Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla zi-2 kuLwezi 2022

A.    Ezisematheni

1.    Ingqungquthela kaMongameli mayelana noDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)

1.1.    IKhabhinethi lamukele ukusingathwa kweNgqungquthela yesibili kaMongameli ye-GBVF e-Gallagher Estate e-Midrand, e-Gauteng mhla lu-1 nomhla zi-2 kuLwezi 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Ukuziphendulela, Ukusheshisa kanye Nokukhulisa, NJENGAMANJE!" 
1.2.    Ingqungquthela ibheke inqubekelaphambili esiyenziwe ekuqalisweni kwezimemezelo ezethulwa ngesikhathi seNgqungquthela kaMongameli yowezi-2018, eyayiqinisekisa ukuzinikela kwezwe ohlelweni lokubhekana ne-GBVF oluhlangene, olucacile futhi olusebenzayo.
1.3.    Ababambiqhaza kule ngqungquthela yezinsuku ezimbili baziphendulela ngomsebenzi osuwenziwe ekuqaliseni ukusebenza koHlelo Lwamasu Lukazwelonke (i-NSP) oluqondene ne-GBVF, oluhlose ukuhlinzeka ngenqubomgomo yeqhingasu emikhakha-miningi, ehlangene kanye nohlaka lokuhlela ukuqinisa indlela kazwelonke edidiyelwe yokubhekana nenkinga ye-GBVF kuhulumeni nasezweni lonkana. 
1.4.    Ingqungquthela bekuyinkundla ekahle yokuxoxisana kabanzi nangeqiniso ngempumelelo nangezinselele ezikhona ekulweni ne-GBVF. Iphinde yabonisa isidingo sesinyathelo esisodwa nokuthi impumelelo ebonakalayo ingazuzwa kanjani uma kuhlinzekwe ngezinsizakusebenza ezanele futhi zaphathwa ngendlela eqondile.
1.5.    Izivumelwano okufinyelelwe kuzona engqungqutheleni zibonise ukubaluleka kokubambisana phakathi kukahulumeni nomphakathi, amabhizinisi, ozakwabo kwezokuthuthukisa, umkhakha wezenkolo kanye neminye imikhakha ukuze babambisane ekulweni nesihlava se-GBVF. 
1.6.    Ezinye izingenelelo zivumelane ngokubandakanywa kwesidingo sokwabiwa koxhasomali olwanele ku-NSP ye-GBVF, ukuze kuzoqaliswa ukusebenza kwezindlela zokuphatha ezilandelayo ukuqinisekisa ukuziphendulela, kanye nokuqinisa izinhlaka zokuziphendulela kuzwelonke, esifundazweni nakohulumeni basekhaya. 
1.7.    IKhabhinethi likuphindile ukuthi zonke izenzo zodlame nokuhlukumeza ngeke zibekezelelwe emphakathini wakithi. Imiphakathi iyanxuswa ukuthi ilwisane ngqo nalesi sihlava se-GBVF ngokubika izigilamkhuba kwabezomthetho. Umkhakha ngamunye emphakathini wakithi kufanele udlale indima yawo ngokwenza izimo ezenza kube nzima kakhulu, noma kungenzeki nhlobo, ukuthi i-GBVF ikhule.

2.    Ezokuphepha Nokuvikeleka  

2.1.    IKhabhinethi liqinisekise umphakathi ukuthi uPhiko Lukazwelonke Lwezokusebenza Ngokuhlanganyela Nezobunhloli (i-NATJOINTS) — olwakhiwe iminyango kahulumeni eyahlukene eholwa i-Ejensi Yezokuvikelela Kombuso, uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika kanye noMbutho Kazwelonke Wezokuvikela eNingizimu Afrika — inekhono lobunhloli lokubhekana nezinsongo ezibhekiswe kwezokuvikeleka kuzwelonke, kubandakanya nobuphekula.
2.2.    Ngokusebenza kwe-NATJOINTS, ukuvikeleka kwezwe kuhlolisiswa njalo nje kubhekwe izinsongo ezingaba khona kwezokuvikeleka kwezwe. Njengengxenye yezivumelwano zokusebenzisana namanye ama-ejensi ezobunhloli akwamanye amazwe, iNingizimu Afrika nayo iyazuza ekwabelananeni ngolwazi lobunhloli oluyilona oluzoqinisekisa ukuphepha kwesizwe.  
2.3.    IKhabhinethi licela umphakathi ukuthi uhlale uqaphile futhi ubike kwabomthetho izenzo ezisolisayo nezingekho emthethweni. Ungathuli nje; uma ubona okuthile, yisho okuthile — sisonke singagcina isizwe siphephile.

3.    ISitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esiphakathi (i-MTBPS) sowezi-2022

3.1.    IKhabhinethi lamukele imizamo eqatha eyethulwe kwi-2022 MTBPS ukubuyisela ukuqina kwezimali zikahulumeni, njengoba umnotho womhlaba ubheke esimweni esiyingozi kakhulu. 
3.2.    Izinyathelo ezamenyezelwa uNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana ePhalamende, eKapa ngoLwesithathu, mhla wama-26 kuMfumfu 2022, zabandakanya ukunciphisa kakhulu ukuntuleka kwesabelomali ukuze kuzothuthukiswa uhlaka lwethu lwezezimali, kwesekwe isimo sethu sezomnotho kanye nokunika abantu baseNingizimu Afrika iqholo kumathemba esikhathi esizayo somnotho wethu.
3.3.    Ukwenyuka okuhleliwe kwezinqolobane eziphuthumayo kuzosivumela ukuthi sibhekane nezimo eziphuthumayo ezifana nenhlekelele edalwa imvelo. I-2022 MTBPS iphinde ikhuthaze lokho esikubeke eqhulwini kwingqalasizinda kanye nezinhlelo zokulethwa kwezidingonqangi, futhi ihlinzeka usizo olwengeziwe lokweseka abahlwempu nababuthakathaka esizweni sakithi. 
3.4.    IKhabhinethi licela yonke imikhakha yezenhlalo-mnotho ukuthi isebenzisane nohulumeni ukuthuthukisa umnotho wethu ukuze kuzokwenziwa ngcono izimpilo zezakhamuzi kulolonke izwe.

4.    Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Spain

4.1.    IKhabhinethi liwamukele umphumela Wokuvakasha Okusemthethweni eNingizimu Afrika kukaNgqongqoshe Wombuso wase-Spain u-Pedro Sánchez Pérez-Castejón ukuzoqinisa amaxhama phakathi kwala mazwe amabili. UNgqongqoshe ubephelezelwa uNgqongqoshe Wase-Spain Wezezimboni, Ezohwebo kanye Nezokuvakasha, uNks Reyes Maroto, kanye nezithunywa zezamabhizinisi.
4.2.    Lolu hambo luvule amathuba emikhakheni eyehlukene yaseNingizimu Afrika ukuthi ihlangane nozakwabo base-Spain kanye nokuqinisa amaxhama kwezohwebo nakutshalomali, isayensi nokuqamba kabusha, ubuciko namasiko, ezemidlalo nezemfundo.  Lolu hambo lukhuthaze utshalomali lwakuleli lizwe kanye nogqozi lokukhula komnotho.

5.    Izingxoxo zokuletha ukuthula e-Tigray ese-Ethiopia

5.1.    INingizimu Afrika ngaphansi kweso leNhlangano Yamazwe ase-Afrika, isingathe izingxoxo ezisemthethweni zokuthula phakathi kwezinhlangothi ezilwayo kudweshu olusesifundeni sase-Tigray e-Ethiopia, kusuka mhla wama-25 kuya mhla wama-30 kuMfumfu 2022. 
5.2.    Izingxoxo beziholwa nguMongameli waphambilini wase-Nigeria u-Olusegun Obasanjo, uMongameli waphambilini wase-Kenya u-Uhuru Kenyatta kanye nePhini likaMongameli laphambilini uPhumzile Mlambo-Ngcuka.
5.3.    IKhabhinethi lidlulise ukweseka kwayo isisombululo sodweshu esinokuthula nesisimeme, ngokuhambisana nezinjongo zenqubomgomo yamazwe angaphandle yaseNingizimu Afrika zokuba nezwekazi eliphephile nelingenadweshu.  

B.    Izinqumo zeKhabhinethi
1.    UHlaka Lweqhingasu Lukazwelonke Oludidiyelwe Lokuthuthukisa Amabhizinisi Amancane (i-NISED) 


1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kokusebenza koHlaka Lweqhingasu lwe-NISED. IQhingasu Elididiyelwe Lokugqugquzela Ukuvulwa Kwamabhizinisi Nokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-ISPESE) lokuqala lwamukelwa ngowezi-2005. I-ISPESE ne-NISED elandelayo ziphumelelisa uMthetho Odingidwayo wangowe-1995 woHlaka Lweqhingasu Lukazwelonke Lokuthuthukisa Nokugqugquzela Amabhizinisi Amancane eNingizimu Afrika.
1.2.    UHlaka Lweqhingasu lwe-NISED luhlinzeka ngeqhingasu elididiyelwe ukuqinisa nokweseka ukuvulwa kwamabhizinisi amancane naphakathi. Luhlinzeka ngohlaka lokuxhumanisa bonke ababambiqhaza abahamba phambili ekuthuthukisweni kwamabhizinisi amancane kuya kwaphakathi.   
1.3.    NgoMbasa kulo nyaka, iKhabhinethi lagunyaza ukushicilelwa kohlaka lweqhingasu olusahlongozwa lwe-NISED ukuze umphakathi uzophawula ngalo. Ngokuxoxisana kabanzi, leli qhingasu lathuthukiswa kakhulu yimibono yomphakathi kanye neyoMkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi, okungumkhandlu ohlanganise amabhizinisi, umphakathi, ezabasebenzi, izifundiswa kanye nohulumeni ohlose ukubhekana nezinkinga zomnotho, ezabasebenzi nezentuthuko kanye nezinye izinselele ezihlobene nalokhu ezibhekene naleli lizwe.
2.    INqubomgomo Esahlongozwa Ngezinsizakalo Zokuthuthukiswa Kwezenhlalo Yabantu Abaphila Nokukhubazeka
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kweNqubomgomo esahlongozwa Ngezinsizakalo Zokuthuthukiswa Kwezenhlalo Yabantu Abaphila Nokukhubazeka ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Le nqubomgomo iphumelelisa uMthetho Osadingidwa Wamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka kanye neSivumelwano seZizwe Ezibumbene (i-UN) samaLungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka (i-UNCPRD).
2.2.    INqubomgomo ingumhlahlandlela woMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ekuhlinzekeni ngezinsizakalo zawo kubantu abaphila nokukhubazeka kanye nemindeni yabo.
2.3.    Icacisa imingcele yesimondawo kanye nemigoqo eqhubekayo nokubeka eceleni nokushiya ngaphandle abantu abaphila nokukhubazeka emphakathini owejwayelekile, nasekubambeni iqhaza ezintweni zomphakathi nezomnotho. Ihlongoza izindlela zokuqapha ezizoqinisekisa ukulandelela eduze kokuqaliswa kokusebenza kwayo kanye nezingenelelo ezihlangene ngaphakathi eminyangweni efanele.
2.4.    INingizimu Afrika yasayina i-UNCPRD kanye noSomqulu wase-Afrika Wamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka e-Afrika. 

3.    UMhlangano Wethimba Likahulumeni Elibhekele Ukuguquka Kwesimo Sezulu (i-IPCC)

3.1.    IHhovisi le-IPCC lizoqalisa umhlangano wehlandla lesikhombisa lokuhlolisisa ngoNhlangulana wezi-2023. I-IPCC – ehlanganiswe ithimba lamalungu ohulumeni ayi-195 ngaphansi kwe-UN — umsebenzi wayo ngukuhlolisisa ulwazi olukhona lwesayensi, elobuchwepheshe nelenhlalo-mnotho, ukuze izokweluleka abathathizinqumo mayelana nezimbangela, imithelela kanye nezindlela zokubhekana nokuguquka kwesimo sezulu.
3.2.    Ngesikhathi somhlangano wayo ngowezi-2023, i-IPCC kulindeleke ukuthi ikhethe usihlalo omusha wehlandla lesikhombisa lokuhlolwa. IKhabhinethi ligunyaze ukuqokwa kuka-Slz Debra Roberts waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali kulesi sikhundla.
3.3.    USlz Roberts usehole imisebenzi eminingi ye-IPCC e-Afrika. Njengamanje uyilungu leHhovisi le-IPCC. Uma ekhethiwe uzoba ngowesifazane wokuqala nomuntu wokuqala ngqa e-Afrika ukuthi abe ngusihlalo wale nhlangano.  Ukukhethwa kwakhe kuzothumela umyalezo omuhle kakhulu ngomsebenzi omuhle owenziwa ngososayensi besifazane abavela e-Afrika. 

C.    Imicimbi Ezayo
1.     UMkhankaso Wezinsuku eziyi-16  Zokulwisana ne-GBVF Wezi-2022 


1.1.    INingizimu Afrika izohlanganyela nomhlaba wonke ekubeni yingxenye yomkhankaso waminyaka yonke weZinsuku eziyi-16 Zokulwisana ne-GBV, ozoqala mhla wama-25 kuLwezi, uSuku Lomhlaba Lokuqedwa Kodlame Olubhekiswe Kwabesifazane, uzoqhubeka kuze kube mhla we-10 kuZibandlela, okunguSuku Lwamalungelo Abantu.
1.2.    IKhabhinethi ligunyaze umqondo kanye nesiqubulo sakulo nyaka esithi "Amalungelo eNhlalo-Mnotho Nokuhlonyiswa Kwabesifazane Ukubhekana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane: Ukuhlangana, Ukubambisana, Ukuvumelana".
1.3.    Ngesikhathi seZinsuku eziyi-16 Zokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nabantwana kulo nyaka, iNingizimu Afrika izogxila emisebenzini yokuqwashisa ngokuqaliswa kokusebenza kwe-NSP emayelana ne-GBVF. Lolu hlelo luhlose ukuhlinzeka ngenqubomgomo emikhakha-miningi, ehlangene kanye nohlaka lohlelo ukuqinisa indlela edidiyelwe kazwelonke yokubhekana nenkinga ye-GBVF kuhulumeni nasezweni lonkana.  

2.    INyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka (i-DRAM) kanye noSuku Lukazwelonke Lwabantu Abaphila Nokukhubazeka 

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze umqondo kanye nesiqubulo se-DRAM yowezi-2022 kanye noSuku Lukazwelonke Lwabantu Abaphila Nokukhubazeka, okuzobungazwa kusuka mhla zi-3 kuLwezi kuya mhla zi-3 kuZibandlela. Isiqubulo sithi: "Ukuhlomisa Abantu Abaphila Nokukhubazeka ngesimondawo esinezinsiza, esisimeme nesiphephile". 
2.2.    Lesi siqubulo sigcizelela ukususa imigoqo ekhona ethinta abantu abaphila nokukhubazeka. Lokhu kubandakanya ukuqinisekisa isimondawo esinezinsiza, esisimeme nesiphephile kubantu abaphila nokukhubazeka, kanye nokwazi nokwamukela ukuthi akusikho konke ukukhubazeka ongakubona ngamehlo enyama.
2.3.    Imigubho yenyanga yonke izoqwashisa futhi ibonise inqubekelaphambili esiyenziwe izwe ekuqinisekiseni ukuvikeleka kwamalungelo abantu abaphila nokukhubazeka, njengoba kubhaliwe kuMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wangowe-1996. Imigubho izophinde igqamise isidingo sokubhekana nezinselele abantu abaphila nokukhubazeka ababhekana nazo emsebenzini nasemphakathini.

D.    Imiyalezo
1.    Ukuhalalisela


IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle: 

Isikole i-Edendale Technical Secondary School esiKwaZulu-Natali ngokuhlabana emncintiswaneni we-CAF African School Football Championship.
2.    Amazwi Enduduzo 
     IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka: 

  • Mnu Jeremy Mansfield (obeneminyaka engama-59), umakadebona kwezikamabonakude nasemsakazweni obenekusasa eliqhakazile emsebenzini wakhe, futhi wathola nemiklomelo nokutuswa okuningi.
  • Nks Nelisiwe Magubane (obeneminyaka engama-56), uMqondisi-Jikelele waphambilini womnyango owawubizwa ngoMnyango Wezamandla (manje osekunguMnyango Wezimbiwa Nezamandla). Ubengungoti Ohlonishwayo embonini yezamandla.

E.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

a.    UJenene Omkhulu uSiphosihle Thumy Nkosi – iPhini Lomphathi Kuzwelonke: UPhiko Lokuphenywa Kwamacala Abekwe Phambili (i-DPCI).  
b.    UBhrigadiya Nicholaas Jacobus Gerber – iPhini Lomphathi Kwisifundazwe: i-DPCI eMpumalanga. 
c.    UBhrigadiya Gopaul Govender – iPhini Lomphathi Kwisifundazwe: i-DPCI e-Limpopo.  
d.    UBrigadiya Stephen Molefi Mabuela – iPhini Lomphathi Kwisifundazwe: i-DPCI eNyakatho Kapa. 

IBhodi le-Ejensi Yokuthuthukisa Kuzwelonke: 
a.    Nks Tanya T Smith;
b.    INkosi Livhuwani Matsila;
c.    Nks Nozabelo Ruth Bhengu;
d.    Nks Happy Ralinala;
e.    Dkt Olwethu Sipuka;
f.    Mnu Thembinkosi Matthews Josopu;
g.    Nks Sibongile Mncwabe (uMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa);
h.    Mnu Mojalefa Mohoto (uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane);
i.    Nks Rosemary Puleng Lukwago-Mugerwa (uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda);
j.    Nks Nomthandazo Lichie Moyo (uMnyango Wezolimo, Izinguquko Zomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya); kanye 
k.    noMnu Pieter Pretorius (uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana).

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uSomlomo Wekhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore