Indlela yokufaka isicelo selayisensi yesibhamu

Uma ufuna ukuba nesibhamu, kumele uqeqeshwe esikhungweni esihloliwe futhi uthole isitifiketi sokuthi uqeqeshekile.

Uma usuthole isitifiketi sokuthi uqeqeshiwe, ungafaka isicelo sokuba nelayisensi yesibhamu esiteshini samaphoyisa esiseduze nawe. Kudingeka ube nelayisensi yesibhamu ngasinye onaso.

Uhlu lwezikhungo zokuqeqesha ezihloliwe lugcinwa kuwebhusayithi yezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS).

Vuselela ilayisensi yakho yesibhamu

Kumele uvuselele ilayisensi yakho yesibhamu okungenani ezinsukwini ezingama-90 ngaphambi kokuba iphelelwe yisikhathi. Isikhathi sokusebenza kwelayisensi siyashiyana, phakathi kweminyaka emibili neyishumi, kuya ngohlobo lwelayisensi.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nendlela yokufaka isicelo selayisensi yesibhamu entsha noma uthinte iSikhungo Sezingcingo Sezibhamu Sikazwelonke se-SAPS  (012  353 6111/cfrenquiry@saps.gov.za).

 

Share this page