Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla we-13 kuMandulo 2023

A.  Ezisematheni
1.  INgqungquthela ye-G20 

1.1.  IKhabhinethi lihalalisele uNdunankulu uModi nezwe lase-India ngokusingatha iNgqungquthela ye-G20 ebe yimpumelelo kanye nokwamukelwa kweNhlangano Yezizwe zase-Afrika (i-AU) njengelunga eligcwele le-G20. 
1.2.  INingizimu Afrika ngaphansi kobuholi bukaMhlonishwa, uMongameli u-Cyril Ramaphosa yagqugquzela ukuthi i-AU ibe yilunga eligcwele le-G20 ngesikhathi seNgqungquthela ye-G20 yangowezi-2022 e-Bali, e-Indonesia.  
1.3.  Ukuzibandakanya kwe-AU njengelunga eligcwele kuzoqinisa izwi nemibono yamazwe aseNingizimu yomhlaba-jikelele kanye nase-Afrika, ikakhulukazi ekuphathweni komnotho womhlaba. 
1.4.  INingizimu Afrika iphinde yasebenzisa leli thuba lengqungquthela ukugqugquzela Ukusebenzisana Komhlaba okuthuthukisiwe nokunwetshiwe okuzoletha iNtuthuko Esimeme ezohlangabezana nemisebenzi yokuguquguquka kwesimo sezulu. 
1.5.  Abaholi be-G20 bazinikele ukwenza lokhu okulandelayo:
(a)   Ukusheshisa ukukhula okuqinile, okusimeme, okulinganayo nokubandakanya wonke umuntu. 
(b)   Ukusheshisa ukuqaliswa ngokugcwele nokuyimpumelelo koHlelo lwezi-2023 lweNtuthuko Esimeme.
(c)   Ukuphishekela izindlela zokuthuthuka ezikhiqiza igesi ene-GHG noma ikhabhoni encane, ezimelana  nesimo sezulu nezisimeme ngokwemvelo ngokugqugquzela indlela yokusebenza edidiyelwe nebandakanya wonke umuntu.  
(d)   Ukwenza ngcono ukufinyeleleka ezindleleni zokwelapha, ukuthola abahlinzeki abaningi kanye namakhono okukhiqiza emazweni asathuthuka ukuzilungiselela kangcono ezimweni eziphuthumayo zezempilo. 
(e)  Ukwenyusa usizo lwezimali olusuka kubobonke abaxhasi ukuze kuzosheshiswa umsebenzi wama-SDG.
(f)   Ukusheshisa imizamo nokuthuthukisa izinsiza ezizosiza ekufezekiseni iSivumelwano sase-Paris, kubandakanya namazinga okushisa afunwayo. 
(g)  Ukuphishekela izinguquko ezizoletha ama-Multilateral Development Bank (ama-MDB) angcono, amakhulu nasebenza kangcono ukuxazulula izinselele ezibhekene nomhlaba nokuzonyusa umphumela wentuthuko. 
(h)  Ukuvala igebe kwezobulili nokugqugquzela iqhaza labesifazane eligcwele, elilinganayo, elisebenzayo nelibonakalayo emnothweni njengabathathi-zinqumo.  
(i)  Ukuhlanganisa kangcono imibono yamazwe asathuthuka, kubandakanya amaZwe Asathuthuke Kancane (ama-LDC), amaZwe Asathuthuka Azungezwe Umhlaba (ama-LLDC), kanye namaZwe Amancane Asathuthuka Ayiziqhingi (ama-SIDS), ohlelweni oluzayo lwe-G20 nokuqinisa izwi lamazwe asathuthuka ekuthathweni kwezinqumo emhlabeni. 
1.6  Ezintweni ezenzeka eNgqungqutheleni ye-G20, iNingizimu Afrika yaba yingxenye yomhlangano waBaholi be-EU nabase-Afrika okwadingidwa kuwona ngokutholakala kokudla, ukuthunyelwa kokusanhlamvana nomanyolo kanye nezinguquko ekwakhiweni kwezimali emhlabeni. 

2.  INgqungquthela yase-Afrika Yesimo Sezulu 
2.1.  IKhabhinethi lihalalisele uMongameli u-Ruto wase-Kenya ngokusingatha ngempumelelo ingqungquthela yokuqala-ngqa yesimo sezulu e-Afrika.  Le Ngqungquthela ibonise izinsiza ezibalulekile zase-Afrika zamandla avuselelekayo kanye namathuba ethulelwe ukukhula okusimeme kwezwekazi kanye nentuthuko. 
2.2.  ISimemezelo seNgqungquthela sibize imithombo yemali emisha, esimeme nengenazikweletu ukuze kuzoxhaswa uhlelo Lokuguqukela Kugesi Onganukubezi Imvelo kanye nokwakha isimo esimelana nesimo sezulu ngendlela yokuthi kwakheke amathuba emisebenzi futhi kuliwe nobubha. 
2.3.  Ngale kweNgqungquthela, iNingizimu Afrika ibambe iqhaza kwiforamu ye-African Green Hydrogen Alliance (i-AGHA) yabe seyiba ngusihlalo wayo iForamu.  

3.  Ugesi 
3.1  IKhabhinethi litshelwe ngohlelo lokunakekela oluqaliswe ngu-Eskom ukuqinisekisa ukusimama kwesiphehlimandla sakwa-Eskom.  Ukuqaliswa okuhlangene kohlelo lokunakekelwa kweziphehlimandla kuholele ekwenyukeni kwezigaba zokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga ezinsukwini ezedlule.  
3.2  Ukuqaliswa kwesigaba seSithupha sokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga ngeviki eledlule kwaba ngukusebenzela emuva uma ubheka isimo sasemavikini adlule ezigabeni eziphansi zokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga. 
3.3  IKhabhinethi laqinisekiswa ukuthi ukuqaliswa kwamanje kwezigaba eziphezulu zokucinywa kukagesi okwesikhashana njengoba u-Eskom elungiselela izigaba eziphansi nezisimeme zokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga maduze-nje. 
3.4  UNgqongqoshe Kagesi ehhovisi LikaMongameli, uDkt. Kgosientsho Ramokgopa uzoqhubeka nokwazisa isizwe ngenqubekelaphambili esiyenziwe ukubhekana nezinselele zikagesi kanye nezinyathelo ezithathwayo ukuqeda ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.  

4.  Umnotho, uTshalomali kanye noHwebo
4.1.  Isamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP) 
4.1.1.  IKhabhinethi lithokozele ukuma komnotho waseNingizimu Afrika njengoba kuboniswe yimininingwane yekota yesibili yesamba somkhiqizo wezwe (i-GDP) saseNingizimu Afrika njengoba ikhishwe yi-StatsSA. Lokhu kuhlule ngisho izimo ezinzima zomnotho womhlaba kanye nesimo sikagesi esibelesele kuleli lizwe. I-StatsSA sibike ukunyuka kwe-GDP ngo-0.6% kwikota yesibili yangowezi-2023.  Imboni yezokukhiqiza ikhule ngo-2.2% kwikota yesibili, nefake u-0.3 wamaphesenti ekunyukeni kwe-GDP. Lezi zinguquko eziqhubekayo ekukhiqizeni ulwazi zibonisa ukuthuthuka emandleni okukhiqiza, lokho okuholela ekunyukeni kwemisebenzi kwezokukhiqiza.   
4.1.2.  Uwoyela, imikhiqizo yamakhemikhali, irabha kanye nemikhiqizo yepulasitiki ibe negalelo elikhulu ekwenyukeni kwe-GDP kwikota yesibili.  Izinsimbi, imikhiqizo ezishaya sansimbi, imikhiqizo yensimbi nemishini nako kufake igalelo elibalulekile lokukhula kule mboni.  Ezezimali, ezezindlu kanye nemboni yezinsizakalo zamabhizinisi kukhuphuke ngo-0.7% ngekota yesibili, nokufake u-0.2 wamaphesenti ekunyukeni kwe-GDP. Imboni yezolimo, amahlathi nokudoba inyuke nge-4.2% ngekota yesibili, okufake u-0.1 wephesenti ekunyukeni kwe-GDP. Imboni yezinsizakalo zabantu ikhule ngo-0.7% ngekota yesibili, okufake u-0.1 wephesenti ekunyukeni kwe-GDP. 

4.2  Ukuqaliswa koHlelo Olukhulu Lomkhakha Wezinkukhu
IKhabhinethi lamukele imisebenzi engama-750 esungulwe esikhungweni sakwa-Rainbow Chickens e-Hammarsdale, lokho okubonisa impumelelo yokuqaliswa koHlelo Olukhulu Lwezinkukhu. Ngowezi-2017, i-Rainbow Chickens yadiliza abasebenzi abangaphezu kwe-1 000 yamisa nokusebenza. Emuva kokwamukelwa kohlelo olukhulu, uhulumeni uqalise ukusebenza kwezinyathelo ezahlukahlukene ukuhlenga imboni yezinkukhu kule ndawo kubandakanya nokubeka imithetho ethile ngenyama yenkukhu ephuma kubakhiqizi bakwamanye amazwe ayisihlanu. Lokhu, kanye notshalomali olwenyukile nezinyathelo zokuguqula imboni futhi kubuyiswe amafemu aphethwe ngabantu abamnyama ezimakethe, kube yimpumelelo yangempela. I-Rainbow Chickens isiphinde yavula futhi kutshalwe izigidi ezingama-R220. Isibalo sabaqashiwe embonini yezinkukhu kubikwe ukuthi sinyuke ngemisebenzi eyizi-2 780; kanti nemali engaphezu kwezigidigidi ezi-R2 yotshalomali isisetshenzisiwe.  

4.3 Izethembiso zotshalomali oluyizigidigidi ezi-R5 zabakhiqizi bezingxenye zezimoto
IKhabhinethi lamukele izethembiso zotshalomali olulinganiselwa kwizigidigidi ezi-R5 ezenziwe ngamakhiqizi bezingxenye zezimoto abazenze embukisweni i-NAACAM Show kamuva-nje.  Lezi zethembiso, ezenziwe yizinkampani ezisebenza eNingizimu Afrika, zibonisa ukuzethemba kwale mboni emakethe yaseNingizimu Afrika kanye namathuba okukhiqiza kuleli lizwe izingxenye zemoto, nokunika abakha izimoto uhlu oluningi lwabahlinzeki bezingxenye zezimoto. Kancane-nje emva kwesimemezelo, uNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana uvule ngokusemthethweni i-Benteler Plant Extension eMpumalanga Kapa, ekhiqizela abakhi bezimoto balapha ekhaya izingxenye zemoto. Ukunwetshwa komkhiqizo kulinganiselwa ukuthi kuzothatha isikhala semikhiqizo evela kwamanye amazwe yenani [lesigidigidi esi-R1] futhi kuzonyusa amathuba emisebenzi ngabasebenzi abangama-743. 

5.  Utshalomali lwe-Stellantis eNingizimu Afrika
5.1.  IKhabhinethi lamukele isiqinisekiso esenziwe i-Stellantis ngezinhloso zayo zokuvula isikhungo sokukhiqiza esisha e-Coega, eNingizimu Afrika.  Umklamo omusha wokukhiqiza kuhlelwe ukuthi uphothulwe uma kuphela owezi-2025.  Ukwethulwa kokuqala okuhlelelwe uma kuqala owezi-2026 okweloli lokuthwala elingu-1T nokulindeleke ukuthi abe ngumthamo oyizi-50 000 ngonyaka kubandakanya nalawo azothunyelwa kwamanye amazwe, ngokuhambisana nohlelo olukhulu lwemboni, olwaziwa ngokuthi yi-Automotive Production Development Program (i-APDP). 
5.2.  Kulindeleke ukuthi kusungulwe imisebenzi eyi-1 000 ukweseka isigaba sokuqala sokusebenza. I-Stellantis izobe itshala izimali ekuqeqesheni nasekuthuthukisweni kwamakhono okungaphezu kwamahora ayizi-500 000 iphinde yeseke amaqembu asendaweni ukuthi afinyelele ezingeni lomhlaba. Sihlose ukufinyelela ezingeni lama-30% lemikhiqizo yalapha ekhaya.  

6.  Isikhungo esikhulukazi i-smart skills centre 
6.1.  I-Chemical Industries Education and Training Authority yethule i-SMART Skills Centre eBabanango KwaZulu-Natali, ezohlinzeka izinhlelo zokufunda ngobuchwepheshe esifundazweni. Lo mklamo uyingxenye yezinhlelo zikahulumeni zokuguqula isimo sokuthuthukisa amakhono edijithali kanti uzosatshalaliselwa kuzozonke izifundazwe. 
6.2.  Ngaphezu kwalokhu, iKhabhinethi lamukele ukwethulwa koHlelo Lukazwelonke Lwemfundo Nokuqeqeshwa Emva Kokuqeda Isikole okuhloswe ngalo ukuqondanisa ukuthuthukiswa kwamakhono nezimfuno zezindawo zemisebenzi lokho okuzosiza ukuxazulula ukungahambisani kwamakhono eNingizimu Afrika.   

7.  Ingqalasizinda
7.1.  Amanzi Nokuthuthwa Kwendle: Isingenelelo seSahluko sama-63 kuMasipala Wendawo wase-Emfuleni 

7.1.1.  IKhabhinethi lithole ezakamuva ngenqubekelaphambili ngokungenelela kweSahluko sama-63 kuMasipala Wendawo wase-Emfuleni. 
7.1.2.  IKhabhinethi latshelwa ngembangela yezinkinga zamanzi asesebenzile e-Emfuleni kanye nezingenelelo ezizoqaliswa ukuxazulula izinkinga esikhathini esifushane, esiphakathi neside. 
7.1.3.  IKhabhinethi litshelwe ngenqubekelaphambili esiyenziwe ngu-Rand Water ukulungisa udaba lwendle echithekile ngokuthi balungise amapayipi athutha indle asemoshekile naqhumile kanye nokuvula amapayipi endle abesegqishelene.
7.1.4.  Ngaphezu kwalokhu, iKhabhinethi iphinde yatshelwa ngenqubekelaphambili yokulungiswa kweziteshi zendle kanye nokufakwa kabusha kwamapayipi amakhulu abesemoshekile noma abeseqhuma njalo.  Lokhu kufaka phakathi ukulungiswa kwemishini kanye nogesi kwizihlanzimanzi zakumasipala. 
7.1.5.  Esikhathini eside esizayo, umsebenzi uzofaka phakathi ukwakhiwa kabusha kwezihlanzimanzi ezintathu ezinkulu okuyilezi, i-Leeuwkuil, i-Sebokeng kanye neSihlanzimanzi i-Rietspruit.
7.1.6.  Ngokubambisana noMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle kanye ne-Rand Water, i-GCIS izohlela ukuyohlola indawo yase-Emfuleni. 

7.2.  Inhlanganamgwaqo ka-N4/Montrose/Schoemanskloof 
7.2.1.  IKhabhinethi lamukele ukuvulwa kweNhlanganamgwaqo eyakhiwe kabusha ka-N4/Montrose/Schoemanskloof eMpumalanga, okuyingxenye yomzamo we-Maputo Corridor Development. Lokhu kulungiswa kuzonciphisa isikhathi sokuhamba emgwaqeni sezithuthi zempahla futhi kuzoqinisekisa ukuphepha kubobonke abasebenzisa umgwaqo.  
7.2.2.  Lo mklamo usungule imisebenzi engama-350 futhi wahlinzeka izinkampani eziningi zendawo ngamathuba enkontileka ngokulandela ukuzinikela kwethu ekufukuleni nasekucijiseni imiphakathi yendawo. 

7.3.  UMgudu Wesitimela Sabagibeli osuka KwaMashu uya eThekwini
7.4.   IKhabhinethi lamukele ukuphinde kuvulwe iSiteshi sesitimela esisuka kwaMashu siya eThekwini, nokuphinde kwethula izitimela ezintsha, eziphephile nezihlanzekile kulo mgudu.  Izinkampani eziyi-13 zizosebenza ukuhlanza nokunakekela izitimela kanye neziteshi.  Inani labagibeli bezitimela liyakhuphuka njengoba izitimela zisalokhu ziluhlobo lwezokuthutha olungambi eqolo.  

8.  Ukulwa Nobugebengu Nenkohlakalo
8.1.  Umkhankaso we-Operation Bring Back

8.1.1.  IKhabhinethi lincome ukunyuka komsebenzi womkhankaso we-Operation Bring Back wokuthola nokubuyisa izakhiwo zikahulumeni ezisetshenziswa ngokungemthetho. Njengengxenye yalesi sinyathelo, uhulumeni kazwelonke weseka omasipala ukuthi baqinisekise ukulandelwa kwemithetho ukuqeda-nya ukuhlwithwa kwezakhiwo, ukuphathwa nokusetshenziswa kwazo ngendlela, kanye nokukwazi ukuphendula ngokusetshenziswa kwempahla eyisakhiwo sikahulumeni.  

8.2    Indlela edidiyelwe yokulwa nobugebengu 
8.2.1    IKhabhinethi lamukele impumelelo yakamuva yezabomthetho kuleli lizwe empini yokulwa nobugebengu.  
8.2.2    Kwikota yokuqala ngowezi-2023, oKlebe babopha abasolwa abangama-611, bashaqa impahla eyahlukahlukene kubandakanya nensimbi eyigugu namadayimane, uhlobo lwemvelo olusengozini yokushabalala, izimoto, imali, izibhamu, izinhlamvu zesibhamu, izimpahla zomgunyathi, iziqhumane kanye nezinto ezisebenza ngogesi zenani lezi- R6 112 768 985. 
8.2.3    Ngaphezu kwalokhu, abomthetho babophe ongqondongqondo bamaZama-Zama abayisishiyagalolunye (9) kwabe sekugcinwa impahla yabo ebandakanya izimoto zikanokusho ezifana ne-Lamborghini njll., insimbi eyigugu kanye nemali yenani lezigidi ezingama-R34.
 
8.2.  IKhabhinethi lincome abomthetho empini yabo yokudiliza phansi lezi zidleke zobugebengu. Izinyathelo eziyimpumelelo ekulweni neqembu lezigelekeqe ebelihlome lizingovolo nebelilanyaniswa nokubanjwa kwezimoto ezithwala imali eLimpopo zinconywa kakhulu.  IKhabhinethi ligcizelela ukuthi abomthetho kufanele bengashiyi lutho ekulweni nalabo abafuna ukubukela phansi ezokuvikeleka kuzwelonke eNingizimu Afrika kanye nemithetho yeRiphabhulikhi. 
8.3.  IKhabhinethi lamukele ukuboshwa kwezikhulu eziyisishiyagalolunye (9) zoMnyango Wezempilo eNyakatho Kapa ngenxa yenkohlakalo yama-PPE. Laba basolwa ngokukhwabanisa, inkohlakalo, ukuhlanzwa kwemali kanye nokungalandeli uMthetho Wezokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni. 

9.  Isinqumo sikaHulumeni ngoMshwalense Wezempilo Kuzwelonke (i-NHI) 
9.1.  IKhabhinethi livumelane ngazwi linye ekuzinikeleni kwalo ukuze kuqaliswe ukusebenza koMshwalense Wezempilo Kuzwelonke (i-NHI) njengendlela yokuqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bayafinyelela ekunakekelweni ngokwezempilo kwekhethelo. Ukuzinikela ku-NHI kungenxa yokuthi imikhakha yezempilo kahulumeni nezimele ayisimeme. Izindlela zokusebenza njengamanje ezingahambisani nezihlukene kufanele zihlanganiswe zibe indlela eyodwa kazwelonke ukuze zonke izinsizakusebenza zizoba khona ukusiza bonke abantu.  Ukuqaliswa kokusebenza kwe-NHI kwesekelwe ngukuqaliswa kwendlela yokusebenza ecacile ezosheshisa ukwakhiwa kangcono kwengqalasizinda emkhakheni kahulumeni.  Lena akuyona into okufanele ibukwe ngokuhlukana nezinguquko zoMthethosivivinywa we-NHI.  
9.2.  Ukugxila kancane ezinguqukweni ezihlosiwe zokuxhaswa ngezimali umkhakha ozimele wokunakekelwa ngokwezempilo kuchezuke kakhulu kwizinguquko ezihloswe nguMthethosivivinywa zokuhlinzeka ngezinsizakalo kuhulumeni nakumkhakha ozimele. Kusekuguquleni ukwenzeka kwezinto lapho kuzokwazi ukuthi kube nendlela evulekayo ukuqeda ukuminyana ezikhungweni zikahulumeni. Uma iSikhwama se-NHI sikwazi ukuthenga izinsizakalo kubahlinzeki bakahulumeni nabazimele, sizoqala sibone umthwalo wehla ezikhungweni zikahulumeni ezithwele kanzima. Amampunge athi ukudluliswa koMthethosivivinywa kuzoguqula yonke into ngosuku olulodwa aletha izinkinga ngempela. Ukuguqukela kulolu hlelo kukubeke kwacaca ukuthi ukuqaliswa kwalo kuzothatha isikhathi futhi izinguquko zizoqaliswa ngokwezigaba.  

10.  Umbono kahulumeni ngeZithiyo Zemali
10.1.  IKhabhinethi liyazibona izithiyo ezikhona kwezezimali, okungeyona into esiyiqabukayo eNingizimu Afrika, kodwa eholele ekushodeni kwesabelomali saphakathi nonyaka.  IKhabhinethi livumelane ngokuthi izinyathelo zokuxazulula inkinga yokushoda kwesabelomali akufanele ibe nomphumela omubi ekuthunyelweni kwezidingongqangi. 
10.2.  UNgqongqoshe Wezezimali maduze-nje uzokhipha uMhlahlandlela ozocacisa ukudideka okuqhamukayo ngeNcwadi Yokunciphisa Izindleko eyakhishwa mhla wama-31 kuNcwaba 2023. Ngaphezu kwalokhu, njengengxenye yokubuyekeza umsebenzi waphakathi nonyaka wenqubekelaphambili ekuqalisweni kwezinto ezibekwe eqhulwini ekwavunyelwana ngazo noNgqongqoshe, uMongameli nePhini likaMongameli bazohlangana noNgqongqoshe ngamunye ukuqinisekisa ukuthi ukuphathwa kwezimali akuchezuki kulokho okuseqhulwini okwavunyelwana ngakho.  

B.  Izinqumo zeKhabhinethi 
1.  INqubomgomo Ekugwemeni Nasekwelapheni Ukugula Okubangwa Ukusebenzisa Izidakamizwa.

1.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukufakwa kuSomqulu kweNqubomgomo Yokugwema Nokwelapha Ukugula Okubangwa Ukusebenzisa Izidakamizwa, okuhloswe ngayo ukubhekana namazinga okusetshenziswa kwezidakamizwa kuleli lizwe.  
1.2.  Le nqubomgomo izokweseka ezinye izingenelelo ezilwisana nokusetshenziswa kwezidakamizwa ezifana noHlelo Lukazwelonke Lokulwisana Nezidakamizwa olwaqaliswa phakathi kowezi-2013 nowezi-2017. Izovala igebe elibonakele kuMthetho Wokugwema Nokwelapha Ukugula Okubangwa Ukusetshenziswa Kwezidakamizwa. 
1.3.  Inqubomgomo yethula izinhlelo zokuzivikela zomphakathi ezingasebenza ekusizeni ukuxazulula izinselele ezinkulu ezivela ngenxa yokusetshenziswa kwezidakamizwa.  
1.4.  Inqubomgomo izoshicilelwa kwisizindalwazi soMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi esithi: www.dsd.gov.za.

2.  Ukuqaliswa kweSikhwama Sokulingana Kwezokuvakasha
2.1.  IKhabhinethi litshelwe ngesivumelwano esithathiwe ngokuqaliswa kweSikhwama Sokulingana Kwezokuvakasha (i-TEF) ngenxa yecala ebelisenkantolo elafakwa yi-Afriforum kanye ne-Solidarity.
2.2.  IKhabhinethi latshelwa ngezinyathelo ezithathiwe ukuqalisa isivumelwano kanye nezinguquko ezenziwe ku-TEF ngokusekelwa yilesi sivumelwano.  
2.3.  Ngokohlelo, i-TEF izoqaliswa ngokuhambisana nomthetho okhona we-Tourism Sector Code othi kufanele ubunikazi babantu abamnyama bube ngama-30% esikhundleni sama-51% okwakuyisilinganiso esasethulwe yi-TEF. 
2.4.  IKhabhinethi yeseke ukuqaliswa kwe-TEF. 

C.  IMithethosivivinywa
1.  UMthethosivivinywa Osahlongozwa weKhomishini Yemisebenzi Kahulumeni (i-PSC) 

1.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa weKhomishini Yemisebenzi Kahulumeni, ochibiyela uMthetho we-PSC wama-46 we-1997.  
1.2.  Izichibiyelo zizovumela i-PSC ukuthi isebenze njengenhlangano enguzimele geqe futhi engathathi hlangothi ezoba nombono wokuthuthukisa ukusebenza nokusebenza kahle emsebenzini kahulumeni.  
1.3.  UMthethosivivinywa uphinde uqhubele igunya le-PSC komasipala kanye nezinhlangano zikahulumeni futhi uhlinzeka ngohlaka lomthetho lomsebenzi we-PSC ekuqalisweni koHlaka Lukazwelonke lokuThuthukiswa Komkhakha Kahulumeni. 

2.  Umthethosivivinywa Osahlongozwa Wokuthuthukiswa Kwezilwane Zasemanzini
2.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Kwezilwane Zasemanzini osahlongozwa ukuze umphakathi uphawule ngawo. UMthethosivivinywa uhlose lokhu okulandelayo:

  • ukugqugquzela ukuthuthukiswa komkhakha weZilwane Zasemanzini okuzofaka igalelo ekutholakaleni kokudla kanye nasekuthuthukisweni komnotho kuleli lizwe. 
  • ukweseka ukubamba iqhaza okukhulu kwamabhizinisi amancane, ikakhulukazi lawo abanikazi bawo kungabesifazane nentsha; kanye
  • nokugqugquzela ukuguqulwa komkhakha wezezilwane zasemanzini. 


3.  UMthethosivivinywa Osahlongozwa Wamabhizinisi Ombuso Kazwelonke
3.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa osahlongozwa Wamabhizinisi Ombuso Kuzwelonke ukuze umphakathi uzophawula ngawo. 
3.2.  UMthethosivivinywa osahlongozwa wethula lokhu okulandelayo:
3.2.1.  Ukuhlanganiswa kwezabelo zoMbuso emabhizinisini aphethwe umbuso.
3.2.2.  Ukusungulwa kwe-State’s Asset Management SOC Ltd njengenkampani enkulu yezabelo zombuso zama-SOE, nokuzoba uMbuso kuphela onezabelo.  

4.  UMthethosivivinywa Wokuchithwa kwe-South African Airways
4.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchithwa kwe-South African Airways ukuze umphakathi uphawule ngawo. 
4.2.  UMthetho Wokuchithwa kwe-SAA uhlose ukuqalisa izinguquko zokuthi uhulumeni angabe esaba ngumbambiqhaza omkhulu we-SAA. 
4.3.  Ukuchithwa koMthetho we-SAA akushintshi ukuqhubeka kokuba khona kokusebenza kwenkampani ngaphansi koMthetho Wezinkampani; kanye
4.4.  Namalungelo afakwe kwizabelo zikahulumeni e-SAA azosetshenziswa abamele abaninizabelo ababekiwe abamele uMbuso. 

D.   Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlowe ngokufanelekile.
Ukubekwa kwaMalungu eBhodi le-Vaal Central Water Board 
1.1.  Mnu. Makhosini Solomon Msibi (uSihlalo)
1.2.  Mnu. Lungile Right Bomela (iPhini likaSihlalo);
1.3.  Mnu. Luvuyo Xola Ntoyi;
1.4.  Nks. Elizabeth Cornelia Rockman;
1.5.  Nks. Ntikila Sandlana
1.6.  Mnu. Andrew Modisaotsile Rantho;
1.7.  Mnu. Desmond Solomon Ezekiel Fransman;
1.8.  Nks. Matshego Gail Mercy Jele;
1.9.  Nks. Boipelo Felicity Nakedi;
1.10.   Nks. Tshepiso Doreen Segoe-Backward; kanye  
1.11.  noMnu. Thabo Moses Manyoni 

2.  Ukubekwa kwaMalungu eBhodi lo-Umngeni – Uthukela Water Board
2.1.  Ummeli Vusi Khuzwayo (uSihlalo)
2.2.  Nks. Nothando Nonkululeko Mkhize
2.3.  Nks. Senamile Masango
2.4.  Nks. Sylvia Thandazile Mhlongo
2.5.  Nks. Hlengiwe Mvubu
2.6.  Mnu. Khanyisani Stanley Shandu
2.7.  Mnu. Lavandran Nanda Gopaul
2.8.  Mnu. Sibusiso Wycliff Mkhize
2.9.  Mnu. Kwazikwenkosi Innocent Mshengu;
2.10.  Nks. Diana Gloria Hoorzuk;
2.11.  Mnu. Cornish James Timothy; kanye 
2.12.  noMnu. Sipho Maxwell Mtolo 

3.  Ukubekwa kwaMalungu eBhodi le-Overberg Water Board
3.1  Mnu. Razeen Benjamin (uphinde wabekwa njengoSihlalo);
3.2  Nks. Siphiwe Doris Mayinga (uphinde wabekwa njengePhini likaSihlalo);
3.3  Mnu. David Lefutso (uphinde wabekwa);
3.4  Dkt. Nandipha Daphne Siwahla-Madiba (uphinde wabekwa);
3.5  Slz. Gregory Jerome Davids (uphinde wabekwa);
3.6  Nks. Monica Auphry Malunga
3.7  Nks. Nalini Singh-Maharaj
3.8  Dkt. Thavamoney Kelly
3.9  Mnu. Bongani Evidence Mnisi
3.10  Mnu. Louis Oudsthoorn, kanye
3.11  noMnu. Dirk van Papendorp

4.  Ukubekwa kwamalungu Angabona Abaphathi bebhodi le-National Meteorology Institute of South Africa iminyaka eyisihlanu. 
4.1.  Dkt. Precious Gugulethu Motshwene;
4.2.  Slz. Andrew Cedric Buffler;
4.3.  Slz. Lorna Benita Holtman;
4.4.  Nks. Senamile Masango; 
4.5.  Nks. Sarah Natalia Prins;
4.6.  Dkt. James Tshilongo;
4.7.  Dkt. Wynand Louw;
4.8.  Dkt. Alufelwi Maxwell Tshavhungwe; kanye
4.9.  noNks. Babalwa Songongo;

5.  Ukubekwa kwaMalungu e-Patent Examination Board (i-PEB) 
5.1.  Nks. Thandiwe Khumalo (uphinde wabekwa);
5.2.  Mnu. Paul Sibisi (uphinde wabekwa);
5.3.  Nks. Shanaaz Mohamed (uphinde wabekwa);
5.4.  Mnu. Johnny Fiandeiro (uphinde wabekwa); 
5.5.  Dkt. Magdalena Kleyn; kanye
5.6.  noNks. C. Mathoto Masetla-Mafa;

6.  Ukubekwa kwaBaqondisi Abangebona Abaphathi be-Road Accident Fund Board isikhathi seminyaka emithathu. 
6.1.  Nks. Lorrain Francois (uphinde wabekwa njengoSihlalo);
6.2.  Dkt. Nomonde Buyiswa Mabuya-Moloete (uphinde wabekwa njengePhini likaSihlalo);
6.3.  Ummeli Nontuthuzelo Njeza;
6.4.  Mnu. Moses Nyama; 
6.5.  Mnu. Thulani Samule Tshabalala (uphinde wabekwa);
6.6.  Mnu. Simphiwe Blose (uphinde wabekwa);
6.7.  Nks. Pamela Bongeka Mathebula;
6.8.  Mnu. Duke William Mathebula; 
6.9.  Nks. Tinyiko Mhlari;
6.10.  Dkt. Pholile Dladla;
6.11.  Mnu. Kwena Cuthbert Komape kanye 
6.12.  noNks Bongiwe B. Khumalo 

E.  Imicimbi Ezayo
1  USuku Lwamagugu

1.1  Umcimbi omkhulu wakulo nyaka woSuku Lwamagugu uzobanjelwa ezinkundleni zemidlalo i-Princess Magogo Stadium KwaMashu, KwaZulu-Natali mhla wama-24 kuMandulo 2023 kanti iKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlanganyele nathi uma sibungaza ukuceba kwamagugu ethu. 

2  Umhlangano-Jikelele wama-78 weZizwe Ezibumbene 
2.1  INingizimu Afrika izoba yingxenye yeseshini yama-78 yoMhlangano-Jikelele weZizwe Ezibumbene kusukela mhla we-18 kuya mhla wama-26 kuMandulo 2023 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sakha kabusha ukuthembana kanye nokuvuselela ubumbano lomhlaba: Sisheshisa umsebenzi wohlelo lwe-2023 Agenda kanye neZinjongo Ezisimeme Zentuthuko ezizoholela ekuthuleni, ingcebo, inqubekelaphambili kanye nokusimama kuwowonke umuntu.”

3.  Iviki lesi-9 lezobuNjiniyela e-Afrika le-UNESCO kanye nengqungquthela yesi-7 yezobuNjiniyela e-Afrika
3.1 INingizimu Afrika ngaphansi koMkhandlu Wezobunjiniyela eNingizimu Afrika kanye noMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda bazosingatha iviki lesi-9 le-UNESCO lezobuNjiniyela e-Afrika kanye neNgqungquthela yesi-7 yezobuNjiniyela e-Afrika mhla wama-25 kuya mhla wama-28 kuMandulo 2023 ePitoli. 

4.  INgqungquthela Yezemidlalo Yezikole zaseNingizimu Afrika 
Umnyango Wezobuciko, Ezemidlalo Namasiko uzobamba iNgqungquthela Yezemidlalo Yezikole zaseNingizimu Afrika e-Birchwood Hotel eGoli mhla we-14 kuya mhla we-15 kuMandulo 2023.  Ezemidlalo ezikoleni ziyisisekelo sokuthuthukiswa kwezemidlalo kanti kungukungenelela kukahulumeni ukuvuselela ezemidlalo ezikoleni eNingizimu Afrika. 

5.  Ukwethulwa kweZiphathimandla Ezilawula Imingcele
5.1 Inhlangano yeZiphathimandla Ezilawula Imingcele laqaliswa mhla lu-1 kuMbasa 2023 njengesahluko 3(A) esizimele senhlangano kahulumeni njengegunya lezomthetho lesithathu eNingizimu Afrika nelizokwethulwa mhla wesi-5 kuMfumfu 2023.  

6.  UMthetho Wamathuba Okukhula kwe-Afrika (i-AGOA) 
6.1 INingizimu Afrika izosingatha iforamu ye-AGOA mhla wesi-2 kuya mhla wesi-4 kuLwezi 2023. Kule foramu kuzobe kudingidwa izindaba zokuhweba phakathi kwe-United States of America kanye namazwe akhethiwe aseZwenikazini i-Afrika. 

F.  Imiyalezo
1.  Ukuhalalisa 

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

1.1  Amabhokobhoko - ngokundizisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika nokwenza izwe lizigqaje ngokuphuma phambili emdlalweni wabo wokuvula lapho bebebhekene ne-Scotland kwimidlalo ye-2023 Rugby World Cup. 
1.2  U-Tariq Moosa kanye nabasebenzi base-Chicano Customs abakhe uhlobo lwemoto i-BMW E9 2800 CS ebizwa ngeNkabi, eshaye emakhanda izimoto eziphambili zase-Europe ezingaphezu kwezi-6 000 embukisweni we-Slammed UK show e-Birmingham.
1.3  Abesifazane baseNingizimu Afrika abangososayensi abaklonyeliswe ngomsebenzi omuhle emcimbini wangowezi-2023 we-South African Women in Science Awards (i-SAWiSA) obusingathwe nguNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme, iSayensi Nokuqamba Kabusha, uDkt. Blade Nzimande.  IKhabhinethi lihalalisele laba abalandelayo:

  • Abacwaningi Besifazane Abahloniphekile: Humanities & Social Sciences
  • Slz. Catherine Ward
  • Amacwaningi Abasebasha Besifazane Abahloniphekile: Humanities & Social Sciences
  • Slz. Anastacia Mamabolo
  • Abacwaningi Besifazane Abahloniphekile: Natural & Engineering Sciences
  • Slz. Janine Barbara Adams
  • Abacwaningi Besifazane Abasebasha: Natural & Engineering Sciences
  • Slz. Usisipho Feleni
  • Owesifazane Osemusha Ohloniphekile: Indondo Ekhethekile
  • Dkt. Tiisetso Elizabeth Lephoto
  • Owesifazane Ohloniphekile: Indondo Ekhethekile
  • Dkt. Patience Thenjiwe Mthunzi-Kufa
  • Ku-DSI Ndoni Mchunu Fellowships: i-Master’s Awards
  • Nks. Nyeleti Precious Mabaso
  • Nks. Modjadji Rebecca Letsoalo
  • Nks. Gizelle Roque van Niekerk
  • Ku-DSI-Ndoni Mcunu: i-Doctoral Awards
  • Nks. Munira Hoosain
  • Nks. Aletta Susanna Elizabeth Nortje
  • Nks. Boitumelo Makgabutlane
  • Nks. Thendo Gertie Makhado
  • Nks. Bambesiwe Mbesi May
  • Nks. Carla Dodd
  • Nks. Ramakgahlela Betty Sebati
  • Nks. Lusani Mamushiane
     

2.  Amazwi enduduzo 
IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • Ubukhosi nabantu base-Morocco kulandela ukuzamazama komhlaba okuthathe izimpilo zabantu abayizinkulungwane kwaphinde kwalimala inqwaba.  
  • Uhulumeni nabantu base-Libya kulandela izikhukhula ezithathe impilo yabantu abayizinkulungwane.  
  • Usomabhizinisi, umgqugquzeli wenhlalonhle yabantu kanye nomsunguli we-Pick n Pay, u-Raymond Ackerman (92), owakholelwa kumbono weNingizimu Afrika engcono waze waqeqesha wakhuthaza abantu abaningi empilweni yakhe. Ubephinde abe yiLungu Elihlonishwayo le-Order of The Baobab.
  • UMntwana uMangosuthu Buthelezi (95) uMsunguli kanye noMongameli we-Inkatha Freedom Party nowaba nguNgqongqoshe wokuqala-ngqa woMnyango Wezasekhaya eNingizimu Afrika.
  • Umgqugquzeli wamalungelo abantu nenkululeko, uNks. Amy Rietstein Thornton (91), owadlala indima ebalulekile ekwesekeni icala Lokuvukela Umbuso ngowe-1956, njengomxhasi we-UDF kanye nokubuyiswa kwababesekudingisweni eNingizimu Afrika.  
  • Ohloniphekile owayelwela inkululeko, isishoshovu kanye neNxusa laphambilini uMnu. Zeph Makgetla (78), owanikela ngempilo yakhe ukusebenzela abantu baseNingizimu Afrika.  
  • Umhleli waphambilini we-Business Day u-Jim Jones, (81), owadlala indima ebaluleke kakhulu ekuguquleni ukucabanga kwabantu ngesikhathi sokuguqukela kwintando yeningi labantu.  
     

Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore