Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-29 kuNhlaba 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi inxusa imiphakathi ukuba iqaphe ngeso lokhoziukuvuka futhi kodlame olubhekiswe kubantu abavela kwamanye amazwe. IKhabhinethi imadolonzima ukubiza lolu dlame ngokuthi ukuhlaselwa nokucwaswa kwabantu bakwamanye amazwe ngoba ubufakazi bokuqala obutholakele bubonisa ukuthi lezi zenzo zigqugquzelwa ikakhulu ubugebengu.

IKhabhinethi iyazincoma izikhungo zokuqikelela ukugcinwa komthetho ngokuthatha isinyathelo esisheshayo futhi esinohlonze. 

1.2. IKhabhinethi ithi akwehlanga lungehliyo emindenini nakubangane bezinsizwa ezidlule emhlabeni ngenxa yokusoka okungenziwa ngendlela efanele. IKhabhinethi ihamba emazwini kaMongameli u-Jacob Zuma okunxusa ubulungisa obusheshayo nokunxusa abaholi bendabuko namalungu omphakathi ukuba aqaphe ngeso lokhozi ukuhlukunyezwa nokungaphathwa kwabasokwa ngendlela efanele.

UHulumeni uwaseka ngokugcwele amasiko omphakathi wethu ohlukahlukene futhi ugcizelela ukuthi kumele ahambisane namalungelo akumthethosisekelo.

1.3. IKhabhinethi yakwamukela ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika eNgqungqutheleni yeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (AU) ebanjwe esikhathini esifushane esedlule, lapho iNingizimu Afrika yabeka eqhulwini izindaba eziningana ohlwini lwezinto ezazizodingidwa kule Ngqungquthela. Lezi zibandakanya noHlelo Lwamasu eKhomishana ye-AU yenkathi yowezi-2014-2017 kanye neSabelomali se-AU sowezi-2014; isimo sokuthula nokuvikeleka e-Afrika; ukutholakala kweminye imithombo yokuxhasa ngezimali i-AU; i-Ajenda Yentuthuko yangemva kowezi-2015; umhlangano weKomiti Lokufundiswa Kwezinhloko Zombuso NoHulumeni le-NEPAD, neKomidi Lokuhlinzeka Ohulumeni Ngolwazi neNgqungquthela yeSithangamu se-African Peer Review Mechanism (APRM).

1.4. IKhabhinethi yatusa ubuholi beNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika(i-SADC) ngokusiza kwinqubo eyaholela ekutheni i-Zimbabwe yamukele uMthethosisekelo omusha. Umthethosisekelo wase-Zimbabwe uphawula ingqophamlando esemqoka ekuqalisweni ngempumelelo kweSivumelwano Sokuthula Somhlaba.

1.5.  Njengoba sesizoqala iNyanga Yentsha iKhabhinethi inxusa zonke izinhlaka zomphakathi ukuba ziphakamise izinhlelo zokulwa nokuxhashazwa kwezidakamizwa. Ingqikithi yeNyanga Yentsha ithi: “Ukubambisana Ukuze Kuthuthukiswe Intsha neNingizimu Afrika Engenazo Izidakamizwa.”

Isinyathelo esisheshayo sikaHulumeni sokubhekana nokudliwa kwezidakamizwa e-Eldorado Park, e-Gauteng, sisondeza abantu bakule ndawo eduze nokubona umphakathi ongenazo izidakamizwa. IKhabhinethi iyayiphawula futhi iyayamukela inqubekelaphambili eyenziwe amaphoyisa, abaholi bomphakathi nezinye izinhlaka e-Eldorado Park ngaphansi kobuholi bukaHulumeni WeSifundazwe SaseGauteng. Ngokubambisana sekwenziwe inqubekelaphambili ebonakalayo ekulweni nesihlava sokuxhashazwa kwezidakamizwa. IKhabhinethi iyazi ukuthi isimo i-Eldorado Park ebhekene naso siyefana nezinkinga ezikhungethe imiphakathi eminingi kanye nezwe lonke futhi inxusa imiphakathi kulo lonke leli ukuba ihambe phambili ekulweleni ukuba kube neNingizimu Afrika “engenazo izidakamizwa” ezindaweni zayo.

NgeNyanga Yentsha, asiphinde sizibophezele ukulweni nokuxhashazwa kwezidakamizwa nokuphuza utshwala ngokweqile kuzo zonke izindawo kuleli zwe.

1.6. IKhabhinethi iyakwamukela ukukhula kwezinga lokwethulwa kolimi loMdabu kwi-Banga R nakwi-Banga 1 lapho bezingakafundiswa khona lezi zilimi.
IKhabhinethi iyasitusa nesimemezelo esenziwe  iNyuvesi yaKwaZulu-Natali yokwenza isiZulu siphoqeleke kubafundi abenza iziqu zokuqala, abangasazi kahle isiZulu, ukuze babhalisele isifundo sokuthuthukisa amakhono okuxoxa.
IKhabhinethi ikhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bafunde ulimi lomdabu ngoba lokho kuthuthukisa ukukhulunywa kwezilimi ezahlukahlukene futhi kwakha isizwe.

1.7. IKhabhinethi iyaphawula ukuthi kusukela mhla lulu-1 kuya mhlazi-3 kuNhlangulana 2013 uMongameli u-Jacob Zuma uzovakashela e-Japhane ngezindaba eziqondene nezwe futhi uzokwethamela neNgqungquthela Yase-Tokyo Yesihlanu Yamazwe Ngamazwe Yokuthuthukiswa Kwe-Afrika  (TICAD V). Ingqikithi ye-TICAD V e-Yokohama, e-Japhane, ithi: “Ukubambisana Ne-Afrika Eguqukayo.”

1.8. IKhabhinethi iyadabuka ngokudlula emhlabeni kwentatheli ebisimnkantshu-bomvu u-Vuyo Mbuli futhi ithi akwehlanga lungehliyo emndenini wakwaMbuli, kubangane nakulabo abebengozakwabo embonini yezindaba. UMnu Mbuli waba negalelo elikhulu ekubumbeni izingxoxo zezwe ezindabeni ezisemqoka futhi uthando lwakhe lomsebenzi wakhe luthinte izinhliziyo zabaningi eNingizimu Afrika.

1.9. IKhabhinethi iphinde ithi akwehlanga lungehliyo kwizakhamuzi zase-Bangladesh nemindeni nabangane babasebenzi basefektri yezimpahla abangaphezu kwe-1 000 abashona ngenkathi kubhidlika isakhiwo. Sikanye nabo abantu base-Bangladesh emicabangweni nasemithandazweni yethu.

1.10. IKhabhinethi iyadabuka kakhulu ngokudlula emhlabeni  nokulimala kwabantu ngenxa yezikhukhula ezinkulu eningizimu ye-China.

1.11. IKhabhinethi izwakalisa ukudabuka okukhulu futhi ngokushona kwabafundi abahlanu baseSigodini saseLwandile eNgqeleni, eMpumalanga Kapa, abashona engozini yebhasi. Abafundi abangama-30 balimala ngenxa yale ngozi enyantisa igazi. UHulumeni udlulisa amazwi enduduzo emindenini, kubangane, kothisha nakubafundi abebekanye nalaba abashonile.  Kuyadabukisa uma iNingizimu Afrika ilahlekelwa abaholi besikhathi esizayo.

2. Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi livumile ukuba Uhlaka Lomthetho Ohlongozwayo Wezamaphoyisa lushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule.

Kusukela kwasungulwa uMbutho WamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) ngowe-1994, kuye kwaba nezinguquko eziningi esimweni sangaphakathi nangaphandle ezibe nomthelela kwindlela uMbutho oqonda futhi uphendule ngayo ezindabeni zobugebengu nokuphepha.

Kusukela ngowe-1994, uhulumeni wayebhekene nokufezekisa izinjongo ezimbili zokwakha umbuso othuthukayo kanye nokuguqula amaphoyisa abe isikhungo sokubusa.

Uhlaka Lomthetho Ohlongozwayo luzobhekana ngqo nalezi zinselele ezihlonziwe ngemva kokuhlola ukusebenza kweSu Lokuvimbela Ubugebengu Ngowe-1996 (NCPS) kanye noHlaka Lomthetho Odingidwayo Wezokuphepha Nokuvikeleka Ngowe-1998. Okugxile kulezi zinqubomgomo kwakuwumbono wokubhekana nokuphepha nokuvikeleka ngendlela ehlanganisa konke ngokusungulwa nokuqaliswa kwezinhlelo ezididiyelwe ezisebenza emikhakheni yonke. Bebambisene, bafuna ukubeka uhlaka olubanzi lokubhekana nezinkinga ezibanzi zokuphepha nokuvikeleka kwaze kwaba ngowezi-2004.

Uhlaka Lomthetho Ohlongozwayo ludingida “Ukubhekana Nobugebengu eNingizimu Afrika Ebuswa Ngentando Yabantu, Umsebenzi Wamaphoyisa eNingizimu Afrika, Ukugqugquzela Umsebenzi Wamaphoyisa Osezingeni Eliphezulu kanye Nezinhlelo Zezikhungo".  Inhloso yalokhu ukubeka i-SAPS esimweni sokuba ikwazi ukubhekana nesimo sobugebengu esishintshayo njalo, futhi kusenjalo ikwazi ukuhlangabezana nezidingo zeMbuso othuthukayo.

2.2. IKhabhinethi yalamukela uHlelo Lokusebenza Oluphathelene Nezingane lowezi-2012-2017 njengohlelo oluphelele lokunikeza umhlahlandlela eminyangweni kahulumeni, umphakathi wonkana kanye nabanye okubanjisenwe nabo emkhakheni wezingane ukuze kufezekiswe amalungelo ezingane.

Lolu hlelo luhambelana noMthethosisekelo, izivumelwano zamazwe ngamazwe nezezifunda, imithetho ehlongozwayo yezingane eNingizimu Afrika, iziNjongo Zentuthuko Zekhulu Leminyaka kanye noMbono wezi-2030 Wohlelo Lukazwelonke Lentuthuko.

Lolu hlelo lunezingqikithi ezinhlanu eziseqhulwini: ukuphila kwengane (isib. ukuncishiswa kokufa kwezingane); ukuthuthukiswa kwengane (isib. izinsizakalo zezinkulisa); ukuvikelwa kwengane (isib. ukuvikelwa odlameni nasekuhlukunyezweni ngokocansi); izinga lokuphila lezingane (isib. izimo zezindlu lapho kukuhlala khona izingane) nokubamba iqhaza kwengane (isib. izingane zibe nezibopho ngesikhathi zijabulela amalungelo).

UHlelo Lokusebenza Oluphathelene Nezingane lowezi-2012-2017 kuzochazwa futhi ngalo kabanzi kwesinye isithangamu sabezindaba.

2.3. IKhabhinethi yavuma ukuthi uMqulu Wenguquko Yamasiko ase-Afrika wethulwe ePhalamende ukuze wamukelwe ngokusemthethweni ngokweSigaba 231 (92) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika.

Ukwamukelwa kwalo Mqulu nguhulumeni kuwukusabela eSimemezelweni senguquko Ephathelene NamaSiko kanye naMagugu Afanayo oMhlangano Ovamile We-16 WeZinhloko Zombuso NoHulumeni beNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (AU) owawuse-Equatorial Guinea, ngoMasingana wezi-2011, kanye noKuqaliswa komkhankaso we-AU ophathelene noMqulu Wenguquko Yamasiko E-Afrika okwenzeka ngasekupheleni kowezi-2011 eNingizimu Afrika.

Ukwamukelwa koMqulu kuthuthukisa ukuvikelwa kwamagugu ezamasiko ase-Afrika kanye nemvelaphi yezamasiko futhi kuthuthukisa umoya woBumbano lwama-Afrika.Lo Mqulu uthuthukisa ubunye bamasiko, ubuciko, amagugu ezamasiko, ulimi, imvelaphi kanye nezimboni zamasiko nezokusungula izinto njengento ebalulekile entuthukweni esimeme. Lokhu kungaba neqhaza ekukhuleni komnotho nokubumbana komphakathi. Lo Mqulu uvumelana noHlelo Olusha Lomgudu Wokukhula Komnotho, Uhlelo Lukazwelonke Lwentuthuko, uHlaka Lomthetho Odingidwayo Wezobuciko, Amasiko Namagugu Esizwe kanye neSu Lomnotho WaseMzansi Osagolide. UNgqongqoshe Wezobuciko Namasiko uzosingatha isithangamu sabezindaba mayelana nalokhu.

2.4. IKhabhinethi yakuphawula ukusingathwa kweNgqungquthela YeSayensi, Ezobuchwepheshe Nokusungula Izinto ezobanjwa mhla zingama-20 kuya kuma-21 kuNtulikazi 2013.

Ingxoxo-mpikiswano yaleNgqungquthela izohlinzeka ngethuba lokuhlola izindlela zokuthuthukisa ukuxhumana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele.
Le Ngqungquthela izokwenza ababambiqhaza bahlole izindlela isayensi, ezobuchwepheshe nokusungula izinto (STI) ezingadlala ngayo indima ebalulekile ohambweni lwethu oluya emnothweni osekelwe olwazini nokufezekiswa koMbono wezi-2030.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi yamukela izichibiyelo zoMthethosivivinywa Ohlongozwayo Womkhakha Wezokuphatha Kahulumeni (PAM) futhi manje osuzoshicilelwa ukuze umphakathi uphawule ngawo.

UMthethosivivinywa ohlongozwayo uhlose ukwakha uhlaka lomthetho olufanayo ezindabeni zabasebenzi nasezindabeni ezithile zenhlangano nezokubusa kuzwelonke, ezifundazweni nasekuphathweni komasipala. Ngalokhu kuhloswe ukuthuthukisa ukunikezwa kwezidingongqangi ngohlelo olufanayo lomkhakha wezokuphatha  kahulumeni, ukusetshenziswa kwabasebenzi okwenziwe ngcono nokwakhiwa komnyango owodwa ozosetshenziswa izakhamizi ukuthola usizo kuhulumeni.

3.2. IKhabhinethi yawamukela uMthethosivivinywa Wokuchibiyela iKhomishana Yomkhakha Wemisebenzi Kahulumeni ukuze umphakathi  uphawule ngawo futhi ukuze uMthethosivivinywa Wokuchibiyela wethulwe ePhalamende.

Injongo yoMthethosivivinywa Wokuchibiyela ukwenza uMthetho WeKhomishana Yomkhakha Wemisebenzi Kahulumeni we-1997 uhambelane noMthethosisekelo. Uhlose futhi nokunikeza amandla iKhomishana Yomkhakha Wemisebenzi Kahulumeni ukuze ihlinzeke ngomhlahlandlela mayelana nemigomo elawula ukuphathwa kukahulumeni.

Lokhu kuhambelana neqhaza eliqinisiwe okumele libanjwe yiKhomishana ngokulayela koHlelo Lukazwelonke Lwentuthuko.

3.3. IKhabhinethi yavuma ukuba uMthethosivivinywa Wokuchibiyela Uphiko Lwemisebenzi Yezesimo Sezulu eNingizimu Afrika ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule.

Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuchibiyela uMthetho WoPhiko Lwemisebenzi Yezesimo Sezulu eNingizimu Afrika, wezi-2001 (Umthetho No. 08 wezi-2001) ohlinzekela ukusungulwa, izinjongo, amandla nemisebenzi yoPhiko Lwemisebenzi Yezesimo Sezulu eNingizimu Afrika.

Izichibiyelo eziseqhulwini zizonikeza aboPhiko Lwemisebenzi Yezesimo Sezulu eNingizimu Afrika igunya elisemthethweni lokuqalisa umsebenzi wokulawula ulwazi ngezinga lomoya kuleli lizwe, nokusebenza njengenxusa le-South African Air Quality information System.

Lokhu kuzofaka isandla ekuvikeleni nasekuthuthukiseni impahla yethu yemvelo nezinto zemvelo.

3.4. IKhabhinethi yavuma ukuba uMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wokuchibiyela Ukuthuthukiswa Kwamaminerali Nemikhiqizo Kaphethiloli, wezi-2012 wethulwe ePhalamende.

UMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wokuchibiyela Ukuthuthukiswa Kwamaminerali Nemikhiqizo Kaphethiloli wezi-2012 (uMthethosivivinywa Ohlongozwayo) uhlose ukuchibiyela uMthetho Wokuthuthukiswa Kwamaminerali Nemikhiqizo Kaphethiloli, wezi-2002 (uMthetho No. 28 wezi-2002) njengoba uchitshiyelwe uMthetho Wokuchibiyela Ukuthuthukiswa Kwamaminerali Nemikhiqizo Kaphethiloli wezi-2008 (uMthetho No. 49 wezi-2008).

Izinjongo ezinkulu zoMthethosivivinywa Wokuchibiyela, phakathi kokunye, ukuthuthukisa ukuhlinzekwa kokuzuza kumaminerali ukuze kuthuthukiswe ezezimboni futhi kufezekiswe izinjongo zezwe zokwakha imisebenzi nokukhulisa umnotho ngokulayela koHlelo Lukwazwelonke Lwentuthuko. Kuzobanjwa esinye isithangamu sabezindaba esizogxila kulokhu.

4. Abaqashiwe

IKhabhinethi yamukele ukuqashwa kwalaba abalandelayo:

4.1. UMnu Sithembiso Freeman Nomvalo njengoMphathi Omkhulu woPhiko Lwezobuchwepheshe Bolwazi LukaHulumeni nanjengelungu eliqavile kwiBhodi Yabaqondisi enkathini ewunyaka owodwa.

4.2. UMnu Trevor Gordon njengePhini loMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lokulawulwa Kwamakhemikhali Nemfucuza eMnyangweni Wezemvelo.

4.3. UNksz Yoliswa Makhasi njengePhini loMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezokulawulwa Kwebhizinisi eMnyangweni Wamabhizinisi Kahulumeni.

4.4. UNksz Rose Mbono njengePhini loMqondisi-Jikelele: Ophikweni Oluqaphe Umthelela Wezomnotho Nokuhambelana Kwenqubomgomo eMnyangweni Wamabhizinisi Kahulumeni.

4.5. IKhabhinethi yamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo oPhikweni Lwezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (SASSA):
a) UNksz Emmarentia Dianne Dunkerley ekubeni uMphathi Omkhulu: Ophikweni Lokulawulwa Kwezibonelelo,
b) UMnu Frank Earl ekubeni uMphathi Omkhulu: Ophikweni Lokudluliswa Kwemihlomulo Yezibonelelo

4.6. IKhabhinethi yakuphawula ukunwetshwa kwehlandla lokusebenza, ngesikhathi esiyizinyanga eziyisithupha, emalungwini angama-20 oMkhandlu okhona njengamanje we-South African Council for the Natural Scientific Professions kuze kube umhla zingama-30 kuMandulo wezi-2013.

Imibuzo:
Phumla Williams (Ibambela loKhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 0835010139

Share this page

Similar categories to explore