ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wama-26 kuMbasa 2023

Ezisematheni

1. INgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika yangowezi-2023

1.1. IKhabhinethi likwamukelile ukufezeka kwephupho lomkhankaso wotshalomali lamathriliyoni ayi-R1.2 elalibekwe nguMengameli u-Cyril Ramaphosa ngowezi-2018.  Iminikelo yotshalomali eyenziwe kwiNgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika yenze ukuthi uhulumeni eqe kwinani ayezibekele lona ngezigidigidi ezingama-R300.

1.2. Yize usemningi umsebenzi okusafanele wenziwe ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iphinde iba indawo ehamba phambili eheha utshalomali, le mpumelelo yokuthola amathriliyoni ayi-R1.2 emkhankasweni wotshalomali iqinisekisa ukuzethemba kwabatshalizimali balapha ekhaya nabakwamanye amazwe omhlaba ngokukhetha ukutshala izimali eNingizimu Afrika.

1.3. Kuze kube yimanje, imiklamo engama-82 yenani eliyizigidigidi ezingama-R170.7 seyiphothuliwe; imiklamo engama-79 yenani eliyizigidigidi ezingama-R514 isaqhubeka, kanye nemiklamo engama-28 yenani eliyizigidigidi ezingama-R132.9 isizoqalwa maduze nje.  Le miklamo ibandakanya ukwakhiwa kwamafemu amasha, ukuthengwa kwemishini yokusebenza, ukumba imigodi yezimayini kanye nokuqaliswa kwengqalasizinda ye-inthanethi esheshayo.

1.4. Uhulumeni usebenza kanzima ukubhekana nezinselele eziphazamisa utshalomali izwe elibhekene nazo njengoba umsebenzi wokunxenxa amathriliyoni ama-R2 kumzuliswano wesibili womkhankaso wotshalomali uqala. 

2. INkantolo Yobugebengu Yamazwe Ngamazwe

2.1 IKhabhinethi liphinde laqinisekisa ukuzibandakanya kweNingizimu Afrika eNkantolo Yobugebengu Yamazwe Ngamazwe (i-ICC), futhi yaqinisekisa ukuthi izolokhu ingelinye lamazwe asayinayo kwiSivumelwano Semibuso sase-Roma. 

2.2 INingizimu Afrika izoqhubeka yeseke ukuqiniswa kwezikhungo zokubuswa komhlaba, futhi siyaqhubeka nokukhankasela ukusetshenziswa komthetho wamazwe ngamazwe ngokulingana nangokungaguqukiyo.

2.3 UMongameli ubeke iKomidi Longqongqoshe (i-IMC) eliholwa ngusihlalo oyiPhini likaMongameli elicubungula izindlela ezehlukahlukene kulolu daba.

3. IForamu Yamabhizinisi Yokuhwebelana Kwamazwe Asezwenikazini lase-Afrika

3.1 INingizimu Afrika isingathe iForamu Yamabhizinisi ye-AfCFTA yokuqala eKapa kusuka mhla ziyi-16 kuya mhla ziyi-18 kuMbasa 2023 ngenhloso yokusheshisa ukuqaliswa kwe-AfCFTA nokuqalisa ukuhweba notshalomali.  Zibalelwa kwi-1 000 izihambeli eziphuma kulolonke izwekazi i-Afrika ebezithamele.

3.2 Izingxoxo ezibekhona kulo mcimbi wezinsuku ezintathu bezigxile emikhakheni yezomnotho efana nowezezimoto, owezamakhambi okwelapha, owezolimo nemikhiqizo yezolimo, ewezesikhumba nezicathulo, owezokuthutha nokuthuthwa kwempahla, kanye nomnotho wedijithali, kubandakanya ukuhweba ngedijithali. 

3.3 Ukuqinisa ikhono lokukhiqiza le-Afrika kuyoyonke imikhakha kubonakale njengemfuneko ukuze kuzoqaliswa ngempumelelo i-AfCFTA. Umkhakha ozimele ucelwe ukuba uqhamuke namathuba okunyusa utshalomali emikhiqizweni yesifunda kanye nokuthuthukisa amakhono okukhiqiza kuleli lizwekazi ukuze kuzonyuswa uhwebo phakathi e-Afrika lwemikhiqizo nezinsizakalo ezenziwe e-Afrika. 

4. UMkhankaso Wokulawula Ukusetshenziswa Kukagesi

4.1 Enye yezindlela ezilula kakhulu esingasiza ngayo ukugcina kukhanya ngukunciphisa ukusetshenziswa kukagesi, ikakhulukazi ngezikhathi lapho ugesi usetshenziswa khona kakhulu, ngokuvamile ukusuka ngehora lesihlanu ntambama kuya kwihora lesishiyagalolunye kusihlwa, njengeminye yemizamo yokuLawula Ukusetshenziswa Kukagesi. Ngokunciphisa ukusebenzisa ugesi sonke singazuza kulokhu ngokuba nesimo esinciphisa ingcindezi kugesi futhi esongela amakhaya imali ngaphandle kokuphazamiseka kokusebenza kwamabhizinisi noma indlela yempilo.

4.2 IKhabhinethi licela wonke umuntu ukuthi asize ekongeni ugesi ngokuwusebenzisa ngokuwonga ngesikhathi u-Eskom usebenzisana naBakhiqizi Abazimele Bakagesi ukuletha umthamo omusha kagesi. 

4.3 Izinyathelo Zokulawula Ukusetshenziswa Kukagesi zilandela okwenzeka emhlabeni jikelele futhi zibonise ukusebenza ekunciphiseni ukudingeka kukagesi ngezikhathi zokusetshenziswa kwawo kakhulu kanye nokugqugquzela ukongiwa   kwezamandla.

4.4 Sikubonisile lokhu ngesikhathi seNdebe Yomhlaba yangowezi-2010. Inhloso ngukuthi sonke ngokubambisana kufanele songe ugesi ngokucima izinto zikagesi ezingabalulekile, sisebenzise igesi uma sipheka, sifake amalambu okukhanyisa onga ugesi, futhi sicime izinto zikagesi ezifana namagiza uma singazisebenzisi.

4.5 Sihlose ukonga ugesi olinganiselwa kwi-1 000 MW, okulingana nesigaba esisodwa sokucima-konga ugesi

4.6 IKhabhinethi liphawule ukuthi iningi labathengi selivele libambe iqhaza 

kwimizamo ye-Eskom Yokulawula Ukusetshenziswa Kukagesi, futhi licela bonke ababambiqhaza abasuka kumabhizinisi, izimboni kanye nabahlali ukuthi basabele kwikhwelo bahlanganyele kumkhankaso Wokulawula Ukusetshenziswa Kukagesi.

5. Ukufinyelela Emanzini

5.1 IKhabhinethi lamukele ukuvulwa kweSihlanzimanzi i-Spring Grove esesiphothuliwe e-Rosetta kanye neSigcinamanzi i-Bruntville njengengxenye yoHlelo Olukhulu LwaseMpofana Lokuthunyelwa Kwamanzi e-Mooi River, kwiSifunda saseMgungundlovu esiKwaZulu-Natali.

5.2 Lo mklamo uletha ukuthunyelwa kwamanzi okuthembekile futhi ubuyisa isithunzi kubahlali abayizi-130 000 kulesi sifunda, kanjalo nezinzuzo zomphakathi nomnotho eziza nokuthunyelwa kwamanzi.

5.3 IKhabhinethi liphinde laphawula ukuthi inqubekelaphambili iyenzeka kuMklamo Wamanzi wase-Giyani, njengoba ingama-24 imiphakathi kwengama-55 eyayiqokwe ukuba izuze kulo mklamo maduze-nje izoba namanzi. 

6. UMthetho Wokuchibiyela Ezokhetho

6.1 IKhabhinethi likuvumile ukusayinwa kube ngumthetho koMthethosivivinywa  

Ochibiyela Ezokhetho wangowezi-2022 nguMongameli u-Ramaphosa. Lo mthetho osubuyekeziwe uhlinzeka ngesiqinisekiso somthetho odingekayo ukulungiselela izwe ngoKhetho-Jikelee langowezi-2024.

6.2 UMthetho Wezokhetho Ochitshiyelwe uhlinzeka ukubandakanyeka kwabazongenela ukhetho abazimele njengalabo abazoncintisana okhethweni kwiSigungu Sikazwelonke nakwizishayamthetho zezifundazwe.  

6.3 UMthethosivivinywa Ochibiyela Ezokhetho unweba ukuzibandakanya okhethweni kanye nezinqumo zabaholi mayelana nezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngale kwamaqembu epolitiki kwiSigungu Sikazwelonke nakwizishayamthetho zezifundazwe. 

7. USuku Lwenkululeko

7.1 Imibungazo eyehlukahlukene yoSuku Lwenkululeko ebibanjwe kulolonke izwe izolo, mhla wama-27 kuMbasa 2023 isikhumbuze ukuthi ubuzwe bethu obubodwa, bakhiwa ngokuhloniphana kanye nothando nokuzigqaja ezweni lethu.

7.2 Umcimbi wokukhunjulwa koSuku Lwenkululeko kuzwelonke, obewubanjwe kuMasipala Wesifunda i-Dr Kenneth Kaunda eSifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga, ububanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sihlanganisa futhi Sivikela Lokho Esikuzuze Kwintando Yeningi Labantu”.

7.3 USuku Lwenkululeko lwangowezi-2023 luqondane nokuqeda iminyaka engama-27 kwasungulwa uMthethosisekelo kanye neminyaka engama-29 yeNkululeko. 

8. Ubudlelwano Namazwe Omhlaba

8.1 UMongameli u-Cyril Ramaphosa usingathe uMongameli u-Hage Geingob wase-Namibia ngesikhathi Sohambo Lokuvakashela Umbuso oluhlose ukuqhubeka nokuqinisa umlando ohlanganisa zombili lezi zizwe.

8.2 Izingxoxo phakathi kweZinhloko ezimbili Zombuso kanye nethimba loNgqongqoshe zigxile ebudlelwaneni bamazwe womabili, ukusebenzisana phakathi kwamazwe ethu womabili ezinkingeni ezibhekene nomhlaba wonke kanye nokubambisana kwezohwebo nakutshalomali. Lobu budlelwano buzophothulwa ngokuthi kusingathwe iforamu yamabhizinisi phakathi kwezinkampani eziphuma kula mazwe womabili e-Namibia ngasekupheleni kwalo nyaka.

8.3 UMongameli u-Cyril Ramaphosa usingathe uMongameli wase-Finland u-Sauli Väinämö Niinistö mhla wama-25 kuMbasa oHambeni Lokuvakashelana Kwemibuso. Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Finland busuka ekujuleni bokuthi i-Finland yeseka kakhulu izinhlangano zenkululeko eNingizimu Afrika.

8.4 Ubudlelwano phakathi kwala mazwe womabili bukhule kancane kancane kusuka ngowe-1994, njengoba i-Finland itshale izimali ezingaphezu kwezigidigidi ezi-R2 eNingizimu Afrika eminyakeni emithathu eyedlule.

9. Ukukhishwa kwabantu baseNingizimu Afrika Nabakwezinye Izizwe e-Sudan

9.1 IKhabhinethi lamukele umbiko obuchaza ukukhishwa obekunzima kodwa okube yimpumelelo kwabantu baseNingizimu Afrika e-Sudan lapho ingxabano ithinta izakhamuzi kanye nabantu abavela kwamanye amazwe.

9.2 UMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Omhlaba kanye noMbutho Wezomoya eNingizimu Afrika basebenze ngokubambisana ukuphephisa abantu baseNingizimu Afrika.

9.3 Umbutho waseNingizimu Afrika obukhipha abantu uphinde wasiza abantu base-Angola, e-Namibia, e-Zimbabwe, e-Lesotho nase-Brazil.

9.4 IKhabhinethi lidlulise ukubonga kuhulumeni wase-Egypt ngokweseka umbutho wethu kanye ne-United Arab Emirates ngokukhipha oyedwa waseNingizimu Afrika okuyimanje usizwa umbutho wethu e-Jeddah ukuthi abuye ekhaya. Kusenabantu abayisihlalu baseNingizimu Afrika abasese-Sudan ngoba ngesikhathi sokukhishwa kwabantu kabazange baxhumane nehhovisi lenxusa lethu. IKhabhinethi linxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlale njalo bazisa amaNxusa ethu ukuthi bakuphi uma bevakashele amazwe aphesheya noma ngabe baye ngokuyozithokozisa eholidini.

9.5 IKhabhinethi liphinde lakhipha isicelo sokuqeda impi e-Sudan futhi lacela ukuthula nokwehlisa umoya phakathi kwamaqembu anezingxabano, ngokulandela injongo yeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-AU) yokuthulisa nya izibhamu ezwenikazini.

10. Ukutshala Izimali Ezikhungweni Zemfundo Ephakeme

Mhla wama-24 kuMbasa 2023 uNgqongqoshe uNzimande wavula izakhiwo ezimbili eNyuvesi yaseNtshonalanga Kapa (i-UWC) ezixhaswe ngeSikhwama SoMnyango Sokuxhasa Izingqalasizinda Nokusebenza (i-IEG), kanye nohlelo lokuthuthukisa i-Sibusiso Bengu Development Programme:

a. Isakhiwo esisha i-Education Faculty Building (esaziwa ngokuthi yi-South Campus Education Precinct Project) - esaxhaswa ngezigidi ezingama-R268.659 yi-IEG kwabe sekusetshenziswa i-SB-DP ukwakha kabusha isakhiwo esasivele sikhona ebesisetshenziswa nguMkhakha we-Chemistry, owe-Mathematics, owe-Computer Sciences kanye nowe-Statistics.

b. Indawo yokuhlala abafundi i-Unibell Residence – exhaswe ngezigidi ezingama-R670 yi-IEG kanye nemali eyabolekwa kwa-DBSA ukuze kuzokwakhiwa umklamo wezindlu zokulala abafundi eziyizi-2720 ezinezigaba ezine ingxenye ngayinye, okuzoba yizingxenye eziyisithupha ezizokwakhiwa e-Belhar, kuhlanganiswe nesikhungo esikhulu i-Bellville.

Umklamo we-Unibell Residence waba yimpumelelo ngenxa yomzamo wokubambisana ngomnikelo wezigidi ezingama-R235 (35%) we-IEG yoMnyango kanye nezimali ze-UWC ezenezelwe yimali ebolekwe kwi-DBSA (35%).

Mhla wama-21 kuMbasa 2023, uNgqongqoshe uNzimande wavula izakhiwo ezimbili kanye ne-IT Hub eMthatha eNyuvesi i-Walter Sisulu ezixhaswe ngeSikhwama Sokuxhasa Izingqalasizinda Nokusebenza (i-IEG) kanye nohlelo i-Sibusiso Bengu Development Programme (i-SB-DP). Lezi zakhiwo zisezindaweni eziku-Nelson Mandela Drive naseZamukulungisa:

a. I-East Teaching Mall - exhaswe ngezigidi ezingama-R25.971 nge-IEG yasetshenziswa ukuqeda ukulungiswa kwamaholo okufundisa ayi-19 kanye namagumbi okufundela ayi-13 e-Nelson Mandela Drive.

b. Indawo yokuhlala abafundi – exhaswe ngezigidi ezingama-R52.799 yi-IEG yasetshenziswa ukuqeda ukulungiswa kwezindawo zokuhlala abafundi i-KTC ne-KGB ezinemibhede engama-314 e-Nelson Mandela Drive.

c. I-IT Hub – exhaswe ngezigidi eziyi-R14.135 yi-SB-DP futhi yasatshenziswa ukuqeda ukwakhiwa kwe-IT Hub entsha ezosebenza njengendawo yemisebenzi eminingi yabafundi nothisha eZamukulungisa.

11. Izinqumo zeKhabhinethi

Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1. Mnu Siyabonga Charles Zama njengePhini loMqondisi-Jikelele (u-DDG): ku-Informal Settlements Upgrading and Emergency Housing kuMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu.
2. Nks Zenkosi Dumile Mhlongo njengo-DDG: ku-Research Policy, Strategy, and Planning kuMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu.
3. Mnu Jabulani Hugh Hlatshwayo njengo-DDG: kuBuchwepheshe Bolwazi Nezokuxhumana kuMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo.
4. Mnu Dipepenene Serage njengo-DDG: Kwezokukhiqizwa Kwezolimo, Ezempilo Nokuphepha Kokudla kanye Nokulawulwa Kwenhlekelele kuMnyango Wezolimo, Ukuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya.
5. Nks Hlengiwe Bhengu njenge-Chief Financial Officer kuMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana.
6. Nks Lucy Bele njenge-CFO kuMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu.

IKhabhinethi nalo liyahambisana nokuqashwa kwalaba abandelayo

IBhodi labaQondisi le-Water Research Commission

(a) Dkt Rethabile Melamu (uSihlalo);
(b) Dkt Harrison Pienaar (iPhini likaSihlalo);
(c) Slz Nnenesi Kgabi
(d) Mnu Willem Baird
(e) Ummeli Reinette Mary Rosey;
(f) Slz Aldo Stroebel;
(g) Nks Zama Portia Dlamini;
(h) Dkt Tendai Sawunyama;
(i) Nks Nkuli Mxenge-Mayende; kanye
(j) noNks Megan Schalkwyk

IBhodi le-National Lotteries Commission

(a) Nks Beryl Ferguson;
(b) Nks Precious Mvulane;
(c) Mnu Willie Hofmeyr;
(d) Mnu Tembinkosi Bonakele;
(e) Mnu Lionel October; kanye
(f) noNks Irene Ramafola

Amalungu oMkhandlu Wezempilo Nokuphepha Ezimayini

(a) Mnu David Msiza (uSihlalo);
(b) Mnu Xolile Mbonambi;
(c) Dkt Lindiwe Ndelu;
(d) Mnu Divhudza Victor Mahwasane;
(e) Nks Constance Titi Kekana (Elinye Ilungu);
(f) Dkt Dipalesa Mobokoto (Elinye Ilungu);
(g) Mnu Mthokozisi  Zondi;
(h) Mnu Thabo Ngwenya (Elinye Ilungu);
(i) Mnu Masibulele Naki;
(j) Nks Naledi Tsipane (Elinye Ilungu);
(k) Nks Melanie Roy;
(l) Mnu Victor Radebe (Elinye Ilungu);
(m) Mnu Nicolaas Van Rooyen;
(n) Mnu J White (Elinye Ilungu);
(o) Ummeli Paul Mardon;
(p) Mnu Johan Du Toit Boning (Elinye Ilungu);
(q) Mnu Phuthuma Manyathi;
(r) Mnu Gabriel Nkosi (Elinye Ilungu);
(s) Dkt Thuthula Balfour;
(t) Mnu Vijay Nundall;
(u) Mnu Stuart Sepetla;
(v) Mnu Ronald Mafoko;
(w) Mnu Joseph Phakathi (Elinye Ilungu);
(x) Nks Letisha van der Berg; kanye o
(y) noDkt Joseph Matjila (Elinye Ilungu).

A. Imicimbi Ezayo

1. INyanga ye-Afrika

1.1. INingizimu Afrika izobungaza iNyanga ye-Afrika kanye noSuku lwe-Afrika ngoNhlaba 2023, kanye nalolonke izwekazi.  Mhla wama-25 kuNhlaba 2023, i-Afrika izobungaza iminyaka engama-60 yeNhlangano Yobumbano lwe-Afrika (i-OAU).

1.2. Le nyanga iyithuba lokugqugquzela ubumbano lwe-Afrika, ukuhlangana nokuzinikela kwezwekazi i-Afrika ngenhloso eyodwa. IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu afrika ukuthi basebenze ngokubambisana baphokophelele ukwakha izwekazi elingcono, elibumbene neliphumelelayo. 

2. IMiklomelo Kazwelonke

2.1. UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzokhipha iMiklomelo Kazwelonke kubantu baseNingizimu Afrika kanye nalabo abavela kwamanye amazwe abavelele mhla wama-28 kuMbasa 2023. IMiklomelo Kazwelonke yimiklomelo esezingeni eliphezulu kakhulu izwe eliklomelisa ngayo izakhamuzi kanye nabaphuma kwamanye amazwe abavelele ababe negalelo ekuthuthukisweni kwentando yeningi labantu futhi baba nomthelela obonakalayo ekuthuthukisweni kwezimpilo zabantu baseNingizimu Afrika.

2.2. IMiklomelo Kazwelonke iphinde ibonge igalelo elifakwe ngabantu ekwakheni iNingizimu Afrika engacwasi ngebala, engabandlululi ngokobulili, yentando yeningi labantu nephumelelayo njengoba kulotshiwe kuMthethosisekelo.

3. Amavoti Ezabelomali

3.1 NgoNhlaba, iminyango kahulumeni izokwethula amavoti ayo ezabelomali ePhalamende.

3.2 Amavoti Ezabelomali ahlanganisa ukubuyekezwa kokusebenza komnyango ngesikhathi sonyakamali owedlule kanjalo nezinhlelo zawo zokuqalisa ngezithembiso ezamenyezelwa nguMengameli kwiNkulumo Echaza Ngesimo Sezwe.

3.3. IKhabhinethi licela izakhamuzi ukuthi zilandele amavoti ezabelomali ukuze zizobona ukuthi iminyango ethile izokwenza kanjani ukuthi ibeke eqhulwini ukulethwa kwezidingonqangi kulesi sikhathi esiya kuso.  

3.4 Mhla we-4 kuNhlaba 2023, uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu u-Nks Mmamoloko Kubayi uzohola iMbizo noMhlangano Wezinsizakalo eSoweto njengengxenye yokwakhela kwiVoti Lesabelomali labo mhla we-10 kuNhlaba 2023.

3.5 Lo mcimbi uzobhekana nezinselele ezikhona ekuHlalisweni Kwabantu ezibhekene nabahlali kanjalo nokugqugquzela izinhlelo zalo mkhakha ezizosiza imiphakathi kulo mkhakha.

4. USuku Lwabasebenzi

4.1 USuku Lwabasebenzi luzogujwa ngoMsombuluko, mhla lu-01 kuNhlaba 2023, ngokubonga iqhaza elibalulekile elidlalwa ngabasebenzi ekwakheni umnotho nomphakathi njengokusho koHlelo Lwentuthuko Lukazwelonke.

4.2 USuku Lwabasebenzi lusivumela ukuthi sibuke lokho okuzuzwe ngabasebenzi ngesikhathi seminyaka engama-29 yenkululeko kanye nokubona izinselele ezibhekene nabasebenzi kulo mnotho ocindezelekile.

4.3 Luphinde lube lusuku kithina lokuthi siphinde sizinikele ekwenzeni konke esingakwenza ukwakhela amathuba izigidi zabantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi futhi abangakwazi ukusebenzisa amakhono abo noma ukuzondla bona kanye nalabo abaseduzane nabo.

4.4 Ukuzinikela kukahulumeni ekuthuthukiseni izimo zezindawo zokusebenza kanye nokulingana emakethe yezabasebenzi kuyabonakala kwizichibiyelo ezibalulekile kuMthetho Wokunxephezelwa Ngokuthola Ukulimala Nezifo Emsebenzini kanye noMthetho Wokulingana Emsebenzini ezisayinwe kamuva-nje zaba ngumthetho nguMengameli u-Ramaphosa.

5. USuku Lomhlaba Lwenkululeko Yabezindaba 

5.1 INingizimu Afrika izohlanganyela nomhlaba wonke ukubungaza uSuku Lomhlaba Lwenkululeko Yabezindaba mhla zi-3 kuNhlaba 2023. Lolu suku lusinika ithuba lokubungaza nokucubungula isimo senkululeko yabezindaba emphakathini wakithi kanjalo nezinselele ezibhekene nabezindaba kanye neqhaza elidlalwa ngukubandakanya abezindaba emphakathini wakithi.

5.2 Abezindaba abakhululekile nabazimele bayingxenye ebalulekile yentando yeningi labantu, futhi sizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi abezindaba bakhululekile ukubika okuyikona, ngendlela efanele futhi nangokuzimela.

6. INdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano

6.1 Sekusele izinsuku ezingaphansi kwe-100 ukuthi kuqale imiqhudelwano yokuqala yeNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano kuleli lengabadi e-Afrika kusuka mhla zingama-28 kuNtulikazi kuya mhla ziyisi-6 kuNcwaba, iKhabhinethi licela sonke isizwe ukuba siphinde sivule izandla ezimhlophe njengezwe elizosingatha umcimbi womhlaba.

6.2 Njengoba imidlalo yeNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano izokwenzeka eKapa, iNingizimu Afrika izosebenzisa umlando wayo owaziwayo ekusingatheni imicimbi emikhulu kubandakanya umcimbi wakamuva-nje we-Formula E Cape Town ePrix.

6.3 Izifundo esizifundile ngokusingatha le micimbi zididiyelwe ekuhleleni kwethu ukuqinisekisa ukuthi abalandeli bomdlalo nezivakashi ezweni lethu bathokozela ukuhlala futhi baphephile.

6.4 IKhabhinethi licela wonke umuntu ukuthi eseke umkhankaso woLwesihlanu Webhola Lomnqakiswano ogqugquzela wonke umuntu ukuthi njalo ngoLwesihlanu agqoke izimpahla ezibonisa ukweseka iqembu Likazwelonke Lebhola lomnqakiswano laseNingizimu Afrika elaziwa ngokuthi yi-Spar Proteas.

7. Umhlangano we-16 weBhodi Lezizwe (i-COP 16) weSivumelwano i-Basel Convention

7.1 INingizimu Afrika izoba yingxenye ye-COP 16 yesivumelwano i-Basel Convention ezoba se-Geneva, e-Switzerland kusuka mhla lu-01 kuya mhla zi-02 kuNhlaba 2023.

7.2 Isivumelwano i-Basel Convention sabekwa ukuze sizovikela impilo yomuntu kanye nemvelo kwizinto ezingaba ngumphumela wokuthuthwa kwemfucuza enobungozi. INingizimu Afrika yasivuma lesi sivumelwano mhla ziyisi-5 kuNhlaba 1994. 

7.3 IKhabhinethi ligunyaze igunya leNingizimu Afrika lokuba yingxenye yezingxoxo ku-COP 16 yesivumelwano i-Basel Convention.

7.4 I-COP 16 izobanjwa ilandelana nomhlangano we-11 weBhodi Lezizwe wesivumelwano i-Rotterdam Convention semvume i-Prior Informed Consent Procedure yokuHweba Ngaphakathi Ngamakhemikhali Athile Ayingozi kanye neZibulali-zinambuzane.

7.5 Lesi sivumelwano siqguqguzela ukuzibophezela kanye nokubambisana phakathi kwamazwe akhona kulokhu kuhwebelana komhlaba ngamakhemikhali ayingozi. INingizimu Afrika iqinisekise lezi zivumelwano ngenxa yokuthi zinemithelela emihle kakhulu kwimvelo nasempilweni yabantu.

Imiyalezo

1. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:

  • Umndeni nabangani besihlabani somculo we-jazz u-Hugh Masekela. U-Bra Hugh emva kokudlula emhlabeni ufakwe kwi-Ertegun Hall of Fame e-New York. Umculi waseNingizimu Afrika ongasekho ufakwe kanye nabanye abafana no-Louis Armstrong, u-Nat “King” Cole kanye no-Miles Davis.
  • IKhabhinethi liphinde labongisa umsakazo i-HOT 102.7FM ngokuhlonishwa ngokufika kowamanqamu ezigabeni ezine kwimiklomelo yama-2023 New York Festival’s Radio Awards e-United States, okuyimiklomelo ebungaza ababambiqhaza embonini yomsakazo abasuka kumazwe angaphezu kwama-30.

2. Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo:

  • Mnu Harry Belafonte, umculi ongusaziwayo emhlabeni, umlingisi kanye nesishoshovu. Ubengumgqugquzeli wamalungelo omphakathi wabantu abangama-African American futhi wadonsa amehlo omhlaba kumzabalazo wokulwa nobandlululo.
  • Wadlala indima ebalulekile ekubekeni ebalazweni imisebenzi yabaculi baseNingizimu Afrika okungu-Miriam Makeba no-Hugh Masekela, lokho okwenza ukuthi umhlaba wonke wazi ngamanoni, imvunge kanye nesigqi saseNingizimu Afrika esasithumela umyalezo ngazo zonke izingxenye zempilo eNingizimu Afrika, ikakhulukazi, umzabalazo wethu wenkululeko.
  • Mnu Tiego Moseneke, usaziwayo wommeli, usomabhizinisi nobekade eyisishoshovu sabafundi.
  • Mnu Mbulelo Musi, umlawuli noKhomishina waphambilini woMkhonto We Sizwe, isishoshovu esasiyingxenye yomzabalazo wangomhla we-16 kuNhlangulana 1976, umsebenzi kahulumeni obekelwe phezulu, kanye nomakadebona womxhumanisi osebenzele uhulumeni ngendlela encomeka kakhulu.
  • UNdunankulu waphambilini waseFreyistata u-Beatrice Marshoff, owasebenzela abantu baseNingizimu Afrika ngokuzinikela emisebenzini eminingi ayenza ekhethekile.
  • ULoyiso Nkohla, isishoshovu somphakathi esanikela ngempilo yaso ukuthuthukisa izimpilo zemiphakathi enganakiwe yasemalokishini aseNtshonalanga Kapa. Wabulawa ngesikhathi esaphethe uhlelo lokusiza umphakathi ngokutholela indawo abantu abahlala eduze nojantshi wesitimela ukuze kuzolungiselelwa ukulungiswa kolayini bojantshi besitimela.  IKhabhinethi liyalele abomthetho ukuthi kuboshwe labo ababulele u-Mnu Nkohla. IKhabhinethi lifisela ukululama okusheshayo kulabo abalimala ngesikhathi sesigameko.
  • Imindeni kaNqobile Zulu, oneminyaka emihlanu, kanye nomngani wakhe u-Tshiamo Ramanye, oneminyaka eyisithupha, imizimba yabo eyatholwa isicwiyiwe e-Soweto ngoLwesine mhla wama-20 kuMbasa 2023.  IKhabhinethi liyakugxeka ukubulawa ngesihluku ngalendlela exakile futhi licela umphakathi ukuthi usize amaphoyisa ekutholeni lezi zigilamkhuba. Uma kukhona abanolwazi bayanxuswa ukuthi bashayele iNombolo Elwisana Nobugebengu ku-08600 10111. 
  • Amalungu ayisishiyagalombili omndeni wakwaMemela ophuma elokishini laseMbali eMgungundlovu adutshulwa abulawa kanjalo nabesifazane ababili ababevakashile kuleli khaya ngoLwesihlanu mhla wama-21 kuMbasa 2023.
  • IKhabhinethi lincome amaphoyisa ngokuthungatha ngokushesha abasolwa, nokuvundulula izibhamu ezintathu. Umsolwa oyedwa wadutshulwa wafa ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa ngoLwesihlanu mhla wama-21 kuMbasa 2023. Umsolwa wesibili wathola ukulimala wabe eseboshwa kwathi oyedwa wabaleka.

Imibuzo: Mnu Tyrone Seale – iBamba likaSomlomo Kahulumeni

Umakhalekhukhwini: 083 5757 440

Share this page

Similar categories to explore