A. Ezisematheni
1. INgqungquthela yeQembu Lamazwe Angamashumi Amabili (i-G20)
1.1. INingizimu Afrika iqalise ngokusemthethweni isihlalo soBumongameli be-G20 mhla lu-1 kuZibandlela 2024, nokuyenze yaba izwe lokuqala ngqa ezwenikazini i-Afrika ukuhola leforamu esezingeni eliphezulu. Isiqubulo seNingizimu Afrika se-G20 sithi “Ubumbano, Ukulingana, Ukusimama”.
1.2. Ukusingatha i-G20 kunika izwe lakithi ithuba eliyingqayizivele lokubeka iNingizimu Afrika ezingeni lomhlaba lokuqhuba Ukukhula Komnotho Obandakanya wonke umuntu, Amathuba Emisebenzi kanye Nokunciphisa Ukungalingani ngendlela esimeme.
1.3. Silindele ukufukuleka komnotho emikhakheni efana neyezokuvakasha nokuphathwa kwezivakashi, njengoba ababambiqhaza, abasebenzi babo kanye nemindeni yabo bezokwethamela imihlangano engaphezu kwe-130 ngaphambi kweNgqungquthela Yabaholi.
1.4. Zonke izifundazwe zizohlomula ngokusingatha imihlangano yoNgqongqoshe noma Amathimba. Ngokuhamba ezinyathelweni ze-Brazil, iNingizimu Afrika izosingatha i-G20 Social ezobandakanya umphakathi ngokubanzi futhi yethule iqembu elisha lezingxoxo i-Township20 (TS20) elizogqamisa amakhono, amasiko, ezezimali kanye namakhono okuqamba kabusha eminothweni yasemalokishini aseNingizimu Afrika. Eminye imininingwane nge-G20 Social kanye ne-TS20 izokhishwa maduze nje.
1.5. Imihlangano yamaqembu yokuqala yaManxusa, amaPhini Ezezimali Namabhange Amakhulu izobanjwa kusuka mhla wesi-9 kuya mhla we-10 kuZibandlela 2024 kanye nomhla we-11 kuya mhla we-12 kuZibandlela 2024 e-Gauteng. Ngeminye imininingwane nge-G20 eNingizimu Afrika – ngena ku: www.G20.org
1.6. IKhabhinethi limema abaxhasi ukuthi bazosebenzisana nohulumeni ngokuxhasa i-G20 eNingizimu Afrika. Labo abanentshisekelo bayacelwa ukuba bathumele izicelo zabo ku: g20sponsorship@dirco.gov.za ungakadluli umhla wama-31 kuNdasa 2025.
2. Ezomnotho
2.1. Ucwaningo Lwekota Lwabasebenzi – iKota 3 yezi-2024
2.1.1. IKhabhinethi lamukele ukuhamba kahle kwezibalo zabasebenzi kuleli lizwe, okubonisa ukuthi inani labantu abasebenzayo lenyuke ngezi-294 000 laya kwizigidi eziyi-16.9 ekoteni yesithathu yezi-2024, kwabe sekuthi inani labantu abangasebenzi lehla laya kuma-32.1% lisuka kuma-33.5% ekoteni yesibili. Inani labasebenzi elenyuke kakhulu libonakale eMpumalanga Kapa (83 000), eNtshonalanga Kapa (75 000), eNyakatho Ntshonalanga (69 000) naseMpumalanga (49 000).
2.1.2. Okubaluleke kakhulu, inani eliphelele lentsha engasebenzi (eneminyaka yobudala eyi-15 kuya kuma-34) lehle ngezi-171 000 laya kwizigidi ezi-4.8 ngesikhathi intsha esebenzayo yona ibonise ukwenyuka ngenani eliyizi-66 000 laya kwizigidi ezi-5,8. Ngokufanayo, inani labesifazane abasebenzayo lenyuke ngezi-97 000 laya kwizigidi ezi-7,5.
2.1.3. Ukwenyuka kwenani labantu abasebenzayo kungumphumela wemizamo ehlangene nezingenelelo eziqale ngesikhathi uHulumeni Wehlandla Lesithupha eqalisa UHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho (i-ERRP) neseziqalisa ukuthela izithelo.
2.2. Isamba somkhiqizo wezwe (i-GDP) yeKota yesithathu sehlile maphakathi kokuQagulwa Okuhle Komnotho
2.2.1. IKhabhinethi likuqaphelile ukwehla kwe-GDP ngo-0.3% ekoteni yesithathu ngowezi-2024, nokube nokwehla okukhulu kuka-28.8% okubonakale embonini yezolimo, amahlathi nokudoba, nokungabonisa umphumela wesomiso njengoba abeZibalo eNingizimu Afrika bebike ukuthi lokhu kwehla kudalwa ukuncipha kwemisebenzi yomnotho ezitshalweni ezilinywayo.
2.2.2. Ngale kokwehla kwe-GDP ekoteni yesithathu, iKhabhinethi lamukele ukuqagulwa okuhle kwezomnotho okwenziwe yi-International Monetary Fund (i-IMF) kanye ne-ejensi i-Standard & Poor's (i-S&P) njengoba umphumela wezinguquko ezididiyelwe ezilethwe yi-Operation Vulindlela ziqala ukuthela izithelo.
2.2.3. I-S&P iphinde yabuyekeza isikolodo sakwa-Eskom ngokwesilinganiso samanani akuleli nakwamanye amazwe yabe seyiyisusa ezingeni elizinzile yayibeka ezingeni elihle kakhulu, nokubonisa inqubekelaphambili esiyenziwe nguhulumeni ekuqiniseni isimo sezimali nokusebenza kuka-Eskom ngenza yomsebenzi owenziwa yiKomidi Likazwelonke Elibhekene Nezinkinga Zikagesi, iBhodi lakwa-Eskom kanye nethimba Labaphathi.
2.2.4. IKhabhinethi liphinde lemukela isinqumo seBhangengodla laseNingizimu Afrika sokwehlisa inzalo ngamanye amaphuzu angama-25 kusuka ku-8% kuya ku-7.75%. Inzalo ephansi izoqhubeka nokwehlisa umthwalo kubathengi abasezikolodini kuphinde kwehlise izindleko eziphezulu zokuphila ngesikhathi kugqugquzela amabhizinisi ukuthi akhule ukuze ezokwandisa imisebenzi yomnotho.
2.3. Utshalomali
2.3.1. IKhabhinethi lamukela isimemezelo se-Saudi Arabia sokuthi izotshala izigidigidi eziyi-R9.5 ukuze kwakhiwe isikhungo esincibikalisa iplathinamu nesihlunga insimbi esifundeni sase-Waterberg eLimpopo.
2.3.2. Lolu tshalomali olusha lubonisa ukwethemba izwe lakithi kakhulu futhi lwakhela phezu kwesigaba sokuqala zomkhankaso wotshalomali ngaphansi kukaHulumeni Wehlandla Lesithupha lapho esabona khona izwe lakithi luthola utshalomali olwedlula ngama-26% kulolo olwalulinganisiwe lwaze lwafinyelela ku-R1.51 trillion kwizithembiso zotshalomali. INingizimu Afrika izibekele ukuthi izofinyelela ku-R2 trillion kutshalomali olusha kweminye iminyaka emihlanu phakathi kowezi-2023 nowezi-2028.
2.4. I-South African Airways (i-SAA)
2.4.1. IKhabhinethi lincome ukusebenza kahle kwe-SAA, nokugqamise inqubekelaphambili ebonakalayo kwezezindiza eholela ekuzinzeni kwezezimali. Okokuqala ngqa kusukela ngowezi-2012, i-SAA yenze inzuzo yezigidi ezingama-R252 kunyakamali wezi-2022/23 nemali eyenziwe izinkampani isuke kwizigidigidi ezi-R2 yenyuka yaya kwizigidigidi ezi-R5.7.
2.4.2. Ngokumangalisayo, i-SAA yenze inqophamlando ngesikhathi isebenza ngamabhanoyi ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili kuphela abendizela ezindaweni eziyisishiyagalolunye ekuqaleni konyakamali wezi-2022/23. Le nkampani yamabhanoyi isiphindaphinde kabili inani lawo lamabhanoyi, yethula imizila exhuma kwamanye amazwekazi, yaphinde yandisa ukuxhumana kwayo nezindawo eziyi-16.
3. Ukungenelela Okwenziwe Ngezifo Ezibangelwa Ukudla
3.1. Selokhu uMongameli u-Cyril Ramaphosa amemezela mhla ziyi-15 kuLwezi 2024 ngezingenelelo ezithathiwe ngezifo ezibangelwa ukudla, cishe izitolo eziyiziphaza eziyizi-200 000 sezivakashelwe nokuthe izitolo eziyiziphaza, amasuphamakethe nama-warehouses ezingaphezu kwe-1 000 sezivaliwe. Sekushaqwe inqwaba yezimpahla kwaphinde kwakhishwa nenhlawulo eningi ngokwephulwa kwemithetho yomasipala. Kuzocutshungulisiswa abakhiqizi bokudla nesibulalinambuzane i-Terbufos ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi imithetho yokulawula iyalandelwa.
3.2. ISigungu Sikazwelonke Zokusebenza Ngokubambisana Nobunhloli siyaqhubeka nokuhlela inhlela uhulumeni aphendula ngayo kulesi simo.
3.3. Iminyango okungeyokuThuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, Izimboni Nokuncintisana ziphothulwa izinhlelo zoXhasomali Lwamabhizinisi Amancane Naphakathi (oluyizigidi ezingama-R500) okuzosizwa ngalo amabhizinisi asemalokishini nasezindaweni zasemakhaya aqhutshwa ngabantu baseNingizimu Afrika uma befaneleka ngokwemigomo nemibandela.
3.4. IKhabhinethi likhumbuza zonke iziphaza nezindawo ezithengisa ukudla ukuthi kufanele zibhalise komasipala babo ezinsukwini ezingama-21 kusukela mhla we-15 kuLwezi 2024 futhi zihambisane nezinqubo zezempilo ezidingekayo ngoba uma kungenjalo zizovalwa.
3.5. IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlale bevule amehlo uma bethenga izinto ezidliwayo, ikakhulukazi bangathengi izinto esezidlulelwe yisikhathi. Makube yijoka lethu ukuthi sifundise abantwana bethu ngokuphepha kokudla, kanye nokubafundisa ukuthi bazibhekele ngokwabo amalebuli. Abadayisi nabakhiqizi bokudla nabo bayanxuswa ukuba bathobele izindlela zokuhlanzeka, okufaka phakathi indlela ekahle yokugcina ukudla, ukuphekisisa ukudla nokugcina izindawo lapho kuphekelwa khona zihlanzekile.
3.6. IKhabhinethi licela noma ngabe ubani obona ukudla osekuphelelwe yisikhathi kudayiswa emphakathini ukuthi abike ngalokhu kuKhomishini Yabathengi Kazwelonke ku: 012 065 1940.
4. Ukuphepha Nokuvikeleka
4.1. Izibalo zobugebengu nokuqhubeka nokulwa nobugebengu.
4.1.1. IKhabhinethi lamukele ukukhiswa kwezibalo zobugebengu zekota yesibili, ezibonise ukuthi imizamo yama-ejensi ezomthetho yokulwa nobugebengu isiqala ukuthela izithelo njengoba izibalo zokubulawa kwabantu nobugbengu zehla.
4.1.2. Izinga lokubulawa kwabantu eNingizimu Afrika lehle ngo-5.8%, kwathi amacala ezocansi ehla ngo-2.5%, amacala okuphanga wona ehla ngo-8.8%. Amacala okudlwengula ehle ngo-3.1% kwathi ukuphanga ezindaweni zokuhlala abantu nakwezinye kwehla ngo-1.3% nango-21.1%.
4.1.3. IKhabhinethi liphinde lamukela ukuboshwa koneminyaka engama-39 ubudala ongowase-Mexico ngokudayisa phinde akhiqie izidakamizwa kanjalo nokwephula uMthetho Wezokufuduka Kwabantu, wezi-2002 (Umthetho we-13 wezi-2002) emva kokuthi umkhankaso omikhakhaminingi oholwa ngamaphoyisa uvundulule indawo lapho kukhiqizwa khona izidakamizwa e-Rietfontein, e-Johannesburg, ezingabiza inani eliyizigidi eziyi-R100. Ngaphezu kwalokhu, uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika, emkhankasweni wawo oholwa ezobunhloli, lushaqe isiqukathi esithwele i-cocaine engabiza izigidi ezilinganiselwa kwezingama-R86.5 eziphuma e-Brazil nezingene eChwebeni laseThekwini.
4.1.4. Ukwengeza kulokhu, abasolwa ngokuqhumisa ama-ATM abayisihlanu babulewe ngesikhathi betholana phezulu bedubulana namaphoyisa eMalahleni, eMpumalanga. Abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni emva kokuthi bevalelwe endlini lapho bebebhace khona e-Schoongezicht eMalahleni.
4.1.5. IKhabhinethi licela yonke imikhakha yomphakathi ukuthi isebenzisane namaphoyisa ukuqinisa izindlela zokulwisana nobugebengu. Uma sisebenza ngokubambisana, singakha imiphakathi nezindawo zomphakathi eziphephile ngesikhathi siqinisekisa ukuthi izigilamkhuba ziphelelwa ngamahlathi okucasha.
5. INgqungquthela Yokuqala Kazwelonke Yezokwakha
5.1. IKhabhinethi lamukele iNgqungquthela Kazwelonke Yezokwakha yokuqala ebibanjwe mhla we-19 kuLwezi 2024 nguMnyango Wezemisebenzi kahulumeni Nengqalasizinda ukuze kuzoba nezindawo zokwakha ezingenabugebengu. Ingqungquthela ibihlanganise ababambiqhaza abaphuma kuhulumeni kwezemisebenzi kahulumeni nengqalasizinda, amaphoyisa, umgcinimafa kanjalo nalabo abakumkhakha wezokwakha, bezobonisana futhi bavumelane ngendlela eyodwa yokuqeda udlame nokuphanga ezindaweni zokwakha, nokwenza ukuthi imiklamo kahulumeni emikhulu ihambe kancane.
5.2. IKhabhinethi litsheliwe ngokusayinwa kwe-Durban Declaration njengomzamo wokwakha ithemba emakhonweni kahulumeni ukuthi akwazi ukuqeda imiklamo ngesikhathi futhi nangokwesabelomali ngenhloso yokuguqula iNingizimu Afrika ibe indawo enezakhiwo.
5.3. Lesi sivumelwano sethula uchungechunge lwezingenelelo ezizoqeda ukuphazamiseka ezindaweni zokwakha nezizoqaliswa ngonyaka ozayo. Lokhu kubandakanya ukuqinisa imithetho elawula imboni yezokwakha, ukuqalisa izinqubomgomo ezifanele ukuze kuzothuthukiswa imboni yezokwakha, ukuthuthukisa izinhlelo zokugcina imininingwane nokubika, kanye nokuboshwa nokushushiswa kwalabo abenza ubugebengu nokuphanga ezindaweni zokwakha.
5.4. Umsebenzi wokweseka amabhizinisi asafufusa uzoqalisa nawo kanye nokuqinisekisa ukuthuthukiswa kwamakhono. Kuzophinde kugxilwe kakhulu ekuhlanganiseni izisombululo zezinkinga imboni yezokwakha ebhekene nazo, ezizosizwa ngukusungulwa kwezinkundla zokusizana zababambiqhaza embonini lapho bezokwabelana khona ngolwazi lomsebenzi.
6. Ukuxoxisana Nabaholi Bendabuko
6.1. IKhabhinethi liqaphele ukuxoxisana kwakamuva okube yimpumelelo phakathi kukahulumeni ne-National House of Traditional naBaholi bama-Khoi-San okuhloswe ngakho ukuqinisa ukusebenzisana nokubhekana nezinkinga ezihlasele imiphakathi yasemakhaya ezilethwe ngabaholi bendabuko.
6.2. Umhlangano ulethe ithuba lokukhuthaza ukuxoxisana ngezindaba ezihlobene nobuholi bendabuko nemiphakathi, kanye nokwasiswa ngokuqhubekayo kuMthethosivivinywa Wendabuko Bobuholi bama-Khoisan owafakwa kusomqulu mhla wama-29 kuLwezi 2024 ukuze umphakathi uzophawula ngawo.
6.3. Lezi zingxoxo ziyingxenye yomsebenzi oqhubekayo weThimba Longqongqoshe (i-IMTT) elabekwa nguMpongameli uRamaphisa neliholwa ngusihlalo oyiPhini likaMongameli u-Paul Mashatile wokuqinisekisa ukuthi izikhalazo nemiboni yabaholi bendabuko iyazwakala futhi icutshungulwa kabanzi.
6.4. Ngesikhathi kuqhubeka umhlangano, oNgqongqoshe beKhabhinethi abayingxenye ye-IMTT banikezele ngombiko wokuqhubekayo emikhakheni yabo efana nowezempilo, umhlaba, amanzi nokuthuthwa kwendle kanye nokuhlaliswa kwabantu.
7. Ezenhlalo
7.1. IKilasi lowezi-2024
7.1.1. IKhabhinethi lincome uMnyango Wemfundo Eyisisekelo kanye neKilasi lowezi-2024 ngokuphothula ngempumelelo izivivinyo Zesitifikethi Zikazwelonke Sikamatikuletsheni.
7.1.2. Uhulumeni uselungise izikhungo zokumaka eziyi-181 ezweni lonkana esezihlolisisiwe futhi zahlonzwa njengesezikulungele ukusebenza. Imiphumela kamatikuletsheni kazwelonke izomenyezelwa mhla we-13 kuMasingana 2025, bese kuthi iminyango yezemfundo ezifundazweni ikhiphe imiphumela mhla we-14 kuMasingana 2025.
7.2. USuku Lomhlaba lwe- AIDS
7.2.1. IPhini likaMongameli uMashatile, kanye ne-South African National AIDS Council bethule isikhumbuzo sezwe soSuku Lomhlaba lwe-AIDS mhla lu-1 kuZibandlela 2024 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Amalungelo Alinganayo, Ukunakekela Okulinganayo,” nokunxusa ukufinyelela okulinganayo, nokunesithunzi ezinsizakalweni zezempilo kubobonke abantu baseNingizimu Afrika, ngaphandle kokubheka isimo sabo sezomnotho, ubulili, ubuzwe noma indlela abazikhethela yona ngokwezocansi.
7.2.2. Ngokuhambisana nesiqubulo, uhulumeni uyaqhubeka nemizamo yokuqinisa ukulwisana ne-HIV ne-AIDS, nokweseka labo abasulelekile nabathintekile ngenxa yegciwane. Lolu suku lusikhumbuza ukuthi i-HIV ne-AIDS ayikapheli futhi kufanele sibambisane silwe negciwane, ikakhulukazi ngokuthi senze ucansi oluphephile. I-HIV idlangile kubantu abasha, ikakhulukazi kumantombazanyana namatshitshi aphakathi kweminyaka yobudala eyi-15 nengama-24, njengoba kubikwa ukusuleleka ngegciwane kubantu abayi-1 300 masonto onke.
7.2.3. Bekuyisikhathi futhi lapho abantu baseNingizimu Afrika becabanga ngenqubekelaphambili enkulu esesiyenzile ekulweni ne-AIDS nesifo sofuba. Izwe lakithi linohlelo olukhulu lokwelashwa kwegciwane emhlabeni, njengoba abantu abangaphezu kwesigidi esi-5.7 abaphila negciwane bekwazi ukuthola imishanguzo.
7.2.4. Ukwethulwa koSuku Lomhlaba lwe-AIDS kuhambisane noSuku Lukazwelonke Lomthandazo lwezi-2024 obubanjwe eNkundleni Yezemidlalo i-FNB nobuhlanganise amasonto ehlukene ezothandazela izwe lakithi. Lo mkhuleko ubuhlelwe inhlangano i-Motsepe Foundation futhi wethanyelwe ngamazwe amaningi emhlabeni jikelele ukukhuthaza abantu bezinkolo zonke ukuthi bekhulekele abaholi nabantu bakubo.
7.3. UMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame
7.3.1. Kulo nyaka kuphela iminyaka engama-26 Yomkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane oqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Iminyaka engama-30 Yokusebenza Ngokubambisana Ukuqeda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane”.
7.3.2. Umkhankaso uqalo mhla wama-25 kuLwezi kanti uzophela mhla we-10 kuZibandlela 2024. Ukweseka uMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane, uSuku Lukazwelonke Lwamadoda Lokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF) luzoba seThekwini, KwaZulu-Natali mhla wesi-6 kuZibandlela 2024, kuzoba nemashi esuka e-King Dinuzulu Park iye e-The Station e-Stamford Hill.
7.3.3. USuku Lukazwelonke Lwamadoda Lokulwisana ne-GBVF ngumcimbi waminyaka yonke okuhloswe ngawo ukuqwashisa ngomthelela we-GBVF emphakathini kanye nokufundisa izakhamuzi ngokulingana ngobulili. Umcimbi uzoholwa yiPhini likaMongameli uMashatile noBayede iNkosi uMisuzulu kaZwelithini.
8. Ezamazwe Ngamazwe
8.1. INkantolo Yobugebengu Yamazwe Ngamazwe (i-ICC)
8.1.1. IKhabhinethi lamukele imiyalelo ekhishwe i-ICC yokuthi kuboshwe uNdunankulu wakwa-Israel u-Benjamin Netanyahu, uNgqongqoshe waphambilini Wezokuvikela u-Yoav Gallant no-Mohammed Deif wase-Hamas. Lezi zinyathelo ziluphawu olukhulu lobulungiswa ebugebengwini obubhekiswe kubantu kanye nempi ese-Palestine.
8.1.2. INingizimu Afrika iphinde yagcizelela ukuzinikela kwayo kumthetho wamazwe ngamazwe futhi inxusa wonke amazwe ukuthi enze lokho okuhambisana nezibophezelo zabo zeSivumelwano sase-Rome. Sicela wonke umhlaba ukuthi ume emthethweni futhi uqinisekise ukuthi labo abahlukumeza amalungelo abantu bayaphendula.
8.2. INgqungquthela ye-UN Yokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-COP29)
8.2.1. IKhabhinethi lamukele umphumela we-COP29, ovumelana nezinhlelo ezintsha zezezimali zokusiza amazwe ukuze avikele abantu bawo naminotho ezinhlekeleleni zesimo sezulu.
8.2.2. Uhlelo olwaziwa ngokuthi yi-New Collective Quantified Goal on Climate Finance, okunguhlelo olusha okuhloswe ngalo okuphindaphinda kathathu uxhasomali lwamazwe asathuthuka, lusule kwizigidigidi eziyi-US$100 ngonyaka lube yizigidigidi ezingama-US$300 ngonyaka ngowezi-2035.
8.2.3. INingizimu Afrika ibona ukuguquguquka kwesimo sezulu njengenkinga enkulu yomhlaba kanti isisungule uhlelo lwe-Just Transition Partnership lokuguqukela emnothweni onekhabhoni ephansi njengengxenye yokuzinikela kwethu ekuvikeleni umhlaba kumagesi ayingozi.
8.3. IKhomishini Yamazwe Amabili (i-BNC) ye-Nigeria neNingizimu Afrika
8.3.1. ISeshini ye-11 ye-BNC ye-Nigeria neNingizimu Afrika ibibanjwe ngoLwesibili, mhla wesi-3 kuZibandlela 2024 eNingizimu Afrika ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano phakathi kwamazwe womabili. Amazwe amabili asayine izivumelwane eziningana neZivumelwano Zokusebenzisana ezizothuthukisa izimpilo zabantu.
9. UKhetho lwase-Namibia
9.1. IKhabhinethi lihalalisele uMongameli ongakagcotshwa uNetumbo Nandi-Ndaitwah ngokunqoba kwakhe okhethweni lukaMongameli wase-Namibia waba uMongameli wesifazane wokuqala ngqa wezwe.
9.2. IKhabhinethi liphinde lancoma abantu base-Namibia ngokuphuma ngobuningi babo bayovota kulolu khetho kanye nokunikeza ithuba iKhomishini Yezokhetho yase-Namibia ukuthi iphothule ukubala imiphumela yokhetho lukaMongameli nolweSigungu Sikazwelonke.
10. Isikhathi Samaholise Esiphephile
10.1. IKhabhinethi lifisela bonke abantu baseNingizimu Afrika iSikhathi Samaholide esiphephile nesihle, futhi likhumbuza bonke abantu ukuthi sinendima okufanele siyidlale ekwenzeni isikhathi samaholide sibe yintokozo futhi siphephe kuwowonke umuntu.
10.2. IKhabhinethi likhumbuza wonke umuntu ukuthi amaphoyisa omgwaqo, ama-ejensi ezomthetho neminye iminyango kahulumeni izokwenyusa izindlela zokuphepha ngesikhathi samaholide ukuqinisekisa ukuthi abantu baphephile.
10.3. Lokhu kubandakanya izivimbamgwaqo njalo, ukuseshwa kwezimoto kanye nokuthungathwa kwabasolwa abafunekayo. Ukwandisa ukubonakala kwamaphoyisa kuhloswe mgakho ukugwema, ukuqeda kanye nokulwa nobugebengu nodlame ngesikhathi samaholide nangale kwawo.
10.4. Ungadlala indima yakho yokuqinisekisa isikhathi samaholide esiphephile ngokuhlala njalo uthobela imithetho yomgwaqo. Ungashayeli uphuze utshwala, futhi ungasebenzisi umakhalekhukhwini ngeesikhathi ushayela.
10.5. IKhabhinethi licela abazali nabanakekeli babantwana ukuthi behlale bevule amehlo ngokuqapha abantwana, ikakhulukazi uma bebhukuda kumaphuli, emabhishi naseduzane kwamanzi. Abantwana akufanele bashiywe bengagadiwe ezindaweni zokubhukuda noma emabhishi futhi kufanele banikwe izinsika ezifanele zokuphepha. Ungaphuzi utshwala uma ugade abantwana ezindaweni zokubhukuda futhi qinisekisa ukuthi amaphuli okubhukuda avikelekile ngokufanele uma engasetshenziswa ukuze abantwana bengezukwazi ukungena.
10.6. Siphinde sicela zonke izakhamuzi ukuthi zihlale ziqaphile futhi zivule amehlo uma ziseholidini noma ngezikhathi zobumnandi. Gwema ukuphatha imali engukheshi eningi; ungasebenzisa ikhadi lasebhange noma ukuthumela nge-elekthronikhi. Ungavezi obala imali engukheshi uma ukhokha ngoba ungazidonsela amehlo ezigebengu.
INingizimu Afrika inamabhishi amaningi avuleleke kuzozonke izakhamuzi, ukunciphisa ukungena emabhishi omphakathi kungukunqunda inkululeko yokuhamba, okuyilungelo elivikelwe ngaphansi koMthethosisekelo weNingizimu Afrika we-1996.
B. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. Ugesi
1.1. IKhabhinethi lincome ukuqaliswa okuyimpumelelo nokuqhubekayo koHlelo Lukazwelonke Lukagesi oluholwa nguNgqongqoshe Wezikagesi Nezamandla, uDkt. Kgosientsho Ramokgopa. Ukuqaliswa kwalolu hlelo luholele ezinsukwini ezingama-252 zokuthunyelwa kukagesi ngaphandle kokuphazamiseka. .
1.2. Ukuqaliswa koHlelo Lokusebenza Lukagesi kuholele ekongweni kukadizili wezigidigidi eziyi-R17.37 unyaka nonyaka okungaphansi kwezigidigidi ezingama-R24.15 ezichithwe ngesikhathi esifanayo ngonyaka owedlule.
1.3. IKhabhinethi liphinde latshelwa kokuphothulwa komklamo obe yimpumelelo wamamitha aka-Eskom e-Key Revision Number (i-KRN). Amakhasimende angaphezu kwezigidi ezi-5.5 asedluliselwe ku-KRN2 futhi athenga ugesi ngaphandle kwezinkinga.
1.4. Umklamo we-KRN uholele ekunciphiseni abantu abangawuthengi ugesi kusuka kwizigidi ezi-2.1 kwaba yizigidi ezi-1.7. I-Eskom izosebenzisa izingenelelo ezehlukene ukunciphisa izigidi eziyi-1.7 zabantu abangathengi ugesi.
1.5. I-Eskom izophinde iqalise ukushintshwa kwamamitha angasebenzi, kanti izoqala ngalabo abawuthengayo ugesi. Izikhathi zizomenyezelwa emiphakathini ethintekayo uma umkhankaso wokushintshwa kwamamitha uqaliswa.
2. UHlelo Lokutakulwa Kwamabhizinisi Nokuvulwa kwe-Lily Mine
2.1. IKhabhinethi litshelwe ngenqubekelaphambili esiyenziwe ngokutakulwa kwamabhizinisi nokuvulwa kwe-Lily Mine, obekubekwe ngaphansi kohlelo lokutakulwa kwamabhizinisi mhla wesi-4 kuMbasa 2016 kulandela inhlekelele yasemayini.
2.2. UNgqongqoshe Wezezimbiwa Nowoyela, uMnu. Gwede Mantashe, uyaqhubeka nokuxoxisana nomnikazi wemayini kanye ne-Business Rescue Practitioner ngenhloso yokuqinisekisa ukuphinde kuvulwe imayini kanye nokuthola izisombululo ezingcono zemindeni ethintekayo, ukutholwa kwabasebenzi abathathu abasalahlekile kanye nokuvuselelwa kwendawo.
2.3. Kulandela isivumelwano sokugcina esathathwa mhla we-10 kuNhlaba 2024 phakathi koMnyango Wezezimbiwa Nowoyela, umnikazi wemayini kanye nomxhasi omkhulu, uNgqongqoshe wabamba umhlangano nababambiqhaza lapho kwavunyelanwa ngalezi zisombululo ezilandelayo:
2.3.1. I-Vantage Goldfields izohlela futhi ihlinzeke ngoxhasomali lokuphinde kuvulwe imayini ungakashayi umhla wama-31 kuNtuli 2024;
2.3.2. Ukukhokhelwa kwemiholo yabasebenzi engakakhokhwa;
2.3.3. Kuzosungulwa uhlelo lokuqasha abasebenzi baphambilini abangakasebenzi;
2.3.4. Imayini izoqalisa ukusebenza kwama-slime dam ukuze izongenisa imali esikhathini esifishane.
3. Ukukhethwa kweNingiziminu Afrika njengePhini-Sihlalo lokuqala le-United Nations (UN) Tourism Executive Council ngowezi-2025
3.1. IKhabhinethi litshelwe ngokukhethwa kukaNgqongqoshe Wezokuvakasha njengePhini-Sihlalo lokuqala le-UN Tourism Executive Council ngowezi-2025 eMhlanganweni we-UN Tourism Executive Council obubanjwe e-Cartagena, e-Colombia ngoLwezi 2024.
3.2. Loku kuqokwa kuzoqinisa indima yeNingizimu Afrika ekuqinisekiseni ezokuvakasha njengezizoqhuba ukukhula komnotho, ukusungulwa kwemisebenzi, kanye nokubeka iNingizimu Afrika ethubeni elihle kwesoBumongameli kwi-G20 ukukhuthaza amathuba ezokuvakasha ezwenikazini.
4. Ezamanzi
4.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngezingenelelo ezehlukene zokubhekana nezinkinga zokuthunyelwa kwamanzi.
4.1.1. Ukuvuza Kwamanzi
4.1.1.1. IKhabhinethi laziswe ukuthi uMasipala waseThekwini ne-Joburg Water baqalise iqhingasu lokubhekana nezinkinga zamanzi ngokusizwa uHlelo LoMgcinimafa Kazwelonke Lokweseka Amadolobha.
4.1.1.2. UMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS), uMngcinimafa Kazwelonke, iNhlangano yaseNingizimu Afrika Yohulumeni Basekhaya kanye ne-Development Bank of Southern Africa basungule iHhovisi Lokusebenzisana Lezamanzi elizosiza omasipala ukuthi bathole uxhasomali lwemiklamo eyehlukene, kubandakanya nemiklamo yokunciphisa amanzi amoshekayo. Omasipala bamadolobha baseThekwini, e-Buffalo City, i-Tshwane, i-Mangaung ne-Nelson Mandela bayasizwa ukuthi babe nemiklamo ezothola uxhasomali.
4.1.1.3. UMgcinimafa Kazwelonke, ngoBudlelwano bakhe Bukahulumeni Nezinkampani Ezizimele, usiza iDolobha laseGoli ukuthi lithole usizo emkhakheni wabazimele ukuze lizonciphisa amanzi amoshekayo.
4.1.2. Ukwesekwa Komasipala Abathumela Amanzi
4.1.2.1. IKhabhinethi lazisiwe ngokuthi ngaphezu ngokusiza oMasipala Abathumela Amanzi ngokuthi bathole uxhasomali, kunezinguquko ezimbili eziqaliswa yi-DWS noMgcinimafa Kazwelonke. Lezi yizichibiyelo zoMthetho Wezinsizakalo Zamanzi, we-1997 (Umthetho we-108 we-1997) kanye Nezinguquko zoHlelo Lwezinsizakalo Zokuhweba Komasipala.
4.1.3. UHlelo Lwesikhathi Eside Lokulawula Izinsiza Zamanzi
4.1.3.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi amanzi ayatholakala kuleli lizwe
4.1.3.1.1. Umklamo wokuthunyelwa kwamanzi e-Olifantspoort nase-Ebenezer kuhloswe ngawo ukwenyusa ukuthunyelwa kwamanzi komasipala base-Polokwane nase-Capricon. Isigaba esiqhubekayo somklamo saqala ngonyakamali wezi-2022/23 kanti sizophela ngoNtulikazi wezi-2025. Umklamo oqhubekayo uhlanganisa ukufakwa kwamapayipi neziteshi zokumpompa kwizihlanzimanzi zase-Olifantspoort nase-Ebenezer.
4.1.3.1.2. Umklamo wokuthunyelwa kwamanzi i-Sinthumule Kutama kuhloswe ngawo ukuthumela amanzi engeziwe e-Makhado nokubhekwe ukuthi ukhothulwe ngoMasingana 2025.
4.1.3.1.3. Umklamo wamanzi e-Mooihoek uhlanganisa ukulungiswa kweSihlanzimanzi i-Mooihoek, nokuzothumela amanzi ezindawei aziyi-13, kufaka phakathi ne-Burgersfort. Usonkontileka ubheka izinkinga ezincane ezisele kanti umklamo usukulengele ukuthi umasipala uxhume amapayipi.
4.1.3.1.4. Umklamo wokuthunyelwa kwamanzi i-Nebo kuhloswe ngawo ukuthi kuthunyelwe amanzi emiphakathini engama-40 e-Makuduthamaga nakomasipala base-Greater Fetakgomo Tubatse. Umasipala kulindeleke ukuthi uqashe usonkontileka kunyakamali wezi-2025/26 ukuze uzoqedela umklamo.
4.1.3.1.5. Umklamo wokuthunyelwa kwamanzi i-Moutse kuhloswe ngawo ukuthi kuthunyelwe amanzi asuka kwisihlanzimanzi sase-Groblersdal aye emiphakathini engama-40 e-Moutse ngaphansi komasipala base-Ephraim Mogale nase-Elias Motsoaledi. I-DWS isisebenzisa izinsizakusebenza zayo ukuqinisekisa ukuthi umklamo uyaphothulwa ngoMandulo 2025.
4.1.3.1.6. Umklamo wamanzi e-Loskop kuhloswe ngawo ekuthumeleni amanzi emiphakathini ese-Moutse East, eMpumalanga naseLimpopo, kanti kulindeleke ukuthi uphele ngoNdasa 2025.
4.1.3.1.7. Umklamo wamanzi wase-Mametja kuhloswe ngawo ukuthumela amanzi emiphakathini engama-28 kuMasipala Wendawo wase-Maruleng Local Municipality kanti iSigaba Sokuqala somklamo kulindeleke ukuthi siphele ngoZibandlela 2024 bese kuqala iSigaba Sesibili ngowezi-2025.
4.1.3.1.8. Umklamo wamanzi e-Giyani: Ukulungiswa kwesihlanzimanzi kuphele kuNhlangulana 2024, imiphakathi eyi-11 ethunyelelwa amanzi yilolu hlelo lwamanzi isiyawathola amanzi emakhaya abo. Umsebenzi wokuthumela amanzi emiphakathini esele eyi-13 uzophela ngoZibandlela 2024. Isigaba Sesibili somklamo wokuthumela amanzi emiphakathini engama-31 sizoqala ngoMbasa 2025.
4.1.4. Ukuthunyelwa Kwamanzi e-Hammanskraal
4.1.4.1. IKhabhinethi likuthokozele ukuthi sesiphelile iSigaba Sokuqala sesigcinamanzi i-Klipdrift, okulindeleke ukuthi silethe amalitha amanzi ayizigidi eziyi-12.5 ngosuku emiphakathini yase-Hammanskraal. I-Magalies Water neDolobha lase-Tshwane kuyimanje bamatasa bafaka amapayipi athumela amanzi azosetshenziswa ukuthumela amanzi kubahlali. Uma sekuphothuliwe, kuzophinde kuhlolwe ukusebenza kwawo ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi amanzi ahlanzekile futhi afanele ukuphuzwa. Uma zonke izigaba seziphelile ngokuphelele, amalitha amanzi ahlanzekile ayizigidi ezingama-50 azofakwa kulolu hlelo.
C. Izinqumo zeKhabhinethi
1. INqubomgomo Kazwelonke ngoHlaka Lwenqubomgomo Yabezifazane Abakwezemidlalo
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi kuqaliswe INqubomgomo Kazwelonke ngoHlaka Lwenqubomgomo Yabezifazane Abakwezemidlalo.
1.2. Inqubomgomo kuhloswe ngayo ukukhuthaza ukubandakanywa kwabesifazane kwezemidlalo nasezzikhundleni zkuphatha, iphinde iqinisekise ukuthi ukubandakanywa kwabesifazane kwezemidlalo nasezikhundleni zokuphatha kuzonciphisa kakhulu kuphinde kufake igalelo ekuqedeni ukungalingani kwezobulili kanye nezinhlobo ezehlukahlukene zokucwaswa kwabesifazane. Iphinde igqugquzele ukulingana ngokuqinisekisa ukuthi abesifazane bathola inhlonipho futhi bayabongwa emisebenzini, nokufaka phakathi imiholo elinganayo neyozakwabo abangabesilisa.
1.3. Inqubomgomo icacisa iqoqo lezinyathelo ezizogqugquzela ziphinde zeseke abesifazane abakwezemidlalo kanye nokuqinisekisa ukuthi izinhlelo zokuxazulula ukwehlukana emidlalweni zime ngomumo. Iphinde ibhekane nemigoqo evimbela amabesifazane ukuthi bangene kwezemidlalo efana nokwesela uxhasomali, abaxhasi kanye nemiholo enganele.
2. IQhingasu Lokunciphisa Ukulahwa Kokumosheka Kokudla
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kweqhingasu lokunciphisa ukulahlwa nokumosheka kokudla.
2.2. Iqhingasu kuhloswe ngalo ukunciphisa ukulahlwa nokumosheka kokudla ezitolo, ukunciphisa ukumoshwa kokudla ngokusebenzisa izinsiza nobuchwepheshe, ukuqinisekisa ukuthi ukudla akupheli nokuqeda izinto eziphazamisa imvelo. Lokhu kuhambisana neingenelelo zikahulumeni zokunciphisa izindleko eziphezulu zempilo.
2.3. Lihlinzeka ngezinyathelo zokulawula nezingenelelo, izimiso, usizo lwezezimali kanye nezinkokhelo ukuze kugqugquzelwe ukuniphisa ukulahlwa nokumosheka kokudla, phakathi kokunye.
Leli qhingasu lizosiza ukuqinisekisa ukunciphisa indlala nokuthuthukisa izindlela zokuqinisekisa ukuthi ukudla akupheli.
3. UMthetho Odingidwayo Kwezokuhlaliswa Kwabantu
3.1. IKhabhinethi ligunyaze UMthetho Odingidwayo Kwezokuhlaliswa Kwabantu, okuyimpumelelo emsebenzini wezwe wokusungula imiphakathi esimeme, ebandakanye wonke umuntu nelinganayo.
3.2. UMthetho Odingidwayo kuhloswe ngawo ukuletha uhlaka lwenqubomgomo kwezokuhlaliswa kwabantu, nokubhekana nezinkinga okuhlangatshezanwe nazo esikhathi esedlule kanye nokuhlanganisa izimiso zokuhlanganiswa kwezindawo, ukubandakanywa kwabantu bonke nezindlela zokuhlanganisa amandla.
3.3. Izinhloso zoMthetho Odingidwayo ukubheka izimo zenqubomgomo, ukulawula okudingekayo ngaphakathi ezikhungweni, ukubuyekeza kabusha uhlaka lomthetho okhona, nokuqinisa izingxoxo nababambiqhaza kanye nezinyathelo emikhakheni jikelele nakwiziphathimandla.
3.4. UMthetho Odingidwayo ababambiqhaza sebexoxisanwe ngawo kabanzi, kubandakanya nezingxoxo nomphakathi kanye nemibono ephuma ezinhlanganweni zomphakathi, izifundiswa, kanye neminyango ekulo mkhakha.
3.5. Yonke imibono ebhaliwe icutshunguliwe yase ifakwa kwidokhumenti yokugcina. Ukugunyazwa koMthetho Odingidwayo kubonisa ushintsho endimeni edlalwa umnyango kusukwa endleleni eBhekelele UHulumeni kuphela kuya kuleyo evumelayo, esekelayo, ehlanganisayo, nehlelayo, ethuthukisayo kanye nokuphathwa kwezokuhlaliswa kwabantu okudidiyelwe nokusimeme.
3.6. Lesi yisinyathelo esikhulu esiholela ekufezekiseni iZinhloso Zentuthuko Ezisimeme Zenhlangano Yezizwe Ezibumbene, ikakhulukazi iNhloso ye-11, egxile emadolobheni nasemiphakathini esimeme.
4. UHlelo Lokumaketha Ukuthuthukisa Ezokuvakasha
4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi kuqaliswe uHlelo Lokumaketha Ukuthuthukisa Ezokuvakasha. Uhlelo kuhloswe ngalo ukusebenzisa ezokuvakasha njengendlela yokukhulisa umnotho obandakaya wonke umuntu, ukusungulwa kwemisebenzi nokunciphisa inhlupheko.
4.2. UHlelo Lokumaketha Ukuthuthukisa Ezokuvakasha lwakhelwe ekusebenzisaneni komkhakha ozimele nohulumeni okuhloswe ngakho ukweseka ukusimama nokuthuthukisa ezokuvakasha. Uhlelo luzoqinisa indawo yeNingizimu Afrika kwizinsizakalo zokundiza kwamabhanoyi.
5. Ukubekwa kweKhomishiniyaseNingizimu Afrika Yamalungelo Abantu (i-SAHRC) njenge-National Preventative Mechanism for Optional Protocol to the Convention Against Torture (i-OPCAT)
5.1. IKhabhinethi ligunyaze ukubekwa kwe-SAHRC njengendlela kazwelonke ye-OPCAT. I-OPCAT isivumelwano samazwe ngamazwe okuhloswe ngaso ukugwema ukuhlukunyezwa kanye nolunya, ukuphatha ngendlela yobulwane nokujezisa ngendlela eyehlisa isithunzi.
5.2. Lokhu kubekwa kuhambisana noMthethosisekelo WaseNingizimu Afrika wangowe-1996 kanye nenqubomgomo yamazwe angaphandle yaseNingizimu Afrika yokugqugquzela nokuvikela amalungelo abantu.
D. UMthethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izindaba Zamajaji wezi-2024
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuhanjiswa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izindaba Zamajaji wezi-2024.
1.2. Inhlosonqangi yalo Mthethosivivinywa ngukuchibiyela iMithetho eminingi elawulwa nguMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo. Izichibiyelo kuhloswe ngazo ukuxazulula izinkinga ezikhona, kubandakanya ukuthobela izahlulelo zeNkantolo Yomthethosisekelo.
E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisisiwe ngokufanele.
1. Nkz. Mary Lerato Morake njenge-Chief Executive Officer (i-CEO) ye-Vaal Orange Catchment Management Agency iminyaka emihlanu.
2. Mnu. Bernard Swaswa Ntlhoro njenge-CEO ye-Pongola-Umzimkulu Catchment Management Agency.
3. Mnu. Cecil Khosa njenge-CEO ye-The South African Diamond Precious Metals Regulator.
4. Mnu. Mziwabantu Dayimani njenge-CEO ye-National Empowerment Fund.
5. Nkz. Mmmakgoshi Lekhethe njenge-CEO ye-Industrial Development Corporation.
6. Ukubekwa kwamalungu angabona abaphathi kweBhodi ye-ARMSCOR:
a. Dkt. Lesiba Alex Mahapa (uSihlalo);
b. Nkz Maki Ndlovu (iPhini likaSihlalo);
c. Nkz. Peta Nonceba Mashinini;
d. Mnu. Zane Oswald Cleophas;
e. Nkz. Masande Booi;
f. Mnu. Raymond Mlungwana Vokwana;
g. Dkt. Elsie Molokwane;
h. Nkz. Mmathabo Abigail Sukati; kanye
i. noMnu. Ntshengedzeni Michael Tshivhase.
7. Ukubekwa kwamalungu eBhodi le-South African Weather Service:
(a) Nkz. Sandika Daya (uSihlalo);
(b) Slz. Sylvester Mpandeli (iPhini likaSihlalo);
(c) Dkt. Lesley Luthuli;
(d) Nkz. Mpho Gift Mogodi,
(e) Dkt. Phumudzo Tharaga;
(f) Slz. Thando Ndarana;
(g) Nkz. Makua Zondi Balebetje;
(h) Ummeli Ikaneng Mokgosi;
(i) Nkz. Ane Bruwer; kanye
(j) noDkt. Prittish Dala
8. Ukubekwa kwamalungu ebhodi le-Mzimvubu-Tsitsikamma Catchment Management Agency:
(a) Mnu. Simphiwe Nicholus Khondlo;
(b) Nkz. Fiona Sephton;
(c) Nkz. Fezeka Mkile;
(d) Mnu. Samir Randera-Rees;
(e) Nkz. Margaret Wollf;
(f) Nkz. Salome Chiloane- Nwabueze;
(g) Slz. Winston Plaatjes;
(h) Nkz. Nicky McLeod;
(i) Dkt. Patricia-Ann Scherman; kanye
(j) noMnu. Thembelani Nkele.
9. Ukubekwa kwamalungu ebhodi le-Broadband Infraco Limited:
(a) Nkz. Zandile Kabini (uphinde wabekwa njengoSihlalo)
(b) Nkz. Mathapelo Mzizi;
(c) Nkz. Ulandi Exner;
(d) Mnu. Loyiso Tyira (uphinde wabekwa);
(e) Mnu. Patrick Makape;
(f) Nkz. Bojane Segooa;
10. Ukubekwa kwamalungu angewona abaphathi eMkhandlwini we-Social Housing Regulatory Authority:
(a) Nkz. Pulane V. Thobejane (uSihlalo);
(b) Nkz. Ayanda Olifant;
(c) Mnu. Justice M. Makoko;
(d) Mnu. Tumisho M. Makofane;
(e) Mnu. Kevin Kiewitz;
(f) Nkz. Refilwe Rapotu;
(g) Nkz. Keletso P. Mokoena;
(h) Dkt. Xitshembiso Russel Mulamula;
(i) Nkz. Lindiwe N. Mjobo;
(j) Mnu. Naledzani R. Sengani;
(k) Mnu. James M. Maboa; kanye
(l) noDkt. Soraya Beukes.
11. Ukubekwa kweBhodi le-Housing Development Agency:
(a) Hosi Pheni C. Ngove (uSihlalo);
(b) Nkz. Nelisiwe G. Baai (iPhini likaSihlalo);
(c) Dkt. Alex Lesiba Mahapa; kanye
(d) noNkz. Nalini Maharaj
12. Ukubekwa kwamalungu e-Community Schemes Ombud Service
(a) Mnu. Jacob Khawe (uSihlalo);
(b) Nkz. Maria Dumakude (iPhini likaSihlalo);
(c) Mnu. Heinrich G. April;
(d) Mnu. Simon M. Molefe;
(e) Nkz. Samkelisiwe F. Khumalo; kanye
(f) noNkz. Lerato Moamogwa.
13. Ukubekwa kweBhodi le-Property Practitioners Regulatory Authority:
(a) Nkz. Queendy R.M. Gungubele (uSihlalo);
(b) Mnu. Johan D. Van der Walt;
(c) Nkz. Pamela Nonkulululeko Makhubela;
(d) Ummeli Mxolisi Sphamandla Nene;
(e) Mnu. Kebeditswe H. Medupe;
(f) Mnu. Dikgang M. Stock;
(g) Nkz. Dalphline H.C. Ewerste;
(h) Nkz. Kedibone R. Tsiloane; kanye
(i) noNkz. Nomxolisi M. Moagi
14. Ukubekwa kwamalungu e-National Home Builders Registration Council:
(a) Nkz. Noxolo Kiviet (uSihlalo);
(b) Slz. Mandla J. Radebe (iPhini likaSihlalo);
(c) Nkz. Renaire Shelley Huntley;
(d) Mnu. Kganki S. Matabane;
(e) Nkz. Nontuthuko Q. Chiluvane;
(f) Nkz. Morwesi Ramonyai-Thonga;
(g) Nkz. SiphindileS. Memela;
(h) Nkz. Nomthandazo Lucia Ngcobo;
(i) Mnu. Donovan Goliath;
(j) Slz. Sijekula Mbanga; kanye
(k) noMnu. M. Lehlogonolo Alfred Masoga.
F. Imicimbi ezayo
1. INyanga Yokubuyisana
1.1 INingizimu Afrika izobungaza iNyanga Yokubuyisana ngoZibandlela ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukupholisa Amanxeba Akudala Sibheke Ekusaseni Elisha”. Inyanga iyithuba lapho yonke imikhakha yomphakathi idlala indima ekugqugquzeleni ukuphola kulokho okwenzeka esikhathi esedlule.
1.2 Umcimbi wakulo nyaka uhambisana nokubungazwa kweminyaka engama-30 yeNkululeko futhi kuzobonisa umsebenzi weKhomishini Yamaqiniso Nokubuyisana (i-TRC), eyasiza izwe lethu ukuthi libhekane namanxeba adalwa wubandlululo. I-TRC yaletha ukuthula, ukubuyisana, ukubekezelelana nokubumbana komphakathi.
1.3 USuku Lukazwelonke Lokubuyisana Lwezi-2024 luzoba mhla we-16 kuZibandlela 2024 kuMasipala Wendawo wase-Matzikama eNtshonalanga Kapa. Luzolandelwa yizingxoxo nabafelokazi balabo ababelwela inkululeko yezwe lethu. Ngalezi zingxoxo, sithemba ukuthola ubuhlakani nesibindi sokuqhubekela phambili ekwakheni izwe lethu ngokwemibono yokhokho bethu.
2. Ubudlelwano Bamazwe Ngamazwe
2.1 Umhlonishwa uMongameli wase-Republic of Angola, uMnu. João Manuel Gonçalves Lourenço, uzothatha uhambo lukaHulumeni oluza eNingizimu Afrika mhla we-12 kuZibandlela 2024, ngokumenywa nguMengameli uRamaphosa.
2.2 Lolu hambo luzoqinisa ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Angola futhi luzogxila ekulungiseleleni iseshini yokuqala ye-BNC yeNingizimu Afrika ne-Angola ezoba se-Angola ngowezi-2025. IZinhloko Zombuso zizophinde zibonisane ngezindaba zesifunda, ezezwekazi nezomhlaba eziwathinta womabili la mazwe.
2.3 UMongameli uRamaphosa uzothatha uhaambo oluya e-People's Democratic Republic of Algeria mhla wesi-5 nomhla wesi-6 kuZibandlela 2024. Lolu hambo luzoveza izindlela zokuthuthukisa ubudlelwano phakathi kwamazwe womabili kanye nokusebenzisana emikhakheni eyehlukahlukene nokwabekana ngemibono ekugqugquzeleni amagugu nemibono yoBumbano lwama-Afrika.
G. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
• UNgqongqoshe u-Ronald Lamola, ohlonishwe nge-Order of the Star of Merit ngokweseka kwakhe i-Palestine nobuhloli ecaleni leNingizimu Afrika kwi-ICJ elimayelana nokubulawa kwabantu elibekwe izwe lakwa-Israel.
• UMgcinimafa Kazwelonke, ngokukhipha ibhondi ye-US yezigidigidi ezi-R3.5 kanye yemali yeminyaka eyi-12 nengama-30 ku-London Stock Exchange.
• Slz. Thumbi Ndung'u, umcwaningi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali we-HIV ne-TB, okhethwe ukuthi aye e-US National Academy of Medicine. Lokhu kukhethwa kwakhe kuthathwa njengokunye kokuhlonishwa okuphezulu emkhakheni wezempilo namakhambi okwelapha.
• Slz. Thuli Madonsela, ngokukhethwa kwakhe njengelungu le-International Council for Arbitration in Sport yiKomiti Lamazwe Ngamazwe Lama-olimpiki esikhathini esisele sowezi-2023-2026, ukuvala isikhala esishiywe emva kokushona kuka-Justice Yvonne Mokgoro.
• I-Bafana Bafana, engene kuma-2025 African Cup of Nations.
• Ama-Springboks, kokubamba indawo yokuqala ku-World Rugby emva kokunqoba iNgilandi, no-Pieter-Steph du Toit, okhethwe njengoMdlali Wonyaka Ovelele ku-World Rugby.
• Nkosinathi Maphumulo, owaziwa ngelika-DJ Black Coffee, ngokukhethwa njengo-DJ Ovelele eMhlabeni ngowezi-2024.
• Palesa Desiree Shilabje, owaziwa ngelika-DJ DESIREE, okhethwe njenge-World’s Breakthrough Artist 2024 kuma-Golden Moon Awards abese-Spain.
• Wouter Kellerman, i-flautist yaseNingizimu Afrika eyawina i-Grammy Award, umbhali nomdidiyeli, ngokukhethwa ku-Grammy ku-Best New Age, Ambient or Chant Album nge-albhamu yakhe yakamuva ethi-Triveni.
• Johan Lange, ongumsebenzi esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo eNingizimu Afrika emva kokuthwesa isicoco sokuba ngu-Mr Universe International Bodybuilding and Fitness Master Class emikhakheni engama-40.
• Magau Ramaila owethweswa isicoco sokuba ngunobuhle ku-2024 Miss Teen World.
2. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo:
• Nkk. Louise Asmal, umholi wemikhankaso yomhlaba elwisana nobandlululo kanye nonkosikazi kaNgqongqoshe waphambilini Wezemfundo Ephakene, uSlz, Kader Asmal. Ubengumsunguli we-Irish Anti-Apartheid Movement.
• Dkt. Faustine Ndugulile, uNgqongqoshe Wezempilo waphambilini wase-Tanzania, owakhethwa njengoMqondisi Wesifunda sase-Afrika weNhlangano Yomhlaba Yezempilo (i-WHO) futhi obekumele aqale umsebenzi wakhe ngonyaka ozayo. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kuHulumeni nabantu base-Tanzania, iSifunda sase-Afrika se-WHO ngokudlula emhlabeni ngokukhulu ukuzuma kuka-Dkt. Ndugulile.
• Mnu. Naphtall Manana, owanikela impilo yakhe efuna ubulungiswa nenkululeko yabantu bonke baseNingizimu Afrika. Ukuzinikela nokuzimisela kwakhe emzabalazweni wenkululeko kuyaqhubeka nokusikhuthaza nokusigqugquzela ukuthi sisebenze ngokubambisana ukwakha iNingizimu Afrika engcono yabantu bonke. Usebenze njengomholi ohloniphekile, umsebenzi obeinikele kahulumeni kanye nenxusa lamazwe ngamazwe. Inxusa u-Naphtal Manana ubelwela intando yeningi labantu, ukungacwasi ngokwebala, ukungacwasi ngokobulili, umphakathi obumbene nophumelelayo.
• Mnu. Mallele Petje, uSihlalo we-Audit Committee yoMnyango Wezemfundo eMpumalanga, owake wasebenza njengoMqondisi-Jikelele we-GPG eHhovisi likaNdunankulu. Phakathi kwezikhundla eziningi azibambile, usebenze njengo-Superintendent-General ku-GDE.
• Slz. Enos Ngutshane obengusihlalo weBhodi Elilawulayo le-CCMA. Ubeyisishoshovu futhi uzokhumbuleka ngegalelo lakhe ekuphathweni kwezimakethe zabasebenzi kuleli lizwe.
• Mnu Imran Vanker, owadlala iqhaza elibalulekile kumkhakha wezokucwaninga amabhuku, wasebenza njengoSihlalo we-Audit Committee of the United Nations, u-Director of Standards e-Independent Regulatory Board for Auditors wabuye wavula i-Audit and Ethics Committee kanye ne-Committee for Auditing Standards in South Africa.
• Mnu. Lucas “Masterpieces” Moripe, iqhawe lebhola lezinyawo laseNingizimu Afrika elaziwa ngabalandeli bakhe ngokuthi u-“God of Football”. Umlando wakhe uyohlale ukhona e-Lucas "Masterpieces" Moripe Stadium e-Atteridgeville, esethiwa ngaye ngowezi-2010.
• Mnu. Breyten Breytenbach, imbongi yaseNingizimu Afrika, umbhali wamanoveli, umdwebi wezithombe nobeyisishoshovu. Ubaziwa kakhulu njengembongi egxekayo nobehlale egxeka uhulumeni wobandlululo.
• Mnu. Jean-Jacques Cornish, intatheli eyingqalabutho, umhleli nomsakazi wezindaba zase-Afrika, owaqinisekisa ukuthi izindaba zaseNingizimu Afrika zixoxwa umhlaba wonke. Uphinde waba negalelo ekuqondeni izinselele zezwekazi namathuba.
Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485