Ukufaka isicelo ekomidini lezinsizakalo ezisemqoka ukuze kutholwe ukuthi insizakalo ethile iyinsizakalo esemqoka

Umqashi angase afake isicelo kwiKomidi Lezinsizakalo Ezisemqoka (i-ESC) ukuze kutholakale ukuthi ibhizinisi liyinsizakalo esemqoka yini.
Insizakalo esemqoka yinsizakalo okungathi uma iphazamiseka, ifake ukuphila noma impilo yabantu engozini, isib. izibhedlela kanye namaphoyisa.

Lapho kunesiteleka, noma yibaphi abathintekayo engxabanweni mayelana nalezi zindaba ezilandelayo bangaziyisa ekomidini lezinsizakalo ezisemqoka:

  • ukuze kutholakale ukuthi insizakalo iyinsizakalo esemqoka yini noma cha
  • ukuze kutholakale ukuthi umsebenzi noma umqashi uhileleke ensizakalweni ekhethwe njengensizakalo esemqoka yini noma cha.

Gcwalisa ifomu i-LRA4.2 – Ukudlulisela izingxabano e-CCMA ukuze kutholakale ukuthi izinsizakalo zisemqoka yini bese ulithumela kwa-CCMA).

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nomsebenzi we-Komidi Lezinsizakalo Ezisemqoka noma thintana ne-CCMA.

 

Call centre: 0861 16 16 16

Share this page