Isitatimende Somhlangano Wekhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla ziyi-16 kuLwezi 2022

A.    Ezisematheni
1.    UHlelo Lotshalomali Lokuguqukela Kwezamandla Ezinganukubezi Imvelo (i-JET-IP) 

1.1.    I-JET-IP yaseNingizimu Afrika inconywe kakhulu emhlanganweni wehlandla lama-27 weNgqungquthela Yamaqembu eNhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-UN) Yokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-COP27) ebanjwe e-Sharm El-Sheikh, e-Egypt kusuka mhla wesi-6 kuya mhla we-18 kuLwezi 2022. 

1.2.    Lolu hlelo olukhulu olwavunywa yi-International Partners Group – eyakhiwe i-United Kingdom, i-United States, i-Germany, i-France, i-European Union kanye nabanye ababambiqhaza emphakathini – icacisa mayelana nokuguqukela kwethu kumnotho wekhabhoni ephansi. Iphinde ibe negalelo emizamweni yomhlaba yokuqinisekisa ukumelana nesimo sezulu kanye nokuthuthukiswa okusimeme kwesizukulwane samanje nesizayo.

1.3.    I-JET-IP eyaziwa njengendlela entsha yokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu, yesekelwe kwisibopho sezimali samazwe athuthukile ukuthi asize amazwe asathuthuka ukuthi agcine izethembiso zawo mayelana nokuguquguquka kwesimo sezulu. Ithola utshalomali olubekwe eqhulwini emikhakheni yezamandla ahlanzekile, izimoto ezihamba ngogesi kanye nehayidrojini ehlanzekile, ukuphemba indlela yokuguqukela ngokusimeme nakahle kwezamandla ahlanzekile. 

2.    INgqungquthela Yokuguquguquka Kwesimo Sezulu Yamaqembu  
2.1.    IKhabhinethi leseke iziphakamiso ezenziwe ku-COP27 ebibanjwe e-Sharm El-Sheikh, e-Egypt kusuka mhla wesi-6 kuya mhla we-18 kuLwezi 2022 zokuthi amazwe aqhubeke nokulandela injongo yeSivumelwano sase-Paris yokubeka umkhawulo wokukhuphuka kwamazinga okushisa omhlaba ufikelele ku-1.5 degrees Celsius.

2.2.    Ukweseka kwethu umkhawulo wezinga elingu-1.5 degree Celsius kubaluleke kakhulu eNingizimu Afrika njengezwe elise-Afrika futhi elithuthukayo elibuthakathaka kakhulu kwimiphumela yokuguquguquka kwesimo sezulu kwezemvelo, ezenhlalo kanye nakwezomnotho.  

2.3.    IKhabhinethi liphinde lavumela iqembu lase-Afrika ukuthi licele amazwe asethuthukile ukuthi agcine izethembiso zawo nokuzinikela kwawo akwenza ngaphansi koMhlangano Wokuguquguquka Kwesimo Sezulu Wohlaka lwe-UN nesiVumelwano sawo sase-Paris. Lokhu kubandakanya ukucelwa kwamazwe asethuthukile ukuthi ahambe phambili ekunciphiseni ukukhishwa kwekhabhoni kanye nokuhlinzeka amazwe asathuthuka ngezinsiza-mali ukuze azothatha izinyathelo ngesimo sezulu. 

3.    Ukulwa nenkohlakalo
3.1.    IKhabhinethi lamukele ukuboshwa kwakamuva kanye nokubanjwa kwempahla yalabo abasolwa ngokuxhumana nokuThunjwa Kwamandla Ombuso. Lokhu kungubufakazi bokuthi umsebenzi weKhomishini Yokwahlulela Ephenya Ngezinsolo Zokuthunjwa Kwamandla Ombuso, Inkohlakalo kanye nokuKhwabanisa kuMkhakha kaHulumeni kubandakanya neziNhlaka Zombuso uthela izithelo. 

3.2.    Abantu abanenkohlakalo kanye nalabo abeba ikusasa Labantwana bethu akufanele babe semphakathini wethu. Uhulumeni uzinikele ngokubhekana nabo kabuhlungu nazo zonke izenzo zenkohlakalo, ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela noma ukubandlulula. 

3.3.    IKhabhinethi linxusa izakhamuzi ukuthi zibike zonke izenzo zenkohlakalo kwabomthetho noma zishayele iNombolo Ephuthumayo Yokulwa Nenkohlakalo Kuzwelonke ethi: 0800 701 701. Labo abashaye ucingo bangakhetha ukungazidaluli ukuthi bangobani.

4.    Ukuvakashela Umbuso wase-Kenya 
4.1.    IKhabhinethi lamukele Ukuvakashela Umbuso wase-Kenya okube yimpumelelo kukaMongameli u-Cyril Ramaphosa, ngokumenywa uzakwabo wase-Kenya, u-Dkt. William Ruto.

4.2.    Lolu hambo lubandakanye iNkundla Yamabhizinisi obekugxilwe kuyona kuhwebo nakutshalomali phakathi kwe-Kenya neNingizimu Afrika. Lolu hambo luphinde lwaholela ekusayinweni kwezivumelwano zokusebenzisana kwezokuhlunyeleliswa kwezimilo, ezokuhlaliswa kwabantu, imikhiqo elalelwayo nebukwayo, kanye nokwakha ikhono loMbuso nesikhungo i-National School of Government.

4.3.    Abaholi ababili baxoxe ngezinkinga ezithinta amazwe amaningi, umnotho, isifunda kanye nezwekazi. Izwe lase-Kenya liyizwe elikhulukazi elihwebelana neNingizimu Afrika ngaphandle kwesifunda saMazwe Asathuthuka aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC), okwenza iNingizimu Afrika ibe ngumthengisi wempahla omkhulukazi ezweni lase-Kenya kuleli zwekazi. INingizimu Afrika ihambise impahla ebiza ngaphezu kwezigidigidi eziyisi-R6 e-Kenya ngonyaka wezi-2021. 

5.    Isimo sezulu esibi
5.1.    IKhabhinethi licele umphakathi ukuthi uqaphele ngezikhathi zesimo sezulu esingesihle, ikakhulukazi ukuduma kwezulu. Uhulumeni nabezeSimo Sezulu eNingizimu Afrika bazoqhubeka ngokuhlinzeka ngolwazi ngesimo sezulu esibi ngokubheka isimo samanje kanye nokuqagula.

5.2.    Abantu belulekwa ukuba bangahambi, babhukude noma bashayele emanzini ezikhukhula ageleza ngesivinini. Ungazami ukuwela endaweni enezikhukhula ngoba ungamuka uthathwe yimisinga enamandla. Qinisekisa njalo ukuthi abantwana bakho baphephile futhi bayakwazi ukuhamba ngokuphepha.  

6.    INgqungquthela  Yeqembu Labaholi Abangamashumi Amabili (i-G20) 
6.1.    UMongameli u-Ramaphosa ubambe iqhaza kwiNgqungquthela yehlandla le-17 Yabaholi be-G20 ebibanjwe e-Bali eRiphabhulikhi yase-Indonesia kusuka mhla we-15 kuya mhla we-16 kuLwezi 2022, nebihlanganise abaholi bomhlaba emzamweni owodwa wokuthola izisombululo zochungechunge lwezinselele zomhlaba. 
Izisombululo ezicutshungulwayo zibandakanya ukukhuphula izinga lokusebenzisana kwamazwe amaningi ukuze kuzovuselelwa umnotho womhlaba, ukuletha uzinzo kuhlelo-kusebenza lwezezimali lomhlaba, ukugqugquzela ukukhula okusimeme kwesikhathi eside kanye nokuqinisa ukuphathwa komnotho emhlabeni. 

6.2.    Isiqubulo sengqungquthela ebibanjwe ngaphansi kwesandla sobuMongameli be-G20 e-Indonesia besithi: “Sivuselela Sonke, Sivuselela Ngamandla”. 

6.3.    Njengengxenye yokuxoxisana nesizwe sethu, uMongameli u-Ramaphosa ubambe iqhaza kumaseshini okusebenza amayelana nezempilo, ukutholakala kokudla nezamandla wabuye wabamba imihlangano namazwe amaningana anabalingani esihwebelana nabo. 

6.4.    IKhabhinethi lamukele izingxoxo kwingqungquthela, ebezigcizelela lokho okubekwe eqhulwini kuzwelonke okungukunciphisa ububha, ukuswelakala kwemisebenzi kanye nokungalingani.

7.    Ukuthuthukiswa Kwamakhono Nokuqeqeshwa 
7.1.    IKhabhinethi lamukele ukwethulwa ngokusemthethweni kwe-4IR micro-laboratory ekolishi i-Goldfields Technical and Vocational Education and Training College e-Welkom, eFreyistata ngoLwesine, mhla we-10 kuLwezi 2022. Lokhu kufaka igalelo ekuthuthukisweni kwamakhono, ukuqamba kabusha nasekuqalweni kwamabhizinisi, njengoba izwe lizokwazi ukuza nezisombululo ezintsha, ezingcono nezisheshayo kwizinselele zethu zobubha, ukungalingani kanye nokuswelakala kwemisebenzi.

B.    Izinqumo Zekhabhinethi
1.    Imibiko yomsebenzi ekhishwa kabili ngonyaka 

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze imibiko yomsebenzi ekhishwa kabili ngonyaka yesikhathi somhla lu-1 kuMbasa 2022 kuya mhla wama-30 kuMandulo 2022. Ukwengeza ekufakweni komsebenzi oqhubekayo okwenzeka kabili ngonyaka, imibiko ibuye ihlinzeke ngokubuyekezwa kwesikhathi esiphakathi kwalokho okubekwe eqhulwini kuHlaka Lweqhingasu Lwesikhathi Esimaphakathi sangowezi-2019-2024. 

1.2.    Imibiko ihlanganiswe ngokwamaqoqo amahlanu okuyilawa (i) Ubulungiswa, Ukunqandwa Kobugebengu kanye Nezokuvikeleka; (ii) Imikhakha Yezomnotho, Utshalomali, Ezokuqashwa Kwabasebenzi kanye Nokuthuthukiswa Kwengqalasizinda; (iii) Ukuvikelwa Komphakathi, Ukuthuthukiswa Komphakathi Nabantu; (iv) Ukubusa, Ikhono Lombuso kanye Nokuthuthukiswa Kwezikhungo, kanye (v) noKusebenzisana Kwamazwe Ngamazwe, Ukuhweba Nokuvikeleka. 

1.3.    Imibiko ihlaziya izinkomba zalokho okuyisikhombisa okwabekwa nguhulumeni eqhulwini kusetshenziswa imininingwane eqoqwe kwimibiko yeminyango, izibalo ezivela kwabeZezibalo eNingizimu Afrika kanye nemibiko yezifundiswa. Lolu lwazi lube selucwaningwa ngokuhambisana noHlelo Lukazwelonke Lwentuthuko: Umbono wezi-2030. 

1.4.    IKhabhinethi lincome inqubekelaphambili enhle ebikiwe kwezinye izingxenye ebonise umsebenzi obe muhle ngokwedlulele. Nomakunjalo, idlulise ukukhathazeka ngenqubekelaphambili etotobayo ebonakale kweminye imibiko. IKhabhinethi ligunyaze izingenelelo ezihlongoziwe ukuthi ziqaliswe ukusebenza ukuze kuzosetshenzwa masinyane kulezo zingxenye ezibonise ukuhamba kancane kwinqubekelaphambili. 

1.5.    UMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola maduze-nje uzoba nezingxoxo nabezindaba ukucacisa ngale mibiko. 

2.    Izinyathelo zenqubomgomo zokubeka imikhawulo ekuhwebeni imfucuza yensimbi ukuze kuzoncishiswa ukonakala kwengqalasizinda yomphakathi kanye nomnotho

2.1    IKhabhinethi licabangisise futhi lagunyaza iqoqo lezinyathelo zokubhekana nomonakalo wengqalasizinda yomphakathi kanye nomnotho ngokubeka umkhawulo ekuhwebeni imfucuza yensimbi kanye nensimbi engaqedwanga ukuphekwa. 

2.2    Lokhu kulandela ukufakwa kusomqulu mhla wesi-5 kuNcwaba 2022 “kweZiphakamiso Zenqubomgomo Ehlongozwayo mayelana Nezinyathelo Zokubeka Umkhawulo Nokulawula Ukuhweba Izinsimbi, Izinsalela Zensimbi kanye Nemikhiqizo Yensimbi Engaqedwanga Ukunciphisa Umonakalo Kwingqalasizinda Nakumnotho” ukuze umphakathi uzophawula ngawo, nguNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni kanye Nokuncintisana; kanye nokucabanga ngemibono ejulile ebuya emphakathini. 

2.3    Imininingwane yezinyathelo ezizoqaliswa ukusebenza izofakwa ukuze izoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni ngoNgqongqoshe abafanele kanye nesitatimende sabezindaba esiqukethe imininingwane yezinyathelo izokhishwa yi-GCIS ngokushesha emva kokuphothulwa kwenqubo yezomthetho. 

2.4    INingizimu Afrika nayo izoxoxisana ne-SADC, iNhlangano Yobumbano Yamazwe ase-Afrika kanye neNyunyana Yabathengi Yamazwe Aseningizimu ye-Afrika ukuqinisekisa indlela elawulekayo yokulwa nalobu bugebengu ngokubambisana njengesifunda. 

C.    Umcimbi  Ozayo
1.    Ingqungquthela Yokuthuthukiswa Okusimeme Kwengqalasizinda eNingizimu Afrika (i-SIDSSA)

1.1.    EzeNgqalasizinda eNingizimu Afrika, ngokubambisana ne-GIZ, okuyi-ejensi yezokuthuthukisa yase-Germany, bazosingatha i-SIDSSA yesithathu e-Cape Town Century City kusuka mhla wama-28 kuya mhla wama-30 kuLwezi 2022. Ingqungquthela yakulo nyaka izogxila kwihayidrojini ehlanzekile njengomkhakha obalulekile wokukhula komnotho kwiqhingasu lotshalomali lezwe.

1.2.    Le ngqungquthela izohlanganisa abathathizinqumo, izikhungo zezezimali, izifundiswa kanye neziphathimandla zamazwe ngamazwe. Lo mcimbi uzonika izwe ithuba lokubonisa ezinye zezikhungo ezibiza kakhulu nezibiza kancane eziseqophelweni eliphezulu zokukhiqiza ihayidrojini ehlanzekile.

1.3.    Ukudingeka kwemikhiqizo yehayidrojini ehlanzekile efana ne-ammonia kanye nophethiloli wezindiza kuyakhula kakhulu. UMnyango Wezesayensi Nokuqamba Kabusha (i-DSI) eNingizimu Afrika ubulokhu wenza ucwaningo ngehayidrojini ehlanzekile ngokugxila ezintweni zokuhamba ezinganukubezi imvelo kanye nokusetshenziswa kwezinsimbi zeplathinamu. 

1.4.    IKhabhinethi ligunyaze umhlamhlandlela obizwa nge-Hydrogen Society Roadmap ekuqaleni kwalo nyaka. Lo mhlahlandlela ungelinye lamaqhinga kahulumeni kanye nendlela yenqubomgomo ehlose ukuhlanganisa ababambiqhaza abehlukene kuhulumeni nabazimele kanye nezikhungo ngokombono owodwa wokuthi ihayidrojini kanye nobuchwepheshe obuhambisana nehayidrojini busetshenziswa kanjani, njengengxenye yokuthuthukiswa komnotho wezwe kanye nezinjongo zemvelo ehlanzekile.

1.5.    ENingizimu Afrika, ihayidrojini isetshenziswa kakhulu kwimikhakha yamakhemikhali kanye nehluza uwoyela, kodwa okwamanje ikhiqizwa ngemithombo engavuseleleki efana nelahle kanye negesi yemvelo.

D.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1.    Nks. Phindile Baleni njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) eHhovisi likaMongameli kanye noNobhala weKhabhinethi (Inkontileka yelulwe ngeminyaka emihlanu). 
2.    Dkt. Philemon Mphathi Mjwara njengo-DG wase-DSI (Inkontileka yelulwe ngonyaka owodwa). 

3.    IKhabhinethi livumelene noNgqongqoshe we-DTIC ngokuqashwa kwalaba abalandelayo
  4.  IBhodi le-South African Bureau of Standards: 
a.    Dkt. Sandile Bethuel Malinga (uSihlalo);
b.    Mnu. Tumisang Tsehlo; 
c.    Dkt. Rudzani Nemutudi 
d.    Nks. Deidré Penfold
e.    Dkt. Nandipha Madiba
f.    Nks. Gloria Mnguni
g.    Dkt. Ron Josias
h.    Dkt. Mukondeleli Grace Kanakana-Katumba

5.     IBhodi yeNkantolo Yezinkampani  
a.     IJaji u-Dennis Davis (uSihlalo) 
b.     Nks. Minah Tong-Mongalo (iPhini likaSihlalo)
c.     Nks. Daiane Terblanche 
d.    Nks. Hlaleleni Kathleen Dlepu  
e.     Slz. Clement Marumoagae
f.      Mnu. Joshua Sesha Kadish
g.     Mnu. Richard Bradstreet.
h.     Mnu. Fulufhedzani Shane Mudzunga
i.      Nks. Nomagcisa Cawe
j.      Mnu. Brian Jennings
k.     Dkt. Alli Chicktay 

6. Dkt.  Mashilo Boloka: I-CEO yesikhashana yeBhodi Yazamafilimu Nezokushicilela.  
    Uqokelwe kwiBhodi lamalungu ayisithupha e-International Association of Internet Hotline (i-INHOPE).  I-INHOPE yinhlangano yomhlaba eyasungulwa ngowe-1996 e-Netherland ukuze izovikela Abantwana Ezintweni Ezichicilelwe Ezibahlukumeza Ngokocansi.

Imibuzo:
Nks. Phumla Williams – uSomlomo weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore