Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe mhla ziyi-18 kuMfumfu 2023

A.    Ezisematheni 
1.    Imiphumela kazwelonke yoKubalwa Kwabantu kwangowezi-2022 eNingizimu Afrika 


1.1.    IKhabhinethi income iNhlangano Yezezibalo eNingizimu Afrika eholwa nguSozibalo-Jikelele, uMnu. Risenga Maluleke ngokuqhuba ukubalwa kwabantu kokuqala ngobuchwepheshe bedijithali eNingizimu Afrika okuhambisana nezindlela ezinconywe  yi-UN. 
1.2.    Ihlandla lesine lokubalwa kwabantu namakhaya eNingizimu Afrika yangemva kobandlululo lixoxa indaba egculisayo yezwe ebelilokhu lithuthuka eminyakeni engama-29 edlule. 
1.3.    Kulabo ababephila ngaphansi kobandlululo futhi abakhumbula umthelela walo, imiphumela yoKubalwa Kwabantu kwangowezi-2022 ikhombisa ukuvuka kweNingizimu Afrika ebandakanya wonke umuntu ngokubonakala kwezimpawu ezicacile zokulungisa ukungalingani kwesikhathi sethu esidlule kanye nempilo engcono yeningi uma kuziwa ngasekutholweni kwezinsizakalo. Imiphumela yoKubalwa Kwabantu kwangowezi-2022 iphinde ikhombise ngokuphelele ukuthi intuthuko yeNingizimu Afrika ayizenzekelanga-nje, kodwa kungokusebenzisa uhlelo lokusebenza lwezinhlelo zentuthuko kusukela ngowe-1994. Ngakho-ke iKhabhinethi ikhuthazwa yinqubekelaphambili emikhakheni eyahlukahlukene. 
1.4.    Imiphumela yoKubalwa Kwabantu ngowezi-2022 ibonisa ukuthi ukwethulwa kohlelo lwezikole ezingakhokhisi imali, izinhlelo Zokuthuthukiswa Kwezingane Ezincane kanye nezinhlelo zokondleka kwezingane ezikoleni kube nomthelela omuhle ekubhalisweni kwabafundi abaningi nasekutholeni imiphumela engcono yohlelo lwezemfundo, ikakhulukazi ukufunda nokubhala nemiphumela yezikole zamabanga aphezulu.
1.5.    Ezinye izinkomba ezibalulekile zibandakanya izinzuzo ezibalulekile ezikhonjisiwe ekulethweni kwezidingonqangi ezifana nokutholakala kwamanzi ahlanzekile, ugesi, ukuthuthwa kwendle kanye nokuthuthwa kwemfucumfucu: 
(a)     Ngakho-ke, ngowezi-2022, amakhaya angamaphesenti angama-82.4 athola amanzi ngamapayipi ngaphakathi kwezindlu zawo noma ngaphakathi kwegceke labo. 
(b)     Abantu abasebenzisa izindlu zangasese ezishaywayo banyuke bafinyelela kuma-70.8% ngowezi-2022.
(c)     Amakhaya athola ugesi wokukhanyisa anyuke asuka kuma-58.1% ngowe-1996 aya kuma-94.7% ngowezi-2022. 
(d)     Ukubalwa Kwabantu ngowezi-2022 kuphinde kwaveza ukucishe ukuphindeka kabili kwenani lamakhaya lisuka cishe ezigidini eziyi-9.1 ngowe-1996 liya ezigidini eziyi-17.8 ngowezi-2022, kanye nokwenyuka kwenani labantu abahlala ezindaweni ezihlelekile (kusuka kuma-65.1% ngowe-1996 kuya kuma-88.5% ngowezi-2022). Nakuba le nqubekelaphambili inika ithemba, kodwa iphinde ibe nomthelela omkhulu ekulethweni kwezidingonqangi kanye namandla engqalasizinda yokuhlinzeka ngezidingonqangi.  
1.6.    Uhulumeni ucwaningisisa imininingwane yobuthakathaka ebikwe yimiphumela yoKubalwa Kwabantu ngowezi-2022 futhi uzohlonza izingenelelo ezidingekayo ezivela kuhulumeni. 
1.7.    IKhabhinethi ikwamukele ukuqinisekiswa kwezibalo ngenxa yemiphumela yoKubalwa Kwabantu ngowezi-2022 kanye nemizamo eyenziwe kusukela ngowe-1994 ukwenza iNingizimu Afrika ibe yindawo engcono yawo wonke umuntu, ngesikhathi sivuma isidingo sokubhekana nezinselele ezisasele. 
 
2.    Ingxabano phakathi kwe-Israel ne-Palestine  

2.1.    Kusukela ngesonto eledlule, izinkulungwane zabantu bakwa-Israel nabase-Palestine babulewe, kwalimala abaningi. Kuningi ukwephulwa komthetho wamazwe ngamazwe okwenzekile, nhlangothi zonke, futhi iKhabhinethi icela kube khona ukuphendula kanye nobulungiswa ekubhekaneni nawo wonke lawo macala. IKhabhinethi ikugxekile ukuhlasela kobugwala kwe-Hamas okubulale kwaphinde kwalimaza abantu abangenacala. Ngokufanayo, iKhabhinethi igxeke isenzo sikaHulumeni wakwa-Israel sokusebenzisa ithuba elibi lobugwala be-Hamas ukuqhubeka nokubulala abantu base-Palestine. Ukuqhumisa ngebhomu kuka-Israyeli isibhedlela i-Ahli Arab Baptist okubulale abantu abangaphezu kwama-500 futhi kwalimaza abangaphezu kwe-1 000 empeleni kuwubugebengu bempi njengoba izibhedlela zithathwa njengendawo ephephile ngaphansi koMthetho Wezobuntu Wamazwe Ngamazwe. IKhabhinethi icela iNkantolo Yamazwe Ngamazwe ukuthi iphenye ngokuqhunyiswa kwamabhomu kanye nobugebengu bokuqothulwa kohlanga kule ngxabano kanye nomhlaba wonke ukuba ingakuvumeli ukuqothulwa kwesizwe ngaphansi kweso layo. Ukuqothulwa kwesizwe samaJuda kuyisihlava emlandweni wesintu, nokuthi umhlaba wonke ugoqe izandla ngesikhathi uhulumeni wakwa-Israel uqothula izwe lase-Palestine.
2.2.    IKhabhinethi ikholelwa ukuthi umhlaba wonke  kufanele ukhathazeke ngokuthola isixazululo esingunomphela sokuvikeleka kwabantu bakwa-Israel nase-Palestine ngokulandela isivumelwano sesiSombululo sala Mazwe Amabili esasungulwa emingceleni yangowe-1947.
2.3.    IKhabhinethi inxusa uhulumeni wakwa-Israel ukuthi ayeke ukuqhumisa ngamabhomu izikhungo ezihlala umphakathi njengezibhedlela, izikole nemizi kanye nokuvulwa kwezindlela zokuletha usizo kubantu ukuze kuvunyelwe ukudluliswa kosizo okuhlanganisa ukudla nezinsiza zokwelapha e-Gaza Strip. 
2.4.    IKhabhinethi iyakugxeka ukuqhunyiswa ngamabhomu kwesibhedlela i-Ahli Arab Baptist nguhulumeni wakwa-Israel e-Gaza futhi lokhu kungukwephulwa ngendlela exakile koMthetho Wezobuntu Wamazwe Ngamazwe, futhi icela iNkantolo Yamazwe Ngamazwe Yamacala Obugebengu (i-ICC) ukuba ibhekane nalo kwephulwa komthetho ngokuphazima kweso. Ukwehluleka ukuthatha izinyathelo ezinqala kwe-ICC kanye neNhlangano Yezizwe Ezihlangene kuzobonisa ukufadalala kohlelo-kusebenza lwamazwe amaningi olusekelwe emithethweni. 

3.    Ukuvakasha Kombuso wase-Netherlands 

3.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa usingathe uBukhosi boMbuso wase-Netherlands iNkosi u-Willem-Alexander kanye neNdlovukazi u-Máxima kuHambo Lombuso kusukela mhla ziyi-18 kuya zingama-20 kuMfumfu 2023. 
3.2.    Izwe lase-Netherlands lingumtshali-zimali omkhulu emnothweni waseNingizimu Afrika futhi lingelinye lamadlelandawonye abalulekile aseNingizimu Afrika kwezohwebo. Inani eliphelele lezohwebo  lwaphindeka kabili phakathi kowezi-2019 nowezi-2022 ngesikhathi lufinyelela kwizigidigidi ezingama-R122. I-Netherlands futhi iyindawo yesine ngobukhulu yezivakashi zaphesheya kwezilwandle ezivakashela iNingizimu Afrika.
3.3.    Lawa mazwe amabili kulindeleke ukuthi andise ukusebenzisana kwawo okukhona ngokusayina Isivumelwano Sokusebenzisana Emikhakheni Yemfundo Ephakeme, Yezobuchwepheshe Neyemisebenzi Yezandla. 

4.    Ugesi 

4.1.    IKhabhinethi yazisiwe ngokuSebenza Kwezinhlelo Zokuphehla Ugesi kwa-Eskom esikhathini esiphela mhla ziyi-16 kuMfumfu 2023. Ngakho-ke, amandla ka-Eskom okuphehla ugesi njengamanje alinganiselwa ku-28.615 MW uma kuqhathaniswa nayizi-27.410MW ngoNhlaba wezi-2023. 
4.2.    IKhabhinethi yazisiwe futhi ngokuncipha kokucishwa kukagesi ngenxa yokuphuka kweziphehlimandla kwafinyelela esilinganisweni esiyizi-13.743 MW uma kuqhathaniswa neziyizi-17.369 MW ngoNhlaba wezi-2023. Lokhu kungumphumela omkhulu wokunakekelwa kahle kweziphehlimandla.  
4.3.    IKhabhinethi ikwamukele ukwengezwa komunye ugesi ongama-800MW kwisizinda sikagesi ngokubuyiswa kokusebenza kweYunithi 1 eKusile ngaphambi kwesikhathi esasibekiwe. Umthamo owengeziwe uzosiza ukunciphisa amazinga aphezulu okucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.

5.    INgqungquthela yeHayidrojini Enganukubezi Imvelo 

5.1.    IKhabhinethi ikwamukele ukusingathwa kweNgqungquthela yesibili yeHayidrojini Enganukubezi Imvelo yaseNingizimu Afrika eKapa ngesonto eledlule. Ihayidrojini enganukubezi imvelo inamandla okwengeza amandla okukhiqiza ugesi ovuselelekayo kanye nokweseka ukuthuthukiswa kukagesi ovuselelekayo kuleli lizwe.
5.2.    Ngale kweNgqungquthela, iNingizimu Afrika iphothule uHlaka Lwezivumelwano ngenhloso yokwethula iSikhwama se-SA-H2 esizosiza ukuthuthukiswa komkhakha wakuleli wehayidrojini enganukubezi imvelo. Inhloso ngukuheha uxhaso-mali oluyisigidigidi esi-$1. Kulinganiselwa ukuthi umnotho wehayidrojini unamandla okwengeza amaphesenti angu-3.6 ku-GDP yethu ngowezi-2050 kanye nemisebenzi elinganiselwa kwizi-370 000.

6.    Izithembiso Zotshalo-mali 

6.1.    IKhabhinethi yamukele utshalomali lwezigidi eziyi-R100 olwenziwe ngabahlinzeki bezingxenye zikagesi i-ACTOM ekunwetshweni kwesikhungo sayo ePitoli. Lokhu kwakha amakhono endawo ekukhiqizeni imishini kagesi, njengoba imakethe yamandla avuselelekayo ikhula. Lolu tshalomali luzodala amathuba emisebenzi nezisombululo zamandla kagesi avuselelekayo.
6.2.    Ngaphezu kwalokho, iKhabhinethi ikwamukele ukuqaliswa kotshalo-mali lwezigidi ezingama-R284 lwe-Moove oluzosiza osomabhizinisi abancane emkhakheni wezokuthutha. I-Moove isithenge izimoto ezingaphezu kwezi-2 000 ezizosetshenziswa ngosomabhizinisi emkhakheni wezokuthutha.

7.    Ubugebengu Nenkohlakalo 

7.1    IKhabhinethi ituse umkhankaso wangaphakathi wesikhungo wokuthungatha nokushaqwa kwempahla obuholwa ngabakwa-SARS mhla ziyi-12 kuMfumfu 2023, ngokusebenza ngokubambisana nezobunhloli, nezikhungo zomthetho. Le mikhankaso isizile ukuvimbela ukulahleka kwemali engenayo efinyelela ngaphezu kwezigidi ezingama-R500 kanye nabantu abayishumi nane ababehlosiwe ngesikhathi salo mkhankaso. 

8.    Umkhumbi u-Lady R 

8.1.    IKhabhinethi iyakwamukela ukuthi uMeluleki Wezokuvikeleka Kuzwelonke wase-US, u-Jake Sullivan wamukele ukuzimisela kukaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngendlela aphathe ngayo udaba lomkhumbi u-Lady R, kanye nokuqinisekisa kabusha ubudlelwano obuqinile phakathi kwalawa mazwe amabili.  

9.    Umkhuhlane wezinkukhu 

9.1.    IKhabhinethi yatshelwa mayelana nezinyathelo zokunqanda ukusabalala kanye nomthelela womkhuhlane wezinkukhu owaziwa nangokuthi yi-“avian flu” noma i-“bird flu”, osewuthinte kakhulu umnotho kanye nomkhakha wezinkukhu. 
9.2.    UNgqongqoshe Wezolimo, Ukubuyiswa Komhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya uThoko Didiza, uhlangane nabathengisi kanye neNhlangano Yezinkukhu eNingizimu Afrika ukuze kuxoxwe ngezisombululo ezingase zibe khona esikhathini esifushane nangesikhathi esimaphakathi ukuze kwandiswe ukutholakala kwamaqanda nezinkukhu.  
9.3.    IKhabhinethi ikuphawulile ukuthi iningi labakhiqizi bezinkukhu namaqanda abazimele abazange bahlaselwe wumkhuhlane weZinkukhu.

10.    Usuku lwezemidlalo lapho iNingizimu Afrika izobhekana neNgilandi  

10.1.    NgoMgqibelo, mhla zingama-21 kuMfumfu 2023, amaqembu amabili esizwe amakhulu eNingizimu Afrika azodlala neNgilandi emidlalweni yawo eyahlukene yeNdebe Yomhlaba.
10.2.    IKhabhinethi imema isizwe ukuthi siseke amaqembu ethu esizwe emidlalweni yawo neNgilandi emqhudelwaneni weNdebe Yomhlaba Yekhilikithi e-India kanye neNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo e-France.
10.3.    Amaqembu ethu esizwe ayaqhubeka nokusikhumbuza ukuthi singobani eNingizimu Afrika futhi ayisibonakaliso esihle kakhulu sobunye bethu njengesizwe esinobuzwe obubodwa – ukuba nje ngumuntu waseNingizimu Afrika. 
10.4.    Njengoba ama-Proteas namaBhokobhoko engena ezinkundleni zemidlalo, kungumsebenzi wethu njengesizwe ukwenza ukuthi bawuzwe lo moya nomuzwa wesizwe esinamandla esibesekayo. 

11.    Usuku Lukazwelonke Lwenkululeko Yabezindaba ekugubheni Iminyaka engama-46 kaLwesithathu Omnyama  

12.1    Umhla ziyi-19 kuMfumfu ekhalendeni likazwelonke laseNingizimu Afrika uyisikhumbuzo sokubaluleka komkhakha wabezindaba okhululekile nozimele. Ngalolu suku ngonyaka we-1977, uhulumeni woBandlululo wavala amaphephandaba amabili, i-The World ne-The Weekend World ngenhloso yokuvala imilomo yabezindaba ukuthi bangabiki ngezenzo zonya zombuso. Baphinde babopha uMhleli wePhephandaba i-The World u-Percy Qoboza nezinye izintatheli ezasebenzisa inkundla yabezindaba ukudalula unya lohulumeni wobandlululo.
12.2    Izingqalabutho zombuso wethu wentando yeningi labantu zagcizelela ukuthi kube nenkululeko yabezindaba njengomgomo oyisisekelo wentando yeningi labantu yethu futhi igxile kuMthethosisekelo wethu. Kuze kube namuhla, abezindaba abakhululekile badlala indima ebaluleke kakhulu ekwakheni umkhakha womphakathi ohlinzeka ngolwazi oluvulelekile futhi olubandakanya wonke umuntu. 

(e)     Izinqumo zeKhabhinethi – iKhabhinethi ekhethekile yangomhla wesi-4 kuMfumfu 2023
1.    Umbiko Wezwe wangowezi-2023 Wezinjongo Zentuthuko Esimeme (ama-SDG)


1.1    IKhabhinethi iwamukele Umbiko Wezwe Wezinjongo Zentuthuko Esimeme eNingizimu Afrika wangowezi-2023, kanye nokukhishwa kwawo ekupheleni kukaMandulo ngowezi-2023.
1.2    IKhabhinethi iqinisekise Umnyango Wezezibalo eNingizimu Afrika njengesikhungo esizimele sezezibalo nokunguwona mthombo wezezibalo osemthethweni kuleli lizwe.

2.    Isikhungo saseNingizimu Afrika Sezemidlalo Ezingenazidakamizwa: Ukungathobeli Umthetho Womhlaba Ophikisana Nokusebenzisa Izikhuthazi 

2.1    IKhabhinethi icubungule yaphinde yagunyaza ukufakwa kwezichibiyelo kuMthetho Wokuchibiyela Wesikhungo saseNingizimu Afrika Sezemidlalo Ezingenazidakamizwa, wama-25 wezi-2006 ukuze kuqinisekiswe ukuhambisana nokuthotshelwa koMthetho we-WADA.
(f)    Izinqumo zeKhabhinethi – mhla we-18 kuMfumfu 2023
1.    Uhlaka Lokusebenza lwe-Financial Action Task Force (i-FATF) 


1.1    IKhabhinethi iyiphawulile inqubekelaphambili ekuxazululeni izinkinga ezahlonzwa zabuye zenza ukuthi izwe libekwe ngaphansi kweso le-FATF, inqubekelaphambili ngokulinganisa kabusha okungenani amaphutha ayi-14 okuthobela imithetho kanye nenqubekelaphambili enhle ezinyathelweni eziyi-17 kwezingama-22 eziqhathaniswa noHlelo Lokusebenza lokuqala.
1.2    IKhabhinethi igunyaze uHlaka Lokusebenza Olubuyekeziwe Lwezijeziso Zezezimali Ezihlosiwe ukuze zibophezele ukuziphatha kwazo zonke izinhlaka ezithintekayo ohlelweni lokuqoka abantu ngabanye kanye nezinhlangano ngokwesigaba sama-23 esichitshiyelwe soMthetho Wokuchibiyela Wokuvikelwa Komthethosisekelo Wentando Yeningi Labantu Olwisana Nobuphekula Nemisebenzi Ehlobene Nayo (i-POCDARATA).
2.    IQhingasu Lokuhweba iHayidrojini Enganukubezi Imvelo (i-GHCS)
2.1.    IKhabhinethi igunyaze i-GHCS yaseNingizimu Afrika ukuthi iqaliswe. I-GHCS izoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iba ngumkhiqizi omkhulu futhi iyona ethumela kwamanye amazwe ihayidrojini enganukubezi imvelo. 
2.2.    Uhulumeni usehlonze uxhasomali olungase lube khona lwemiklamo yehayidrojini enganukubezi imvelo kanti noHlaka loMthetho osahlongozwa luthole impendulo ebanzi evela kubabambiqhaza.  
2.3.    I-GHCS iqalisa ukusebenza kweQhingasu leHayidrijini eNingizimu Afrika elagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2007 ukuze lilungiselele izwe umnotho wehayidrojini. Iphinde yakhiwa ngaphakathi kweNkombandlela Yomkhakha Wehayidrojini eyasungulwa nguMnyango Wezesayensi Nokusungulwa Kwezinto Ezintsha futhi yagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2021. 

3.    Ukugunyazwa Kwenqubo Yokuchibiyela Isivumelwano Ngamacala Kanye Nezinye Izenzo Ezenziwe Endizeni 

3.1.    IKhabhinethi igunyaze ukugunyazwa kwenqubo esime ngomumo yokulwa nokuziphatha okungalawuleki nokuphazamisayo kwabanye abagibeli ezindizeni. 
3.2.    INqubo Yokuchibiyela iSivumelwano Ngamacala Kanye Nezinye Izenzo Ezenziwa Phakathi Ezindizeni kwavunyelwana ngaso e-Montréal, e-Canada ngomhla wesi-4 kuMbasa 2014 futhi saqala ukusebenza ngomhla lu-1 kuMasingana 2020.

4.    Ukusingatha ngokubambisana iNgqungquthela Yesithathu Yenhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika Yabesilisa Emayelana Nobudoda Obuqotho Kubuholi Obuzoqeda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane Namantombazane 

4.1    IKhabhinethi ivume ukusingatha ngokubambisana iNgqungquthela Yesithathu Yenhlangano Yabesilisa Yenhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika Emayelana Nobudoda Obuqotho Kubuholi Obuzoqeda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane Namantombazane neRiphabhulikhi yase-Comoros. 
4.2    Ingqungquthela izoba kusukela mhla zingama-27 kuya mhla zingama-28 kuLwezi 2023 eGoli ngaphansi kwesiqubulo esithi 
“Ukwenza Izivumelwano zokuhlanganisa ukuzibophezela kwezepolitiki kwesifunda ku-EVAWG e-Afrika”.

5.    Ukuguqukela Kwezamandla Anganukubezi Imvelo 

5.1.    IKhabhinethi iyibonile inqubekelaphambili ekuthuthukisweni kokuqaliswa koHlelo Lotshalomali Lokuguqukela Kwezamandla Anganukubezi Imvelo (i-JET IP).
5.2.    IKhabhinethi iphinde yamukela uBukhosi base-Netherlands kanye noBukhosi base-Denmark njengamalungu eQembu Lamazwe Ngazwe (i-IPG) le-JET IP futhi iyazemukela izithembiso ze-JET IP ezintsha ezenziwa yilawa mazwe kanye nelase-Canada, i-Spain ne-Switzerland ngowezi-2023.
5.3.    IKhabhinethi isalokhu ikhathazekile ngokungazibophezeli kwamazwe athuthukile ekuxhaseni ngezimali okuphusile ngokusebenzisa izibonelelo zoHlelo Lokuguqukela Kwezamandla Anganukubezi Imvelo futhi iphinde yagcizelela ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ohlelweni lokuguqukela kwezamandla anganukubezi imvelo okuhambisana nezidingo zayo zezamandla.

(g)     Abaqashiwe  
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanele.
1.    Nks. Irene Mashudu Tendani njengeSikhulu Esiphezulu Sezezimali eMnyangweni Wezohwebo, Izimboni kanye Nokuncintisana.
2.    Nks. Shireen Said njengePhini likaMqondisi-Jikelele: Ukuthuthukiswa KoMthethosisekelo eMnyangweni Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo. 
3.    Mnu. Lucky Charles Mohalaba njengo-DDG: Ukuphathwa Kwezinkantolo eMnyangweni Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo. 
4.    Mnu. Siza Dennis Sibande njengeSikhulu Esiphezulu: Ibhizinisi Lokuphathwa Kwezakhiwo loMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda.
5.    Nks. Luyanda Kafile njengo-DDG: iHhovisi Lokuphathwa Kwezinhlelo kanye Nemiklamo Ekhethekile eMnyangweni Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda.  

6.    Ukuqokwa kwamalungu eBhodi Yemikhiqizo Yezinto Eziphilayo yase-Onderstepoort 

6.1.    Slz. Peace Mabeta;
6.2.    Dkt. Natalie Skeepers 
6.3.    Mnu. Mokutule Kgobokoe;
6.4.    Nks. Sinovuyo Matai;
6.5.    Mnu. Rajesh Mahabeer;
6.6.    Dkt. Len Konar; kanye
6.7.    noDkt. Linda Makuleni – Tompson

7.    Ukuqokwa Kwebhodi Labaphathiswa be-Independent Development Trust 

7.1.    Mnu. Kwazikwenkosi Innocent Mshengu
7.2.    Nks. Lindelwa Nonjabulo Dlamini

(h)     Imicimbi Ezayo 

1.    Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi 

1.1.    IKhabhinethi ikhuthaze abantu baseNingizimu Afrika ukuthi balalele iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi sowezi-2023 (i-MTBPS) mhla lu-1 kuLwezi 2023.
1.2.    I-MTBPS ichaza kabanzi ngokulungiswa kwesabelomali sikazwelonke futhi iyingxenye ebalulekile yenqubo yesabelomali saseNingizimu Afrika esivulelekile nesiphendulayo. 

2.    IMbizo kaMongameli yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda 

2.1.    IMbizo kaMengameli yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda ezayo kuMasipala wase-JB Marks, ngaphansi kukaMasipala Wesifunda sase-Dr Kenneth Kaunda eNyakatho Ntshonalanga mhla zingama-20 kuMfumfu 2023, izovumela uhulumeni ukuthi azizwele mathupha izinselelo imiphakathi ebhekene nazo. 

3.    Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka 

3.1.    IKhabhinethi igunyaze indlela yokusingatha umgubho walo nyaka weNyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka, egujwa minyaka yonke kusukela mhla zi-3 kuLwezi kuya mhla zi-3 kuZibandlela. Ingqikithi yowezi-2023 ithi: “Ukuhlanganisa Nokusheshisa Amalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka Sibheke Kwikusasa”. 
3.2.    Lo mkhankaso ugxile ekuqwashiseni ngabantu abaphila nokukhubazeka emphakathini wakithi, futhi ubungaza inqubekelaphambili esiyenziwe izwe ukunikeza indawo yokubamba iqhaza kwabantu abaphila nokukhubazeka emkhankasweni wethu wokukhulisa umnotho. UNgqongqoshe Wabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka eHhovisi likaMongameli maduze uzokwethula izinhlelo zenyanga yokuqwashisa. 

4.    Usuku Lomhlaba Lokudla lwangowezi-2023 eNingizimu Afrika 

4.1.    Usuku Lomhlaba Lokudla lwangowezi-2023 eNingizimu Afrika luzoba mhla zingama-26 kuMfumfu 2023 KwaZulu-Natali, esiFundeni i-King Cetshwayo kuMasipala Wendawo waseMhlathuze. Usuku Lomhlaba Lokudla lugxile ezimweni zethu zokutholakala kokudla, kanye nezinyathelo zokubhekana nobumpofu. Imiphumela yoKubalwa Kwabantu ngowezi-2022 iveze ukuthi nakuba amakhaya aseNingizimu Afrika ebamba iqhaza ekukhiqizweni kwezolimo ukuze bezozidlela, bambalwa kakhulu ababamba iqhaza ekukhiqizweni kokudla okuzoya ezimakethe. Lona ngumsebenzi uhulumeni azozibophezela kuwo njengengxenye yokuthuthukisa umkhakha wethu wezolimo odlondlobalayo ukuze kuzovulwa uxhaxha lwezimakethe okubandakanya nokukhiqizwa kweminye imikhiqizo yezolimo ekuphishekeleni kwethu ukuthi kutholakale ukudla kuzwelonke futhi kudaleke namathuba emisebenzi. 

5.    IForamu Yomthetho Wokukhula Komnotho Namathuba e-Afrika (i-AGOA) 

5.1.    INingizimu Afrika izosingatha iForamu ye-AGOA yama-20 eGoli, eNingizimu Afrika kusukela mhla wesi-2 kuya mhla wesi-4 kuLwezi 2023. 
5.2.    I-AGOA iwuhlelo olulodwa lokuhweba oluthandwayo oluhlinzeka amazwe afanelekayo ase-Sub-Saharan Africa ithuba lokufinyelela ezimakethe zaseMelika ngaphandle kokukhokhiswa intela, nangaphandle kokukalelwa inani lempahla. IForamu izophinde ibe nombukiso obizwa nge-'Made in Africa Exhibition' ozokhombisa ngemikhiqizo ekhiqizwe esifundeni ezwenikazini.
5.3.    Kulindeleke ukuthi izithunywa ezingamakhulu ayisikhombisa (700) zithamele iForamu, ehlanganisa oNgqongqoshe Bezohwebo base-Afrika eseningizimu ye-Sahara abangama-35 okuhlanganisa neNingizimu Afrika, oMele Ezohwebo eMelika, ithimba le-US Congress, Amaqembu Ezifunda Zamazwe ase-Afrika, izinhlangano zomphakathi kanye nabamele umkhakha wezamabhizinisi. 

6.    Izivivinyo zikaMatikuletsheni (i-NSC) 

6.1.    Izivivinyo zeSitifiketi Sikazwelonke Sikamatikuletsheni zizoqala mhla zingama-30 kuMfumfu 2023. IKhabhinethi idlulisa izilokotho ezinhle kuBafundi bangowezi-2023 kanye nabo bonke abanye abafundi abazobe bebhala izivivinyo zabo zokugcina. IKhabhinethi inxusa abazali nabanakekeli babantwana ukuthi beseke abafundi ngalesi sikhathi esinzima sohambo lwabo lwezemfundo. 

7.    INgqungquthela Yomhlaba Yesi-7 Yenqubomgomo Yotshwala 

7.1.    INingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela Yomhlaba Yesi-7 Yenqubomgomo Yotshwala eKapa kusukela mhla zingama-24 kuya mhla zingama-26 kuMfumfu 2023. Le ngqungquthela izogqamisa isidingo sezinyathelo ezisheshayo kuwo womabili amazinga kazwelonke nawomhlaba ukubhekana nokulimala okudalwa utshwala ngokugqugquzela izinqubomgomo ezisekelwe kwisayensi. 

Imilayezo 
1.    Ukuhalalisa 


1.1    Ompetha bomhlaba amaBhokobhoko ngokudlulela  kuma-Semi Finals eNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo yowezi-2023 e-France, kanye nokugcina liphila iphupho lokuba ngompetha bomhlaba siphindelela. #Sinamandla Uma Sisonke 
1.2    Ama-Proteas, ngokushaya i-Australia  kumzuliswano wesibili womdlalo we-robin ku-ICC World Cup 2023, e-India. 
1.3    Owahlabana ngendondo i-Grammy Award, u-Black Coffee ngokuba u-DJ wokuqala waseNingizimu Afrika nomdidiyeli ukudlala embukisweni okuthengwe wonke amathikithi e-Madison Square Garden e-New York mhla ziyisi-7 kuMfumfu 2023.
1.4    UNks. Mary Vilakazi , owaba ngowesifazane wokuqala ukuqokwa njenge-CEO ye-FirstRand. Waqala umsebenzi wakhe enkampanini yamabhuku ezimali i-PwC, lapho ayengomunye wabalingani abancane befemu ngowezi-2005. Usebenze ezikhundleni eziningi zokuphatha kanye nezingezona ezesigungu esiphezulu, futhi waba yi-Chief Operating Officer e-FirstRand, ngaphambi kokukhushulelwa esikhundleni sokuba yi-CEO.
1.5    IKhabhinethi ihalalisele abantu baseNingizimu Afrika abangene ohlwini olubili lomhlaba oluyi-100 oluhlonishwayo lwe-Most Influential People of African Descent Class of 2023; I-Health & Wellness Edition ne-100 Under 40 Edition. I-MIPAD igqamisa abantu, izinhlangano kanye nohulumeni abazigqamisile ekuthuthukisweni kwabantu bomdabu wase-Afrika emhlabeni jikelele. Abantu baseNingizimu Afrika abahlonishiwe ku-Under 40 Edition uKhosi Twala – Owaphuma phambili ku-Big Brother Africa Titans, noNwabisa Matyumza, we-Director Africa, ku-MultiChoice. Ngaphansi kwe-100 Health Care Edition, abahlonishiwe baseNingizimu Afrika kwakunguDkt. Joe Phaahla , uNgqongqoshe Wezempilo, u-Geetha Tharmaratnam, oyi-Chief Impact Investment Officer, e-WHO Foundation, kanye noKuseni Dlamini, uSihlalo, e-Aspen Pharma Group.
1.6    UNgqongqoshe Wezobulungiswa Nezokuhlunyeleliswa Kwezimilo u-Ronald Lamola ekukhethweni kwakhe njengePhini Likamongameli we-Asian African Legal Consultative Organisation ngesikhathi somhlangano waminyaka yonke wama-61 e-Indonesia.
1.7    UMnu. Stavros Nicolaou Oyisikhulu Esiphezulu e-Aspen Pharmacare Group ngokuklonyeliswa nge-Greece's Public Service Award 2023 njengengxenye Yemiklomelo Ye-Argo yaleli lizwe. Ama-Argo Awards anikezwa abantu base-Greece abavelele phesheya abaphumelele emikhakheni eyahlukene. 
1.8    Iqembu laseNingizimu Afrika le-Special Olympics eliphinde lahlonishwa nguMengameli u-Cyril Ramaphosa mhla wesi-3 kuMfumfu 2023 ngokwenza ezibukwayo kulo nyaka eMidlalweni Yomhlaba yama-Special Olympics eJalimane ngoNhlangulana wezi-2023. Iqembu likazwelonke labuya nezindondo ezingama-49 ezingama-22 zazo zaziyigolide, ezingama-20 ziyisiliva neziyisi-7 zethusi. 

2.    Amazwi Enduduzo 

IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 
2.1    UMama u-Lydia Komape , usonyunyana osewathatha umhlalaphansi futhi owayeyilungu lePhalamende likaZwelonke kusukela ngowe-1994 kuya kowezi-2009 kanye nesiShayamthetho sesiFundazwe sase-Limpopo kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2019. Wayezinikele ekuthuthukiseni amalungelo abasebenzi, ukuhlomisa abesifazane basezindaweni zasemakhaya kanye nenkululeko yabantu bakithi.
2.2    Owayengumdlali wesizwe webhola lombhoxo kanye nomqeqeshi we-Junior Springbok u-Eric Sauls, owayengumqeqeshi weqembu laseNingizimu Afrika elanqoba isicoco somhlaba sokuqala se-U21 ngowe-1999.  
2.3    USolwazi Hoosen ‘Jerry’ Coovadia, usosayensi owayehamba phambili emkhankasweni wokwenza ukuthi imishanguzo yokudambisa igciwane lesandulela-ngculazi nengculazi itholakale ezigulini ezinesandulela-ngculazi nengculazi ngeminyaka yowe-1990 nangale kwalokho. Ingqophamlando yohlelo lwakhe lokucwaninga olubalulekile ekudluliselweni kwe-HIV isuka kumama iya enganeni kanye ne-AIDS kanye nokugqugquzelwa kwezinhlobo ezintsha zokwelapha kwasiza ukusindisa izigidi zabantu. 
2.4    Amalungu e-SANDF ashone kabuhlungu ezigamekweni ezimbili ezehlukene. Kushone amasosha ayisithupha kulandela umlilo ofinyelele esikhungweni samasosha e-SA Army Combat Training Centre enkanjini yamasosha i-Lohatla, eNyakatho Kapa. Ngaphezu kwalokho, amalungu amane e-8 South Africa Infantry Battalion ashone esendleleni eya e-Lohatla engozini yemoto.  
2.5    Umbutho Wamaphoyisa waseBukhosini baseSwatini kanye nomndeni kaKhomishana ongasekho u-William Dlamini owashona esendleleni eya eSwatini esuka e-Angola lapho ayehambele khona iNgqungquthela YesiFunda Ye-Interpol yama-26.
2.6    Uhulumeni kanye nabantu base-Afghanistan kulandela ukuzamazama komhlaba okwadala umonakalo omkhulu owaholela ekushoneni kwezinkulungwane zabantu. 
2.7    Uhulumeni kanye nabantu base-Finland ngokudlula emhlabeni kowayenguMongameli u-Attissahri. UMongameli u-Attisahri kanye noMongameli Ramaphosa bahola uhlelo lokuthula lwase-Ireland ngeminyaka yama-90.
 
Imibuzo : Nks. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Share this page

Similar categories to explore