Inkulumo kaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeNqubekela-phambili kaZwelonke Emzamweni wokunqanda uBhubhane lwe-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Emavikini amabili edlule ngamemezela izinyathelo ezengeziwe zokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane le-corona.

Ekunqumeni ukwethula lezi zinyathelo ezengeziwe, iKhabhinethi lilandele iseluleko sososayensi esihlinzekwe iKomidi loNgqongqoshe Eleluleka nge-COVID-19 kanye nezeluleko zoMkhandlu kaZwelonke Oyala ngegciwane le-Corona.

Lezi zinyathelo beziphuthuma futhi zidingeka ukunqanda ihlandla lesithathu, elibhebhethekiswa umxhantela wegciwane elisha i-Delta.

Sisakubeke eqhulwini ukunqamula iketanga lokusuleleka ngokunciphisa ukuhlangana kwabantu.

Emavikini amabili edlule, izwe lenyukela esigabeni sokuqapha seSine esiguquliwe.

Lokhu kwakubonisa ingozi enkulu yokusuleleka.

Ngesikhathi ngigcina ukukhuluma nani, ngakusho ukuthi sizohlola isimo emva kwezinsuku eziyi-14 bese sibona ukuthi iziphi izinguquko ezingadingeka.

Ngokuma kwezinto njengamanje, izinga lokwesuleleka lisalokhu liphezulu ngokumangalisayo.

Ngokubhebhetheka ngesivinini komxhantela wegciwane i-Delta, sibhekane nehlandla lesithathu elinzima kakhulu ukwedlula ihlandla lokuqala nelesibili.

Kulamaviki amabili edlule, izwe beliqopha isilinganiso-nani sezigameko ezintsha ezisondela kwizi-20 000 ngosuku.

Njengamanje, izwe linabantu abasuleleke nge-COVID-19 abangaphezu kwezi-200 000.

Emavikini amabili edlule bayizi-4 200 abantu baseNingizimu Afrika abalahlekelwe izimpilo zabo ngenxa ye-COVID-19.

Ngesikhathi i-Gauteng ibe nezigameko ezingaphezu kwesigamu zokwesuleleka okusha, ukwesuleleka kukhula ngesivinini eNtshonalanga Kapa, eLimpopo, eNyakatho Ntshonalanga, KwaZulu Natali naseMpumalanga.

Uhlelo-kusebenza lwethu lwezempilo ezweni lonke lusalokhu luphansi kwengcindezi.

Ngeviki elizayo, ukungeniswa kwabantu ezibhedlela ezweni lonke kungafinyelela emazingeni okwafinyelelwa kuwona ngesikhathi sokudlondlobala kwamahlandla amabili okuqala.

Ukufa okuhlobene ne-COVID-19 ezibhedlela nakho kuyakhula, futhi sekudlule lokho okwabonakala ngesikhathi sehlandla lokuqala.

Kungenxa yalokho, iKhabhinethi emva kokuxoxisana nezifundazwe linqume ukugcina izwe eSigabeni Sokuqapha Esiguquliwe Sesine ezinye izinsuku eziyi-14.

Lokhu kuchaza ukuthi ukusuka manje kuze kube ngumhla wama-25 kuNtulikazi, lezi zinyathelo ezilandelayo zizolokhu zimile.

  • Yonke imibuthano yokuzijabulisa, yepolitiki, eyenkolo neminye ayikavunyelwa.
  • Umthetho wewashi usalokhu umile kusuka ngehora lesi-9:00 ebusuku kuze kube ihora lesi-04:00 ekuseni, futhi ilabo abanemvume yokuhamba kuphela abangaphuma emakhaya abo ngalesi sikhathi.
  • Ukudayiswa kotshwala kusalokhu kungavumelekile.
  • Izikole zizohlala zivaliwe kuze kube ngumhla wama-26 kuNtulikazi.
  • Kusaphoqelekile ukugqokwa kwesifonyo ezimboza amakhala nomlomo njalo uma uphakathi kwabantu.
     

Kodwa-ke senza izinguquko ezilandelayo kwimithethonqubo yeSigaba Sokuqapha Sesine:

  • Izindawo zokudlela nezokudla zizokwazi ukusebenza ngokulandela imithetho eqinile yezempilo. Lezi zindawo akufanele zibe nabantu abangaphezu kwama-50 ngesikhathi, ezindaweni ezincane, akumele kube nabantu abedlula umthamo ongama-50% waleyo ndawo.
  • Ezinye izindawo, ezifana nezindawo zokuzivocavoca, nazo zingavulwa kanye nemisebenzi efana nezokufuywa nokudayiswa kwemfuyo kuzovumeleka, ngokulandela imibandela ebekwe kwimithethonqubo.
     

Selokhu kwaqala ubhubhane, ukuphendula kwethu njengezwe kulokhu kuholwa ubufakazi bakamuva obukhona kanye neseluleko songcweti.

Nakhu esikwaziyo.

Siyazi ukuthi ukunciphisa amathuba lapho abantu bezosondelana nabanye kuyasiza ukunqanda ukusuleleka.

Siyazi ukuthi igciwane le-corona libhebhetheka emingcwabeni, emihlanganweni emahhovisi, emaphathini, emicimbini yemindeni, nasezindaweni zokudla nasemathaveni.

Ingakho-ke, esigabeni sokuqapha sesine esiguquliwe, simise imibuthano yezenkolo, yokuzijabulisa kanye neyezepolitiki.

Futhi siyazi ukuthi uma kuhamba abantu abaningi, igciwane lihamba nabo.

Ngenxa yamanani aphezulu e-Gauteng emavikini amabili edlule, sinciphise ukungena nokuphuma esifundazweni ukuze sizonciphisa ukubhebhetheka kwegciwane kwezinye izingxenye zezwe.

Siyazi ukuthi umthetho wewashi unciphisa ukuhambahamba futhi kunciphisa imibuthano yokuzijabulisa yasebusuku okuyiyona ekhulisa amathuba okusulelana ngegciwane.

Siyazi ukuthi ukuvalwa kokudayiswa kotshwala kunciphisa inani labantu abangeniswa ezibhedlela kanye nasemagunjini abantu abalimele ngenxa yezigameko ezihlobene notshwala, ezifana nezingozi zezimoto kanye nodlame phakathi kwabantu.

Ukunciphisa ukulimala ngenxa yotshwala kukhulula umthamo odingekayo ezikhungweni zethu zezempilo ukuze kuzobhekanwa nezigameko ze-COVID-19.

Ukuxhashazwa kotshwala futhi kuhambisana nemibuthano kanye nokungahlonishwa kwemithethonqubo yezempilo yomphakathi.

Ngaleso sikhathi, siyazi futhi siyalibona igalelo elibaluleke kakhulu lemboni yotshwala emnothweni wethu.

Ekugcineni, izinyathelo ezibaluleke kakhulu ukunciphisa ukusuleleka ilezi ezisekuzilawuleni thina ngabanye ngabanye.

Ngenxa yokuthi umxhantela wegciwane i-Delta usuleleka ngesivinini esikhulu, sidinga ukuqaphela kakhulu ekulandeleni izindlela zokuzivikela sonke esizaziyo.

Njengoba sibeka izinyathelo zokunciphisa amanani okusuleleka, senza lokho ukuvikela abantu abaningi ngendlela esingakhona ngayo ngokusebenzisa umgomo.

Uhlelo lukazwelonke lokugoma lukhula ngesivinini.

Kuze kube manje, abantu abangaphezu kwezigidi ezi-4.2 eNingizimu Afrika sebewutholile umgomo, isigidi salaba bantu bagonywe phakathi neviki ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule.

Isivinini sohlelo lokugoma sesiphindeke kabili enyangeni eyedlule, futhi sizoqhubeka sikhule.

Njengamanje, cishe isilinganiso-nani esiyizi-190 000 sabantu abagonywa nsuku zonke.

Uhulumeni nomkhakha ozimele bayasebenzisana ngendlela engakaze ibonwe ukwakha umthamo owengeziwe ozogoma abantu abaningi ngosuku.

Njengamanje sigoma amaqoqo abantu abangaphezu kweminyaka yobudala enga-60 kanye nama-50.

Ukusuka ngoLwesine ozayo, mhla we-15 kuNtulikazi, labo abaneminyaka yobudala engaphezu kwama-35 bazokwazi ukubhalisa kuHlelo Lokubhalisela Ukugoma nge-Inthanethi.

Ngomhla woku-1 kuNcwaba sithemba ukuthi sizoqala ngokugoma leli qoqo labaneminyaka engaphezu kwama-35.

Izinhlelo ziyaqhubeka zokugoma abasebenzi abenza imisebenzi engumongo, kuqalwa ngemfundo eyisisekelo, amaphoyisa kanye nombutho wezokuvikela.

UMnyango Wezempilo nawo usebenza nomkhakha ozimele ukuqalisa izinhlelo zokugoma ezindaweni zokusebenza ezizoqhubela phambili umthamo wethu ngaphezu kwezikhungo zikahulumeni.

Sisebenza ukuqinisekisa ukuthi izikhungo zokugoma ziseduze nalapho abantu behlala khona ukwenza ukuthi kube lula.

Sizoqhubeka nokusebenza nomphakathi, abaholi bezenkolo nabendabuko ukunxenxa imiphakathi ukuthi igome.

Izinhlelo zime ngomumo kuzo zonke izifundazwe ukwandisa izikhungo eziningi ukuze kuzogonywa izinsuku eziyisithupha noma eziyisikhombisa evikini.

Lokhu kuzokwenzeka ngokuba khona kwezimali zokukhokhela izikhathi ezengeziwe zokusebenza kanye nokuqashwa kwabasebenzi bezokwelashwa abengeziwe kanye nabafundi bezesayensi yezempilo.

Bonke labo abafanelekile ukuthi bagome bayagqugquzelwa ukuthi babhalise ukuze kuzoqhutshezelwa phambili inqubo yokugoma ezikhungweni zokugoma.

Noma kunjalo, zonke izikhungo seziyabavumela abantu abangabhalisile ukuthi bafike bezobhalisa.

Ngifuna ukugqugquzela bonke abantu baseNingizimu Afrika abafanelekile ukuthi babhalise ukuthi benze njalo ukuze bezothola umgomo wabo.

Sidinga ukusabalalisa umyalezo othi imigomo iyasebenza futhi isebenza kahle.

Enye yezinselele ezinkulu esibhekene nayo kuze kube yimanje ekuqhubeleni phambili uhlelo lokugoma ukutholakala kwemithamo yomgomo.

Lokhu kube yinselele yeNingizimu Afrika nalo lonke izwekazi lase-Afrika.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, INhlangano yoBumbano Lwamazwe ase-Afrika, ngokusebenza nehhovisi lethu njengaBazuzi be-AU COVID-19, kanye ne-European Union bafinyelele esivumelwaneni esiyingqophamlando esizothuthukisa ukuhanjiswa kwemigomo ezweni lakithi kanye nasemazweni angomakhelwane ezwenikazi i-Afrika.

Ngalesi sivumelwane, i-Aspen izoletha imithamo yemigomo yakwa-Johnson & Johnson engaphezu kwezigidi eziyi-17 eNingizimu Afrika kanye namanye amazwe ase-Afrika ezinyangeni ezintathu ezizayo, kusuka ekupheleni kukaNtulikazi.

Leli nani lizophindeka kabili nyanga zonke ukusuka ngoMfumfu.

Isitoko sokuqala semithamo eyizigidi sizolethwa eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe ase-Afrika kusuka ngoNtulikazi.

Njengengxenye yomzamo wokugcina ezempilo ezwenikazi, i-Johnson & Johnson izinikele ukuhambisana nezinhlelo zamanje ukuze sizokwazi ukukhiqiza umgomo eNingizimu Afrika ngelayisensi kunokukhiqiza ngenkontileka, okuzoholela ukuthi izwe lakithi kanye nezwekazi balawule imigomo.

Sisezingxoxweni zokuthi ngokuhamba kwesikhathi umuthi wokwenza umgomo wona uqobo ukhiqizwe lapha eNingizimu Afrika, ukuze sizoba nomgomo wethu ngokugcwele e-Afrika okhiqizwe e-Afrika emazweni amaningi kwizwekazi lethu.

Siyasemukela isimemezelo esenziwa uMongameli u-Joe Biden esithi iMelika inikela ngemithamo eyizigidi eziyi-15 kuya kwezingama-20 yomgomo we-Pfizer emazweni ase-Afrika ngokusebenzisana nesikhungo i-COVAX.

Lokhu osekwenzekile, kuhlanganisa nezivumelwano esinazo nabakhiqizi, kuchaza ukuthi iNingizimu Afrika kumele ibe nemigomo eyanele ukumelana nokugoma ezibekele kona ukuthi izofinyelela kukho.

Ngaleso sikhathi, sisebenza ukukhulisa uchungechunge lwemigomo esetshenziswa ezweni.

Siyasemukela isinqumo se-SAHPRA sokugunyaza umgomo i-CoronaVac osuka e-China ukuthi usetshenziswe eNingizimu Afrika.

IKomidi Eleluleka ngoMgomo lisebenza ngokuthi ungalethwa kanjani ngokushesha umgomo i-CoronaVac ohlelweni lokugoma.

Bekumele sithathe izinqumo ezinzima, ngokwazi ukuthi sonke isinqumo sinomthelela emnothweni nasemphakathini.

Ngaphandle komthelela emnothweni wale mikhawulo, kumele sibone ukuthi ubhubhane kwalona lusabisa ukuvuselelwa komnotho.

Ukudlula kwesikhathi eside kungalawulwa ukwesuleleka kungadala ukulimala okukhulu komnotho ukudlula imikhawulo ebekiwe, kuphazamise ukukhiqiza nokuvimbela abantu ukuthi baye ezindaweni zokuzijabulisa kanye nasezindaweni zomphakathi.

Siyabona, noma kunjalo, ukuthi le mikhawulo ibe nemiphumela kubantu ngabanye, emakhaya, nakumabhizinisi ebesevele engaphansi kwengcindezi ngaphambi kobhubhane.

Sisalokhu sizinikele ukwenza konke okusemandleni ukunciphisa umthelela wokuvalwa kwezwe endleleni yokuziphilisa kwabantu.

Kulandela ukwenyukela Esigabeni Sesine Sokuqapha, Isikhwama Somshwalense Wabangasebenzi (i-UIF) saqalisa izingxoxo nababambiqhaza emphakathini ukukhulumisana nobunzima obubhekene nabasebenzi abalahlekelwa imali-ngeniso ngaphansi kwale mikhawulo.

Ngokwesisekelo salezi zingxoxo, i-UIF isinqume ukuthi isikhwama se-COVID-19 TERS kumele selulelwe emikhakheni ekhahlamezwe imikhawulo yeSigaba Sesine Esiguquliwe.

Imininingwane egcwele ngokwelulwa izoshicilelwa maduze nje kulandela ukuphothulwa kwesikhwama ngokugcwele, okuzobandakanya eminye imininingwane emayelana nokuthi ubani ofanelekile ukuthi athole ukwesekwa.

Selokhu saqala ngonyaka owedlule isikhwama se-COVID-19 TERS sesihlinzeke ngezigidigidi ezingama-R60 ukuvikela imisebenzi yezigidi eziyi-5.5 zabasebenzi.

Ukwengeza kulokhu, iKhabhinethi isinqume ukuthi wonke amalayisensi amabhizinisi kanye nezimvume eziphelelwe yisikhathi phakathi kukaNdasa 2020 kanye noNhlangulana 2021 azosebenza kuze kube ngumhla wama-31 kuZibandlela 2022.

Amalayisensi nezimvume ezintsha zamabhizinisi ezikhishwe kusuka mhla lu-01 kuNtulikazi nazo zizosebenza kuze kube ngumhla wama-31 kuZibandlela 2022, futhi ayikho imali yelayisense ezokhokhwa.

Lokhu kuzoletha usizo emabhizinisini amancane.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kunolunye udaba olubaluleke kakhulu kuzwelonke engifisa ukukhuluma ngalo.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, sesibone imibhikisho enodlame ezindaweni ezithile futhi eya ngokukhula ezingxenyeni ezithile zezwe.

Izingqalasizinda ezinkulu ezifana nemigwaqo yezwelonke isithintekile, ukuhamba kancane ekuthuthweni kwezimpahla kanye nezinsiza ezigcina umnotho wethu usebenza.

Izakhiwo zidicilelwe phansi. Izimoto zakhandwa ngamatshe. Abantu besatshisiwe futhi bethuswa, abanye baze balimala.

Lezi zenzo zibeka engozini izimpilo futhi zidicilela phansi imizamo yethu yokwakha kabusha umnotho.

UMthethosisekelo wethu uqinisekisa ilungelo lawo wonke umuntu lokuzikhulumela kanye nokuzibandakanya kumbhikisho onokuthula.

Ngesikhathi kunalabo okungenzeka balimale noma abathukuthele kulowo mzuzu, angeke kube khona incazelo yalezi zenzo ezinodlame, ezibhubhisayo futhi eziphazamisayo.

Kuyakhathaza kakhulu kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ezinye zalezi zenzo zigqugquzelwa ubuhlanga.

Lokhu kumele kunqandwe yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngayo yonke indlela njengoba siyisizwe esizinikele ekulweni nokucwasana ngokobuhlanga nangokobuzwe esisekelwe ngukwehlukana kanye nobumbano lwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, noma ngabe yiluphi ulwimi, isiko, inkolo noma ibala labo.

Ukuzinikela kwethu kuMthethosisekelo wentando yabantu kususelwe kwisimiso esiyisisekelo esithi bonke abantu bayalingana ngaphambi komthetho, nokuthi bonke abantu banelungelo lokuvikelwa ngokulinganayo phambi komthetho.

Umthetho uvikela ukusetshenziswa kabi kwamandla.

Umthetho uvikela labo abahluphekile nababuthakathaka.

Selokhu sathola intando yabantu, izikhungo ezifana neNkantolo yoMthethosisekelo bezilokhu ziphambili ekuthuthukisweni kwezimpilo zabantu baseNingizimu Afrika.

Asikucacise lokhu, njengesizwe, ukuthi angeke sibekezelele izenzo zobugebengu.

Labo ababandakanyeka ezenzweni zodlame bazoboshwa futhi bashushiswe.

Labo abatholakale benecala lokwephula imithethonqubo yokuvalwa kwezwe bazokhipha inhlawulo ebekiwe.

Lokhu kuzokwenziwa ngaphandle kokusaba noma kokwenzelela.

Siphinda futhi sikhuza imizamo yokudala ukudideka ngokwabelana ngemifanekiso namavidiyo angelona iqiniso, yezigameko ezenzeka eminyakeni eminingi eyedlule.

Ngicela ukuthi ucabangisise ngaphambi ngokuthumela noma yini ezinkundleni zokuxhumana nanoma ikuphi okungenzeka ukuthi ayilona iqiniso noma engaqinisekisiwe.

Iningi lezakhamuzi zakuleli lizwe libonisile ukuthi lifuna ukuphila ngokuthula nangokuzwana.

Bafuna ukusebenza futhi baphile. Bafuna ukubona izwe lakithi lilulama kulolu bhubhane.

Sibhekene nobhubhane lwe-COVID-19 ngokubambisana.

Sisebenza ngokubambisana ukwakha kabusha umnotho wethu ukuze kuzodaleka amathuba amaningi omsebenzi, ukuze amabhizinisi amaningi ezokwesekwa, futhi ukuze sizokwazi ukubeka isinkwa phezu kwetafula, sihambise abantwana bethu ezikoleni futhi sondle imindeni yethu.

Siyakha, asibhidlizi.

Sizohlala sigxile ekuvikeleni ezempilo nasekusindiseni izimpilo.

Sizosebenza kakhulu kunakuqala ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyagoma.

Sizokwakha kabusha umnotho wethu futhi sakhe nemisebenzi.

Kumele sihlale sikhumbula ukuthi noma izikhathi zingaba nzima kanjani, sizonqoba.

Engathi uNkulunkulu angaqhubeka abusise iNingizimu Afrika futhi avikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore