Ungase ufake isikhalo kuPhiko Oluzimele Oluphenya Izenzo ZamaPhoyisa (i-IPID) uma ufuna iphenye ngalokhu okulandelayo:
- ukushona komuntu lapho ephansi kogcino lwamaphoyisa
- ukushona ngenxa yezenzo zamaphoyisa
- noma yisiphi isikhalo esimayelana nokukhishwa kwesibhamu esisemthethweni okwenziwe yinoma yiliphi iphoyisa
- ukudlwengulwa yiphoyisa, kungakhathalekile ukuthi iphoyisa lisemsebenzini noma alikho emsebenzini
- ukudlwengulwa kwanoma ubani ngesikhathi ungaphansi kogcino lwamaphoyisa
- noma yisiphi isikhalo sokuhlukunyezwa noma ukhahlanyezwa ngamaphoyisa ngesikhathi enza imisebenzi yawo.
Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokufaka isikhalo noma thintana nabakwa-IPID kule nombolo: 012 399 0000.