Isicelo somuntu wangaphandle ukuba yisakhamuzi sakwelinye izwe

Uma uzalelwa eNingizimu Afrika futhi okungenani oyedwa wabazali bakho kuyisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma enemvume yokuhlala eNingizimu Afrika unomphela, noma uma uzokhuliswa ngokomthetho yisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma umuntu onemvume yokuhlala lapha unomphela, uvele ufaneleke ukuba yisakhamuzi sakuleli lizwe.

Ungafaka isicelo sokuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika ngokozalo noma ngokunikwa amalungelo obuzwe. 

Ungafaka futhi nesicelo sokulondoloza ubusakhamuzi bakho balapha ngaphambi kokuba uthole ubusakhamuzi bakwelinye izwe. Uma ungazange unikezwe imvume yokugcina ubusakhamuzi bakho ngaphambi kokuba uthole ubusakhamuzi bakwelinye izwe, uyovele-nje ulahlekelwe ubusakhamuzi bakho baseNingizimu Afrika.

Ungase ufake isicelo sokubuyiselwa ubusakhamuzi bakho baseNingizimu Afrika uma uyisakhamuzi sangaphambilini ngokuzalwa noma ngokozalo futhi usubuyele eNingizimu Afrika unomphela.

Ungase ubulahle ubusakhamuzi bakho baseNingizimu Afrika uma uhlose ukuthola ubusakhamuzi kwelinye izwe.

Ungase ufake isicelo sokuba ungalahlekelwa ubusakhamuzi bakho baseNingizimu Afrika uma wathola ubusakhamuzi kwelinye izwe ngaphambi komhla ziyisi-6 Mfumfu 1995.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuba yisakhamuzi noma uthintane noMnyango Wezasekhaya.

 

Share this page