ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla zingama-30 kuNcwaba 2017

IKhabhinethi ihlangane eTuynhuys eKapa.

1. Izindaba Ezisematheni

1.1. IKhabhinethi iyamukelile imiphumela yeNgqungquthela Ejwayelekile yeziNhloko Zemibuso kanye Nohulumeni yama-37 Yenhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ebisingethwe eNingizimu Afrika kusukela mhla ziyi-9 kuya mhla zingama-20 kuNcwaba 2017 ngaphansi kwendikimba ethi: “Sisebenzisana noMkhakha Ozimele Ekuthuthukiseni Imboni kanye Nochungechunge Lokuthengwa Kwempahla Lwesifunda”.

Ingqungquthela igxile ekuqalisweni ukusebenza kweQhinga le-SADC Lokwenziwa Kwezimboni kanye Nomkhombandlela wokudlondlobalisa ukukhula komnotho kanye nentuthuko esifundeni. Iqhinga lihlose ukushintsha isakhiwo seminotho yesifunda bese likhuthaza ukwengezwa kobunani ngokugxila emisebenzini yokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo, ukuhlomula ngezimbiwa kanye nemikhiqizo yezimonyo. Ingqungquthela igcizelele isidingo sokuba nemiphumela ephathekayo nebambekayo ezophucula ingcebo yezwe. 

IKhabhinethi nayo njengoMongameli uJacob Zuma ibonga iNkosi Yohlanga uMswati III, uSihlalo ophumayo we-SADC, ngegalelo lakhe elisemqoka kanye nobuholi bakhe, njengoba iNingizimu Afrika ithatha izintambo zomsebenzi wokuba nguSihlalo we-SADC kusukela ngoNcwaba 2017 kuya kuNcwaba 2018.

1.2. IKhabhinethi ithulela isigqoko bonke abantu besifazane, futhi idlulisa ukubonga okusuka ngaphakathi enhliziyweni kulabo ababambe iqhaza ekugubheni nasekubungazeni abantu besifazane njengoba sesiyivala Inyanga Yabantu Besifazane, ngaphansi kwendikimba ethi: “Unyaka ka-OR Tambo: Abantu Besifazane Babumbene Ukuqhubela iNingizimu Afrika Phambili”.

Yize abantu besifazane sebezuze izinto ezibalulekile eNingizimu Afrika, kuningi okusadinga ukwenziwa kanti futhi izinhlelo zikahulumeni zizoqhubeka nokubeka eqhulwini ukubandakanywa kwabantu besifazane ekuthuthukisweni kwemiphakathi yethu, umnotho kanye nezwe. Abantu besifazane basaqhubeka nokubhekana namazinga angamukelekile okuhlukunyezwa kanye nodlame, ububha kanye nokungasebenzi.

1.3. IKhabhinethi iwuqaphelile Umbiko Wokhondolo Lobubha okhishwe ngabesikhungo Sezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA) futhi izowubhekisisa. IKhabhinethi igcizelele isibophezelo sayo ezinhlelweni zayo ezicheme nabantu abahluphekayo, ikakhulukazi njengoba ziqondene nezingane eziqhamuka emakhaya ahlwempu.

Eminyakeni engama-23 eyedlule, uhulumeni usekhuphule uhlelo lwemali yesibonelelo sikahulumeni kubantu abahluphekayo kanye nababuthakathaka lwasuka ebantwini abay izigidi eziwu-2,7 lwaya kwabayizigidi eziyi-17. Lolu hlelo lusiza izingane ezingaphezu kwama-91% ezifanelekile kanye nabantu abadala abafanelekile abangama-95,5%. Izikole ezingaphezu kwezi-20 000 sezidalulwe njengezingayikhokhisi imali yesikole, nalapho kunabafundi abangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalolunye abahlomula ezinhlelweni zokuphakelwa kwezingane ukudla okunomsoco ezikoleni. 

Isikimu Sikazwelonke Sosizo Lwezimali Lwabafundi (i-NSFAS) kusukela ngowe-1999 sesikhiphe imali engaphezu kwezigidigidi ezingama-72 zamarandi kumalimboleko kanye nemifundaze kubafundi abavela emakhaya ahlwempu. Lokhu sekuholele kubafundi abangaphezu kwezigidi ezimbili abavela emakhaya ahlwempu asebefinyelele imfundo esemazingeni aphezulu. Isamba sezingane eziyizigidi eziwu-1,7 zifunda ezinkulisa, eziyisisekelo esisemqoka sezemfundo.

Ngowe-2012 uhulumeni waphinda wethula uhlelo lwezempilo esikoleni, oluyisinyathelo sokungenelela olwenziwa kwezinye izingqinamba ezithuntubeza inqubekelaphambili kwabanye abafundi.

Ngaphezu kwalokho, uhulumeni unenqwaba yezinyathelo ezilwisana nobubha ezihlinzeka ngezinsizakalo eziyisisekelo ezimahhala ezigidini zemindeni ehlwempu ezinjengamanzi ahamba ngamapayipi, ukuthuthwa kwemfucuza, ugesi wamahhala kanye nokuthuthwa kukadoti. Uhulumeni uphinde waqalisa ukusebenza kwezinhlelo zokunikezwa komphakathi umsebenzi kanye nezikimu zezezindlu ukuvumela imindeni ehluphekayo ukuba ikwazi ukuba nezindlu.

Uhulumeni uzoqhubeka nokuthola izindlela zokuqinisa ezinye zezinhlelo zezibonelelo zikahulumeni ezisungulelwe ukusimamisa abantu abahluphekayo kanye nemiphakathi ebuthakathaka.

1.4. IKhabhinethi incoma ukwethulwa kwesibonakude i-Ghana Radio Astronomy Observatory, okwenziwe nguMongameli waseGhana uNana Akufo-Addo kanye noNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe waseNingizimu Afrika, uNks Naledi Pandor.
Lokhu kusemqoka ngokubamba iqhaza kwe-Afrika emklamweni we-Square Kilometre Array (i-SKA). Isibonakude esiseGhana singesokuqala ngaphandle kwesiseNingizimu Afrika, njengelinye lamazwe okubanjiswene nawo.

Njengabalingani be-SKA yase-Afrika, iqembu le-SKA South Africa/Hartebeesthoek Radio Astronomy lisebenze ngokuhlanganyela neGhana ukuvuselela isibonakude  ebesingasebenzi  esiseKuntunse.

Umnyango Wezobudlelwano Bamazwe  Nokubambisana (i-DIRCO) uxhase ngezimali ingxenye enkulu yomklamo wokuvuselela esi sibonakude usebenzisa Isikhwama Sezimali Sokuzalwa Kabusha Kwe-Afrika kanye Nokubambisana Kwamazwe Omhlaba, esihloselwe ukuqinisa ukusebenza ngokubambisana phakathi kweNingizimu Afrika kanye namanye amazwe ase-Afrika.

Ingxenye esemqoka yomzamo oqondiswe ekwakheni i-SKA ezwenikazi lase-Afrika eminyakeni eyishumi ezayo ukuthuthukisa amakhono, izimiso kanye namandla esikhungo adingeka emazweni abambisene kwi-SKA ukuze anikeze ithemba elikhulu ngokubamba iqhaza kwe-Afrika emklamweni.

1.5. IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo esivela kuNgqongqoshe Wezemvelo, uNks Edna Molewa sokuthi iNingizimu Afrika isiyaphothula ezifundazweni ezintathu ezisilele emuva, ukuqinisekiswa kanye nokucwaningwa kwazo zonke izindawo ezikhona eziphethwe ngabantu abazimele eziphakela ngezimpondo zobhejane. Ucwaningo lokuqala olwabanjwa yizifundazwe lusabhekwa futhi luqinisekiswe nguMnyango kazwelonke Wezemvelo.

Lokhu kuzosiza ekuvimbeleni ukushushumbiswa okungenzeka kwezimpondo zobhejane ezitholakale ngokungemthetho futhi kuzoqinisekisa ukuthi izwe linolwazi olugcwele futhi olushaya emhloleni maqondana nesibalo sezimpondo zobhejane ezikhona eNingizimu Afrika ngesikhathi esithile, kanye nomnikazi obhalisiwe wophondo likabhejane ngalunye kulezo zimpondo.

Maqondana nesinqumo esikhishwe yiNkantolo Ephakeme yaseNyakatho Gauteng maqondana nokukhishwa kwemvume yokudayisa izimpondo zoBhejane inikezwa umfuyi uMnu John Hume, okubonise indali yokuqala ngqa eyenziwa kwi-inthanethi eNingizimu Afrika yezimpondo zoBhejane, iKhabhinethi igcizelela phakathi kwezinye izimo eziningi zokusebenza, ukuthi; umnikazi wemvume okukhulunywa ngaye, okufanele ukuba uyitholile imvume yokudayisa angadayisa uphondo lukabhejane kuphela kumuntu onemvume yokuthenga ekhishwe ngokoMthetho Kazwelonke Wokuphathwa Kwengxubevange Yezemvelo, wezi-2004 (uMthetho we-10 wezi-2004), omgunyaza ukuthenga uphondo lukabhejane kumnikazi onemvume yokudayisa, kulokhu okunguMnu Hume.

Imvume ayikugunyazi ukuhwebelana kwamazwe ngamazwe ngezimpondo zobhejane. Ukuhwebelana ngezimpondo zikabhejane kusalokhu kuvaliwe, ngokwemihlinzeko yeSivumelwano maqondana Nokuhwebelana Kwamazwe Ngamazwe Ngezilwane Nezitshalo Zasendle Ezisengcupheni Yokushabalala (i-CITES). Ngesikhathi sonke sendali Umnyango Wezemvelo kufanele unikezwe imvume yokungena endalini eyenziwa kwi-inthanethi ukuze ukwazi ukuqapha ukuthotshelwa kwemithetho okudingekayo.

INingizimu Afrika isalokhu izibophezele ohlelweni olulawulwayo oluphatha uhwebo ezidalweni ezisengcupheni yokushabalala noma ezivikelwe ngokuhambelana nesimiso salapha ngaphakathi ezweni, kanjalo nemihlinzeko ebophezelayo ngokusemthethweni ye-CITES.

1.6. IKhabhinethi iyasamukela isinqumo seNkantolo Ephakeme sokulahla ngecala izephulamthetho ezibandakanyeka ecaleni elibandakanya ukululazwa kwesithunzi somuntu omnyama esinenhlese yokucwaswa ngebala ngokufakwa ebhokisini lomngcwabo.

Isinqumo sokulahla ngecala sizosebenza njengesexwayiso kulabo abasaqhubekayo nogcwala inzondo yokucwasa ngokobuhlanga ezweni. IKhabhinethi iqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi nanoma yiluphi uhlobo lokucwasa ngokobuhlanga noma isenzo senzondo ngeke kubekezelelwe nakancane. Ubumbano lomphakathi lusalokhu luyisibopho kuthina sonke njengomphakathi esidinga ukwakhela kusona kanye nokusiqinisa.

1.7. IKhabhinethi isamukele Isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esinqume ukuthi omasipala abasakwazi ukuqhubeka nokuthwesa abanikazi bezindlu abasha izikweletu zikamasipala zabanikazi bangaphambilini. Lesi sinqumo siwusizo kubanikazi bezindlu, abanye babo abese becwile esikweletini seminyaka engama-20 eyadlula. Lesi sinqumo esinjengalesi sizosiza abanikazi bezindlu bakusasa. IKhabhinethi inxusa omasipala ukuba bahambelanise uhlelo lwabo lokuqoqa izikweletu nalesi sinqumo.

1.8. IKhabhinethi iyakuqaphela ukuthi uMnyango WezezimaliKuzwelonke wengamele uphenyo lwezinsalela zobugebengu ngokungahanjiswa ngendlela kwezinto ohlelweni Lenqubo Yokuphathwa Kwezimali Oludidiyelwe (i-IFMS).

IKhabhinethi iyawuncoma uMnyango Wezezimali Kuzwelonke ngezilawulo zocwaningo langaphakathi olunamandla, ezihlonze ukusetshenziswa kwemali ngendlela engajwayelekile. Iyathemba ukuthi kuzofundwa okuningi maqondana nezinselele okubhekanwe nazo, futhi kuzohlonzwa nanoma yikuphi ukwephulwa komthetho okweziwe ngenhloso noma ubudedengu bese kushushiswa ngemibuzo labo abathintekayo.

IKhabhinethi inethemba eligcwele emandleni esikhungo soMnyango Wezezimali Kuzwelonke kanye nasekubeni kwakhe ngumphathi wezimali zikahulumeni. IKhabhinethi izwakalisa futhi ithemba layo ezikhungweni eziqalisa ukusebenza kwezinhlelo ze-IFMS – uMnyango Wezezimali Kuzwelonke, Umnyango Wemisebenzi Kahulumeni kanye Nokuphathwa Kwayo, kanye neSikhungo Solwazi Bezobuchwepheshe Bombuso  (i-SITA) – ukuba ziqalise ukusebenza komklamo ngempumelelo.

1.9. IKhabhinethi iyakugxeka ukuputshuka kweMemo yeKhabhinethi ehlongoza izindlela zokukhipha i-South African Airways ezikweletini. IMemo yeKhabhinethi ingumbhalo oyimfihlo kanti ukuwuputshuza kuyaphambana nohlaka lokusebenza lolwazi lwezokuvikeleka lukahulumeni, Amazinga Aphansi Olwazi Lwezokuvikeleka.

IKhabhinethi isijube Iqoqo Lezobulungiswa, Ukuvinjelwa Kobugebengu kanye Nokuvikeleka ukuba liphenye ngokuputshuka kolwazi oluyimfihlo futhi inxusa ukuba izinyathelo ezifanelekile zokuqondiswa kobugwegwe zisetshenziswe kulabo abathintekayo.

1.10. IKhabhinethi iyakwamukela ukukhuphuka emalini yoxhaso olwenziwa yiNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC) ukuze ifake isandla emkhakheni wezokukhiqiza eNingizimu Afrika, njengoba kukhonjisiwe emiphumeleni yezezimali yayo ekhishwe kamuva nje yonyakamali ophele ngoNdasa wezi-2017. Ngenyanga Kazwelonke Yabantu Besifazane, i-IDC igunyaze uxhaso lwezigidigidi eziwu-3,2 zamarandi lwamabhizinisi okufukula abantu besifazane, okwenyuke ngama-178% uma kuqhathaniswa neminyaka edlulile.

Lokhu kubandakanye uxhaso olusize umuntu wesifazane omnyama waseNingizimu Afrika ukuthi akhone ukuthenga imayini enkulu yemanganizi. Uxhaso lwezinkampani zokufukula abantu abamnyama lufinyelele ezigidigidini eziwu-10,1 zamarandi, nalapho izigidigidi eziwu-4,7 zamarandi bekungezemiklamo yotshalomali eholwa ngosozimboni abamnyama.

Lesi sibalo sigcizelela inqubekelaphambili esiyenziwe ngokuguqulwa kobunikazi bezomnotho ezweni. Isamba semisebenzi eyizi-20 881 isunguliwe noma isindisiwe oxhasweni oluphelele lwe-IDC lonyaka, olufinyelele ezigidigidini eziwu-15,3, okuyizinga eliphezulu kunawo wonke kuze kube manje.

Eminyakeni eyisihlanu eyedlule kusukela ngowezi-2013, i-IDC inikezele ngezigidigidi ezingama-68 zamarandi zoxhaso emiklamweni yotshalomali. Ndawonye nomkhakha ozimele bexhasa ngokubambisana, lokhu kugqugquzele utshalozimali olulingana nezigidigidi ezingama-200 zamarandi futhi kwasungula noma kwasindisa imisebenzi eyizi-99 000. IKhabhinethi ihalalisela i-IDC kanye noMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho ngalokhu kusebenza ngesikhathi lapho imizamo yokusimamisa utshalomali kanye nokusungulwa kwemisebenzi kusemqoka kakhulu.

1.11. IKhabhinethi iyakwamukela ukumiselwa koPhenyo Lomkhakha maqondana nezindleko eziphezulu ze-data futhi iyakuqaphela ukufakwa kwigazethi kwemibandela yokusebenza okwenziwe yiKhomishana Yezokuncintisana. Uphenyo Lomkhakha luqubuke esicelweni sikaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho ngokoMthetho Wezokuncintisana.

Izindleko eziphezulu ze-data zinemithelela emibi kakhulu yezomnotho, zikhuphula izindleko zokwenza ibhizinisi futhi zinganqinda amandla eNingizimu Afrika okusebenzisa ngempumelelo ulwazi lwezobuchwepheshe olusha. IKhabhinethi iyaseseka isicelo esifakwe kubahlinzeki bezinsizakalo emkhakheni sokuba behlise izindleko ze-data.

1.12. IKhabhinethi iyakwamukela ukucikicwa kweSivumelwano Sokusebenzisana (i-MoU) noHulumeni wase-Flanders maqondana nokukhuthazwa koMnotho Womphakathi eNingizimu Afrika. Iqhinga lezomnotho elaziwa ngokuthi yi-New Growth Path elamukelwa ngowezi-2010 lahlonza umnotho womphakathi njengemunye wemikhakha eyishumi edala imisebenzi.

Ngokwe-MoU, uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezomnotho uzosebenza ngokubambisana neNhlangano Yezabasebenzi Yamazwe Ngamazwe (i-ILO) kanye noHulumeni wase-Flanders ukuze kubhalwe phansi izibonelo eziyimpumelelo zamabhizinisi omphakathi futhi uzoxoxisana nababambiqhaza balapha ngaphakathi ezweni maqondana nokusungulwa kohlaka lokusebenza lwenqubomgomo ukuze kuhlanganiswe futhi kuqiniswe umsebenzi oqondene nomnotho womphakathi.

Uhulumeni wase-Flanders uzosebenzisana futhi noMnyango Wezemvelo emklamweni omaqondana nokushintsha kwesimo sezulu kanye nokuvikelwa komoya kanye nezemvelo, ozogxila emaqhingeni okuzijwayeza nokusebenzisa izindlela ezintsha zokwenza.

1.13. IKhabhinethi ibuhlungu kakhulu ngokushona kwabantu emigwaqweni yezwe lakithi okubangelwa abashayeli abashayela budedengu ngenkani, abashayela ngobudlova nokungenangqondo. Kamuva nje izingane eziyi-13 zilimalile ngemuva kokuba umshayeli okusolwa ukuthi ubedakiwe eshayise itekisi esihlahleni. Emasontweni amabili edlule esinye isigameko sehle KwaZulu-Natala, esiholele ekushoneni kwabantu abayi-19 kwalimala abayisishiyagalolunye ngemuva kokuba itekisi lishayise ebhulohweni.

IKhabhinethi inxusa bonke labo abanezingane abazinakekelayo ukuba baqaphe ngeso lokhozi mayelana nabashayeli abathutha izingane kanye nabagibeli. IKhabhinethi inxusa izikhungo zengalo yomthetho ukuba ziqaphe ngeso lokhozi emigwaqweni yethu ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu abasebenzisa imigwaqo.

1.14. IKhabhinethi iyalugxeka udlame, ukucekelwa phansi, kanye nokushiswa kwengqalasizinda kahulumeni njengesiteshi samabhasi e-Rea Vaya eGauteng okwenzeke kamuva nje. Ingqalasizinda yezokuthuthwa komphakathi iyinsiza kazwelonke ehloselwe ukusiza umphakathi. Akukho ukungagculiseki komphakathi okungasetjenziswa njengesizathu sokulimaza impahla. IKhabhinethi inxusa izikhungo zengalo yomthetho ukuba zibhekane nalobo bugebengu obunjengalobo.

1.15. IKhabhinethi iwushayele izandla umnikelo wezimali owenziwe yiSikhungo Sokuphathwa Kwezinhlekelele Sikazwelonke kuHulumeni Wesifundazwe saseNtshonalanga Kapa. Izigidi ezingaphezu kwama-74 zamarandi zikhishiwe ukuze zibhekane nezinselele ezihlobene nesomiso, kubandakanya nemililo yamadlelo ebisha ubuhanguhangu muva nje kanye nokwentuleka kokudla kwemfunyo. IKhabhinethi iyaqhubeka nokunxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba basebenzise amanzi ngokucophelela.

2. Izinqumo zeKhabhinethi

2.1. IKhabhinethi ikwamukele ukukhuphuka ekwamukelweni kwezobuchwepheshe obuthuthukiswe khona lapha ekhaya kanye nezinto ezintsha eziqanjiwe eNingizimu Afrika. ISayensi Nezobuchwepheshe ngumkhakha losemqoka emzamweni ombaxaningi kazwelonke ukuvikela izilinganiso zokukhula komnotho eziphezulu oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP). 

NgokoMbiko wezi-2015 wezeSayensi, Ubuchwepheshe kanye Nokuqamba Izinto Ezintsha woMkhandlu Kazwelonke Wezokweluleka maqondana Nokuqamba Izinto Ezintsha (i-NACI) izindleko zobuchwepheshe zicishe zaphindeka kabili njengephesenti yeSamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP) zisuka ku-0.018% ngowezi-2005 ziya ku-0.033% ngowezi-2015.  

Iminyango eminingi, umkhakha ozimele kanye nezikhungo zocwaningo zifake umfutho omkhulu wezobuchwepheshe kanye nokuqamba izinto ezintsha ezinhlelweni zazo zentuthuko ngokwehlukana kwazo.

Njengendlela yokuqinisa kakhulu lezi zinzuzo, iKhabhinethi igunyaze imikhakha enamathuba emithathu ehlonzwe nguMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe ukweseka kwezobuchwepheshe bezempilo, kwezobuchwepheshe bezokuvikela kanye nobuhlobene nezokuvikeleka kanye nengqalasizinda yomphakathi maqondana nobuchwepheshe.

IKhabhinethi iphinde yagunyaza umsebenzi owengeziwe wokulandelela kanye nokulinganisa ukuthuthukiswa kwezobuchwepheshe kanye nezinto ezintsha eziqanjiwe ekuthuthukisweni kwezenhlalo kanye nezomnotho.

3. IMithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa we-Overvaal Resorts Limited wezi-2017 ePhalamende.

Ukugxila koMthethosivivinywa kungukwesula umthetho wokusungulwa kwe-Aventura, uMthetho we-Overvaal Resorts Limited, we-1993 (uMthetho we-127 we-1993). Lokhu kuzovumela ukuphothulwa kokuchithwa kwe-Aventura. IKhabhinethi yathatha isinqumo sokuchitha i-Aventura ngemuva kokuba yayithatha njengebhizinisi likahulumeni elingabalulekile. NgoNdasa wezi-2017 uMthethosivivinywa wakhishelwa ngaphandle ukuze umphakathi uphawule ngawo.

3.2. Ngokuhambelanisa isimiso nezintuthuko ezenzeka kumunxa wezemfundo, iKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kweSichibiyelo soMthethosivivinywa Wemithetho Yezemfundo Eyisisekelo wezi-2017 kuMqulu kaHulumeni ukuze kutholakale imibono yomphakathi.

UMthethosivivinywa ungumphumela wokubuyekezwa kwayo yonke imithetho yezemfundo eyisisekelo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umnyango usebenza ngendlela egculisayo ukuze kwenziwe ngcono ukuphathwa kwesikole, ubuholi kanye nokukwazi ukuphendula, ukuguqula izinsizakalo zezemfundo, kanye nokuvikela abantu ababuthakathaka ukuze kuqinisekiswe inhlalakahle yabafundi.

Izichibiyelo zahlongozwa eMthethweni Wezikole zaseNingizimu Afrika, we-1996 (uMthetho wama-84 we-1996), kanye noMthetho Wokuqashwa Kothisha, we-1998 (uMthetho wama-76 we-1998).

4. Imicimbi Ezayo

4.1. NgoMandulo sizobe singena eNyangeni Yamagugu, iNyanga Yezokuvakasha, iSonto Lokutshala Izihlahla, iNyanga Yabasebenzi Bakahulumeni, iNyanga ye-NDP kanye neSonto LamaThusong Service Centre. Imininingwane ethe xaxa maqondana nale micimbi izokhishwa yiminyango efanelekile.

4.2. Njengosihlalo we-SADC, iNingizimu iye yacela ukusingatha Umhlangano we-SADC woNgqongqoshe be-ICT kusukela mhla zi-4 kuya mhla ziyi-7 kuMandulo 2017 ukudingida inqubekelaphambili esiyenziwe maqondana nokuqalisa ukusebenza koHlelo Lwezokuxhumana nele-ICT lwe-SADC.

UNgqongqoshe u-Ayanda Dlodlo noNgqongqoshe uSiyabonga Cwele bazohola ithimba lezithunywa zaseNingizimu Afrika kulo mhlangano. Umhlangano uhlose ukuhlinzeka ngomhlahlandlela maqondana nokuxhumana ngobuqhinga kanye nezindaba ze-ICT kanye nokulandelela ukuqaliswa kokusebenza kwezinqumo ezenziwa emihlanganweni edlule. INingizimu Afrika izosebenzisa umhlangano ukukhuthaza ukufinyeleleka kwezinsizakalo ezikhokhelekayo zengqalasizinda ye-ICT, ngaleyo ndlela ibeke izwe njengesizinda sengqalasizinda yesifunda kanye nokukhuthaza amabhizinisi asafufusa (ama-SMME) ngaphansi kohlelo lwe-SADC lokuthuthukiswa kwezimboni kanye nezinhlelo zokuhlanganisa isifunda.

4.3. INgqungquthela yeSishiyagalombili yeBrazil, Russia, India, China neNingizimu Afrika (i-BRICS) izobanjelwa eXiamen, eChina kusukela mhla zi-4 kuya mhla zi-5 kuMandulo 2017. Indikimba yokuba nguSihlalo we-BRICS kweChina ithi: “I-BRICS: Izinsebenziswano Eziqinile Zekusasa Eliqhakazile”.

Isamba sohwebo phakathi kweNingizimu Afrika kanye namanye amazwe e-BRICS sifinyelele ezigidigidini ezingama-US$29 ngowezi-2016. Izwe iNingizimu Afrika ethumela kulona izimpahla zohwebo eziningi  emazweni angamalunga e-BRICS kusalokhu kuyiChina, ilandelwe yi-India, Brazil bese kugcina iRussia. Kuphinde futhi kube yiChina ethumela izimpahla zohwebo ezininzi kuleli emazweni angamalunga e-BRICS.

Ingqungquthela ye-BRICS yowezi-2017 izofaka phakathi izinto eziseqhulwini ezinhlanu ezisemqoka okuyilezi ezilandelayo, ukugxilisa ukubambisana, ukuqinisa ukuphathwa komhlaba jikelele, ukugqugquzela izivumelwano sokusebenzisana phakathi kwabantu, ukuthuthukisa ukwenziwa ngcono kwezikhungo kanye nokwakha izinsebenziswano ezibanzi.

Inhloso esemqoka yeNingizimu Afrika kwi-BRICS wukukhuthaza ukuhwebelana okwengeza inani, ukuhehela utshalomali emikhakheni yezokukhiqiza yezwe kanye nokuthuthukisa ukubambisana ukuze kuqhutshelwe phambili izinjongo zethu zentuthuko.

4.4. IKhabhinethi ikuqaphelile ukubamba iqhaza kwezinkampani zaseNingizimu Afrika emcimbini wama-53 Wombukiso Wohwebo Lwamazwe Ngamazwe waseMaputo, odume kakhulu ngokuthi yi-FACIM, ozobanjelwa eMozambique kusukela mhla zingama-28 kuNcwaba kuya mhla zi-3 kuMandulo 2017. I-FACIM ngumbukiso wohwebo lwemikhakha ehlukahlukene yamazwe ngamazwe obanjwa njalo ngonyaka ukuveza iMozambique njengezwe elihehayo lokuvakashelwa ngenhloso yokuhweba nokutshala imali.

Izinkampani ezingamashumi amabili zixhaswe nguMnyango Wezohwebo Nezimboni (i-dti) ngenkathi eziyi-10 zisekwe yiSikhungo Sokukhula Komnotho saseMpumalanga. Izinkampani zimele imikhakha ehlukahlukene kubandakanya umkhakha wamakhemikhali, owokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo, owezimpahla kanye nendwangu, owobunjiniyela, owezezinsizakusebenza zasezimayini kanye nowotshalomali, kanye nowobuchwepheshe bukagesi nezobuchwepheshe kanye nowezokwakha.

IMozambique iyizwe lesithathu ngobukhulu iNingizimu Afrika ehwebelana nalo esifundeni se-SADC, ngemuva kweBotswana kanye neNamibia. Uhwebo phakathi kwalamazwe amabili lukhuphukile kusukela ezigidigidini ezingama-29 zamarandi ngowezi-2012 kuya ezigidigidini ezingama-43 zamarandi ngowezi-2016. Kunezinkampani ezingama-300 njengamanje zaseNingizimu Afrika ezisebenza eMozambique.

Ukubamba iqhaza kwezinkampani zaseNingizimu Afrika kwi-FACIM kutholwe ukubongwa okukhethekile ngenkathi kuneKhomishana Yamazwe Amabili ngesonto eledlule njengenye yezinkundla osomabhizinisi bakulamazwe amabili abangayisebenzisa ukuxoxisana maqondana nokubambisana okungaba khona kanye nezinsebenziswano zokukhuphula uhwebo kanye notshalomali phakathi kwalamazwe akithi.

4.5. UNgqongqoshe Wezasekhaya, uSolwazi uHlengiwe Mkhize, uzobamba iqhaza Enkulumweni-ngxoxo yoNgqongqoshe Yokufuduka Kwabantu yeAfrika eseNingizimu ezobanjelwa eSwaziland kusukela mhla zi-2 kuya mhla zi-4 kuMandulo 2017. Injongo ephelele yalo mcimbi ukuqinisa inkulumo-ngxoxo phakathi kwamazwe angamalungu e-SADC ukwenza ngcono ukuphathwa kokufuduka kwabantu esifundeni. Izindaba okumele zibhekisiswe zibandakanya ukungabi nazwe lilikhaya lakho, ukufuduka kwabantu, ukuphathwa kwemingcele kanye nokufuduka kwabasebenzi.

5. Imiyalezo

5.1. IKhabhinethi izwakalisa amazwi ayo enduduzo kulaba:

  • UNgqongqoshe Wamaphoyisa uFikile Mbalula kanye nomndeni wakhe kulandela ukwedlula emhlabeni kukamama wakhe, uMama Emma Mbalula. Engathi bengathola amandla okubhekana nobuhlungu obujulile obuza nokudlula emhlabeni kukamama wakunoma yiliphi ikhaya.
  • izihlobo zabasebenzi abathathu basezimayini abesebeqinisekisiwe ukuthi bashonile kulandela ukudilika komgodi waseMayini iKusasalethu eduze kwaseCartonville eGauteng, ngenxa yokundindizela komhlaba okuqophe u-1.8 eSikalini sikaRichter. IKhabhinethi inethemba lokuthi abavukuzi ababili abasadukile bazotakulwa ngamathimba abatakuli angaphansi komhlaba sikhuluma nje futhi isikhululekile ngenxa yokuthi inqwaba yabavukuzi ikhishelwe ngaphandle iphephile phakathi nalesi sigameko.
  • uHulumeni kanye nabantu beRepublic of Sierra Leone kulandela esinye isigameko sezikhukhula ezimbi kakhulu esezake zaba khona ezwenikazi lethu. Le nhlekelele yezemvelo ishaqe izingxenye ezisemqoka zakuleliya lizwe, nokuholele ekulahlekeni kwemiphefumulo eminingi kakhulu, ukucekeleka phansi kwempahla kanye nokushiya ngemuva inkambabeyibuza yenhlekelele yoluntu. Ngokusebenzisa i-DIRCO, iNingizimu Afrika ithembisa ukufaka izigidi eziyi-8 zamarandi ukusiza ukubhekana nale nhlekelele.
     

5.2. IKhabhinethi ihalalisela wonke Amasulumane abambe ngempumelelo i-Haj (uhambo oluya endaweni engcwele) futhi ifisela wonke Amasulumane u-‘Eid-al-Adha onenjabulo.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1. Mnu Mziwonke Dlabantu njengeSikhulu esiyiNhloko Ephethe (i-CEO) soMkhandlu Kazwelonke Wokubhaliswa Kwabakhi Bemizi.
6.2. IBhodi Elikhethekile Lokweluleka Ngezigceme Zezomnotho:

  • Nks Lizeka Valerie Matshekga (ilungu eliqokiwe le-IDC); kanye no
  • Mnu Sipho Reginald Zikode (ilungu elishintshanayo loMnyango Wezohwebo Nezimboni).
     

Imibuzo:
Ms Phumla Williams – Ibamba likaMqondisi-Jikelele (GCIS)
Inombolo kamakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore