A. Ezisematheni
1. INkulumo ngeSimo Sezwe (i-SoNA) yangowezi-2025
1.1. IKhabhinethi libonise ukweseka kwalo umbono ophusile wokwakha isizwe lapho bonke abantu baseNingizimu Afrika babelana ngempumelelo nangamathuba, njengokuchaza kukaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngesikhathi se-SoNA mhla wesi-6 kuNhlolanja 2025.
1.2. UMongameli wacela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babumbane ekuvuseleleni umbono wethu sonke kanye nentshisekelo yokwakha iNingizimu Afrika esebenzela wonke umuntu. Ezingxoxweni Zikazwelonke ezihleliwe, sizocacisa ngendlela ezohanjwa izwe lethu bese sisebenzela ukuba nombono owodwa ozosebenzela ikusasa lezwe lethu.
1.3. UHlelo Lwentuthuko Lwesikhathi Esiphakathi olusha (i-MTDP) ibonisa izinhlelo zikahulumeni zokwakha izwe elibandakanya wonke umuntu elifeza izethembiso ezenziwa nguHulumeni Wobumbano Lukazwelonke. I-MDTP kuhloswe ngayo, phakathi kokunye, ukunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi, inhlupheko kanye nezindleko zokuphila ezenyukayo kanjalo nokulwa nobugebengu nenkohlakalo.
1.4. UMkhankaso omkhulu wotshalomali lwezigidigidi ezingama-R940 owamenyezelwa nguMongameli u-Ramaphosa lwengqalasizinda entsha kanye nokulungiswa kwengqalasizinda ekhona eminyakeni emithathu ezayo, lubeka ukuthuthukiswa kwengqalasizinda ngumongo wokukhula komnotho wethu kuleli lizwe kanye nokusungulwa kwemisebenzi.
1.5. Inkulumo kamongameli yacacisa indlela yokubhekana nezinselele ezibhekene nomasipala basekhaya, ikakhulukazi makuziwa ekunakekelweni kwengqalasizinda ebalulekile. Iphinde yacacisa ngezingenelelo ezinzulu zokubhekana nezinselele zezwe zamanzi, kubandakanya nokukhuliswa kwengqalasizinda yamanzi ngokuthi kutshalwe izigidigidi ezingama-R23 kwimiklamo emikhulu eyisikhombisa yengqalasizinda yamanzi.
1.6. UMongameli u-Ramaphosa wacacisa indlela uhulumeni azimisele ngayo ukweseka inhlalonhle yabantu baseNingizimu Afrika ngezinhlelo ezehlukahlukene zezempilo, ezemfundo, ezokuvikeleka komphakathi, ukuthuthukiswa komphakathi kanye nezinhlelo ezizoletha imisebenzi emiphakathini, kanye namaphesenti angama-60 engxenye yesabelomali sikazwelonke ezochithwa kwizibonelelo zenhlalo.
1.7. UMongameli ugcizelele amandla esinawo njengezwe kanye nomthethosisekelo wentando yeningi labantu, nomsebenzi omele iNingizimu Afrika wokuthuthukisa inhlalonhle yabantu, kanye neyabantu basemhlabeni jikelele abasaqhubeka nokubhekana nobuqonela nengcindezelo.
1.8. IKhabhinethi licele yonke imikhakha yomphakathi ukuthi yeseke izinhlelo ezimenyezelwe nguMongameli kwi-SoNA yangowezi-2025 futhi babambisane nohulumeni ngesikhathi sithatha izwe lethu silisa phambili kulo nyaka esiya kuwo.
2. Ubumbano eNingizimu Afrika
2.1. IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beseke izwe lethu ngalesi sikhathi sokusabalala kwezindaba ezingamampunge, ezingelona iqiniso kanye nezinkulumo-ze ezidicilela phansi uhulumeni wethu ziphinde zidale uqhekeko esizweni sakithi.
2.2. Akufanele sivumele izinkulumo ezingamanga zidale uqhekeko phakathi kwethu, siyisizwe esinamandla esilwela into efanayo futhi umlando wethu ubonise ukuthi ayikho inkinga esingeke siyinqobe uma sibambisene. Siyacelwa ukuba sibonise ukuthanda izwe lethu, elakhiwe phezu kwezimiso zokungacwasi ngokobuhlanga, ukubekezelelana, uzwelo, ukuthula, ubulungiswa, ukulingana, inkululeko kanye nesithunzi somuntu.
2.3. Ngokwemuva lethu, angeke sikwazi ukuthi sishaye indiva ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu okubhebhethekiswa emhlabeni jikelele, futhi ngeke sishaye indiva abantu abaswele abadinga ukuthi sibakhulumele ukuze kuzokwehla umthwalo emahlombe abo. IKhabhinethi ligcizelele inkulumo kaMongameli u-Ramaphosa yokuthi isizwe sakithi ngeke sixhashazwe.
2.4. INingizimu Afrika ngeyabo bonke abantu abahlala kuyona, futhi sibumbene ngokwehlukahlukana kwethu. Masikhulume ngazwi linye silwele okungokwethu, amandla ethu kanye nomthethosisekelo wentando yeningi labantu. Ngokubambisana, sakha isizwe esikhuthaza inkulumo-ngxoxo, esiqinisa ukubumbana komphakathi futhi samukele bonke abantu, ngaphandle kokubheka ubuhlanga.
3. Umnotho
3.1. UMthetho Wokudliwa Komhlaba
3.1.1. UMthetho Wokudliwa Komhlaba wezi-2024, osanda kusayinwa ukuthi ube ngumthetho kulandela izingxoxo ezinzulu, uyinqubo esemthethweni yomthethosisekelo eqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola umhlaba ngokulingana futhi nangendlela elungile njengokusho koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996. Lo mthetho awuqali eNingizimu Afrika kuphela, njengoba amazwe amaningi emhlabeni jikelele anayo le mithetho ehambelanisa isidingo sokusetshenziswa komhlaba kahulumeni kanye nokuvikelwa kwamalungelo abanikazi bomhlaba.
3.1.2. IKhabhinethi liwubonile umyalelo okhishwe nguMengameli waseMelika u-Donald Trump, odlulisa ukukhathazeka ngezinqubomgomo ezicwasayo kanye nokwephulwa kwamalungelo abantu okubhebhethekiswa ngalo Mthetho Wokudliwa Komhlaba. Umyalelo awunaqiniso futhi ususelwa olwazini olungeyilo kanye namampunge okuhloswe ngakho ukucidilela phansi inhlosonqangi yalo mthetho nokudala uqhekeko esizweni sakithi.
3.1.3. IKhabhinethi lizichithile izinkulumo zokuthi uHulumeni waseNingizimu Afrika ushaqa umhlaba futhi “uhlukumeza abantu abathile”. INingizimu Afrika inomthethosisekelo wentando yeningi labantu okuyiwona ovikela amalungelo abantu bonke abaphila kuleli lizwe ngokuhambisana noMthethosivivinywa Wamalungelo noMthethosisekelo. UMthethosisekelo wethu wenzelwa ukuthi wakhe isimondawo lapho bonke abantu baseNingizimu Afrika bezokwazi ukusebenza ngokubambisana ukulwisana nemuva lethu elinoqhekeko, kufaka phakathi nokwabiwa komhlaba okwakungalungile okwenzeka ngesikhathi sobandlululo.
3.1.4. INingizimu Afrika isalokhu izimisele ekutholeni izixazululo ezinokuthula kukho konke ukungaboni ngaso linye noma ukuphikisana. Izwe lethu limagange ekutheni lixoxisane nohulumeni ka-Trump ngenqubomgomo yoguquko lomhlaba kanye nezinkinga ezibhekene nala mazwe womabili.
3.2. Ezokuvakasha
3.2.1. IKhabhinethi liyayamukela imininingwane yakamuva yezivakashi eziqhamuka kwamanye amazwe eqinisekisa ukuthi umkhakha wezokuvakasha eNingizimu Afrika uyaqhubeka nokukhula, nokube nenani lezivakashi elifikelela kwizigidi eziyisi-8.92 ngowezi-2024, nokubonise ukukhula okuhle kwama-5.1% uma kuqhathaniswa ngowezi-2023.
3.2.2. Izwekazi i-Afrika lisalokhu liyindawo enkulu lapho abavakashi abavakashela eNingizimu Afrika beqhamuka khona, nokube nabavakashi abayizigidigidi eziyisi-6.8 abangenile, nokwenza abavakashi abangenile babe ngama-76%. NgokoMkhandlu Wezokuhambela Umhlaba Nezokuvakasha, imboni yezokuvakasha kulinganiselwa ukuthi ibe negalelo elingama-8.8% kwisamba somkhiqizo wezwe futhi isize ekusunguleni imisebenzi eyisigidi esi-1.68.
3.2.3. IKhabhinethi likhuthaza yonke imikhakha ukuthi isebenzise leli thuba elihle ngokuthi yeseke imboni yezokuvakasha yaleli lizwe, yamukele ngezandla ezifudumele abavakashi kuleli lizwe kanye nokukhulisa ezokuvakasha kuleli lizwe ngokuthatha u-Sho’t Left. Abavakashi abafuna eminye imininingwane ngalokho okutholakala kwezokuvakasha eNingizimu Afrika bangavakashela ku: www.southafrica.net
3.3. INgqungquthela Yezimayini e-Afrika
3.3.1. IKhabhinethi lamukele ukusingathwa kuleli lizwe kweNgqungquthela Yezimayini e-Afrika ebe yimpumelelo eKapa kusuka mhla zi-2 kuya ziyisi-6 kuNhlolanja 2025 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sivikela Ikusasa Lezimayini e-Afrika”. Ingqungquthela yabanjwa okokuqala ngowe-1994 futhi eminyakeni edlule engama-30 yenkululeko yethu isikhule yaba ngumbuthano womhlaba omkhulukazi wababambiqhaza abahamba phambili kwezezimayini.
3.3.2. INgqungquthela Yezimayini yakulo nyaka iqale ngezingxoxo nabamele umphakathi ezizosiza ukuthi osozimayini baqonde izidingo, ukukhathazeka kanye nomthelela wemiklamo yabo emiphakathini. Iphinde yasiza ngokucijisa amalungu omphakathi ngokuthi akwazi ukubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo emiklamweni yezimayini.
3.3.3. IKhabhinethi yamukele ithuba elisungulwe yiNgqungquthela lokubeka izwe njengendawo yokuncintisana ngamabhizinisi nezimayini nangokubonisa amathuba otshalomali emkhakheni wezimayini. Ikhono lezwe lethu lezimayini lifaka phakathi ukumbiwa kwensimbi yeplathinamu (ama-PGM), i-manganese ore negolide. Ngowezi-2023, iNingizimu Afrika yayingumkhiqizi omkhulu emhlabeni wama-PGM, umkhiqizi omkhulu we-13 wegolide futhi iNingizimu Afrika ine-manganese ore elinganiselwa kuma-37% emhlabeni.
4. Izindaba Zamazwe Ngamazwe
4.1. Isikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli Beqembu Lamazwe Angamashumi Amabili (i-G20)
4.1.1. Isikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli be-G20 siyaqhubeka ngokuphelele njengoba izwe lilwela ukusebenzisana phakathi kwamazwe angamalunga e-G20 ukuze kuzoxazululwa izinkinga zomhlaba ezikhona futhi kutholakale nezisombululo ezisimeme ezibeka phambili inhlalonhle yabantu bonke.
4.1.2. Kuhlelwe imihlangano ebalulekile eminingi unyaka wonke, kubandakanya nemihlangano ye-G20 Employment Working Group kusuka mhla we-18 kuya mhla wama-21 kuNhlolanja 2025 ezogxila ezinkingeni zezabasebenzi nokusungulwa kwemisebenzi.
4.1.3. Umhlangano Wokuqala Wongqongqoshe Bamazwe Angaphandle uhlelelwe kusuka mhla wama-20 kuya kuma-21 kuNhlolanja 2025 eGoli. Kulo mhlangano kulindeleke ukuthi kukhulunywe ngengxabano eqhubekayo emhlabeni kanye nokuxoxisana ngezinguquko zokuphathwa komhlaba.
4.1.4. Leli lizwe lihlele ukujuba ithimba likahulumeni nabanye abaholi ukuthi liye emazweni ehlukahlukene e-Afrika nasemhlabeni jikelele ukuthi liyochazela la mazwe ngezinjongo izwe lethu elifisa ukuzifeza ngesikhathi lisesikhundleni soBumongameli be-G20.
4.1.5. INingizimu Afrika izophinde isingathe umhlangano wokuqala woNgqongqoshe Bezimali be-G20 kanye noNdunankulu Bamabhange Amakhulu mhla wama-26 kuya kuma-27 kuNhlolanja 2025 e-Cape Town International Convention Centre. Lo mhlangano uzokwandulelwa ngumhlangano wamaPhini oNgqongqoshe Bezezimali Namabhange Amakhulu mhla wama-24 nama-25 kuNhlolanja 2025.
4.1.6. Isikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli be-G20 siqale mhla lu-1 kuZibandlela 2024 futhi zonke izingxoxo zibanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ubumbano, Ukulingana, Ukusimama” njengoba siqikelela ukuthi akekho umuntu oshiyeka emuva.
4.2. I-Democratic Republic of the Congo (i-DRC)
4.2.1. IKhabhinethi lihloniphe amasotsha angamaqhawe aseNingizimu Afrika ayi-14 abulewe kamuva nje e-DRC ngesikhathi esemsebenzini wokugcina ukuthula owesekwa yiNhlangano Yobumbano Lwezizwe (i-UN). La masotsha anesibindi abetshalwe kuleli lizwe njengengxenye yoMsebenzi weNhlangano Ethuthukisa Imiphakathi eseNingizimu ye-Afrika e-DRC (i-SAMIDRC) kanye neNhlangano Eletha Uzinzo ye-UN e-DRC (i-MONUSCO).
4.2.2. IKhabhinethi liqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika izoqhubeka idlale indima yayo ekugcineni ukuthula futhi yeseke amanye amazwe ase-Afrika abumbana nathi ngesikhathi silwela eyethu inkululeko.
4.2.3. IKhabhinethi liphinde latshelwa ngokuqhubekayo empumalanga ye-DRC futhi lacela wonke amaqembu ukuthi emukele imizamo ekhona enokuthula okuhloswe ngayo ukuthi kutholwe izisombululo ngendlela enokuthula, kanye nokulalela izicelo zokuqeda ubutha nokubuyiswa kwezinsizakalo ezibalulekile.
4.2.4. IKhabhinethi liphinde lamukela imizamo yabaholi be-SADC okuhloswe ngayo ukuthola isisombululo kule ngxabano nokubheka ukubuyiswa kwemizimba yamasotsha ashonile nalimele aseNingizimu Afrika, e-Malawi nawase-Tanzania. Umphumela weNgqungquthela Yabaholi Bombuso ebibanjwe e-Tanzania mhla ziyisi-8 kuNhlolanja 2025 mayelana nengxabano nayo inike inhlansi yethemba kulabo abakhahlamezekile empumalanga ye-DRC.
4.2.5. IKhabhinethi ligcizelele ukuzinikela kwaleli lizwe ekuzeni nesisombululo esinokuthula esizoqinisekisa uzinzo e-DRC ngesikhathi kuvikelwa inhlalonhle yabantu base-Congo.
5. Umkhankaso we-Operation Vala Umgodi
5.1. IKhabhinethi lincome imizamo yoPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika yokulwa nokumbiwa okungekho emthethweni kwezimayini emkhankasweni we-Operation Vala Umgodi. Lo mkhankaso kusukela ngoZibandlela wezi-2024 usuholele ekuboshweni kwabantu abangaphezu kwezi-18 000. Balinganiselwa
kwizi-1 700 abambi bezimayini abangekho emthethweni ababoshwe kusukela ngoNcwaba 2024 e-Stilfontein. Kubandakanya ukushaqwa kwezibhamu ezingama-458, izinhlamvu eziyizi-12 000, amaloli angama-283, izimoto ezingama-303 kanye nemishini emikhulu engama-84 kuloku mbiwa kwezimayini ngokungemthetho. Imali eyizigidi ezi-R5 namadayimane angasikiwe enani lezigidi ezingama-R32 nakho kuthathiwe.
5.2. IKhabhinethi lamukele imizamo eqhubekayo yama-ejensi ezokuthotshelwa komthetho ekulweni nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho njengoba umkhankaso we-Operation Vala Umgodi uqaliswa ezingxenyeni ezehlukene zezwe.
5.3. IKhabhinethi liphinde lancoma ukuboshwa kwamaphoyisa amane asolwa ngokusiza ekweqiseni ungqondongqondo ekumbiweni kwezimayini ngokungemthetho, u-Neo James Tsoaeli, ophinde aziwe ngelika-‘Tiger’. Lokhu kugcwalisele ukuthi amaphoyisa kufanele ahlale elandela izimiso zokusebenza ngobuqotho futhi ahlale njalo enza okuhle.
5.4. IKhabhinethi licela uPhiko Lwabashushisi Kuzwelonke ukuthi luqinisekise ukuthi labo ababandakanyeka kule nkohlakalo bayaphendula futhi bathole isigwebo esibafanele.
6. Ezenhlalo
6.1. Ezemfundo
6.1.1. IKhabhinethi lincome iKilasi langowezi-2024 ngokuthola imiphumela ephezulu kusukela ngowe-1994, nokube ngamaphesenti angama-87.3, okubonisa ukwenyuka ngamaphesenti ama-4.4 kusukela ngowezi-2023. Balinganiselwa kwizi-615 429 abafundi abaphumelele kwizivivinyo zeSitifikethi Sikazwelonke futhi bacishe babe yisigamu sabafundi ababhale izivivinyo abaphumelele ngezinga lokungena enyuvesi i-Bachelor kanti futhi cishe ayizi-320 000 ama-distinctions atholiwe.
6.1.2. Impumelelo yeKilasi langowezi-2024 ibonisa ngokusobala inqubekelaphambili esesiyenzile njengoba siqala Iminyaka engama-30 yeNkululeko neNtando Yeningi Labantu. Baphinde babonisa ubufakazi bokuthi siyaqeda ngezinhlelo zobandlululo zokudicilela phansi isithunzi somuntu, ukuncishwa amathuba kanye nenhlupheko kubantu abaningi baseNingizimu Afrika.
6.2. Izibonelelo Zikahulumeni.
6.2.1. IKhabhinethi licela bonke abathola isibonelelo sikahulumeni ukuthi bashintshe Amakhadi Asagolide e-Ejensi Yezezimpesheni eNingizimu Afrika (i-SASSA) bashintshele emakhadini amasha asePosini Amnyama ungakashayi uLwesihlanu, mhla wama-28 kuNhlolanja 2025 ukuze bezoqhubeka nokuthola imali yabo yezibonelelo zakwa-SASSA.
6.2.2. Labo abathola izibonelelo zikahulumeni bangaya ezikhungweni zePosi eziseduze nabo ezitolo ezifana ne-Checkers, i-Shoprite, i-Pick n Pay, i-Usave, ne-Boxer ukuze bezothola Amakhadi abo Amnyama ase-Postbank.
6.2.3. Emva komhla womnqamulajuqu womhla wama-28 kuNhlolanja 2025, Amakhadi asagolide akwa-SASSA ngeke asebenze emishinini yokukhipha imali (ama-ATM) nasezitolo.
6.3. Izibalo zokuphepha emgwaqeni ngesikhathi samaholide.
6.3.1. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi izibalo ezandulela umkhankaso Wezokuphepha Emgwaqeni Ngesikhathi Samaholide angowezi-2024/25 zibonise ukuthi ukufa kwabantu emigwaqeni, ikakhulukazi okudalwa ukuziphatha kwabantu, kuyaqhubeka nokuba yisihlava esizweni sakithi.
6.3.2. Inani eliphelele elingama-87% lezingozi zemoto ngesikhathi samaholide zidalwe ukuziphatha kwabantu okufaka phakathi ukubaleka komshayeli emva kokushayisa umuntu, ukweqa umgwaqo budedengu, ukukhathala kwabashayeli, ukuhluleka ukulawula imoto, ukushayela ngesivinini eseqile, ukushayela uphuze utshwala kanye nokwedlula ezinye izimoto budedengu.
6.3.3. IKhabhinethi linxusa bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi bashintshe indlela abaziphatha ngayo emigwaqeni kanye namaphoyisa omgwaqo ukuthi abophe bonke abephula imithetho yomgwaqo. Lezi zingozi ezimbi zomgwaqo zimosha izimpilo zabantu ezimsulwa, zihlukumeza imindeni futhi zidla umnotho wethu izigidigidi zamarandi ngonyaka.
B. Izinqumo zeKhabhinethi (uMhlangano weKhabhinethi Oyisipesheli wangomhla wama-29 kuMasingana 2025)
UMhlangano weKhabhinethi Oyisipesheli wabanjwa mhla zingama-29 kuMasingana ukuze kuzodingidwa izindaba ezibalulekile kuleli lizwe nasemhlabeni jikelele.
1. ISimo Sokuvikeleka empumalanga ye-DRC
1.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngesimo sokuvikeleka empumalanga ye-DRC esiholele ekushoneni kwamasotsha aseNingizimu Afrika, e-Tanzania, e-Malawi nawase-Uruguay ngaphansi kwe-SAMIDRC ne-MONUSCO.
1.2. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini, kubangani nakozakwabo bamasotsha aseNingizimu Afrika ayi-14 ashone esemsebenzini we-SAMIDRC ne-MONUSCO wokugcina ukuthula.
1.3. IKhabhinethi liphinde ledlulisa amazwi enduduzo kohulumeni nakubantu base-United Republic of Tanzania, e-Malawi nase-Uruguay ngokulahlekelwa ngamasotsha abo.
1.4. Uhulumeni waseNingizimu Afrika usazinikele kuyo yonke imizamo yokuletha ukuthula empumalanga ye-DRC eholwa yi-SADC, iNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-AU) njengengxenye yoHlelo lwe-AU lwangowezi-2063 lokuqeda izimpi.
2. Ukumiswa koxhasomali lukaHulumeni waseMelika
2.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokumiswa koxhasomali lukaHulumeni waseMelika kanye nemithelela lokhu okuzoba nayo eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ezinhlelweni ze-HIV/AIDS ne-TB.
2.2. INingizimu Afrika iqhuba izinhlelo ezinkulukazi zokuzivikela, ukuhlolwa, ukulashwa kanye nolawulwa kwe-HIV/AIDS ezifundeni ezingama-52 ngezindleko eziyizigidigidi ezingama-R46.8 kunyakamali wezi-2024/25. UHlelo Lwezimo Eziphuthumayo lukaMongameli waseMelika loSizo nge-AIDS (i-PEPFAR), ngokwesekwa yi-Ejensi yase-US ebhekele iNtuthuko Yamazwe Ngamazwe, lubhekele kuphela ama-17% alesi sabelomali ezifundeni ezingama-27 ezifundazweni eziyisishiyagalombili.
2.3. Uhulumeni waseNingizimu Afrika uxhase ukuthengwa kwemishanguzo okungama-90% futhi isikhwama somhlaba i-Global Fund sibhekelele uxhasomali olungama-10% alezi zindleko. Ngalokhu-ke, uxhasomali lwe-PEPFAR lusetshenziselwa kuphela imiholo nezindleko zokuqhuba umsebenzi zabantu ababaqasha bona ezifundeni ezingama-27.
2.4. Uhulumeni uyazi ngokuchithwa kwaloku kumiswa koxhasomali isikhathi esiyizinsuku ezingama-90 ngesikhathi uHulumeni waseMelika ebuyekeza isinqumo sakhe.
2.5. IKhabhinethi lifisa ukuqinisekisa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi uhulumeni ngeke uvumele isimo esizoholela ekutheni abantu baseNingizimu Afrika abayingxenye yezinhlelo zokuvikela nokulawula i-HIV/AIDS banqanyukelwe ukuthola imishanguzo yabo.
C. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisisiwe ngokufanele.
1.1. IKhabhinethi livumelane nokwelulwa kwenkontileka kaNkk. Nompumelelo Mpofu esikhundleni sokuba yi-CEO ye-Airports Company South Africa (i-ACSA) SOC Limited izinyanga eziyi-17, kusuka mhla lu-1 kuNhlolanja 2025.
1.2. IKhabhinethi linxuse i-ACSA ukuthi ibeke phambili ukunakekelwa, kanye nokuhanjiswa ngesikhathi nangendlela kwabagibeli nemithwalo kuzozonke izikhumulo zezindiza ngaphansi kokulawulwa kwenkampani kulo nyaka.
1.3. IKhabhinethi livumelane nokubekwa esikhundleni kwamalunga angebona abaphathi eBhodi leSikhwama Sikazwelonke Soxhasomali Lwabafundi (i-NSFAS):
a. Dkt. Karen Stander (uSihlalo);
b. Nkz. Ndileka Portia Loyilane;
c. Ummeli Richardt Tlou Ramashia;
d. Mnu. Lavandran Nanda Gopaul;
e. Nkz Philisiwe Sibiya;
f. Nkz Clarinda Elizabeth Simpson;
g. Nkz Prashika Mahesh;
h. Dkt. Siyanda Brightboy Mngadi;
i. Nkz. Karabo Mohale;
j. Nkz. Mampiane Johanna Maphutha;
k. Dkt. Mugwena Maluleke; kanye
l. noDkt. Marcia Socikwa.
1.4. IBhodi le-NSFAS, lizofaka eBhodini, ngokuhambisana noMthetho, omele abafundi ngemva-nje kokuthi iNyonyana Yabafundi eNingizimu Afrika iphothula ukukhethwa kwakhe.
D. Izinqumo zeKhabhinethi (Umhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla we-12 kuNhlolanja 2025)
1. Ukuba Yingxenye Yesivumelwano Sokulawulwa Okudidiyelwe Kwezindawo Ezisogwini (i-ICZM) – iSivumelwano sase-Nairobi
1.1. IKhabhinethi igunyaze ukulethwa kweSivumelwano se-ICZM eNtshonalanga ye-Indian Ocean ePhalamende ukuze sizokwamukelwa.
1.2. ISivumelwano sase-Nairobi siluhlaka oluhlinzeka amaqembu ukuthi athathe izinyathelo ezifanele zokuqalisa i-ICZM eSifundeni saseNtshonalanga ye-Indian Ocean. Ukusebenzisana phakathi kohulumeni, umphakathi nomkhakha ozimele kuqinisekisa ukuphumelela kweSifunda esiseNtshonalanga ye-Indian Ocean esizoba nemifula, ugu nolwandle okunempilo. INingizimu Afrika yamukele isivumelwano mhla ziyi-12 kuMandulo 2023.
1.3. Isivumelwano lesi sinikeza iNingizimu Afrika amathuba amaningi, kubandakanya nokuthuthukisa ikhono laleli lizwe lokunciphisa imithelela yokuguquguquka kwesimo sezulu, futhi sikhuthaza ukulawulwa okusimeme kwezinto eziphilayo kanye nokubuyela kwemvelo esimeni emva kokuphazamiseka.
2. Ukusingathwa kweNgqungquthela Yomhlaba Yongqongqoshe Yamabhizinisi Amancane Naphakathi (ama-SME)
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela Yomhlaba Yongqongqoshe yama-SME, ngokubambisana neSikhungo Somhlaba Sokuhweba, eThekwini kusuka mhla wama-22 kuya kuma-24 kuNtulikazi 2025. Ingqungquthela izohlanganisa abamele amazwe ayi-190 ngenhloso yokwakha ubudlelwano bokusebenzisana obuzothuthukisa amabhizinisi omhlaba amancanyana, amancane naphakathi (ama-MSME).
2.2. Ingqungquthela izonikeza iNingizimu Afrika ithuba lokubonisa ukuthuthukisa kwayo ama-MSME, futhi izobeka izwe endaweni enhle kakhulu yokuthi ithole utshalomali kanye nokusebenzisana namanye amazwe ekuthuthukisweni kwama-MSME.
3. Ukusingathwa kweNgqungquthela Yomhlaba Yabasebenzi Bezezindiza Kubuchwepheshe Besikhathi eSizayo (i-NGAP)
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kweNgqungquthela Yomhlaba ye-NGAP ehlongozwa ukuba ibe seGoli kusuka mhla wama-22 kuya kuma-25 kuMbasa 2025. I-South African Civil Aviation Authority izosingatha ingqungquthela ngokubambisana ne-International Civil Aviation Organisation, okuyi-ejensi ekhethekile ye-UN.
3.2. Ingqungquthela ibaluleke kakhulu ekuthuthukisweni kwezezindiza njengoba ikhuthaza ohulumeni ukuthi basebenze ngokubambisana ekutholeni ukuqashwa kwabantu kanye nokudingekayo ukuthuthukisa umkhakha wezezindiza. Ukusingatha ingqungquthela ngeke nje kuphakamise isithunzi seNingizimu Afrika kuphela emhlabeni wezezindiza, kodwa kuzophinde kunikeze iNingizimu Afrika inkundla yokuthi ihlanganise umphakathi wezezindiza ukuze uzoqhamuka namaqhinga okuhloswe ngawo ukugcina i-NGAP. Lo mcimbi uzophinde ube yithuba lokucijisa intsha yaseNingizimu Afrika ngolwazi nangamakhono adingekayo emkhakheni wezezindiza.
E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisisiwe ngokufanele.
1. Mnu. Riedewaan Bakardien njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) ye-National Radioactive Waste Disposal Institute.
2. Ukuqashwa kwamalunga eBhodi le-Postbank SOC Limited
(a) Mnu. Khayalethu William Ngema (uSihlalo);
(b) Nkz. Karabo Joyce Siyila;
(c) Mnu. Krishen Ganas Sukdev;
(d) Mnu. Ismail Adam Mamoojee;
(e) Nkz. Nthatho Minyuku;
(f) Nkz. Wongakazi Faith Helen Majola; kanye
(g) noNkz. Noluyolo Yoza Jekwa.
F. Imicimbi Ezayo
1. I-Lekgotla Yomkhakha Wezemfundo Eyisisekelo
1.1. UMongameli u-Ramaphosa uzokwethula inkulumo enohlonze kwi-Lekgotla Yemfundo eyisisekelo ngoLwesine, mhla wama-27 kuNhlolanja 2025 e-Birchwood Hotel and OR Tambo Conference Centre eGoli. I-Lekgotla izobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukuqinisa isisekelo Sokufunda ukuze sizoba nohlelo lwezemfundo olungamelana nekusasa."
G. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
- Nkk. Tshego Gaelae, owethweswa isicoco sokuba ngu-Mrs World 2025 waba ngowokuqala owesifazane omnyama ukuhlabana ngesicoco.
- Mnu. Wouter Kellerman, i-flautist yaseNingizimu Afrika ewine i-Grammy Award yesithathu emcimbini wama-67th Annual Grammy Awards obuse-Los Angeles, eMelika, mhla wesi-2 kuNhlolanja 2025. U-Kellerman wawina i-Grammy Award ye-Best New Age, Ambient or Chant Album for Triveni, ehambisana ne-cellist yase-Japan u-Eru Matsumoto kanye nomhlabeleli waseNdiya u-Chandrika Tandon.
- Ummeli Andy Mothibi, iNhloko yoPhiko Olukhethekile Lwabaphenyi, ngokuphinde aqokwe ukuthi abe yiPhini likaMongameli we-African Regional Coordinator kanye nelungu leKomidi Eliphezulu le-International Association of Anti-Corruption Authorities.
- Nkz. Maria Ramos, ngokuqokwa kwakhe njengoSihlalo webhange elikhulu lase-United Kingdom, i-Standard Chartered.
- Slz. Refiloe Masekela ngokuthola indondo ye-World Lung Health Award kulo nyaka. USlz. Masekela waba ngowesifazane wokuqala omnyana eNingizimu Afrika ongudokotela wezifo zamaphaphu eminyakeni eyi-18 eyedlule. Ungowesithathu waseNingizimu Afrika ukuthola le ndondo.
- Dricus du Plessis, ngokulwela ngempumelelo isicoco sikashampeni we-Ultimate Fighting Championship World okwesibili emva kokwehlula u-Sean Strickland waseMelika e-Sydney, e-Australia mhla wesi-9 kuNhlolanja 2025. U-Du Plessis uphinde wadonsa ukuwina kwakhe kwaba izimpi eziyisishiyagalolunye, okuyizimpi ezinde kakhulu emlandweni we-middleweight.
- U-Prudence Sekgodiso ngokwephula irekhodi lakhe labesifazane lamamitha angama-800 ngaphakathi kwesakhiwo ngesikhathi encintisana emdlalweni ye-World Athletics Indoor Tour Gold e-Karlsruhe, e-Germany mhla wesi-7 kuNhlolanja 2025. Waqeda ngesikhathi esiyi-1:59.88.
2. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo:
- amasotsha amabili oMbutho Kazwelonke Wezokuvikela eNingizimu Afrika ashone ngesikhathi iloli abeligibele liginqika ku-R31 phakathi kwe-Koopmansfontein ne-Delportshoop.
- abantu nohulumeni wase-Namibia ngokudlula emhlabeni kukaMnu. Sam Nujoma, uMongameli wokuqala wase-Namibia ezimele geqe. UMnu. Nujoma wayehamba phambili empini yokulwela ukuzimela ngowe-1990 emva kokusiza ekusunguleni inhlangano elwela inkululeko e-Namibia eyaziwa ngokuthi yi-South West Africa People’s Organisation ngeminyaka yowe-1960.
- Nkz Senamile Masango, usosayensi wenuzi wokuqala wesifazane omnyama eNingizimu Afrika. Waba ngowokuqala wesifazane e-Afrika ukuba yingxenye yethimba lase-Afrika elenza ucwaningo lwenuzi e-European Organisation for Nuclear Research, okuyilebhu yomhlaba enkulukazi.
- Mnu. Douw Steyn, usomabhizinisi nobelwela inhlalakahle yabantu obekholelwa kumakhono eNingizimu Afrika waze waletha utshalomali nezinhlelo kuleli lizwe. UMnu. Steyn wacebisa leli lizwe ngokukhalipha kwakhe kwezamabhizinisi, ubuholi bakhe futhi wasiza imiphakathi eminingi ngomsebenzi wakhe wokubonisa isihawu kubantu.
Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485