Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana nezinyathelo zeNingizimu Afrika zokulwisana nobhubhane lwegciwane le-Corona

Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana nezinyathelo zeNingizimu Afrika zokulwisana nobhubhane lwegciwane le-Corona, E-Union Buildings, e-Tshwane

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kuleli viki, izwe lethu lifike emzuzwini odabukisayo futhi obuhlungu impela ekukhuleni nokubhebhetheka kobhubhane lwegciwane le-corona, njengoba isibalo sabantu asebeshonile ngenxa yalesi sifo sikhulile safinyelela kuma-219.

Umphefumulo ngamunye olahlekayo ufikiselana usizi nomunyu omkhulu.

Laba bantu abangama-219 abashonile bebenemindeni, benabantu abathembele kubona nababondlayo, benabangani futhi benozakwabo abebesebenza nabo.

Balahlekelwe yimiphefumulo yabo singakafiki isikhathi ngenxa yaleli gciwane eselidale umonakalo omkhulu kubantu kanye nasemnothweni emhlabeni wonke jikelele.

Ekuqopheni nokubika kwethu izibalo zansuku zonke zabantu abasha asebathelelekile, abashonile kanye nalabo esebeluleme –– kunokwenzeka ukuthi kalula nje sizithole sesikhohlwa ukuthi phela lokhu esibika ngakho yizimpilo zabantu.

Leli gciwane le-corona aligcini nje ngokukhahlameza impilo yabantu bakithi, kodwa futhi liwaphazamisile kakhulu namandla abantu bakithi okuziphilisa, okuzitholela okuya ngasethunjini, bona nemindeni yabo, okufunda nokuthuthuka kanye nokuthokozela izinkululeko eziningi eziyisisekelo futhi nsuku zonke okuyizinkululelo esizithatha kalula nje.

Kusihlwa nje, masibakhumbule sibabeke emicabangweni yethu kanye nasemikhulekweni yethu bonke labo abahaqwe yigciwane le-corona, bonke labo esebelahlekelwe ngabantu ababathandayo kanye nalabo abadlule ebunzimeni obukhulu – ngokunjalo futhi nalabo abasabhekene nobunzima obukhulu – ngenxa yalolu bhubhane lwesifo.

Cishe sekuphele amaviki ayisikhombisa saqalisa inqubo yokuvalwa kwezwe lonkana.

Kulesi sikhathi, abantu baseNingizimu Afrika babonise isibindi esikhulu, namandla okubhekana nobunzima futhi babonise nokuziphatha okuhle nolungileyo kanye nokwenza izinto ngendlela efanele.

Ngiyaphinda futhi ngiyanibonga ngokuzinikela nokuzidela kwenu esenikubonisile kuze kube manje.

Ngithanda ukusho, njengoba ngishilo futhi ngaphambilini, ukuthi nakuba ukuvalwa kwezwe sekudonse isikhathi eside futhi sekusikhahlameze kakhulu, bekuyinto obekudingekile impela ukuthi siyenze.

Ngaphandle kokuvalwa kwezwe isibalo sabantu abahaqwe yigciwane le-corona besizokhula ngendlela engalawuleki, izikhungo zethu zezempilo bezizozithola zibhekene nomthwalo ongaphezu kwamandla azo futhi bayizinkulungwane ngezinkulungwane abantu baseNingizimu Afrika abebezolahlekelwa yizimpilo zabo.

Kusukela ekuqaleni, izinyathelo esizithathile beziholwa yizeluleko ezivela kongoti abaphuma phambili emhlabeni, okungongoti bakuleli lengabadi kanye nongoti abavela emhlabeni wonke jikelele.

Sihlomulile futhi nasosizweni nezeluleko ezivela eNhlanganweni Yezempilo Emhlabeni.

Futhi silutholile ulwazi olunzulu kanye nezifundo ezibaluleke kakhulu ezigamekweni ezidlule kuzona ezinye izizwe.

Futhi sekube nezibikezelo-manani eziningana ezenziwe ezibonisa ukuthi lesi sifo besizodlondlobala kangakanani ukube asisukumelanga phezulu sathatha izinyathelo ezinohlonze.

Njengoba siqhubeka nokuthola imininingo engeziwe, izibikezelo-manani nazo ziyaguqulwa ukuze zibonise ulwazi lwakamuva futhi olunembayo.

Isilinganiso esihle kakhulu esikhona njengamanje, sibonisa ukuthi ukube asisithathanga isinqumo sokuvala izwe kanye nezinye izinyathelo esizithathile ngabe njengamanje okungenani sebeyizi-80 000 abantu baseNingizimu Afrika asebehaqekile.

Futhi isibalo sabantu abashonile bekungenzeka siphindaphindeke okungenani kasishiyagalombili uma kuqhathaniswa nesibalo salabo asebeshonile kuze kube manje.

Njengamanje, eNingizimu Afrika bangama-219 abantu asebeshonile ngenxa yalesi sifo.

Uma lokhu kuqhathaniswa nesigaba esifanayo sokukhula nokubhebhetheka kwalesi sifo, eMelika bangaphezu kwezi-22 000 abantu asebeshonile kanti e-United Kingdom khona bangaphezu kwezi-19 000 asebephangelele.

Akumele neze sikhohlwe ukuthi injongo yokuvalwa kwezwe kwabe kungukubambezela ukusabalala kwegciwane kanye nokuvimbela ukukhula ngamandla kwesibalo sabantu asebethelelekile.

Kuze kube manje, siphumelelile ukufeza lokhu ngenzinyathelo esizithathile njengabantu baseNingizimu Afrika, nangezindlela esizisebenzisile ukubhekana naleli gciwane.

Isilinganiso sabantu abathethelelekile abahlonzwe ekuhlolweni okwenziwe – okubizwa ngezinga lokuhaqeka kwabantu – sisalokhu siphansi futhi sibonisa uzinzo.

Izinga-silinganiso labantu osekuqinisekisiwe ukuthi sebehaqekile eNingizimu Afrika lilinganiselwa kubantu abayi-181, esigidini ngasinye sabantu, uma kubhekwa isibalo sabantu bakuleli sebebonke.

Uma lokhu kuqhathaniswa namazwe anjengeMelika, i-United Kingdom, i-Spain, i-Italy kanye ne-Singapore izibalo ziyabonisa ukuthi izinga-silinganiso labantu asebehaqwe yigciwane le-corona liphakathi kwabantu abayizi-2 400 kanye nezi-4 600 kubantu abayisigidi ngasinye ebantwini sebebonke.

Kusemqoka ukuveza ukuthi kubantu abayizi-12 074 osekuqinisekisiwe ukuthi sebethelelekile eNingizimu Afrika, bayizi-4 745 asebeluleme ngokuphelele.

Ngokubambezela ukusabalala kwalesi sifo, sikwazile ukuqinisa amandla ohlelo lwethu lwezempilo kanye nokuqalisa izinhlelo ezihlukahlukene emkhakheni wonkana wezempilo yomphakathi ukuze sikwazi ukulawula kangcono ukudlondlobala kokutheleleka kwabantu okungenakugwemeka.

Manje cishe sekunemibhede eyengeziwe eyizi-25 000 ekhona yokulalisa ngabodwana labo asebehaqekile.

Sikwazile ukuthenga nokukhiqiza inani elikhulu impela lezinsiza zokuzivikela ezenzelwe abasebenzi bezempilo, nemishini yokwelapha esemqoka kanye nezinye izinsiza-kusebenza.

Ngokusebenzisa isikhathi nethuba elibe wusizo kakhulu esilinikezwe wukuvalwa kwezwe, sikwazile ukulukhulisa kakhulu uhlelo lwethu lokuxilonga nokuhlola abantu.

Uma sekubhekwa wonke umsebenzi osewenziwe mayelana nalokhu, abasebenzi bethu abasebenzela emiphakathini sebexilonge abantu abangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalolunye futhi bahlola nabantu ababalelwa ezi-370 000 bebahlolela igciwane le-corona.

Lona ngumkhankaso wezempilo yomphakathi omkhulukazi futhi obanzi kakhulu emlandweni wezwe lethu.

Lokhu kungumphumela wokusebenza ngokuzikhandla nokuzimisela kwezinkulungwane ngezinkulungwane zabasebenzi bomphakathi, abahlengikazi, odokotela kanye nabanye abasebenzi bezempilo.

Babonise ukuzinikela okukhulu ekuqinisekiseni impumelelo yokuvalwa kwezwe.

Ngokusabela ekhweleni lapho beninxuswa khona ukuthi nihlale ekhaya futhi nihlale niphephile, nina, abantu baseNingizimu Afrika, nisilekelelile ekutheni sikwazi ukusindisa izimpilo zabantu abaningi.

Ngenjoba sesiziqinisile izinhlelo zezempilo yomphakathi zokulwisana negciwane, sesethule izinyathelo eziningana ezibalulekile zokweseka izinkampani, abasebenzi kanye namakhaya akhahlamezeke kakhulu ngenxa yokuvalwa kwezwe.

Sesethule iphakheji yosizo lwezomnotho kanye nolomphakathi olubalelwa ngaphezu kwezigidigidi ezingama-500 zamarandi okuhloswe ngalo ukulekelela izinkampani ezisebunzimeni, ukuze kugwenywe ukulahleka kwemisebenzi futhi kuhlinzekwe ngemali engenayo yokuziphilisa kubasebenzi abenza imisebenzi engahlelekile kanye namakhaya adla imbuya ngothi.

Kusukela lwasungulwa, uhlelo losizo olukhethekile lwe-COVID-19 lwesiKhwama Somshwalense Wabantu Abaphelelwe Ngumsebenzi selukhokhe imali eyizigidigidi eziyi-11 zamarandi kubasebenzi abayizigidi ezimbili abaqashwe yizinkampani ezingaphezu kwezi-160 000 ezisebunzimeni.

Lokhu kuzolekelela izinkampani ukuze zikwazi ukuqhubeka nomsebenzi wazo futhi kusindise nezigidi ngezigidi zemisebenzi.

Izikhwama ezihlukahlukene esizisungulele ukuhlinzeka ngosizo kumabhizinisi amancane, kubandakanya nezinhlelo zoMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uMnyango Wezokuvakasha, isiKhungo Sokuthuthukiswa Kwezimboni kanye ne-South African Future Trust, sezihlinzeke ngosizo oluqondiswe ngqo emabhizinisini angaphezu kwezi-27 000.

Kusukela namuhla, uHlelo Lwesiqinisekiso Semalimboleko ye-COVID-19 lwezigidigidi ezingama-200 zamarandi, oluqinisekiswe nguhulumeni, seluqalile ukucubungula izicelo ezivela emabhizinisini amancane kanye nalawo aphakathi ngobukhulu.

Ngasekuqaleni kwale nyanga, uhulumeni ukhokhe imali engeziwe eyizigidigidi ezinhlanu zamarandi kubahlomuli bezibonelelo-mali zikahulumeni ngenhloso yokulekelela amakhaya ahlwempu esikhathini lapho kube nokuphazamiseka kweminye imithombo azitholela ngayo imali engenayo.

Sesikuvulile ukufakwa kwezicelo zesibonelelo-mali esikhethekile se-COVID-19 esingamarandi angama-350 ngenyanga esiqondiswe kulabo bantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi, olungekho olunye uhlobo losizo abalutholayo kuhulumeni.

Ekupheleni kwesikhathi somsebenzi namuhla, babalelwa ezigidini ezintathu abantu baseNingizimu Afrika abese bezifakile kakade izicelo zokuhlinzekwa ngalolu sizo.

Lolu sizo lwesikhashana luzoqhubeka kuze kuphele izinyanga eziyisithupha.

Sizozama konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi lezo zakhamuzi zethu ezisengcupheni enkulu futhi ezidinga ukubhekelelwa kakhudlwana zihlinzekwa ngosizo futhi ziyavikelwa kulesi sikhathi esinzima esibhekene naso.

Buyingqophamlando impela ububanzi nobukhulu bezinyathelo esizithathile, kubandakanya nosizo lwezaphulelo-ntela kanye nezinye izinhlobo zosizo oluhlinzekwe yiBhangengodla laseNingizimu Afrika.

IsiKhwama Sobambiswano Nobumbano, esasungulelwa ukweseka izinyathelo nezinhlelo zokulwisana negciwane le-corona, sesithole izethembiso zoxhaso-mali olubalelwa kwisamba esiyizigidigidi ezi-2.7 zamarandi, ezivela kubantu abangaphezu kwezi-175 000 kanye nezinkampani nezinhlangano ezingaphezu kwezi-1 500.

Siyababonga ohulumeni nezinhlangano eziningi ezilokhu ziqhubeke njalo nokubonisa ububele ngokweseka izinyathelo nezinhlelo zethu zokulwisana negciwane le-corona.

Ngaphezu kwalawo mazwe engiwabongile ngaphambilini ngosizo lwawo, ngithanda ukudlulisa amazwi okubonga nakuhulumeni kanye nakubantu baseMelika ngomnikelo wabo wemishini yokuphefumula eyi-1 000.

Ngithanda futhi ukuzwakalisa ukubonga i-ELMA Group of Foundations ngesethembiso sayo semali eyizigidigidi ezimbili yokulekelela ekunciphiseni umthelela wegciwane le-corona emiphakathini yase-Afrika esengcupheni futhi edinga ukubhekelelwa kakhudlwana.

Lokhu kubandakanya noxhaso-mali olusheshayo lwesamba esiyizigidi ezingama-250 zamarandi oluzongena esiKhwameni Sobambiswano Nobumbano seNingizimu Afrika.

Sizimisele ukuqinisekisa ukuthi izinyathelo esizithathayo zilingana nobukhulu besimo esibucayi esibhekene naso futhi kusenjalo ziyalekelela ekuqinisekiseni ukuthi ziyavikeleka izisekelo zomnotho wezwe lethu.

Kunemibiko ekhathazayo impela esitholakele yokudlondlobala kwamazinga odlame olubhekiswe kwabobulili obuthile selokhu kuqalile ukuvalwa kwezwe.

Isihlava sodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile siyaqhubeka nokubhebhetheka ezweni lethu njengoba amadoda akuleli ekhwela edilika kwabesifazane ebonisa ububhoklolo bawo nesihluku.

Sesiqhamuke nezinhlelo kanye nezinqubo zesimo esiphuthumayo ezenzelwe izisulu zodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile ukuze kuqinisekiswe ukuthi ziyaluthola usizo.

Enye yezindlela zokungenelela esesiqhamuke nayo wukuqinisekisa ukuthi imithethonqubo yokuvalwa kwezwe ihlelwa futhi yakhiwe ngendlela ezovumela ukuthi umuntu wesifazane akwazi ukuphuma ekhaya ayobika isenzo sokuhlukunyezwa, ngaphandle kovalo lokuthi kungenzeka azithole esehlawuliswa, esatshiswa noma ehlangabezana nolunye futhi udlame.

Manje, njengoba sekuphele izinyanga ezimbili samemezela isimo senhlekelele sikazwelonke, sesikulungele ukungena esigabeni esisha emizamweni nezinhlelo zethu zokulwisana nobhubhane lwegciwane le-corona.

Mhla lulunye kuNhlaba, sangena eZingeni Lokuqapha Lesine futhi sabe sesiqala ukuxegisa ukuvalwa kwezwe.

Lokhu bekuhambisana neqhingasu elingenabungozi ebesihlose ngalo ukunciphisa izinga lokutheleleka kwabantu futhi sehlise nokudlondlobala kwegciwane.

Manje silungiselela okunye futhi ukuxegiswa kokuvalwa kwezwe futhi siqale nokuvula umnotho kancane kancane.

Ngizophinda lokho engikushilo ngaphambilini: uma singaqeda ukuvalwa kwezwe esithubeni nje kungazelele muntu futhi lokho sikwenze ngokushesha okukhulu, sizibeka engcupheni yokuthi sizithole sesibhekene nokukhula nokudlondlobala kokutheleleka kwabantu ngokushesha okukhulu futhi okungalawuleki.

Ngakho-ke sizoqhubeka nokwenza izinto ngokucophelela okukhulu, siholwa wubufakazi ubuphuma phambili obutholakalayo njengamanje futhi siholwa yizeluleko ezivela kongoti bakuleli kanye nongoti bakwamanye amazwe omhlaba.

Injongo yethu wukukhulisa kancane kancane imisebenzi yezomnotho futhi ngakolunye uhlangothi sibe siqalisa izinyathelo zokunciphisa ukutheleleka kwabantu ngegciwane futhi sihlinzeke ngokunakekelwa okwanele kulabo asebehaqekile futhi abadinga ukwelashwa.

Enkulumweni yami yokugcina engayethula kinina, nganichazela ngohlelo lwamazinga okuqapha amahlanu esiwethulile ukuze kube yiwona ahola le nqubo.

Ngaleso sikhathi, izwe lalisezingeni lokuqapha lesihlanu, okuyizinga elinemikhawulo eqine kakhulu evimbela ukuhamba ngokukhululeka futhi evimbele nemisebenzi yezomnotho.

Izinga Lokuqapha Lesine – esikulona njengamanje ezweni lonkana – yizinga lapho iqhubeka nokusebenza imithethonqubo yokuvalwa kwezwe eminingi kodwa-ke liyakuvumela ukuthi kuvulwe kancane kancane izingxenye ezithile zomnotho.

Izinga lokuqapha lesithathu kuya kwelokuqala ayakuvumela ukuxegiswa kwemikhawulo kancane kancane ngokuqhubekayo.

Njengoba ngasho ngaleso sikhathi, kungenzeka ukuthi ezinye zezindawo zezwe zifakwe ezingeni lokuqapha elithile ngenkathi ezinye zikwamanye amazinga.

Lokhu kuzokwenziwa ngokubheka izinga lokutheleleka kwabantu endaweni ethile futhi kubhekwe nokuthi izikhungo zaleyo ndawo zikulungele yini futhi zinawo yini amandla okubhekana nomsebenzi omkhulukazi wokwelapha nokunakekela abantu asebehaqekile.

Okwamanje, abantu abaningi esebehaqekile batholakala ikakhulukazi komasipala nezifunda ezimbalwa zemikhandlu-dolobha emikhulu yakuleli.

Kusemqoka ukuthi kulezi zindawo siqhubeke nokubeka le mikhawulo eqine kakhulu futhi sikuvimbele ukuphuma kwabantu kulezi zindawo baye kwezinye izindawo zezwe ezinesibalo esiphansi sabantu asebethelelekile.

Sizoqalisa ngokushesha inqubo yokubonisana nokufakana imilomo nababambiqhaza abafanelekile mayelana nesiphakamiso sokuthi uma kuphela uNhlaba izindawo eziningi zakuleli zibe sezifakwe ezingeni lokuqapha lesithathu, kodwa-ke lezo zindawo ezinesibalo esiphezulu sokutheleleka kwabantu zona zizogcinwa ezingeni lesine.

Sizokwenza ezinye izimemezelo emva kokuphothulwa kwezingxoxo zokubonisana.

Kulezi zinsuku ezizayo, sizomemezela futhi nezinguquko ezithile ezizokwenziwa kwimithethonqubo yezinga lesine ukuze kukhuliswe isibalo semisebenzi evumekelile yokuqhuba ibhizinisi lokuthengisa impahla kanye nebhizinisi lentengiselwano ngohlelo lwe-intanethi futhi kuncishiswe nemikhawulo yokuzivocavoca.

Kunabanye abantu abakhonondayo abathi indlela-kusebenza yethu yokulwisana negciwane le-corona iphazamisa izindlela zokuziphilisa zabantu bakithi.

Indlela-kusebenza yethu igxile ekusindiseni izimpilo zabantu kanye nokuvikela izindlela abaziphilisa ngazo abantu.

Inhloso-ngqangi yethu bekulokhu kuwukwehlisa nokunciphisa izinga lokutheleleka kwabantu ngokuthi kusetshenziswe izinyathelo zokungenelela eziningana eziqukethwe ohlelweni lwethu olubanzi lokuvimbela igciwane le-corona.

Isinyathelo ngasinye kulezi zinyathelo zokuvikela sisemqoka kakhulu futhi siyisinyathelo esingeke nakancane nje siphikisane ngaso. Lezo zinyathelo yilezi:

  • Ukuvalwa kwezwe (ukuze kufezekiswe ukuqhelelaniswa kwabantu okukhulu)
  • Ukuqhelelaniswa kwabantu
  • Ukusetshenziswa kwezinqubo-nkambiso zenhlanzeko yezandla ngokuthi kugezwe izandla njalo ngamanzi nensipho noma ngesibulali-magciwane
  • Ukulandela inqubo efanele yokukhwehlela kubandakanya ukusebenzisa  indololwane noma iphepha lokufinya
  • Ukugqoka isifonyo sendwangu uma usendaweni yomphakathi
  • Bonke abasebenzi bezempilo basebenzise isinsiza zokuzivikela
  • Ukuhlanzwa njalo futhi ngokuqhubekayo kwezindawo okusetshenzelwa kuzona kanye nezinye izindawo zomphakathi
  • Ukuxilongwa kwabantu bexilongelwa izimpawu zegciwane
  • Ukuhlolelwa igciwane, ukuhlaliswa kwabantu ngabodwana, ukugonqa komuntu othelelekile kanye nokulandelwa komkhondo wabantu abake basondelana nomuntu othelelekile
     

Ukuqaliswa nokusetshenziswa kwazo zonke lezi zinyathelo zokuvikela yikona okuzosilekeleka ekunqobeni lesi sifo.

Impumelelo yemizamo yethu ekunciphiseni ukutheleleka kwabantu ngegciwane incike ekutholeni ngokushesha labo bantu asebethelelekile, kulandelwe nomkhondo walabo abake basondelana nabo futhi bahlaliswe ngabodwana ukuze bangalidluliseli kwabanye igciwane.

Umkhankaso wethu wokungena umuzi nomuzi ngenhloso yokuyoxilonga abantu emiphakathini esengcupheni ezweni lonkana usuholele ekutheni abantu abangaphezu kwezi-100 000 bathunyelwe ezindaweni lapho bezohlolelwa khona igciwane.

Lokhu sekusinikeze inkomba ekahle yobubanzi nobukhulu bokubhebhetheka kwegciwane phakathi kwabantu ezweni lonkana, kodwa-ke sidinga uhlelo lokuxilonga nokuhlola oluzoqondiswa ngqo kulezo zindawo lapho ephakeme kakhulu amathuba  okuthi abantu batheleleke.

Lokhu kuzobandakanya ukuhlonzwa kwezizinda lapho kubhebhetheka khona njengomlilo wequbula ukutheleleka kwabantu, ngokuthi sisebenzise ngokuhlanganyela izindlela ezihlukahlukene njengobuchwepheshe, imininingo etholakale ezindaweni ezithile ebezibhekwe ngamehlo okhozi, kanye nemifanekiso ebonisa amaphethini okusabalala nokubhebhetheka kwesifo ezindaweni ezithile, okuyinto ezokwenza ukuthi kube lula ukuthumela ngokushesha amathimba abasebenzi abazoxilonga futhi bahlole abantu kulezi zindawo.

Labo okutholakala ukuthi sebehaqekile kumele bazivalele ngabodwana noma bahlaliswe ngabodwana ezindaweni ezifanelekile futhi ezihlolwe ngokuzimela.

Okubaluleke kakhulu, lesi sigaba esisha sizodinga ukuthi omunye nomunye wethu ayishintshe kakhulu indlela aziphatha ngayo futhi enza ngayo izinto.

Kumele siyiguqule kakhulu indlela esicabanga ngayo kanye nendlela yethu yokuphila.

Kumele siqikelele ukuthi siyayinakekela impilo yethu kanye nempilo yabanye abantu.

Masikhumbule ukuthi nakuba ukuvalwa kwezwe kulinciphisile izinga lokutheleleka kwabantu, igciwane le-corona lisekhona phakathi kwethu – futhi lisazoqhubeka nokuba khona phakathi kwethu isikhathi eside impela.

Sibaxwayisile abantu ukuthi lisazodlondlobala inani labantu abathelelekayo ngenkathi sixegisa izinyathelo zokuvalwa kwezwe, njengoba lokho kwenzekile nakwamanye amazwe amaningi.

Siyazi futhi ukuthi igciwane le-corona lisazoqhubeka isikhathi eside nokubeka engcupheni impilo yabantu emhlabeni wonke jikelele, futhi siyazi nokuthi impi yokulwisana ne-COVID-19 kumele ibe yingxenye yendlela yethu yokuphila yansuku zonke.

Impumelelo yethu ekunqobeni igciwane le-corona ekugcineni iyoncika kulezo zinguquko esizenzile kwindlela yethu yokuziphatha nokwenza izinto.

Ngenkathi sixegisa imikhawulo, kuzodingeka ukuthi siziqhelelanise ngokucophelela okukhulu kwabanye abantu, sigqoke izifonyo zobuso ngaso sonke isikhathi uma siphumela ngaphandle kwamakhaya ethu, sigeze izandla zethu njalo ngensipho namanzi noma ngesibulali-magciwane, futhi sigweme ukusondelana nabanye abantu.

Kungithokozisile impela ukubona abantu abaningi kangaka begqoke izifonyo zobuso emphakathini kusukela kwaqala iZinga Lokuqapha Lesine.

Kuzodingeka ukuthi sizihlele kabusha izindawo okusetshenzelwa kuzona, izikole, amanyuvesi, amakolishi kanye nezinye izindawo zomphakathi ukuze sinciphise ukutheleleka kwabantu.

Kudingeka ukuthi siguqukele ezindleleni ezintsha zokudumisa, ukuxhumana nabanye abantu, ukuzivocavoca  kanye nokubamba imihlangano, okuyizindlela eziwanciphisayo amathuba okuthi lisabalale igciwane.

Yizinyathelo zethu esizithathayo njengamanje ezizobonisa ukuthi kuzoqhubeka yini konke okuhle esikuzuze ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.

Yizinyathelo zethu esizithathayo njengamanje – njengomuntu ngamunye noma ngokuhlanganyela – ezizobonisa ukuthi ingabe ukuzinikela nokuzidela okwenziwe ngabantu kulezi zinyanga ezimbili ezedlule ekugcineni kuzokwazi yini ukusindisa izimpilo zabantu abayizinkulungwane ngezinkulungwane baseNingizimu Afrika futhi kugwenye ukukhahlamezeka nokucekeleka phansi okukhulukazi okungadalwa yilesi sifo esiwubhubhane.

Ukuguqukela esigabeni esilandelayo sezinyathelo zethu zokulwisana negciwane le-corona kuzoba nzima kakhulu ngezindlela eziningi uma kuqhathaniswa nesigaba esikusona njengamanje.

Ubungozi bokubheduka nokusabalala kwesifo ngamandla buzokhuphuka ngenkathi likhula inani labantu ababuyela emsebenzini.

Lokhu kudinga ukuthi thina sonke siqaphele futhi sicophelele kakhulu, siziphathe ngendlela elungileyo futhi sibonise ukuzithiba kukho konke esikwenzayo.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kulawa maviki ayisikhombisa adlule, ninxusiwe ukuthi nibonise ukubekezela nokuzinikela okukhulu.

Sekukaningana impela ngima phambi kwenu ngininxusa ukuthi namukele imikhawulo eqine kakhulu ephazamisa impilo yansuku zonke eniyiphilayo, nakuba ngazi kahle kamhlophe ukuthi lokhu kuzonilethela ubunzima obukhulu.

Nikwenzile lokho ebengikucelile kinina, futhi ngokukholelwa okukhulu ekutheni lezi zinyathelo ziyizinyathelo ezidingekayo ukuze kuqinisekiswe impilo nenhlalakahle – ngokunjalo futhi kusindiswe – isizwe sethu esisesisha.

Njengembuyiselo yakho konke esicele ukuthi nikwenze, kukhona izinto ezimbalwa ezibalulekile enisicele ukuthi sinenzele zona, thina njengabaholi benu.

Futhi yingakho-ke kudingeka ukuthi ngenkathi sibhekene nale nselele engakaze ibonwe ngaphambilini, sikuvume ukuthi kunokwenzeka ukuthi kukhona lapho ningagculisekanga khona mayelana nalokho ebenikulindele kithina.

Ezinye zezinyathelo esizithathile bezingacacile kahle, ezinye bezinokuphikisana okuthile futhi ezinye bezingachazwanga neze ngendlela egculisayo.

Kwesinye isikhathi bekuhamba ngesivinini sonwabu ukuqaliswa kwezinyathelo futhi ukuphoqelelwa kokuthotshelwa kwezinye zazo bekwenziwa ngendlela enokungalingani okuthile futhi kwenziwe ngendluzula nesihluku esikhulu.

Kusihlwa nje, ngifuna ukugcizelela ukuzibophezela kwami kanye nokuzibophezela kukahulumeni engiwuholayo ekuthatheni noma yisiphi isinyathelo esidingekayo ukuze kuvikelwe izimpilo, isithunzi kanye nezimfuno zabantu baseNingizimu Afrika.

Enkulumweni yami yokugcina engayethula kinina, ngathi khona maduze nje sizoqalisa isigaba sesithathu sezinyathelo zethu zomnotho zokubhekana nesimo esibucayi esidalwe yigciwane le-corona, ngokuthi siqhamuke neqhingasu elicacile lokuvuselela umnotho.

IKhabhinethi limatasatasa ngalolu daba futhi umphumela walokhu uzomenyezelwa uma usuphothuliwe lo msebenzi.  

Sizibophezele futhi sizimisele:

  • ukuqinisekisa ukuthi zonke izinqumo zikahulumeni zenziwa ngobuqotho, futhi ziyizinqumo ezinengqondo ezisuselwa ebufakazini obuphathekayo nobubonakalayo, futhi akuzona izinqumo ezingadala umonakalo omkhulu esikhundleni sokuba wusizo;
  • ukusebenza ngendlela esobala, sazise isizwe ngakho konke esikwenzayo futhi lokho sikwenze ngokuqhubekayo;
  • ukuqhubeka nokudalula konke ngobuqotho futhi singafihli lutho mayelana nesimo salolu bhubhane. Nina nifuna ukwazi uma izinto zingahambi neze kahle, futhi nifuna ukwaziswa uma kungenzeka ukuthi izinto zibe zimbi kakhulu kunalokho eziyikona njengamanje;
  • ukuqhubeka nokuxhumana kanye nokubonisana nani;
  • ukuqinisekisa ukuthi siyaqhubeka nokusebenzisa zonke izinsiza esinazo ukweseka nokuhlinzeka ngosizo kulabo ababuthaka futhi abasengcupheni enkulu, futhi sibalekelele kakhulu nalabo abaswele nabantulayo kakhulu; kanye,
  • nokuqinisekisa ukuthi zonke izimali ezabelwe izinyathelo zokulwisana nengciwane le-corona azisaphazwa futhi azikhwatshaniswa.
     

Ngaphezu kwakho konke, ngiyaphinda futhi ngiyathembisa ukuthi ngizoqinisekisa ukuthi ayahlonishwa futhi ayathotshelwa amalungelo enu, ikakhulukazi yilabo abathweswe lo msebenzi.

NjengoMongameli wenu, njengalo hulumeni, sizibophezele kakhulu ekwenzeni lokho enikulindele kithina.

Lapho siniphoxe khona futhi singenzanga lokho enikulindele, sizokulungisa lokho.

Lapho senze khona amaphutha, sizoqhubeka nokuwalungisa.

Umzabalazo wethu ebesiwuqhuba ngokuhlanganyela kulezi zinyanga ezedlule ususifundise lukhulu ngathi futhi usifundise okukhulu mayelana nomunye nomunye wethu.

Sifunde lukhulu mayelana naleli gciwane.

Nakuba kube khona ukuphikisana nokungavumelani, ube khona futhi nomusa, ukuzwelana kanye nobubele.

Sibe khona isibindi kanye nobumbano.

Ihluke kakhulu iNingizimu Afrika kanye nomhlaba osimele esizophila kuwona esikhathini esizayo.

Inselele enkulukazi esibhekene nayo wukuthi sizimisele yini ukwamukela uguquko ngezandla ezifudumele.

Masiphakameni sibhekane nale nselele.

Masimeni ndawonye njengomndeni owodwa kanye nesizwe esisodwa ukuze sakhe umphakathi omusha futhi oqinile.

Izinsuku eziphambi kwethu zizoba nzima.

Kodwa-ke sizothola amandla nomfutho kulokho esesikuzuzile.

Kumele sikhumbule amagama ashiwo nguMongameli waphambilini u-Nelson Mandela eminyakeni engama-20 edlule ngenkathi izwe lethu libhuqabhuqwa ngolunye ubhubhane.

Wathi:

“Njengoba sibhekene nobungozi obukhulu besandulela-ngculazi nengculazi, kumele sibeke eceleni konke okusihlukanisayo okwenza singaboni ngaso linye, sihlanganise imizamo yethu ukusindisa abantu bakithi.

Umlando uyosahlulela kabuhlungu uma singahluleka ukwenza lokho njengamanje.”

Uma sengiphetha, ngithanda ukunipha amazwi ka-Franklin Delano Roosevelt, awasho ngesikhathi esinzima esabe sibhekene nesakhe isizwe:

Isimo salesi sizwe sihle

Inhliziyo yalesi sizwe isesimweni esihle

Umoya walesi sizwe uqinile

Ukuhlalela ethembeni kwalesi sizwe kuzoqhubeka ingunaphakade.

UNkulunkulu ayibusise iNingizimu Afrika nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore