Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-19 kuMfumfu 2016

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo ZikaHulumeni Ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi ifisela bonke abafundi okuhle kodwa njengoba beqala ukuhlolwa kwabo kokugcina konyaka. Abafundi bonyaka wezi-2016 bayakhuthazwa ukuba bagxile ezifundweni njengoba beqala ukuhlolwa kukamatikuletsheni kowezi-2016, okuqala ngokusemthethweni mhla zingama-24 kuMfumfu 2016 kuze kuphothulwe mhla zingama-29 kuLwezi 2016.

1.2. IKhabhinethi ifisa ukugcizelela ikhwelo lalo elibhekiswe ezweni lonkana lokuba kusekelwe yonke imizamo yokutakula uhlelo lokufunda lowezi-2016. Le mizamo, eholwa nguhulumeni ngeThimba Elibunjwe NgoNgqongqoshe lisebenzisana nabafundi, abazali, amanyuvesi kanye nabo bonke abathintekayo, ibonisa ukuzinikela kwethu sonke ekutholeni izixazululo ukuze umkhakha wethu wezemfundo ephakeme ubuyele esimweni esijwayelekile.

IKhabhinethi iyahambisana nemibono evezwe ngabafundi mayelana nezinselele ababhekene nazo mayelana nezindleko zokufunda ezimba eqolo, izindawo zokuhlala, izincwadi zokufunda kanye nezindleko zokuphila.

Uma kuphetha ngokuthi kuphazamiseke unomphelo ukufunda kulo nyaka, futhi uma amanyuvesi kanye namakolishi engawuphothuli lo nyaka wokufunda, balinganiselwa kusigidi abafundi bakamatikuletsheni abangeke bamukelwe ezikhungweni zemfundo ephakeme, onyakeni wezi-2017. Umthelela walokhu wukuthi bonke abafundi abenza unyaka wokuqala kuze kuyofinyelela kulabo abenza unyaka wokugcina bayophazamiseka futhi kukhahlamezeke nomnotho wethu, kwazise abekho abafundi abanamakhono abasha abayongena emakethe yemisebenzi.

Ngenxa yalokhu, labo abebezophothula iziqu zobudokotela, onjiniyela, ongoti bezokubalwa kwezimali, othisha kanye neminye imisebenzi ehlukahlukene ngeke bakwazi ukungena ohlelweni lomnotho.

IKhabhinethi iwasekela ngokugcwele amalungelo okuthola imfundo aqukethwe kuMqulu Wenkululeko wethu kanye noMthethosisekelo, futhi abekwe eqhulwini oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP). Siyalisekela futhi ilungelo lokufinyelela emfundweni ephakeme, ikakhulukazi kulabo abampofu.

UMqulu Wenkululeko uthi "imfundo ephakeme nokuqeqeshwa emisebenzini yobuchwepheshe bezandla kumele ivulelwe wonke umuntu ngokusebenzisa izibonelelo zombuso kanye nemifundaze enikezwa labo abafanele ukuyithola."

UMthethosisekelo uqhubeka uthi "Wonke umuntu unelungelo lokuqhubeka nemfundo okumele uMbuso, ngokusebenzisa izindlela ezifanele, uyenze itholakale futhi kufinyeleleke kuyo."

Ekwamukeleni ubukhulu bezinselele emfundweni ephakeme, uMongameli Jacob Zuma uphinde wakhulisa iThimba Elibunjwe NgoNgqongqoshe ngokubandakanya uNgqongqoshe Wezokuxhumana, uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, uNgqongqoshe Wezezimali kanye noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi.

Uhulumeni uthole iziphakamiso eziningana ezivela emazikweni ahlukahlukene kanye nakwabanye okusetshenziswana nabo. Seluqalile uhlelo lokucubungula lezi ziphakamiso futhi uma umsebenzi usuphothuliwe, kuzohlinzekwa ngezinqubo ezizolandelwa ukubhekana nezinselele ezikhona njengamanje.

Uhulumeni uzothatha ezinye izinyathelo zokuhlinzeka ngezinsiza kubo bonke abafundi abakufanele ukuthola uxhaso lwe-NSFAS ngokuqhubekayo, ukukhokhela izindleko ezigcwele zokufunda emanyuvesi nasemakolishi angama-TVET esikhathini eside esizayo. Uhulumeni uzophinda asungule izindlela zokubhekana nezinselele ezikhona ezibhekene nabafundi "abangakufanele ukuthola uxhaso lukahulumeni kodwa futhi abangenayo imali eyanele yokuzikhokhela" abangakwazi ukuthola uxhaso ngaphansi kwemithetho yamanje ye-NSFAS kodwa futhi abangakwazi ukukhokhela izindleko ezigcwele zokufunda ngaphandle kohlobo oluthile losizo.

Konke lokhu kuzokweziwa ngesivinini kanye nesilinganiso esincike ezingeni lokukhula ekubhaliseni kwabafundi kanye nokutholakala kwezinsiza.

IKhomishana Kamongameli Ephenya Ngemfundo Ephakeme Nezokuqeqesha iyaqhubeka nokwenza umsebenzi wayo futhi izosiza uhulumeni ukuqhamuka nezixazululo zesikhathi eside zokufinyelela emfundweni ephakeme, ikakhulukazi labo abampofu.

UNgqongqoshe Wezezimali uzokwethula Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi mhla zingama-26 kuMfumfu 2016, esizoveza umhlahlandlela wokusetshenziswa kwezimali obanzi wesikhathi esimaphakathi.

Kulo nyaka wezimali wezi-2016/17, uhulumeni wabe izinsiza eziningi kwezemfundo ephakeme, nokwenze ukuthi uMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha uthole isabelomali sezigidigidi ezingama-49.2 zamarandi.

IKhabhinethi ikholelwa wukuthi njengezwe singaba nenqubekela phambili ebonakalayo ekuxazululeni izinselele ezintathu, ukuswelakala kwemisebenzi, ubumpofu kanye nokungalingani kotshalomali lwethu kwezemfundo. Uhulumeni uphendulile ezicelweni zabafundi futhi uzoxhasa ukunyuswa kwemali yokufunda ize ifike kuma-8% ngowe-2017, ukukhokhela ukunyuka kwemali ngoxhaso lokuvala igebe ukukhokhela abahlwempu, abasebenzi kanye nabafundi "abangakwazi ukuthola uxhaso futhi abangakwazi ukuzikhokhela ngaphandle koxhaso, isibonelo abafundi abanemali engena emndenini efinyelela kwisamba esiyizi-600 000 zamarandi ngonyaka. Lokhu kusho ukuthi abafundi abakufanele ukuthola uxhaso lwe-NSFAS kanye nabafundi "abangakufanele ukuthola uxhaso kodwa abangakwazi ukuzikhokhela ngaphandle koxhaso" ngeke bakhushulelwe imali, njengoba uhulumeni ezobakhokhela leyo ngxenye engeziwe okuzokhushulwa ngayo imali yokufunda. Lolu xhaso luzodla izigidigidi ezi-2.5 zamarandi, okuyimali ezokhokhela abafundi abangama-70% kubafundi abenza iziqu zokuqala.

Bonke ababambi-qhaza kumele ngokushesha basebenzele ukudala isimo esikulungele futhi esikuvumelayo ukuqaliswa nokuqhubeka kohlelo lokufunda ngokushesha futhi ngaphandle kokubambezeleka. Ukuqinisekisa ukufezwa okuqhubekayo kwelungelo lokuqhubeka nemfundo, uhulumeni uzosungula umhlahlandlela wokusebenza, esebenzisana nabo bonke abathintekayo, ukuletha uguquko emanyuvesi kanye nasemakolishi angama-TVET ukuze kwakheke amathuba okufinyelela emfundweni ephakeme, impumelelo, ukuxhaswa ngezimali kanye nokusekelwa kwabafundi nezikhungo zemfundo ephakeme. Ababambi-qhaza abahlukahlukene, kuhlanganisa abafundi, amabhange kanye namabhizinisi, phakathi kwabanye abaningi, benze iziphakamiso ezahlukahlukene zokuthi singayixhasa kanjani ngemali imfundo ephakeme, ikakhulukazi eyabampofu.

Ngakho-ke, Ithimba Elibunjwe NgoNgqongqoshe lizobizela bonke ababambi-qhaza endaweni eyodwa ukuze kuthuthukiswe inkombandlela ezoqhamuka nesixazululo.

IKhabhinethi iyakwamukela ukuqala futhi kokufunda emanyuvesi ethu amaningi , futhi inxusa bonke abafundi ukuba babuyele emagunjini okufunda. Lesi yisikhathi esibalulekile sohlelo lokufunda njengoba ukuhlolwa sekuseduze. Uhulumeni ukholelwa ukuthi ukukhathazeka kwabafundi kungaxazululwa ngokuxoxisana ngenkathi uhlelo lokufunda luqhubeka.

IKhabhinethi isalokhu ikhathazekile ngokuqubuka kwemibhikisho yabafundi enodlame kwezinye izimpiko zamanyuvesi ezweni lonke. Nakuba ilungelo lokubhikisha livikelekile ngaphansi koMthethosisekelo, udlame, ukwesabisa kanye nokulinyazwa kwempahla akuvumelekile nhlobo.

Bonke ababambi-qhaza kufanele benze konke okusemandleni abo futhi bathathe zonke izinyathelo ezifanele ukuze kuqhutshekwe nohlelo lokufunda ngoba uma kungenzeki lokho kuyoba nemiphumela emibi kakhulu emnothweni, kubafundi kanye nalabo abenza umatikuletsheni. Imfundo ingumthwalo wawo wonke umuntu, sonke masisebenze ngokubambisana ukubuyisela isimo esijwayelekile kwezemfundo ephakeme ukuze liqhakaze ikusasa lezingane zethu kanye nelezwe lethu.

1.3. IKhabhinethi ilwamukele utshalomali lwezigidigidi ezintathu zamarandi oluvela enkampanini i-Marriot International, nokuzoholela ekutheni le nkampani yamahhotela enkulukazi emhlabeni jikelele yakhe amahhotela amasha amahlanu. Lesi simemezelo sibonakalisa ukwethenjwa kwezwe lethu ngabatshalizimali futhi siwuphawu lwezinto ezinhle ezisazokwenzeka emnothweni wakuleli esikhathini esizayo.

1.4. INingizimu Afrika imenyezelwe njengezwe eliphuma phambili kwezokuphathwa kwezikweletu nokukhishwa kwezimali ezibolekisayo ezizimele emazweni ase-Afrika angezansi kogwadule iSahara, okuyisimemezelo esenziwe yiPhephandaba Lezimakethe Ezisafufusa, elingaphansi kweMihlangano Yonyaka ye-IMF/Ibhange Lomhlaba. Lo mklomelo uza ngemuva kokuba Ibhange Lomhlaba lincome umsebenzi omuhle waleli lizwe kwezokulawulwa nokuphathwa kwezikweletu. Futhi uwubufakazi bempumelelo izwe eliqhubeka nokuyithola kwezezimakethe zezimali zomhlaba kanye nendlela ewubuhlakani okuphethwe ngayo umnotho.

1.5. Uhambo Olusemthethweni lukaMongameli Jacob Zuma lokuVakashela ezweni laseKenya, okungolokuqala ngqa olubanjwe nguMongameli waseNingizimu Afrika selokhu kwaba nentando yeningi, lubandakanye nethimba losomabhizinisi bakuleli abethamela Isigcawu Sosomabhizinisi baseKenya nabaseNingizimu Afrika, esicubungule amathuba otshalomali kanye nohwebo. Kwasayinwa lezi Zivumelwano Zokusebenzisana ezilandelayo: ukubambisana phakathi kwamaphoyisa, ukulondolozwa nokuphathwa kwemvelo kanye nesivumelwano esiphathelene ne-Lamu-Port Southern Sudan-Ethiopia Transport Corridor.

1.6. Umhlangano Wesibili phakathi kweNingizimu Afrika kanye neRiphabhulikhi YaseNamibia ugcizelele ukuzibophezela kwethu ngokuhlanganyela, ngokuthi kubuyekezwe futhi kufakelwe izibuko izindaba eziningana ezithinta lawa mazwe amabili, isifunda kanye nomhlaba jikelele. Isivumelwano Sokusebenzisana Kwezemfundo Ephakeme siphothuliwe, kuhlanganisa nokusayinwa kweMigomo Okuzosetshenzelwa Phezu Kwayo yeKomidi Lokuhlanganyela Longoti elimayelana noMngcele Womfula i-Orange.

1.7. Uhambo lokusebenza lwePhini LikaMongameli u-Cyril Ramaphosa lokuvakashela e-Vietnam nase-Singapore lwasetshenziswa ukuvula izindawo zangomuso zohwebo nokutshalwa kwezimali, kanye nokuheha Izinkampani Zikahulumeni Wase-Singapore ukuba zitshale izimali eNingizimu Afrika ngoBambiswano Phakathi Kukahulumeni Nomkhakha Ozimele, ngokuhambisana noHlelo Lwamaphuzu Ayisishiyagalolunye lweNingizimu Afrika. I-Singapore iphinde yazibophezela ekusizeni iNingizimu Afrika ekuthuthukisweni kwamakhono kanye nokwandiswa kwesibalo sezifundo zoqeqesho sabafundi baseNingizimu Afrika ezihlinzekwa ngaphansi koHlelo Lokubambisana ne-Singapore.

1.8. UMongameli uJacob Zuma, wethula inkulumo Emhlanganweni Wezinhloko Zamanxusa aseNingizimu Afrika waminyaka yonke, nohlinzeka ngesigcawu kuzo zonke izinhloko zamanxusa sokuba zabelane ngamacebo ngezindaba ezithile kanye nokuseqhulwini okwenza ziqhubeke kalula ukumela izwe lethu. Njengabasimele emazweni angaphandle, banomsebenzi wokwakha ubungane nokubambisana okuyosisiza ekufezeni izinhloso zethu zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, okuwukukhula komnotho okufaka wonke umuntu, amathuba emisebenzi kanye nempilo ehloniphekile yabantu bakithi.

1.9. Ekuphenduleni ezidingweni zemiphakathi kanye namabhizinisi, uNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uNomvula Mokonyane uzophendula isoyi lokwakhiwa kweSigaba Sokuqala Sephrojekthi Yamazi i-Vaal Gamagara ezodla izigidigidi eziyi-18 zamarandi, ngoLwesihlanu, mhla zingama-21 kuMfumfu 2016. Ekuphothulweni kweSigaba Sokuqala, abazohlomula babandakanya namapulazi emfuyo ayi-14, izimayini eziyi-12, iziteshi zagesi welanga, kanye nemiphakathi yaseKathu, Olifantshoek, nase-Hotazel, nokuzohlomulisa abantu abayizi-23 499.

1.10. Ukwethulwa kwesigaba sokuqala sezigidi ezingama-49 zamarandi seNdawo Yezimboni YakwaSithebe evuselelwe kabusha eMandeni, KwaZulu-Natali, kuyingxenye yoHlelo Lokuvuselelwa Kwezindawo Zezimboni LoMnyango Wezohwebo Nezimboni, futhi le ndawo ibekwe eqhulwini ukuze ivuselelwe.

Inhloso wukuvuselela izindawo zezimboni eziphethwe nguhulumeni ezweni lonke ukukhuthaza ukusetshenziswa kwezimboni futhi kwandiswe negalelo lazo ekwakheni amathuba emisebenzi nokukhulisa umnotho wezwe lethu. Izimboni ezisebenzela kwaSithebe zinomthelela omkhulu emnothweni wendawo, zihlinzeka namathuba emisebenzi angaphezu kwezi-20 000. Ngesikhathi sohlelo lokuvuselela ziyi-15 izinkampani ezincane nezimaphakathi ezaqokelwa le phrojekthi, ngesamba sezigidi eziyi-6.3 zamarandi futhi kwaqashwa nabantu abayi-162.

1.11. Isimemezelo sokuthi iNingizimu Afrika izohlomula esivumelwaneni sohwebo esisha neNhlangano Yamazwe aseYurophu (i-EU), sizokwenza kube nokufinyelela okuthuthukisiwe kwemikhiqizo yaseNingizimu Afrika nezofinyelela ngokukhethekile ezimakethe ze-EU. Isivumelwano Sokusebenzisana Kwezomnotho (i-EPA) ngaphansi kohlaka i-SADC EU EPA sizosebenza esikhundleni sezimiso zokuhwebelana ezisebenza njengamanje phakathi kweNingizimu Afrika ne-EU, esaziwa ngokuthi Isivumelwano Sokuhweba, Intuthuko Nokubambisana (i-TDCA). I-EPA ihlinzeka ukufinyelela okusha emakethe kashukela, uthinasi (ethanol) kanye nokufinyelela okwenziwe ngcono emakethe yewayini, izimbali, imikhiqizo yobisi nezithelo.

1.12. IKhomishana Yokulondolozwa kwenhlanzi yohlobo lwe-Southern Bluefin Tuna inyuse Umthamo Ovunyelwe Ukudotshwa weNingizimu Afrika we-Southern Bluefin Tuna usuka emathanini ayi-150 kuya kumathani angama-450 ngesizini yokudoba yowezi-2018-2020. Lokhu kubalulekile emisebenzini yeNingizimu Afrika yokudala amathuba emisebenzi njengoba kuzohlinzeka amathuba emisebenzi egcwele emkhakheni wezokudoba futhi kuzongenisa imali edingekayo ezweni yokuthumela imikhiqizo ngaphandle.

1.13. Ukuqokwa kwabafake izicelo zokwenza umsebenzi abaphumelele nguMnyango Wezamandla oHlelweni Lomkhiqizi Kagesi Wokuqala Ozimele Osebenzisa Amalahle (i-IPP) yingxenye ebalulekile yohlelo lukahulumeni lokuqinisekisa ukuthi izwe linogesi owanele. Abafakizicelo ababili abaphumelele bazokwengeza ugesi ongamamegawathi angama-863.3 kwisikhungo sikazwelonke sikagesi kule minyaka emihlanu ezayo.

Ukuqokwa kwalaba kuheha utshalomali lwezigidigidi zamarandi ezingaphezu kwama-40 ezizosetshenziselwa ukwakha ingqalasizinda emkhakheni wezamandla, kufukulwe ukuthengwa kwemikhiqizo yendawo futhi kusungulwe namathuba emisebenzi ayizi-6 613 ngesikhathi sokwakha kanye nayizi-13 524 ngesikhathi sokusebenza.

Nakuba uhlelo lweNingizimu Afrika lokuphehla ugesi lufaka phakathi nogesi wamalahle, owemikhiqizo kawoyela kanye nowegesi yemvelo, izwe lizimisele ngomnotho ongangcolisi imvelo, ngokubeka phambili izinhlelo zokukhiqiza ezihlanzekile. Ngokusebenzisa Ezamandla Ezikhiqizwa Ngokusebenzisa Kabusha i-IPP, sekuthengwe ugesi ongamamegawathi ayizi-6 376 kuBakhiqizi Bakagesi Abazimele abayi-102 emizuliswaneni eyisithupha yokufakwa kwezicelo zokuhlinzeka ngogesi. Kulo mthamo kagesi, ayizi-2 200 amamegawathi akhiqizwe kumaphrojekthi e-IPP angama-44 asexhunyiwe esikhungweni sikagesi sikazwelonke.

1.14. Njengoba iNyanga Yezokuthutha iqhubeka, amaphrojekthi engqalasizinda yezokuthutha amaningana abalulekile kanye nezinhlelo kuyaqhutshwa ukuze kuxhunyaniswe kangcono abantu nezindawo, nokwakha imisebenzi emisha futhi kushintshwe nendlela abantu baseNingizimu Afrika abahamba ngayo.

Mayelana nalokhu, iKhabhinethi iluphawulile utshalomali lwezigidi ezingama-24 zamarandi loMnyango waseGauteng Wezemigwaqo Nokuthutha wokulungisa umgwaqo u-D904, nobuye waziwe njengoMgwaqo wase-Evaton Omdala. Ukulungiswa kwemigwaqo ekhona njengamanje kuzonciphisa isikhathi esichithwa ngabantu emgwaqeni futhi kuzoqinisekisa ukuphepha kubashayeli bezimoto, abagibeli bamabhayisikili kanye nabahamba ngezinyawo.

1.15. Ukusingathwa ngempumelelo koMhlangano Wesihlanu Wezokuphathwa Kwe-Inthanethi kwelase-Afrika eThekwini kuholele ekutheni umhlangano uvumelane ngesimo sezwekazi lase-Afrika, nesisekela ukufezwa kwezinhloso ze-Ajenda yowezi-2063, ngaphambi koMhlangano Wezokuphathwa Kwe-inthanethi ozobanjelwa e-Mexico ngoZibandlela 2016. INingizimu Afrika isayine Isivumelwano se-Multi-Party Administrator Service neNhlangano i-Dona.

1.16. Ukungenelela kukahulumeni ekulwisaneni nenkohlakalo, ukungaphathi kahle kanye nokwenza izimboni ziphendule ngemisebenzi eziyenzayo kuholele esivumelwaneni nezinkampani zomkhakha wezokwakha eziyisikhombisa ngohlelo lwemisebenzi ezokwenziwa, nokuzosheshisa izinguquko kule mboni. Isivumelwano siqukethe izinto eziningi, kuhlanganisa: umnikelo wemali wamaphrojekthi entuthuko; ukuzibophezela ezinguqukweni kulo mkhakha, uMhlahlandlela wokukhokhela izicelo zenkokhelo zomkhakha kahulumeni; kanye nokuzibophezela ekusebenzeni kwabaPhathi Abakhulu ngobuqotho.

Izisekelo ezibalulekile zesivumelwano zibandakanya nezigidigidi ezi-1,4 zamarandi zenhlawulo enqunywe yisigungu sezokuncintisana esizokhokhwa yizinkampani eSikhwameni Sikazwelonke Semali Engenayo. Ezinye izigidigidi ezi-1,5 zamarandi zizofakwa esikhwameni sokusekela izinhlelo zokutshala izimali emiphakathini ebincishwe amathuba ngaphambilini.

Ukuzibophezela ezinguqukweni kuzokwethulwa yinkampani ngayinye kulezi eziyisikhombisa, nokungaba “ngendlela yamasheya” lapho okungenani ama-40% amasheya enkampani eyodayiselwa abantu baseNingizimu Afrika abamnyama noma indlela yokubambisana” lapho inkampani iyosebenza nezinkampani zokwakha zabantu abamnyama ezilinganiselwa kwezintathu ukuzisiza zenze inzuzo engama-25%. Lokhu kuzibophezela kulinganiselwa ezigidigidini eziyisi-9 zamarandi zemali engenayo ngonyaka kuze kube sekupheleni kwesikhathi sesivumelwano.

Ukuzibophezela ekusebenzeni ngobuqotho kuzosayinwa ngu-CEO ngamunye, ezibophezela ukuthatha izinyathelo ezahlukahlukene ukuqinisekisa ukuthi ayikho imikhuba yokuhlanganyela ngokungemthetho noma inkohlakalo enkampanini, ekusebenzeni nabancintisana nayo, nohulumeni kanye namakhasimende omkhakha ozimele.
Isivumelwano sokukhokha sihlinzekela izinqubo ezithile ezihlelekile ezizophothulwa emasontweni ambalwa ezayo futhi lokhu kuyenziwa futhi kuzokwenziwa isimemezelo uma sekuphothulwa lezi zinhlelo.

1.17. Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuba balufunde ulwazi okwabelwana ngalo ngokwethulwa kweMibiko Yonyaka yowezi-2015/16 ePhalamende. Ulwazi lubonakalisa ukuqaliswa koHlelo Lokusebenza Lukahulumeni, kanye nenqubekela phambili kuMhlahlandlela Wokusebenza Ngendlela Ekhethekile Wesikhathi Esimaphakathi kanye nokuqaliswa kokusetshenziswa koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe.

1.18. IKhabhinethi iphinda ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuba baveze imibono yabo ngomnotho kanye nezinye izingqinamba abangathanda ukuthi uhulumeni aziveze Kwisitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTPBS), esizokwethulwa nguNgqongqoshe Wezezimali u-Pravin Gordhan mhla zingama-26 kuMfumfu 2016. Imibono ingathunyelwa ngokusebenzisa i-Facebook: National Treasury South Africa, i-Twitter @TreasuryRSA, izethulo ngomlomo kanye newebhusayithi yoMnyango Wezezimali.

2. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

2.1. IKhabhinethi iyamukelile imigomo ebanzi yoMbiko Wakamuva WoHlelo-Ngqangi Lukazwelonke Lwezokuthutha lowe-2050 (i-NATMAP) olwenziwe lwahambisana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe futhi uqukethe lokhu okulandelayo okungamaqhinga kwezokuthutha: ukuhlela kwesikhathi eside kanye nokubeka eqhulwini, okugxile ekuphepheni, ukwethembeka kanye nokuqinisekisa ukuthi ukusebenzisa izithuthi akumbi eqolo; futhi kungagxilwa nje kuphela kwizithuthi kwazise phela ukungaphathi kahle nezinkinga kubangelwa ukungasebenzisi kahle umhlaba kanye nokuhlela ukukhuthaza ushintsho lokuziphatha ngokushintsha indlela umphakathi obona ngayo izithuthi zomphakathi kanye nendlela yokuhlela ethuthukisayo futhi efaka wonke umuntu.

2.2. IKhabhinethi ivumile ukuba iMithethonkambiso Yamazwe Ngamazwe Yezokuxhumana eyenziwe ngcono (ama-ITRs), Dubai 2012, yethulwe ePhalamende ukuze yamukelwe ngokusemthethweni. Ama-ITRs asungula isivumelwano somhlaba, futhi ayingxenye yeMithethonkambiso Yokulawula yeNyunyana Yomhlaba Yezokuxhumana. Ama-ITRs enziwe ahambelana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, ikakhulukazi ukukhuthazwa kokukhuliswa komnotho nokubandakanya wonke umuntu ngokusebenzisa ubuxhakaxhaka bezokuxhumana kanye ne-inthanethi enamandla futhi ngamanani aphansi.

2.3. IKhabhinethi ikuvumile ukulethwa kweMithetho Yokugcina Yenkomfa Yezokuxhumana Yemisakazo Yomhlaba (i-WRC-15), ePhalamende ukuze yamukelwe ngokusemthethweni, ngokuvumelana nesigaba sama-231(2) soMthethosisekelo.

Izindaba ezibalulekile ezamukelwa ku-WRC-15 zihlanganisa nokusatshalaliswa kwe-inthanethi esheshayo emhlabeni jikelele, ukusatshalaliswa kwezokusakaza emhlabeni jikelele, izinsiza zokuxhumana ngesathelayithi, izinsiza zezindiza, ezasolwandle kanye nezinhlelo zomnotho wasolwandle, izinsiza zezimo eziphuthumayo kanye nokubhekana nezinhlekelele kanye nezinhlelo zangomuso ukusekela inguquko kwezomnotho. Imiphumela ye-WRC-15 iphinda ihlinzeke isiqiniseko kwabezinsiza zokusakaza ngokuvikela i-Digital Terrestrial Television (DTT) spectrum.

2.4. IKhabhinethi ikuvumile ukwethulwa kweMithetho Yokugcina yeNkomfa Enamandla Yenyunyana Yezokuxhumana Yomhlaba (i-ITU) yase-Guadalajara 2010, ePhalamende ukuze yamukelwe ngokuhambisana neSigaba sama-231(2) soMthethosisekelo.

Le Ngqungquthela Enamandla yisigungu esiphezulu esishaya izinqubomgomo se-ITU, nokuyinhlangano ekhethekile yeNhlangano Yezizwe ebhekene nokulawula uhlelo lomhlaba lokuxhumana ngobuchwepheshe.

Umsebenzi we-ITU uqondaniswe noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, njengoba lugxile kakhulu ekuthuthukisweni kweNgqalasizinda Yezomnotho emkhakheni we-ICT.

2.5. IKhabhinethi yabikelwa ngenqubekela phambili esiyenziwe ekubunjweni nasekuqalisweni kokusebenza kweGumbi Lokubhekana Nezinselele ze-Inthanethi Esheshayo. NgoNcwaba 2016, Umhlangano Wekhabhinethi wanquma ukuba kusungulwe Igumbi Lokubhekana Nezinselele ze-Inthanethi Esheshayo ukuze kuqaliswe ngokushesha ukusetshenziswa kwe-SA Connect, okuyinqubomgomo kazwelonke ye-Inthanethi Esheshayo. Njengengxenye yeMigomo Okusetshenzelwa Phezu Kwayo yegumbi lokubhekana nezinselele, kuhlonzwe izinselele eziningana ezibalulekile ezinomthelela ngqo ekusabalalisweni kwe-inthanethi engabizi, esheshayo, ethembekile futhi ephephile. Lokhu kubandakanya, ukuxazulula izinkinga zokubambezeleka kokukhishwa kwe-spectrum efuneka kakhulu, ukuxhumeka kwe-inthanethi esheshayo, ukusatshalaliswa kanye nokuxhaswa kwayo; ukuxazulula izinhlaka zemakethe ezingasebenzi, ukusheshisa ukufudukela kwezokusakaza ngedijithali, ukuthuthukiswa kweqhinga lokuxhumana nge-inthanethi kuhulumeni, ukuhlela kabusha Izinkampani ze-ICT Eziphethwe Nguhulumeni, nokunikeza Amandla Umlawuli kanye nokuxazulula ukuphindaphindeka ekuphathweni komkhakha we-ICT.

2.6. IKhabhinethi ivumile ukuthi Isivumelwano sase-Paris Sokuguquguquka Kwesimo Sezulu sithulwe ePhalamende ukuze samukelwe. Isivumelwano sase-Paris siyithuluzi elisemthethweni elizonikeza umhlahlandlela mayelana nesinyathelo samazwe omhlaba ngokushintsha kwesimo sezulu. Sihlanganisa wonke amazwe esinyathelweni esifanayo sokusebenza ngokuhlanganyela ukubhekana nokushintsha kwesimo sezulu, ukuze kube nentuthuko esimeme kanye nemizamo yokuqeda ubumpofu. Sibeka izinhloso zokugcina ukukhula kwamazinga okushisa omhlaba kungaphansi kwamazinga-kushisa amabili (2 degrees Celsius).

Isivumelwano sase-Paris sizoqala ukusebenza mhla zizi-4 kuLwezi 2016, ezinsukwini ezingamashumi amathathu emva kosuku lapho okungenani amazwe angama-55 Ayingxenye Yesivumelwano, nokwenza umthamo okungenani ongama-55% emthamweni wonke wentuthu engcolisayo esezifakile izincwadi zawo zokwamukela isivumelwano.

Ukwamukelwa yiNingizimu Afrika kwesiSivumelwano sase-Paris kuthumela uphawu oluhle ekuzibophezeleni kwethu ekufakeni isandla emizamweni yomhlaba yokuxazulula inselele yokushintsha kwesimo sezulu.

2.7. IKhabhinethi iyivumile Inqubomgomo Kazwelonke Ewuhlaka Mayelana Nemisebenzi Yabeluleki Bezolimo kanye noHlelo lwayo lokuthi iqale ukusebenza. Le Nqubomgomo ihlose ukubeka uhlaka lokulawula lokwenza ngcono ukusebenza, ukukhiqiza, ukulingana, ukusimama ngokwemvelo nangokomnotho kwemikhakha yezolimo, ezamahlathi kanye nokudoba. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi yonke imikhakha yezokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo, ezamahlathi kanye nokudoba (kusukela kubakhiqizi kuya kubalungisi bemikhiqizo) iyakwazi ukusebenzisa amathuba akhona ukuze labo abasebenza kule mikhakha bakuthuthukise amabhizinisi abo kanye nezimpilo zabo.

2.8. IKhabhinethi iluvumile uhlaka lokugcina loMhlahlandlela Wokusebenza Ngendlela Ekhethekile Wesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) owenziwe ngcono wezi-2014-2019 woMphumela wesi-2 "Impilo ende Nesezingeni Eliphezulu Kubo Bonke Abantu baseNingizimu Afrika". Lokhu kusebenza njengesisekelo sokuqalisa ukusebenza kweSahluko se-10 soHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe lowezi-2030.

I-MTSF yowezi-2014-2019 yenziwe ngcono ukufaka ubufakazi bakamuva bokusebenza kwangempela kwemikhakha yezempilo uma kuqhathaniswa nemikhawulo ye-MTSF 2014-2019; Ukwamukelwa Kwezinhloso Zentuthuko zowezi-2030 yiNingizimu Afrika, kanye nokwehlisa izinkomba zohlelo.

2.9. Kulandela ukwamukelwa yiKhabhinethi, uNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli, obhekene Nokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola u-Jeff Radebe uzokhipha imiphumela yeThuluzi Lokuhlola Ukusebenza Kwabaphathi lowezi-2015 (i-MPAT). Lo mbiko unikeza ukufunda okudidiyelwe kokuhlolwa kwe-MPAT kanye nokuhlaziywa kwezimo ezithile kusukela ngowezi-2011 kuze kube ngowezi-2015.

I-MPAT iqaliswe ukusetshenziswa ukwenza lula izinguquko zezindlela zokuphatha eminyangweni kahulumeni. Lokhu kunomthelela Ohlelwenilwe-NDP oluthi kusukela manje kuze kube ngowezi-2030, iNingizimu Afrika kudingeka ibe isisungule umbuso onekhono, osebenza ngobunyoninco futhi obhekanayo nezidingo zezakhamuzi zawo.

Imiphumela yowezi-2015 ibonisa ukuthi i-MPAT iphumelelile ekwenzeni lula ushintsho olukhulayo kwizinqubo zokuphatha; nokho, iyahlukahlukana kuyo yonke iminyango kazwelonke neyezifundazwe. Kunemikhakha ethile lapho kwenziwe umsebenzi oncomekayo ngokuphathelene nezinqubo zokuphatha kuhulumeni wonke kodwa izinqubo zobuholi bokuphatha okubuthakathaka zisalokhu ziyinselele enkulu futhi zineqhaza ekwahlulekeni ukuphatha.

IKhabhinethi isekela indlela edidiyelwe kanye nephelele ukusekela ukwenza ngcono, nokuzoholwa nguMnyango Wokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi ivumile ukuthi Umthethosivivinywa woKuvimbela Nokulwisana Namacala Enzondo Nezinkulumo Ezinenzondo ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukubeka amacala obugebengu obunenzondo nezinkulumo ezinenzondo kanye nokubeka izinyathelo zokuvimbela kanye nokulwa nalawa macala. Inhloso ukubhekana nesibalo esikhuphukayo sezigameko zobuhlanga kanye nokubhekana nezinye izinhlobo zobugebengu ezidalwa ukuchema, ukucwasa noma ukungabekezelani, ngokwamacala obugebengu nezinkulumo ezinenzondo, okuye kwenzeka esikhathini esisanda kudlula.

Lokhu kuqondaniswe ne-NDP nolugcizelela isidingo sokuba kube nemikhankaso eqhubekayo yokulwisana nokucwasa ngokobuhlanga, ngokobulili, ukuzondwa kwabantu bobulili obufanayo abathandanayo kanye nokuzondwa kwabokufika nokuthi bonke abantu baphephile futhi bazizwa bephephile.

4. Imicimbi ezayo

4.1. INyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Webele ngoMfumfu, ithula imizamo kazwelonke yabezokunakekelwa kwezempilo bomkhakha kahulumeni nozimele ukuqwashisa ngalesi sifo. Ukushesha kokutholakala kwalesi sifo kungaholela ekwelashweni kwaso ngempumelelo. Bonke abesifazane kanye nabesilisa kufanele bahlale bezihlola futhi bahlolwe ezikhungweni zokunakekelwa kwempilo eziseduze kwabo.

4.2. UMnyango Wezempilo uzosingatha Ingqungquthela Yomhlaba Yezibhedlela yama-40 Yenhlangano Yezibhedlela Yomhlaba (i-IHF) ngaphansi kwesiqubulo esithi, "Ukuxazulula Izinselele Zeziguli – Ukunakekelwa Nokuphepha Okugxile Ezigulini", eThekwini kusukela mhla zingama-31 kuMfumfu zize zibe-3 kuLwezi 2016.

Le Ngqungquthela ihlinzeka ngesithangamu somhlaba esiyingqayizivele esiqinisekisa ukushintshana ngolwazi, amakhono nezipiliyoni okugxile emikhakheni ehlukahlukene kwezokuphathwa kwezempilo kanye nokuhlinzekwa kwezinsiza.

5. Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Eziqavile

5.1. IKhabhinethi ikuqinisekisile ukusekela kwayo uNgqongqoshe Wezezimali, u-Pravin Gordhan omsulwa kuze kube ulahlwa yicala enkantolo yezomthetho ngaphasi kweSigaba sama-35 soMthethosisekelo.

IKhabhinethi isakholelwa kuhlelo lwezobulungiswa lwaleli lizwe kanye nezinqubo zomthetho ezingenzeleli futhi ezinobulungiswa eziwuphawu oluyisisisekelo lwesikhathi senkululeko yethu. Lezi zinhlelo kumele zivunyelwe ukuba ziqhubeke ngaphandle kokuphazanyiswa zize ziphothulwe ngendlela efanelekile.

5.2. Imiphumela Yomhlangano wesi-8 we-BRICS, owabanjwa mhla ziyi-15 nomhla ziyi-16 kuMfumfu 2016 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukwakha Izixazululo Ezisebenzayo, Ezifaka Wonke Umuntu futhi Ezithathwe Ngumuntu Wonke (BRICS)” e-Goa, e-India, nokwaholela ekutheni abaholi be-BRICS babambe izingxoxo zokubonisana mayelana nokuqinisa ukubambisana phakathi kwamazwe e-BRICS kanye nokubhunga ngezindaba zomhlaba, njengezingxabano zamazwe ngamazwe, ukulwa nobushokobezi kanye nokulethwa kwezinguquko ohlelweni lokubusa lomhlaba, ikakhulukazi ukuqinisekisa ukusetshenziswa kwentando yeningi eNhlanganweni Yezizwe kanye neziKhungo Zezimali ezabunjwa e-Bretton Woods.

Ukwamukelwa kweSivumelwa sase-Goa noHlelo Lokusebenza, kuqhakambise isisekelo esiqinile esibunjwe yi-BRICS mayelana nokusungula izindlela zesikhungo zokubambisana okubonakalayo. Kuphinde kwamukelwa ithuba lokusungula Inhlangano ye-BRICS Ebuyekeza futhi Yenze Izilinganiso Zomnotho okusekelwe phezu kwemigomo egxile ezimakethe, ukuze kuqiniswe ukuphatha ngendlela efanelekile emhlabeni jikelele.

Ngesikhathi sokuvakashela e-Goa, Inkampani Yemishanguzo i-Cipla neZiphathimandla zeDube Industrial Development basayina isivumelwano sokusungula isikhungo se-bio-logics. Lolu tshalomali lwezigidigidi ezi-1.3 zamarandi luzoholela ekwakhiweni kwendawo yokuqala yezokukhiqiza ezwenikazi lase-Afrika, ezokhiqiza imishanguzo yokulwa nomdlavuza engambi eqolo, ngokusebenzisa izinqubo zobuchwephese bezamakhambi.

5.3. IKhabhinethi ibethulela isigqoko abantu baseMozambique ngokusisekela kanye nokuzinikela kwabo emzabalazweni wethu wenkululeko. IPhini Likamongameli u-Cyril Ramaphosa kanye noNgqongqoshe Wezobuciko Namasiko, uMnu Nathi Mthethwa, bethamela umcimbi wesikhumbuzo seminyaka engama-30 sika-Samora Machel ongasasekho, owabe engubaba noMongameli weMozambique, owashona ngaphansi kwezimo ezisolisayo eMbuzini. Ekuhlonipheni inkumbulo yabaholi abaqavile njengo-Samora Machel, u-Julius Nyerere, u-Oliver Tambo no-Nelson Mandela, siyakhumbula ukuthi kubo ubuholi kwakusho ukuzinikela ezwenikazi lase-Afrika ukuze kuqhutshezwe izimfuno zabantu base-Afrika.

Sakhela phezu komlando wethu ofanayo futhi sinobudlelwano bezobungani nobezomnotho obuqinile ukufukula ukukhula komnotho, ukwakha amathuba emisebenzi kanye nokunciphisa ukungalingani. Ukwakhiwa kwe-Maputo Development Corridor, exhumanisa isikhumulo semikhumbi saseMaputo nesizinda sezimboni sezwe lethu, kuyingxenye ebalulekile yemizamo yethu ukugqugquzela uhwebo nokutshalwa kwezimali nokukhuthaza ukuhlanganiswa kwesifunda.

5.4. IKhabhinethi idlulisa izilokotho ezinhle ku-Advocate Busisiwe Joyce Mkhwebane ngokuqokwa kwakhe njengoMvikeli Womphakathi weRiphabhliki yaseNingizimu Afrika isikhathi esiyiminyaka eyisikhombisa kusukela mhla ziyi-15 kuMfumfu 2016. IKhabhinethi inesiqiniseko ukuthi u-Advocate Mkhwebane uzolisebenzela kahle izwe futhi uzoqhubeka nokubhekelela izintshisekelo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ekwenzeni umsebenzi wakhe.

5.5. IKhabhinethi idlulisa amazwi okubonga ku-Advocate Thuli Madonsela ngokusebenzela leli lizwe kanye nokubeka ihhovisi loMvikeli Womphakathi kuqala ezingqondweni zezakhamizi.

5.6. IKhabhinethi ihlanganyela nabezindaba baseNingizimu Afrika ekugubheni Usuku Lwenkululeko Lwabezindaba olwaziwa ngokuthi "yi-Black Wednesday" futhi itusa imboni yabezindaba ngendima eyidlalile ekuqiniseni intando yeningi yezwe lethu. Mhla ziyi-19 kuMfumfu 1977, umbuso wobandlululo wayalela amaphephandaba i-The World ne-Weekend World ukuba bayeke ukushicilela nokwaholela ekuboshweni ngobuningi kanye nokudingiswa kwezintatheli.

Intando yeningi yethu esekelwe phezu koMthethosisekelo iyivikela ngokucacile inkululeko yabezindaba eyalwelwa kanzima, ethathwa njengedlala indima ebalulekile ekuthuthukisweni kobumbano lwesizwe kanye nokulingana kwabo bonke abantu. Njengoba sibheka inqubekela phambili eyenziwe yiNingizimu Afrika ekuqiniseni inkululeko yabenzindaba, iKhabhinethi ihalalisela i-SANEF ngokuhlanganisa iminyaka engama-20 kusukela yabunjwa, nezogujwa ngesonto elizayo.

5.7. IKhabhinethi idlulisa ukuzwelana kwayo nabantu baseNigeria kanye nemindeni yamantombazane asathunjiwe, kulandela ukuphuma kwezindaba zokuthi amantombazane esikole angama-21 kwangama-219 athunjwa ngamavukelambuso i-Boko Haram akhululiwe. IKhabhinethi imema amazwe omhlaba ukuba avuselele imizamo yawo yokusiza uhulumeni waseNigeria ukuze kukhululwe amantombazane; ikakhulukazi amazwe asezwenikazi lase-Afrika kanye neNhlangano Yamazwe ase-Afrika ukuba bafake isandla ekusizeni izwe laseNigeria ekutholeni abantwana abathunjwa.

5.8. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo kuHulumeni kanye nabantu beRiphabhuliki Yase-Haiti kanye namanye amazwe kusifunda i-Caribbean kulandela ukudlula kweSishingishane u-Mathew esibulale amakhulu ngamakhulu abantu futhi sashabalalisa nengqalasizinda.

5.9. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu boMbuso Wase-Thailand kulandela ukushona kweNkosi u-Bhumibol Adulyadej.

5.10. IKhabhinethi iphinda idlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani bengqalabutho yomzabalazo u-Mewa Ramgobin. Wasungula iKomidi laseNingizimu Afrika lokukhululwa kweziboshwa zezombusazwe, futhi waba ngomunye wabasekeli bokuqala boMkhankaso Wokukhululwa kukaMandela. U-Mewa Ramgobin wayenguMongameli wangaphambilini we-Natal Indian Congress kanye noSihlalo we-Phoenix Settlement Trust, eyasungulwa ngu-Gandhi ngowe-1904.

5.11. IKhabhinethi ikuphawulile ukuthi uMongameli Jacob Zuma uthole futhi wamukela izincwadi zokwesula kukaMnu Krish Naidoo kanye noMnu Vusi Mavuso njengamalungu eBhodi Lenhlangano Yezokusakaza YaseNingizimu Afrika (i-SABC).

IKomidi Elibhekelele Ukusebenza Komnyango Wezokuxhumana lithathe izinyathelo zokuqala uphenyo lwalo ngeBhodi le-SABC, mayelana nokufanela kwalo ukulawula, ngokwemibandela yesigaba se-15a soMthetho Wezokusakaza we-1999.

IKhabhinethi ihalalisela laba abalandelayo:

5.12. Inxusa laseNingizimu Afrika e-Vienna uTebogo Seokolo ngokuqokwa kwakhe njengoSihlalo Wesigungu Sabaphathi Benhlangano i-International Atomic Energy Agency (i-IAEA). Isigungu Sabaphathi wuphiko olukhulu lwe-IAEA olwenza izinqubomgomo.

5.13. U-Parks Tau ngokukhethwa njengoMongameli Wenhlangano Yamadolobha Abumbene Nohulumeni Basekhaya (i-UCLG), nokuyisigungu esiphezulu soHulumeni Basekhaya Emhlabeni jikelele, mhla ziyi-15 kuMfumfu 2015 e-Colombia.

5.14. U-Antonio Guterres, ngokukhethwa kwakhe esikhundleni sokuba nguNobhala-Jikelele Wenhlangano Yezizwe kusukela mhla lu-1 kuNhlangulana 2017 zize zibe ngama-31 kuZibandlela 2021. Ungena kulesi sikhundla nesipiliyoni esiningi njengoba eseke waba nguNdunankulu Wase-Portugal kusukela ngowe-1995 kwaze kwaba ngowe-2002 futhi wasebenza njengoKhomishana Omkhulu Wenhlangano Yezizwe Yezabakhoseli Bakwamanye Amazwe kusukela ngoNhlangulana 2005 kwaze kwaba nguZibandlela 2015.

5.15. Izintatheli zaseNingizimu Afrika, ezinqobe emcimbini weZindondo Zezintatheli Zase-Afrika i-CNN MultiChoice. U-Ancillar Mangena osebenzela i-Forbes Africa unqobe Indondo Yentatheli Esencane i-Maggie Eales Wales. U-Jay Caboz, naye osebenzela i-Forbes Africa, unqobe Indondo Yezamandla Nengqalasizinda, kanti Indondo Yezomnotho Nezamabhizinisi inqotshwe ngokuhlanganyela ngu-Diana Neille, Richard Poplak, Shaun Swingler no-Sumeya Gasa abasebenzela i-Maverick Chronicle. U-Mia Malan unqobe Umkhakha we-Features Award Category, kanti umthwebulizithombe we-Sunday Times u-James Oatway unqobe Indodo Yabathwebulizithombe i-Mohammed Amin.

5.16. IMamelodi Sundowns ngokunqoba kwayo ngamagoli ama-3-0 ngesikhathi ibhekene neqembu laseGibhithe, i-Zamalek, nobekuwumlemze wokuqala woMdlalo Wamanqamu Weligi Yezingqwele Zase-Afrika. IKhabhinethi inxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zibumbane futhi zisekele i-Sundowns ukuze ikwazi ukuletha inkanyezi ekhaya.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1. Mnu Siphamandla Kenneth Mthethwa njengeSikhulu Esiphezulu se-Sentech.

6.2. IBhodi Lomlawuli WaseNingizimu Afrika Wamadayimane Nobucwebe:
a) Dkt Sipho David Manese (Usihlalo)
b) Nksz Ntombifuthi Monedi-Noko
c) Nksz Mpho Mosing
d) Nksz Mamodupi Mohlala-Mulaudzi
e) Mnu Bernard Stern
f) Nksz Maletlatsa Monica Ledingwane
g) Mnu Mochele Noge
h) Mnu Tembani Ngqeza
i) Major-General Peter Jacob Arendse (Wombutho Wamaphoyisa WaseNingizimu Afrika)
j) Mnu Bothwell Deka (WoMnyango Wezezimali)
k) Mnu Tsumbedzo Charles Nevhutanda (WeBhangengodla LaseNingizimu Afrika)
l) Mnu Senna Mokoena (Wenyunyana Kazwelonke Yabavukuzi)
m) Mnu Leon Peter Grobler (We-United Association of South Africa)
n) Mnu Kagiso John Menoe (WoMnyango Wezimbiwa)
o) Nksz Mmapoulo Lindah Nkhumise (Ibamba lika-CEO)

Amalungu azobamba uma kunesidingo (Alternate):
p) Brigadier Ntombizodwa Hazel Mokoena (Wombutho Wamaphoyisa WaseNingizimu Afrika)
q) Mnu Raymond James Paola (Webhangengodla LaseNingizimu Afrika)

6.3. Amalungu Angenazikhundla eBhodini Lesikhwama Sezingozi Zomgwaqo:
a) Dkt Ntuthuko M Bhengu (Usihlalo futhi oqokwe kabusha);
b) Mnu Dawood Coovadia (OyiPhini likaSihlalo futhi oqokwe kabusha);
c) Nksz Mala Somaru (omele uMnyango Wezithuthi);
d) Mnu Patrick Masobe (oqokwe kabusha);
e) Nksz Refilwe Mokoena (oqokwe kabusha);
f) Dkt Lungelwa Linda (oqokwe kabusha);
g) Mnu Ahmed Pandor (oqokwe kabusha);
h) Dkt Terrence Omdutt Kommal;
i) Dkt Maria Claudina Du Toit;
j) Mnu Khotso Monko Mothobi;
k) noNksz Lusanda Unathi Zisiwe Rataemane.

6.4. Lieutenant General (Nksz) Yolisa Matakata njengeSekela Lenhloko Kazwelonke Ophikweni Lokuphenywa Kwamacala Obugebengu Abekwe Eqhulwini.

6.5. Izinhloko Zezifundazwe, Ophikweni Lokuphenywa Kwamacala Obugebengu Abekwe Eqhulwini:
a) Gauteng: Major General (Mnu) Prince Nkitsing Mokotedi
b) ENtshonalanga Kapa: Major General (Nksz) Nombuso Portia Khoza
c) EMpumalanga Kapa: Major General (Mnu) Meshack Nyameko Nogwanya
d) ENyakatho Ntshonalanga: Major General (Nksz) Linda Mbana
e) ENyakatho Kapa: Major General (Mnu) (Mnu) Kholekile Derick Galawe
f) ELimpopo: Major General (Nksz) Thobeka Hepercia Jozi;
g) EMpumalanga: Major General (Nksz) Ntombizodwa Hazel Mokoena;
h) KwaZulu Natali: Major General (Mnu) Isaiah Jabulani Zikhali;
i) EFreyistata: Major General (Nksz) Liziwe Evelyn Ntshinga

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Donald Liphoko
Inombolo yocingo: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore