Isicelo sokubhalisela ukubulala amagciwane ezakhiweni

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nokuvuselela ukubhalisela ukuhlanzwa kwesakhiwo

Kufanele uvuselele isicelo sakho sokubhalisela ukubulala amagciwane esakhiweni njalo emva kweminyaka emithathu. Hambisa isicelo sakho ku-Nobhala woMthetho wama-36  we-1947  ungakashayi umhla wama-31 kuNdasa wonyaka okuphela ngaso isikhathi sesicelo sakho.

Kumele uxhumane nomnyango wezolimo kwisifundazwe sakho ukuze uthole udokotela kahulumeni wezilwane endaweni yangakini ukuze ahlole ukubulawa kwamagciwane esakhiweni sakho. Udokotela wezilwane uzokunika isitifiketi emva kohlolo okumele usifake nefomu lesicelo. Isitifiketi kufanele siqinisekise ukuthi isakhiwo sakho:

  • sihambisana nenhlanzeko efanele
  • abaphathi besakhiwo bahambisana nomthetho wokubulawa kwamagciwane esakhiweni
  • sinendawo ekahle yokugcina
  • imikhiqizo yezilwane eyenziwe ayitholi izilwanyana ezinobungozi bamagciwane obungadala izifo.

Uma uhluleka ukuvuselela isicelo sokubulala amagciwane esakhiweni sakho ngaphambi komhla noma ngomhla wama-31 kuNdasa kunyaka isicelo sakho esiphelelwa isikhathi ngawo, uNobhala woMthetho wama-36 we-1947 uzosula ukubhaliswa kwakho kokuqala futhi isitifiketi sizophelelwa isikhathi sokusebenza.
 

Okufanele ukwenze

  1. Xhumana nomnyango wezolimo wesifundazwe sakho futhi ubabuze ngemininingwane yokuxhumana nodokotela wezilwane osebenzela uhulumeni endaweni yangakini.
  2. Xhumana nodokotela wezilwane osebenzela uhulumeni umcele ukuba akuhlolele isakhiwo sakho khona uzothola isitifiketi sikadokotela wezilwane sokuhlola.
  3. Uma usuthole isitifiketi kudokotela wezilwane, thola ifomu lokufaka isicelo sokubulala amagciwane esakhiweni bese uligcwalisa. 
  4. Ifomu lesicelo sakho kufanele lihambisane nalokhu okulandelayo:
  • imali yokufaka isicelo
  • isitifiketi sokuhlola sikadokotela wezilwane noma imiphumela yokuhlola.
  • isitatimende esifungelwe esifakazela ukuthi imininingwane yokuvuselela isicelo sakho iyafana nemininingwane yokufaka isicelo sokuqala.  

5.    Khokha imali yokufaka isicelo ngesheke, nge-postal order noma nge-money order ku-Director-General: Department of Agriculture, Land Reform and Rural Development, i-Reference: Sterilising Plant. Uma uzihambisela isicelo sakho kanye nemali yokufaka isicelo mathupha, qiniseka ukuthi irisidi lokuthi ukhokhile uyalithola. Uma ukhokha nge-Electronic Transfer Account, khokha kule mininingwane ye-akhawunti elandelayo:

Account name: NDA-ACT36 of 1947
Account Number: 11 2031 02
Reference: 13SP1 kanye negama lesakhiwo
Branch code: 01 0845
Bank Name: Standard Bank.

6.  Thumela ifomu lakho lesicelo nesiqiniseko sokuthi ukhokhile ngeposi ku: The Registrar Act 36 of 1947, Private Bag X250, Pretoria 0001 noma zilethele wena mathupha ku: The Registrar Act 36 of 1947, Agricultural Building, 20 Steve Biko Street, Pretoria.

Kuthatha isikhathi esingakanani

Kuthatha izinyanga ezintathu.

Imininingwane yokuxhumana

 

National office
Tel: 012 319 6657
Fax: 012 319 7179
Physical address: Agriculture Building, 20 Steve Biko Street, Arcadia, Pretoria
Postal address: Private Bag X343, Pretoria 0001
Web address: https://www.dalrrd.gov.za/

Share this page