Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla lu-1 nangomhla zi-2 Lwezi 2016

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo ZikaHulumeni Ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi ihalalisela uNgqongqoshe Wezezimali uPravin Gordhan kanye nethimba lakhe eMnyagweni Wezezimali Kazwelonke ngokwethula isabelomali esibhekelele yonke imisebenzi futhi esicatshangwe kahle. Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS) sihlinzeka ngethuba ezinhlanganweni zomphakathi, abasebenzi kanye nabamabhizinisi ukuthi basebenze ngokubambisana nohulumeni ukuze kufezwe izinhloso zomnotho wezwe lethu.

IKhabhinethi iyayisekela imizamo emenyezelwe ku-MTBPS ezolawula umnotho kulesi sikhathi esinzima somnotho, ukuze kufezwe ukukhula komnotho ofaka wonke umuntu kanye nokusetshenziswa ngendlela eyimpumelelo kwezinsiza zombuso.

1.2. IKhabhinethi ibonga abakhokhintela abangaphezu kwezigidi ezi-4, 5 abafake amaphepha abo entela ngeSikhathi Sentela sowe-2016 futhi ikhumbuza bonke abakhokhintela okungebona abesikhashana okusamele bafake amaphepha entela ukuthi benze kanjalo njengoba umnqamulajuqu wokuwaletha wangomhla zingama-25 Lwezi 2016 ususondela ngokushesha.

Abakhokhintela abathanda izwe labo basiza ekwenzeni ngcono izimpilo zezigidi zabantu baseNingizimu Afrika ngokubambisana nohulumeni njengoba ehlinzeka izinsiza ezidingeka kakhulu kanye nosekelo lomphakathi kuyo yonke imiphakathi.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlanganyele emizamweni yethu yokukhulisa umnotho ngokudala amathuba emisebenzi emisha, futhi basingathe isiko lokonga. Ngokusebenzisana, singaqinisekisa ukuthi sifukula umnotho.

IKhabinethi isekela ikhwelo lophenyo olusheshayo futhi oluyimpumelelo mayelana nesimo okusolakala ukuthi ngesokuthumba esenzeka Esikhungweni Sabaqoqintela SaseNingizimu Afrika. Izigameko ezinjengalezi zinomthelela ongemuhle ekuthenjweni kweziphathimandla zokusebenza kwengalo yomthetho ngumphakathi futhi kudingeka ukuba kubhekwane nazo ngokushesha.

1.3. Ukuxhasa imfundo yezikhungo eziphakeme kusalokhu kuseqhulwini kuhulumeni futhi ukwabelwa kwamanyuvesi ngezinye izigidigidi ezi-17 zamarandi eminyakeni emithathu elandelayo kuzosisiza ekutheni kwehliswe umthwalo kubafundi abantulayo abadinga imali kanye nalabo abangakufanele ukuthola uxhaso lwe-NSFAS futhi abangakwazi ukuzikhokhela ngaphandle koxhaso. Le mali izophinda iqinisekise ukuthi abanye abafundi bayakwazi ukufinyelela emfundweni ephakeme njengoba izigidigidi ezi-9.2 zamarandi zale mali zizokwabelwa i-NSFAS.

Le mali yamukelwa ngazo zombili, kodwa okubalulekile ngokushesha manje wukuqala ukufunda. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basekele yonke imizamo yokuhlenga uhlelo lokufunda lowe-2016. Manje sekuyisikhathi sokuba kuqedwe yonke imibhikisho, kubuyelwe emagunjini okufundela futhi kuphethwe unyaka wokufunda ngaphandle kokunye ukubambezeleka.

Uhulumeni ukholelwa ukuthi ukuxoxisana ukuze kuxazululwe izimfuno zabafundi kungaqhubeka ngesikhathi uhlelo lwezokufunda luqhubeka. Siyaphinda siyaliqinisekisa ilungelo lokubhikisha kodwa lokhu kumele kwenziwe ngokulandela umthetho futhi ngendlela engaphazamisi amalungelo abanye

Imizamo kahulumeni yokwenza imfundo ephakeme itholakale ivela embikweni weNhlangano Yezibalo YaseNingizimu Afrika Wezibalo Zezezimali Zezikhungo Zemfundo Ephakeme we-2015. Lo mbiko ubonisa ukuthi ukubhalisa kwabafundi Ezikhungweni Zemfundo Ephakeme kukhule ngamaphesenti anga-32,5 kusukela ngonyaka we-2006 kuze kube ngowe-2015. Phezu kwalokhu, izibonelelo zikahulumeni kazwelonke ezihlinzekwa Izikhungo Zemfundo Ephakeme zikhule ngamaphesenti ayi-144 esikhathini esiyiminyaka eyishumi kusukela ngonyaka we-2006 kuze kube ngunyaka we-2015.

Izibonelelo zikahulumeni kanye nezimali zokufunda yizo ezenza imali eningi engena emanyuvesi, kanti imali echithwa nguhulumeni yenza amaphesenti anga-43 emali engena emanyuvesi kuthi imali ekhokhelwa ukufunda yenze amaphesenti anga-34. Le miphumela ikhombisa ukuzibophezela kukahulumeni kwezemfundo futhi igcizelela ikhwelo lethu elibheke kulabo abangakwazi ukukhokha ingxenye efanele, futhi iveza ukuthi imali ekhokhelwa ukufunda isalokhu iyingxenye ebalulekile yalo lonke uxhaso.

Inqubekelaphambili yenziwe yiThimba Eliqokwe NguNgqongqoshe elajutshwa nguNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme, uBlade Nzimande, ukuthuthukisa ukwesekwa kanye nendlela yoxhaso yabasebenzi abahlwempu “abangakwazi ukuthola uxhaso lukahulumeni kodwa futhi abangakwazi ukuzikhokhela bona”. Umzekeliso oqanjwe igama elithi Ikusasa Student Financial Aid Programme (ISFAP), usudlulile ohlelweni lokudingidwa, kwafakwa nemibono ehlukahlukene, futhi kwavunyelwana nabo bonke abanthintekayo ngohlelo lokubuswa kwe-ISFAP lwangomuso. UHlelo Loxhaso Lwabafundi i-Ikusasa lwenza izincomo ezahlukahlukene njengamanje ezicutshungulwayo ukuze ziqaliswe ukusetshenziswa. Uhlelo oluhlongozwayo kanye nezincomo eziqukethwe embikweni, ngeke zixazulule izinkinga zoxhaso kuphela ezibhekene nabafundi “abangakwazi ukuthola uxhaso lukahulumeni kodwa futhi abangakwazi ukuzikhokhela bona” kodwa luzoxazulula phakathi kwezinye izinselele ezibhekene neNingizimu Afrika, kuhlanganisa;

  • Ukunciphisa amazinga aphezulu abafundi abayekayo ukufunda abahlwempu futhi abasebenzayo emkhakheni wezemfundo ephakeme noqeqesho,
  • Ukwenza ngcono amathuba okuqashwa kwabafundi abaxhaswe nguhulumeni,
  • Ukwenza ngcono amakhono ezwe,
  • Ukwenza ngcono ukubambisana phakathi komkhakha kahulumeni, umkhakha ozimele kanye nezikhungo zemfundo ephakeme ukusekela abafundi abahlwempu futhi “abangakwazi ukuthola uxhaso lukahulumeni kodwa futhi abangakwazi ukuzikhokhela bona”.

Umzekeliso we-SFAP uhlinzeka abafundi abahlwempu futhi “abangakwazi ukuthola uxhaso lukahulumeni kodwa futhi abangakwazi ukuzikhokhela bona” ngosizo lwezimali ukukhokhela zonke izindleko zokufunda. Yize uphakamisa uhlelo lwezemfundo olukhokhelwe ngokuphelele lwabahlwempu ngemifundaze noma izibonelelo, uphinda luphakamise ukunciphisa ngokuqhubekayo imifundaze nezibonelelo kubafundi “abangakwazi ukuthola uxhaso lukahulumeni kodwa futhi abangakwazi ukuzikhokhela bona” ngokukhula kweholo lomndeni futhi ubeka izimo zokuthi lokhu kungenziwa kanjani ngokunxenxa izimali kumkhakha kahulumeni nakumkhakha ozimele.

1.4. Ukwethulwa ngokusemthethweni kweNdawo Yokusekela Ukusungulwa Kwamabhizinisi Ezokuvakasha, ePilanesberg eNyakatho Ntshonalanga nguNgqongqoshe Wezokuvakasha uDerek Hanekom, kuzokwakha indlela yokungena emnothweni ngokusebenzisa amabhizinisi ezokuvakasha azinzile. Lokhu kwenza ngcono umthelela womkhakha wezokuvakasha ekwakheni umnotho ofaka wonke umuntu.

Le ndawo yokusekela amabhizinisi ehlolwayo izobhekelela ama-SMME anga-50 Esifundeni iBojanala futhi izowasekela iminyaka emithathu ukuze azinze. INdawo Yokusekela Ukusungulwa Kwamabhizinisi Ezokuvakasha ihlinzeka usekelo lwezebhizinisi kumabhizinisi ezokuvakasha

1.5. Ukwethulwa kweSizinda Sezamandla Adidiyelwe iNgwaabe mhla zi-4 Lwezi 2016 nguMnyango Wezamandla, ngokubambisana nokusetshenziswana nabo kuyigxenye yohlelo lokusungula Izizinda Zezamandla Ezididiyelwe ezindaweni zabahlwempu. Le ndawo equkethe zonke izinto eziphathelene namandla ihlinzeka ukufinyelela kuzinsiza zezamandla eziphephile futhi ezingabizi emindenini ehlwempu. Phezu kwalokhu, ihlinzeka ulwazi ngokusetshenziswa kwemithombo yezamandla ngokuphepha, ngempumelelo ngendlela ezinzile emvelweni. Sifukula nomkhakha wama-SMME futhi sikhulisa namathuba emisebenzi ngokusebenzisa amabhizinisi emkhakheni wezamandla.

1.6. UMbukiso Nomhlangano i-Windaba ozobanjwa kusukela zi-2 zize zibe zi-4 Lwezi 2016 eSizindeni Semihlangano Yomhlaba SaseKapa ngaphansi kwengqikithi ethi "Sibheke Ekusebenziseni Izinto Kabusha oku-100%" futhi kuqinisa izinhlelo zikahulumeni zokusebenzisa amandla akhiqizwe ngezinto ezisebenziseka kabusha. Ihlanganisa bonke ababambe iqhaza kuchungechunge lokukhiqiza ugesi ophehlwa ngomoya ezwenikazi lase-Afrika futhi kakhulukazi eNingizimu Afrika. Ngaphezu kwalokhu, I-11th Annual 2016 Southern African Energy Efficiency Convention  kusukela zi-8 zize zibe yi-9 Lwezi 2016 e-Emperors Palace, eGoli izogxila emkhakheni  wezamandla.  Izindawo okuzogxilwa kuzo kubandakanya ezokunjiniyelwa kwamandla, ukwenziwa ngcono ukusebenza kwamandla, ukuphathwa kwezakhiwo nezikhungo, amandla akhiqizwa ngezinto ezisebenziseka kabusha nangolunye uhlobo, ukukhiqiza amandla ngokubambisana, ukuphehlwa kwamandla, izinsiza zikagesi kanye nokuzinza.

1.7. Namhlanje, uMongameli uJacob Zuma uzoba ngusihlalo noMongameli uRobert Mugabe Ehlandleni Lokuqala leKhomishana Yamazwe Amabili phakathi kweZimbabwe-neNingzimu Afrika.

Injongo enkulu wukujulisa ubudlelwane bala mazwe kanye nokubambisana phakathi kwamazwe amabili nokuqinisa nokuthuthukisa amathuba akhona okubambisana emkhakheni wezohwebo, ukutshalwa kwezimali, ezezimayini, ezamanzi, ezamandla, ezokuthuthukiswa kwengqalasizinda, ezokuthutha, kanye neze-ICT, phakathi kokunye.

Kuze kube yimanje, lawa mazwe womabili asayine Amamemorandamu Okusebenzisana Nezivumelwano ezi-38, ezihlanganisa phakathi kokunye, ukuhweba kanye nokutshalwa kwezimali, izindaba zofuduko kanye nezinsiza zamanxusa, ezokuvikela, ezolimo, ezemvelo, ezamandla, ezempilo, kanye nezobuciko namasiko.

1.8. Ukusingathwa ngempumelelo koMcimbi Waminyakayonke Wokuhlanganyela Kwamanxusa  osingathwa nguMnyango Wobudlelwano Bamazwe Omhlaba Nokubambisana nesikhungo i-Proudly South  Ezindlini Zombuso mhla zi-29 Mfumfu 2016 ePitoli kusebenza njengenkundla ebalulekile yokufundisa umphakathi jikelele ngezamaqhinga okuxoxisana kwamazwe kanye nezinhloso zenqubomgomo yezangaphandle yeNingizimu Afrika. Lo mcimbi uhlanganisa amanxusa, okhomishana abakhulu kanye nezinhlangano zomhlaba ezigunyazwe ukusebenzela eNingizimu Afrika ukuthi bakhombise futhi bakhuthaze ezobudlelwane bamazwe kwezamasiko ngokusebenzisa ubuciko, umculo kanye nokudla okuphekiwe okuvela emhlabeni jikelele. Zingaphezu kwama-60 izindlu zamanxusa kanye namabhizinisi amaningana akhombise ngemikhiqizo yawo kanye namathuba kulo nyaka.

2. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

2.1. Umhlangano Wekhabhinethi Okhethekile wangomhla lu-1 Lwezi 2016, wathola umbiko wenqubekelaphambili mayelana nomsebenzi Wekomidi LoNgqongqoshe Elibhekelele Ukuhlelwa Kabusha Kwezinkampani Zombuso (i-SOC), usihlalo wawo Iphini LikaMongameli, uCyril Ramaphosa
Lokhu kuvela ekuqalisweni kokusetshenziswa kwezincomo ezamukelwa yiKhabhinethi zeKhomishana KaMongameli Yokubuyekezwa kwama-SOC yowe-2010. IKhabhinethi iyaqinisekisa indlela yokuqalisa ukusebenzisa lezi zincomo.

IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi zonke izikhungo zikahulumeni kumele zisebenze ngempumelelo, futhi zizinze ngakwezezimali.

Kuthathwe izinyathelo eziningi ukulandela izinhloso zenqubomgomo eyinsika yokuqinisa ama-SOC ukuze akwazi ukuhlangabezana nezinhloso zawo zentuthuko.

  • IKhabhinethi yamukele Uhlaka Lomkhakha Ozimele lokwakha ingqalasizinda oluzolawula ukubambisana phakathi kwama-SOC nomkhakha ozimele.
  • IKhabhinethi yamukele umhlahlandlela wokuholelwa namazinga okuhlonyuliswa kwabaqondisi bama-SOE.
  • IKhabhinethi ivume umhlahlandlela osabalele wokuqokwa kwezigungu kanye nezikhulu eziphezulu, nozothathelwa uhlelo lokuxoxisana ngawo nguMnyango Wemisebenzi Kahulumeni Nokulawulwa Kwayo nezifundazwe kanye nomasipala ngaphambi kokuba ugunyazwe yiKhabhinethi.
  • Uhlaka lokuqala lwenqubomgomo entsha kahulumeni nokusetshenziswana nabo lwaphakanyiswa ukuthi kuphinde kuxoxiswane ngalo. Lokhu kuzoholela ekumenyezelweni komthetho wama-SOC ophelele.
  • UMnyango Kazwelonke Wezezimali uthuthukise isiphakamiso sokunquma kanye nezindleko zegunya lezentuthuko lezinkampani zombuso, ukuthulwa kwale ndlela kuzosiza ukwenza kuphumelele imisebenzi yezokuhweba naleyo okungeyona eyokuhweba yama-SOC.

Lokhu kubeka ama-SOC esimweni esingcono sokuba nomthelela ekuqalisweni kokusetshenziswa koHlelo Lukazwelonke Lwezentuthuko: ukwakha ingqalasizinda, ukukhulisa umnotho, ukusabalalisa imboni, ukusiza ekuthuthukiseni amakhono antulekayo, ukwakha amathuba emisebenzi kanye nokufeza ezinye izinhloso zezinguquko.

IKhabhinethi ivume Uhlelo Lukagesi Oludidiyelwe (i-IEP) ukuthi lushicilelwe ukuze umphakathi udingide ngalo ukunikeza labo abathintekayo kanye nalabo abanentshisekelo ithuba lokuthi baxoxe ngalo. I-IEP isuselwe kuMthetho Wezamandla Kazwelonke, we-2008 (Umthetho wama-34 we-2008). Ihlose ukunikeza umhlahlandlela mayelana notshalomali lwangomuso kungqalasizinda yezamandla kanye nokuthuthukiswa kwenqubomgomo ezoshintsha ezamandla zangomuso zaseNingizimu Afrika.

Ukuhlelwa Kwezamandla okudidiyelwe kuyadingeka ukuqinisekisa ukuthi izidingo zezamandla zamanje nezangomuso kungahlangatshezwana nazo ngendlela eyimpumelelo futhi ehlomulisa umphakathi, ngesikhathi esifanayo kulawulwa izindleko zomnotho, kufezwe izinhloso zikazwelonke njengokuqeda ububha kanye nokwakha amathuba emisebenzi kanye nokunciphisa umthelela emvelweni.

I-IEP ihlinzeka umbono wesikhathi eside wokuthi iNingizimu Afrika ingawusebenzisa kanjani ugesi kangcono njengendlela yokuthi ihlale ikwazi ukuncintisana, nokudinga ukuguquka endleleni okusetshenziswa ngayo izinsiza ezihlukahlukene zezamandla.

2.2. IKhabhinethi isichibiyele isinqumo sayo sangomhla zi-10 Nhlangulana 2015 sokukhetha Inhlangano Yezamandla Enuzi YaseNingizimu Afrika njengeNhlangano ezoqalisa ukusetshenziswa koHlelo Olwakhiwe Kabusha Lwenuzi. Lesi sinqumo, ngalesi sikhathi, sasivumela u-Eskom ukuba ugxile kumaphrojekthi aseMedupi, eKusile kanye nase-Ingula kanye nezinselele zikagesi ebelibhekene nazo izwe.

IKhabhinethi iqoke u-Eskom njengoMnikazi Olawulayo kanye noMthengi Weziteshi Zokuphehla Ugesi Wenuzi ngokuhambisana neNqubomgomo Kagesi Wenuzi yowe-2008. U-Eskom usuqede iminyaka engaphezu kwengama-30 ulawula ngokuphepha Isiteshi sokuphehla Ugesi Wenuzi i-Koeberg, futhi ibilokhu ithuthukisa Ukuhlolwa Komthelela Emvelweni kanye neMibiko Yokuphepha Kwendawo Yenuzi ukubheka ukuthi zingakhiwa yini ezinye iziteshi zenuzi kusukela ngo-2007.

IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukuqokwa kweNhlangano Elawula Ugesi Wenuzi yaseNingizimu Afrika njengoMnikazi Olawulayo futhi uMthengi we-Nuclear Fuel Cycle and Multi-Purpose Reactor.

Umnyango uzoqhubeka nokusebenza ngegunya lawo njengomnyango obeka izinqubomgomo futhi olawula Izinhlelo Zenuzi.

2.3. IKhabhinethi yaziswe ngenqubekelaphambili mayelana nezakamumva ngoHlelo Lwezinsiza Oludidiyelwe (i-IRP) futhi yakwamukela ukuthi kuxoxiswane nomphakathi mayelana nalokhu kanye nemicabango.

Kusukela nge-IRP 2010-30 kube nezinto eziningi ezenzekayo ezithinta umkhakha wezamandla. Uhlelo lokulungisa i-IRP lulinganisa izinhloso eziningana ukuqinisekisa ukuvikeleka kokuphakelwa kwamandla ukuze kuncishiswe izindleko zikagesi, ukukhuthazwa kokwakhiwa kwamathuba emisebenzi kanye nokwenza izinto ezifanele isimo sendawo, ukunciphisa imithelela emibi kwezemvelo, ukunciphisa ukusetshenziswa kwamanzi kanye nokuhlukahlukanisa imithombo.

Impumelelo yokuqala okungukuphothulwa kokuhlanganiswa kwemicabango ezosetshenziswa ku-IRP sekuphothuliwe, kuncike ekuxoxisaneni nomphakathi. Impumelelo yesibili ukuthuthukiswa kwesimo esilindelekile nokuwuhlelo lwezindleko seluphothuliwe. Impumelelo yesithathu okungukuhlaziywa kwesimo kuyaqhubeka. Kanti impumelelo yesine, ukuguqulwa kwenqubomgomo.

2.4. IKhabhinethi yaziswe ngezakamumva mayelana nesimo sayo sezokuxoxa eNhlanganweni Yomhlaba Elawula Ezokuhweba futhi yavumelana ngesidingo sokuthuthuka kugxilwe ohlelweni lokusebenza langemumva komhlangano waseNairobi futhi ukulungiselela Umhlangano Weshumi Nomuvo WoNgqongqoshe ozosingathwa yi-WTO (i-MC11) ozobanjelwa e-Argentina ngoZibandlela 2017.

Lokhu kuhambisana nezinhloso zoHlelo Lukazwelonke Lwezentuthuko lokuthuthukisa izimpendulo zenqubomgomo ezifanele endaweni yomhlaba eguquguqukayo.

2.5. IKhabhinethi ibikeliwe ngezinqumo ezithathwe emhlanganweni woMkhandlu Wokulawula Oholwa NguMongameli owabanjwa mhlaka zi-11 Ndasa 2016. Lesi yisigungu esisungulwe ngokoMthetho Owumhlahlandlela Wobudlelwano Phakathi Kohulumeni, we-2005 (Umthetho we-13 we-2005), ohlanganisa amazinga omathathu kahulumeni ezindabeni eziwathinta wonke amazinga futhi ezibalulekile zezwe ngenhloso yokuqinisa ukubusa ngokubambisana.

Izindaba ezidingidiwe kubandakanya: ukuqaliswa kokusetshenziswa koHlelo Lokuthi Azibuyele Emasisweni, umbiko wenqubekelaphambili mayelana nokubunjwa komasipala abaklanywe kabusha; impendulo kahulumeni ngesomiso kanye nokuswelakala kwamanzi; kanye nokubuyekezwa kweMithetho Yokufuduka YaseNingizimu Afrika, yowe-2014.

2.6. IKhabhinethi ivume ukushicilelwa kohlaka loMthetho Ohlongozwayo Wezinsiza Zezicimamlilo ukuze umphakathi uphawule ngalo. Ubalula iziphakamiso ezibalulekile zenqubomgomo kanye nokungakhethwa okwakha isisekelo somthetho wemisebenzi yezicimamlilo obuyekeziwe ozothatha isikhundla soMthetho Wemisebenzi Yethimba Lezicimamlilo ongasasebenzi, we-1987 (uMthetho wa-99 we-1997).

Lokhu kuhambisana noHlelo Lokuthi Azibuyele Emasisweni, ngokubeka isibopho kwabemisebenzi yezicimamlilo ukuthi bahlale bexoxisana nemiphakathi abayisebenzelayo ukuze basebenzisane ukuze banciphise izingozi zomlilo kanye nokuqinisekisa amaqhinga anele okuphendula kanye nezinhlelo zokuphendula ezingozini zomlilo kanye nokuhlobene nakho ngokushesha nangempumelelo.

UMthetho Ohlongozwayo uguqula imisebenzi yabezicimamlilo isuka kuleyo emayelana nokuphendula kuzigameko zomlilo ibe yileyo enciphisa ubungozi bomlilo. Lokhu kunomthelela kumisebenzi yezicimamlilo nokuphathwa kwezinhlekelele okudidiyelwe okuyimpumelelo, ngokubeka ukuphepha emlilweni nokuvinjelwa kwawo, kakhulukazi ukuncishiswa ngobungozi bomlilo oqubuka emiphakathini, esikhungweni sokulethwa kwezinsizakalo zezomlilo okuyoba nomthelela obonakalayo ekwakhiweni kwemiphakathi ephephile njengoba kubekiwe oHlelweni Lukazwelonke Lwezentuthuko.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Isikhwama Sezingozi Zasemgwaqweni. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela Umthetho Wesikhwama Sezingozi Zasemgwaqweni, we-1996 (Umthetho wa-56 we-1996) ohlinzekela ukukhokhwa kwesinxephezelo ngokulahlekelwa noma umonakalo obangelwe ukushayela imoto kabi.

UMthethosivivinywa uhambisana noHlelo Lukazwelonke Lwentuthuko kanye noMphumela we-13 ohlinzeka uhlelo lokuvikelwa komphakathi olufaka wonke umuntu futhi olubhekelela izinkinga zomphakathi ngokuqinisekisa ukulethwa kwezinsiza ngempumelelo kanye nokungenelela ngezokwelapha kusenesikhathi ukusiza ngokwelulama ukuze kubuyelwe emisebenzini, kanye nomshwalense walabo abangekho ephutheni ukwethula umthwalo wezezimali kulabo abasesimweni esingesihle.

4. Imicimbi ezayo

4.1. Amalungu Esigungu kuwo wonke amazinga kahulumeni amathathu azoxoxisana nezakhamuzi zaseNingizimu Afrika izwe lonke ngeSonto Likazwelonke Lezimbizo phakathi komhla zi-7 zize zibe mhla zi-11 Lwezi 2016, ngaphansi kwengqikithi ethi “Ngokuhlanganyela siqhubezela iNingizimu Afrika phambili: “Ingomuso lethu – asilenze lisebenze”. IKhabhinethi igqugquzela zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zibambe iqhaza ngendlela ebonakalayo kule micimbi futhi zixoxisane neziphathimandla zezombusazwe, njengezakhamizi ezinolwazi futhi ezibamba iqhaza kubalulekile ukufeza Umbono we-2030, woHlelo Lukazwelonke Lwentuthuko (i-NDP). Uhlelo Lweviki Lwezimbizo luyatholakala kule webhusayithi www.gov.za.

4.2. INingizimu Afrika igubha Inyanga Kazwelonke Yokuqwashisa Ngamalungelo Abakhubazekile ngaphansi kwengqikithi ethi: “Abantu abanokukhubazeka – ababambiqhaza abalinganayo ekubumbeni ingomuso elizinzile” kusukela mhla zi-3 Lwezi futhi iphetha ngoSuku Lomhlaba Lwabantu Abanokukhubazeka, mhla zi-3 Zibandlela 2016.  
Uhlelo lwenyanga yonke luzosetshenziswa ukuvukuza umphakathi kanye nalabo abathatha izinqumo ukuthi benze isiqinisekiso sokuthi abantu abakhubazekile bafinyelela kuzo zonke izinto ngendlela elinganayo. Izinhlelo zizophinda ziqwashise ngokubamba iqhaza kwabantu abakhubazekile ekubumbeni imiphakathi ezinzile futhi ebumbene. Ulwazi ngamalungelo abantu abakhubazekile luzokwenziwa lutholakale ukusekela ukufukulwa kwabo.

IKhabhinethi inxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zilwele amalungelo nezinga lempilo labantu abakhubazekile ngokuhambisana nokuzibophezela kwethu oHlelweni Lukazwelonke Lwezentuthuko ukukhuphula ukufinyelela kuzinsizakalo, kakhulukazi imfundo esezingeni elifanele kanye nokuqashwa kwabantu abakhubazekile.

4.3. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele umkhankaso wezinsuku eziyi-16 Wokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane. INingizimu Afrika yaqala lo mkhankaso ngonyaka we-1998 njengelinye lamaqhinga okungenelela emizamweni yokwakha umphakathi ongenalo udlame.

Umkhankaso wezinsuku eziyi-16 ngumkhankaso womhlaba obanjwa minyakayonke mhla zingama-25 Lwezi zize zibe mhla zi-10 Zibandlela. Umkhankaso uhlose ukuqwashisa abantu baseNingizimu Afrika mayelana nomthelela ongemuhle wodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Uphinda unxuse wonke umuntu ukuthi alwe nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane.

4.4. IKhabhinethi igunyaze igunya lokuxoxa leNingizimu Afrika ukuthi lisebenze njengesisekelo sokubamba iqhaza eHlandleni lama-22 loMhlangano Wezingxenye Ezibambe iqhaza Kumhlahlandlela Wenhlangano Yezizwe Wesivumelwano Sokuguquka Kwezulu (i-COP22), kanye neHlandla le-12 loMhlangano Wezingxenye osebenza njengoMhlangano Wezingxenye Zesivumelwano SaseKyoto (i-CMP12), ozobanjwa mhla zi-7 zize zibe yi-18 Lwezi 2016 eBab Ighli, eMarrakech, eMorocco.

Isimo sokuxoxa sihambisana noHlelo Lukazwelonke Lwezentuthuko olukhuthaza ukuzinza kwemvelo kanye noMthethosisekelo, obeka ukuthi imvelo kumele ilondolozelwe isizukulwane samanje nesizayo.

5. Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Eziqavile

5.1. Isinqumo soPhiko Lukazwelonke Lwezokushushisa (i-NPA) lokuhoxisa amacala okukhwabanisa abebekwe uNgqongqoshe Wezezimali uPravin Gordhan siphetha lolu daba futhi sivumela izwe ukuba libhekise yonke imizamo ekufukuleni umnotho, ukubuyisa ukuzethemba kwabatshalizimali kanye nokugwema ukwehliswa yizinhlangano zamazwe ngamazwe ezibuyekeza futhi ziklelise iminotho yamazwe omhlaba.

5.2. IKhabhinethi ithiwe fahla fahla ngomthelela wesomiso ekuphakelweni kwamanzi eNingizimu Afrika ngokugxila kakhulu eGauteng ephakelwa ngamanzi kusukela ohlelweni Lokuphakela Amanzi Oludidiyelwe Lwasemfuleni i-Vaal.

INingizimu Afrika ithole imvula encane kusukela ngowe-1904 (iminyaka eyi-114) namazinga okushisa aphakeme ngokwedlulele okuhlangatshezwane nawo ngoMfumfu nangoLwezi 2015. Lokhu kube nomthelela ongemuhle ekuphakelweni kwamanzi ngamazinga aphakathi kazwelonke amadamu encipha nga-48.4% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule ngesikhathi amazinga ayekuma-66,6%. Namanje sisesesimweni esiphakathi nendawo futhi makhulu amathuba wokuthi singathatha isikhathi esithe xaxa ukuthi amadamu abuyele esimweni esijwayelekile. Kungathatha iminyaka okungenani emibili kuya kwemithathu ukubona ukubuyela esimweni esijwayelekile esibonakalayo somthamu wamadamu futhi lokhu kungenzeka kufinyelele eminyakeni emihlanu. Ngakho-ke, sisazothatha isikhathi eside ukuthi sibuyele esimweni esijwayelekile.

Ngokuphathelene noHlelo Lokuphakela Amanzi Oludidiyelwe Lwasemfuleni i-Vaal  oluhlanganisa amadamu ayi-14 aphakela amanzi esifundazweni saseGauteng, njengamanje uhlelo luku-49,1% uma kuqhathaniswa na-67,9% ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Lolu hlelo luphinda luhlinzeke ngamanzi eziteshini eziphehla ugesi eziningi zakwa-ESKOM ezisebenzisa amalahle, i-SASOL, abasebenzisi benkasa kanye nasezimayini nezimboni eMpumalanga nesifundazwe saseMpumalanga, eNyakatho Ntshonalanga, eFreyistata naseNyakatho Kapa, ngaleyo ndlela lusekela cishe ama-45% omnotho wezwe kanye nabantu aba-35%. Ama-80% amanzi asuka ohlelweni lwe-Vaal asetshenziswa emakhaya. Leli sekuyisonto lesithathu lolu hlelo lungaphansi kwa-50% kulesi sikhathi sesomiso. Idamu i-Vaal njengamanje limi kuma-26.4%, iDamu iKatse limi kuma-38,4%, iDamu iSterkfontein limi kuma-91,5% kanti idamu iGrootdraai limi kuma-66,3%. Kubekwe imikhawulo yama-15% ekusetshenzisweni kwamanzi ezindaweni zasemadolobheni nama-20% okuchelela eshicilelwe kuGazethi Kahulumeni mhla zi-12 Ncwaba. Le mikhawulo iphoqelekile kuwo wonke umuntu.

Kubunjwe iThimba Elijutshwe Ukwenza Umsebenzi Ophathelene Nokuqapha ukuqaliswa kokusetshenziswa kwemikhawulo. Inkampani yakwa-Rand Water ingumphakeli omkhulu wamanzi ahlanzekile eGauteng kanti umkhawulo wukunciphisa ukuphakelwa kwamanzi aqhamuka enkampanini yakwaRand Water ngamalitha ayizigidi ezi-687 ngosuku. Bonke omasipala abaphakelwa yile nkampani banikezwe imikhawulo ethile ukuthi bahlangabezane nayo mayelana nokunciphisa ukusebenzisa kwabo amanzi. Indlela yokuqala ekhuphuka kancane ngokunciphisa kancane kancane ukuphakelwa kwamanzi, kuqalwa ngama-5% futhi akhuphuke kancane kancane kuya ku-15% ngokulawula amavalvu amakhulu. Kusukela mhla zi-3 Mfumfu sisebenzisa umkhawulo oncike emthamini.

Kubalulekile ukuthi bonke abasebenzisi bamanzi bathobele imikhawulo ukuze siqiniseke ukuthi singakwazi ukusebenzisa imithombo yethu yamanzi isikhathi esithe xaxa. Isifundazwe saseGauteng simisa isikhungo esaziwa ngokuthi yi-Joint Operations Centre (i-JOC) ukuqapha kanye nokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemikhawulo. Bonke oMasipala nabo bayalelwe ukuthi bamise izikhungo zokusebenzela ngokushesha futhi baqinisekise ukuthi ukuxhumana nabasebenzisi bamanzi kwenziwa ngcono.

IDamu iVaal lizogcinwa liku-25% futhi lokhu kuzofezwa ngokudlulisela amanzi kusukela edamini iSterkfonteini. Lokhu kubalulekile ukuvikela ukuphakela amanzi aphakelwa u-ESKOM, iRand Water ne-SASOL. Ukuvulelwa kwamanzi kuzoqala mhla zi-7 Lwezi futhi kuqhubeke isikhathi esiyizinsuku ezinga-54 zize zibe nga-30 Zibandlela. Ukuvulelwa kwamanzi okuncane okuhleliwe kuleli zinga ngokwezigidi ezi-190 zama-cubic metres amanzi nokuzokwehlisa amanzi edanyini iSterkfontein cishe ngama-7%. Ukuvulelwa kancane kwenzelwa ukunciphisa noma yibuphi ubungozi emiphakathini esezansi nomfula iSterkfontein kanye nokunciphisa umonakalo osebeni lwemifula esinesikhathi eside yomile.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise amanzi kahle futhi bawonge. Bonke abasebenzisi bamanzi kumele bathobele imikhawulo ebekiwe yamanzi lapho esetshenziswa khona, futhi baqhubeke bonge amanzi, ngokubambisana nomasipala. Uhulumeni wenza konke okusemandleni akhe ukuvimbela lezi zimo ezikhona njengamanje futhi usebenzisana nabo bonke abathintekayo ezindaweni ezikhahlamezwe yisomiso.

5.3. USihlalo Wekhomishana Yenhlangano Yamazwe Ase-Afrika, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma usingathe ukuxoxisana phakathi kwabaHleli base-Afrika kanye naBabhekelele Izindaba Kohulumeni abaqhamuka kuwo wonke amazwe angamalungu eNhlangano Yamazwe Ase-Afrika anga-54, ngaphansi kwengqikithi ethi "Ukugxilisa Indaba ye-Afrika kanye Namandla Okufeza Uhlelo lwe-2063". Uhlelo lwe-2063 lunxusa zonke izingxenye zomphakathi wase-Afrika kanye nalabo base-Afrika abakwamanye amazwekazi ukuthi basebenze ngokubambisana ukwakha i-Afrika eqhakazile futhi ebumbene eyakhelwe phezu kwamagugu afanayo kanye nengomuso elifanayo.

Ababambiqhaza babheke indlela esihanjwe yiNhlangano Yamazwe Ase-Afrika eminyakeni emine edlule, bathola ukuqonda okungcono ngoHlelo lwe-2063 nokuthi abezindaba base-Afrika bangaba kanjani phambili ekuqhubeni nasekudumiseni lolu hlelo. Indima yokubika ngendlela eyiyo ekubumbeni indaba yase-Afrika kanye nokulwela ubunikazi bemithombo yezindaba phakathi kwabantu base-Afrika nakho kwadingidwa.

5.4. IKhabhinethi ihlanganyela ekugujweni kwempilo nesikhathi sika-OR Tambo njengokubonakalisa inhlonipho nokubonga ngendima ayidlala ukuqhuba uhlelo lweNingizimu Afrika engacwasi ngobuhlanga, engacwasi ngobulili, ebuswa ngentando yeningi futhi eqhakazile. UMnyango Wezobuciko Namasiko kakade usuqalile ukuhlela imibungazo ka-OR Tambo Yeminyaka Eyikhulu ngonyaka we-2017.

IKhabhinethi ihalalisela laba abalandelayo:

5.5. IMamelodi Sundowns eyizingqwele ezintsha zebhola lase-Afrika ngemuva kokunqoba i-Confederation of African Football Champions League. IKhabhinethi ibonga bonke abalandeli kanye nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokusekela leli qembu, elenze iNingizimu Afrika yaziqhenya. ISundowns ijoyine elinye iqembu laseNingizimu Afrika, i-Orlando Pirates eyanqoba umqhudelwano wamaqembu ase-Afrika omkhulu ngowe-1996 ukutholela leli lizwe inkanyezi yokuqala kulo mncintiswano.

5.6. Abanqobile ku-14th Annual Centre for Public Service Innovation Public Sector Innovation Awards abazodlulela phambili beyoncintisanela Indondo Yonyaka Yokusungula Emkhakheni Kahulumeni. Le miklomelo ikhuthaza futhi igqugquzele ukusebenza ngendlela ekusunguleni emkhakheni kahulumeni kanye nokugubha impumelelo yabantu kanye namaqembu kuwo wonke amazinga kahulumeni. Isebenza njengethuluzi lokukhulisa ukusungula kanye nokukhuthaza abanye ukuthi basungule ukuze kuhanjiswe izinsiza ngendlela eyenziwe ngcono.

IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo kulaba abalandelayo:

5.7. Emndenini nabangani bowayeyiPhini LikaNgqongqoshe Wokuthuthukiswa Komphakathi, uNkz Bongi Maria Ntuli owasebenzela abantu futhi eyisishoshovu esizinikele sezobulili.

5.8. IKhabhinethi ijoyina uMongameli ekudluliseleni amazwi enduduzo emndenini nakubangani boMthwebulizithombe Oyintatheli, uMnu Juda Ngwenya wemifanekiso ebhale umlando wethu futhi yasiphoqa ukuthi sixoxisane ngenhlalonhle yezwe lethu kanye nezwekazi lase-Afrika.

5.9. Emndenini kanye nabangani baka-Abrama Thuri Phago oshone ngesikhathi kushayisana izitimela ezimbili kwimbaxa yemizila eduze kwaseTembisa eGoli futhi lifisela bonke labo abalimele ukululama okusheshayo. UMnyango Wezokuthutha uzosebenzisana ne-Prasa kanye Nomlawuli Wezokuphepha Kwezithuthi Zojantshi ukusheshisa Isigungu Sophenyo esizokwenza uphenyo oluphelele ukuthola imbangela yengozi ukuvimbela ukuphindeka kwengozi efana nale ebulalayo.

5.10. Emndenini womholi wabafundi baseNyuvesi Yezobuchwepheshe iTshwane uLesego Benjamin Phehla oshone ngenxa yengozi eSoshanguve.

5.11. Ebantwini baseCameroon kulandela ingozi yesitimela phakathi kweYaoundé neDouala ebulale abantu aba-79. IKhabhinethi ifisela amakhulu abantu abalimele ukululama ngokushesha.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1. Ukwelulwa kwenkontileka kaDkt Sam Makhudu Gulube njengoNobhala Wezokuvikela.

6.2. UMnu ZU Dangor njengoMqondisi Jikelele eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi

6.3. UMnu Robert D Nkuna esikhundleni sokuba nguMqondisi Jikelele eMnyangweni Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi

6.4. UDkt Thulani Dlamini njengeSikhulu Esiphezulu eMkhandlwini Wezesayensi kanye Nocwaningo Lwezezimboni.

6.5. Inhlangano Eyaba Imali Yezobuciko, Amasiko, Amagugu Kazwelonke, Ezomlando, Ezemvelo, Ezamasiko kanye Nezakhiwo yeBhodi Lekhomishana Kazwelonke Yelotho:
a) UNksz Marjorie MM Letoaba (USihlalo);
b) UMnu Thendo Resnic Ramagoma (Iphini Likasihlalo);
c) UMnu Thanduxolo Lungile;
d) noMnu Sershan Theeyaagaraj Naidoo.
6.6. Isigungu Sabalawuli seThrasti Yezentuthuko Ezimele:
a) USolwazi Somadoda Fikeni (USihlalo);
b) UNksz Nomvula Rakolote (Iphini Likasihlalo)
c) UMnu Theo Charl Adam;
d) UMnu Siyaduma Biniza;
e) UNksz Phelisa Nkomo;
f) UNksz Andani Amandaline Makhado;
g) UNksz Octavia Matshidiso Matloa;
h) UMnu Tlhotse Enoch Motswaledi;
i) UMnu Rashid Amod Sadeck Patel;
j) UDkt Lulama Zitha;
k) UMnu Zakhele Alex Tummy Zitha;
l) noDkt Gcwalisile Cynthia Zulu-Kabanyane.

Imibuzo:
Donald Liphoko
Inombolo yokuxhumana: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore