Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Nonoma imuphi ummangali noma umuntu ohlukunyezwe isenzo sobugebengu angafaka isicelo esibhalwe phansi soyokuvela phambi kwebhodi kashwele ngenkathi lebhodi ihlezi icubungula ngokunika ushwele lowo onecala ngaphansi kweso elibukhali lomnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo.
Izinyathelo okumele zilandelwe
- Ummangali noma lowo ohlukumezwe isenzo sobubugebengu kufanele azise ihovisi eliqondile lomnyango wokuhlunyeleliswa kwezimilo kanye nebhodi kashwele (CSPB) ngesicelo esibhalwe phansi ngesifiso sokuba abekhona ngenkathi ibandla likashwele lihlezi licubungula ngokunikezwa kukashwele kwalowo unecala.
- Lelibandla ke liyobe libhalela ummangali noma lowo ohlukumezekileyo, icaza ukuthi angavela nini nokuthi angaxhumana nobani, kanjani ukuzokwethamela. Usuku kanye nendawo lapho ibhodi kashwele iyobe ihlezi khona kube kucacisiwe .
- Kungumsenbenzi kammangali noma lowo ohlukumezekile ukwazisa ikhomishana noma i- CSPB uma eshintsha indawo nekheli lakhe.
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Ibhodi kashwele iyobhalela ummangali noma lowo ohlukumezekile imazise ngemininingwane yokuyomelwa kanye nemicikilisho eqondile ngemihlangano yalebhodi.
Amafomu okumele agcwaliswe
Request to make a representation to a Parole Board (Iscelo sikammangali sokuyovela phambi komnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo kanye nebhodi kashwele)
Tel: 012 307 2998 | 012 307 2999
Physical address:
124 WF Nkomo Street
Poyntons West Block
Pretoria
0001
Postal address:
Department of Correctional Services
Private Bag X136
Pretoria
0001