetho Odingidwayo osahlongozwa Wokuhlaliswa Kwabantu.
1.4.  INdawo Yokuhlala ye-UN izohlinzeka ngenqubomgomo, uhlelo, intuthuko, ukwakhiwa kwamakhono kanye nokuqeqeshwa, futhi izoqalisa imiklamo ethile ngokusebenzisana nababambiqhaza abafanele. 

2.  INqubomgomo Kazwelonke Ngokweseka Ngokuphelele Ukuthuthukiswa Kwabakhiqizi (i-NPCPDS)  
2.1.  IKhabhinethi ligunyaze i-NPCDS ukuthi iqaliswe. Inhlosonqangi yenqubomgomo kungulawula nokubonisa indlela ukuhlinzeka kwezinyathelo zokweseka abakhiqizi abehlukahlukene, okuzobe sekufaka igalelo ekugcinweni kwemikhiqizo yemvelo, kanye nomkhakha wezolimo osimeme, oguqukile noncintisanayo.
2.2.  Uphinde ubheke ekuhlahleni indlela yezingenelelo zikahulumeni kanye nosizo olunikezwa abakhiqizi abehlukahlukene bezolimo. Izinhlelo zokweseka abakhiqizi kuleli lizwe okwamanje zisahlukene phakathi futhi zisezikhungweni ezehlukahlukene zikahulumeni. Inqubomgomo entsha ngakho-ke isungulelwe ukuhlanganisa ukusekelwa kwabakhiqizi bayo yomibili imikhakha kahulumeni nozimele ngendlela edidiyelwe.
2.3.  Inqubomgomo ihlongoza izinyathelo zokwakha ikhono labakhiqizi kanye nezikhulu ezikumkhakha wezolimo iphinde yethule izindlela zokukhiqiza eziphatha kahle imvelo. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ivikela futhi yenza ngcono ukusetshenziswa kwemikhiqizo yemvelo engatholakali kalula efana nomhlaba, amanzi, okuphilayo kanye nemikhiqizo yofuzo ngokuthi isekele ukukhiqizwa kwezolimo okungalimazi imvelo. 
2.4.  Inqubomgomo iphinde ihlongoze ukwethulwa kosizo lwezezimali olufana nesibonelelo soxhasomali kanye nemalimboleko ukubhekana nezidingo zabakhiqizi. Lezi zingenelelo zizonciphisa ukungalingani futhi zenze ngcono ukubamba iqhaza kwabakhiqizi abamnyama emkhakheni wezolimo. Amalungu omphakathi angayithola le nqubomgomo ku: www.dalrrd.gov.za.

3.  UHlelo Lwemboni Yamathayi Alahliwe (i-IWTMP)
3.1  IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa koHlelo Lwamathayi Alahliwe (i-IndWTMP). Lokhu kulandela umsebenzi ophelele, weminyaka eminingi, wentuthuko ofaka phakathi izingxoxo ezehlukahlukene nomphakathi. 
3.2  I-IndWTMP iza nohlelo lokuthatha wonke amathayi alahliwe angama-100% agciniwe ngesikhathi iphinde ibheke ukusebenzisa lawa akhona. Lokhu kuzokwenziwa ngokuqalisa umsebenzi owengeziwe wokusebenza ngamathayi alahliwe ozokwesekwa nguhulumeni ngemizamo yokuthuthukisa izimakethe. Ukuqoqwa kwamathayi alahliwe kuzophinde kunwetshwe, kwesekwe ngendlela esebenza kangcono nethembekile yokuwathutha kanye nendawo yokuwagcina ezifundeni.
3.3  I-IndWTMP iphinde ihlinzeke ngamathuba amabhizinisi kuma-SMME asemalokishini ngokuhambisana neNqubomgomo Kazwelonke noHlelo Lokuqaliswa Kokuvuselelwa Komnotho Wasemalokishini nolugxile kakhulu entsheni, abesifazane kanye nabantu abaphila nokukhubazeka. La mathuba abandakanya ukunwetshwa okuhleliwe kokuqoqwa kanye nokugcinwa kwamathayi kuzozonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye. 
3.4  Ama-SMME azokwesekwa nguMnyango Wezamahlathi, Ukudoba Nemvelo kanye noMnyango Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane ukuze azosebenzisa amathuba aqhamuka ngenxa yokunwetshwa kanye nokwethulwa ngendlela efanele yohlelo lwamathayi alahliwe. I-MoU phakathi kweminyango emibili ngokusizwa kwama-SMME izonwetshwa ukuze izofaka amathayi alahliwe.
3.5  Lukhona uhlelo kwisizindalwazi soMnyango Wezamahlathi, Ukudoba Nemvelo ku: www.dffe.gov.za. 

4.  Ukunqanyulwa kwesivumelwano somsebenzi se-SAA ne-Takatso 
4.1.  IKhabhinethi leseke ukunqanyulwa kwesivumelwano sokusebenzisana se-SAA ne-Takatso. Lokhu kulandela cishe iminyaka emithathu yezingxoxo, izingxoxo zikahulumeni nenkampani i-Takatso Consortium njengenkampani ezimele esebenzisana ne-South African Airways (i-SAA) ziphothuliwe.
4.2.  Ngenxa yempahla kahulumeni, uhulumeni kufanele ukuthi abeke phambili ukuthi inani elifanelekile kanye nesidingo somphakathi kuyatholakala. Impahla ye-SAA manje isibiza ngaphezu kwesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19 ngesikhathi i-Takatso yayikhethwe njengenkampani engcono.
4.3.  I-SAA izoqhubeka isebenze njengenkampani engaphansi kukahulumeni futhi isesimeni sokuqhubeka isebenze ngale ndlela eyiyo isikhathi esifushane.

5.  IQhingasu Likazweloke Lezokuvikeleka
5.1  Ngokuthobela uMthetho Kazwelonke Wezobunhloli, iKhabhinethi ligunyaze iQhingasu Likazwelonke Lezokuvikeleka njengoba lilungiselelwe yiKomiti Likazwelonke Elilawula Ezobunhloli, elizoba isisekelo sokuthuthukiswa kweNqubomgomo Yeqhingasu Likazwelonke Lezobunhloli.

6.  Izibalo Zikazwelonke Zobunhloli kanye Nokubekwe Phambili Ngezobunhloli Kuzwelonke 
6.1  Ngokuthobela uMthetho Kazwelonke Wezobunhloli, iKhabhinethi licubungule iZibalo Zikazwelonke Zobunhloli laphinde lagunyaza Okubekwe Phambili Ngezobunhloli Kuzwelonke njengokusho kweKomidi Elilawula Ezobunhloli Kuzwelonke.

7.  Iminyaka engama-30 Yenkululeko Nentando Yeningi Labantu
7.1 INingizimu Afrika iqeda iminyaka engama-30 selokhu kwaba nokhetho oluyingqophamlando lwangowama-27 kuMbasa 1994. Ukubungazwa kwale ngqophamlando yale ndlela yentando yeningi labantu yethu kudinga indlela efaka phakathi izwe lonke ngobubanzi.
7.2 IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa komkhankaso wezokuxhumana weminyaka engama-30 yenkululeko nentando yeningi labantu khona lapha ekhaya nasemhlabeni jikelele. Zonke izinhlaka zikahulumeni, ababambiqhaza, okubanjisenwe nabo emphakathini bazosebenza ngokubambisana futhi omunye nomunye aqalise umkhankaso wokuxhumana ohlanganisiwe.
7.3 Umkhankaso wokubungaza iminyaka engama-30 yeNkululeko neNtando Yeningi Labantu kuhloswe ngawo lokhu okulandelayo:
7.3.1  Ukuhlanganisa izwe ukuthi libungaze lokho okuzuziwe kanye nengqophamlando yeminyaka engama-30 yentando yeningi labantu kanye nokuphila ngokukhululeka kanye nomphakathi onentando yeningi labantu. 
7.3.2  Ukugqamisa lokho okuzuzwe nguhulumeni wentando yeningi labantu kusukela ngowe-1994. 
7.3.3  Ukugqamisa kanye nokwazisa ngenqubekelaphambili yabantu ngamunye, imiphakathi kanye nezwe okudalwe ukutholwa kwenkululeko.
7.4    Umkhankaso unezinsika ezine: (i) Abantu (ii) Uhulumeni (iii) Inkululeko yomuntu wonke, kanye (iv) nemicimbi.

D.  IMithethosivivinywa
1.  UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokuthuthela Kwamanye Amazwe wangowezi-2023
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokuthuthela Kwamanye Amazwe wezi-2023 ePhalamende. Inhloso yalo Mthethosivivinywa ngukuphumelelisa izahlulelo zeNkantolo YoMthethosisekelo ezakhishwa mhla wama-29 kuNhlangulana 2017 nomhla wama-30 kuMfumfu 2023 ngokulandelana. 
1.2.  Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukubhekana nezehlulelo ezimbili zeNkantolo yoMthethosisekelo ngokuchibiyela iSigaba sama-34(1)(b) no (d) noMthetho wokuqala, ukuqinisekisa ukuthi noma ngumuphi umuntu oqhamuka kwelinye ilizwe olapha ngokungemthetho oboshwe ngaphansi kweSigaba sama-34(1) soMthetho wokuqala ulethwa siqu phambi kwenkantolo, emahoreni angama-48 kusukela ngesikhathi eboshwa, ukuze inkantolo izobona ukuthi ikuphi okuzosiza ezobulungiswa phakathi kokuthi aqhubeke aboshwe noma abuyiselwe ezweni lakubo.
1.3.  UMthethosivivinywa ubhekele indlela yezobulungiswa ezosetshenziswa yizikhulu ezisebenza ngokuthuthela kwabantu kwamanye amazwe kanye nenkantolo. 

E.  Imicimbi Ezayo
1.  USuku Lwamalungelo Abantu

1.1.  Ukubungazwa koSuku lukazwelonke Lwamalungelo Abantu kuzoba se-George Thabe Stadium e-Sharpeville, e-Gauteng ngoLwesine, mhla wama-21 kuNdasa 2024. 
1.2.  USuku lukazwelonke Lwamalungelo Abantu lukhumbula iSibhicongo sase-Sharpeville ngowe-1960, lapho ababemasha ngokuthula bemashela imithetho ebandlululayo yamapasi badutshulwa bashona ngamaphoyisa esikhathi sobandlululo abanye balimala. 
1.3.  Ukusingatha lo mcimbi e-Sharpeville kuluphawu lokuzinikela kukahulumeni ekuhlonipheni ukulahlekelwa kwalabo abalwa baphinde bashona ngenxa yenkululeko yethu e-Sharpeville nakweminye imiphakathi eNingizimu Afrika yonkana. 

2.  USuku Lomhlaba Lwamanzi
2.1.  INingizimu Afrika isalokhu iyizwe eleswele amanzi kanti iViki Likazwelonke Lamanzi elizayo kusuka mhla wama-20 kuya mhla wama-26 kuNdasa 2024 lizogqugquzela ukuqwashiswa kanye nokufundisa izakhamuzi ngomsebenzi wazo wokonga amanzi. 
2.2.  Leli viki liqondane noSuku Lomhlaba Lwamanzi ngoLwesihlanu, mhla wama-22 kuNdasa 2024, olubungazwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Amanzi aletha Ukuthula" futhi ligxile endimeni ebalulekile edlalwa ngamanzi ekuletheni uzinzo nempumelelo emhlabeni.
2.3.  Amanzi asalokhu engummongo wesizwe esiphilayo, futhi ayisidingo sentuthuko nokukhula. I-DWS isebenza ngokukhuthala ukuqinisekisa ukuthi la manzi aletha impilo aqhubeke nokuletha intuthuko njengoba sibheke kwingqophamlando yeMinyaka engama-30 Yenkululeko.
2.4.  IKhabhinethi licela zonke izakhamuzi ukuthi zivikele imithombo eyigugu yamanzi ethu. Sonke sinendima esingayidlala ekongeni amanzi nokuqinisekisa ukuthi ukuthola kwethu amanzi akupheli ukuze siqinisekise ukuthi wonke umuntu unawo amanzi. 

3.  USuku Lomhlaba Lwesifo Sofuba (i-TB)
3.1.  Ukubungazwa kwaminyaka yonke yoSuku Lomhlaba Lwesifo Sofuba ngeSonto, mhla wama-24 kuNdasa 2024 kuyisikhumbuzo esibuhlungu sokuthi i-TB isalokhu iyisifo esihamba phambili esibulalayo eNingizimu Afrika. 
3.2.  INingizimu Afrika isalokhu iphakathi kwamazwe ashayeke kakhulu yi-TB futhi sibhekene nenselele yeziguli ze-TB ezingaqedi ukudla amaphilisi azo okwelashwa. Le nkinga iphinde iqhutshwe ngezinye izigameko ze-TB zokuthi iyisifo esingazweli emithini eminingi. 
3.3.  Kodwa-ke, ngaphandle kwalezi zinselele, i-TB ingalapheka futhi nezindlela zokwelashwa zikhona. Uma unemfiva, wehla emzimbeni, ujuluka ngokweqile ebusuku noma usukhwehlele isikhathi esingaphezu kwamaviki amabili, hlolelwa i-TB ngokushesha.

4.  Ingqungquthela Yosozimboni Abamnyama
4.1.  Ingqungquthela Yosozimboni Abamnyama Nabathumela Impahla kwamanye Amazwe yesibili izoba se-Sandton Convention Centre eGoli ngoLwesithathu, mhla wama-20 kuNdasa 2024. 
4.2.  Ingqungquthela izobonisa umsebenzi omuhle wamabhizinisi kuphinde kuhlonishwe izinkampani ezibonise umoya wempumelelo nokuqanjwa kwezinto ezintsha, nezisungule amathuba emisebenzi, ukuthotshelwa kwemithetho yokwenza ibhizinisi kanye nomgangatho.

5.  Ingqungquthela Kazwelonke Yamalungelo Abantu eNingizimu Afrika
5.1.  INgqungquthela Kazwelonke Yamalungelo Abantu eNingizimu Afrika izobanjelwa e-Birchwood Hotel kusuka mhla we-18 kuya mhla wama-20 kuNdasa 2024 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Iminyaka engama-30 Yenhlonipho kanye Nokugqugquzelwa Kwamalungelo Abantu”.

6.  INgqungquthela Yokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Esimeme eNingizimu Afrika (i-SIDSSA) yangowezi-2024 
6.1  I-SIDSSA yangowezi-2024 izobanjelwa eKapa kusuka mhla we-17 kuya mhla we-19 kuNdasa 2024. I-SIDSSA ihlanganisa ababambiqhaza ababalulekile emkhakheni wengqalasizinda abahamba phambili ekuqhubeni phambili utshalomali kwingqalasizinda kuleli lizwe.
6.2  Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda bekulokhu kuseqhulwini kuhulumeni nakuMbuso Wehlandla Lesithupha, njengoba kufaka igalelo ekukhuleni komnotho nasekusunguleni amathuba emisebenzi. I-SIDSSA izobonisa enye yenqubekelaphambili ekuqalisweni koHlelo Lotshalomali Lwengqalasizinda olwagunyazwa yiKhabhinethi ngoNhlaba wezi-2020. 

F.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.

1.    Ukuqashwa kukaNks. Thato Ramaili esikhundleni sokuba nguMphathi Omkhulu we-Property Practitioners Regulatory Authority.

2.  Ukuqashwa kwamalungu eBhodi Lezamafa lezinkampani ezihlanganayo ze-Central Energy Fund: 
2.1.  Nks. Unati Figlan (uSihlalo);
2.2.  Mnu. Tembinkosi Bonakele;
2.3.  Mnu. Petrus Fusi;
2.4.  Mnu. Llewellyn Delport: uMqondisi Ongayena Umphathi; 
2.5.  Nks. Ditsietsi Morabe: uMphathi Wezezimali; kanye
2.6.  noNks. Brenda Moagi: Ophethe Ezomthetho Nokuthosthelwa Komthetho.

3.  Ukuqashwa kwamalungu eBhodi le-South African National Petroleum Company:
3.1.  Mnu. Sipho Mkhize (uSihlalo);
3.2.  Mnu. Phumzile E. Kedama;
3.3.  Nks. Makgola Mokololo;
3.4.  Mnu. Mxolisi C. Koyo;
3.5.  Nks. Phumeza Z. Dhlamini;
3.6.  Nks. Nosizwe Nokwe-Macamo;
3.7.  Mnu. Sam Moleko;
3.8.  Dkt. Nompumelelo P. Siswana; kanye 
3.9.  noNks. Lauren Petersen. 

G.  Imiyalezo
1.  Ukuhalalisa 

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

  • Dkt. Phil Mjwara, uMqondisi-Jikelele woMnyango Wesayensi Nokuqamba Kabusha, ngokuklonyeliswa nge-Presidential Award ngesikhathi somcimbi we-10 waminyaka yonke we-South African Medical Research Council Merit Awards obuseKapa ngoLwesine, mhla wesi-7 kuNdasa 2024. Uhlonishwe ngobuholi bakhe ekugqugquzeleni isayensi eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.
  • Slz. Busani Ngcaweni, uThishanhloko we-National School of Government, ngokukhethwa kwakhe ukuba nguNobhala-Jikelele we-African Management Development Institutes' Network.
  • Iqembu laseNingizimu Afrika, ngokushaya i-New Zealand emdlalweni wamanqamu we-Over-40 Cricket World Cup eKapa ngoLwesihlanu, mhla lu-1 kuNdasa 2024.
  • Mnu. Shaun Maswanganyi, umsubathi onejubane waseNingizimu Afrika, obebe irekhodi elisha laseNingizimu Afrika emjahweni wamadoda webanga elingamamitha angama-200 emzileni ongaphakathi emjahweni obuse-Texas ngempelasonto. UMaswanganyi ushaye isikhathi esiyimizuzwana engama-20.41 ukushaya irekhodi elalibekwe nguNcincilili Titi lemizuzwana engama-20.45, ebelilokhu limile kusukela ngowezi-2018.
  • Dkt. Carrie Anne Minnaar, udokotela waseNingizimu Afrika owaziwa emhlabeni jikelele, nozakwabo ophuma e-Wits Donald Gordon Medical Centre University. Ucwaningo lwabo ngomdlavuza wesibeletho lungaletha ithemba kwizigidi zabesifazane. 
  • Dkt.  Johan ‘Rassie’ Erasmus, ngeziqu zokuhlonishwa zobudokotela athweswe zona yiNyuvesi yaseNyakatho Ntshonalanga. 

2.  Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo: 

  • Slz. Edward Webster (82), isazi esihamba phambili, isifundiswa kanye nesishoshovu sezabasebenzi, osebenze ezikhundleni ezehlukahlukene zokufundisa nezokwenza ucwaningo kwamanye amanyuvesi aphambili kuleli lizwe. Ubelusizo kakhulu ekuqeqesheni izizukulwane eziningi zabafundi ngokulingana kwezenhlalo nomnotho, abaningi babo asebengabaholi kwezemfundo, kwizinyonyana zokuhweba, abacwaningi kanye nabahlaziyi bezinqubomgomo.
  • USolwazi uMulalo Reuben Doyoyo (53), umsunguli owaziwa kakhulu, unjiniyela kanye nosolwazi osebenze ezikhundleni zokuphatha esemncane, waba umholi wabafundi eMbilwi Secondary School phakathi kowe-1986 kuya kowe-1988. Waba ngumshicileli we-Student Engineering Institute of Aerospace Engineers ngesikhathi engumfundi eNyuvesi yaseNtshonalanga Kapa. Emva kokuphothula iziqu zakhe ezimbili ze-Masters ngowe-1995 nowe-1996, waqhubeka nezifundo zakhe zokwenza ucwaningo e-Massachusetts Institute of Technology. Ngesikhathi esebenza ngengomfundisi e-School of Civil and Environmental Engineering e-Georgia Institute of Technology, wakha i-Ultralight Systems Laboratory, eyayibhekele ukwenza ucwaningo lokuhlolisisa ngezinto ezilula ezingasindi.
  • Abantu abayi-13 abashone ngesikhathi kushayisana ibhasi neloli e-Hex River Mountain Pass eNtshonalanga Kapa ngoMgqibelo, mhla wesi-9 kuNdasa 2024.
  • Nks. Ongeziwe Kamlana (17), umfundi weBanga le-12 waseFezeka High School eGugulethu, eKapa, owalahleka ngoMgqibelo, mhla we-17 kuNhlolanja 2024 kanti umzimba wakhe obusungumlotha utholakale ngaphakathi kwendlu eyasha yangqongqa e-Kuils River.

Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore