Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla wama-27 kuNdasa 2024

A.    Ezisematheni 

1.    Izindaba Zamazwe Ngamazwe

1.1.    ISisombululo soMkhandlu Wezokuvikeleka we-UN nge-Gaza
1.1.1.    IKhabhinethi lamukele iSisombululo soMkhandlu Wezokuvikeleka weNhlangano Yeziwe Ezibumbene esidluliswe ngomsombuluko, mhla wama-25 kuNdasa 2024 esiphoqelela ukubekwa kwezikhali ngeNyanga Engcwele ka-Ramadan, ukukhululwa okungenambandela kwabo bonke abathunjiwe, kanye nokudluliswa ngokushesha kosizo e-Gaza.
1.1.2.    Lesi Sisombululo soMkhandlu Wezokuvikeleka sigcizelela ukuthi iNingizimu Afrika imephi ekunqandeni ukubulawa kanye nokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu base-Palestina kanye nokuthi ama-Hamas akhulule labo abathunjiwe.
1.1.3.    Izisombululo zoMkhandlu Wezokuvikeleka we-UN zibophezela amaqembu futhi uMkhandlu Wezokuvikeleka kufanele uqinisekise ukuthi lezi zisombululo ziyalandelwa. 
1.1.4.    Ukwamukelwa kwalesi Sisombululo soMkhandlu Wezokuvikeleka we-UN kuyigxathu elibalulekile elizophinde livumele ukulethwa kosizo kubantu.
1.1.5.    IKhabhinethi liphinde lagcizelela ukuthi ukuvikeleka kwabantu bakwa-Israel nabase-Palestine kungaqinisekiswa kuphela ngokulandela iSisombulo Samazwe Amabili esikhona macala wonke esasungulwa ngokwemingcele ngowe-1967. 

1.2.     Ukuvulwa kwezimakethe ze-European Union (i-EU) zokuthumela impahla kwamanye amazwe yemikhiqizo yamahhashi eNingizimu Afrika
1.2.1.    IKhabhinethi lamukele ukugunyazwa ngamazwe angamalungu e-EU kwesiphakamiso esenziwe yiKomidi  leKhomishini ye-EU Ngezitshalo, Izilwane, Ukudla kanye Nokudla Kwezilwane – iSigaba Sokulawulwa kanye Nezimo Zempahla Eqhamuka Kwamanye Amazwe ezibuyisele iNingizimu Afrika kuHlu lwe-Annexure IV lwamazwe angenayo i-Horse Sickness (i-AHS).
1.2.2.    Ukuchitshiyelwa koHlu lwe-Annexure IV kubeka iNingizimu Afrika njengendawo egunyaziwe lapho amahhashi ebhaliswe ngokusemthethweni anegunya lokungena kwi-EU kulandela isikhathi sokuvalelwa esanele ngaphambi kokuthi athunyelwe.
1.2.3.    IKhabhinethi lincome imizamo eyenziwe nguMnyango Wezolimo, Ukuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya (i-DALRRAD) kanye Nabenqubo Nempilo Yamahhashi eNingizimu Afrika ngokuqinisekisa lokubuyiswa futhi emva kweminyaka eyi-13 selokhu iNingizimu Afrika yagcina ukuthumela amahhashi abhaliswe ngokusemthethweni e-EU.

1.3.    Uhambo Lokuvakasha Ngesihle lukaDkt. Nangolo Mbumba, uMongameli wase-Namibia 
1.3.1.    IKhabhinethi lamukele, njengokubonisa ukuqina kwamaxhama phakathi kwamazwe amabili, ukuvakasha kukaMongameli weSine wase-Namibia, uDkt. Nangolo Mbumba okwenzeke mhla we-18 kuNdasa 2024, kulandela ukudlula emhlabeni kukaMongameli ongasekho uDkt. Hage Geingbob. 
1.3.2.    UMongameli u-Ramaphosa wamukele uMongameli uDkt. Mbumba obephelezelwa ngoNgqongqoshe bezohwebo nezimboni kanye Nezolimo, ababe nethuba lokuxoxisana nozakwabo mayelana nezingqinamba ezivimbela ukuhanjiswa e-Namibia imikhiqizo yaseNingizimu Afrika yezolimo baphinde baphothula iSivumelwano esibuyekeziwe Sokuhwebelana Notshalomali phakathi kwala mazwe amabili.

2.    Umnotho

2.1.    INgqungquthela Yokuthuthukiswa Okusimeme Kwengqalasizinda
2.1.1.    IKhabhinethi lamukele ukuxoxisana phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele eNgqungqutheleni yeSithathu Yokuthuthukiswa Okusimeme Kwengqalasizinda (i-SIDS), ebisingathwe nguMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda njengengxenye yokuzinikela kukahulumeni ukusebenzisa ukuthuthukiswa kwengqalasizinda ebalulekile ukusheshisa ukubeka izwe lethu emgudwini omusha wokukhula komnotho.
2.1.2.    Kule Ngqungquthela kuxoxwe ngemizamo okumele iqaliswe ukuqinisekisa ukwakhiwa kwezingqalasizinda ngezinga nangesivinini esidingekayo, kubandakanya nezinguquko ekuthuthukisweni kwezingqalasizinda ukuze kuzonyuswa ukuzithemba kwamabhizinisi futhi kugqugquzele notshalomali.
2.1.3.    Kubhekwe nenqubekelaphambili esiyenziwe ngokuthi izwe liqalise iMiklamo Edidiyelwe (ama-SIP) esikhulile ngokwenani yasuka kwizigidigidi ezingama-R340 ngoNtulikazi wezi-2020 yaya kwizigidigidi ezingama-R540 njengamanje. Imiklamo engamashumi nesishiyagalombili, yenani lezigidigidi eziyi-R10, efaka phakathi ukuhlaliswa kwabantu, imigwaqo, amanzi kanye nokuthuthwa kwendle seyiphothuliwe, eminye imiklamo yenani lezigidigidi ezingama-R233 isiqaliwe kanti imiklamo yenani lezigidigidi eziyi-R170 yona isesesigabeni sokubhekwa kwabazosebenza kuyona. 

2.2.    Imiphumela Yengqungquthela Yesibili Yosozimboni Abamnyama nabathumela Impahla Kwamanye Amazwe
2.2.1.    IKhabhinethi lamukele umbukiso wobuchwepheshe bosozimboni abamnyama eNgqungqutheleni yakamuva Yesibili Yosozimboni Abamnyama nabathumela Impahla Kwamanye Amazwe edonse izihambeli ezingaphezu kwe-1 300 kanye nababukisi abangama-205, nokulethe inzuzo eyizigidigidi eziyi-R10.
2.2.2.    Kubikwe engqungqutheleni ukuthi amafemu ayi-1 714 aqashe abasebenzi abayizi-161 000 azuze kakhulu ohlelweni loSozimboni Abamnyama.
2.2.3.    Inzuzo isiyonke yamafemu ilinganiselwa kwizigidigidi eziyi-R183, ngemisebenzi okubhekwe ukuthi ibe ngaphezu kwezi-282 000.

2.3.    INgqungquthela Yokuqala Yomnotho Notshalomali Lwezilwane Nezitshalo Eziphilayo
2.3.1.    IKhabhinethi lamukele ukusingathwa kweNgqungquthela yokuqala Yomnotho Notshalomali Lwezilwane Nezitshalo Eziphilayo ebihlanganise ababambiqhaza emkhakheni wezinto eziphilayo ukuxoxisana ngegalelo lalo mkhakha ekukhuleni komnotho.
2.3.2.    Le Ngqungquthela inikeze abebeyingxenye yayo ithuba lokuxoxa ngeQhingasu Likazwelonke Lomnotho Wezilwane Nezitshalo Eziphilayo (i-NBES) obuyekezwayo kuyimanje. Iqhingasu kuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukongiwa kwemvelo nokusetshenziswa ngendlela esimeme kwezilwane nezitshalo eziphilayo emhlabeni, okufaka phakathi wonke umuntu futhi okuhlose ukuthuthukisa inhlalo-mnotho ngokulinganayo.

2.4.    Umphumela Wengqungquthela Yamalungelo Abantu
2.4.1.    IKhabhinethi lamukele ukusingathwa ngempumelelo kweNgqungquthela Kazwelonke Yeminyaka engama-30 Yamalungelo Abantu ebise-Ekurhuleni nebonise ngesimo samalungelo abantu eNingizimu Afrika. 
2.4.2.    IKhabhinethi liyagqugquzeleka ngokuthi inqubekelaphambili iyabonakala ekuthuthukiseni umthethosisekelo nendlela yokusebenza ebeka amalungelo abantu phambili futhi liyavuma ukuthi kuningi okusafanele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamuzi zithola ngokuphelele amalungelo azo njengokusho koMthethosisekelo.
2.4.3.    IKhabhinethi liphinde labonga bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokuba yingxenye yemigubho yoSuku Lwamalungelo Abantu mhla wama-21 kuNdasa 2024 ngaphansi kwengqikithi ethi: "Iminyakashumi emithathu Yokuhlonishwa kanye Nokugqugquzelwa Kwamalungelo Abantu". Ngaphambi kokuthola inkululeko, izwe lethu lalinokucwasana, ukwahlukana kanye nobandlululo.
2.4.4.    Abantu baseNingizimu Afrika bayagqugquzelwa ukuthi bacabange futhi baxoxe ngemilando yabo ukuthi iminyaka engamashumi amathathu eyedlule ibenjani kubona ngokwamalungelo abantu kanye nokugcinwa kwesithunzi somuntu ngokuhambisana noMqulu Wamalungelo. UMqulu Wamalungelo ungumkhiqizo woMthethosisekelo wethu. 

3.    Ukubusa

3.1.    Ukusungulwa kwethimba likaMongameli i-eThekwini Presidential Working Group
3.1.1.    IKhabhinethi lamukele ukusungulwa kwe-eThekwini Presidential Working Group eyakhiwe izinhlaka ezintathu zikahulumeni kanye nomkhakha ozimele. 
3.1.2.    Leli thimba kuhloswe ngalo ukuthi libhekane nezinselele ezihlobene nokulethwa kwezidingonqangi, ukuguquka kwesimo sezulu, ingqalasizinda, ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho, kanye nokubusa ngokulandela umzamo ohlanganisiwe ofaka phakathi izinhlaka ezintathu zikahulumeni zisebenzisana nomphakathi nomkhakha ozimele. 
3.1.3.    I-eThekwini Working Group izogxila kakhulu ekusheshiseni ukuqaliswa kwezingenelelo ezikhona nezintsha ngokusiza ngezinsizakusebenza, ulwazi lobuchwepheshe, kanye namakhono kahulumeni nomkhakha ozimele okuzokwenza ngcono ukulethwa kwezidingonqangi zamanzi nokuthuthwa kwendle, ingqalasizinda yezemigwaqo, ezokuphepha nokuvikeleka, ukwenza ngcono indlela esibhekana nayo nezinhlekelele, kanye nokubeka indawo yaseThekwini ukuthi ibe yisizinda sotshalomali nezokuvakasha futhi.

4.    Ezokuphepha Nokuvikeleka

4.1.    Ukulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)
4.1.1.    Njengengxenye yokulwa noDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF), uNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli obhekelele uMnyango Wabesifazane, Intsha, Nabantu Abaphila Nokukhubazeka, uDkt. Nkosazana Dlamini Zuma usingathe izingxoxo nabenza izinqubomgomoo, ababambiqhaza kanye nochwepheshe babuyekeza izinqubomgomo ezikhona zokunqanda i-GBVF.
4.1.2.    Izingxoxo zivule ithuba lokwabelana ngamacebo, imiphumela yocwaningo, nezindlela zokusebenza ezingcono kanye nezifundo ezifundwe ezindleleni zokusebenza ezisezingeni lomhlaba ezimayelana nemizamo yokunqandwa kwe-GBVF, kanjalo nokuqwashisa ngokusabalala kanye nemiphumela ye-GBVF.
4.1.3.    IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi benze okuningi ukunqanda udlame olubhekiswe kwabesifazane, beseke labo abasindile ekuhlukunyezweni baphinde basize ukuletha izigilamkhuba ngokubika noma iluphi uhlobo lodlame emaphoyiseni. Usizo lukhona esikhungweni i-GBV Command Centre ku: 0800 428 428.

4.2.    Ukulwa Nenkohlakalo
4.2.1.    IKhabhinethi lamukele umyalelo weNkantolo Ekhethekile oya enkampanini esebenza nge-software yase-Germany, i-SAP wokuthi ikhokhele uPhiko Oluphenya Amacala Akhethekile izigidi ezingama-R500, njengengxenye yesivumelwano sokukhokhela izinkontileka ezimbili zakwa-Eskom ezathathwa ngokuthi azikho emthethweni futhi zabekelwa eceleni. Izinkontileka ezimbili u-Eskom wayezinikeze i-SAP ngokungemthetho phakathi kowezi-2013 nowezi-2016.
4.2.2.    Umyalelo uyingxenye yemizamo yokubuyisa izimali ezalahleka ezikhungweni zoMbuso ngesikhathi soKuthunjwa Kwamandla Ombuso. Uhulumeni uyaqhubeka nokuqinisa ukulwa nenkohlakalo kanye nokuthi labo abathintekayo baphendule ngezenzo zabo.  

4.3.    Ukuboshwa kwezikhulu eziphezulu zikaMasipala wakwaNongoma
4.3.1.    IKhabhinethi lamukele ukuboshwa kwezikhulu eziphezulu ezintathu zikaMasipala wakwaNongoma kubandakanya noMphathi Womasipala, i-CFO kanye nomsebenzi ophethe kuPhiko lwe-Supply Chain ngaphakathi kumasipala ngamacala enkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokuhlanzwa kwemali.
4.3.2.    Amaphoyisa ayaphenya ngamanye amacala abekwe abasolwa.

5.    Iminyaka engama-30 Yenkululeko Nentando Yeningi Labantu

5.1.    Mhla wesi-5 kuMbasa 2024, iNingizimu Afrika izokwethula ukuqaliswa komgubho wonyaka weMinyaka engama-30 Yenkululeko Nentando Yeningi Labantu. 
5.1.1.    Isikhumbuzo seMinyaka engama-30 Yenkululeko Nentando Yeningi Labantu siyithuba lokubungaza uhambo oluyisimanga esesiluhambile ukwakha intando yeningi labantu lapho bonke abantu baseNingizimu Afrika belingana ngokomthetho futhi izwe liyaqhubeka nokwenza ukuthi abantu bafinyelele ngokulinganayo emathubeni enhlalo-mnotho. 
5.1.2.    Ukwethulwa kwalo mgubho kuzoba wuphawu lokuqaliswa ngokusemthethweni kwemigubho yokubungaza iminyaka angama-30 ngaphansi kwesikhathi esibandakanya wonke umuntu kanye nokubungazwa kweNyanga Yenkululeko.
5.1.3.    IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babe yingxenye yokugubha lengqophamlando kazwelonke ebonakala ngokuzinza kwentando yeningi labantu ngokucabanga ukuthi ngabe kunjani ukuphila eNingizimu Afrika ekhululekile uma iqhathaniswa nempilo yesikhathi sikahulumeni wobandlululo onesihluku. Kuphinde kube yithuba lokubuka izinguquko esezenzekile kusukela ngowe-1994, izinselele ezisekhona, kanye nendlela eya phambili yezwe. 

6.    Ukuphepha Ngempelasonto yePhasika

6.1.1.    IKhabhinethi lidlulisa izilokotho ezinhle emiphakathini yenkolo yobuKrestu neyabaJuda njengoba bezoba namaholidi ePhasika.
6.1.2.    Ngalesi sikhathi, abantu baseNingizimu Afrika abaningi bazovakashela izindawo ezweni lonkana beyobona imindeni nabangani nokuzodala ukuminyana kwezimoto emigwaqeni. IKhabhinethi linxusa labo abazobe besendleleni ngalesi sikhathi samaholidi, ukuthi baqaphe futhi bahloniphe imithetho yomgwaqo, bahloniphe abanye abasebenzisa umgwaqo. Amaphoyisa ngeke abekezelele abashayeli abashayela budedengu, abanganaki kanye nabashayela ngesivinini.
6.1.3.    Abazali nabanakekeli bayakhunjuzwa ukuthi bahlale beqaphile ukuthi izingane zabo zikuphi futhi baqinisekise ukuthi bazishiya nabantu abathembakele.  Kufanele kuqinisekiswe ukuqashwa kwabantwana bethu eduze nezindawo zokubhukuda, amabhishi nanoma ikuphi eduze kwamanzi.
6.1.4.    Kuzobekwa amaphoyisa kulolonke izwe ukuze kuzonqandwa, kuqedwe futhi kuliwe nobugebengu ngalesi sikhathi samaholide nangale kwaso. 

6.2.    Ukulawulwa Kwezokuvikeleka Kwemingcele
6.2.1.    IKhabhinethi liphinde lamukela imizamo yeZiphathimandla Ezilawula Ukuvikeleka Kwemingcele (i-BMA) yokwengeza izinyathelo zokulawula ezokuvikeleka nokunciphisa isiminyaminya emachwebeni angenayo ngale Mpelasonto yePhasika.
6.2.2.    I-BMA izokwelula amahora okusebenza emachwebeni athile abalulekile iphinde yengeze ngonogada bemingcele abangama-400 ukuthi babhekane nokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashayo.
6.2.3.    Lolu hlelo lokusebenza lwePhasika lwesekwa wuPhiko Lwaphoyisa eNingizimu Afrika, uMnyango Wabaqoqintela eNingizimu Afrika, uMbutho Wezokuvikela eNingizimu Afrika kanye ne-Ejensi Yezokuthutha Yezemigwaqo Eyeqa Imingcele.
6.2.4.    IKhabhinethi lishayele ihlombe umsebenzi we-BMA okuzothi ngomhla lu-1 kuMbasa 2024 iqede unyaka owodwa selokhu yasungulwa. Le ejensi isivimbe abantu abangaphezu kwezi-270 000 ababezama ukungena eNingizimu Afrika ngokungemthetho futhi yasiza ukunqanda ukungena kwabantu ngokungemthetho, ukushushunjiswa kwabantu kanye nobugebengu emingceleni.

B.    Ezakamuva kwiKhabhinethi
1.    Inkinga Yamanzi

1.1.    IKhabhinethi lamukele izingeneleo zokubhekana nokunyuka kwesidingo samanzi nokuhlangabezana nezidingo zabantu nemikhakha yezomnotho, ngesikhathi libhekene nokushoda kwamanzi.
1.1.1.    Izingeneleo zokwenza ngcono ukuthunyelwa kwamanzi eMusina
1.1.1.1.    IKhabhinethi laziswe ngokusayinwa kwesivumelwano phakathi kweNingizimu Afrika neZimbabwe sokuthumela ama-mega litres angama-41 amanzi ngosuku esuka kwiSihlanzimazi i-Beitbridge eZimbambe aye kuMasipala Wendawo waseMusina, eLimpopo njengengxenye yezingelelo zesikhathi esifushane zokuxazulula izinselele zokuthunyelwa kwamanzi endaweni yaseMusina. Umsebenzi wokufaka ipayipi elingama-20km kanye nesiteshi sokumpompa amanzi esizothumela la manzi uzoqala maduze.

1.1.2.    Ukuthunyelwa Kwamanzi e-Gauteng naseThekwini
1.1.2.1.    IKhabhinethi litshelwe ngezinye zezinto ezidala izinselele zokuthunyelwa kwamanzi e-Gauteng naseThekwini phakathi kwazo okufaka phakathi ukwenyuka kokudingakala kwamanzi ngenxa yokwenyuka kwesibalo sabantu, amanzi amoshekayo ezindaweni zomasipala ngenxa yengqalasizinda esindala, ukuphazamiseka kokuthunyelwa kukagesi okuphazamisa indlela izigcinamanzi ezigcwaliseka ngayo. 
1.1.2.2.    IKhabhinethi litshelwe ngenqubekelaphambili ngeSigaba Sesibili se-Lesotho Highlands Water kanye nemiklamo ye-Umkhomazi Water yokwakha indlela yokuthunyelwa kwamanzi ngesikhathi uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle usebenzisana naMadolobha athintekayo ukwenza ngcono kanye nokuvuselela ingqalasizinda yamanzi esindala ukuze kuzoncipha amanzi amoshekayo. 
1.1.2.3.    IKhabhinethi lisungule i-Water Task Team usihlalo walo kuzoba iPhini likaMongameli, uMnu. Paul Mashatile elizogxila kakhulu ezosonjululweni kwezinselele zokuhlinzekwa kwamanzi ezibhekene nezwe.
1.1.2.4.    Leli thimba lizokwakhiwa nguMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, i-COGTA, uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu, uMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni neNgqalasizinda, uMnyango Wezolimo, Ukuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye noPhiko Lwamaphoyisa.

2.    Ukuthuthukiswa Komnotho 

2.1.    Ukubuyekezwa Kwenqubomgomo Yezimboni kanye Neqhingasu Elisha Lezimboni
2.1.1.    IKhabhinethi litshelwe ngenqubekelaphambili ngokuqaliswa kweNqubomgomo kanye Neqhingasu Lezimboni zaseNingizimu Afrika ngesikhathi sikaHulumeni wehlandla leSithupha. Lokhu kubuyekezwa kucacisa ingqikithi yokuthuthukiswa kwenqubomgomo yezimboni ngesikhathi sikahulumeni wehlandla lesithupha, okuhlolisisa ukusuka kuHlelo Lwenqubomgomo Yezimboni (i-IPAP) kuya kwiQhingasu Elisha Lezimboni.
2.1.2.    Uhulumeni wehlandla lesithupha ubeke iQhingasu Lezimboni Elisha, eligxile ekuqalisweni kwezinqubomgomo ezamukelwa kusukela ngowe-1994, ngendlela entsha yokulawula ezingeni lezimboni, elaqaliswa ngokulandela izinhlelo Ezinkulu ezasungula indlela ehlanganisa ababambiqhaza abehlukahlukene lapho uhulumeni, umkhakha ozimele kanye nomkhakha wabasebenzi ngokubamabisana basungula baphinde baqalisa lezi zinhlelo.
2.1.3.    Ezinye zezingxenye zeQhingasu Lezimboni Elisha yilezi ezilandelayo:
2.1.3.1.    Ukugxilisa kuleli lizwe ukuthuthukiswa kwezimboni okuhloswe ngakho ukugqugquzela abakhiqizi kuhulumeni nabazimele ukuthi baqhubeke banyuse izinga lokuthenga impahla eyakhiwe kuleli lizwe.
2.1.3.2.    Umkhankaso wotshalomali wokwakha kabusha ithemba labatshalizimali njengoba uhulumeni esebenza ukuguqula izindlela zokusebenza ezibalulekile ezivumela utshalomali. 
2.1.3.3.    ISivumelwano Sokuhwebelana Kwamazwe ase-Afrika Mahhala (i-AfCFTA) okuhloswe ngaso ukukhulisa umnotho ozosimamisa ukukhula nokuthuthuka komnotho waseNingizimu Afrika kwiminyakashumi ezayo.
2.1.3.4.    UMthetho Wezinguquko Nokuncintisana onenhloso yokunikeza amandla iKhomishini Yezokuncintisana ukuthi ibhekane nezimo ezithinta ukuncintisana kwezomnotho iphinde igqugquzele uguquko.
2.1.3.5.    Ukugxila ekusebenzeni koHlelo Losozimboni Abamnyama olunoxhasomali olukhulu kanye nokweseka ukukhula kwamafemu Abantu Abamnyama.
2.1.3.6.    Ukusungulwa “kwezimboni ezinganukubezi imvelo” ngokukhishwa koHlelo Olukhulu Lwezamandla Avuselelekayo kanye namaqhingasu okuthuthukiswa kwezimboni ezakha izimoto ezihamba Ngogesi kanye neHayidrojini Enganukubezi Imvelo.
2.1.4.     UNgqongqoshe Wezokuhweba, Izimboni Nokuncintisana uzokhipha umbiko ogcwele ozoya emphakathini.

2.2.    Ukuqaliswa kweZinhlelo Ezinkulu Zomkhakha we-DTIC ngokweQhingasu Lezimboni Elisha 
2.2.1.    IKhabhinethi laziswe ngenqubekelaphambili esiyenziwe ngokuqaliswa kweZinhlelo Ezinkulu eziholwa nguMnyango weZohwebo, Izimboni Nokuncintisana njengoba zihambisana neQhingasu Lezimboni Elisha. 
2.2.2.    Izinhlelo Ezinkulu eziyisikhombisa ziyaqaliswa ngokusetshenziswa kwezinqubomgomo zezimboni, ngenhloso yokuthuthukisa amakhono, ukwengeza utshalomali kanye nokugqugquzelwa kwemikhiqizo yakuleli lizwe, ukwengeza impahla ethunyelwa kwamanye amazwe, ukongiwa kanye nokusungulwa kwamathuba emisebenzi. 
2.2.3.    Lezi Zinhlelo Ezinkulu kuhloswe ngazo ukuqinisa ukuthuthukiswa kwezimboni, ukuncintisana, ukuqinisa kwemikhiqizo yakuleli okuzoholela ekuguqulweni komnotho nasekusungulweni kwemisebenzi. Zifaka phakathi abasebenzi abayizi-740 075 okukhona kubona abesifazane kanye nentsha kulolonke izwe.
2.2.4.    Lezi Zinhlelo Ezinkulu zikule mikhakha elandelayo: Owezinkukhu, Ushukela, izimpahla zokugqoka, Indwangu, izicathulo kanye Nesikhumba, Insimbi, Ifanisha kanye Nezinsizakalo Zamabhizinisi Emhlabeni.
2.2.5.    UNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana uzokhipha umbiko ophelele mayelana nokuqaliswa kwezinhlelo ezinkulu zalo mkhakha. 
2.3.    INqubekelaphambili ngoHlelo Lokufudukela Ekusakazeni Ngedijithali (i-BDM) 
2.3.1.    IKhabhinethi laziswe ngenqubekelaphambili njengoba izwe lilungiselela Ukucinywa Kwe-analogi kokugcina mhla wama-31 kuZibandlela 2024. 
2.3.2.    Izwe seliphothule iSigaba Sokuqala sohlelo lokufudukela kwidijithali kanti izinsizakalo ze-analogi sezifakwe ngaphansi kwe-frequency eyi-694 MHz kwase kuvuleka isikhala samagagasi omoya angasetshenziswa omakhalekhukhwini abanezimvume zakwa-ICASA. 
2.3.3.    ISigaba Sesibili ngukucinywa kwama-transmitter e-analogi asele ayi-191 kwangaphezu kwe-1 000, ngesikhathi kuqhutshekwa nokuxhunywa kanye nokubhaliswa kwamakhaya azothola amabhokisi. 

2.4.    Umbiko Ngokuqhubekayo ngoMthetho Odingidwayo wokuThuthukiswa Kwezibonelelo 
2.4.1.    IKhabhinethi linikwe umbiko ngokuqhubekayo ngokwethulwa koMthetho Odingidwayo weZokuthuthukiswa Kwezibonelelo, ocacisa izimiso nomhlahlandlela wezinguquko zenhlalakahle kuleli lizwe ezizoletha imiphumela engcono kulabo bantu ababuthakathaka. 
2.4.2.    Inhloso ngukusungula indlela yokusebenza kwezibonelelo ezosebenza ngokulinganayo emphakathini, engambi eqolo futhi esebenza ngempela ekuhlangabezaneni nezidingo zemikhakha yabantu ebebencishwe amathuba. 
2.4.3.    UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi usungule uMthetho Odingidwayo Ngezezibonelelo kanye nezinguquko zomhlalaphansi ezizobhekana nokutholakala kwezibonelelo futhi kuvale igebe elikhona ekukhishweni kwezibonelelo njengokusho koMthetho Odingidwayo. 
2.4.4.    Izinguquko ezihlosiwe zifaka phakathi ukusungulwa kweSikhwama Sikazwelonke Sezibonelelo, okuzokwengeza usizo lwezibonelelo kanye nokubuyekezwa kwendlela yonke yokusebenza kwezibonelelo kuleli lizwe. 

2.5    Umbiko Ngokuqhubekayo ngemiphumela yeNgqungquthela Yokulawulwa Nezimo Zezindawo Ezihlala Abantu eyayibanjwe kusuka mhla wama-27 – 28 kuNhlaba 2022.
2.5.1    IKhabhinethi laziswe ngokuqaliswa kwemiphumela yeNgqungquthela Yokulawula nezimo Zezindawo Ezihlala Abantu eyayibanjwe ngowezi-2022 kanye nomsebenzi owenziwayo ukuqalisa izisombululo ezaphuma engqungqutheleni. 
2.5.2    IKhabhinethi litshelwe ukuthi umsebenzi wokuqalisa izisombululo uqhubeka kanje:
2.5.2.1     IZichibiyelo zeRejista Lamatayitela ukuze kuzofakwa aMalungelo Omhlaba zigunyazwe yiSigungu Sikazwelonke futhi manje selikuMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe. 
2.5.2.2    UHlelo Lokulinga Ukubhaliswa Kwamalungelo Omhlaba seluqalile ezindaweni zaseSifundazweni saseMpumalanga Kapa ngaphansi kweZiphathimandla Zendabuko e-Amahleke.
2.5.2.3     UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukuphathwa Kwezimo Zezindawo Zokuhlala Abantu uyadingidwa nababambiqhaza ngaphambi kokuba ulethwe kwiKhabhinethi ukuze uzogunyazwa.
2.5.2.4    I-IMC isiyalele amaPhini ongqongqoshe ukuthi abambe umhlangano nomphakathi wama-Khoi nama-San kukhulunywe ngezindaba ezaphakanyiswa engqungqutheleni. 

2.6.    Umbiko Wokuqhubekayo ngokuqaliswa kwemiklamo emibili emikhulu yoKuthuthukiswa Kwezindawo Zokuhlalisa Abantu e-Gauteng ukuze kuzokwakhiwa amakhaya cishe abe yizi-68 000. 
2.6.1.    Ngesikhathi ethula iNkulumo Ngesimo Sezwe ngowezi-2023, uMongameli u-Cyril Ramaphosa wamemezela ukuthuthukiswa kwezindawo zokuhlalisa abantu ezimbili ezinkulu e-Lufhereng eDolobhenikazi laseGoli nase-Mooikloof kuMasipala Wedolobha lase-Tshwane. IKhabhinethi laziswe kafushane ngenqubekelaphambili mayelana nalezi zindawo ezimbili zokuhlalisa abantu. 
2.6.2.    IKhabhinethi litshelwe ukuthi ziyizi-4 323 izindlu esezakhiwe kuze kube yimanje e-Lufhereleng. Lo mklamo usendaweni eyizi-2 000 ha kanti le ndawo ingakwazi ukuthi kwakhiwe kuyona amakhaya ayizi-32 000. Inhlosonqangi yalo mklamo ngukubhekana nenkinga yohlu lwabantu abalindile abahlala emikhukhwini noma emikhukhwini engemuva e-Soweto. 
2.6.3.    Umklamo wase-Mooikloof kucatshangelwa ukuthi uhlukaniseke ngokwamatayitela ayizi-50 000 nokudla izigidigidi ezilinganiselwa kuma-R34 esikhathini seminyaka eyi-10 kuya kweyi-15. Inselele enkulu ukufinyelela kwizingqalasizinda okudinga izigidigidi ezi-R1.1. Ezengqalasizinda eNingizimu Afrika zinikezela ngosizo lokuqala umsebenzi konjiniyela kanye neDolobhakazi lase-Tshwane ukuze phakathi kokunye bakwazi ukuthola ukugunyazwa ngokomthetho ukuthi kwakhiwe izingqalasizinda. 

2.7.    Umbiko Wokuqhubekayo ngokuqaliswa koHlelo Oludidiyelwe Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zokuhlala (i-IRDP)
2.7.1.    UHlelo Oludidiyelwe Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zokuhlala (i-IRDP) lusiza ngokuthi kutholakale umhlaba, ukunakekelwa kwezitende zalabo abazisebenzisayo ngezizathu ezehlukahlukene kubandakanya ukuthengisa, ukungcebeleka, izikole nemitholampilo, kanjalo nezitende zokuhlala abantu abahola kancane, maphakathi nabahola kakhulu. 
2.7.2.    IKhabhinethi litshelwe ukuthi esibalweni esasibekiwe kuHlaka Lweqhingasu Lwesikhathi Esiphakathi (2019-2024), sekukhona izitende eziyizi-191 000 okuyisilinganiso esingama-63% somsebenzi osuwenziwe. Izitende ezinakekelwayo zikhishwa ngohulumeni bezifundazwe kanye nomasipala bamadolobha. 

C   Izinqumo zeKhabhinethi
1.    Ukuhlanganiswa kwe-Small Enterprise Finance Agency (i-SEFA) kanye ne-Cooperatives Bank Development Agency (i-CBDA) ukuthi ibe yi-Small Enterprise
Development Finance Agency (SEDFA). 
1.1.    IKhabhinethi lithole umbiko wokuqhubekayo ngokuhlanganiswa kwe-SEDA, i-SEFA ne-CBDA ukuthi kube yi-SEDFA. 
1.2.    IKhabhinethi ligunyaze ukwelulwa kwesikhathi ngezinyanga ezingama-20 ukuthi kuphothulwe umsebenzi wokuhlanganiswa kwe-SEDA, i-SEFA ne-CBDA, ukuthi kube yi-SEDFA. 
1.3.    IKhabhinethi ligunyaze ukusungulwa kwekomiti lesikhashana ukuze i-Small Enterprise Development Finance Agency izolungiselela isikhungo esisha igunya nemisebenzi emisha. 
1.4.    Ikomiti lesikhashana lizobekwa izinyanga ezingama-24 futhi lizoba namalungu ayi-13 azobe ethathwe kakhulu kumabhodi amathathu avele ekhona e-SEDA, i-SEFA ne-CBDA. 

2.    Inqubomgomo ngokwelulwa kokukhokhwa kwezimpesheni zezinzuzo nomhlalaphansi wabasebenzi bomkhakha ongahlelekile 
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kweNqubomgomo Ehlongozwayo ngokwelulwa kokukhokhwa kwezimpesheni zezinzuzo nomhlalaphansi wabasebenzi bomkhakha ongahlelekile.
2.2.    Le nqubomgomo kuhloswe ngayo ukuvala igebe elikhona empeshenini yabasebenzi bomkhakha ongahlelekile kanye nabasebenzi abahola kancane abangatholi lutho kwizibonelelo ezifana nomhlalaphansi, ezokuphila nokukhubazeka, kanye nezalabo abasinde ekulimaleni. 
2.3.    Inqubomgomo ivuma ukuthi yize iNingizimu Afrika inohlelo olubanzi lwezezibonelelo olusiza izigidi zabantu abahluphekayo, izinhlelo ezikhona azenziwanga ukuthi zihambisane nezidingo kanye nezimo zabasebenzi bomkhakha ongahlelekile. Lokhu kuholela ekukhokhweni kwezibonelelo okungakuhle kulaba basebenzi bakulo mkhakha ongahlelekile lokho okwandisa ukuhlupheka kubantu abadala. Le nqubomgomo ihlongoza ukuthi labo ababeka imali yomhlalaphansi, eyokuphila nokukhubazeka kanye nabasinde ekulimaleni bakwazi ukuyithola ngaphambi kwesikhathi.

3.    Umbono weNqubomgomo Ebuyekeziwe ngokongiwa kwemvelo kanye nokusetshenziswa okusimeme kwezindlovu, ibhubesi, ingwe nobhejane. 
3.1.    IKhabhinethi ligunyaze umbono wenqubomgomo ebuyekeziwe ngokongiwa kwemvelo kanye nokusetshenziswa okusimeme kwezindlovu, ibhubesi, ingwe kanye nobhejane ukuthi uqaliswe ukusebenza. UMbono Wenqubomgomo osahlongoswa ususelwe kuMthetho Osadingidwa Ngokongiwa Kwemvelo kanye Nokusetshenziswa Okusimeme Kwezitshalo Nezilwane Eziphilayo eNingizimu Afrika owashicilelwa ukuthi uqale ukusebenza mhla we-14 kuNhlangulana 2023.
3.2.    Umbono wenqubomgomo ohlongozwayo ugxile kakhulu ekulungiseni izindlela zokusebenza ezingasimeme, ukugqugquzela ukongiwa kwemvelo kanye nokusetshenziswa ngendlela esimeme kwezilwane ezinhlanu (indlovu, ibhubesi, ingwe, kanye nobhejane omnyama nomhlophe), kanye nokuhlahlela inqubomgomo indlela yokuhweba kumazwe ngamazwe.
3.3.    UMbono Wenqubomgono esahlongozwa wethula izinhloso ezintathu zenqubomgomo yokuhweba kumazwe ngamazwe ngalendlela elandelayo: 
3.3.1.    Ukugqugquzela ukuthunyelwa kwamanye amazwe kwezilwane ezinhlanu kuphela emazweni aneziqiwi noma ezinye izindawo ezisesimeni esifanele nesamukelekile ukuthi kungahlala izilwane kuleli lizwekazi i-Afrika.
3.3.2.    INingizimu Afrika izosebenza namazwe aneziqiwi ukweseka isethulo samazwe ngamazwe sokuhweba ngophondo lobhejane  abavikelekile, ngezizathu zokongiwa kwemvelo, uma izimo sezilungile;
3.3.3.    Ukucabangisisa ukuhweba ngezinyo lendlovu kuphela uma izimo sezivuma.
3.4.    Uphinde uhlongoze izinhloso ezintathu zokongiwa kwemvelo nokusetshenziswa kwenqubomgomo ngendlela esimeme ukuze kuzolawulwa kangcono izilwane ngalezi zindlela ezilandelayo:
3.4.1.    Ukuqeda ukuvalelwa kwamabhubesi ngenhloso yokuyowathengisa kanye nokuvalwa kwezikhungo ezivalela amabhubesi, ukuvalwa kwezindawo ezisetshenziselwa ukuzalisa amabhubesi, kanye nokuqeda ukuthengiswa kwamabhubesi avalelwe; 
3.4.2.    Ukuqeda ukufuywa nokweluswa kobhejane; 
3.4.3.    Ukwenza ngcono ukongiwa kwemvelo kanye nokusetshenziswa kwengwe.

4.    INqubomgomo Kazwelonke Yokugcinwa Kwemininigwane Emkhathini 
4.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kweNqubomgomo Kazwelonke Yokugcinwa Kwemininigwane Emkhathini kanye nokushicilelwa kwawo kuSomqulu Kahulumeni ngokuhambisana noMthetho Wezokuxhumana Ngobuchwepheshe be-Elekthronikhi (Umthetho wama-36 wezi-2005). 
4.2.    INqubomgomo kuhloswe ngayo ukuqinisa ikhono loMbuso lokuletha izinsizakalo kwizakhamuzi kanye nokuqinisekisa ukuthi ulwazi lukhona lokuhlomisa izakhamuzi. Le nqubomgomo ibeka iNingizimu Afrika ezintweni ezisezingeni lomhlaba njengoba umnotho wedijithali uqhubeka ngokukhula, okuqhutshwa ubuchwepheshe bokugcina ulwazi emkhathini.
4.3.    Le nqubomgomo ihlose ukuvumela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babone ukubaluleka kwemininingwane yezenhlalomnotho ngokusebenzisa izindlela ezihambisana nezinqubomgomo ezikhona, imithetho nemithethonqubo. Inqubomgomo iphinde yenze isimondawo esifanele nesivumela ukuthi ukugcinwa kolwazi kuqhubekele phambili.
4.4.    Inqubomgomo ihlose ukwakha isimondawo esivumela ukuhlinzekwa kwezinsizakalo zokugcinwa kwemininingwane emkhathini ukuze kuzoqinisekiswa ukuthuthukiswa kwenhlalomnotho. Uma isiqalisiwe ukusebenza, inqubomgomo izogqugquzela ukuxhunywa kanye nokufinyelela kwizinsizakalo zokugcinwa kwemininigwane emkhathini; isuse imigoqo elawulayo futhi ivumele isimo sokuncintisana nokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane, aphakathi namancanyana (ama-SMME).

5.    UHlelo Olukhulu Lwegesi lwangowezi-2023
5.1    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koHlelo Olukhulu Lwegesi kuze uMphakathi uzophawula ngalo. UHlelo Olukhulu luzosetshenziswa njengenqubomgomo ezokhomba indlela utshalomali lwemboni yegesi kuleli lizwe futhi luqinisekise ukuthi iyakhula futhi ifaka igalelo emnothweni. 
5.2    UHlelo Olukhulu luzovumela umnotho wegesi yemvelo ohambisana nezimo ezifunwa ngabatshalizimali futhi lungaletha ezinye izindlela zokuthola ezamandla ezingasiza umkhakha kagesi kuleli lizwe. 
5.3    Lolu hlelo luphinde lweseke ukuzinikela kwezwe ekuhlukaniseni ezamandla kwiziphehlimandla ezisebenza ngamalahle. Igesi iluhlobo lwezamandla olubaluleke kakhulu e-Afrika, ngenxa yokukhula kwezinga lokufuneka kwezamandla nokuthunyelwa kwawo emhlabeni.

6.    IQhingasu Lokuthuthukiswa Kwezakhiwo Zombuso
6.1.    IKhabhinethi leseke ukuqaliswa kweQhingasu Lokuthuthukiswa Kwezakhiwo Zombuso njengeqhinga lokusebenzisa izindlela zokuqamba kabusha, ukuthuthukisa ukusebenza kangcono kwezakhiwo zombuso njengoba kubhekenwe nezinselele zomnotho.
6.2.    Leli qhingasu kuhloswe ngalo ukuqinisekisa izakhiwo zikahulumeni ziyazimela futhi izindlela zokwenza imali zihlose ukuveza ikhono likahulumeni, lezi zindlela zibandakanya:
6.2.1.     Ukubheka amathuba ahlukahlukene ekuthuthukisweni kwezakhiwo nomhlaba okuzokwenzeka ngokuSebenzisana Komkhakha Ozimele Nohulumeni isikhathi sokuqashisa esingangeminyaka engama-20 kuya kuma-30 okunethuba lokuvuselela kufika eminyakeni engama-99.
6.2.2.     Ukubuyekezwa kwezivumelwano zokuqashisa ezikhona ukuqinisekisa ukubuya kwezimali, ngokwethulwa kokubuyekezwa kweminyaka emihlanu ukuya phambili esikhathini sokuphela kwesikhathi sokuqashisa.
6.2.3.     Ukubeka endaweni efanele i-Property Management Trading Entity (engaphansi kwe-DPWI) njenge-ejenti yokuqalisa iqhingasu ekhethiwe ngokwethula nangokusebenzisa izindlela ezintsha ezingakaze sisetshenziswe ukuvula utshalomali.
6.2.4.     Indlela yokusebenza yezezimali izosungulwa ukugcizelela utshalomali olubhekiswe eKusebenzisaneni Komkhakha Ozimele Nokahulumeni; Ekwakhiweni, Ekusebenzeni kaseKulungisweni, nezinhlelo Zokusebenza Nokudlulisela.

7.    IMithethonqubo Yokulawulwa Kwezobunhloli
7.1    IKhabhinethi ligunyaze iMithethonqubo Yokulawulwa Kwezobunhloli okuyinto enhle kakhulu selokhu kwagunyazwa umthetho wamaqhinga ezobunhloli kuzwelonke ngowe-1994, kanye nokusungulwa kweKomiti Likazwelonke Elilawula Ezobunhloli (i-NICOC), njengoba kungakaze kube khona iMithethonqubo yezokulawulwa kwezobunhloli.   
7.2    Lena ngenye yezinto ezidale ukubantekenteke kwezokulawulwa kwezobunhloli ezweni lethu. Lokhu kwagxekwa amaKhomishini Abuyekezayo amaningi kusukela ngowezi-2006. Ngakho-ke, ukukhishwa kweMithethonqubo Yokulawulwa Kwezobunhloli kube yinto ebaluleke kakhulu selokhu sathola inkululeko.  
7.3    Imithethonqubo izoqinisa iHhovisi Lomlawuli ukuthi liqondanise umsebenzi wezinhlaka zikazwelonke zobunhloli. Izophinde icacise phakathi kweKomiti kanye nabasebenzi eHhovisi Lomlawuli.

D.    IMithethosivivinywa
1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Indlela Yokusebenza Yamatayitela e-Elekthronikhi 

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Indlela Yokusebenza Yamatayitela e-Elethronikhi ukuze umphakathi uzophawula. Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuchibiyela uMthetho Wokubhaliswa Kwamatayitela Ngokwe-Elethronikhi wezi-2019, uMthetho Wokubhaliswa Kwamatayitela wangowe-1937 kanye noMthetho Wokubhalisa Ingxenye Yamatayitela wangowe-1985 njengoba le Mithetho isiphelelwe isikhathi.  
1.2.    UMthethosivivinywa ubhekana nalokho okufunwa umnotho obandakanya wonke umuntu waseNingizimu Afrika kanye nokutholakala kwezindawo zokuhlala abantu. Izichibiyelo zinzulu futhi zihlose ukuthi kuzuze abanikazi bomhlaba kanye namalungelo omhlaba uma kubhekwa ukutholakala kwamatayitela. 
2.    UMthethosivivinywa Kazwelonke Wokulawulwa Kwezemvelo: Izilwane Nezitshalo Eziphilayo wangowezi-2024
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wezilwane Nezitshalo Eziphilayo wezi-2024 ukuze umphakathi uzophawula.   UMthethosivivinywa ungena esikhaleni soMthetho Kazwelonke Wokulawulwa Kwezemvelo Nezilwane Nezitshalo Eziphalyo (i-NEMBA) (uMthetho we-10 wezi-2004) osuvele ungasebenzi.  I-NEMBA inemigoqo eminingi futhi ayiguquguquki, lokhu kuholela ekuphumeni kwezimvume ngokweqile kanye nokulawula ngokweqile. 
2.2.    UMthetho Wezilwane Nezitshalo Eziphilayo uzoholela ekuqalisweni ngendlela efanele koMthetho Odingidwayo Wokongiwa Kwemvelo Kanye Nokusetshenziswa Ngendlela Esimeme Kwezilwane Nezitshalo Eziphilayo eNingizimu Afrika. UMthethosivivinywa uzosetshenziswa Ngezindlela eziningi futhi uzogqamisa izivumelwano zamazwe ngamazwe iNingizimu Afrika eyingxenye yazo. 
2.3.    UMthethosivivinywa wethula izindlela ezizovumela ukuguqulwa ngokushesha komkhakha wezilwane nezitshalo eziphilayo. 

3.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Yokuhulumeni Basekhaya wezi-2024
3.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Yohulumeni Basekhaya ukuze umphakathi uzophawula. Inhlosonqangi yoMthethosivivinywa ngukubuyekeza izingxenye ezehlukahlukene zomthetho kahulumeni wasekhaya ukuze kuzokwenziwa ngcono ukubusa kanye nokusebenza ngempumeleleo ngaphakathi komasipala. Lokhu kuzokwenza ngcono ukulethwa kwezidingonqangi kanye nokuthuthukiswa kwamakhono emikhandlu. 
3.2.    UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezakhiwo Zikamasipala we-1998; uMthetho Wezindlela Zokusebenza Zikamasipala wezi-2000; kanye noMthetho Wamanani Ezakhiwo Zikamasipala wezi-2004.

4.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinhlaka Zikamasipala wezi-2024
4.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinhlaka Zikamasipala, owaziwa ngokuthi "uMthethosivivinywa Womfelandawonye”. Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuza nohlaka lomthetho olucacile oluzobonisa ukubunjwa kwemifelandawonye kuhulumeni, kanjalo nokuza nezindlela zokunciphisa izinkinga zemifelandawonye ngaphakathi ezinhlakeni zikahulumeni wasekhaya. 
4.2.    Kunesidingo sohlaka lokubonisa indlela nokuqinisa ukusebenza kwemifelandawonye ngaphakathi komasipala ukuzoqeda ubungozi bokuphazamiseka ekulethweni kwezidingonqangi.  

5.    UMthethosivivinywa Wokuqapha, Ukweseka Nezingenelelo Ngaphakathi Kuhulumeni (i-IMSI)  
5.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa we-IMSI ePhalamende ukuze ucutshungulwe. UMthethosivivinywa uzosetshenziswa njengesisombululo sezinkinga eziningi ebezikhona ngesikhathi uhulumeni ebeka isahluko se-100 nese-139 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996. 
5.2.    ISahluko se-100 sinika amandla uhulumeni ukuthi angenelele uma isifundazwe sehluleka ukuhlangabezana nezibopho zaso zokuphatha nokuletha izidingongqangi ngesikhathi lapho iSahluko se-139 sona sinika amandla iziphathimandla zesifundazwe ukuthi zingenelele uma umasipala ungafezi izibopho zawo njengokusho koMthethosisekelo noma komthetho. 
5.3.    UMthethosivivinywa we-IMSI wethulwa njengendlela yokulawula yokuxazulula izinselele zokuphoqelela iSahluko se-139 futhi uzolawula ukuqaliswa kwalesi sahluko soMthethosisekelo, kubandakanya nezinqubo ezifanele. Uzosiza omasipala abahlosiwe abadinga usizo futhi uqaphe omasipala ukuze bezokwenza umsebenzi wabo ngokwemibandela yoMthethosisekelo noma yomthetho.

E.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.
1.    Ukwelulwa kwenkontileka kaMnu. Sipho Abednego Mosai njenge-CEO ye-Rand Water. 
2.    Ukwelulwa kwenkontileka kaNks. Meme Sejosengwe njengoNobhala Jikelele eHhovisi Lejaji Elikhulu.

3.    Ukubekwa kwaMalungu oMkhandlu we-Security Industry Regulatory Authority (i-PSIRA)
3.1    Dkt. Audrey Leah Mofomme (uSihlalo);
3.2    Ummeli Simosenkosi Chamane;
3.3    Nks. Pretty Makukule; kanye 
3.4    noNks. Nothando Nana Sabela 

4.    Ukubekwa kwekomidi lokubusa lesikhashana le-Small Enterprise Finance Development Agency 
4.1     Mnu. Thembinkosi Bonakele (uSihlalo);
4.2     Nks. Phelisa Nkomo;
4.3     Nks. Nozuko Makhanda;
4.4     Mnu. Motse Mfuleni;
4.5     Nks. Phumeza Mqingwana;
4.6     Mnu. Bonolo Ramokhele;
4.7     Mnu. Avuyile Xabadiya;
4.8     Mnu. Pat Makape;
4.9     Nks. Xoli Daku;
4.10     Mnu. Luyanda Ntuane;
4.11     Mnu. Sifiso Mtsweni;
4.12     Mnu. Siyakhula Simelane; kanye 
4.13     noNks. Keabetswe Mogorosi

5.    Imicimbi Ezayo

5.1    Ingqungquthela Yezokuthutha Mayelana Nokufinyelela Emhlabeni Jikelele
5.1.1    UMnyango Wezokuthutha uzosingatha iNgqungquthela Yezokuthutha mayelana Nokufinyelela Emhlabeni Jikelele e-Gauteng yezinsuku ezimbili evikini eliqala mhla wama-29 kuMbasa 2024.
5.1.2    INgqungquthela iyingxenye yemizamo yokuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika, njengezwe isusa yonke imigoqo evimbela abantu abaphila nokukhubazeka, abantu abadala, izingane, kanye nabanye ababuthakathaka emphakathini ukuthi babe yingxenye ngokuphelele emphakathini. Izingxoxo engqungqutheleni zizobheka ukuthi iNingizimu Afrika iqinisekisa kanjani ukuthi iyafinyelela emhlabeni jikelele kwezokuthutha, ikakhulukazi, ezokuthutha zomphakathi ukuthi wonke umuntu akwazi ukufinyelela kuzona.
5.1.3    Ngesikhathi seNgqungquthela, uMnyango Wezokuthutha, izinkampani ezingaphansi kwawo, iZifundazwe kanye nomasipala bazokwethula izinhlelo zabo zokuqalisa ukufinyelela kwezokundiza, imikhumbi, imigwaqo kanye nezitimela ezithutha abantu zabantu abaphila nokukhubazeka kanye nabanye abantu ababuthakathaka. 

G.    Imiyalezo
Ukuhalalisa 
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

  • Mnu. Lesetja Kganyago ngokuphinde aqokwe ukuba nguMbusi weBhangengodla laseNingizimu Afrika. 
  • Ukubekwa futhi kukaNks. Nomfundo Tshazibana noDkt. Rashad Ismail Cassim njengamaPhini oMbusi weBhangengodla laseNingizimu Afrika. 
  • Dkt. Mampho Modise njengePhini loMbusi elisha weBhangengodla laseNingizimu Afrika.
  • I-Akustika Chambers Singers yaseNingizimu Afrika ngokuhamba phambili emncintiswaneni we-Vox Lucensis Choir Prize wezi-2024 e-Italy.
  • IKhabhinethi lihlanganyele noMongameli u-Cyril Ramaphosa ekuhalaliseleni uMongameli u-Vladimir Putin ngokuphinde aqokelwe esikhundleni sokuba uMongameli we-Russian Federation. IKhabhinethi liphinde lagcizelela ukusebenzisana phakathi kweNingizimu Afrika ne-Russian Federation ezingeni lokusebenzisana kwamazwe, kubandakanya nobulungu obufanayo beNhlangano Yobumbano Lwamazwe,  i-G20, i-BRICS kanye nezinye izinhlangano zamazwe ngamazwe. 
  • IKhabhinethi lihlanganyele noMongameli u-Cyril Ramaphosa ekuhalaliseleni uMongameli Mnu. Bassirou Diomaye Faye, ngokukhethwa kakhe njengoMengameli wase-Senegal. UMongameli ushayele ihlombe abanye ebebengenele ukhetho ngokubonisa ukuhluzeka kwengqondo ngokuthi bamukele imiphumela yokhetho. INingizimu Afrika kanye ne-Senegal banobudlelwano obusondelene kakhulu bezepolitiki, uhwebo kanye nakwezenhlalo ngenxa yomlando wobudlelwano obusuka emzabalazweni wokulwa nohulumeni wobandlululo. UMongameli u-Ramaphosa uzinikele ekuqiniseni ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Senegal ukuze kuzoba nezwekazi elingcono nelinokuthula. UMongameli u-Ramaphosa uthe: “Abantu base-Senegal balethe ukukhanya obuzoletha ithemba elisha ohambeni lokwakha kabusha i-Afrika ngokuthi bakhethe ushintsho lukahulumeni olunokuthula olungahambisani nodlame”.

H.    Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo: 
•    Abantu base-Russia kanye nohulumeni wase-Russia kulandela ukuhlaselwa kwehholo lase-Crocus e-Moscow okushiye abantu abayi-137 beshonile. 
•    Abantu kanye nohulumeni waseMelika kulandela ukuwa kwebhuloho i-Francis Scott Key Bridge e-Baltimore, e-Maryland e-USA. Kuze kube yimanje kusalahleke abantu abayisithupha.

Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Share this page

Similar categories to explore