Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-27 kuMandulo 2017

IKhabhinethi yabamba umhlangano wayo ngoLwesithathu mhla zingama-27 kuMandulo 2017 e-Union Buildings, ePitoli.

A. Izindaba Ezisematheni
1. Isigungu-Jikelele seNhlangano Yezizwe (i-UNGA)

1.1. IKhabinethi iyishayele ihlombe inkulumo kaMongameli Jacob Zuma ayethula eMhlanganweni Ojwayelekile wama-72 we-UNGA e-New York, kwelase-USA mhla ziyi-12 kuMandulo 2017, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sigxila Kubantu: Silwela Ukuthula Nempilo Enhle Kubantu Bonke Emhlabeni Osimeme”.

1.2. Izingxoxo zabe zigxile, phakathi kokunye, kwiziNjongo Zentuthuko Esimeme (ama-SDG); ukuguquguquka kwesimo sezulu; izindaba eziphathelene nokuthula nokuvikeleka kanye nezinguquko kuNhlangano Yezizwe, ikakhulukazi izinguquko eMkhandlwini Wezokuvikela Wenhlangano Yezizwe.

1.3.UMongameli Zuma wasayina futhi neSivumelwano Sokuvinjelwa Kwezikhali Zenuzi, okuyisenzo esibonisa ukuzibophezela okuqhubekayo kweNingizimu Afrika ekuqinisekiseni ukuqedwa ngokuphelele kobungozi bezikhali zenuzi emhlabeni futhi kuqinisekiswe nokuthi ubuchwepheshe benuzi busetshenziselwa ukufeza izinjongo zoxolo kuphela.

1.4. UMongameli Zuma wasingatha futhi nomcimbi wesidlo sakusihlwa wokugubha iminyaka eyikhulu kwazalwa uMongameli waphambilini we-African National Congress, uMnu Oliver Reginald Tambo.

2. INyanga Yamagugu

2.1. IKhabhinethi ibonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ababamba iqhaza emigubhweni yeNyanga Yamagugu, ngoMandulo, futhi igcizelela emyalezweni kaMongameli Zuma awethula ngoSuku Lwamagugu wokuthi bonke abantu bakuleli kumele bazabalazele ukuletha ubumbano olukhudlwana kuleli lizwe lethu elinabantu abahlukahlukene futhi abaphuma ezinhlakeni ezihlukahlukene.

2.2. Njengoba leli lizwe seliphothula imigubho yeNyanga Yamagugu ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-Oliver Reginald Tambo:  Sigubha Amagugu Enkululeko Yethu”, abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuba bakhele phezu kwezimompilo ezisekelwa kakhulu wuMthethosisekelo wezwe futhi baqinise nemizamo yokwakha isizwe esingenabo ububha, esingenabo abantu abangenamakhaya futhi esingenayo inkinga yokungalingani kwabantu.

2.3. Ekugqugquzeleni umoya wokubungaza amagugu ezwe, iKhabhinethi isishayela ihlombe isivumelwano esisayinwe yiNingizimu Afrika ne-Tanzania, okuhloswe ngaso ukulondoloza umlando womzabalazo wenkululeko.

2.4. INhlangano Yezizwe ikugunyazile ukuqaliswa koMklamo Womgubho Womgwaqo Obheke Kuzimele-geqe kwelase-Afrika. Lo mklamo wumgubho womoya wobumbano nobambiswano phakathi kwezinhlangano zase-Afrika ezazilwela inkululeko futhi uzoholela ekwakhiweni kwesigcina-magugu, umtapo wolwazi kanye nesigcina-mlando.

3. Usuku Lwezokuvakasha Emhlabeni

3.1. INingizimu Afrika, ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe Wezokuvakasha, uNkz. Tokozile Xasa, yabamba iqhaza emgubhweni woSuku Lwezokuvakasha Emhlabeni, mhla zingama-27 kuMandulo 2017, futhi yabamba iqhaza nasemigubhweni yeNyanga Yezokuvakasha, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ezokuvakasha Ezisimeme – Ziyithuluzi Lokuletha Intuthuko”. Lokhu kuhlinzeka ngethuba lokweseka ukulethwa kwezinguquko kwinqubomgomo, nokuguqula izindlela zokwenza ibhizinisi futhi kuguqulwe nendlela amakhasimende ezokuvakasha enza ngayo izinto, ukuze kulethwe ukusimama okukhudlwana impela emkhakheni wezokuvakasha, okuyinto engafaka isandla esikhulu ekufezweni kweziNjongo Zentuthuko Esimeme. NgoSuku Lwezokuvakasha Emhlabeni amazwe ahlukahlukene, futhi okungamazwe alandela amasikompilo ahlukahlukene, abungaza ezokuvakasha ngezindlela ezihlukahlukene eziqondene nesifunda ngasinye, ezinjengokuhlinzekwa kwezaphulelo emalini yokungena ezikhungweni zamagugu ezithile ukuze kukhuliswe isibalo sabantu abathola ithuba lokuvakashela lezi zikhungo futhi/noma abantu bahlinzekwa ngethuba lokungena mahhala eziqiwini nasemapaki, futhi kwabanjwa nemicimbi ehlukahlukene yokubandakanywa kwababambiqhaza.

3.2. INingizimu Afrika isibonise impumelelo enkulu ekugqugquzeleni ezokuvakasha ngokusebenzisa izikhungo zayo ezihlukahlukene eziheha abavakashi, njengamapaki neziqiwi zakuleli, namabhishi ayo aklonyeliswe ngendondo yamabhishi ahlanzeke kakhulu kanye nezizinda zamagugu ezigunyazwe yizinhlangano zomhlaba. Njengoba umkhakha wezokuvakasha uqasha abasebenzi abaningi kangaka, lokho kuthathwa njengesikhali esikhulu sokulwisana nenkinga yokuntuleka kwamathuba omsebenzi kuleli. Njengezwe elithandwa kakhulu ngabavakashi, maningi amathuba okuba iNingizimu Afrika ikhulise imikhakha yayo ehlukahlukene yezokuvakasha, okuyinto ezowusimamisa kakhulu umnotho wakuleli ngokusebenzisa imikhakha yezokuvakasha enjengomkhakha wokuvakashelwa kwezindawo zasemakhaya, umkhakha wokuvakashela kuleli kwabantu  bakwamanye amazwe bezothola usizo lokwelashwa, umkhakha wezokuvakasha ophathelene nezolimo kanye nomkhakha wezokuvakasha ophathelene namasiko.

4. Isivumelwano sentengo yemishanguzo yokudambisa ingculazi

4.1. IKhabhinethi isishayela ihlombe isivumelwano esiyingqophamlando sentengo yemishanguzo yokudambisa isandulelangculazi esenziwe nguNgqongqoshe Wezempilo, uDkt. Aaron Motsoaledi, ngokubambisana nezinhlangano zamazwe ngamazwe ezihlukahlukene, okuhloswe ngaso ukusheshisa ukutholakala kohlelo lokudambisa isandulelangculazi ngephilisi elilodwa elishibhile futhi eliphuzwa kanye kuphela ngosuku.

4.2. Kulinganiselwa ekutheni ukuncishiswa kwentengo yemishanguzo kuzokongela leli lizwe imali engafinyelela ku-R11.7 wamabhiliyoni kule minyaka eyisithupha ezayo. Lokhu kuzokwenza ukuba iNingizimu Afrika ikwazi ukufaka iziguli ezengeziwe ohlelweni lokwelashwa ngemishanguzo.

4.3. Isivumelwano sentengo yemishanguzo sizokwenza ukuba umshanguzo i-Dolutegravir, onconywa kakhulu yiNhlangano Yezempilo Emhlabeni, utholakale ngentengo ephansi kulawo mazwe aneminotho esafufusa kanye neminotho emaphakathi ngobukhulu.

4.4. Njengoba sekusayinwe lesi sivumelwano, uMnyango Wezempilo uhlose ukwethula iphilisi elilodwa futhi eliphuzwa kanye ngosuku eliyinhlanganisela yemishanguzo emithathu, i-Tenofovir, i-Lamivudine kanye ne-Dolutegravir ngoMbasa wezi-2018.

4.5. IKhabhinethi inxusa labo bantu baseNingizimu Afrika abaya ocansini, ikakhulukazi intsha, ukuba baqhubeke nokunakekela izimpilo zabo ngokuqikelela ukuthi bayazisebenzisa izindlela zokuzivikela esifweni sengculazi, ngokuthi bazithibe bangayi ocansini, noma babe nomlingani oyedwa kuphela futhi bathembeke kuyena, basebenzise ikhondomu ngaso sonke isikhathi futhi bakwenze kube yinto eyinjwayelo ukuhlolelwa isandulelangculazi.

5. Ezempilo

5.1. IKhabhinethi ikushayela ihlombe ukuvulwa kophiko olusha lwesibhedlela i-Cecilia Makiwane eMdantsane, edolobheni lase-East London. Leli yigxathu eliyingqophamlando eliphokophele ekuqalisweni koMshwalense Kazwelonke Wezempilo ozoholela ekuhlinzekweni kosizo lwezempilo olusezingeni eliphezulu, ikakhulukazi emiphakathini ehlwempu.

5.2. Lesi sibhedlela sikanokusho esisezingeni lomhlaba siwumklamo wokutshalwa kwezimali okuhloswe ngawo ukufeza inhloso-mbono yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye neziNjongo Zentuthuko Esimeme zeNhlangano Yezizwe ezibandakanya ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu emhlabeni bathola usizo lwezempilo olusezingeni elifanele.

5.3. Lesi sibhedlela, esinemibhede angama-526, sisekelwe wuhlelo oludidiyelwe okuhloswe ngalo ukukhulisa izinga lokuhlinzekwa kosizo lwezempilo. Lolu hlelo lusebenzisa izindlela zobuchwepheshe zesimanjemanje ukunciphisa isikhathi esichithwa yiziguli ngenkathi zisalindile emgqeni, nokwenza ngcono ukuhlonzwa kwezifo kanye nokuqinisekisa ukuthi iziguli zihlinzekwa ngosizo lwezempilo ngokushesha.

5.4. Lolu tshalo-mali lwengqalasizinda oludle ibhiliyoni lamarandi luzosekela ukuthuthukiswa komnotho wasemalokishini. Njengoba sivuselela ingqalasizinda yezempilo, sikhulisa namathuba okuba imiphakathi yendawo yenze ngcono izimpilo zayo ngokuthi kuvulwe amathuba omsebenzi futhi kuhlinzekwe ngamathuba okuba abantu bakwazi ukusungula amabhizinisi ezindaweni abahlala kuzo.

6. INyanga Yezokuthuthukiswa Komphakathi

6.1. IKhabhinethi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokulekelela ekuhlinzekweni kosizo kubantu abahlwempu, njengoba kungasensuku zatshwala kufike iNyanga Yokuthuthukiswa Komphakathi ngoMfumfu.

6.2. Umgubho weNyanga Yokuthuthukiswa Komphakathi ubanjwa minyaka yonke ngenhloso yokukhumbula amagxathu amakhulu asethathwe yileli lizwe ekuhlinzekweni kwezibonelelo zompakathi kubantu abahlwempu futhi abadinga ukubhekelelwa kakhulu eNingizimu Afrika.

6.3. UMongameli Zuma uzokwethula ngokusemthethweni isikhumbuzo seNyanga Yokuthuthukiswa Komphakathi ngoLwesihlanu, mhla zingama-29 kuMandulo 2017.

6.4. IKhabhinethi ithanda ukufisela bonke abantu asebekhulile bakuleli uSuku Lwabantu Asebekhulile olumnandi, njengoba lolu suku luzogujwa mhla lu-1 kuMfumfu 2017.

6.5. Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuba basebenzise inyanga kaMfumfu ukuhlonipha nokukhumbula indima eyadlalwa ngabantu abadala kanye nokuzinikela kwabo okukhulu emzabalazweni wenkululeko yezwe lethu. Kungumsebenzi wabo bonke abantu bakuleli, hhayi uhulumeni nje kuphela, ukunikeza abantu abadala kanye nalabo abahluphekayo ukunakekelwa okuthe xaxa.

6.6. Uhlelo lwezibonelelo zikahulumeni ezihlinzekwa nguhulumeni waseNingizimu Afrika lwakhelwe phezu kwenkolelo eqinile yokuthi izibonelelo zikahulumeni ziyilungelo lesintu eliyisisekelo futhi zisemqoka kakhulu ekubuyisweni kwesithunzi sezakhamuzi zakuleli. Izibonelelomali zikahulumeni zihlinzeka ngosizo lwezimali emakhaya ayizigidi ngezigidi futhi, ngokusebenzisana nohulumeni, ziyabalekelela abantu abantulayo ukuba benze ngcono izimo abaphila ngaphansi kwazo ngesithunzi.

7. Amalungiselelo okuhlolwa kwabafundi

7.1. IKhabhinethi ifisela abafundi okuhle kodwa, ikakhulukazi labo abenza iBanga le-12, njengoba belungiselela ukuhlolwa kwabo kokuphela konyaka.

7.2. Ahamba kahle kakhulu amalungiselelo oMnyango Wezemfundo Eyisisekelo (i-DBE) okuhlolwa kukamatikuletsheni okuzoqalwa mhla ziyi-16 kuMfumfu 2017, lapho abafundi ababhalisiwe abangaphezu kwezi-798 000 bezobhala khona izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

7.3. I-DBE ihlinzeka ngokwesekwa okwengeziwe kubafundi bakamatikuletsheni njengoba beqhubeka nokufunda nokuzilungiselela ezikoleni zabo ntambama emva kokuphuma kwesikole, nangezimpelasonto nangamaholidi ezikole.

7.4. IKhabhinethi iyabanxusa abazali kanye nabalondolozi bezingane ukuba bahlinzeke abafundi ngakho konke ukwesekwa abakudingayo njengoba belungiselela ukuhlolwa kwabo.

8. IViki lama-Thusong Service Centre Elibanjwa Njalo Ngonyaka

8.1. Uhulumeni uliphothule ngempumelelo Iviki lama-Thusong Service Centre elibanjwa njalo ngonyaka, ebelibanjwe kusukela mhla ziyi-18 kuya kumhla zingama-22 kuMandulo 2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-OR Tambo – Sithuthukisa Amabhizinisi Asafufusa ezikhungweni ezingama-Thusong Service Centre”.

8.2. Lokhu kuyingxenye yeNyanga Yophiko Lwezemisebenzi Kahulumeni futhi kwagqugquzela uhlelo lwe-Thusong ngokubonisa uhlelo oludidiyelwe lokuhlinzeka ngezinsizakalo ezingomahambanendlwana futhi kwaboniswa nendlela olusebenza ngayo lolu hlelo ekubhekeleleni izidingo zezakhamuzi zakuleli. Ama-Thusong Services Centre aletha izinsizakalo ezihlukahlukene zikahulumeni kanye nolwazi eduze kwamakhaya abantu bakuleli.

8.3. Lolu hlelo lufinyelela kubantu abalinganiselwa ezigidini eziyisithupha abahlomulayo njalo ngonyaka ngaphansi koHlelo Oludidiyelwe Oluhlinzeka Ngezinsizakalo Ezingomahambanendlwana, neViki lama-Thusong Service Centre Elibanjwa Njalo Ngonyaka kanye nezinye izinhlelo zoPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS).

8.4. Ngokusebenzisa lolu hlelo, uhulumeni uyaqhubeka nokulungisa isimo sokungahlinzekwa kwezinsizakalo zomphakathi ngendlela elinganayo esiwumphumela wezinqubo zesikhathi esedlule, futhi uhulumeni wenza lokhu ngokuletha izinsizakalo ezisezingeni eliphezulu eduze kwezindawo lapho kuhlala khona abantu ababencishwe amathuba okubamba iqhaza ngokuphelele ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho yabantu.

8.5. Futhi ama-Thusong Service Centre ahlomisa imiphakathi ngokuqeqeshwa ngamakhono abawadingayo ukuze bakwazi ukwenza ngcono izimpilo zabo, ngokusebenzisa ubambiswano olukhona njengamanje phakathi kukahulumeni, amabhizinisi kahulumeni kanye nabomkhakha ozimele.

8.6. IKhabhinethi iyagcizelela ekhweleni lokunxuswa kwemiphakathi ukuba iqhubeke nokusebenzisa ama-Thusong Service Centre ukufinyelela ezinsizakalweni  ezihlinzekwa yizimpiko ezihlukahlukene zikahulumeni, njengoMnyango Wezasekhaya, Owezabasebenzi, Owezobulungiswa, uPhiko Lwezibonelelo Zikahulumeni lwaseNingizimu Afrika kanye nesiKhwama Sezingozi Zomgwaqo.

9. Ezase-Myanmar

9.1. IKhabhinethi ikhathazekile ngempicabadala yesimo senhlalo esingesihle neze esibhekene nabantu abawuhlanga lwama-Rohingya asebebalekile bashiya amakhaya abo kwelase-Myanmar.

9.2. INingizimu Afrika iyasisekela isitatimende sikaNobhala-Jikelele weNhlangano Yezizwe uMnu. António Guterres, ogcizelele isibopho sikahulumeni wase-Myanmar sokuvikela yonke imiphakathi ekhahlamezekile, futhi uphinde wacela ukuba izinhlangano ezisiza abantu zivunyelwe ukuba zifinyelele futhi zihlinzeke ngosizo kuleyo miphakathi edinga usizo nokuvikeleka.

9.3. IKhabhinethi inxusa wonke amaqembu ukuba ayeke ukuzibandakanya ezenzweni zodlame ukuze kunqandwe usizi nokuhlupheka kwabantu okuqhubekayo njengamanje futhi iyanxusa ukuba sixazululwe ngokushesha isimo esingesihle neze esiqhubekayo njengamanje esifundazweni sase-Rakhine, ngokulandela izimiso nemigomo ebekwe ngumthetho.

10. Ezase-Angola
10.1. IKhabhinethi nayo, njengoMongameli Zuma, ihalalisela izwe lase-Angola ngokubamba ukhetho olube yimpumelelo. UMongameli Zuma ubewuthamele umcimbi wokugcotshwa kukaMongameli João Manuel Gonçalves Lourenço obubanjelwe e-Luanda ngoLwesibili mhla zingama-26 kuMandulo 2017.

10.2. INingizimu Afrika ne-Angola ngamazwe anomlando ofanayo wokulwiswana nengcindezelo yokubuswa ngabezizwe kanye nobandlululo. Kusukela ngowe-1994, lawa mazwe amabili alokhu eqhubeke njalo nokukhulisa nokwelula ubambiswano oluqinile olukhona phakathi kwawo.

10.3. I-Angola ngelinye lamazwe ahwebelana neNingizimu Afrika kakhulu ezwekazini lase-Afrika futhi iyaqhubeka nokukhulisa nokwelula ubudlelwano bayo neNingizimu Afrika.

11. Ukuhlaselwa kwezivakashi zase-Netherlands

11.1. IKhabhinethi iyasigxeka isigameko sakamuva sokuqolwa kwezivakashi zase-Netherlands ezilandelwe yilezi zigebengu ngenkathi ziphuma esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport. Bonke abantu baseNingizimu Afrika kumele bakugxeke kakhulu ubugebengu obunjengalobu ngoba bubeka engcupheni umkhakha wethu wezokuvakasha okhula ngesivinini esikhulu. IKhabinethi iphinde yanxusa uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ukuba wenze konke okusemandleni awo ukubopha abenzi balesi senzo sobugebengu esibi kangaka.  

11.2. IKhabhinethi iyawunxusa umphakathi ukuba ubikele amaphoyisa uma uhlangabezana nanoma yiluphi ulwazi olungawalekelela ophenyweni lwawo futhi inxusa ukuba kuqinisekiswe ukuthi bagixabezwa ngezijeziso eziqinile labo abayotholwa benecala lalokhu.

12. Ukwethulwa kwebhukwana lomthetho wendabuko wesizwe sa-Bakoena Ba Mopeli

12.1. IKhabhinethi ikushayela ihlombe ukwethulwa kwebhukwana loMthetho Wendabuko isihloko salo esithi: Bakoena Ba Mopeli Customary Law of Succession and Genealogy, njengoba lokhu kuyimpumelelo eyingqophamlando kwezobuholi bendabuko eNingizimu Afrika.

12.2. UNgqongqoshe Wezokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko, uMnu. Des van Rooyen, kanye neNgonyama u-Letsie III, iNhloko Yombuso wase-Lesotho, bebewuthamele lo mcimbi obubanjwe mhla zingama-25 kuMandulo 2017.

12.3. UMnyango Wezokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko waqala ukubhala umlando wamaKhosi NeziNdlovukazi eziyi-13 kusukela ngowezi-2011. Leli bhukwana lizolekelela abantu ukuba bawuqonde kahle umlando wesizwe sa-Bakoena Ba Mopeli kanye nokulandelana kwamakhosi aso ukuze kugcinwe umlando waleli lizwe.

B. Izinqumo ZeKhabinethi

1.  Isivumelwano seNhlangano Yokuthuthukiswa Komphakathi waseNingizimu ne-Afrika (i-SADC)
1.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukwamukelwa yiPhalamende ngokusemthethweni kweSivumelwano se-SADC sokuPhathwa Kwemvelo Ukuze Kulethwe Intuthuko Esimeme. Injongo yalesi sivumelwano wukugqugquzela ukusetshenziswa ngendlela esimeme kanye nokuphathwa kahle kwemvelo egxamalazele imingcele yamazwe e-SADC ahlukahlukene, okuyinto ezoba wusizo kakhulu emazweni e-SADC.

1.2. INingizimu Afrika, njengoSihlalo we-SADC kusukela ngoNcwaba 2017 kuze kube nguNcwaba 2018, izibophezele ekuqiniseni imizamo yokonga nokuvikela imithombo yemvelo egxamalazele imingcele yamazwe esifunda se-SADC kanye nokugqugquzela intuthuko esimeme kulesi sifunda.

1.3. Lokhu kuyahambelana nohlelo lwe-NDP, olubeka eqhulwini ukuqiniswa kokudidiyelwa kwesifunda se-SADC nokuqinisekisa ukusimama kwemvelo nokuletha uguquko ngendlela efanele futhi elingene ukuze kuguqukelwe emnothweni okhiqiza intuthu encane kakhulu engcolisa umoya nemvelo.

2. INgqungquthela Yongqongqoshe Yobambiswano Lokuthatha Izinyathelo Zokuqinisekisa Umnotho Obhekelela Imvelo

2.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukusingathwa kweNgqungquthela Yongqongqoshe Yobambiswano Lokuthatha Izinyathelo Zokuqinisekisa Umnotho Obhekelela Imvelo, ezobanjwa ngoMandulo 2018. Lesi sigcawu sisekela amazwe kanye nezifunda ukuba zenze ukusimama kwemvelo kube wumongo nomgogodla wezinqubomgomo nezinkambiso zomnotho ngenhloso yokuqhubekisela phambili i-Ajenda yowezi-2030 yeNtuthuko Esimeme.

2.2. Lolu wuhlelo lweNhlangano Yezizwe oluzoqoqela ndawonye ubungoti obuvela ezimpikweni  ezinhlanu zeNhlangano Yezizwe, okuwuHlelo  Lwenhlangano Yezizwe Lwezemvelo; iNhlangano Yezabasebenzi Yamazwe Ngamazwe; uHlelo Lwentuthuko Lwenhlangano Yezizwe; Uphiko Lwenhlangano Yezizwe Lokuthuthukiswa Kwezimboni kanye neSikhungo Senhlangano Yezizwe Socwaningo Nokuqeqeshwa.

2.3. Ukusingathwa kwale Ngqungquthela Yongqongqoshe kuzoqhubekisela phambili i-ajenda, ngaphakathi kuleli lizwe kanye nasezwenikazi lase-Afrika, yokukhuliswa komnotho okubandakanya abantu bonke ngokuthi kwamukelwe umgudu wezomnotho ogcizelela ukukhiqizwa kwentuthu encane kakhulu futhi ukwazi ukubhekana nesimo sezulu esiguquguqukayo futhi esinobunzima.

3. IBhodi Yezamanzi YaseMngeni

3.1 IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi mayelana nesimo seBhodi Yezamanzi YaseMngeni, okuyibhodi yezamanzi engeyesibili ngobukhulu kuleli njengoba yenza inzuzo engaphezu kuka-R2,4 wamabhiliyoni futhi iSabelomali sayo Semisebenzi Emikhulu seminyaka emihlanu singaphezu kwamarandi angamabhiliyoni ayisikhombisa. IKhabhinethi yahlinzekwe ngolwazi futhi nangezingxoxo ezibanjwe nguMnyango Wezamanzi Nezokuthuthwa Kwendle nabatshali-zimali.

3.2 Ukuze kulethwe uzinzo ezindabeni zeBhodi eziphathelene nokuphatha nokwengamela, iKhabhinethi ikugunyazile ukuqokwa kweBhodi Yesikhashana ngenkathi uNgqongqoshe esazama ukusheshisa inqubo yokuqokwa kweBhodi Yezamanzi YaseMngeni ezosebenza ngokugcwele. IKhabinethi igculisekile ngomsebenzi owenziwa nguNgqongqoshe ekuletheni uzinzo kwiBhodi Yezamanzi YaseMngeni.

C.  Imithethosivivinywa
1. Isichibiyelo Somthetho Wezokuhlolwa Nokuklanywa Komhlaba

1.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukushicilelwa kweSichibiyelo Somthetho Wezokuhlolwa Nokuklanywa Komhlaba ukuze umphakathi uzwakalise imibono yawo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezokuhlolwa Nokuklanywa Komhlaba we-1997 (uMthetho we-8 we-1997).

1.2. Lezi zichibiyelo zizocacisa amandla namagunya okuphendula nokwengamela futhi uhlinzekele nokuqokwa kwamalungu omphakathi athile njengamalungu eBhodi Yokulawulwa Komsebenzi Wokuhlola Nokuklama Umhlaba, ukuze kwenziwe ngcono ukulawulwa kokuhlolwa nokuklanywa komhlaba eNingizimu Afrika.

1.3. Lo Mthethosivivinywa uhlose futhi nokulawula ukuhlolwa nokuklanywa komhlaba eNingizimu Afrika ngokunikeza uMhloli-Jikelele Womhlaba amandla okuqapha nokuphatha indlela okwenziwa ngayo umsebenzi wokuhlola nokuklama umhlaba mayelana nesimo somhlaba nokuguquka kwaso ngokuhamba kwesikhathi (i-geodetic), isimo somhlaba kubandakanya izinto ezakheke ngokwemvelo kanye nezakhiwo ezakhiwe ngabantu (i-topographic) kanye nemingcele ebonisa ukuklanywa nokuhlukaniswa komhlaba (i-cadastral), kubandakanya nokuhlinzekwa kwezinsizakalo eziphathelene nedatha yomhlaba (i-geospatial) kanye nolwazi oluphathelene nomhlaba ezweni lonkana.

2. Umthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Yezesayensi Nobuchwepheshe wezi-2017

2.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukushicilelwa kweSichibiyelo Somthetho Wezesayensi Nobuchwepheshe wezi-2017 ukuze umphakathi uzwakalise imibono yawo. Lo Mthethosivivinywa uphakamisa ukuhanjelaniswa nokufaniswa kwezimiso ezilawula imisebenzi eyenziwayo kanye nokuphathwa kwezikhungo zikahulumeni ezingaphansi kwesandla sikaNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe. Lokhu kuzoqinisekisa ukuhambelana kwazo zonke izidingo okumele zineliswe kanye nezinqubo zokuphatha okumele zilandelwe yilezi zikhungo.

D. Imicimbi ezayo
1. INyanga Yezokuthutha

1.1. Njengoba inyanga kaMfumfu 2017 iwuphawu lweNyanga Yezokuthutha ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili”, iKhabhinethi inxusa bonke abantu bakuleli ukuba basebenzisane ukuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda yezokuthutha yezwe iyabahlomulisa bonke abantu bakuleli futhi iKhabhinethi ikhuthaza abasebenzisi bomgwaqo ukuba basebenzise umgwaqo ngokucophelela futhi baqinisekise ukuthi nsuku zonke bakubeka eqhulwini ukuphepha emgwaqeni. Uma sisebenza ngokubambisana singakunciphisa ukufa nokulimala kwabantu abaningi okwenzeka emigwaqeni yethu.

1.2. NgeNyanga Yezokuthutha, uhulumeni – eholwa nguMnyango Wezokuthutha kanye nezikhungo ezingaphansi kwawo – uzoqhakambisa imihlomulo yezomnotho etholakala kulo mkhakha ngokubonisa izinsizakalo zengqalasizinda yezokuthutha, emkhakheni wezokuthutha ngomoya, ezokuthutha zasolwandle, ezokuthutha umphakathi, ezokuthutha ngomgwaqo kanye nezokuthutha ngezitimela. Umcimbi kazwelonke wokwethulwa kwale nyanga uzobanjelwa enkundleni yezemidlalo i-Sinaba Stadium e-Daveyton ngaphansi koMkhandlu-dolobha wase-Ekurhuleni mhla zingama-29 kuMandulo 2017.

1.3. Utshalo-mali olufakwa emkhakheni wezokuthutha lugqugquzela intuthuko nokuvulwa kwamathuba omsebenzi njengengxenye yoHlelo lweNingizimu Afrika Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye, okuhloswe ngalo ukukhulisa umnotho kanye nokudala amathuba omsebenzi adingeka kakhulu kuleli. Lolu tshalo-mali luzoqinisekisa ukwakhiwa kwenethiwekhi yezokuthutha edidiyelwe ezweni lonkana.

2. INingizimu Afrika izosingatha isigcawu sesibili seKhomishana yeNingizimu Afrika neZimbabwe (i-BNC)

UMongameli Jacob Zuma uzosingatha uzakwabo waseZimbabwe, uMongameli Robert Mugabe, ozovakashela eNingizimu Afrika mhla zi-3 kuMfumfu njengengxenye yoMhlangano Wesibili Wekhomishana yezwe laseNingizimu Afrika nelase-Zimbabwe (i-BNC). I-BNC yasayinwa ngoMbasa 2015 futhi yathulwa ngokusemthethweni ngoMfumfu 2016 e-Harare, e-Zimbabwe.

INingizimu kanye ne-Zimbabwe ngamazwe anobudlelwano obuhle bezepolitiki, ezomnotho kanye nezenhlalo yomphakathi obusekelwe ngamaxhama omlando aqinile ezokusebenzisana nokubambisana aseqhubeke iminyaka ngeminyaka phakathi kwalawa mazwe amabili. Lawa mazwe awagcini nje kuphela ngobambiswano oluphathelene nomlando kepha abambisene futhi nakwezomnotho.  Izwe lase-Zimbabwe ngelinye lamazwe amahlanu ahwebelana kakhulu neNingizimu Afrika kuleli zwekazi, futhi izibalo zokuhwebelana phakathi kwalawa mazwe ziyakhula minyaka yonke. Ngowezi-2016, iNingizimu Afrika yathumela kwelase-Zimbabwe impahla ebalelwa ku-R29.3 wamabhiliyoni.

E. Imiyalezo
1. Umgubho wosuku lokuzalwa lukaMama u-Winnie Madikizela-Mandela

1.1. IKhabhinethi ihlanganyela nabo bonke abantu bakuleli ekufiseleni uMama u-Winnie Madikizela-Mandela, odume ngelikaMama Wesizwe, umgubho wosuku lokuzalwa omnandi njengoba ehlanganise iminyaka yobudala engama-81 ngoLwesibili mhla zingama-26 kuMandulo 2017.

1.2. UMama uMadikizela-Mandela ungomunye wezingqalabutho zaseNingizimu Afrika eziyintandokazi kubantu bakuleli futhi uhlonishwa kakhulu. IKhabhinethi iyambonga ngegalelo lakhe emzabalazweni wenkululeko yakuleli eyatholakala kanzima futhi imfisela unyaka onezibusiso azowuchitha nabantu abathandayo nomndeni wakhe.

2. I-Banyana Banyana

2.1. IKhabhinethi ihalalisela i-Banyana Banyana ngokunqoba kwayo uMqhudelwano we-COSAFA Webhola Lezinyawo Labesifazane Wezi-2017 emva kokushaya iqembu lase-Zimbabwe ngamagoli amabili kwelilodwa emdlalweni wamanqamu kwaBulawayo. I-Banyana Banyana indizise ifulegi laseNingizimu Afrika ngokuziqhenya futhi umdlalo wabo omuhle uzofaka ugqozi nakwabanye abantu abasha baseNingizimu Afrika abanekhono ukuba nabo babonakalise ikhono labo futhi baqinisekise ukuthi baphuma phambili kulokho abakwenzayo.

3. Ukuzamazama komhlaba kwelase-Mexico
3.1. IKhabhinethi nayo, njengoMongameli Zuma, idlulisa amazwi enduduzo kuMongameli wase-Mexico u-Enrique Peña Nieto kulandela ukuzamazama komhlaba, i-tsunami kanye nesiphepho esinamandla esidale umonakalo omkhulu, osekuholele ekushoneni kwabantu abangaphezu kwama-225 kanye nokucekela phansi kwengqalasizinda.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.
1.  IKhabhinethi ikugunyazile ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengamalungu  eBhodi Yesikhashana yo-Umgeni Water Board:
a. Nkz. Ziphozethu Mathenjwa (uSihlalo);
b. Nkz Nompumelelo Chamane;
c. Mnu. Visvin Reddy;
d. Mnu. David Dikoko;
e. Nkz. Zodwa Manase;
f.  Adv Tshidi Hatashe; kanye
g. NoMnu. Midiavhathu Tshivhase.

2. Laba abalandelayo baqokwe njengamalungu e-Takeover Regulation Panel:
a. Mnu. Sandile Bubele Siyaka (oqokwe okwehlandla lesibili);
b. Mnu. Ntshengedzeni Anthony Michael Tshivhase (oqokwe okwehlandla lesibili);
c.  Mnu. Christopher Ewing (oqokwe okwehlandla lesibili);
d. Mnu. Ebrahim Aboobaker Moolla (oqokwe okwehlandla lesibili);
e. Nkz. Nonzukiso Zukie Siyotula; kanye
f.  NoNkz Nocamagu Nomfundo Mbulawa.

3. Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla be-Board of the Export Credit Insurance Corporation of South Africa SOC Limited:
a. Mnu. Dhevendren Dharmalingam (uSihlalo);
b. Nkz. Vuyelwa Matsiliza (oqokwe kabusha); kanye
c.  NoNkz. Siobhain O’Mahony (oqokwe kabusha).

4.  UMnu. Patrick Khulekani Dlamini oqokwe kabusha njengoMphathi Omkhulu weBhange Lentuthuko leNingizimu ne-Afrika futhi onguMqondisi Omkhulu weBhodi.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nkz. Phumla Williams
Ibamba likaMqondisi-Jikelele (GCIS)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore