Inkulumo Echaza Isimo Sezwe kaMhlonishwa u-Jacob G Zuma, uMongameli weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika ayethula ngenkathi Kuhleli Ngokuhlanganyela Izindlu Zombili zePhalamende eKapa

17 Jun 2014

Somlomo Wesigungu Sikazwelonke (i-NA),
Sihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP),
IPhini likaSomlomo We-NA kanye nePhini likaSihlalo we-NCOP,
IPhini likaMongameli weRiphabhulikhi, uMhlonishwa u-Cyril Ramaphosa,
IPhini likaMongameli Laphambilini, uKgalema Motlanthe,
UMhlonishwa iJaji Eliyinhloko leRiphabhulikhi kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile Ophiko Lwezobulungiswa,
ONgqongqoshe Abahloniphekile kanye namaPhini abo,
ONdunankulu kanye noSomlomo Bezifundazwe,
USihlalo we-Salga, kanye nabo bonke abaholi bohulumeni basekhaya,
USihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko,
Izinhloko Zezikhungo Zikahulumeni Ezeseka Ukubusa Ngentando Yeningi Labantu,
Abaholi bemikhakha yonke,
Amalungu ezindlu zamanxusa,
Malungu Ahloniphekile,
Izivakashi ezikhethekile neziqavile
Bantu baseNingizimu Afrika,

Good evening, sanibonani, molweni, riperile, dumelang, ndi madekwana, goeie naand.

Kuyintokozo enkulu ukuthi ngithule inkulumo phambi kwenu kulo mcimbi woKwethulwa Kwenkulumo Echaza Isimo Sezwe yokuqala ngaphansi kukakulumeni wehlandla lesihlanu obusa ngokwentando yeningi labantu.

Mangiqale ngokuzwakalisa ukudabuka okukhulu ngokudlula emhlabeni kukaNobhala Wephalamende, uMnu. Michael Coetzee.

Asisoze sililibale igalelo lakhe emzabalazweni wenkululeko kanye nendima ayidlalile kuhulumeni obusa ngokwentando yeningi labantu.

Ngeviki eledlule salahlekelwa futhi ngumama wethu, uMama u-Epainette Mbeki. Siyohlale sibukhumbula njalo ubuholi nobuhlakani bakhe. Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMbeki.

Sizwelana kakhulu nemindeni yamalungu Ombutho Kazwelonke Wezokuvikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF) ashone engozini enyantisa igazi yokuphahlazeka kwendiza enophephela emhlane esifundazweni saseMpumalanga eyenzeke namhlanje ngenkathi amasosha eziqeqesha.  Sibafisela ukululama okusheshayo bonke abalimele.

Bantu bakithi,

Esikhathini esifushane esedlule sibe nokhetho lukazwelonke olube yimpumelelo enkulu, obelubanjwe mhla ziyisi-7 kuNhlaba. Silangazelele ukusebenzisana nawo wonke amaqembu akhona lapha ePhalamende njengoba siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili.

Enkulumweni Echaza Isimo Sezwe engayethula ngoNhlolanja, ngakhuluma ngendaba emnandi yeminyaka engama-20 yenkululeko kanye nokubusa ngokwentando yeningi labantu.

Sakubeka ngokucacile ukuthi iNingizimu Afrika isiyizwe osekungcono kakhulu ukuphila kulona uma kuqhathaniswa nesimo eyabe ikusona ngowe-1994,nokuthi izimpilo zabantu bethu abayizigidi ngezigidi sezingcono kakhulu kunakuqala.

Kepha-ke, njengoba kuchaziwe oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye noMbiko WeHhovisi LikaMongameli Wokubukeza Iminyaka Engama-20, izimpilo zabantu abaningi namanje zisakhahlemezekile ngenxa yezinselelo ezintathu esibhekene nazo, ububha, ukungalingani kanye nokuntuleka kwamathuba emisebenzi.

Njengoba singena esigabeni sesibili soguquko lwethu, sisuka kwinqubo yobandlululo singena emphakathini obusa ngokwentando yeningi labantu, kumele siqalise uguquko olunohlonze kwezenhlalo-mnotho ukuze sinqobe lezi zinselelo ezintathu esibhekene nazo.

Uguquko ngeke lwenzeke uma singathathi izinyathelo ezinqala zokungenelela.

Sesiqalise uHlelo Lokusebenza olususelwe kuMhlahlandlela Wokhetho waKhongolose kanye ne-NDP.

Umnotho uzobekwa eqhulwini kulolu hlelo. Namanje sisenenkolelo eqinile yokuthi isikhali esinamandla kakhulu esingasisebenzisa emkhankasweni wethu wokulwisana nobubha, yisikhali sokuvulwa kwamathuba emisebenzi osezingeni elamukelekile, kanye nokuthi ukusungulwa kwamathuba emisebenzi kudinga umnotho okhula ngesivinini esikhulu kakhulu kunakuqala.

Sizibekele umgomo wokukhuliswa komnotho ngamaphasenti amahlanu  uma kufika owezi-2019. Ukuze sifinyelele kulo mgomo, sizoqalisa izinyathelo ezahlukahlukene kanye nezinhlelo zokungenelela ukuze sinike umnotho amandla okusimama.

Lo mgomo siwubeke ngesikhathi esinzima. Umnotho ukhule ngolonwabu kunalokho obekulindelekile kule minyaka emithathu edlule futhi amakhaya amaningi abhekene nobunzima.

Ukufadalala komnotho emhlabeni ngesinye sezizathu ezibangele ukudodobala kwesivinini sokukhula komnotho, kanti futhi esesibili isizathu yizinkinga eziphathelene nezimo eziqhubekayo ngaphakathi ezweni, njengeziteleka ezidonsa isikhathi eside futhi kwesinye isikhathi ezihambisana nodlame, kanye nokushoda kwamandla kagesi.

Njengoba sazi ukuthi ubudlelwano obungebuhle phakathi kwabasebenzi nabaqashi bunomthelela omubi emnothweni, kusemqoka kakhulu ukuthi bonke ababambiqhaza bomphakathi bahlanganise amakhanda babhunge ngempicabadala yeziteleka ezihambisana nodlame futhi ezithatha isikhathi eside. 

Ababambiqhaza bomphakathi kumele futhi babhunge ngodaba lwamaholo angalingani. Ngasohlangothini lwethu njengoHulumeni, kuleli hlandla lokuphatha sizokwenza ucwaningo ngokuthi kungenzeke yini ukuthi kumiswe umkhawulo wamaholo kazwelonke okungeze kwadlulwa ngaphansi kwawo kumsebenzi ngamunye njengenye yezindlela zokunciphisa igebe phakathi kwamaholo abantu.

IPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa lizomema bonke ababambiqhaza bomphakathi ukuthi beze kuhlalwe phansi kufakwane imilomo, ngaphansi kwesithangami se-Nedlac.

Okwesibili, uHulumeni uzoyidlala indima yakhe ekuqalisweni kokusebenza koHlaka oluyingqophamlando Lwesivumelwano Semboni Yezezimayini Esimeme esasayindwa ngabasebenzi, abamabhizinisi kanye nohulumeni ngonyaka odlule, ngaphansi kobuholi bePhini likaMongameli laphambilini, uKgalema Motlanthe.

Lolu hlelo manje seluzoholwa nguMongameli.

Sizoqalisa ukusebenza kwesibopho nesithembiso sokwakha izindlu nezinye izidingongqangi ngenhloso yokuvuselela amadolobha akhelene nezimayini, njengengxenye yesivumelwano esenziwa ngabamabhizinisi, uhulumeni kanye nabasebenzi ngoMfumfu 2012.

Sizogxila kakhulu ezindaweni ezakhelene nezimayini e-Matlosana, Emalahleni, Sekhukhune, Lephalale, West Rand kanye ne-Matjhabeng.

Selisunguliwe iKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Elizolawula Umsebenzi Wokuvuselelwa Kwemiphakathi Ekhahlamezekile Eyakhelene Nezimayini ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe Wehhovisi LikaMongameli owengamele Ukuhlela, Ukuqapha Nezokuhlolwa Komsebenzi, uMnu. Jeff Radebe.

Amalungu aleli komidi abandakanya uNgqongqoshe Wezimbiwa Nezamandla, Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, Wezohwebo Nezezimboni, Wezokuthuthukiswa Komphakathi, Wezabasebenzi, Wezokuhlaliswa Kwabantu, Wezempilo, Wezokuthuthukiswa Komnotho kanye Nowezezimali.

Ngenhloso yokugqugquzela ukwenziwa ngcono kwezimo abaphila ngaphansi kwazo abasebenzi basezimayini, uHulumeni uqaphe ngeso lokhozi ukuthi izinkampani zezimayini ziyayifezekisa yini imigomo ebekwe ngaphansi kusoMqulu Wezezimayini, ephathelene nokwenziwa ngcono kwezimo abaphila ngaphansi kwazo abasebenzi basezimayini.

Izinkampani kulindeleke ukuthi ziguqule noma ziphucule amahositela ukuze abe yizindlu ezisesimweni sokuhlalisa imindeni, nokuthi futhi kube namagumbi azohlalisa umuntu ngayedwa egunjini ngalinye futhi kulekelelwe abasebenzi basezimayini ukuthi bazitholele izindlu okungezabo.

Sinxusa izinkampani ukuthi ziwuhloniphe umnqamulajuqu wezi-2014 wokufezekiswa kwale migomo ukuze abasebenzi nabo balithokozele leli lungelo lokuba nesithunzi njengabantu.

Malungu Ahloniphekile,

Zivakashi ezikhethekile neziqavile,

Izinga eliphansi lotshalomali yisithiyo esikhulu esivimbela ukukhula komnotho. Sizimisele ukusebenzisana nemboni ezimele ngenhloso yokususa imigoqo evimbela utshalomali.

Singajabula ukubona nemboni ezimele ikhombisa ukuwuthemba umnotho waleli lizwe ngokuthi batshale izimali njengoba kwenza uhulumeni.

Sizoqhubeka nokuxoxisana nabamabhizinisi mayelana nokugqugquzelwa kokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu ukuze kwakhiwe umphakathi ochumile nophumelelayo. Mayelana nalokhu-ke, ngizobiza umhlangano weThimba Lokusebenza likaMongameli.

Emva komhlangano wokugcina weThimba Lokusebenza ngonyaka odlule, kwasungulwa imikhakha yokusebenza eyisithupha futhi le mikhakha selokhu ixoxisana ngenhloso yokuthola amakhambi okususa imigoqo ehlukahlukene evimbela abatshali zimali ukuba benze umsebenzi webhizinisi eNingizimu Afrika.

Lezi zindaba zaphakanyiswa futhi nangabanikazi kanye nabaphathi abakhulu bongxiwankulu engabamba nabo imihlangano enohlonze emithathu ehlukene  eMahlamba Ndlopfu ngoLwezi nangoZibandlela ngonyaka odlule.

Umhlangano olandelayo weThimba Lokusebenza uzoqhubekisela phambili ukubambisana okuhloswe ngakho ukuletha ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu kanye nokuthuthuka okuzinzile.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Kumele sibhekane nenkinga yokushoda kwamandla kagesi ezweni ukuze sakhe isimo esizogqugquzela ukukhula komnotho.

Uhlelo olube yimpumelelo lokufakwa kukagesi emakhaya noluguqule izimpilo zabantu emakhaya amaningi belwenziwa ngokuthi kusetshenziswe imithombo kagesi wokuzenzela, okuyimithombo eyayingakhelwanga ukumelana nokuxhunyelwa kwezinkumbi zabantu amandla kagesi.

Lesi simo sidinga ukuthi kulethwe uguquko olunohlonze emkhakheni wamandla kagesi, ukuze kuthuthukiswe ukusetshenziswa okusimeme kwemithombo kagesi eyingxube nebandakanya amalahle, ilanga, umoya, amanzi, igesi kanye nowenonzi.

Lolu guquko luzodinga ukuthi iminyango kahulumeni, izinkampani zikahulumeni ezithintekayo kanye nezimboni zonkana zenze izinguquko ezifanelekile kwindlela ababhekana ngayo nezinselelo eziphathelene nogesi.

Uhlelo lwamandla kagesi nalo lunxusa ukuthi kutshalwe izimali kwenezelwe nabasebenzi embonini yamandla kagesi. 

Kuzodingeka futhi ukuthi sihlonze izindlela ezinobuhlakani zokusheshisa uhlelo lukahulumeni lokuthenga nokuhlinzekwa kwezidingo embonini yamandla kagesi. 

Ukuze kulungiselelwe isimo sokusebenza esinazo zonke izidingo ezifunekayo, sisohlelweni lokuguqula iKomidi Lekhabhinethi Lesigungu Esiphezulu Elengamele Umsebenzi Wezenonzi kanye Nogesi Kuzwelonke libe yiKomijana Lekhabhinethi Elizoqinisekisa Ukutholakala Kukagesi Owanele. 

Leli komijana yilona elethweswe umsebenzi wokuqapha, ukudidiyela kanye nokuqondisa imisebenzi eyenziwayo embonini yamandla kagesi.

Leli komijana lizophinde liqinisekise ukuthi inkampani yakwa-Eskom ithola ukwesekwa ekudingayo ukuze ifeze umsebenzi wayo ngempumelelo futhi iqhubeke nokugxila ekufezekisweni kwezinhloso zayo kanye nemigomo ezibekele yona.

Ukuze sikwazi ukufezekisa izinhloso zethu zokuqinisekisa ukutholakala kukagesi owanele, izinkampani zikahulumeni eziyingxenye yeMboni Yamandla Kagesi, njengo-Eskom, iNhlangano yaseNingizimu Afrika Yamandla Kagesi Wenonzi kanye Nesikhwama Sokuxhaswa Kwemiklamo Kagesi kumele ziqinisekise ukuthi manje sezihambelana nezindima zazo esezihlelwe kabusha ukufeza lezi zinhloso.

Umsebenzi kumele wenziwe ezingeni lobuchwepheshe kuzo zonke izinhlobo zamandla kagesi, ikakhulu ugesi wenonzi kanye negesi embiwa emadwaleni ngaphansi komhlaba, mayelana nokuxhaswa ngezimali, ezokuphepha,  nokusetshenziswa kwalokhu, kanye nokukhiqizwa kwalokhu kuleli lizwe.

Inonzi ingakwazi ukuphehla umthamo kagesi owevile kumamegawathi ayizi-9000, ngenkathi igesi embiwa emadwaleni ngaphansi komhlaba ibonwa njengento ezoshintsha izinto emnothweni wethu.

Umsebenzi wokudonsa igesi emadwaleni angaphansi komhlaba sizowenza ngokuthobela imithetho yethu yezemvelo.

Kuneminye futhi imisebenzi ephuthumayo esiyenzayo, ehlelelwe isikhathi esifushane. Sizokhushulwa isivinini sokwakhiwa kwesiteshi sokuphehla ugesi iMedupi.

Zizosheshiswa izinhlelo zokuxhaswa ngezimali komsebenzi wokwakhiwa kwesiteshi esilandelayo esikhulukazi esiphehla amandla kagesi ngamalahle, esibizwa nge-Coal 3, ukuze kuqaliswe inqubo yokuthola izinsiza kanye nabakhi abazodingeka kulo msebenzi.

Sizoqhubeka nesigaba sesine sohlelo lwabakhiqizi abazimele bagesi ovuselelekayo, ukuze sisebenzise ithuba lokuphehla amandla kagesi ngomoya, ilanga, izitshalo kanye nobunye ubuchwepheshe obukhulisa amathuba okuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Kunemizamo esiyenzayo yokusebenzisana namazwe angomakhelwane bethu ngenhloso yokuqinisekisa ukutholakala kwamandla kagesi anele kuleli lizwe.

NgoMfumfu ngonyaka odlule sasayinda isivumelwano somklamo kagesi ophehlwa ngamanzi esibizwa nge-Grand Inga Hydro Power Project Treaty kanye nezwe laseCongo. Lo mklamo omkhulukazi futhi obalulekile ungasihlinzeka ngomthamo wamandla kagesi ophehlwa ngamanzi ongamamegawathi ayizi-40 000.

Izwe lethu lizohlomula kakhulu kulo mklamo oyingqophamlando.

Ukulungiselela ukuqaliswa kohlelo lwamandla kagesi, kumele siphothule ukushaywa komthetho ophathelene nokuhlelwa kabusha kwemboni yamandla kagesi njengoba kubaluliwe kuMthethosivivinywa Wezinkampani Ezizimele Ezisebenza Ezimakethe Zokuphehlwa Kwamandla Kagesi, noHlelo Oludidiyelwe Lwezinsiza kanye nezinye izinqubomgomo ezithinta iMboni Yamandla Kagesi.

Malungu Ahloniphekile,
Zivakashi ezikhethekile neziqavile,

Siyisizwe esimatasatasa, esiphezu komsebenzi.

Ngaphezu kwezinhlelo zethu zokungenelela ezinkulu zokuqinisekisa ukutholakala kwamandla kagesi owanele, sizoqhubeka nokusebenzisa uHlelo Lukazwelonke Lwengqalasizinda oselube nempumelelo enkulu, ngaphansi kweso leKhomishana kaMongameli YokuqondisaIngqalasizinda, ezweni lonkana.

Kule minyaka emihlanu edlule, sitshale imali elinganiselwa kuzigidintathu kungqalasizinda entsha ngenhloso yokuhlinzeka ngamanzi, ugesi, ezokuthutha, ukuthuthwa kwendle, izikole nemitholampilo kanye nohleloxhumano kubantu bethu.

Kule minyaka emithathu ezayo, sizochitha imali eyizigidigidii ezingama-R847 kwingqalasizinda kanye neminye imiklamo eminingi ezoqalwa ukwakhiwa noma ezophothulwa.

Uzoqhubeka umsebenzi wokwakhiwa kweDamu uMzimvubu eMpumalanga Kapa, kanjalo nomsebenzi wokuphakanyiswa kobonda lweDamu i-Clanwilliam eNtshonalanga Kapa.

Kule minyaka emihlanu ezayo kuzophothulwa ingxenye enkulu yomsebenzi wokwakhiwa kweSigaba sesibili somklamo wamanzi obizwa nge-Lesotho Highlands Water Project.

Kule minyaka emihlanu ezayo, sizophothula ukwakhiwa kwezindishi ezevile kuma-60 zesibonakude i-MeerKat futhi sizoqalisa uhlelo lokwakhiwa kwezindishi eziyizinzwangomoya (eziqoqa ulwazi ngomoya) zokuqala eziyi-100 zesibonakude i-Square Kilometre Array.

Ingqalasizinda yezolwazi nokuxhumana kanye nemisebenzi yezohleloxhumano kubandakanya nohleloxhumano olunesivinini esikhulu kanye nezokusakaza ngohlelo oluyidijithali, sizoyandisa, siyenze ibe ngeyesimanjemanje futhi ifinyeleleke nangokwezimali.

IKhabhinethi yalwamukela uhlelo olubizwa nge-“South Africa Connect”, okuyiSu Nenqubomgomo yoHleloxhumano Olunesivinini Esikhulu, ngoZibandlela ngonyaka odlule ukuze lo msebenzi uqhutshwe uye phambili.

Sizoqhubeka nokusungula eminye imiklamo ehlukahlukene ezoguqula isimo senhlalo yabantu bethu futhi isimamise nomnotho.

Bantu bakithi,

Uhlelo lwethu lokuletha uguquko olunohlonze kwinhlalo-mnotho luzothatha elinye igxathu ngokuqaliswa kokusebenza koHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezezimboni.

Sizogqugquzela ukuthengwa kwezimpahla ezakhiwe kuleli lizwe kanye nokukhuliswa komsebenzi wokukhiqizwa kwezimpahla ngaphakathi ezweni, ngokuthi umbuso uthenge izimpahla nemisebenzi okubalelwa kuma-75% kubakhiqizi baseNingizimu Afrika.

Phakathi kokunye okuningi, sizosebenzisa umkhakha kagesi ovuselelekayo, nokwakhiwa kwamabhasi, nezinkontileka zakwa-Transnet zokwakhiwa kwezitimela ezizodla imali eyizigidigidi ezingama-R50 kanye nemiklamo ye-PRASA yezitimela ezithwala abagibeli, ukuze sigqugquzele ukwakhiwa kwezimpahla kuleli lizwe kanye nokukhuthaza ukukhula komnotho.

Kule minyaka emihlanu ezayo sizogqugquzela ukuthuthukiswa komnotho wezifunda kanye nokusungulwa kwezimboni, ngohlelo lokusungula Izizinda Ezikhethekile Zomnotho ezweni lonkana.

Sizoqhubeka nokweseka ngemihlomulo, ukuncintisana embonini yezimoto, yezingubo zokugqoka, yesikhumba, yezicathulo kanye neyendwangu, ngoba lezi yizimboni eziqasha abantu abaningi.

Malungu ahloniphekile,

Nakuba amazwe omhlaba ahwebelana kakhulu neNingizimu Afrika ebhekene nezimo ezinzima kwezohwebo, umkhakha wezokuvakasha kuleli lizwe uqhubekile nokukhula ngendlela egculisayo ngowezi-2013, njengoba isibalo sabantu bakwamanye amazwe abavakashele kuleli sikhule safinyelela ezigidini eziyisi-9,6 okuyisibalo esiphezulu kunazo zonke emlandweni.

Abantu bayalithanda izwe lethu futhi bayaqhubeka nokuvakashela eNingizimu Afrika.

Sizibekele umgomo wokukhulisa inani lezivakashi zakwamanye amazwe ezivakashela leli lizwe lifinyelele ngaphezu kwezigidi eziyi-15 ngonyaka uma kufika owezi-2017.

Sifuna futhi ukukhuphula igalelo lemboni yezokuvakasha ngokuthi siqinisekise ukuthi le mboni ingenisa imali eyevile ezigidigidini  eziyi-R125 emgodleni wezimali wakuleli lizwe uma kufika owezi-2017.

Kule minyaka emihlanu ezayo, sizoqinisekisa ukuthi sikubeka eqhulwini ukwesekwa kwamabhizinisi asafufusa, futhi seseke ikakhulu namabhizinisi asemalokishini kanye nalawo asezindaweni eziyimijondolo, ngokusebenzisa uhlelo lokuthuthukiswa kwamaBhizinisi asemaNcane nasaFufusa ukukhuthaza uhlelo lokufukulwa kwabantu abamnyama kwezomnotho.

Sizoqinisa ukuqaliswa kokusebenza koMthetho Wohlelo Olubanzi Lukazwelonke Lokuthuthukiswa KwabaMnyama Kwezomnotho  ochitshiyeliwe kanye noMthetho Wokulingana Emsebenzini, ukuze siguqule ubunikazi, ukuphathwa kanye nokulawulwa komnotho.

Sizogqugquzela ukusungulwa kwezinhlelo ezithe xaxa zokunikeza abasebenzi kanye nomphakathi ithuba lokuba ngabanikazi bamasheya futhi sikhuthaze ukubamba iqhaza kosomabhizinisi abamnyama ekuvuselelweni kabusha emnothweni ngohlelo lokusungulwa kwezimboni.

Bantu bakithi,

Inani eliphelele lempahla yeziKhungo zethu Zemali Yentuthuko libalelwa ezigidigidini ezingama-R230.

Noma kunjalo-ke, igalelo lazo kwezentuthuko alisabalele ngokwanele ukuze kuhlomule abantu abahlukahlukene futhi izinhlelo zalezi zikhungo azilawulwa kahle nangendlela ehambelanayo. 

Lezi zikhungo zizohlelwa kabusha kule minyaka emihlanu ezayo ukuze zibe yizinjini ezinamandla eziqhuba ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho. 

Kusenjalo, iBhange Leposi lizothola ukwesekwa ukuze lihambe phambili ekuhlinzekeni abantu abahlwempu kanye nabasebenzi ngethuba lokuthola izinsiza ezihlinzekwa ngamabhange.

Malungu Ahloniphekile,

Zivakashi ezikhethekile neziqavile,

Ukufukulwa kwentsha kwezomnotho kuzobekwa eqhulwini ohlelweni lwethu lokuletha ushintsho kwezomnotho.

UHulumeni uzokwethula ezinye izinyathelo zokusheshisa ukuqashwa kwabantu abasha, njengokusho kweSivumelwano Sokuqashwa Kwentsha.

Sizosikhulisa isibalo sezikhala zokuqeqeshelwa emsebenzini emkhakheni kahulumeni, lapho umnyango ngamunye wahulumeni kanye nezikhungo zikahulumeni kuzodingeka zamukele abantu abazoqeqeshelwa emsebenzini ukuze bafundiswe umsebenzi.

Imboni ezimele ikwamukele ngomdlandla omkhulu ukwethulwa kwesibonelelo sentela ukuze kugqugquzelwe ukuqashwa kwentsha. Ezinyangeni ezinhlanu nje kuphela, bayizi-133 000 abasebenzi asebehlomulile kulolu hlelo lwezibonelelo zentela futhi bayizi-11 000 abaqashi abayingxenye yalo.

Iningi labantu abaqashiwe liqashwe emkhakheni wokuthengisa nokukhiqizwa kwempahla kanye nemboni yezezimali.

Somlomo Ohloniphekile,

Sihlalo Ohloniphekile,

Kusukela ngowezi-2004 uHulumeni ubeqhuba uHlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi (i-EPWP) oselube yimpumelelo enkulu, oluhlinzeka abantu abangasebenzi ngamathuba emisebenzi kanye nokuqeqeshwa kwabangasebenzi. Isigaba esisha salolu hlelo sizohlinzeka amathuba emisebenzi ayizigidi eziyisithupha uma kushaya owezi-2019. Sizokwakhela phezu kwempumelelo yeminyaka embalwa edlule.

Kule minyaka emine edlule, abalelwa ezigidini ezine amathuba emisebenzi avulekile.

Izinhlelo ze-EPWP zokubhekelela imvelo ezinjengohlelo lokuphathwa kwemfucuza, izindawo ezingamaxhaphozi, ezamanzi, ezemililo yequbula kanye nohlelo lwemiSebenzi Yentsha Kwezemvelo nazo zizothuthukiswa kusukela esikhathini samanje kuyofinyelela kowezi-2019, ngenhloso yokweseka ukuthuthukiswa kwentsha.

Ngaphezu kwalokho, uHlelo Lwemisebenzi Yomphakathi oluholwa ngohulumeni basekhaya luzokhuliswa ukuze kuthi uma kuphela owezi-2019 lube seluhlinzeke amathuba emisebenzi ayisigidi.

Bantu bakithi,

Sihlonze ezolimo njengomkhakha ophambili ekwakheni amathuba emisebenzi. Umgomo esizibekele wona ukusungula amathuba emisebenzi ayisigidi ngowezi-2030.

UHulumeni uzohlinzeka abalimi abasafufusa ngokwesekwa okuphelele, ngokuba aphangise uhlelo lokwabiwa komhlaba kanye nokubahlinzeka ngolwazi nokuqeqeshwa okuphathelene nomsebenzi wokulima, nosizo oluphathelene nengqalasizinda nokuxhaswa ngezimali. 

Nemiphakathi izothola ukwesekwa ukuze ibambe iqhaza ekukhiqizweni kokudla kanye nokulima ngenhloso yokuzitholela okuya ngasethunjini ukuze kuqinisekiswe ukuthi kuleli lizwe ikati alilali eziko, ngokohlelo lokukhiqizwa kokudla i-FetsaTlala.

Sizophangisa uhlelo lokuphothulwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba ezisilele ezafakwa ngaphambi kosuku lomnqamulajuqu wonyaka we-1998. Sizosivula kabusha isikhathi sokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba, futhi lesi sikhathi sizoba yiminyaka emihlanu, futhi sizolufakela izibuko udaba lokushiywa ngaphandle kwezizukulwane zaBathwa nama-San ngenxa yomnqamulajuqu obekiwe wokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba kusukela ngowe-1913.

Somlomo Ohloniphekile,
Sihlalo Ohloniphekile,

Amazwe ase-Afrika eNingizimu Yogwadule lwe-Sahara ayaqhubeka nokuba ngamazwe abaluleke kakhulu ahwebelana nelizwe lethu. Kuyasikhuthaza ukubona ukuthi imali etshalwe yiNingizimu Afrika kuleli zwekazi ikhulile isuka ezigidigidini  eziyisi-R5,5 ngowezi-2002 yafinyelela ezigidigidini ezingama-R32,3 ngowezi-2013.

Futhi liyakhula minyaka yonke inani lempahla ephuma kuleli lizwe ethunyelwa kwamanye amazwe ase-Afrika, njengoba likhule lafinyelela kuma-28,5% lisuka kuma-22,6% ngowezi-2002.

INingizimu Afrika izoqhubeka nokugqugquzela ukudidiyelwa kwesizinda okubanzi ngokusebenzisa Inhlangano Yokuhwebelana Kwamazwe Aseningizimu ne-Afrika, i-SADC kanye neNdawo ehlongozwayo Yombimbi Lwezizinda Ezintathu Ezizohwebelana Ngokukhululeka lokhu kufaka phakathi iMpumalanga neNingizimu ye-Afrika.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Sifisa ukubona abantu bethu beluthokozela usizo abaluhlinzekwa ngohulumeni basekhaya.

Sizizwile izikhalazo neziphakamiso zabantu baseNingizimu Afrika kule minyaka emihlanu edlule, mayelana nokusebenza komasipala.

Manje ngithanda ukunixoxela ngohlelo lwethu lokusebenza esizolusebenzisa ukuvuselela ohulumeni basekhaya.

Omasipala bethu bakhelwe phezu kwesisekelo esiqinile, esakhiwe kule minyaka engama-20 edlule yokubusa ngokwentando yeningi labantu.
Senze ucwaningo lokuhlaziya nokuhlola bonke omasipala bethu.

Siyihlolile indlela abalawula ngayo izimali, nendlela abasebenza ngayo ngaphansi kwezinqubo zokushaywa komthetho kanye nekhono labo lokuqalisa imiklamo kanye nokubhekana nezinkinga zokushoda kwezinsiza namakhono okwenza umsebenzi.

Siphinde sabuka nendlela ababhekana ngayo nemibhikisho ephathelene nokugqoza kwezidingongqangi. Kunezinto eziningi ezenziwe ngempumelelo komasipala abaningi. Kodwa-ke, kusenezinselelo eziningi kwabanye omasipala.

Kuyintokozo enkulu ukubona ukuthi kunomasipala abayishumi nanye abakhombisa ukuba yisibonelo esihle ngokuthola imibiko emihle minyaka yonke yokucwaningwa kwamabhuku, nokusebenzisa kahle isibonelelo sengqalasizinda yomasipala kanye nokuhlinzekwa kwezidingongqangi.

Omasipala abayishumi nanye engikhuluma ngabo yilaba abalandelayo:
1. Umasipala Wesifunda saseNkangala.
2. Umasipala Wesifunda sase-Cacadu.
3. Umasipala Wesifunda sase-Zululand.
4. Umasipala Wesifunda saseMzinyathi.
5. Umasipala Wesifunda Ilembe.
6. Umasipala Wendawo yase-Knysna.
7. Umasipala Wesifunda sase-West Coast.
8. Umasipala Wendawo yase-Matzikama.
9. Umasipala Wendawo yase-Mossel Bay.
10. Umasipala Wendawo yase-Breede Valley kanye
11. Nomasipala Wendawo yase-Steve Tshwete.

Siyabahalalisela labo masipala ngomsebenzi wabo omuhle.

Ukuhlolwa okunzulu komasipala abahlukahlukene kukhombisile lapho bedinga khona usizo nokwesekwa.

Sizohlinzeka omasipala abalandelayo ngosizo, phakathi kwabanye:
Umasipala Wesifunda Amathole eMpumalanga Kapa, iBhange Lentuthuko Yamazwe Ase-Afrika AseNingizumu  lizowuhlinzeka ngezimali zokuthuthukiswa kwengqalasizinda.

Kuzoqaliswa imiklamo ehlukahlukene eyikhulu, ikakhulu emkhakheni wezokuphakelwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle futhi kuhloswe ukuthi le miklamo iphothulwe kulezi zinyanga eziyi-12 ezilandelayo.

Umasipala Wesifunda saseMzinyathi, KwaZulu-Natali, uzohlinzekwa ngezimali zokuthuthukiswa kwemiklamo yokwakhiwa kwengqalasizinda, futhi kuzobhekelelwa ikakhulu ukufakwa kukagesi emakhaya.

Omasipala bendawo abazohlomula kulolu sizo babandakanya uMsinga, Umvoti kanye neNquthu.

Umasipala Wesifunda i-Alfred Nzo eMpumalanga Kapa, uzohlinzekwa ngezimali zokwakha imiklamo yokuthuthukiswa kwengqalasizinda, futhi kuzobhekelelwa ukuphakelwa kwamanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nokufakwa kukagesi.

Omasipala bendawo abazohlomula babandakanya uMasipala waseMbizana kanye noMasipala waseNtabankulu, abahlinzeka ngezidingo abantu ababalelwa kwisigidi.

UMasipala WaseLukhanji sizoweseka ukuze ukwazi ukuhlela kabusha indlela ophethwe ngayo bese futhi siqalisa izinhlelo zokuhlinzeka ngamanzi nogesi.

Sizowulekelela uMasipala Wesifunda i-OR Tambo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi uphethwe ngendlela efanele futhi kulungiswe nohlaka lukamasipala kuphinde kuphangiswe nokuqaliswa kweziNhlelo Zokungenelela KukaMongameli.

Umasipala WaseMbhashe sizoqalisa kuwo ukusebenza kwezinhlelo zokuphathwa kwemfucuza futhi silungise nenkinga yokudungeka nokungcola kwamanzi.

Umasipala Wesifunda i-Ngaka Modiri Molema esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga, uhulumeni kazwelonke uwuzohlinzeka ngosizo futhi asebenzisane neBhange Lentuthuko Yamazwe Ase-Afrika AseNingizumu ukuze kuxazululwe udaba lokuhlinzekwa ngezimali zengqalasizinda yokuphakelwa ngamanzi kanye nokuthuthwa kwendle.

Sizohlinzeka iDolobha laseGoli eGauteng ngosizo lokuxazulula izinkinga eziphathelene nokukhishwa kwezincwadi zezikweleti zikagesi ezinamaphutha.

Sizohlinzeka uMasipala Wase-Moqhaka eFreyistata ngosizo lokuqeda uhlelo lokuthuthwa kwendle ngamabhakede kanye nezinselelo eziphathelene nezindlu zangasese ezingenazo izindonga.

Kusenjalo, uyaqhubeka umsebenzi wokuqeda ukuthuthwa kwendle ngamabhakede ezweni lonke. Futhi lokhu kuzoba yinto eseqhulwini kuThimba engilisungulile LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Elijutshwe Ukuthi Libhekane Nokuhlinzekwa Kwezidingongqangi. Leli thimba lizoholwa nguNgqongqoshe u-Pravin Gordhan.

Leli thimba kukhona kulo uNgqongqoshe Wezokuqapha Nezokuhlolwa Komsebenzi eHhovisi LikaMongameli, Wezokuhlaliswa Kwabantu, Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, Wezokuthutha, Wezasekhaya, Wezamabhizinisi Kahulumeni, Wezamandla, Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba, Wezempilo kanye noWezemfundo Eyisisekelo.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Omunye umkhakha obaluleke kakhulu okuzogxilwa kuwona kohulumeni bendawo kule minyaka emihlanu ezayo kuzoba ukubhekana nokufudukela kwabantu emadolobheni okwenzeka ngesivinini esikhulu.

INingizimu Afrika seyiqalile ukuba yizwe elinabantu abaningi abahlala emadolobheni. Ngowezi-2011 cishe bangama-63% abantu bethu ababehlala emadolobheni futhi lokhu kulindeleke ukuthi kuqhubeke kuleli nyakashumi elizayo.

Uhlaka lukahulumeni wethu Lwentuthuko Edidiyelwe Yasemadolobheni luzophothulwa ngaphambi komhla zingama-30 Ntulikazi 2014.

Lolu hlaka luzohlinzeka ngenqubo entsha ezolandelwa ngamadolobha aseNingizimu Afrika.

Luzokwethula uhlaka lwenqubomgomo ekhombisa ukuthi singahlelwa kanjani kabusha isimo senhlalo yasemadolobheni eNingizimu Afrika ukuze amadolobha abandakanye umuntu wonke, futhi akwazi ukusebenzisa izinsiza ngendlela efanele futhi abe yizindawo ezifanelekile umuntu angaphila kuzona kule minyaka engama-20 kuya kwengama-30 ezayo.

Sisonke masiqhubekisele ohulumeni basekhaya phambili!

Bantu bakithi,

Kule minyaka engama-20 edlule, kancane kancane siqhubekile nokwandisa usizo esilunikeza amakhaya adla imbuya ngothi ngokuthi sitshale izimali kwezezindlu, nezinhlelo zethu zokuhlinzekwa kwezibonelelo zomphakathi futhi saqinisekisa ukuthi bonke abantu bayithola kalula imfundo kanye nosizo lwezempilo oluhlinzekwa emitholampilo.

Kulesi sikhathi esizayo, sizoqhubeka nokuqinisa izinhlelo zokunciphisa ububha.

Sizoqhubeka nokutshala izimali kwezemfundo nokuthuthukiswa kwamakhono njengoba lokhu kuyikho okusemqoka ekukhulisweni komnotho kanye nentuthuko. Sidinga onjiniyela, abasebenzi bagesi, opulamba, odokotela, othisha kanye nabanye abasebenzi abaqeqeshiwe emikhakheni ehlukahlukene ukuze sakhe umnotho wezwe lethu.

Ngakho-ke imfundo izoqhubeka nokuba seqhulwini kulo hulumeni. Sizoqhubeka nokugqugquzela ukufinyelela kwemfundo kubo bonke abantwana ngokuthi siqinisekise ukuthi basesikoleni bonke abantwana abaneminyaka yobudala ephakathi kweyisikhombisa neyi-15.

Sizokwandisa isibalo sabafundi beBanga le-12 abathola imiphumela ebavumelayo ukuthi bayofunda emanyuvesi, sisuka kwabayizi-172 000 ngowezi-2013 sifinyelele kwabayizi-250 000 ngowezi-2019.

Ngonyaka odlule, eMpumalanga Kapa besivula okungenani isikole esisodwa esisha njalo ngeviki futhi sizoqhubeka nokuqeda izikole ezakhiwe ngodaka kanye nezinye izakhiwo ezingekho esimweni esifanelekile.

Isibalo sabafundi abasemanyuvesi kanye nasemakolishi sikhulile kule minyaka edlule. NgoMandulo, abakhi bazoqala umsebenzi wokwakha amanyuvesi amasha eNyakatho Kapa kanye naseMpumalanga.

Ngenyanga kaMasingana ngonyaka ozayo, kuzobhaliswa iqembu lokuqala labafundi abazofundela ubudokotela enyuvesi entsha yezobudokotela eLimpopo.

Ngaphezu kwalokho, kuzokwakhiwa amakolishi okuqeqesha nawokufundela umsebenzi owenziwa ngezandla ayi-12 ukuze kwandiswe isibalo sabantu abanamakhono emisebenzi eyenziwa ngezandla emikhakheni ehlukahlukene  kuleli lizwe.

Bantu bakithi,

Sisonke kumele siqhubeke nokulwisana nezidakamizwa kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa ezikoleni nasemiphakathini yethu. Sizokubeka eqhulwini futhi nokuphepha ezikoleni, nokuhlinzekwa kwabafundi ngezinto zokuthutha futhi siqinisekise ukuthi abafundi bayakuthola ukunakekelwa kwezempilo.

Emkhakheni wezempilo, sizosebenza ngokuzikhandla okukhulu kunakuqala ukuqinisekisa ukuthi iminyaka yokuphila kwabantu iyakhuphuka isuka kwengama-60 ngowezi-2012 iyofinyelela kwengama-63 ngowezi-2019.

Uzoqhubeka umkhankaso wokunciphisa amazinga okushona kwabantwana kanye nomama ngenkathi bebeletha.
Lokhu kuzodinga ukuthi kuqaliswe ukusebenza koMshwalense Kazwelonke Wezempilo futhi kwenziwe ngcono nezinga lokunakekelwa kwezempilo okutholakala ezikhungweni zomphakathi.

Sizokwakhela phezu kwempumelelo yohlelo lwethu lokwelashwa nokwesekwa kwalabo abanegciwane leSandulela-Ngculazi (i-HIV) kanye neNgculazi, ngokuthi sandise okhukhulelangoqo bemikhankaso yethu yokuqwashisa abantu ngezindlela zokuvimbela igciwane le-HIV.

Bantu bakithi,

Sizoqhubeka nokwenza ngcono umsebenzi wethu omuhle wokugqugquzela ukufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane.

UNgqogqoshe weHhovisi likaMongameli owengamele Ukuthuthukiswa kwaBesifazane, uNkk Susan Shabangu, uzosebenzisana neminyango nezikhungo zikaHulumeni, nabemboni ezimele kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, ukuze kugqugquzelwe ukufukulwa nokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho yabesifazane kanye namalungelo esintu.

Ngenhloso yokuqinisa konke lokho esikuzuzile ngaphansi kwentando yeningi yethu, sizoqhubeka nokuphucula nokwenza ngcono izimpilo zabantu abakhubazekile kule minyaka emihlanu ezayo.

Sizosebenzisana nemboni Yabakhubazekile ukuhlonza izingxenye ezibalulekile okumele sigxile kuzona ngenhloso yokufezekisa iqhaza leNingizimu Afrika njengelinye lamazwe asayinda Isivumelwano Senhlangano Yezizwe Esiphathelene Namalungelo Abantu Abakhubazekile kanye Nezinqubo Neziphakamiso zaso Ezingaphoqelekile.

Okunye ukungenelela okubalulekile kuleli hlandla lokuphatha kuzoba ukuphothula iNqubomgomo Kazwelonke Yamalungelo Abantu Abakhubazekile efaka phakathi noHlaka Lukazwelonke Lwamalungelo Abantu Abakhubazekile.

Le Nqubomgomo kanye noHlaka kuzoba ngumhlahlandlela wezinyathelo ezizohola uHulumeni ukugqugquzela umphakathi obandakanya wonke omuntu kanye nokugqugquzela ukubandakanywa kwabantu abakhubazekile ezinqubweni zokuthathwa kwezinqumo. 

Bantu baseNingizimu Afrika,

Ikhona inqubekelaphambili eyenziwe kule minyaka emihlanu edlule ukunciphisa amazinga amacala amabi kakhulu njengokubulala, ukubamba inkunzi okuhambisana nesihluku esikhulu, amacala abhekiswe kwabesifazane nezingane namanye amaqembu abantu abangakwazi ukuzivikela, kepha-ke noma kunjalo namanje izinga lalawa macala obugebengu lisaphakeme ngendlela engamukelekile neze.

Sisazoqhubeka nokwenza konke okusemandleni ethu ukunciphisa amazinga obugebengu.

Uphiko Olukhethekile Lwezokuphenya, neThimba Elilwa Nenkohlakalo, Nophiko Oludla Impahla Etholakale Ezenzweni Zenkohlakalo kanye noKlebe sebenze inqubekelaphambili ebonakalayo ekulwisaneni nenkohlakalo emphakathini wonkana kanye nasemkhakheni wezemisebenzi kahulumeni. Lo msebenzi uzoqhubeka kule minyaka emihlanu ezayo.

Zizolungiswa izinkinga zokungahambisi izinto ngendlela efanele emkhakheni wokuthengwa kwempahla nemisebenzi, nowezokuphatha kanye nezinhlelo zokuqhutshwa kwemisebenzi eyenziwayo, okuyinto ephazamisa ukusebenza kukahulumeni ngendlela egculisayo.

Esinye sezinyathelo ezibalulekile, esesiqalile ukusetshenziswa, wukulawulwa kwawo wonke umsebenzi wokuthengwa kwempahla nemisebenzi eHhovisi Lesikhulu Esiyinhloko Yokuthengwa Kwempahla Nemisebenzi esisoPhikweni Lukamgcinimafa Kazwelonke.

Sesiqalile ukuvivinya ukusebenza kwale ndlela entsha yokuthengwa kwempahla ngokuthi wonke umsebenzi wokuthengwa kwefenisha yezikole zaseMpumalanga Kapa ulawulwe yiHhovisi Lesikhulu Esiyinhloko Yokuthengwa Kwempahla Nemisebenzi. Le fenisha izothunyelwa kuzona zonke izikole zaseMpumalanga Kapa maphakathi nenyanga kaNcwaba 2014. 

Kuzokwethulwa izinyathelo zokuvimbela izisebenzi zikahulumeni kanye nabantu abamele umphakathi ukuthi bangasebenzisani nombuso kwezebhizinisi.

Lezi zinyathelo zizokwesekwa ngokwenza ngcono ukusetshenziswa koHlaka Lokudalulwa Kwezindaba Eziphathelene Nezimali, nokuqiniswa kwezinhlelo zokuvikela abantu ababika izenzo zenkohlakalo, kanye nokuhlinzekwa kweminyango kahulumeni ngosizo lokulawula ngendlela efanele ukuziphatha kwabasebenzi nokuqondiswa kwezigwegwe.
Bantu bakithi,
Kule minyaka emihlanu ezayo sizoqhubeka nokugqugquzela ukwakhiwa kwe-Afrika engcono kanye nomhlaba onobulungiswa.

INingizimu Afrika izoqhubeka nokweseka izinqubo zesizinda kanye nezezwekazi lase-Afrika ukuze kusonjululwe izinxushunxushu, kugqugquzelwe ukuthula nokuvikeleka, kuqiniswe ukusebenzisana kulesi sizinda, kukhushulwe kakhulu ukuhwebelana kwamazwe ase-Afrika, sigqugquzele futhi sizabalazele intuthuko esimeme ezwekazi lase-Afrika.

Lokhu kubandakanya ukweseka nokufezekisa izinqumo zeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika kanjalo nokugqugquzela umsebenzi wezinhlaka zayo.

Sizoqhubeka nokugqugquzela ukubambisana kwamazwe aseNingizimu ngokusebenzisa ubulungu bethu nokuxoxisana nezinhlaka zombimbi lwamazwe aseNingizimu.

Ngokufanayo sizoqhubeka nokugqugquzela ubudlelwano bethu namazwe aseNyakatho obuzowahlomulisa ngokulinganayo wonke amazwe athintekayo.

Sizoqhubeka nokuqinisa ukusimama komnotho, ukuhwebelana, kanye nokubambisana kwezokutshalwa kwezimali ne-BRICS ngokomsebenzi owenziwa yiThimba le-BRICS Elengamele Izindaba Zomnotho Nokuhwebelana.

Malungu Ahloniphekile,

Zivakashi ezikhethekile neziqavile,

Umbutho Wezokuvikela waseNingizimu Afrika wenza siziqhenye kakhulu kuleli lizwe njengoba ubambe iqhaza ezinhlelweni zokugcina uxolo kuleli zwekazi.

Lizoqhubeka leli qhaza elibanjwe ngumbutho wezokuvikela futhi uhulumeni ulufakela izibuko udaba lokuhlinzekwa kwe-SANDF ngezinsiza ezifanelekile ngokwesiphakamiso esenziwe kunqubo yoKubukezwa Kwezokuvikela ephothulwe esikhathini esifushane esedlule.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Ukuze siluqhubekisele phambili lolu hlelo lokusebenza, mina nePhini likaMongameli sizohlangana noNgqongqoshe namaPhini abo ukuze sixoxisane nabo ngezinhlelo zokuqaliswa nokufezwa komsebenzi okumele wenziwe ngumnyango ngamunye.
UNgqongqoshe ngamunye uzosayinda isivumelwano sokusebenza, esizoba phakathi kwakhe noMongameli, esikhombisa lokho okuzokwenziwa ngumnyango ngamunye ukufeza uhlelo lokusebenza.
Bantu bakithi,
Usuku lomhla ziyi-17 kuNhlangulana luqopha isikhumbuzo sonyaka wama-22 kwenzeka isibhicongo esinyantisa igazi sokubulawa kwabantu e-Boipatong eGauteng.

Uma sibheka emuva kulesi sehlakalo esingesinye sezigameko ezithusa kakhulu ezenzeke eminyakeni embalwa eyedlule, sithola into esikhumbuzayo ukuthi kudingeka ukuthi sikubeke eqhulwini kakhulu kunakuqala ukupholiswa kwamanxeba nokwakhiwa kwesizwe.

Kumele siqhubeke nokuqinisekisa ukuthi njengabantu abaphila kuleli lizwe siyaqondana, sinokubekezelelana kanye nokubuyisana, futhi sibambisene silwisane nokucwaswa ngokobuhlanga, nokucwaswa kwabantu bakwamanye amazwe, nokucwaswa kwezinkonkoni kanye nazo zonke izinhlobo zokungabekezelelani ezihlobene nalokhu.

Kuleli hlandla lokuphatha sisazoqhubeka nokusebenzisa ezemidlalo namasiko njengezinto eziletha ubumbano ezweni lethu. Sizoqhubeka futhi nokugqugquzela uMthethosisekelo ezikoleni futhi siqinisekise ukuthi izingane zethu zikhula ngokwemigomo yempilo nokuziphatha emihle futhi zibe nothando lwezwe lazo nabantu balo.

Kule minyaka emihlanu ezayo, sizoqhubeka nokwakha amagugu emvelaphi yethu abandakanya umuntu wonke ngokuthi sakhe amatshe ezikhumbuzo kanye nezinye izimpawu zokuhlonipha amaqhawe namaqhawekazi omzabalazo asilethela inkululeko nentando yeningi esiyithokozelayo namhlanje.

Njengengxenye yemigubho yethu yeminyaka engama-20 yenkululeko nentando yeningi, amarekhodi olwazi olwaqoshwa eminyakeni engama-20 edlule - kubandakanya namarekhodi kaMongameli waphambilini uNelson Mandela ongasekho emhlabeni akhombisa imininingwane ephathelene nezinsuku zakhe zokuqala eHhovisi emva zokuthatha izintambo zokuphatha - azodluliselwa kuziGcinamagugu Zikazwelonke.

Futhi kulo nyaka Amarekhodi Enkundla Yezingxoxo ze-CODESA Ezabe Ziphakathi Kwamaqembu Amaningi azofakwa kuRejista Yomhlaba Yesikhumbuzo Sezigameko Ezenzeke Emhlabeni.
Ngenyanga ezayo ezweni lethu kanye nasemhlabeni jikelele kuzogujwa Usuku Lomhlaba LukaMandela.

Bonke abantu baseNingizimu Afrika kumele basebenzise okungenani imizuzu engama-67 yesikhathi sabo mhla ziyi-18 kuNtulikazi ukuhlanza iNingizimu Afrika, okuyingqikithi yethu kulo nyaka.
Masiqale ukwenza amalungiselelo omkhankaso omkhulukazi wokuhlanza amadolobha ethu, amalokishi, izabelo, izikole, bese sihlobisa zonke izingxenye zezwe lethu ukuze libe yilizwe elihlanzekile futhi elibukekayo.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Ngalolu hlelo lokusebenza kuhloswe ukuthi kwenziwe iNingizimu Afrika ibe yindawo engcono kumuntu wonke.

Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzisane nathi ukuze kube yimpumelelo ukuqaliswa kwalezi zinhlelo.

Sisonke masiqhubekisele iNingizimu Afrika phambili.

Ngiyabonga.

Issued by: The Presidency

Share this page

Similar categories to explore