Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wamhla ziyisi-9 Ncwaba 2015

Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni eziqavile

1.1 IKhabhinethi ithanda ukugcizelela kwikhwelo elihlatshwe nguMongameli Jacob Zuma lokuthi kumele yonke imikhakha yomphakathi isebenzisane ukusekela umnotho kanye nokuvikela imisebenzi ngaphansi kwalesi simo somnotho esinzima esikhona njengamanje.

Isivumelwano phakathi kukahulumeni, izinkampani zezimayini kanye nezinyunyana zabasebenzi sikhombisa ukuzibophezela kwayo yonke imikhakha ekuvikeleni imisebenzi kanye nokunciphisa umthelela wokulahleka kwemisebenzi.

IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakweseke ukuqaliswa kokusebenza kwalesi sivumelwano, esiwumkhombandlela ozosetshenziswa kuyona yonke imikhakha ebhekene nenselelo yokuvikela imisebenzi.

1.2 IKhabhinethi ithulelwe iMibiko Yemiphumela Yomsebenzi Owenziwe Ekhishwa Njalo Ngekota Yonyaka, eqondene nesikhathi esisukela mhla lu-1 kuMbasa kuyofinyelela mhla zingama-30 Nhlangulana 2015. IKhabhinethi ithokoze kakhulu ngenqubekela-phambili eyenziwe futhi iyiphawulile imikhakha edinga ukufakelwa izibuko. UPhiko Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS) luzobamba izithangamu zabezindaba ukuze luhlinzeke ngolwazi oluphathelene nokuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni. Imininingwane ephathelene noluhla lwezithangamu zabenzindaba ezizobanjwa izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.

1.3 IKhabhinethi ithulelwe ulwazi mayelana nomhlangano wamazwe e-G20 obubanjelwe edolobheni lase-Ankara kwelase-Turkey kusukela mhla zi-3 kuze kube ngumhla ziyisi-5 Mandulo 2015.  Lo mhlangano bewuhanjelwe nguNgqongqoshe Wezezimali kanye NowezaBasebenzi kanye noMphathi Webhange-ngodla laseNingizimu Afrika. Emhlanganweni, obubanjwe ngokuhlanganyela, woNgqongqoshe Bezezimali kanye NabezaBasebenzi, kuxoxiswane ngamasu okuhlinzeka ngamathuba omsebenzi angeziwe futhi okuyimisebenzi engcono kanye namasu okunciphisa ukungalingani futhi kusekelwe ukukhula komnotho okubandakanya abantu bonke.

1.4 Umhlangano woNgqongqoshe Bezezimali kanye Nabaphathi Bamabhange-ngodla bewugxile, phakathi kokunye okuningi, emnothweni womhlaba; uhlaka lokukhula komnotho ngokusimeme futhi ngokulinganayo; ukutshalwa kwezimali kanye nengqalasizinda; izindaba zentela yamazwe ngamazwe, izimali zokuletha intuthuko, kanye nokuguquguquka kwesimo sezulu. IKhabhinethi iphawulile ukuthi ukukhula komnotho womhlaba akufinyelelanga kwizilinganiso zokukhula komnotho ebezilindelekile. Kodwa-ke, iKhabhinethi ikwamukele ngezandla ezimhlophe ukuzibophezela kabusha kwamazwe e-G20 ukuthi izoqhubeka nokuqapha isimo esiqhubekayo kwezomnotho, nokubhekisisa ukusabalala kwezinkinga zomnotho ezisuka ezweni elithile zidlulele kwamanye futhi izothatha izinyathelo zokubhekana nobungozi obubhedukayo, njengoba kudingekile, ukuze kukhuthazwe ukwethenjwa komkhakha wezezimali futhi kulethwe uzinzo kwezezimali.

Amazwe e-G20 akushayele ihlombe futhi nokubanjwa ngempumelelo kweNgqungquthela yase-Addis Ababa ebigxile odabeni lokuXhasa Ngezimali Zokuletha Intuthuko, lapho iNingizimu Afrika yabamba khona iqhaza elisemqoka kakhulu njengosihlalo wamazwe e-G77 kufaka phakathi ne-China.

1.5  IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kanye nokuqala ukukhiqiza ugesi kwePulazi Eliphehla Ugesi Ngomoya lase-Kouga eMpumalanga Kapa mhla zizi-4 Mandulo 2015.
IPulazi Eliphehla Ugesi Ngomoya lase-Kouga lizohlinzeka ngogesi ohlanzekile olinganiselwa kumahora amagigawathi angama-300 ngonyaka. Lokhu kuzophakela ngogesi amakhaya alinganiselwa kwizi-50 000, futhi kuyingxenye yohlelo lwezwe lokusebenzisa imithombo kagesi ehlukahlukene ngenhloso yokuqinisekisa ukuphakelwa kukagesi okusimeme.

Ngasekuqaleni kwalo nyaka, uMnyango Wezamandla wandise amathuba okuthi umkhakha wabamabhizinisi azimele ukwazi ukufaka isandla ekukhiqizweni kukagesi ngokuhlinzeka izimvume zokusebenza kubaKhiqizi Bakagesi Abazimele abayi-13 abasha, abakhiqiza ugesi ovuselelekayo, okuyinto ezokwengeza ugesi ongamamegawathi ayizi-5 243 kwisikhungo sikagesi sikazwelonke.

1.6 IKhabhinethi iziphawulile izigameko eziphathelene nokufuduka kwabantu eziqhubekayo njengamanje kwizwekazi laseYurophu, okuyizigameko ezibubonisa ngokucacile ubunzima bokuphathwa nokulawulwa kwempicabadala yokufuduka kwabantu kanye nobudlelwane phakathi kwalokhu nezinqubomgomo zezangaphandle zamazwe athintekayo.

INingizimu Afrika ilokhu iqhubeke njalo nokuphatha izindaba eziphathelene nokufuduka kwabantu ngendlela ekhombisa ubuntu. Impicabadala yokufuduka kwabantu kwizwekazi laseYurophu yinselelo edinga ukuthi wonke amazwe athintekayo asebenze ngokubambisana. Ukubamba iqhaza ngenkuthalo kanye nokubambisana nemiphakathi kanye nezinhlangano zomphakathi kuyinto edingeka kakhulu emizamweni yokubhekana nezindaba zokufuduka kwabantu.

1.7 IKhabhinethi iwushayela ihlombe umsebenzi omuhle owenziwe yiBhodi Lokuklanywa Kwemingcele Yomasipala (i-MDB) njengoba lisanda kuphothula uhlelo lokuklama kabusha imingcele yomasipala ezifundazweni eziyisishiyagalombili ezweni lonkana.

I-MDB yenze umsebenzi wayo ngokwegunya layo elinikezwe ngumthetho futhi izinqumo zokugcina izithathe ngokusebenzisa izimiselo zomthetho ezihambelana namagunya ayo. 
IKhabhinethi isizwakalise ukukhathazeka okukhulu mayelana nesenzo samaqembu ezepolitiki athile sokuhlasela nokugxeka i-MDB, okuyisenzo okuhloswe ngaso ukubukela phansi ukuzimela kwaleli bhodi kanye nokwamukeleka kwalo emehlweni omphakathi.

IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kuwo wonke amaqembu ezepolitiki lokuthi awuyeke umkhuba wokubukela phansi umsebenzi walesi sikhungo esizimele futhi esisemqoka kakhulu, esisekela umbuso wethu wentando yeningi. Zikhona ezinye izindlela ezihlinzekwa ngumthetho ezingasetshenziswa ukuphikisa izinqumo ze-MDB.

1.8 Isikhathi sokuthunyelwa kwemibiko ephathelene nokuQasha Ngokulingana (i-EE) ivuliwe mhla lu-1 Mandulo 2015 ukuze abaqashi bakwazi ukuthumela imibiko yabo ngesandla noma nge-inthanethi, futhi usuku lomnqamlajuqu ngumhla lu-1 kuMfumfu 2015 (mayelana nemibiko ethunyelwa ngesandla), kanti kulabo abathumela imibiko yabo nge-inthanethi, usuku lokuvala ngumhla ziyi-15 Masingana 2015.
IKhabhinethi iyabakhumbuza bonke abaqashi ukuthi bathumele imibiko yabo ye-EE eMnyangweni Wezabasebenzi. Le mibiko ilekelela izwe ukuthi likwazi ukuqapha inqubekela-phambili eseyenziwe ukubhekana nenkinga yokucwaswa kwabantu kanye nokungalingani emsebenzini.

UMnyango Wezabasebenzi uzoqalisa umkhankaso wokubamba imibukiso ezweni lonkana, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Uguquko – luyinto ezwakalayo futhi okufanelekile ukuthi yenziwe” ngenhloso yokuqinisa ukuqaliswa kwemigomo nemithethonqubo ebekiwe kanye nokuqinisekisa ukuthotshelwa kwayo.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1 IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi mayelana noMbiko Wokuphothula Oqondene Nezinjongo Zentuthuko Zekhulu-nyaka (ama-MDG) ophathelene neNingizimu Afrika. IKhabhinethi ilwamukelile uhlaka lombiko wokuphothula oqondene nama-MDG ozokwethulwa kwiNhlangano Yezizwe ngasekupheleni kophezulu.

Ngokusho kwalo mbiko, emva kweminyaka engama-20 yentuthuko, sekwenziwe inqubekela-phambili enkulu ukuhlinzeka ngezinsizakalo ezisemqoka kanye nokunciphisa amazinga obubha obukhahlameza abantu kakhulu. Kodwa-ke iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokubhekana   nezinselelo ezintathu, okuwububha, ukungalingani kanye nokuntuleka kwamathuba omsebenzi.
Lo mbiko uwumkhombandlela onohlonze okhombisa umgudu obheke kwi-ajenda yentuthuko ezolandelwa emva kowezi-2015 kanye nezinjongo zentuthuko esimeme ezihambisana nale ajenda futhi okumele kube yi-ajenda ezosebenza kangcono kakhulu kunakuqala.

2.2 IKhabhinethi isamukelile isincomo sikaNgqongqoshe Wezokuthutha sokuhlinzekwa kwesivumelwano sokuqasha esiphuthumayo kwinkampani yakwa-Tag Yachts (PTY) Ltd. Injongo yalesi sivumelwano ukuqalisa umsebenzi wokwakhiwa nokukhiqizwa kwezikebhe zikanokusho ezibizwa ama-catamarans kwisiKhumulo Semikhumbi sase-Port Elizabeth.  Inhloso yalokhu ukuqaliswa komsebenzi onikezwe uPhiko Lwezokukhiqizwa Kwempahla Yasolwandle olusebenza ngaphansi kwezinhlelo zomkhankaso we-Operation Phakisa zokusungula iQoqwana Lokhwakha Izikebhe eMpumalanga Kapa. Ukwamukelwa kwalesi sincomo kwenziwe ngokulandela iSigaba sama-57 Esiphathelene Nezinto Eziphuthumayo soMthetho Kazwelonke Wezikhumulo Zemikhumbi, wezi-2005 (uMthetho we-12 wezi-2005);

2.3 IKhabhinethi ikwamukelile ukuthunyelwa ePhalamende kukaSomqulu wase-Afrika Wezibalobalo ukuze uqinisekiswe ngokusemthethweni.
Lo somqulu wuhlaka lwenqubomgomo yokuthuthukiswa kwezibalobalo kwelase-Afrika, okuyinqubomgomo ebeka ngokucacile imigomo yokulawula ukukhiqizwa nokuphathwa kwezibalobalo ezingeni likazwelonke, nelesifunda kanye nelezwekazi.
Izibalobalo ziyisisekelo sokuqapha nokuhlola ngendlela efanelekile, futhi ziyaqinisekisa ukuthi izinjongo nemiphumela kuyafezekiswa. Lo somqulu uhlinzeka ngemihlanhlandela yokukhiqizwa kwezibalobalo eziseqophelweni eliphezulu ezidingekayo ukuqapha ukuqaliswa kwe-NDP nezinhlelo zikahulumeni kanye nezinto ezibekwe eqhulwini nguhulumeni.

2.4 IKhabinethi ikwamukelile ukuthi uMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola (i-DPME) iluqhubekisele phambili uHlelo Lwe-Twende Mbele ukuze kwenziwe imizamo yokuqinisekisa ubambiswano mayelana nokuqapha nokuhlola umsebenzi kwizwekazi lase-Afrika lonkana.
UHlelo lwe-Twende Mbele luzolekelela iNingizimu Afrika ukuthi yakhe futhi iqinisekise ukuqhutshwa ngokusemthethweni futhi ngendlela ehlelekile kobambiswano olukhona njengamanje phakathi kwaleli kanye namanye amazwe, okwamanje oluqhutshwa ngendlela engahlelekile, futhi okuwubambiswano okungenzeka lufake phakathi nezivumelwano phakathi kwaleli namanye amazwe. Lokhu kusekela umzabalazo wokuletha impilo engcono eNingizimu Afrika, okuwumzabalazo oxhumene nokuphishekela i-Afrika engcono, emhlabeni ongcono.

3. IMithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi yakwamukela ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela UMthetho Wokwelulwa Kokuvikeleka Kwamalungelo Okuqasha Umhlaba, wezi-2015.
Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokwelulwa Kokuvikeleka Kwamalungelo Okuqasha Umhlaba, we-1997 (uMthetho wama-62 we-1997) ukuze kuqiniswe, kuchazwe futhi kuvikelwe amalungelo eziqashi.

Lezi zichibiyelo, ezisuselwe kwiziNqubomgomo Zokuvikeleka Kwamalungelo Okuqasha Umhlaba kanye Nokuxoshwa Kwabantu Emhlabeni Abahlala Kuwona eziNdaweni zaBalimi Asebethuthukile Abalimela Ukwenza Inzuzo, kuhloswe ngazo ukuthola isixazululo senkinga yokungavikeleki kwabantu abahlala emhlabeni okungewona owabo, ngokuthi kuhlanganiswe izindlela zokwaba kabusha umhlaba ngaphakathi kwezindlela ezisebenza kahle zokuvikeleka ngaphansi komthetho kanye nokuxazululwa kwemibango.

Izinqubo ezikhona njengamanje kanye namandla okusebenza akwanele ukubhekana nobukhulu bokungqubuzana okuphathelene namalungelo omhlaba kanye nokungavikeleki okutholakala ezindaweni zabalimi asebethuthukile abalimela ukwenza inzuzo.

4. Imicimbi ezayo

4.1 Njengengxenye yemigubho yeNyanga Yamagugu ngoMandulo, uMongameli Jacob Zuma uzokwembula itshe lesikhumbuzo kwisikhungo i-Matola Memorial and Interpretative Centre kwelase-Mozambique ngoLwesihlanu, mhla ziyi-11 Mandulo 2015, kanye noMfanekiso Obaziwe weNkosi uBhambatha edolobheni lase-Greytown, KwaZulu-Natali mhla zingama-22 Mandulo 2015.

4.2 Futhi uMongameli uzokwethula inkulumo yosuku emcimbini wokugujwa koSuku Lwamagugu endaweni yase-Vleifontein eMakhado esifundazweni saseLimpopo mhla zingama-24 Mandulo 2015. Isiqubulo somgubho weNyanga Yamagugu walo nyaka sithi: “Ulwazi lwethu lwendabuko, luyigugu lethu: Siphokophele ekuhlonzeni, nokugqugquzela nokulondoloza amagugu eNingizimu Afrika.”

Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuthi bazijwayeze amagugu ethu emvelo ngokuthi bavakashele iziqiwu zezwe lethu, njengoba kuzobe kungenwa mahhala kulezi ziqiwu kusukela mhla ziyi-14 kuze kube ngumhla ziyi-18 Mandulo 2015, njengengxenye yemigubho yehlandla le-10 yeViki Leziqiwu Zikazwelonke zaseNingizimu Afrika eligujwa njalo ngonyaka.

4.3 UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uzoqhuba uhlelo lokuHlolwa Konyaka Kukazwelonke (i-ANA) kwehlandla lesihlanu ngoMandulo 2015 ngenhloso yokubhekisisa inqubekela-phambili yemiphumela yokufunda ephathelene nesifundo sokufunda nokubhala, ilitherasi, kanye nesifundo sezibalo ebangeni loku-1 kuya kwelesi-9.

I-ANA ikhiqiza ubufakazi obufanayo obusetshenziselwa ukuqapha inqubekela-phambili yezinhlelo zokungenelela zikahulumeni futhi iqondise ukuthuthukiswa kwezinhlelo zokungenelela ezinqondene ngqo nezingxenye ezithile lapho kusenezinselelo khona. 

Abazali kanye nabalondolozi bezingane bayakhuthazwa ukuthi basekele abafundi ngalesi sikhathi sokuhlolwa futhi baqinisekise ukuthi imiphumela isetshenziselwa ukulekelela abafundi kwizingxenye zomsebenzi wabo wesikole lapho bedinga khona usizo. Uhla lwezinsuku nezikhathi okuzobhalwa ngazo lowezi-2015 luyatholakala ku: www.education.gov.za

IKhabhinethi iyabanxusa othisha ukuthi babeke izidingo zabafundi phambili ngokuthi baqinisekise ukuthi i-ANA iqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa.

4.4 IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubantu baseNingizimu Afrika ababambe iqhaza kwimigubho yoSuku Lokufunda Nokubhala Lwamazwe Ngamazwe mhla ziyisi-8 Mandulo 2015 ngenhloso yokukhuthaza isiko-mpilo lokufunda kanye nokugqugquzela ukubaluleka kokufunda nokubhala. Umbhalo oyisisekelo sokusungulwa koMbuso wethu Wentando Yeningi, uSomqulu Wenkululeko, ukubeka ngokucacile ukuthi sizozabalazela ukuthi “iminyango yemfundo ivuleleke kumuntu wonke.”

UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi kule nyanga babambe iqhaza emikhankasweni yokufunda nokubhala okuhloswe ngayo ukukhuthaza ukufunda emiphakathini yethu. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu ukuthi banikele ngezincwadi kwimitapo yolwazi yezikole, futhi kumele sinikele nangesikhathi sethu ngokuthi sihambe siyofundela izingane emiphakathini yethu.

4.4 IViki Likazwelonke lezikhungo zosizo Ama-Thusong Service Centre Eligujwa Njalo Ngonyaka kusukela mhla ziyi-13 kuze kube ngumhla ziyi-18 kuMandulo 2015  lizoqhakambisa izinsizakalo nosizo olutholakala kulezi zikhungo nakumahhovisi angomahambanendlwana mayelana nokulethwa kwezinsizakalo zikahulumeni eduze kwezindawo abahlala kuzona abantu baseNingizimu Afrika. Lokhu kuyingxenye yeNyanga Yezemisebenzi Kahulumeni.

IKhabhinethi iyabakhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazisebenzise izinsizakalo ezahlukahlukene kanye nolwazi oluhlinzekwa ngama-Thusong Service Centre ukuze bazithuthukise futhi ngalokho bakwazi ukukhula badlondlobale.

IKhabhinethi iyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakhombise ukuhlonipha nokubonga abasebenzi bakahulumeni noma izikhungo zikahulumeni ezenza umsebenzi oncomekayo ngokuthi baphakamise amagama azo ngaphambi komhla zingama-30 Mandulo 2015 ukuze zibe sethubeni lokuklonyeliswa emcimbini wokuhlonishwa ngezindondo kwezisebenzi nezikhungo zikahulumeni ezivelele obizwa nge-3rd National Batho Pele Excellence Awards 2015, ozobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Batho Pele – Sibeka Abantu Phambili”. Olunye ulwazi oluphathelene nalokhu luyatholakala ku: www.dpsa.gov.za

4.5 IKhabhinethi ikuphawulile ukuthi iSigcawu Esijwayelekile Sama-70 SesiGungu Esibandakanya Amazwe Wonke seNhlangano Yezizwe (i-UNGA 70) sizovulwa mhla ziyi-15 kuMandulo 2015 eKomkhulu leNhlangano Yezizwe e-New York. Kusukela mhla zingama-25 kuze kube ngumhla zingama-27 kuMandulo 2015 kuzobanjwa ingqungquthela yokucubungula udaba oluphathelene noKwamukelwa Kwe-Ajenda Yentuthuko Eqondene Nesikhathi Esilandela Ukudlula kowezi-2015.

Inkulumo-mpikiswano Ebandakanya Wonke Amazwe yeSigcawu sama-70 se-UNGA izobanjwa kusukela mhla zingama-28 kuMandulo kuze kube ngumhla ziyisi-6 kuMfumfu 2015. INgqungquthela yokugcina ye-AU eyayibanjelwe eNingizimu Afrika yahlaba ikhwelo eliqondiswe kuwo wonke amazwe angamalungu e-AU ukuthi asebenzise ithuba elihlinzekwa yisigcawu sesiGungu Esibandakanya Amazwe Wonke se-UN ukufaka udaba lwesidingo sokwenziwa kwezinguquko eMkhandlwini Wezokuvikeleka, ezingxoxweni zawo namazwe abambisene nawo akwamanye amazwekazi, njengengxenye yezinto ezibekwe eqhulwini eziphathelene nenqubomgomo yawo yezangaphandle; ikakhulukazi, ukufakwa kwizitatimende zawo azozethula kwizinkulumo-mpikiswano zesiGungu Esibandakanya Amazwe Wonke seNhlangano Yezizwe kwesidingo sokulungiswa kwezinto ezingaqhutshwanga ngobulungiswa esikhathini esedlule mayelana nezwekazi lase-Afrika.

4.6 IKhabhinethi ikuphawulile ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela Yesibili Yesigcawu Sokubambisana Phakathi kwe-China namazwe ase-Afika (i-FOCAC) mhla zizi-4 kuze kube ngumhla ziyisi-5 kuZibandlela 2015. Uhulumeni waseNingizimu Afrika uzosebenza ngokubambisana okukhulu noHulumeni wase-China, neQembu Lamanxusa Amazwe ase-Afrika e-Beijing kanye nase-Addis Ababa, kanye neKhomishana ye-AU ngenkathi kwenziwa amalungiselelo eNgqungquthela ye-FOCAC. Kulindeleke ukuthi iNgqungquthela ye-FOCAC yamukele ngokusemthethweni iSivumelwano esisha kanye noHlelo Lokusebenza (lowezi 2016-2018).

Njengamanje iNingizimu Afrika ifakana imilomo nawo wonke amazwe angamalungu ale nhlangano njengoba imatasatasa ihlanganisa imibhalo yale miphulela emibili esemqoka kakhulu.

Imiyalezo yokuhalalisela

4.7 IKhabhinethi isamukela ngezandla ezimhlophe isimemezelo esenziwe yisiGungu Esibandakanya Amazwe Wonke seNhlangano Yemidlalo Yamazwe Angamadlelandawonye sokuthi idolobha lase-Durban lizosingatha uMqhudelwano Wemidlalo Yamazwe Angamadlelandawonye wezi-2022, okungokokuqala ngqa ukuthi lo mqhudelwano ohlonishwa kakhulu ubanjelwe kwizwekazi lase-Afrika.

Idolobha lase-Durban lizosebenzisa ingqalasizinda yomqhudelwano Wendebe Yomhlaba ye-FIFA yowezi-2010 ukusingatha lo mqhudelwano, okulindeleke ukuthi ufake imali engafinyelela kumarandi ayizigidigidi ezingama-20 emnothweni wakuleli, okuzokhulisa isamba somkhiqizo wezwe ngemali engeziwe engamarandi ayizigidigidi eziyi-11.

4.8 IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela abasubathi bethu ngokuphuma endaweni ye-13 eMqhudelwaneni Womhlaba Wezokusubatha we-15 obubanjelwe e-Beijing, kwelase-China lapho benqobe khona indondo yegolide eyodwa kanye nezethusi ezimbili.

4.9 IKhabhinethi ihalalisela futhi neBafana Bafana ngokunqoba kwayo uMqhudelwano Wendebe kaMandela wama-21, ngokushaya i-Senegal ngegoli elilodwa eqandeni. Ukunqoba kweBafana Bafana kulandela ezithendeni zokushaywa kwayo yi-Mauritania ngempelasonto edlule futhi siyethemba ukuthi lokhu kuzokhulisa ukuzethemba kweqembu lesizwe ukuze likwazi ukuzibeka ethubeni lokuyodlala eMqhudelwaneni Wendebe Yamazwe ase-Afrika.

Ngenxa yokunqoba uMqhudelwano Wendebe kaMandela, iNhlangano Yezebhola Likanobhutshuzwayo yaseNingizimu Afrika (i-SAFA) ikhuphule umnikelo wayo kwisiKhwama Sezingane sika-Nelson Mandela usuka kwisigidi esisodwa samarandi wafinyelela emalini engamarandi ayisigidi esiyi-1.5.

4.10 IKhabhinethi ithanda ukufisela amaBokoboko okuhle kodwa eMqhudelwaneni Wendebe Yomhlaba Webhola Lombhoxo wesi-8 ozosingathwa yizwe laseNgilandi kusukela mhla ziyi-18 kuMandulo kuze kube ngumhla zingama-31 kuMfumfu 2015 futhi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi balisekele iqembu lethu lesizwe.

4.11 IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli ekuhalaliseleni iNyuvesi yase-Witwatersrand ngempumelelo yayo enkulukazi yokuvundululwa kwezinsalela zamathambo asemandulo eMaropeng kwiSikhungo Samagugu Omhlaba i-Cradle of Humankind eNtshonalanga Randi, eGauteng.

Lokhu kuvundululwa kwezinsalela zamathambo kulandela ucwaningo olunzulu olwenziwe ngokusekelwa nguMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe kanye nesikhungo socwaningo sikazwelonke i-National Research Foundation Centre of Excellence eNyuvesi yase-Witwatersrand.

4.12 IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli ekuhalaliseleni iBandla LamaKhatholika Angcwele ngokuhlonishwa ngokusemthethweni kukaMnu Tshimangadzo Samuel Benedict Daswa njengoSanti Ongcwele wokuqala ngqa eNingizimu Afrika. IBandla LamaKhatholika Angcwele lizobamba umcimbi mhla ziyi-13 kuMandulo 2015 eThohoyandou, Limpopo lapho kuzohlonishwa khona uMnu Tshimangadzo Samuel Benedict Daswa. Umnu Daswa wayenguthishanhloko wesikole esifundazweni saseLimpopo. Washaywa, wagxotshwa ngamatshe futhi washiswa waze wafa ngenxa yezinkolelo zakhe zobuKhatholika ngoNhlolanja 1990. 

5. Izindaba eziqavile esimweni samanje

5.1 IKhabhinethi izamukelile izinhlelo ezihlongozwayo zesiKhungo Esilawula Ukuhamba Kwezimoto Emgwaqeni kanye neziphathimandla zezifundazwe ezilawula ukuhamba kwezimoto emgwaqeni zokwethula ishifu yokusebenza kwamaphoyisa omgwaqo amahora angama-24 ukuze kubhekwane nesibhicongo sokufa kwabantu emigwaqeni yethu.

IKhabhinethi iyabakhumbuza bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi ukuphepha emgwaqeni kungumthwalo osemahlombe ethu sonke futhi impumelelo yemikhankaso yezokuphepha emgwaqeni incike ekutheni bonke abantu bathobele imithetho yomgwaqo. Njengoba singena esikhathini samaholide ezikole, uMnyango Wezokuthutha uzowuqinisa umkhankaso wayo wezokuphepha emgwaqeni.

IKhabhinethi iyabanxusa bonke abashayeli bezimoto ukuthi bagweme isibhicongo sokufa kwabantu emgwaqeni ngokuthi bahloniphe izimpawu zomgwaqo, futhi kumele bangalokothi nakancane bashayele bedakiwe, futhi akumele neze zibe semgwaqeni izimoto ezingekho esimweni esifanele sokuba semgwaqeni.

5.2 IKhabhinethi iyiphawulile iNgqungquthela Yomhlaba Yezamahlathi ye-XIV eqhubekayo njengamanje e-Durban, ethanyelwe yizithunywa eziyizi-3 200. Le ngqungquthela, okungeyokuqala ngqa ebanjelwe kwelase-Afrika, ibandakanya abantu abamele imikhakha ehlukahlukene njengohulumeni, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, umkhakha wabamabhizinisi abazimele kanye nezinhlangano zezesayensi noma zongoti bomkhakha wezamahlathi. Ukubamba iqhaza kwemikhakha ehlukahlukene kanye nezingxoxo ezibandakanya umuntu wonke eziphathelene nezindaba zamahlathi zizokwenza kube lula ukuthi ezamahlathi ziqhakanjiswe kuma-ajenda amazwe ngamazwe mayelana nentuthuko esimeme kanye nokwakhiwa kwamaxhama okubambisana amasha.

5.3 IKhabhinethi isiphawulile isitatimende esikhishwe yiNdlu Yenxusa laseMelika eNingizimu Afrika esiphathelene nesixwayiso sokuthi kungenzeka abashokobezi bahlasele izinkampani nezikhungo zaseMelika eziseNingizimu Afrika.

IKhabhinethi ithanda ukugcizelela emazwini kaNgqongqoshe Wezobunhloli lapho eqinisekisa umphakathi ukuthi ukuphepha kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika kuyohlala njalo kubekwe eqhulwini. Izikhungo zethu zokuqinisekisa ukugcinwa komthetho zizohlala zivule amehlo ngenhloso yokuvikela izakhamuzi zakuleli kanye nempahla yazo.

Amazwi enduduzo

5.4 IKhabhinethi ithanda ukuhlanganyela noMongameli Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo emndenini, abangani kanye nozakwabo beJaji uThembile Lewis Skweyiya, osedlulile emhlabeni.
Wadlala indima enkulu kuleli njengommeli owabe elwisana nobandlululo, isishoshovu samalungelo esintu, iJaji leNkantolo Ephakeme kanye neJaji leNkantolo Yomthethosisekelo.

5.6. IKhabhinethi ithanda futhi nokudlulisa amazwi enduduzo emndenini kanye nesizwe saBatlokwa ba Mota eFreyistata ngokukhothama kweNgonyama yaso iNkosi u-Lekunutu Cavendish Mota.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1 Nksz Mmabatho Ramagoshi – oqashwe njengSekela-Mqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezokuhlanganiswa Kwenqubomgomo kanye Nokuphathwa Kolwazi ngaphansi koMnyango Wezabesifazane.
6.2 Inhloko Kazwelonke: Yophiko Lokuphenywa Kwamacala Abekwe Eqhulwini. UNgqongqoshe Wezamaphoyisa uzokwenza isimemezelo mayelana nalokhu namhlanje ntambama.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nksz Phumla Williams (Ibamba Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore