Ungavuselela ilayisense yakho yaMabonakude nge-inthanethi, ePosini eliseduze nawe okanye emahhovisi wesifunda weNhlangano Yezokusakaza yaseNingizimu Afrika (i-SABC) kanye nakwezinye izindawo okukhokhelwa kuzo.
Ilayisense yaMabonakude ivuselelwa njalo ngonyaka. Izinhlangano, ezibandakanya amabhizinisi, kudingeka ukuba zibe nelayisense yamabonakude ngamunye.
Kudingeka ukuthi kusetshenziswe ilayisense eyodwa kubomabonakude abakhona endlini, kuphela-nje uma ngabe omabonakude labo bangabomnikazi oyedwa.
Ukuvuselelwa kwelayisense yaMabonakude kwenziwa ezinyangeni eziyi-12 zonyaka. Inyanga yokuvuselela ilayisense yakho izoya ngokohlamvu lokuqala lwesibongo sakho, noma ngenyanga othenge ngayo umabonakude wakho.
Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuvuselelwa kwelayisense (kwa-SABC) noma thintana nabakwa-SABC kule nombolo: 011 330 9555.
E-mail: tvlic.info@sabc.co.za