Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa Ngenqubekela-phambili Yemizamo Kazwelonke Yokunqanda Ubhubhane i-COVID-19

Bantu Bakithi baseNingizimu Afrika,

Ekuqaleni kwaleli sonto, ososayensi bethu bahlonze umxhantela omusha wegciwane le-corona oludala isifo i-COVID-19.

Inhlangano Yezempilo Emhlabeni  iqambe lo mxhantela ngokuthi i-Omicron futhi yanquma ukuthi 'lomxhantela kumele uqashwe ngeso lokhozi'.

Umxhantela we-Omicron waqala ukubonakala e-Botswana kwalandela ngeNingizimu Afrika, futhi ososayensi baphinde baluhlonza emazweni anjengase-Hong Kong, e-Australia, e-Belgium, e-Italy, e-United Kingdom, e-Germany, e-Austria, e-Denmark nakwa-Israel.

Ukuhlonzwa kokuqala kwalo mxhantela kudalwe wumsebenzi omuhle kakhulu owenziwe ososayensi bethu eNingizimu Afrika futhi kudalwe ngqo wutshalomali olwenziwe wuMnyango Wezesayensi Nezamasu Amasha kanye noWezempilo emandleni ethu okuqapha izisusa zegciwane.

Singelinye lamazwe emhlabeni amise inethiwekhi yokuqapha ezweni lonke ukusisiza siqaphe indlela i-COVID-19 eziphatha ngayo.

Ukubonakala zibekwa nje kwalo mxhantela kanye nomsebenzi osewenziwe wokuqonda izisusa zawo kanye nemithelela engase ibe khona kusho ukuthi sikuhlomele kangcono ukubhekana nalo mxhantela.

Sibethulela isigqoko ososayensi bethu abaziwa emhlabeni wonke nabahlonishwayo futhi

abaveze ukuthi banolwazi olunzulu ngocwaningo lwamagciwane.

Kunenqwaba yezinto esesizazi ngalo mxhantela ngenxa yomsebenzi owenziwe ososayensi bethu ekuqapheni izisusa zegciwane.

Okokuqala, sesiyazi ukuthi i-Omicron ikwazi ukuziphindaphinda kaningi kakhulu ukuneminye imixhantela yaphambilini yaleli gciwane.

Okwesibili, siyazi ukuthi i-Omicron ihlonzeka kalula ngezindlela zokuhlola i-COVID-19 zamanje.

Lokhu kusho ukuthi abantu ababonakala benezimpawu ze-COVID-19 noma abahlangane nomuntu one-COVID-19, kumele bahlolwe.

Okwesithathu, siyazi ukuthi lo mxhantela uhlukile kuneminye imixhantela ekhona futhi awuhambisani ngokuqondile nemixhantela okuyi-Delta noma i-Beta.

Okwesine, siyazi ukuthi lo mxhantela uyimbangela yokusuleleka okukhulu utholakale e-Gauteng emavikini amabili adlule futhi manje seluqubuka nakwezinye izifundazwe.

Kusanezinto eziningi ngalo mxhantela esingazazi, futhi ezisacutshungulwa wososayensi baseNingizimu Afrika nakwezinye izindawo emhlabeni.

Ezinsukwini ezimbalwa nasemavikini azayo, njengoba kusavela eminye imininingo ngalo mxhantela, sizogcina sesikuqonda kangcono okulandelayo:

  • ukuthi ingabe i-Omicron idluliseka kalula phakathi kwabantu,
  • ukuthi ingabe yandisa ubungozi bokuphinda ukutheleleka,
  • ukuthi ingabe lo mxhantela uyazidala yini ezinye izifo ezibucayi, kanye,
  • nokuthi imigomo ekhona njengamanje isebenza kangakanani ekulweni nalo mxhantela we-Omicron.

Ukuhlonzwa kwe-Omicron kuhambisana nokunyuka ngokushesha kwegciwane le-COVID-19 kungalindelwe.

Lokhu kunyuka kugxile e-Gauteng, yize izigameko zenyuka nakwezinye izifundazwe.

Sibone ukunyuka kwezigameko ezilinganiselwa kweziyi-1 600 ezinsukwini eziyi-7 ezedlule, uma kuqhathaniswa nezigameko ezingama-500 ezintsha zansuku zonke ngeviki eledlule, kanye nezigameko ezintsha zansuku zonke ezingama-275 evikini elingemuva kwalelo.

Ingxenye yokuhlolwa kwe-COVID-19 okutholakala negciwane kunyukile kusukela kumaphesenti ayi-2 kuya kumaphesenti ayi-9 esikhathini esingaphansi kweviki.

Lokhu kuwukunyuka okuqondile okukhulu kakhulu kokusuleleka esikhathini esifushane.

Uma izigameko ziqhubeka nokunyuka, singalindela ukungena ekuqubukeni kwegciwane ihlandla lesine emavikini ambalwa azayo, uma kungabi ngaphambi kwalokho.

Lokhu akumele kusithuse.

Ongoti bezamagciwane nezinhloli zezifo basitshele ukuthi kumele silindele ukuqubuka kwegciwane kwehlandla lesine ekuqaleni kukaZibandlela.

Ososayensi baphinde basitshela ukuthi silindele ukuqubuka kweminye imixhantela.

Kunokuningana okukhathazayo ngomxhantela we-Omicron, futhi kusamele siqinisekise kakhulu ukuthi uzoziphatha kahle ngokuqhubeka kwezikhathi.

Nokho, sesinazo izinsiza esizidingayo ukuzivikela thina uqobo kulona.

Sazi okwanele ngalo mxhantela ukwazi esikudingayo ukuze sinciphise ukudluliseka futhi sizivikele ezifweni ezibucayi nasekubulaweni yiwo.

Okokuqala, insiza ebaluleke kakhulu esinayo ukugoma.

Selokhu kwaqala ukuba nemigomo ye-COVID-19 ekupheleni konyaka odlule, sesibonile ukuthi imigomo ikunciphisa kakhulu ukugula okubucayi, ukulaliswa esibhedlela kanye nokufa eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.

Imigomo iyasebenza. Imigomo isindisa izimpilo.

Selokhu kwethulwa uhlelo lwethu lokugoma umphakathi kuNhlaba 2021, ingaphezu kwezigidi ezingama-25 imithamo yemigomo eseyinikwe abantu eNingizimu Afrika.

Lokhu kuyimpumelelo enkulukazi.

Njengamanje yiyona ndlela yezempilo yokungenelela esebenza kakhulu kuleli zwe esikhathini esifishane.

Amaphesenti angamashumi amane nanye abantu abadala bathole okungenani umthamo womgomo owodwa, futhi bangamaphesenti angama-35.6 abantu abadala baseNingizimu Afrika abagonyelwe i-COVID-19 ngokugcwele.

Okukhulu kakhulu, amaphesenti angama-57 abantu abaneminyaka engama-60 nangaphezulu bagonywe ngokugcwele, kanye namaphesenti angama-53 abantu abaneminyaka ephakathi kwama-50 nama-60 bagonywe ngokugcwele.

Nakuba lokhu kuyinqubekela-phambili eyamukelekile, akwanele ukuze sikwazi ukunciphisa ukusuleleka, sivikele ukugula nokufa futhi sivuselele umnotho wethu.

Ukugomela i-COVID-19 kumahhala.

Namhlanje ebusuku, ngingathanda ukunxusa bonke abantu abangagomanga ukuthi baye esikhungweni sokugoma esiseduze kwabo ngokuphazima kweso.

Uma kunomuntu emndenini wakho noma phakathi kwabangani abangagomile, ngiyaninxusa ukuba nibakhuthaze ukuba bagome.

Ukugoma okwamanje kuyindlela ebaluleke kakhulu yokuzivikela wena kanye nalabo abaseduze nawe kumxhantela wegciwane i-Omicron, ukunciphisa umthelela wokuqubuka kwehlandla lesine legciwane futhi isiza ukuvuselela inkululeko yomphakathi esiyilangazelele sonke.

Ukugoma kuphinde kube semqoka ekusimamisweni komnotho wethu ukuze ukwazi ukusebenza ngokugcwele, ekuvuselelweni kokuhamba kanye nokuvuselela imikhakha ebuthakathaka njengezokuvakasha kanye nezokuhlalisa nokunakekela abantu.

Ukwakhiwa kwemigomo esinayo ye-COVID-19 kuphumelele kakhulu ngenxa yokuba abantu jikelele abayizigidi abazinikele ekuzibandakanyeni kulezi zivivinyo ukuze kuthuthukiswe ulwazi ukuze kuhlomule abantu.

Bangabantu abalethe ubufakazi bokuthi le migomo iphephile futhi iyasebenza.

Laba bantu bangamaqhawe ethu.

Basezingeni elifanayo nelabasebenzi bezempilo abalokhu beyibambe ishisa impi yokulwa nobhubhane isikhathi esesicishe sibe yiminyaka emibili manje, futhi abaqhubeka nokunakekela abantu abagulayo, abaqhubeka nokugoma abantu, futhi abaqhubeka nokusindisa izimpilo zabantu.

Kumele sicabange ngabantu ababe nesibindi uma sicabanga ngokugoma.

Ngokugoma, asizivikeli thina kuphela, kodwa sinciphisa ingcindezi ohlelweni lokunakekela ngokwezempilo lwethu kanye nabasebenzi bezempilo bethu futhi sinciphisa ubungozi abasebenzi bezempilo bethu ababhekana nabo.

INingizimu Afrika, njengamanye amazwe, ifuna imigomo yokuvuselela amandla omgomo kubantu abasengcupheni enkulu futhi abangase bazuze ngalo mgomo wamandla.

Abasebenzi bezempilo kuhlelo lwesivivinyo lweSisonke, iningi labo elagonywa ezinyangeni ezingaphezu kweziyisithupha ezedlule, bahlinzekwa ngemithamo yokuvuselela ye-Johnson & Johnson.

I-Pfizer ifake isicelo Kwiziphathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika ukuze bathole umthamo wesithathu wokuvuselela emuva kokuthola imithamo yokuqala emibili.

IKomidi Eleluleka oNgqongqoshe Ngezemigomo seliveze ukuthi lizoncoma ukwethulwa kwemijovo yokuvuselela okuzoqala ngabantu abadala.

Abanye abantu abanamasosha omzimba abuthakathaka, njengalabo abadla imishanguzo yomdlavuza, abahlanza izinso ngemishini kanye nabadla imishanguzo yama-steroids abanezifo zamasosha omzimba ngokuzenzekela, bavumelekile ukuthola imithamo yokwengeza amandla omgomo ngokwezincomo zodokotela babo.

Njengabantu ngabodwana, njengezinkampani nanjengohulumeni, sinomthwalo wokuqinisekisa ukuthi abantu bakuleli lizwe bangasebenza, bahambe futhi baxhumane ngokuphephile.

Ngakho besibonisana nozakwethu kanye nabanye ababambiqhaza ngokwethulwa kwezindlela zokwenza umgomo ube yindlela yokungena emisebenzini, emicimbini yomphakathi, kwezokuthutha zomphakathi kanye nasezikhungweni zomphakathi.

Lokhu kubandakanya izingxoxo ebeziqhubeka kuMkhandlu Wokuthuthukisa ezoMnotho Kazwelonke neZabasebenzi (i-NEDLAC) phakathi kohulumeni, abezemisebenzi, ezamabhizinisi nezinhlangano zomphakathi, lapho kunokubonisana okubanzi ngesidingo salezi zindlela.

Uhulumeni umise ithimba labasebenzi elizoqhuba ukubonisana okubanzi ngokwenza umgomo ube yimpoqo emisebenzini ethile nasezindaweni ezithile.

Ithimba elibhekele umsebenzi lizobikela iKomidi LoNgqongqoshe Lezomgomo osihlalo walo kuyiPhini likaMongameli, elizokwenza izincomo kwiKhabhinethi ngendlela elungile negcinekayo yokuphoqelela ukugoma.

Sibona ukuthi ukwethulwa kwalezi zindlela kunzima futhi kuyisimo esixakile, kodwa uma singabhekani nalokhu ngokubucayi nangokushesha, sizoqhubeka nokuba sengcupheni

yokubhekana nemixhantela emisha kanye nokuqhubeka nokubhekana nokuqubuka kwelinye ihlandla legciwane.

Insiza yesibili esinayo yokulwa nomxhantela omusha wegciwane wukuqhubeka nokugqoka izifonyo zethu noma nini uma sisezindaweni zomphakathi futhi sinabanye abantu esingahlali nabo emakhaya.

Manje sekunobufakazi obukhulu bokuthi ukuqhubeka nokugqoka isifonyo sendwangu ngendlela efanele singayeki noma okunye okufanele kokumboza ikhala nomlomo kuyiyona ndlela ephuma phambili yokuvikela ukudluliseka kwegciwane lisuka komunye umuntu liya komunye.

Insiza yesithathu yokulwa nomxhantela omusha wegciwane futhi okubiza kancane kakhulu: wukushaya komoya ohlanzekile.

Lokhu kusho ukuthi kumele sizame ngakho konke ukuba phandle uma sihlangana nabantu esingahlali nabo.

Uma singaphakathi endlini nabanye abantu, noma ezimotweni, emabhasini nasematekisini, kumele sigcine amafasitela evuliwe ukuqinisekisa ukuthi umoya ungaheleza ngokukhululekile.

Insiza yesine esinayo yokulwa nomxhantela omusha wegciwane wukugwema ukuhlanganyela, ikakhulukazi ukuhlanganyela ngaphakathi kwesakhiwo.

Ukuhlanganyela kwabantu abaningi njengezinkomfa ezinkulu nemihlangano, ikakhulukazi leyo edinga abantu abaningi ukuba basondelane isikhathi eside, kumele ishintshwe ibanjwe ngohlelo lokuxhumana ngendlela yobuchwepheshe.

Imicimbi yasekupheleni konyaka nemicimbi yokuphela konyaka kamatikuletsheni kanye neminye imicimbi yokuzijabulisa kungakuhle ihlehliswe, futhi bonke abantu kumele bacabange kabili ngaphambi kokuwuhambela noma ukuhlela umbuthano.

Uma imibuthano yenzeka, yonke imithethomgomo edingekayo ye-COVID-19  kumele ilandelwe ngokucophelela.

Noma wukuphi ukuhlanganyela esiba nakho kwandisa ubungozi bethu bokutheleleka noma bokuthelela omunye umuntu.

Bantu Bakithi baseNingizimu Afrika,

UMkhandlu Obhekene Negciwane le-Corona Kuzwelonke ubambe umhlangano izolo ukuze ucubungule ukunyuka kwakamuva kokutheleleka kanye nomthelela ongase ube khona womxhantela wegciwane i-Omicron.

Lokhu kwalandelwa imihlangano ebanjwe emini namuhla noMkhandlu olawulayo kaMongameli kanye neKhabhinethi, lapho kuthathwe isinqumo sokuthi izwe kumele lihlale ligade igciwane i-corona kwiSigaba soku-1 okwamanje nokuthi Isimo Senhlekelele Sezwe kumele sihlale simile.

Ekuthatheni isinqumo sokungaphoqeleli eminye imikhawulo kulesi sigaba, sibheke ukuthi ngesikhathi sibhekene namahlandla okutheleleka ngegciwane adlule, imigomo beyingakabi miningi futhi babembalwa kakhulu abantu ababegomile.

Akusenjalo manje. Imigomo seyiyatholakala kubo bonke abantu abaneminyaka eyi-12 kuya phezulu, mahhala, ezikhungweni eziyizinkulungwane ezweni lonke.

Siyazi ukuthi ivikela isifo esibucayi nokulaliswa esibhedlela.

Siyazi nokuthi igciwane le-corona lisazohlala phakathi kwethu isikhathi eside. Ngakho-ke kumele sithole izindlela zokulawula ubhubhane kube kuncishiswa ukuphazamiseka komnotho futhi kuqinisekiswe ukuqhubeka kwempilo.

Nokho, le ndlela angeke ikwazi ukugcineka uma singenyusi izinga lokugoma, uma singazigqoki izifonyo, noma uma sihluleka ukulandela izindlela zokuzivikela ngokwezempilo.

Kumele sonke sikhumbule ukuthi ngokwemithethonqubo yokuQapha yeSigaba soku-1:

  • Kusanomthetho wewashi kusukeka ngehora le-12 kwamabili kuya kwele-4 ekuseni.
  • Abantu abahlanganyela ngaphakathi kwezakhiwo abavumelekile ukuba ngaphezu kwama-750 futhi bangabi ngaphezu kwezi-2000 abangahlanganyela phandle. Lapho indawo incane kakhulu ukwamukela lezi zibalo kube kunokuqhelelana okufanele, akuzukuvumeleka abantu abangaphezu kwamaphesenti angama-50 endawo engase isetshenziswe.
  • Bangabi ngaphezu kwe-100 abantu abavumelekile emngcwabeni, nasemilindelweni, nasemicimbini eza emuva komngcwabo kanye nemibuthano ebizwa ngokuthi 'ama-after tears' ayivumelekile.
  • Ukugqoka izifonyo emphakathini kusayimpoqo, futhi ukuhluleka ukugqoka isifonyo lapho kudingeka kusayicala lobugebengu.
  • Ukudayisa utshwala kuvumelekile ngokwemibandela yelayisense ejwayelekile, kodwa akunakudayiswa ngesikhathi okungavumelekile ukuba phandle kwekhaya ngaso.

Sizoqaphisisa amazinga okutheleleka kanye nokulaliswa kwabantu esibhedlela ezinsukwini ezizayo futhi sizobuyekeza isimo ngelinye iviki.

Sizobe sesinquma ukuthi ingabe izindlela ezikhona zanele na noma ngabe kudingeka ushintsho lwemithethonqubo yamanje.

Sesiqale inqubo yokuchibiyela imithethonqubo yezempilo yethu ukuze sikwazi ukubuyekeza ukusetshenziswa koMthetho Wezokuphathwa Kwesimo Senhlekelele ukuze silawule indlela esibhekana ngayo nobhubhane, ngombono wokuthi kugcinwe sekususwe Isimo Senhlekelele Sezwe Kuzwelonke.

Sizoqalisa nohlelo lwethu lokulungiselela ukuqubuka kwegciwane futhi ukuqinisekisa ukuthi izibhedlela kanye nezinye izikhungo zezempilo zethu zililungele ihlandla lesine lokuqubuka kwegciwane.

Sigxile ekulawuleni ngendlela yezempilo esebenzayo, ukulandelela umkhondo, ukunakekela ngendlela yezempilo okusebenzayo, ukutholakala kwabasebenzi bezempilo.

Ukuqinisekisa ukuthi izikhungo zethu zime ngomumo, zonke izibhedlela ezikhona noma ezidingekayo ngesikhathi sehlandla lesithathu le-COVID-19 zihleliwe futhi zilungele ihlandla lesine.

Sisebenzela nokuqinisekisa ukutholakala kwe-oksijini kuyo yonke imibhede emiselwe ukunakekelwa ngokwe-COVID-19.

Sizoqhubeka nokulandela imihlahlandlela yeNhlangano Yezempilo Yomhlaba ngezokuhambela amazwe ngamazwe, eyeluleka ngokuthi kungavalwa imingcele.

Njengamanye amazwe, sesinayo indlela yokulawula ukuthuthwa kwemixhantela emisha yegciwane evela kwamanye amazwe.

Lokhu kubandakanya isidingo sokuthi abantu abahambayo baveze izitifiketi zokugoma kanye nohlolo lwe-PCR oluveza ukungabibikho kwegciwane emahoreni angama-72, nokuthi izifonyo ziyagqokwa ngesikhathi sokuhamba.

Sidumele kakhulu ngesinqumo samazwe amaningana sokunqanda ukuhanjelwa ngamazwe amaningi aseNingizimu ne-Afrika emuva kokuhlonzwa kohlobo lwegciwane oluyi-Omicron.

Lokhu kuwukuchezuka ekuzibophezeleni okucacile nokungalungile kwenqwaba yala mazwe okwavunyelwana ngakho emhlanganweni wamazwe e-G20 e-Rome ngenyanga edlule.

Bathembisa emhlanganweni ukuthi kuzoqalwa phansi ukuhambela amazwe ngamazwe ngendlela ephephile nehlelekile okuhambisana nomsebenzi wezinhlangano zamazwe ngamazwe ezifanele njengeNhlangano Yezempilo Yomhlaba, iNhlangano Yezezindiza Zomphakathi Yamazwe Ngamazwe, Isikhungo Sezasolwandle Samazwe Ngamazwe kanye ne-OECD.

Isivumelwano sase-Rome se-G20 sezwa isikhalo somkhakha wezokuvakasha emazweni asathuthuka, futhi kwenziwa izibophezelo zokusekela "ukuvuselela okusheshayo, okubekezelayo, okubandakanya kanye nokugcinekayo emkhakheni wezokuvakasha".

Amazwe aphoqelele izithiyo zokuvakasha ezweni lethu kanye namanye amazwe ethu aseNingizimu ne-Afrika esibambisene nawo abandakanya i-United Kingdom, i-United States, namalungu e-European Union, i-Canada, i-Turkey, i-Sri Lanka, i-Oman, i-United Arab Emirates, i-Australia, i-Japan, i-Thailand, i-Seychelles, i-Brazil kanye ne-Gautemala, phakathi kwamanye.

Lezi zithiyo kazilungile futhi zicwasa ngokungafanele izwe lethu kanye namanye amazwe esibambisene nawo aseNingizimu ne-Afrika.

Izithiyo zokuvakasha azisuselwa ocwaningweni lwesayensi, futhi akuzukusebenza ekuvimbeni ukusabalala kwaleli gciwane.

Okuzokwenziwa wukuthiywa kokuvakasha wukuqhubeka nokulimaza iminotho yamazwe athintekile futhi kubukela phansi amandla okungenelela nokusimamisa amazwe alinyazwe wubhubhane.

Sinxusa lawo mazwe aphoqelele izithiyo zokuvakasha ezweni lethu kanye nasemazweni esibambisene nawo eNingizimu ne-Afrika ukuba aguqule izinqumo zawo ngokuphazima kweso futhi asuse izithiyo aziphoqelele ngaphambi kokuba kwenzeke omunye umonakalo eminothweni yethu kanye nasendleleni yokuphila yabantu bakithi.

Akukho ncazelo efanele ngokwezocwaningo lwesayensi yokuqhubeka nokumisa lezi zithiyo.

Siyazi ukuthi leli gciwane, njengawo wonke amanye amagciwane, liyaguquguquka bese lakha eminye imixhantela.

Futhi siyazi ukuthi amathuba okuqubuka kweminye imixhantela yegciwane ebucayi anyuke kakhulu uma abantu bengagomile.

Yingakho sihlanganyele namazwe amaningi, izinhlangano kanye nabantu emhlabeni abebelwela ukutholakala kwemigomo ngokulinganayo kubo bonke abantu.

Sithe ukungalingani kokutholakala kwemigomo akudali ukudlula kwabantu emhlabeni kuphela kokwa kuphazamisa nendlela yokuphila kulawo mazwe aphucwe ithuba lokufinyelela, kuphinde kubeke engozini imisebenzi yomhlaba jikelele yokunqoba ubhubhane.

Ukuqubuka komxhantela wegciwane i-Omicron kumele kube into ephaphamisa umhlaba ubone ukuthi ukwaba umgomo ngokungalingani akukwazi ukuvumeleka ukuba kuqhubeke.

Uma kungakagonywa bonke abantu, bonke abantu bazoba sengcupheni.

Uma kungakagonywa bonke abantu, kumele silindele ukuqubuka kwezinye imixhantela.

Le mixhantela ingase idluliseke kakhulu, ingadala ukugula okubucayi, futhi ingase

ibhekane nokuthi igciwane lingayizwa imigomo yamanje.

Kunalokho ukunqanda ukuvakasha, amazwe anothile emhlabeni kudingeka ukuba asekele izinhlelo zokuthuthukisa iminotho yokutholakala nokukhiqizwa kwemithamo yemigomo eyanele yabantu babo ngaphandle kokuchitha isikhathi.

Bantu Bakithi baseNingizimu Afrika,

Ukuqubuka komxhantela wegciwane i-Omicron kanye nokunyuka kwezigameko kwakamuva kwenze kwacaca ukuthi kumele siphile naleli gciwane isikhathi eside esizayo.

Sinolwazi, sinesipiliyoni futhi sinezinsiza zokululawula lolu bhubhane, ukuze kuqaliswe inqwaba yemisebenzi yethu yansuku zonke, futhi kwakhiwe umnotho wethu kabusha.

Sinamandla okunquma indlela ezothathwa yizwe lethu.

Sonke kudingeka ukuba sigome.

Sonke kumele silandele izimiso zezempilo eziyisisekelo njengokugqoka izifonyo, ukugeza izandla noma ukusebenzisa isibulali-magciwane ezandleni, futhi sigweme izindawo ezigcwele nezivalekile.

Sonke kudingeka ukuba sisukumele isimo sempilo sethu kanye nesimo sempilo salabo esihlala nabo.

Sonke sineqhaza okumele silibambe.

Angeke sinqotshwe yilolu bhubhane.

Sesiqalile ukufunda ukuphila nalo.

Sizobekezela, sizonqoba futhi sizophumelela.

UNkulunkulu abusise iNingizimu Afrika futhi avikele abantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore