Ukufaka isikhalo ngokuziphatha kabi kwamaphoyisa

Ungase ufake isikhalo kuPhiko Oluzimele Oluphenya Izenzo ZamaPhoyisa (i-IPID) uma ufuna iphenye ngalokhu okulandelayo:

  • ukushona komuntu lapho ephansi kogcino lwamaphoyisa
  • ukushona ngenxa yezenzo zamaphoyisa
  • noma yisiphi isikhalo esimayelana nokukhishwa kwesibhamu esisemthethweni okwenziwe yinoma yiliphi iphoyisa
  • ukudlwengulwa yiphoyisa, kungakhathalekile ukuthi iphoyisa lisemsebenzini noma alikho emsebenzini
  • ukudlwengulwa kwanoma ubani ngesikhathi ungaphansi kogcino lwamaphoyisa
  • noma yisiphi isikhalo sokuhlukunyezwa noma ukhahlanyezwa ngamaphoyisa ngesikhathi enza imisebenzi yawo.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokufaka isikhalo noma thintana nabakwa-IPID kule nombolo: 012 399 0000.

 

Share this page