Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyisi-7 kuNcwaba 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje
1.1. IKhabhinethi ihalalisela abantu baseZimbabwe kanye namaqembu ezepolitiki mayelana nokubamba ngempumelelo ukhetho lwephalamende kanye nolwezindawo.
IKhabhinethi yayishayela ihlombe imizamo yokuqinisekisa ukuthi wonke amaqembu ezepolitiki ayazibophezela ekubambeni ukhetho ngokuthula, eyenziwa uMongameli Jacob Zuma njengoMholi oqokwe Inhlangano Ethuthukisa Amazwe ase-Afrika Eseningizimu ukuthi ahole Izingxoxo Phakathi Kwamaqembu Ezepolitiki eZimbabwe.
1.2.  IKhabinethi yasigxeka isenzo sokuhlasela ngebhomu isakhiwo okuhlala kusona izisebenzi Zendlu Yenxusa lase-Turkey edolobheni laseMogadishu, eSomalia, futhi lathumela amazwi enduduzo kuHulumeni waseSomalia nowase-Turkey kanye nakubantu bakulawo mazwe.
1.3.  Njengoba kungasensuku zatshwala ngaphambi kokuthi kugujwe iMinyaka engama-20 Yenkululeko, iKhabhinethi ihlanganyela nesizwe ukugubha iNyanga Yabesifazane ngaphansi kwesiqubulo esithi “Iminyaka Eyikhulu Yokusebenzisana Ukuze Kufezekiswe Ukunikwa Kwabesifazane Amandla Ngendlela Esimeme kanye Nokulingana Ngokobulili”.
Ukugujwa kweminyaka eyikhulu yisenzo sokuhlonipha umzabalazo wabesifazane kusukela ngenkathi isishabasheki esihlonishwayo, u-Charlotte Maxeke, ehola imashi yeqembu labesifazane e-Bloemfontein yokubhikishela imithetho yamapasi ngowe-1913.
Igalelo labesifazane empini yokulwisana nemithetho yamapasi kanye nakweminye imikhakha yomzabalazo wenkululeko kuyingxenye ebalulekile enikeze ugqozi lokuthi kwenziwe uMazisi Oyikhadi owethulwe esikhathini esifushane esedlule.
Njengoba isizwe sibungaza abesifazane, iKhabhinethi ihlaba futhi ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika lokuthi kumele babhukule balwisane nokuxhashazwa kwabesifazane nezingane futhi bahloniphe amalungelo abesifazane njengoba evikelwe kuMthethosisekelo wethu.
1.4.  IKhabhinethi igcizelela emagameni okubonga ashiwo uMongameli Jacob Zuma phambilini ngenkathi ebonga isizwe kanye nomphakathi wamazwe ngamazwe  ngokwenza Usuku lukaNelson Mandela Lwamazwe Ngamazwe lube umgubho omkhulu wosuku lokuzalwa lukaMadiba kunayo yonke eyenziwe esikhathini esedlule. Mhla ziyi-18 kuNtulikazi, izinkulungwane zabantu eNingizimu Afrika kanye nasemhlabeni jikelele, zithethe isikhathi sazo zakhwica imikhono zasiza abantu abahluphekayo.
IKhabhinethi inxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele umcimbi ozobanjwa okokuqala ngqa woSuku lukaNelson Mandela Lwezemidlalo Namasiko   ozobanjelwa eNkundleni Yezemidlalo i-FNB, eGoli mhla ziyi-17 kuNcwaba. Amabhokobhoko azodlala ne-Argentina, iBafana Bafana izwane amandla ne-Burkina Faso bese Iqembu Lomakadebona Kwezikanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika libhekana ne-Italy, kanti kusihlwa kuzolandela ikhonsathi lomculo lapho kuboshelwe khona izinkakha zabaculi.
Yonke imali ezotholakala kulo mcimbi izongena kwisikhwama somklamo wokwakhiwa kwesibhedlela sezingane sikaNelson Mandela.
IKhabinethi yagcizelela futhi kwikhwela eliqondiswe kubantu baseNingizimu Afrika lokuthi “Babhukule; Balethe Ugqozi Loguquko (futhi) Benze Usuku Ngalunye Nsukuzonke Lube Usuku lukaMandela”. 
IKhabhinethi iyaqhubeka nokuhlaba ikhwelo elibhekiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangamlibali uMongameli wangaphambilini uNelson Mandela futhi bambeke emikhulekweni yabo njengoba eseqala  ukwelulama kancane.
1.5. IKhabinethi idumele ngokudlula emhlabeni kwalowo owayeyiJaji Eliyinhloko uPius Langa owafihlwa mhla zizi-3 kuNcwaba 2013 ngoMngcwabo Okhethekile Owenzelwa Izikhulu Zikahulumeni. IKhabinethi ithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe, abangani nozakwabo.
IJaji Eliyinhloko langaphambilini uPius Langa uzokhunjulwa ngegalelo lakhe emzabalazweni wenkululeko, nokuvikela kwakhe intando yeningi yethu esekelwe phezu komthethosisekelo, kanye nomsebenzi abewenza esikhathini esifushane esedlule kwiKhomishana Yenkululeko Yezamaphephandaba.
1.6 IKhabhinethi iyazamukela izinyathelo ezinhle ezithathiwe emkhakheni wezemfundo, ikakhulu eziphathelene nokuqiniswa kweSitatimende Senqubomgomo Yohlelo Lwezifundo Nokuhlola kanye nokwesekwa okuqhubekayo okuvela kothisha mayelana nokuqaliswa kwalolu hlelo. IKhabhinethi yakwamukela ukusungulwa kweThimba Elijutshe ukuthi liphathe ukuqaliswa kohlelo lwezifundo Lolimi Lokukhuluma Ngezandla LwaseNingizimu Afrika ngowezi 2014 kusukela kwiBanga-R kuya kwiBanga-12, ngokwekhwelo likaMongameli lokuthi ulimi lokukhuluma ngezandla luthathwe njengolimi olusemthethweni. Uhlelo olusha lwezifundo luzokhulisa izinga lokufinyelela kwabo bonke abantu emathubeni ezemfundo.
1.7. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubafundi bakamatikuletsheni bonyaka wezi-2013 ukuthi babhalise njengamanje kwizikhungo zemfundo ephakeme  abafuna ukufunda kuzona ngowezi-2014 ngokomkhankaso woMnyango Wemfundo Ephakeme Nokuqeqesha obizwa ngokuthi Faka Isicelo Njengamanje! Khetha.
Abafundi bayakhuthazwa ukuthi bacabangisise kahle ngaphambi kokuthi baqoke umsebenzi abafuna ukuwufundela futhi babheke nezidingo zabo zezimali. Abafundi bayakhunjuzwa ngeSikimu Sikazwelonke SokusizaAbafundi Ngezimali  lesi sikimu sisiza abafundi abenza kahle emsebenzini wabo wesikole futhi abadinga ukuxhaswa ngezimali.
1.8. IKhabhinethi isishayela ihlombe isenzo sokwethulwa kwesiteshi sikamabonakude seNhlangano Yezokusakaza  yaseNingizimu Afrika esisakaza izindaba amahora angama-24 esizobhekana nesidingo esikhulayo sokusakazwa kwezindaba ezisematheni  eziphathelene nemicimbi esemqoka kuzwelonke kanye nezizwe ngezizwe futhi sihlinzeka ngezwi kanye nesigcawu kubo bonke abantu  baseNingizimu Afrika.
1.9. IKhabhinethi ihalalisela ababhukudi oCameron van der Burgh, Chad le Clos kanye noGiulio Zorzi abenze ukuthi izwe liziqhenye ngokunqoba izindondo eMqhudelwaneni Wamazwe Ngamazwe we-15 Wenhlangano Yezokubhukuda Emhlabeni owawubanjelwe e-Barcelona.
1.10 IKhabhinethi yathumela izilokotho ezinhle kumaSulumani aseNingizimu Afrika ngenkathi enze idili lokuqeda isikhathi sokuzila ukudla i-Eid. IKhabhinethi ifisela noMphakathi WamaJuda aseNingizimu Afrika okuhle kodwa ngenkathi ugubha inyanga ka-Elul.

2. Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1.  IKhabhinethi yamukele ngokusemthethweni ukuqaliswa kohlelo lokubonisana mayelana neZimo Zenqubogomo Kazwelonke Yezamanzi oluqaliswe nguMnyango Wezamanzi.
Injongo yalokhu kubuyekezwa kwenqubomgomo ukuthola imbangela yemiphumela ebonakalayo ebingahlosiwe futhi ukuze kulungiswe lokhu kanye namagebe akhona kwizinqubomgomo zezamanzi ezisebenzayo njengamanje.
Ngalokhu kuhloswe ukuthi kufezekiswe injongo kaHulumeni yokuthi abantu bathole amanzi ngendlela elinganayo futhi esimeme.
Izimo zenqubomgomo ezibuyekeziwe zizolekelela ekwabiweni kabusha kwamanzi kubasebenzisi bamanzi ababencishwe amathuba ngaphambilini, phakathi kwabanye. Futhi zizoqinisekisa ukuthi ayikho ingqalasizinda ezodlula eceleni noma igweme imiphakathi, ikakhulu ezindaweni zasemakhaya ezingenazo ingcebo zamanzi.
2.2. IKhabhinethi yamukele ngokusemthethweni ukushicilelwa kweNqubomgomo Kazwelonke Yamalungelo Omsebenzi Umuntu Aziqambele Wona, ukuze umphakathi uphawule ngayo esikhathini esiyizinsuku ezingama-30.
Le Nqubomgomo ihlose ukuqinisekisa ukuhambelana okuphelele futhi ibhekane nezindaba ezinhlobonhlobo eziphathelene namalungelo omsebenzi umuntu aziqambele wona, futhi lokhu kubandakanya imikhakha eminingi, kufaka phakathi lena elandelayo: ezohwebo, ezesayensi, ezolimo kanye nezempilo. Ngakho-ke kunesidingo esivela kuHulumeni sokuthi kube nenqubomgomo eyodwa ezingeni likazwelonke kanye nelamazwe ngamazwe.
2.3.  IKhabhinethi yamukele ngokusemthethweni uhlaka lwenqubomgomo lokuqapha okusekelwe emphakathini olunesihloko esithi “Uhlaka Lokuqinisa ukubambisana Phakathi kweZakhamuzi kanye Nohulumeni mayelana nokuQapha Ukuhlinzekwa  Kwezidingongqangi”.
Iminyango kahulumeni ebandakanyekayo ekuhlinzekeni umphakathi ngezidingongqangi, kudingeka ukuthi, ilungise izinhlaka zayo zokuqapha nokuhlola ukuze zibandakanye izindlela zokusebenzisa imibono nezinto ezenzeke ezimpilweni zezakhamuzi mayelana nokuhlinzekwa kwezidingongqangi. Lokhu kubeka isisekelo sokuhlanganisa ukuqapha okusekelwe emphakathini kwindlela kahulumeni yokuqapha.
KuloIu hlaka, ukuqapha okusekelwe emphakathini kusho indlela yokuqapha ukusebenza kukahulumeni egxile ezintweni ezenzeke ezimpilweni zezakhamuzi ezijwayelekile ukuze kuqiniswe ukuphendula kukahulumeni futhi kuqhubeke imizamo yokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingongqangi.
2.4.  IKhabhinethi yamukele ngokusemthethweni iMigomo Yokuphatha Emkhakheni Kahulumeni kanye Nokudluliswa Kwamandla Okuphathwa Kwezimali.
Le migomo ihlinzeka ngomhlahlandlela wokuthi amandla esiPhathimandla adluliselwa kanjani esiKhulwini Esiphendulayo futhi ehliselwe nasezinhlakeni ezisemazingeni aphansi ngokulayela koMthetho  Wemisebenzi kaHulumeni kanye noMthetho Wokuphathwa Kwezimali zikaHulumeni.
Le migomo yenza ibe lula inqubo yokudlulisa amandla, futhi lokho kugqugquzela ukuhlinzekwa kwezidingongqangi ngendlela efanele.
Ngokuhamba kwesikhathi, uNgqongqoshe Wemisebenzi kaHulumeni Nokuphathwa Kwayo uzohlinzeka ngemininingwane ethe xaxa mayelana neMigomo nemithelela yayo.
2.5 IKhabhinethi yamukele ngokusemthethweni lezi zivumelwano zoxolo okuzovunyelwana ngazo ePhalamende ngokwesigaba-231 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika: Esokuqala, Ukusayinda kweNingizimu Afrika iSivumelwano sokusungulwa kweKhomishana ye-Indian Ocean Tuna, esesibili iSivumelwano Sokongiwa Kohlobo Lwenhlanzi Ebizwa nge-Bluefin Tuna (CCSBT) kanye; nesesithathu, Isivumelwano Sesimo Sezinyathelo Zamachweba Sokuvimbela kanye Nokuqeda Umkhuba Wokudoba Okungekho Emthethweni, Okungabikiwe futhi Okungalawulwa (IUU) soPhiko Lwezokudla Nezolimo lweNhlangano Yezizwe (FAO).
UNgqongqoshe Wezolimo, Amahlathi Nokudoba naye usezibandakanye nalesi sigcawu sokuhlinzeka ngolwazi ukuze achaze ngokuthe xaxa ngosizo oluzolethwa yilokho embonini yezokudoba kanye negalelo layo lokuthuthukisa umnotho wethu.
2.6  IKhabhinethi yakwamukela ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela ye-11 Yamazwe Abambe Iqhaza (COP) kwiSivumelwano sase-Abidjan ezobanjelwa eKapa mhla zingama 24-28 kuNdasa 2014.
Isivumelwano sase-Abidjan singesinye seZivumelwano eziyi-18 Zamalwandle Zezifunda lapho uHlelo lweNhlangano Yezizwe Lwezemvelo lwenza khona izinhlelo zokusebenza njengengxenye yokuqaliswa kwe-Ajenda yase-Stockholm yowe-1972.
Lesi Sivumelwano sihlinzeka ngohlaka lwezomthetho lokubambisana ngokwezifunda phakathi kweMibuso ethintekile ukuze kuthathwe izinyathelo ngokubambisana zokuxazulula izinkinga ezixhumene eziphathelene nemvelo yasogwini neyasolwandle ababelana ngayo.
Uhlaka oluphezulu kunazo zonke oluthatha izinqumo ngeSivumelwano sase-Abidjan yiNgqungquthela Ye- COP) okuwumhlangano obanjwa njalo emva kweminyaka emibili ohlanganisa ngaphansi kophahla olulodwa oNgqongqoshe Bezemvelo kanye nochwepheshe abavela eMazweni asayinde iSivumelwano, kanye kanye nemibuso eyizingqapheli, kanye nezinhlangano Zezizwe Ezibumbene nezingekho ngaphansi kukahulumeni.
2.7  IKhabhinethi yanikezwa imininingwane mayelana nombiko wokubamba iqhaza kwethimba elabe limele iNingizimu Afrika kwiSigcawu sama-57 seKhomishana Yesimo Sabesifazane yeNhlangano Yezizwe, esabanjwa kusukela mhla zizi-4 kuya mhla ziyi-15 kuNdasa 2013.
Isigcawu sama-57 sasibanjelwe eKomkhulu leNhlangano Yezizwe e-New York, futhi isihloko esasibekwe eqhulwini sasithi “Ukuqedwa Kodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Namantombazane”.
Kwenziwa izibophezelo eziningana futhi zamukelwa njengezinqumo ngababambiqhaza mayelana nokuqedwa kodlame olubhekiswe kwabesifazane namantombazane. IKhabhinethi yahlaba ikhwelo eliqondiswe eminyangweni kahulumeni yonke ukuthi ibambe iqhaza ekuqalisweni kwalezi zibophezelo.
2.8 Ikhabinethi yamukele ngokusemthethweni ukuthunyelwa Kwisigungu seNhlangano Yezizwe kombiko wenqubekelaphambili Wokubuyekezwa Kwesimo Sesikhathi Esimaphakathi Esiphathelene Nengculazi eNingizimu Afrika.  Umbiko uphendula kwisiMemezelo Sezepolitiki esiphathelene nezinto esiyi-10 okumele zifezekiswe mayelana  negciwane lesandulelangculazi kanye nengculazi ezisuselwa kwiqoqwana lezinkomba eziwumongo. IKhabhinethi yawushayela ihlombe uMnyango Wezempilo ngombiko okhombisa ukuthi iNingizimu Afrika iqhubeka kahle emizamweni yayo yokuthi ibe seyifezekise eziningi izinkomba ezingumongo uma kufika unyaka wezi-2015 ongumnqamulajuqu. 
2.9   IKhabhinethi yanikezwa imininingwane ephathelene nokuqaliswa kweSigaba 100 (1) (b) sohlelo lokungenelela eSifundazweni saseLimpopo.  Labikelwa ngemiphumela ebalulekile yombiko wokucwaningwa nokuhlaziywa kwesimo, nezinhlelo zokungenelela kanye nenqubekelaphambili eseyenziwe kuze kube manje. Babikelwa futhi mayelana nezinye izindaba ezingakaphothulwa okudingeka ukuthi ziphothulwe.
Mhla zingama-31 kuNtulikazi 2013 ibhalansi yemali ekhona emgodleni kahulumeni wesifundazwe kwabe kuyizigidigidi ezingu-R3,3 uma kuqhathaniswa nemali eyayisetshenziswe ngokweqile eyizigidigidi ezingu-R1,7 ngenkathi isifundazwe sifakwa ngaphansi kohlelo lokulawulwa ngoZibandlela 2011.
Ngokubona impumelelo yezinyathelo zokulungisa isimo eminyangweni emihlanu engaphansi kohlelo lokulawulwa, iKhabhinethi ivumile ukuthi iKomidi loNgqongqoshe liqalise amalungiselelo ohlelo lwezinyanga eziyisithupha lokubuyisela ukuphathwa kweLimpopo kuNdunankulu kanye neKhabhinethi yakhe entsha.
IKhabhinethi yavuma ukuthi luqhubeke uphenyo oluhlose ukuvundulula izigameko zomkhonyovu owenziwa, futhi kumele kube nohlelo lokuqondiswa kwezigwegwe uma kutholakala ukuthi abantu abalandelanga inqubo efanele yokuthengwa kwempahla nemisebenzi. Kuzoba nesinye isigcawu esizohlinzeka ngolwazi oluthe xaxa esizokwenziwa yiKomidi loNgqongqoshe ngesikhathi esifanele.

3. IMithethosivivinywa
3.1.  IKhabhinethi yamukela ukwethulwa koMthethosivivinywa Wezokukalwa Kwesisindo Sezimpahla Okusemthethweni ePhalamende.
Lo Mthethosivivinywa wenzelwe ukunikeza umhlahlandlela wokuqinisekisa ukuthi konke ukukalwa kwezinto okwenziwa abezimboni uma bethengisa izimpahla besebenzisa izikali, amamitha kanye neminye imishini yokukala kukhombisa isisindo soqobo. UMthethosivivinywa uhlose ukugqugquzela ukuhweba ngokwethembeka, kanye nokuvikela impilo nokuphepha komphakathi kanye nemvelo. UMthethosivinywa uzolungisa nezinkinga zokungahambelani kahle okukhona kuMthetho Wezikali Zokuhweba we-1973 okhona njengamanje.
UMthethosivivinywa usemqoka kakhulu ekuqinisekiseni ukusebenza kahle kweNgqalasizinda yaseNingizimu Afrika ebandakanya Uhlelo Lwamazinga, Ukuqinisekiswa Kwekhwalithi, Ukugunyazwa kanye Nokukala Isisindo Sezimpahla..

3.2. IKhabhinethi yamukela ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Umthetho Wezemithi Nezinto Ezihlobene Nalokho, 2012 ePhalamende.
UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezemithi kanye Nezinto Ezihlobene Nalokho, we-1965 (uMthetho Nombolo. 101 we-1965) njengoba uchitshiyelwe nguMthetho 72 wezi-2008. UMthethosivivinywa uhlose ukusungula uphiko lokulawula ezemithi oluqinile futhi olusebenza kahle.

4. Abaqashiwe
IKhabhinethi yamukele ukuqashwa kwalaba abalandelayo:
4.1. USolwazi Edith Veronica Vries oqashwe njengoMqondisi-Jikelele eMnyangweni Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba.
4.2. UNksz Duduzile Charity Baby Mbongwa oqashwe njengePhini LikaMqondisi-Jikelele : Ophikweni Lwezamasu kanye Nemisebenzi eHhovisi likaMongameli.
4.3. UNksz Loraine Elzabe Rossouw oqashwe njengeSikhulu Esiyinhloko Sokuphathwa Kwezimali eMnyangweni Wezobulungiswa kanye Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo.
4.4. IKhabhinethi iyavumelana nesincomo esenziwe kuMongameli sokuqashwa kukaSolwazi Fiona Tregenna njengelungu elingasebenzi ngokugcwele leNkantolo Yezokuncintisana, isikhathi esiyiminyaka emihlanu kusukela mhla lulu-1 Mandulo 2013.
4.5.  IKhabhinethi yakuphawula ukuqashwa kwalaba abalandelayo ukuthi babe ngamalungu eBhodi yoPhiko Lokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane isikhathi esiyiminyaka emithathu kusukela mhla lulu-1 kuMandulo 2013 kuze kube umhla zingama-31 kuNcwaba 2016.
a) UDkt Ivor Zwane (oqashwe kabusha)
b) UDkt Marius Venter (oqashwe kabusha)
c) UMnu Mojalefa Mohoto (omele i-dti).
4.6. IKhabhinethi yakuphawula ukuqashwa kukaNksz Thabang Sophie (Peppy) Kekana njengelunga leBhodi Likazwelonke Lezelotho, isikhathi esiyiminyaka emihlanu kusukela mhla lulu-1 kuMandulo 2013 kuya mhlazi ngama-30 kuNcwaba 2018.

Isitatimende sishicilelwe wuPhiko LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (GCIS)
Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela loKhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore