Ukuletha izitatimende zemiholo esikhwameni sokunxephezela

Njengomqashi obhalisile, kudingeka ufake ingxenye ethile yephesenti  lomholo womsebenzi esikhwameni sokunxephezela.

Kufanele ulethe izitatimende esinemininingwane yale miholo njalo ngonyaka.

Izitatimende zemiholo kufanele zichaze uhlobo lwebhizinisi lakho, inani labasebenzi kanye nesamba obaholele sona (amaholo) ngesikhathi sokuhlolwa, kusukela ekuqaleni kukandasa kuze kube sekupheleni kukaNhlolanja (unyaka wentela).

Tholaulwazi oluthe xaxa mayelana nokuletha izitatimende esiKhwameni sokuNxephezela noma thintana nabesiKhwama sokuNxephezela.

 

Tel: 0860 105 350

E-mail address: 
cfcallcentre@labour.gov.za 
cfenquiries@labour.gov.za

 

Share this page